2
Prayer Calendar May 2017 Uhlelo Abesifazane Abanethemba lisakaza ngezilimi ezingaphezulu kuka 60. Izicelo zemikhuleko yenyanga zaka PH zisetshenziswa ngezilimi ezingu 70. Listen to the Women of Hope radio programmes on: • TWR Africa (DStv 855) or TWR Africa2 Satellite Service (SES-5) • Project Hannah App (Android and iPhone ) • www.projecthannah.org - “LISTEN NOW18 Abaluleki basize abesifazane bakhule kubudlelwano noJesu futhi babasize ukuthuthukisa ubuqotho nenhlonipho nsuku zonke. 19 Abaluleki basize abesifazane bazithuthukise ekongeni imali ukuze bafeze izidingo zabo futhi baqokelele imali yemfundo, nokunakekela ezempilo zabo. 20 Abesifazane babe izingqabavu babhekane nezimo, noma bekuziphi izimo. (Habakuki 3:17- 19). 21 Abesifazane eEurope bakhe ubudlelwano nabanye ukuze babe ilokhu uNkulunkulu ayehlose babe yikona. 22 Abaluleki bazinikele ekukhuleni kwabanye kwezikaMoya ngokubabonisa ukubekezela, ugqozi, ukukhuthaza nokuphana. 23 Abaluleki bazi ngabashoda ngakho bazithobe ukuxoxa ngako. Babonise inkambo ngoJesu oyinhloko yabo boke. “Nibonakala ukuthi niyincwadi kaKrestu eyenziwe ngokukhonza kwethu, ilotshiwe kungengoyinki kodwa ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo, kungabi ezibhebheni zamatshe kodwa zenhliziyo yenyama” (2 Korinte 3:3). 24 Abesifazane eMelika basize abesifazane abasebancane ukumisa imigomo nokuthola abangani abazobaholela empilweni engcono bamelane nezinselelo ezingabaholela kwincithakalo. 25 Abesifazane bahlanganyele emaqenjini amancane ukuze bafunde kwabanye ukuphila njengokusho kukaNkulunkulu nsuku zonke. 26 Abesifazane bathole abanye abathanda ukwenza izinto abazijabulelayo (ukujima, ukufunda izincwadi, ukucula, ukupheka) bahlele nokubonana bakhe ubudlelwano obukhuthazayo nobuletha udumo kuNkulunkulu. 27 Abesifazane banikezele ngendawo ephephile kubantwana yokudlala nokufunda ngenkathi abazali besathokoza eNkosini, babafundise nokuphatha kahle abanye. 28 Abesifazane abanemfundo babonise umusa kwabanye ukuthi bangaphumelela kanjani emsebenzini ngokubagqugquzela. 29 Amantombazane athole abantu abayizibonelo kuwo bawakhuthaze ngempilo enika uNkulunkulu udumo babaholele nakumathuba angcono ezimpilweni zabo. 30 Abesifazane bathole abeluleki abazobathanda, babaxhumanise nabanye abantu, babanikezele ngolwazi olubalulekile, babakhulise babaphonse nenselelo yokufunda. 31 Abesifazane bathole abeluleki kwezikaMoya abazobakhuthaza ukufunda izwi likaNkulunkulu, ukukhuleka nokuba abalandeli bakaKrestu. kobudlelwano Sikhulekela ukukhuliswa isiZulu

DStv 855 SES-5 Android and iPhone Prayer Calendar · Abaluleki besifazane bafisa ukunikezela ngothando ekuphekeni, ukubhala, ukuhola namanye amakhono: ulwazi nabakuzuzile empilweni

Embed Size (px)

Citation preview

Prayer CalendarMay 2017

Uhlelo Abesifazane Abanethemba lisakaza ngezilimi ezingaphezulu kuka 60. Izicelo zemikhuleko yenyanga zaka PH zisetshenziswa ngezilimi ezingu 70.

Listen to the Women of Hope radio programmes on:• TWR Africa (DStv 855) or TWR Africa2 Satellite Service (SES-5) • Project Hannah App (Android and iPhone )• www.projecthannah.org - “LISTEN NOW”

18 Abaluleki basize abesifazane bakhule kubudlelwano noJesu futhi babasize

ukuthuthukisa ubuqotho nenhlonipho nsuku zonke.

