34
INKOSI E LAHLIWEYO …okwenkazimulo yeNkosi ukuba ilethwe phezu kwethu namhlanje ngokukhonza iZwi. Futhi kuyi…Ngaleliviki eledlule ngithe nje ukugulagula kancane—kungesikho ngempela ukugulagula; kwaba ngukuhlolwa okwakufanele ngikuthathe, ukuhlolwa komzimba; futhi yilokho enakuzwayo ukuthi ngangisesibhedlela. Kwakuyingoba ngaya lapho ukuze ngingalokhu ngehla ngenyuka ngaphesheya komfula. Uthatha okuphathelene nesisu kwesingenhla nokuphathelene nesisu kwesingezansi futhi bafanele ba…njalo emzuzwini embalwa bafanele babuye bathathe isithombe esibonakalisa ingaphakathi lomzimba futhi. Kodwa sifanele ukuzithatha (uma senza izinkonzo zangaphesheya kwezilwandle) njalo ezinyangeni eziyisithupha. UMfowethu Roberts nabanye, ngiyacabanga, bathola ezabo njalo ezinyangeni eziyisithupha, kodwa sekuyiminyaka emine ngingenaso. Okuhluphayo—nje angiwuthandi lowo khasta oyela. Yileyonto kuphela. Futhi bathi akukho okunye abangakunikeza esikhundleni sawo, ngakho ngi…O, ngagula kabi uma benginika leyonto. Niyazi, nginitshelile emlandweni ngempilo yami ukuthi leyonto ingenza ngigule kabi kanjani, futhi—futhi ngiyakuzonda nje ukuthatha leyonto. Futhi ngathi kumngane wami ongudokotela onomusa, “Uma…akukho okunye?” Wathi, “Angicabangi kanjalo, Mfowethu Branham.” O, nxa lelonenekazi lingena lapho no—kwakubukeka njenge—mhlawumbe nginehaba, kodwa kwakubukeka njengamaphayinti amabili. Kwaku…Angikaze ngiwubone omningi kangako; futhi ngangivele ngibambe ikhala lami ngivimbe umlomo, kodwa ekugcineni ngawugwinya. Kodwa manje, kukho konke ukuvivinywa nakho konke okwakho, kwedlula, ngifuna ukubonga iNkosi ngokuhlolwa okuphelele. Futhi ngaphasa, ngekhulu lamaphesente; ngingaya noma yikuphi emhlabeni engifuna ukuya khona. Ngabuza odokotela, ababengabathathu bodokotela abaqondene nesifo esisodwa ababedlula bonke, ngiqagele, eLouisville, futhi ngababuza, ngathi, “Okungenani ngigogeke ngamaphesente ayishumi?” Wathi, “Awugogekile nelilodwa ichashaza.” Wathi, “Uphila saka ngayoyonke indlela.” Futhi ngiyambonga kakhulu uNkulunkulu. Bekungavela kubani omunye ngaphandle kukaBaba wethu waseZulwini, niyabo, ukuba ngaleyondlela. Futhi wathi, “Okwakho…Konke ukuchichima kwakho kukhombisa phakathi ukuthi uzoba musha.” Wathi,

ZUL60-0515M INkosi Elahliweyo VGR - download.branham.orgdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0515M The Rejected King VGR.pdf · INKOSI ELAHLIWEYO …okwenkazimuloyeNkosiukubailethwephezukwethu

  • Upload
    others

  • View
    3

  • Download
    0

Embed Size (px)

Citation preview

INKOSI ELAHLIWEYO

…okwenkazimulo yeNkosi ukuba ilethwe phezu kwethunamhlanje ngokukhonza iZwi. Futhi kuyi…Ngaleliviki

eledlule ngithe nje ukugulagula kancane—kungesikho ngempelaukugulagula; kwaba ngukuhlolwa okwakufanele ngikuthathe,ukuhlolwa komzimba; futhi yilokho enakuzwayo ukuthingangisesibhedlela. Kwakuyingoba ngaya lapho ukuzengingalokhu ngehla ngenyuka ngaphesheya komfula. Uthathaokuphathelene nesisu kwesingenhla nokuphathelene nesisukwesingezansi futhi bafanele ba…njalo emzuzwini embalwabafanele babuye bathathe isithombe esibonakalisa ingaphakathilomzimba futhi.

