Upload
others
View
0
Download
0
Embed Size (px)
Citation preview
8/11/2015
Enikushilo mayelana nokukwazi ukumelana nezimo kweTheku
UMBHALO WOKWETHULELWA UMPHAKATHI UKUZE UPHAWULE
1. ISINGENISO NESENDLALELO
Ngasekupheleni konyaka ka 2013, iTheku laqokwa ukuba libe ingxenye yamadolobha angu-33
azobamba iqhaza oHlelweni lwe-100 Resilient Cities (100 RC) lwamazwe omhlaba oluxhaswe yi-
Rockefeller Foundation. Okwenziwa yiTheku-ke njengengxenye ye-100RC ukusungula uHlelo
Lokukwazi Ukumelana Nezimo (Resilience Strategy) lweTheku. I-100RC eThekwini ididiyelwa
uMasipala waseThekwini.
Uhlelo Lokukwazi Ukumelana Nezimo lweTheku (Umdwebo 1) luqale ngesigaba sokudwetshwa
kohlelo nokucwaningwa kwalo ngo 2014 ukuze kuqondakale ukuthi yiziphi izinselelo ezinkulu
zokumelana nezimo iTheku elibhekene nazo. Ziningi-ke izinto ezahlonzwa yiTheku njengezidlala
indima enkulu ekufukuleni kanjalo nasekufadalaliseni ikhono lalo lokumelana nezimo. Ngokususela
kulesi sigaba sokuqala somdwebo nocwaningo, kwabizwa imihlangano yokuxoxisana kwabanjwa
neminye imihlangano phakathi kukaMashi noMeyi ka 2015 nezinhlaka ezibambe iqhaza ezahlukene
eThekwini ukuze kuzovunyelwana ngamaphuzu azokuba seqhulwini futhi kubhekwe nalapho
kungathathwa khona izinyathelo mayelana nohlelo lokukwazi ukumelana nezimo lweTheku. Isigaba
somsebenzi esikusona njengamanje sibandakanya ukuhlanganiswa kwamaphuzu esizogxila kuwo
okumelana nezimo kanjalo nokuxhumana nabathintekayo njengengxenye yokuphothula ukuhlolwa
kokuqala kohlelo lokukwazi ukumelana nezimo kweTheku.
Udwebo 1: Uhlelo lweTheku olumayelana nokusungulwa kwe-Preliminary Risk Assessment
Lo mbhalo uhlose:
Ukubuya nezimpendulo ngemiphumela yokubonisana okwenzeka phakathi kwababambe
iqhaza emihlanganweni yokuxoxisana phakathi kwenyaka kaMashi noMeyi 2015;
Ukuqinisekisa izindawo okuzogxilwa kakhulu kuzo esigabeni esilandelayo soHlelo Lokukwazi
Ukumelana Nezimo lweTheku.
2. EZITHINTA UKUMELANA NEZIMO EZIVELE EZINGXOXWENI NABABAMBE IQHAZA (MAR-MAY
2015)
Ngemuva kwesigaba sokuqala sokuhlela nokwenza ucwaningo, kubanjwe imihlangano yokubonisana
eyishumi nesikhombisa nezinhlaka ezithitekayo phakathi kwenyanga kaMashi noMeyi 2015
ngenhloso yokuqoka izindawo lapho kuzogxiliswa khona uhlelo Lokukwazi Ukumelana Nezimo
lweTheku. Kwababambe iqhaza kulezi zingxoxo kubalwa osomabhizinisi bendawo, izifundiswa,
abaholi bedolobha nabezombusazwe, abasebenzi bakamasipala, izinhlangano zomphakathi, ama-
NGO nama-CBO, amaciko, baholi bezemvelo nabezenkolo (Uhlu lwabantu okuxoxiswane nabo
luyatholakala kwiSithasiselo A). Kwenziwa isethulo kusetshenziswa imiphumela yesigaba sokuqala
sokuhlela nokucwaninga esibandakanya izigaba eziyishumi zolwazi (Isithasiselo B) ezikhombisa
izinkinga iTheku elibhekene nazo mayelana nokumelana nezimo. Imibuzo ebalulekile eyadingidwa
ithinta ukuhlonzwa kwamagebe nokugxila kakhulu ezintweni eziphathelene nokumelana nezimo
ezihlonziwe kulezo ezethuliwe. Kunamaminithi abanzi athathwa kuleyo mihlangano kanti ayisona
sisekelo socwaningo olubanzi mayelana nezimpendulo zababambe iqhaza. Kwasetshenziswa
ukuhlaziywa kwezimpendulo (Discourse Analysis) okuyindlela yezesayensi esetshenziswa ukuhlaziya
amazinga olwazi oluqoqiwe, ukuhlanganisa amaphuzu aqhamuka emihlanganweni yokucobelelana
yababambe iqhaza nasemihlanganweni yangenyanga kaJuni/Julayi 2015. Kwavela amaphuzu angu-
16 aphathelene nokumelana nezimo kwedolobha kulolu hlelo njengoba evela kafushane ngezansi.
1. Ubuholi
Izinselelo ezikhona nalezo zangomuso ezibhekene neTheku zidinga abaholi abagqamile
nabanombono abazokwazi ukubhekana nezinselelo eziningi beze nezixazululo futhi bathathe
izinqumo ezizoba wusizo eDolobheni nakwizakhamizi esikhathini eside. Izindaba ezithinta ubuholi
zavezwa izinhlaka zikahulumeni, ezomphakathi, izifundiswa, nezinhlangano zabaholi bomphakathi
nabedolobha. Iyisishiyagalombili imibono ebalulekile evezwe izinhlaka ezibambe iqhaza ephathelene
nobuholi eThekwini. Eminye kule mibono ikhuluma ngokubaluleka kokuqokwa kwabaholi
abanomgogodla abazohola idolobha ezinselelweni ezizayo, okubandakanya isidingo sokuqoka
abaholi abanombono ngekusasa, abahlakaniphile, abasukumela phezulu, futhi abanolwazi nabakwazi
ukuthatha izinqumo. Eminye imibono yayiphathelene nokuthuthukiswa kwamakhono abaholi;
ukuqoka amaqhawe azoqhubela phambili umyalezo wokumelana nezimo eThekwini nokuhlomisa
intsha ukuze ibe ngabaholi bakusasa.