19 Abaluleki basize abesifazane bazithuthukise ekongeni imali ukuze bafeze izidingo zabo

futhi baqokelele imali yemfundo, nokunakekela ezempilo zabo.

20 Abesifazane babe izingqabavu babhekane nezimo, noma bekuziphi izimo. (Habakuki

3:17- 19).

21 Abesifazane eEurope bakhe ubudlelwano nabanye ukuze babe ilokhu uNkulunkulu

ayehlose babe yikona.

22 Abaluleki bazinikele ekukhuleni kwabanye kwezikaMoya ngokubabonisa ukubekezela,

ugqozi, ukukhuthaza nokuphana.

23 Abaluleki bazi ngabashoda ngakho bazithobe ukuxoxa ngako. Babonise inkambo ngoJesu

oyinhloko yabo boke. “Nibonakala ukuthi niyincwadi kaKrestu eyenziwe ngokukhonza kwethu, ilotshiwe kungengoyinki kodwa ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo, kungabi ezibhebheni zamatshe kodwa zenhliziyo yenyama” (2 Korinte 3:3).

24 Abesifazane eMelika basize abesifazane abasebancane ukumisa imigomo nokuthola

abangani abazobaholela empilweni engcono bamelane nezinselelo ezingabaholela kwincithakalo.

25 Abesifazane bahlanganyele emaqenjini amancane ukuze bafunde kwabanye ukuphila

njengokusho kukaNkulunkulu nsuku zonke.

26 Abesifazane bathole abanye abathanda ukwenza izinto abazijabulelayo (ukujima,

ukufunda izincwadi, ukucula, ukupheka) bahlele nokubonana bakhe ubudlelwano obukhuthazayo nobuletha udumo kuNkulunkulu.

27 Abesifazane banikezele ngendawo ephephile kubantwana yokudlala nokufunda

ngenkathi abazali besathokoza eNkosini, babafundise nokuphatha kahle abanye.

28 Abesifazane abanemfundo babonise umusa kwabanye ukuthi bangaphumelela kanjani

emsebenzini ngokubagqugquzela.

29 Amantombazane athole abantu abayizibonelo kuwo bawakhuthaze ngempilo

enika uNkulunkulu udumo babaholele nakumathuba angcono ezimpilweni zabo.

30 Abesifazane bathole abeluleki abazobathanda, babaxhumanise nabanye

abantu, babanikezele ngolwazi olubalulekile, babakhulise babaphonse nenselelo yokufunda.

31 Abesifazane bathole abeluleki kwezikaMoya abazobakhuthaza ukufunda izwi

likaNkulunkulu, ukukhuleka nokuba abalandeli bakaKrestu.

kobudlelwano

Sikhulekela ukukhuliswa

isiZulu

10 Umzabalazo ababhekane nawo abesifazane ube ithuba lokusebenza kukaNkulunkulu

ezimpilweni zabo. Kubenze bafane noKrestu ukuze abasebenzise ukusiza abanye ababhekana nalokhu.

11 Abaluleki abazosiza abesifazane ababhekana nodlame emakhaya nokuhlukumezeka bathole

usizo abaludingayo kwizinhlangano ezilungiselelwe ukuvikela abesifazane.

12 Abesifazane basizane basekane balulekane ukuze bafunde emaphutheni abo, babe

nesibindi, bakhuthazwe ukuze bakhule.

13 Omama bathole abaluleki abazobasiza baqonde ngezidingo ezigabeni zokukhula

kwabantwana.

14 Omama baluleke abantwana babonise uthando nokwethemba kuNkulunkulu. “Niyakuwabeka

lamazwi ami enhliziyweni nasempefumulweni wenu, niwabophe abe luphawu esandleni senu, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo enu. Niyakuwafundisa abantwana benu, ukhulume ngawo, lapho uhlezi endlini, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala nalapho uvuka” (Duteronomi 11: 18- 19).

15 Omama bagcwalise umsebenzi wabo wokusiza abantwana bakwazi ukuthatha

izinqumo ezinhle nokubaluleka kokuphatha kahle abantu nokuhlonipha.