Kodwa sifanele ukuzithatha (uma senza izinkonzozangaphesheya kwezilwandle) njalo ezinyangeni eziyisithupha.UMfowethu Roberts nabanye, ngiyacabanga, bathola ezabonjalo ezinyangeni eziyisithupha, kodwa sekuyiminyaka eminengingenaso.

Okuhluphayo—nje angiwuthandi lowo khasta oyela.Yileyonto kuphela. Futhi bathi akukho okunye abangakunikezaesikhundleni sawo, ngakho ngi…O, ngagula kabi umabenginika leyonto. Niyazi, nginitshelile emlandweni ngempiloyami ukuthi leyonto ingenza ngigule kabi kanjani, futhi—futhingiyakuzonda nje ukuthatha leyonto. Futhi ngathi kumnganewami ongudokotela onomusa, “Uma…akukho okunye?”

Wathi, “Angicabangi kanjalo, Mfowethu Branham.”O, nxa lelonenekazi lingena lapho no—kwakubukeka

njenge—mhlawumbe nginehaba, kodwa kwakubukekanjengamaphayinti amabili. Kwaku…Angikaze ngiwuboneomningi kangako; futhi ngangivele ngibambe ikhala lamingivimbe umlomo, kodwa ekugcineni ngawugwinya.

Kodwa manje, kukho konke ukuvivinywa nakho konkeokwakho, kwedlula, ngifuna ukubonga iNkosi ngokuhlolwaokuphelele. Futhi ngaphasa, ngekhulu lamaphesente; ngingayanoma yikuphi emhlabeni engifuna ukuya khona. Ngabuzaodokotela, ababengabathathu bodokotela abaqondene nesifoesisodwa ababedlula bonke, ngiqagele, eLouisville, futhingababuza, ngathi, “Okungenani ngigogeke ngamaphesenteayishumi?”

Wathi, “Awugogekile nelilodwa ichashaza.” Wathi, “Uphilasaka ngayoyonke indlela.” Futhi ngiyambonga kakhuluuNkulunkulu. Bekungavela kubani omunye ngaphandlekukaBaba wethu waseZulwini, niyabo, ukuba ngaleyondlela.Futhi wathi, “Okwakho…Konke ukuchichima kwakhokukhombisa phakathi ukuthi uzoba musha.” Wathi,

2 IZWI ELIKHULUNYIWE

“Amangqamuzana akho egazi awakaqali ngisho ukuvithizekanoma yini.” Wathi, “Usesimweni esihle kabi, MfowethuBranham.”

Futhi ngathi, “Kuhle, ngijabula kakhulu.”Futhi ngibe nenhlanhla yokukhuluma, ngifakaza kuwo

wonke umhlengikazi kulesosibhedlela nakuwo wonke udokotelaeMbusweni kaNkulunkulu. Futhi omunye udokotela othize—ngicabanga ukuthi ufanele ukuba lapha kulokhukusa. Futhingi—ngi—ngizo…Ngiyajabula ukwazi ukuthi usekhonaumuntu olungileyo kulomhlaba—umuntu ngempela. Umuntuongangithatha izinsuku ezinhlanu ngokuhlola umzimba,mhlawumbe obekungagijima emadoleni angamakhulu amabilikumbe amathathu ngalokho nalokho; lapho sengiqedile, bathi,“Kungumnikelo wethu emsebenzini weNkosi owenzayo.”Akwangabi ngisho…Bathi, “Ngani, uyasiphoxa ngishoukusibuza ukuthi uyasikweleta.” Bathi, “Imikhuleko yakhonje engeyethu.”