2. Izinhlaka zokubusa
Umyalezo owodwa ovezwe ababambe iqhaza abehlukahlukene yindima ebalulekile edlalwa
ezokubusa ukweseka noma ukukhubaza ukumelana nezimo kwedolobha. Ezokubusa zivezwe
njengodaba olubalulekile yizinhlaka ezithintekayo kuhulumeni, emphakathini, ezifundisweni,
emabhizinisini nezinhlangano zabaholi bomphakathi nabedolobha. Ayishumi nanye amaphuzu
avezwe izinhlaka ezithintekayo mayelana nezokubusa eThekwini. Lawa maphuzu:
Ukubaluleka kokuhlela izinqubomgomo nemithetho yedolobha ihambisane nemithetho
kazwelonke neyamazwe omhlaba
Izinselelo eziphathelene nezinhlaka zokubusa ezikhona, okubandakanya uhlelo lokubusa
oluhlukeke kabili (olomdabu nolukahulumeni)
Izinselelo eziphathelene nezinhlelo zikahulumeni kuMasipala waseThekwini ezithathwa
njengokungelula ababambe iqhaza bafinyelele kuzo
Ukwemukela ukuthi kukhona ukungaxhumani ngokuphelele phakathi kweminyango
kamasipala naphakathi kwabasebenzi bakamasipala namakhansela okuba nomthelela
ongemuhle ekuphathweni kwedolobha
Ukungasetshenziswa ngokuphelele kwemithetho ebekiwe nemithetho kamasipala
Isidingo sokuba kuphuculwe futhi kuzinziswe izinhlelo zokuphathwa kwezimali
Ukungaxhumani phakathi kwabasebenzi nabaholi bakamasipala waseThekwini nezinhlaka
ezahlukahlukene osekuholele ekukhuleni kokungathembani phakathi kukahulumeni
nezakhamizi
Ukwanda kwezigameko zokubhikisha kwezakhamizi ngenxa yokwehluleka kwedolobha
ukuhlangabezana nezidingo zezakhamizi
Izinhlelo zokubusa zedolobha ezenza ukuthi izakhamizi zethembele kakhulu kuhulumeni
ezibukela phansi ikhono labantu lokuzenzela nokuzizamela
Ukubaluleka kokusungula ubudlelwane ukuze kuthuthukwe futhi kube nohlelo oludidiyele
lokukwazi ukumelana nezimo
Iqhaza lezakhamizi lokuthatha izinqumo ekuphathweni ngendlela kwedolobha.
3. Ukuxoxisana nababambe iqhaza
Ukuxoxisana nezinhlaka ezibambe iqhaza ezinhlelweni zedolobha nasekuthathweni kwezinqumo
kuyingxenye ebalulekile yentando yeningi. Ngokuvula inkundla yokuxoxisana phakathi kwezinhlaka
ezithintekayo, izakhamizi ziyakwazi ukubonisana nohulumeni ukuveza ilaka lazo nokuba negalelo
ekwakheni umphakathi okwazi umelana nezimo. Ukuxoxisana nababambe iqhaza kube iyona nkinga
evezwe ngabasemkhakheni wezifundiswa, uhulumeni, umphakathi, amabhizinisi, nezinhlangano
zabaholi bomphakathi nabedolobha okuyiyona ethinta kakhulu ukumelana nezimo. Ayisithupha
amaphuzu abalulekile avezwe izinhlaka ezithintekayo mayelana nokuxoxisana okudingekayo
eThekwini:
Ukubaluleka kokuxoxisana nababambe iqhaza uma kuthathwa izinqumo zedolobha futhi
kuziwa nezixazululo ezinembayo;
Ukubaluleka kokumeleleka kwabo bonke ababambe iqhaza uma kuba nezingxoxo noma
kuxazululwa izinkinga;
Igalelo ukuxoxisana nomphakathi okungaba nalo ukufukula izakhamizi;
Amazinga angemahle okuxhumana phakathi kukamasipala nezakhamizi zakhe;
Uhlelo nezinkundla ezikhona zokubonisana ezingenele nezingasebenzi ngendlela; kanye
Nokufundisa imiphakathi ukuze ikwazi ukubonisana ngendlela enezithelo nomasipala,
isibonelo nje, lapho kukhulunywa ngokuhlelwa nokuphakwa kwesabelomali.
4. Ukuqhamuka namasu amasha
Ukuze kubhekanwe ngendlela nezinselelo kanjalo nezidingo zokuguqula iTheku, kanjalo nokukwazi
ukuhlangabezana namazinga okucabanga asebenza emhlabeni jikelele, iDolobha kudingeka ukuba
likusukumele phezulu ukukhuthaza amasu amasha futhi likhuthaze ukusungulwa kwezindlela
ezintsha zokubhekana nezinselelo elibhekene nazo. Isikhathi esiningi amasu amasha aqhamuka
lapho idolobha libhekene nenselelo yobungozi obuthile, izinkinga noma ukukhungatheka. Kwesinye
isikhathi izakhamizi ngokwazo ziqhamuka namasu amasha lapho zibhekene nezinkinga ezifana
nokusweleka kwamathuba emisebenzi kanye nobugebengu. Kunamaphuzu amathathu avezwe
izinhlaka ezithintekayo mayelana namasu amasha eThekwini: isidingo sokusungula uhlelo olusha
lokuguqula idolobha; isidingo sokubheka izindlela zokukhuthaza amasu amasha eThekwini; kanjalo
nesidingo sokuhlonipha abantu eThekwini abaqhamuka namasu amasha futhi asebekhombisile
ikhono labo lokubhekana nezinselelo esinazo ngokuqhamuka namasu amasha.
5. Imininingwane kanye nolwazi
Ukubaluleka kwemininingwane kanye nolwazi kwaba ngenye yezinkinga ezavezwa abathintekayo
emphakathini, kwezamabhizinisi, kuhulumeni nakubaholi bedolobha. Kunemibono emithathu
ebalulekile evezwe ngabathintekayo mayelana nolwazi nemininigwane: ukubaluleka kokutholakala
kalula nangendlela elinganayo kolwazi kuzona zonke izakhamizi; ukubaluleka kokwabelana ngolwazi
nemininingwane phakathi kwemikhakha namaqembu ehlukahlukene; kanye namagebe akhona
emininingwane nocwaningo okumele avalwe ukuze kuzokwesekelwa ukuthathwa kwezinqumo
nokuhlela eThekwini.