16 Abaluleki banike abalulekwayo inkululeko yokukhuluma ngoqobo lwabo nabadlule

kukho besazihlelela ukubhekana nezinselelo zempilo.

17 Abesifazane babone izinselelo njengethuba elizobakha babe namandla eNkosini futhi

babonise isibindi kubantwana babo.

1 Abesifazane banikezele ngolwazi kwabanye babasize ukuxazulula izinselelo ababhekana nazo.

2 Akusizwe abesifazane abazizwela behlulelwa amalunga emindeni, abasebenza nabo

nomakhelwane bababona beyizahluleki, mabaqonde ukuthi intokozo yabo ivela kuNkulunkulu, obathandayo nobanakekelayo.

3 Akulalelwe abesifazane abafuzulayo ukuze bafinyelele emazingeni abo aphezulu.

4 Kukhuthazwe abesifazane ukuba bakhele kuloko abanako bakhule ekwazini ngoNkulunkulu, babe

yizibonelo njengoJesu.

5 Kunakekelwe abesifazane eAfrika abaluleka bekhuthaza labo abalahlekelwe ithemba

abalahliwe, abadivoziwe, abakhiphe izisu, abadlwenguliwe nokunye.

6 Abesifazane bathole ukuvikelwa nenjongo yokusekelwa kumasiko anobungozi, bathole

abaluleki abazoqonda izinselelo zabo ngamunye babasize kuloko.

7 Abaluleki bafundise ngokumisa imigomo ukuzihlela ezinhliziyweni, ezingqondweni nasemzimbeni

ukuze kuhlonishwe uNkulunkulu ngaloko.

8 Abaluleki basize abesifazane baqonde ngokudla okunomsoco, ezempilo nokunye okuthinta

impilo.

9 Abesifazane eAsia banikezele ngothando lukaKrestu nethemba kwabanhliziyo zaphukile.

N h l a b a 2 0 1 7 S i k h u l e k e l a u k u k h u l i S wa ko b u d l e lwa N o

Abesifazane abaningi baphila kwimindeni nemiphakathi lapho kushoda ngabesifazane abangabasiza baqonde ibhayibheli futhi bafunde ngempilo yokukholwa. Abanabo abazobafundisa ngokulungisa ukudla okunempilo, izindaba zokwelapha, ukukhulisa ubudlelwano, ukunakekela izimali. Njengoba uPawuli abuza ukuthi abantu bayakulizwa kanjani ivangeli uma engekho oshumayelayo, singabuzela laba besifazane, bayakufunda kanjani engekho obafundisayo? Abesifazane badinga ozobafundisa bakhuthazelele ukufunda, babagqugquzele ukuba bafinyelele kwizinga eliphezulu kudunyiswe uNkulunkulu.

Abaluleki besifazane bafisa ukunikezela ngothando ekuphekeni, ukubhala, ukuhola namanye amakhono: ulwazi nabakuzuzile empilweni yabo. Abesifazane abalulekwayo bafisa ukufunda okuningi. Bonke abantu bangadlulisela ulwazi lwabo. Iminyaka ayisho lutho. Ngabe umdala noma umncane ungafunda futhi ufundise. Ukufunda nokusebenzisa ulwazi olusha, amakhono kusenza sivuthwe. Sidinga ukufunda okuningi empilweni yethu, ngakho kuwukuhlakanipha ukuthola abaluleki amaningi.

Ululeko kwezobudlelwano niqale ngokubonisana ngenikufisayo. Ukuthi ikuphi enifuna ukubhekana nako: impilo yomuntu ngamunye, umndeni, amakhono, ucwaningo lwebhayibheli, ubuholi nomkhuleko? Nizohlangana kangaki, maphi? Futhi kuzoba ukululekwa okunjani? Nizolalela, nifundiswe, nenze nezibonelo noma konke, lokho okuzosebenza kahle. Abanye badinga ukulalelwa bese besizwa ngezixazululo.

Ukululekwa kwezobudlelwano kubiza ukuzinikela, ukuze nisizane kube udumo kuNkulunkulu.

Asikhulekele ...

TWR Women of Hope/Project Hannah • P O Box 4232, Kempton Park, 1620 • +27 11 974 2886 • [email protected] • www.phafr ica.org