“Futhi ngaphakathi,” bathi, “sithola okuthile okusheshaukuzwela esingakuqondi.” Futhi bathi, “Akubonakali kuyi…”Wathi, “Ngaphandle, awunalo uvalo kumbe ukuthikamezeka,kodwa” wathi “ngaphakathi, kukhona ukushesha ukuzwelaesingakuqondi.”

Ngathi, “Uma ningake nihlale nje lapha nje isikhashana,ngizonitshela.” Futhi ngaqala ukukhuluma ngemibono.Kwakungenye indima kubo. Babengazi lutho ngawo.Ngabatshela ngeBhayibheli. Ngase-ke ngibatshela ngombonoiNkosi eyayisanda kunginika wona ngelinye ilanga, futhibakhalisa okwezingane—bavele bahlala lapho nje bakhala.Futhi ngi…ba….

Ngathi, “Ngethemba ukuthi aningithathisi okongahlahlileekhanda wenkolo kumbe okunye…”

Wathi, “Lutho, Mfowethu Branham. Ngiyakukholwa lokhongenhliziyo yami yonke.” Wathi, “Kodwa yinye nje intoengifuna ukuyisho, awuyi esikoleni ukuyofunda lezozinto;”wathi, “Ngikholwa ukuthi zivela kuNkulunkulu uSomandla.”Futhi kwakungezintathu zezinyanga eziqhamile eLouisville,ezizedlula zonke ababenazo. Futhi ngakho, ngajabula kakhulungalokho nokwazi ukuthi mhlawumbe iNkosi ingivumeleukutshala enye imbewu lapho.

Umhlengikazi ngamunye, wakhuluma nabo. Ba…Ngokunye ukusa, ngenkathi ngiphuma egumbini lokuthathaisithombe esibonakalisa ingaphakathi lomzimba, ngathi ko…Ngabuka isalukazi esizihluphekelayo; sasigula kabi. Futhingaqhubeka nokugudlukela ngezansi, ngigudlukela ngezansi,ngaze ngafika kuso. Ngacabanga ukuthi hleze sesiyafa, ngasengithi, “Ngifuna ukukubuza umbuzo, dadewethu.”

Sathi, “Yebo, mnumzane?”

INKOSI ELAHLIWEYO 3

Ngathi, “UngumKristu?”Sase sithi, “Ngingowesonto elithize.”Ngase ngithi, “Ngifuna nje ukuthi ukukucacisa lokho.”

Ngathi, “Ngi—ngifuna ukwazi uma ungumKristu, ngempelaumKristu. Ukuthi uma ungahle wedlule lolulwandle lokuphilaungene kwelinye izwe, uyaMthanda?” Ngathi, “Ungasindiswangempela?”

Wayesethi, “Yebo, mnumzane, ngingasindiswa.”Ngase ngithi, “UNkulunkulu abusise inhliziyo yakho-ke.

Akunendaba ukuthi umoya uphephetha ngaphi, ukahle-ke.Inqobo nje uma kuhamba kanjalo.” Futhi uma nje sithiukuzungeza, baningi kakhulu abantu abahle namanje abasaseleemhlabeni.

Manje, namhlanje ngingene nombono engizonitshela wonaemva kwesikhashana, futhi ngithanda ukukhuluma kuqalaphezu kwelinye iZwi ngoba ngikholwa ukuthi iZwi liyafuneka—lifuneka kakhulu manje.