6. Imfundo nokuthuthukiswa kwamakhono
Iningi kwababambe iqhaza laligxile ekubalulekeni kwemfundo nokuthuthukiswa kwamakhono
njengesisekelo ekwakheni iTheku elikwazi ukumelana nezimo. Iphuzu lokufunda nokuthuthukiswa
kwamakhono lavela ezinhlakeni ezithintekayo kuhulumeni, emphakathini, kwabamabhizinisi,
izifundiswa nabaholi bomphakathi nabedolobha. Kwavela amaphuzu ayisithupha abalulekile
kwababambe iqhaza aphathelene nokufunda nokuthuthukiswa kwamakhono eThekwini, iningi lawo
lihambisana nokufunda kwamaqembu athile. Lawa maphuzu:
Ukuqeqeshwa kwabaholi bezombusazwe;
Ukuthuthukisa amakhono kubasebenzi bakamasipala ukuze bathathe izinqumo ezingcono;
Ukuthuthukisa imiphakathi njengendlela yokuthi ikwazi ukuzimela;
Ukuqwashisa umphakathi ngemiphumela yezinqumo abazithathayo;
Ukugxila entsheni njengesigaba esibalulekile okumele sifundiswe futhi sithuthukiswe
amakhono; kanye
Nokulahleka kwabantu abanamakhono eThekwini baye kwamanye amadolobha ezweni
noma phesheya kwezilwadle okuyinselelo enkulu ekhubaza ukumelana nezimo.
7. Ukuthuthuka kwamadolobha e-Afrika
Olunye uhlelo oluvezwe abathintekayo beluphathelene ‘nokuthuthuka kwamadolobha ase-Afrika’
kanjalo nesidingo seTheku, njengedolobha lase-Afrika ukuba likwazi ukubhekana nezinselelo zalo
ezithinta lona ngqo lingazifanisi namadolobha asemazweni asethuthukile emhlabeni. Udaba
lokuthuthuka kwamadolobha ase-Afrika lwavezwa izinhlaka zomphakathi, izifundiswa,
abasemabhizinisini, nezihlangano zomphakathi. Ayisihlanu amaphuzu avele kwababambe iqhaza
mayelana nokukhula kwedolobha laseThekwini ngendlela yase-Afrika. Lawa maphuzu:
Ukulungisa ukungalingani ngemuva kombuso wobandlululo;
Ukuqala izinhlelo zentuthuko ezithinta idolobha ngqo;
Ukwemukela umkhakha ongahlelekile ngokuphelele njengohlobo lokuthuthuka
oluhambisanayo neTheku;
Ukubheka iTheku njengendawo yamathuba nokuziqalela amasu amasha; kanye
Nokuqhakambisa ukubaluleka kwesiko nendlela yokwenza yeDolobha.
8. Izindlu nengqalasizinda
Kusukela ngo 1994 sekube nokuthuthuka okukhulu eThekwini mayelana nokuhlinzekwa kwezindlu
nengqalasizinda kwizakhamizi. Kusekhona nokho ukusilela okukhulu kwingqalasizinda kanti kokunye
kuyakhula, njengoba izibalo ezinkulu zabantu zisaphila ngaphandle kwezindingo-ngqangi ezifana
nezindlu, amanzi, ugesi nezokuthutha. Udaba lwezindlu nengqalasizinda lwavezwa njengoluyinselelo
yizinhlaka ezibambe iqhaza kuhulumeni, emphakathini, izifundiswa, ubuholi bedolobha
nezinhlangano zomphakathi. Ayisihlanu amaphuzu abalulekile avela kwabathintekayo mayelana
nodaba lwengqalasizinda nezindlu: isidingo zokuba kuhlinzekwe izidingongqangi kuzona zonke
izakhamizi; inselelo mayelana nokuhlinzekwa kwezindlu, ezokuthutha namanzi; nesidingo
sokuhlinzekwa kwengqalasizinda nezidingongqangi ezanele.
9. Ukuhlelwa kwentuthuko ngokwezindawo
Nakuba ukuhlalisana kwabantu eThekwini kungasayalelwa yimithetho ukuba kube kwahlukane
ngokobuhlanga, ukuhlukana kwezakhamizi kuseyinto ekhona eThekwini futhi iTheku liseyidolobha
elihlukanisa izinhlanga. Udaba lokuhlelwa kwentuthuko ngokwezindawo lwavezwa izinhlaka
zikahulumeni, zomphakathi, amabhizinisi, nezinhlangano zabaholi bomphakathi nabedolobha.
Ayisihlanu amaphuzu avelayo kwabathintekayo mayelana nohlelo lokuhlelwa kwentuthuko
ngokwezindawo:
Izinhlelo zokuthuthukiswa kwedolobha ezihlobene nokuthuthuka nokukhula kwedolobha;
Ukubhekelelwa kokungalingani ngendlela izindawo edolobheni ezithuthukiswa ngayo;
Ukuqinisekisa ukuthi kuba nohlelo lwedolobha lokuhlela olusetshenziswayo;
Isidingo sokugxila ezinhlelweni ezididiyele zokuthuthukisa umphakathi ukuze kukhuthazwe
ukuhlalisana komphakathi; kanye
Neqhaza lezindawo zomphakathi ukuba negalelo ekuhlanganeni komphakathi,
kwezokuphepha nasekuxhumaneni kwezakhamizi.
10. Ezobuciko namasiko
Ezobuciko namasiko zinejoka elibalulekile ezilibambile ekwakheni ukuhlalisana komphakathi
nokwakha isithombe sedolobha. Ezobuciko namasiko zavezwa njengodaba olubalulekile yizinhlaka
zomphakathi. Mabili amaphuzu abalulekile avezwe izinhlaka ezithintekayo mayelana nezobuciko
namasiko. Lawa maphuzu aphathelene: nokungabekwa phambili kwezobuciko namasiko eThekwini
nokushiywa ngaphandle komkhakha wezobuciko ekuthathweni kwezinqumo; kanye nesidingo
sokuhlonipha idolobha njengendawo yamathuba nobuciko.