Futhi ngiyajabula ukubona uCharlie Cox noMfowethu—abangane bami bemi lapho ndawonye—uMfowethu…Angisakhumbuli…Jefferies (angisalikhumbuli igama lakhe),abaningi benu babanye abazalwane abathandekayo kakhuluabavela eGeorgia, abavela ezingxenyeni ezehlukene zezwe—ubhuti wami omdala, uBill, ohlezi lapha (ngikholwa ukuthikunjalo) namuhla ekuseni, na—nabaningi…umfowethu ovelaeGeorgia lapho, abantu abanginika lesudu. Niyazi, leyo—leyo ngenye yamasudu ewedlula onke esengake ngawagqoka.Izwakala kahle kakhulu. Yinhle ngempela futhi…Niwusizoolukhulu kimi. Nxa nginitshela ukuthi kwenzekeni kimikulezizinsuku ezimbalwa ezedlule, nizobona ukuthi kunganingicabanga ukuthi kulusizo olukhulu kimi.

Manje, ngikholwa ukuthi uma iNkosi ivuma, ngifunaukuphikelela empini kanzima kunangaphambili empilweniyami, ngoba ngiyathola manje njengoba—kusobala, bengingafanamhlanje. Lokho kungukuthi…awazi. Imishini kagesiecubungula ukunyakaza kwenhliziyo nakho konke, izinhloboeziyishumi nesithupha ezehlukene zemishini yokuthathaisithombe esibonakalisa ingaphakathi lomzimba—okuphelelekomzimba kwabonakalisa ukuthi ngiphelele njenganomayimuphi umuntu obengaba—yisidalwa esingumuntu emhlabeni.Ngakho ngiyabonga ngalokho. Kodwa zonke izinto, ngishonakho konke okwalokho, futhi ngibonga impela futhingiyathokoza kuNkulunkulu ukuthi ngiyilokho ngikholwaukuthi Usalokhu engigcina enkonzweni yaKhe, bekungesikhoAngikhombise khona kancanyana nje ngaphambi kwalokho,niyabo. Kuvele kwangenza ngajabula kakhulu.

Manje, ngicabanga ukuthi kulobubusuku…Kulungilekuwe? [UMfowethu Neville uthi, “Yebo, mnumzane.”—Umhl.]

4 IZWI ELIKHULUNYIWE

U—umfowethu othandeka kakhulu u—uyindoda engazicabangeliyona yodwa, ngu—nguMfowethu Neville. Futhi nomayimuphi wenu owayelapha ngeSonto eledlule futhi wawuzwalowomlayezo omangalisayo awethulayo, UPhiso lwamaFutha—kwakungomunye wemilayezo eqhamile esengake ngayizwa,kwakuyilokho uMfowethu Neville akwethula ngoMoyaoNgcwele ngeSonto eledlule kulomhlambi omncane wezimvuuNkulunkulu awubuthele ndawonye. Futhi uma kulunga,kuthokozisa eNkosini, noMfowethu Neville nebandla, ngifunaukukhuluma futhi kulobubusuku, futhi ngiqale eziningiezilandelanayo engithi ngoMsombuluko ebusuku, ngiqondengeSonto ebusuku, nangolwesiThathu ebusuku nangeSontoelizayo—eziningi ezilandelanayo zalokho engikufundisisile…

Ngangingadinge kuhlala ngapho esibhedlela kodwababemnene kakhulu kimi. Banginika igumbi elithi alibeyintengo yokukodwa kokuthathu, futhi ngakho ngavelengathatha amaBhayibheli ami, izincwadi zami, ngase ngisongaumbhede, ngase ngibeka konke “o’ kokucamela” phezulu laphongaqoqa onke amaBhayibheli ami nezinto zithe chithi-saka,futhi ngempela nganginesikhathi—baze bangenisa lowokhastaoyela. Isikhathi sami esimnandi sanqamuka khona lapho;nga—ngase ngiphelile ngaleyonkathi. Kodwa, Mfowethu Pat,ngangigula ngempela. Leyonto, ngeke nje ngayimela. Futhi,kodwa nganginesikhathi esimnandi phezulu izinsuku zokuqalaezintathu kumbe ezine.

Nganginesikhathi esimnandi, futhi ngangifundisisa iNcwadiyabase Efesu. O, lokho kubekwa ndawonye kweBandla, futhingicabanga ukuthi kuyinto enhle. Futhi—futhi umawena…

Manje, uma unebandla ohamba kulo, qhubeka nje uyekulo futhi ume endaweni yakho yokugada, kodwa umaungenalo ibandla, futhi uthanda ukubuya kulobubusuku,nangolwesiThathu ebusuku, nangeSonto ebusuku, ngithandaukuthatha kulobubusuku, kwe 1, iNcwadi yabase Efesu,nangolwesiThathu ebusuku isahluko 2 sabase Efesu,nangeSonto elizayo, isahluko 3 sabase Efesu ukubeka ibandlangokuhlelekile. Niyazi ukuthi ngichaza ukuthini, ngukubekwakwalo, ngokwendawo eyiyonayona, futhi ngicabanga ukuthikungukukhula ebandleni.

Angisuye…Ngi—ngikhuluma lokhu nje kwabezayobeTabernakele likaBranham. Futhi uma noma yimuphiomunye wenu bazalwane abathandekayo…Ngiyazi abanyebenu, ngiyacabanga, unemihlangano. Abafowethu abancaneenhla eSellersburg na—nabanye abehlukene, banemihlangano.Manje bukani, yileyomihlangano yemvuselelo. Yibani khonakuleyo. Bayizinceku zikaKristu—izinsizwa ezimi esikhalenieziphumayo. Lapho ngisho ibandla labo uqobo laphikaiQiniso nezinto ezifana nalokho, zavele zahamba zalishiya,noNkulunkulu wazibizela enkonzweni.

INKOSI ELAHLIWEYO 5

Yebo, mnumzane, ngi—ngiyayazisa indoda…angisalikhumbuli ngisho igama lendoda. Kodwa ingumfoosemncane; ilungile, umfo obukeka enogazi nonkosikaziothandekayo nabantwana.

No—noMfowethu Junie Jackson ubeneminye imihlanganoezansi lapha, okungomunye omangalisayo, ophawulekayoumklomelo womusa omangalisayo kaNkulunkulu.

Futhi uma benezimvuselelo emabandleni enu, hambaniniqonde kuzo ngoba leyo ngeyenu—leyo yinto efanele ukwenziwangoba anazi—kungahle kubenesoni esiya e altare, futhi ungahleuthonyeke ukuba umhole lowomuntu ayekuKristu, okuyobangumvuzo wakho omkhulu ngaphesheya kwelinye icala. Lokhunje ngukufundisa nokubeka ibandla ngokuhlelekile laphaetabernakele, sisizana njengoba sihamba.

Manje, angizange ngiliphathe iwashi lami, ngakho omunyeuzodingeka angiqaphelele. UDoc usevelewangikhombisa ukuthiunalo, ngakho…mfowethu [UMfowethu Branham unengxoxonomfowabo, uEdgar “Doc” Branham—Umhl.]

Manje, angizukukhuluma isikhathi eside kakhulu. Manje,uma kukhona izihambi emasangweni ethu, impela sifunaukunamukela ngezinhliziyo zethu zonke. Namukeleke kakhululapha kulelitabernakele elincane. Asinayo indlu enkulu.Kusohlelweni manje ukuba sizakhele, hhayi indawo enkulu,kodwa nje i…Lena nje isingamafukufuku, futhi sizozamaukuzakhela enhle indlu yokukhonzela encane ethokomele laphamasinya nje uma si…iNkosi izosivumela siyenze. Futhi iningilenu nonke nenza imizamo emaqondana nalokhu, futhi impelasiyakuthakasela lokho.

Manje, ngifuna niphenye kanye nami, namhlanje ekuseni,ekufundeni ku I Samuweli isahluko 8 futhi siqale cishe e—asiqalecishe evesini 19, amavesi 19 ne 20, mhlawumbe, okwetekisielincane okwengqikithi yendaba. Futhi manje nisayithola, futhingaphambi…Thina, ini…Sizoyifunda, bese-ke sifuna ukuyaemkhulekweni; futhi uma zikhona izicelo namhlanje ekuseni,futhi uthi, “Ngikhumbule nje”?