11. Ezemvelo
Ezemvelo zidlala indima ebalulekile ekwesekeni inhlalakahle nokuthuthuka komphakathi eThekwini
futhi zisiza idolobha nezakhamizi zalo ukuba lemukele izinguquko kwezemvelo emhlabeni. Indawo
engaphezu kuka-54% eThekwini ithuthukisiwe kanti leyo esele eyizindawo zemvelo iyaqhubeka
nokuncipha. Le ngcindezi ebangelwa yintuthuko iphosela inselelo ukuhlinzekwa kwezidingo-ngqangi
zemvelo ezifana nokugwema izikhukhula nokuhlinzekwa kwamanzi. Iphuzu lezemvelo laphakanyiswa
ababambe iqhaza kuhulumeni, emphakathini, kwabamabhizinisi nezinhlangano zabaholi bedolobha.
Ayisithupha amaphuzu avezwa abathintekayo. Lawa maphuzu:
Isidingo sokuhlonipha ukubaluleka kwemvelo njengesisekelo sedolobha elimelana nezimo;
Isidingo sokufaka imvelo nokunakekelwa kwayo kwizinqubomgomo nemithetho yedolobha;
Inselelo eza nokuguquguquka kwesimo sezulu ekumelaneni nezimo kweTheku kwangomuso;
Izinselelo ekutholakaleni kwamanzi nasekuqinisekiseni amaqophelo afanele amanzi;
Ukuhlela ukuvuselelwa kwemfucuza nokunakekelwa ngendlela kukadoti; kanye
Nokugxila ekufundiseni ngemvelo ukuze kufundiswe izakhamizi zeTheku ngokubaluleka
kwezinsiza zemvelo nosizo eziza nalo.
12. Ezomnotho
Ukuthuthukiswa komnotho nokudalwa kwamathuba emisebenzi okuhambisana nakho kuyiphuzu
elibaluleke kakhulu kuhulumeni kazwelonke nohulumeni wasekhaya. Nakuba izibalo zakamuva zika
2011 zikhomba ukuthi amazinga okusweleka kwemisebenzi eThekwini ehlile, idolobha lisenamazinga
aphezulu abantu abangasebenzi ukunabanye omasipala abakhulu eNingizimu Afrika futhi
lisabhekene nenselelo ekudaleni amathuba emisebenzi esezingeni. Umnotho-ke wona yiphuzu
eliqhamuke nababambe iqhaza kuhulumeni ezinhlanganweni zomphakathi, izifundiswa;
abamabhizinisi nezinhlangano zabaholi bedolobha. Abeyisishiyagalombili amaphuzu avezwe
abathintekayo mayelana nezomnotho. Lawa maphuzu:
Ukubaluleka komnotho ekudaleni inhlalakahle namathuba omsebenzi;
Isidingo sokusungulwa kwezinye izindlela zomnotho ezizohlomulisa zonke izakhamizi;
Ukugxila emathubeni amabhizinisi onga imvelo nasekudaleni umnotho owonga imvelo;
Ukuveza ukubaluleka komnotho ongahlelekile ekudaleni amathuba emisebenzi;
Ukugxila ekusungulweni emabhizinisini amakhulu namancane;
Ukukhuthaza ukuthuthukiswa komnotho wedolobha;
Ukuhlela ukutholakala kwezinsiza, okubandakanya umhlaba, ukuze kube nempilo engcono;
Nokweseka abesifazane nalabo ababuthakathaka ukuze bathole amathuba kwezomnotho.
13. Ukuhlalisana komphakathi
Ukubaluleka kokuhlalisana komphakathi ekwakheni iTheku elikwazi ukumelana nezimo kwavezwa
yiningi lezinhlaka ezithintekayo. Umlando weTheku wokuhlala ngokwahlukana kwezinhlanga
nobandlululo usabonakala kanjalo namazinga aphezulu okungalingani ayaqhubeka nokuhlukanisa
umphakathi wethu. Mningi umsebenzi osadingeka ukukhuthaza ukuhlalisana komphakathi. Udaba
lokuhlalisana komphakathi lwavela kwababambe iqhaza kuhulumeni, emphakathini, amabhizinisi
nezinhlangano zabaholi bomphakathi nabedolobha. Mathathu amaphuzu abalulekile avezwa
abathintekayo mayelana nokuhlalisana komphakathi: ukuhlonipha ukuhlalisana komphakathi
njengesisekelo sokumelana nezimo eThekwini; ukwazi izingqinamba ezahlukene zokuhlalisana
komphakathi, okubandakanya izinselelo zezomnotho emphakathini, ukuhlaselwa nokucwaswa
kwabokufika; nesidingo sokwakha ukuhlalisana emphakathini ukuze kube nokumelana nezimo
kwedolobha.
14. Igebe lokungalingani
Likhulu igebe lokungalingani eThekwini kanti ucwaningo lamazwe ngamazwe lukhombisa ukuthi
kunokuhambisana phakathi kokungalingani nezinye izinkinga zomphakathi ezikhona emadolobheni.
Ukungalingani kukhubaza ukukhula komnotho weDolobha, ukubusa nozinzo kwezepolitiki, kulimaza
ukukhula kwabantu futhi kukhahlameza ukuhlalisana komphakathi. Ukungalingani kwavezwa
izinhlaka ezifana nezinhlangano zomphakathi, umphakathi namaqembu abaholi bedolobha. Lokhu
kwakuhlotshaniswa nokungalingani, ikakhulukazi uma kukhulunywa ngokumeleleka kobulili.
15. Okuphathelene nobulili
Nakuba lilikhulu ibanga eselihanjwe iNingizimu Afrika emizamweni yokulinganisa ubulili, abesifazane
basancishekile amathuba futhi abaphathwa ngendlela eThekwini njengoba bengakwazi ukuthola
izinsiza ngendlela efanayo nabesilisa. Ukulinganiswa kobulili yiphuzu elivezwe amaqembu ezinhlaka
zomphakathi. Ayisithupha amaphuzu abalulekile aveziwe aphathelene nokulingana ngokobulili:
Iqhaza elibalulekile elidlalwa abesifazane nesidingo sokufaka ukulingna ngokobulili ohlelweni
lokukwazi ukumelana nezimo lweTheku;
Ukubaluleka kokuqala izinqubomgomo nemithetho esebenzayo;
Ukucwaswa kwabesifazane emphakathini;
Ukuhlukunyezwa kwabesifazane emphakathini;
Ukubaluleka kokuhlela izinkinga eziphathelene nobulili ngokuhambisana nezinqubomgomo
namasu edolobha; kanye
Nokusimamiswa kwabesifazane ukuze bazinqumele ngezenzo namalungelo abo.