Kwawethu edlule—emavikini amabili edlule, kumbeamathathu, ngenkathi nginomhlangano…Ake ngithi, konje,ngenkathi nisaphenya, imihlangano uqala eChautauquaziyisithupha manje. Sibheke isikhathi esikhulu—eMiddletown,eOhio. Nina eninamaholide enu ezayo, wozani—nibe nekamuelikhulu khona phezu komfula lapho…yonke i—yonkeintshumayelo esenake nayizwa. Bonke baphansi phezulunomfula—abashumayeli njalo ekuseni, imini yonke nobusuku.Ngakho bonke babuthene ndawonye. Izindawo ezinkuluzenkambu, zinkulu kakhulu ukwedlula iSilver Hills—izikhathieziningi—bese kuba yindawo enkulu lapho lapho esingabekaabantu abaphakathi kwezinkulungwane eziyisishiyagalombili

6 IZWI ELIKHULUNYIWE

neziyishumi, futhi kuhlala kugcwele. Sinezikhathi ezinkulueOhio.

Futhi omdala uMfowethu Kidd, engahambangayomkhulekela ngokunye ukusa—nonke niyakhumbulanginitshela emavikini amathathu edlule; udokotela wayesetheuzophila amahora angamashumi amabili nane—usevukile futhiuyahamba hamba. Wacaphuna umBhalo; iculo ayengakwaziukulicula. Futhi ngenkathi ngihamba ngingena futhi ngambukangokunye ukusa nalelotshali elincane ezemboze ngalo; (Ngasukalapha cishe emahoreni amathathu kumbe amane ngaphambikosuku ukuze ngikwazi ukufinyelela kuye) wathi uzofangalolosuku—umdlavuza ekuphelelweni ngamandla.

Futhi umkakhe osemdadlana othandeka kakhuluwayewashela isihlanu sosheleni ngosuku. Futhi lokhokusuke kungakasi kuze kube semva kwasebusuku esebenzelaisihlanu sosheleni ukuba agcine umyeni wakhe esenkundleninjengomshumayeli. Washumayela imvuselelo yamavikiamabili, wathatha umnikelo, futhi wathola osheleniabayisishiyagalombili. Kodwa ngibabonile behlezi laphongokunye ukusa, lezo ezimbili ezincane, izithandani ezindala…kumbe izithandani ezincane, njalo, zihlezi lapho, futhi netshalilakhe elincane lisehlombe lakhe; futhi omunye wabaphendulwanguye, enamashumi ayisishiyagalolunye-nambili eminyakaubudala futhi nje ekhaliphile futhi ehlakaniphile futhieyiPentekoste kuya emnyombweni, futhi ehlezi lapho, uyazi.

Ngase ngithi, “Niyazi, ukuthi nina bantu abadala nihlaleleini phandle lapha?”

“Senilinde isikebhe nje ukuba sifike.”Umsebenzi wabo, konke asebekufezile; inhloso yabo

sebeyifezile, futhi sebelungele manje ukuba baye emvuzweniwabo. Futhi ngathi kuMfowethu Chieve, ukuthi…kuMfowethuKidson…Kidd, ngalokhokusa, “Uzoba semhlanganweniwaseChautauqua.”

Ungibizile izolo, wathi, “Ngi…ngizobakhona, MfowethuBranham.” Kube kuhle impela.

Omningi womhlangano ovela enkonzweni yami entshauyangena. Umfowethu—umfowethu oyiBaptisti omi lapha—indodakazi yakhe, eseyitshitshi, ibithi ukuphiyaza kancane,futhi ngamtshela, “Ngikunika indodakazi yakho ibe ngeyeNkosiuJesu,” ngokunye ukusa, futhi ngenkathi eya ekhaya yasindiswa,nenye futhi lapha namuhla ekuseni izobhaphathizwa, futhiiqhubekele phambili.