16. Ubuntu emphakathini
Izinhlaka ezithintekayo eThekwini zagqamisa ukubaluleka kokuhlonipheka komphakathi uma
kwakhiwa iTheku elikwazi ukumelana nezimo futhi kwavela ukuthi kubalulekile ukuqhakambisa
ubuntu kwizakhamizi kusekusha. Lolu daba lwavezwa yizinhlaka ezifana nohulumeni, umphakathi,
izifundiswa, amabhizinisi, namaqembu omphakathi nawabaholi bedolobha. Mathathu amaphuzu
abalulekile athinta ukuzihlonipha emphakathini avela kwababambe iqhaza: ukuvuma ukuthi ayehla
amazinga okuzihlonipha nawobuntu eThekwini; ukufundiswa kwezakhamizi ngokuzihlonipha
nobuntu, nokwakha kabusha isithunzi somphakathi ngokusebenzisa izinhlaka ezifana namasonto
nezinhlaka zomdabu.
3. UKUHLANGANISA AMAPHUZU OKUMELANA NEZIMO ABE YIZIHLOKO EZIBALULEKILE
ZOKUMELANA NEZIMO
Nakuba indlela okuhlaziywe ngayo ucwaningo isinikeza izindlela ezicacile nezihlelekile zokuthola
amaphuzu ethu abalulekile aphathelene nokumelana nezimo, kodwa okucacile kulolu hlelo ukuthi,
edolobheni elinezinto eziningi futhi elinezinselelo ezinhlobonhlobo, akulula ukubeka phambili iphuzu
lokukwazi ukumelana nezimo elilodwa ngaphezu kwamanye – onke abalulekile, onke anokuxhumana
futhi wonke adinga ukubhekelelwa. Kwabe sekuthathwa isinqumo sokuthi wonke lawa maphuzu
okumelana nezimo ayishumi nesithupha adluliselwe esigabeni esilandelayo sohlelo. Lokhu kwenziwa
ngokuthi kutholakale ‘imikhakha’ exhumanayo phakathi kwalawa maphuzu okumelana nezimo
ehlukahlukene. Ngenxa yalokhu kwahlonzwa ‘iziHloko zokumelana nezimo’ eziyisithupha eThekwini:
Ukubusa, Imvelo, Umnotho, Ukwakha Idolobha, Ulwazi noMphakathi. Uhlelo lokuhlolwa
kwengcuphe nalo luyaziqinisekisa lezi zihloko eziyisithupha, kanti izinhlaka ezithintekayo zanxusa
ukuthi izindaba eziphathelene nezempilo nobugebengu zigqanyiswe. Kwaphinde kwavunywa futhi
ukuthi nakuba kwavunyelwana ngokuhlukaniswa kwalawa maphuzu okumelana nezimo, kwaba
khona izingqinamba ngendlela izinhlaka ezithintekayo ezemukela ngayo izihloko eziyisithupha
ngakho-ke lezi zingqinamba zaqoshwa. Ekugcineni, kwavela imibuzo eminingi ngesiHloko
sokumelana nezimo ngasinye ukuze sicutshungulwe ukuthi siyosebenza kanjani ngomuso.
Izihloko zokumelana nezimo, amaphuzu okumelana nezimo, izingqinamba nemibuzo elindelekile
yokucaciselwa yethulwe kafushane kuleli tebhula elingezansi.
IsiHloko Sokumelana nezimo
Amaphuzu Okumelana nezimo
Ukuchazwa kwesiHloko Sokumelana nezimo Izingqinamba Ezilindelekile
Imibuzo yokucaciselwa elindelekile yesiGaba 2
Ezokubusa Ubuholi Ukuxoxisana nabathinteyao Izinhlelo zokubusa
Uhulumeni obusa nosebenza kahle wakhiwe abaholi abaqatha, abanombono nabanekhono. Abaholi kumele bavele kuzona zonke izinhlaka zomphakathi (abaholi bomdabu, intsha namalungu omphakathi) futhi kunesidingo sokuthi kubhekwe kabanzi, kuthuthukiswe futhi kwakhiwe abaholi abazokwazi ukubhekana nezinselelo zekhuluminyaka lika 21 futhi bakhuthaze ukuhlalisana komphakathi. Uhulumeni kumele abe sobala, abe nesibopho sokubika futhi akhe ukwethembana nezakhamizi futhi kube nokubusa okubandakanya uwonkewonke. ‘Kubalulekile ukuvuselela ukwethembeka kukahulumeni. Izakhamizi kumele zibheke uhulumeni njengesikhungo esisebenzela umphakathi,’ (abamabhizinisi) ‘Osombusazwe kumele babe nesibindi bakwazi ukuthatha izinqumo ezingeke zinambithiseke okwaleso sikhathi kodwa ezizoba nemiphumela emihle ngokuhamba kwesikhathi.” (Omasipala) ‘UMasipala waseThekwini uyesaba ukubonisana nezinhlaka ezahlukene. Kunesidingo sokuthi kuvulwe inkundla lapho uMasipala waseThekwini uzokwazi ukudingida izinkinga ezithinta umphakathi.’ (Izifundiswa)
Ingqinamba 1: Kunesidingo somphakathi lapho wonke umuntu ezokuba ngumholi kodwa ukugweva kosombusazwe kuyawanciphisa amathuba okuthi izakhamizi zibe yingxenye yokubonisana ngezinhlelo nokuthola amathuba. Ingqinamba 2: Amazinga aphezulu okwethembela kwezakhamizi kuhulumeni enza zingakwazi ukuzimela nokuzizamela.
Sibakha kanjani abaholi bakusasa abanekhono lokubhekana nezinselelo zekhuluminyaka lika 21? Imaphi amakhono amasha umasipala awadingayo ukuze kushintshwe amasu abe izinyathelo? Livalwa kanjani igebe eliphakathi kwabaholi bomphakathi nohulumeni oseCity Hall? Silivuselela kanjani ikhono likahulumeni lokuxoxisana ngendlela eyakhayo nezakhamizi? Iziphi izinkundla ezikhona zokulungiselela uhlelo lokuvuselela ukubonisana nokwethembana? Siyikhipha kanjani insila yezombusazwe kuhulumeni?
Ulwazi Amasu amasha
Ulwazi Ukufunda nokuthuthukisa amakhono
Ukuze siqhamuke namasu amasha ezinselelweni zekhuluminyaka lika 21 nokushayela uhlelo loguquko lwe-Afrika oluzokwazi ukubheka izindlela ezahlukahlukene, izakhamizi kumele zithole ngendlela elinganayo ulwazi, imininingwane nokuthuthukiswa kwamakhono ezindaweni ezahlukahlukene. Ngokufanayo kunesidingo sokubhekelela amagebe olwazini futhi kuthathwe izinqumo ngendlela ebhekelela ubufakazi okuyiyona ezokwenza kuhlelwe ngendlela engafuniseli. Okubalulekile kulokhu ukuqinisekisa ikhono elanele kumasipala nasemphakathini, okudinga ukuba kugxilwe ngqo emfundweni eyisisekelo nasekugcinweni kwamakhono edolobheni. ‘Amasu amasha ayadingeka ukubhekana nomhlaba ohlukile.’ (Izinhlaka zomphakathi) ‘Miningi imithombo yolwazi eThekwini inkinga ukuthi lutholakala kanjani lolo lwazi.’ (Umphakathi) ‘Abantu abanamakhono bayalibalekela iTheku.’ (Izifundiswa)
Inqginamba 1: Kunengqinamba phakathi kwesidingo sokuba nezinhlelo eziphethwe kahle nezibika ngendlela (okungaholela kwizinqubomgomo ezisebenzayo) nesidingo sokwakha izinqubomgomo nemithetho evula inkundla yamasu amasha nezindella ezintsha.
Siyidolobha singena kanjani ezinhlelweni zolwazi zomhlaba ezingakwazi ukusisiza ekuthatheni izinqumo? Singayakha kanjani imininingwane ezosisiza ekuthatheni izinqumo? Singalwakha kanjani ulwazi nemininingwane ezotholakala kalula kwizakhamizi nakubaholi? Singenza kanjani kube lula ukuqonda izindawo lapho iDolobha lehlukeka khona ukuheha nokugcina amakhono, ikakhulukazi entsheni? Ikuphi idolobha elingakwenza (uma kukhona) ukubhekana nodaba lwamagebe amakhono entsheni nakwabasanda kugogoda?
Ukwakha idolobha
Ukukhula kwamadolobha e-Afrika
Ukuthi sicabanga kanjani ngeDolobha kuyiwona khiye wokusisiza ukuhlela indlela efanele yokuthuthukisa idolobha. Kunesidingo sokuba sibone ukuthi kunethuba eliyingqayizivele
Ingqinamba 1: Kunesidingo sokubheka ukuthi sise-Afr ika kanjalo sibheke futhi
Yini okukhulunywa ngayo uma kukhulunywa ngokuba yidolobha lase-Afrika uma kuziwa ezindaweni nakumapulani?
Ingqalasizinda nezindlu Ukuhlela ngokwezindawo Ezobuciko namasiko
elivezwa ukukhula kwamadolobha e-Afrika lokwakha amadolobha adidiyele, akhuthaza ukulingana futhi anokuxhumana okuhle nezindawo ezisemakhaya. Okubalulekile kulokhu kubandakanya ukuthola izindlela zokubhekana nokungahleleki ngendlela ezobhekana nezinselelo futhi kwakhelwe emathubeni avelayo, futhi siqaphele isidingo zokwenza ngendlela ezosithuthukisa kwezezimali nangokwezemvelo. Kubalulekile ukuthi sikuqonde ukuthi ukwakha idolobha akukhulumi nje kuphela ngokwakhiwa kwamabhilidi kodwa futhi nokwakhiwa kwezindawo lapho umphakathi uzokwazi ukukhululeka khona uzenzele okuthandayo. Ukungenelela okuncane ngokwezindawo kungaba wusizo ukubhekelela lokhu. Kunesidingo sokuba sikuqonde ukuthi iTheku idolobha lase-Afrika elinezidingo zentuthuko ezihlukile.’ (Izinhlaka zomphakathi) ‘Yenza ngendlela ehlukile – Kunesidingo sokushintsha ukwenza ngoba ngeke wenze ngendlela eyodwa ulindele umphumela ohlukile.’ (Izinhlaka zomphakathi)
nokuthi siyayilandela imikhuba yamazwe omhlaba. Ingqinamba 2: Kunegebe elikhulu kwesikuqondayo ‘ngedolobha elihle’ namazinga aphezulu okungahleleki. Sikuhlukanisa kanjani lokhu? Ingqinamba 3: Kunesidingo sokunquma ngezindlela zentuthuko ezonga imali edolobheni nasezindaweni zasemakhaya zedolobha.
Iziphi izinhlelo ezihlinzekela ubuciko namasu amasha uma kuziwa ekuhlelweni kwedolobha? Iziphi izinhlelo zokuphathwa kwezimali ezihlinzekela ukonga nokuhlinzekwa ngokulingana kwezidingo?
Ezemvelo Ezemvelo Izinselelo ezinkulu ezibhekene neTheku zibandakanya ukuhlonza indima ebalulekile okudingeka idlalwe ezemvelo ekwakhiweni
Ingqinamba 1: Inkolelo yokuthi umnotho wokwakhiwa
Linjani isu lentuthuko elikhuthaza inhlalakahle ngesikhathi esifanayo lihlonipha imvelo?
kwamadolobha amasha e-Afrika, kugxilwa kakhulu emaphuzwini afana nokuguquka kwesimo sezulu ezingxoxweni zentuthuko nasekudidiyeleni amathuba avezwa imvelo kwihlalakahle, ukusimamisa umphakathi nomnotho, nokuqhamuka nezimpendulo ezongayo nezisebenzayo ezinselelweni zomhlaba. ‘Umbono wedolobha wamanje ukhuthaza intuthuko kwezomnotho nomphakathi kodwa awugxili kakhulu kwimvelo.’ (Izinhlaka zomphakathi) ‘Amanzi ayindlala kanti ukuphakwa kwamanzi ahlanzekile kubhekwe njengenselelo ezingeni likazwelonke nasemazweni omhlaba.” Izinhlaka zomphakathi) ‘Sidinga ukuvikela izinsizakuphila zemvelo ezisisiza ngempilo esiyiphilayo, futhi kumele siphendule ngokushesha ezinkingeni ezifuna ukukhubaza lezi zinsiza.” (Ubuholi bedolobha)
ungathatha indawo yomnotho wemvelo. Ingqinamba 2: Ingqinamba phakathi kwesidingo zokusukuma kusemanje sivikele imvelo (njengengxenye enkulu yokuthuthuka kwamadolobha e-Afrika) nenkolelo yokuthi singakuhlehlisa okuphathelene nemvelo size siqede ukusilela esinako kwintuthuko. Ingqinamba 3: Isidingo sokuhlangabezana nezidingo zomotho nezemvelo kanye kanye ngendlela yentuthuko engakubhekeleli lokhu.
Silisungula futhi siliqonda kanjani iqhaza lemvelo njengoba livela kwiSu Lentuthuko likaZwelonke? Singalufaka kanjani udaba lwemvelo ezingxoxweni zezombusazwe ngendlela ezoba nemiphumela?
Umnotho Ezomnotho Kunesidingo sokudala umnotho oqhakambisa inhlakalahle yomphakathi, osheshisa intuthuko ngezinsiza zemvelo nokuvulela umphakathi amathuba ngezindlela ezintsha zokukhulisa umnotho. Ukwakha umnotho osiza wonke
Ingqinamba 1: Ukulinganisa izidingo zomkhakha wabahwebi nowamabhizinisi ahlelekile ukufukula
Singazibona kanjani izingqinamba phakathi komnotho ohlelekile nongahlelekile sikwazi nokweseka le mikhakha yomibili?
umuntu, umasipala kumele ahlangane nezinhlala ezahlukene (kusuka kubahwebi kuya emabhizinisini amancane namakhulu, kanye nezimboni) ukuhlonza amathuba, ikakhulukazi awalabo ababuthaka. ‘Uhlelo lwezomnotho olwehlukile olugxile ekutshalweni kwezimali kwawo wonke umuntu hhayi nje okuhlose ukwenza inzuzo kuphela.” (izinhlaka zomphakathi) ‘Umkhakha wabahwebi akumele uzitshwe kodwa udinga ukuba nawo uthuthukiswe.’ (Ohulumeni basekhaya) ‘Abesifazane badinga ukwesekwa ukuze bangene emnothweni ohlelekile nongahlelekile.’ (Izinhlaka zomphakathi)
ukukhula komnotho. Ingqinamba 2: Isidingo sokuqhubeka nokuhlinzeka amathuba okuphucula amazinga empilo ngesikhathi esifanayo kusheshiswa uguquko kwezomnotho njengoba ludingeka kuleli khuluminyaka lika 21.
Kudingekani ukuqala uguquko oludingekayo ukuze kube nomnotho osabalele, onamasu amasha, ozinzile, obandakanya iningi nowonga imvelo? Singayikala kanjani impumelelo kwezomnotho ngendlela ebeka phambili inhlalakahle, ukuhlanganyela nozinzo?
Umphakathi Ukuhlalisana kophakathi Ukungalingani Ezobulili Ubuntu emphakathini
Kusenokwehlukana okusobala komphakathi nezomnotho eThekwini, kanti iningi labantu bazizwa bengagculisekile, bazibona bekude namathuba kanti bajwayele ukucwaswa. Ukuvala igebe lokwahlukana (ngobuhlanga, ubulili, ubuzwe, inkolo, iminyaka namakhono) nokwakha umphakathi owakhelwe ekuhloniphaneni nasekusebenzeni komthetho, kubalulekile ukuze sikwazi ukumelana nezimo
Ingqinamba 1: Injongo yokwakha umphakathi obumbene icekelwa phansi amazinga okungalingani abalwa naphezulu emhlabeni.
Singalakha kanjani idolobha elikhuthaza ukubonisana nokuxoxisana ngohlelo lwedolobha olufanele? Sibonisana kanjani nabantu ngokuthola izindlela zokuphucula ukulingana kobulili?
emphakathini futhi silwe ngokubambisana nezinselelo zekhuluminyaka lika 21. ‘Isekhona imingcele yobuhlanga ekhona eThekwini kanti abantu abaningi abathandi ukuhlangana nabantu bezinye izinhlanga ezehlukile. Siyiqeda kanjani imingcele yobuhlanga sihlanganise abantu bezinhlanga?’ (Ubuholi bezombusazwe) ‘Ukuhlaselwa kwabokufika muva nje kuwumyalezo womphakathi, futhi yizinkomba zokuthi kunezinkinga ezijulile ezibangela ukwahlukana phakathi komphakathi.’ (NGO) ‘Aziqondakali kahle izindaba zobulili kuMasipaa waseThekwini kanti azikho nezinqubo ezibhekelela izindaba zobulili eDolobheni.’ (Izinhlaka zomphakathi)
Ingqinamba 2: Kunzima ukwakha umphakathi omusha obumbene kusenezibazi zomlando wethu omude wokucwasana kwezinhlanga.
4. INDLELA EYA PHAMBILI: UKUBHEKA AMATHUBA EZINHLELO ZOKUNGENELELA
Imiphumela yohlelo lwezingxoxo ikuqinisekisile okubonakele ngesikhathi kusahlolwa ukuthi
ngempela, edolobheni elinezimo eziguqukayo njengeTheku, ukumelana nezimo kuphathelene
kakhulu ngezinkinga ezindala nezinselelo ezahlukahlukene ezithinta ukusebenza komphakathi
esikhathini esiqhubekayo hhayi ukubhekana nezigameko zangaleso sikhathi futhi okungezemikhakha
ethile. Kuyavunywa ukuthi wonke amaphuzu okumelana nezimo avelile abalulekile nokuthi kumele
wonke aphathwe ngokulinganayo ukuze kuzokwakhiwa uhlelo olusebenzayo lwedolobha futhi
kubhekelelwe izinqinamba zokumelana nezimo ezibhekene nedolobha. Lokhu kusho indlela iTheku
elizobhekana ngayo nezihloko zokumelana nezimo ezivelayo futhi kuveza izindlela zokungenelela
ezidingekayo ezizokwazi ukuza nemiphumela yokumelana nezimo ngesikhathi esifanayo. Le
miphumela iphinde iveze ukuthi kubaluleke kakhulu ‘ukusizana’ kwezinhlaka eziningi ezigabeni
ezilandela ese-100RC yeTheku ukuze kushintshwe amasu abucayi naphosa inselelo abe ngamathuba
afezekisekayo ukuze aqaliswe. Inhloso yesigaba esilandelayo soHlelo lweTheku lwe-100RC ukubheka
nokuphenya ngezinhlelo eziningi zokungenelela njengamaphrojekthi ayingqayizivele azosiza
ukubhekana nezinselelo zokumelana nezimo kweTheku emazingeni abantu, omphakathi
nawezinhlelo.
5. UHLELO LOKUPHAWULA
Izinhlaka ezithintekayo zingaletha imibono yazo ngeziHloko namaPhuzu okumelana nezimo abekwe
kulo mbhalo. Kuzoba nephepha lenhlolovo elitholakala ku-inthanethi lapho kungabhalwa khona
amaphuzu okuphawula kanti ukuphawula kuvulelekile kusukela mhla ka 24 kuNcwaba kuya kumhla
ka 24 kuMandulo 2015. Uma unenkinga ngokuthola leli phepha lenhlolovo, ucelwa ukuba uxhumane
noManisha Maganlal ku: [email protected] noma ku: 031 311 7382. Amakhophi
agayiwe nawo ayatholakala kuManisha Maganlal uma uwadiga.
ISITHASISELO A: Uhlu lwamaqembu okukhulunywe nawo ngezikhathi kuboniswana nezinhlaka
ezithintekayo
Iqembu nomsebenzi eliwenzayo
1 KwaZulu-Natal Inter-religious Council Isigungu sesifundazwe esakhiwe abamele izinkolo ezahlukene.
2 Amaqembu Abesifazane Ikhomishana Yokulingana Ngokobulili, i-Agenda Feminist Media nezinye izithunywa zezinhlaka zabesifazane eThekwini.
3 Izifundiswa Izikhungo zocwaningo zamanyuvesi aseThekwini okubandakanya i-University of KwaZulu-Natal (UKZN), Durban University of Technology (DUT), Mangosuthu University of Technology (MUT), the Human Sciences Research Council (HSRC), University of South Africa (UNISA), University of Zululand, DUT’s Urban Future's Centre.
4 Umhlangano woHulumeni baseKhaya we-100 RC Iqembu elixubile lezikhulu zikaMasipala waseThekwini ezibalelwa ku 30 ezivela eminyangweni ehlukahlukene ezimenywe emhlanganweni wokucobelelana.
5 Isigungu seziNhlangano ezingenzi nzuzo se-Durban Chamber of Commerce and Industry (DCCI) Isigungu sezinhlangano ezingenzi nzuzo zaseThekwini ezithinteka ngezindlela ezahlukene.
6 KwaZulu-Natal Environmental Network Iqembu eliselisha elibhekelele ezithinta imvelo. Libandakanya izinhlangano ezifana ne-Earthlife, Groundwork ne-South Durban Community Environmental Alliance.
7 eThekwini Conservancies Network (ECN) I-ECN yakhiwe izikhungo zokonga imvelo ezingu-25 zaseThekwini.
8 Umhlangano weKomidi Lezokuthuthukiswa Komnotho Ithimba le-CRO elibika eKomidi lezokuthuthukiswa Kmnotho, okuyikomidi lezombusazwe elinamakhansela angu-30. Ikomidi liholwa iPhini leMeya emihlanganweni yanyanga zonke.
9 Izinhlaka ezimele abahwebi Leli qembu lakhiwe izinhlangano ezisebenzisana kakhulu nabahwebi okubandakanya i-Asiye eTafuleni, Women in Informal Employment: Globalizing and Organizing (WIEGO) ne-Street Net
10 Isigungu se-INK (Inanda Ntuzuma and KwaMashu) Isigungu somphakathi wezindawo ezingaphansi kwe-INK. Izindawo ze-INK ziyilokishi elihlonzwe idolobha njengelihamba phambili ezinhlelweni zokuthuthukiswa ngaphansi kohlelo lwalo lokuphathwa kwezigceme (ABM).
11 Abamele abahlali basemjondolo Leli qembu lakhiwe yizinhlangano ezisebenzisana kakhulu nabantu abahlala emijondolo okubandakanya i-Community Organisation Resource Centre (CORC) ne-Federation of the Urban and Rural Poor (FEDUP).
12 Umhlangano wohlaka lwabaholi bomdabu ITheku linezihlaka zokuphatha ezimbili: Uhlaka olusemthethweni lukahulumeni kanye nohlaka lwabaholi bomdabu. Abaholi bomdabu badlala indima ebalulekile ekuphatheni ezinye izindawo ezisemakhaya nezingaphandle kwedolobha eThekwini. Lo mhlangano wawuhlangene ngaphansi kwesizwe sabaThembu.
13 Umhlangano wesigungu samaPhini eMenenja yeDolobha Umhlangano wabaholi bedolobha owawethanyelwe amaPhini eMenenja yeDolobha ayisithupha kanti usihlalo wawo kwakuyiMenenja yeDolobha.
14 Isigungu sezamabhizinisi seDurban Chamber of Commerce and Industry IKomidi lezindaba zezoMnotho leDurban Chamber of Commerce elimele amabhizinisi ehlukahlukene eThekwini.
15 Umhlangano womphakathi ePinetown Lo mhlangano ubizwe uPhiko lakwa-Community Participation kuMasipala waseThekwini obeluzobonisana nomphakathi.
16 Amaciko Lo mhlangano wethanyelwa amaciko, ababhali, ababazi nabakhi baseThekwini.
17 UMkhandlu wamaBandla i-Diakonia Council of Churches I-Diakonia Council of Churches yayimele amabandla ehlukahlukene amaKhrestu eThekwini.
ISITHASISELO B: Imidwebo elandisayo eyishumi eyethulwa kwababebambe iqhaza esigabeni
zokuxoxisana nabo