Futhi indoda, uMnu. Sothmann, umngane wami ovelaeCanada—umkhwekazi wakhe, esesimweni sokufa, ngathi,“Uzothola umkhwekazi wakho, uma ufika lapho, ephilile,esendleleni yakhe ebheke ekusindeni futhi ekahle.” Kwavelekwaba ngaleyondlela. Futhi nje…abantu bengena nje.

INKOSI ELAHLIWEYO 7

Kusebunganeni bakho nje manje, kuyanyakaza. Kodwao, sibheke okukhulu kakhulu impela, okuningi ngaphezukwakho konke. Sisebubini nezinsuku zokugcina kodwa ehorenilenkazimulo.

Manje, ninawo amaBhayibheli enu ukuba kufundwe?—isahluko 8 sikaSamuweli. Futhi ngethembise uGene ukubaahlale emuva lapho ukuba aqophe, konke okwale…besisandakuqala nje emhlanganweni wethu.

Kepha abantu bala ukulalela izwi likaSamuweli;bathi, Hayi; sifuna ukuba kube-khona inkosi phezukwethu;

Ukuze sibe-njenge isizwe, zizwe zonke; inkosi yethuisahlulele, iphume phambi kwethu, ilwe izimpi zethu.

…Samuweli wezwa onke lamazwi abantu,wawalanda ezindlebeni zeNkosi.

INkosi yathi kuSamuweli, Lalela izwi labo, ubanikeinkosi. USamuweli wathi kubantu bakwaIsrayeli,Hambani niye kube-yilowo nalowo emzini wakini.

Manje, uma ngingazama ukuqoka kulokhu namhlanjeekuseni ebengingakubiza ngetekisi okwemizuzu embalwaelandelayo, ngithanda ukuqoka itekisi elithi INkosi Elahliweyo.

Kwakuyisikhathi esithi asibe nje, ezikhathini zonke, ukuthiabantu akaze bafune uNkulunkulu abahole. Bafuna indlelaokungeyabo yobuholi. Nalendaba namhlanje ekuseni—futhi umausuya ekhaya lakho, kungakuhle kuwe ukuyifunda uyiqedeyonke. Kwakusesikhathini sezi—zinsuku zikaSamuweli, indodakaNkulunkulu—umprofethi. Futhi wabe-kade eyindoda eqothonendoda elungileyo—enokuhlonishwa, enesithunzi, eqinisile,futhi ethembekile kubantu, engalokothi abakhohlise, futhiengabatsheli lutho kepha eqondile, “ISHOKANJE INKOSI.”

Kodwa abantu base befike endaweni lapho abase befunakhona ukuluguqula loluhlelo. Base bebukele kumaFilisti namaAmaleki, ama Amori, amaHeti, nezinye izizwe zomhlaba,futhi base bebonile ukuthi babenamakhosi ayebabusa,futhi ebaphethe, futhi ebaqondisa, futhi elwa izimpi zabo,nokunjalo. Futhi lokhu kwabonakala ukuthi uIsrayeli wayefunaukuzifanisa njengalamakhosi nanjengalababantu.

Kodwa akukaze, nakuyimuphi unyaka, kube yinhlosokaNkulunkulu ngabantu baKhe ukuba baziphathise okwabantubezwe, noma baphathwe noma balawulwe njengabantu bezwe.Abantu bakaNkulunkulu kuhlala njalo, bekuyilokhu, ku—kungabantu abazuziweyo, abantu abehlukile, ababizelwe-ngaphandle, abahlukanisiweyo, futhi ngakho konke behlukileekwenzeni kwabo, ezindleleni zabo, enkambisweni yaboyokuphila, kunalokho abantu bezwe onakho. Izifiso zabo

8 IZWI ELIKHULUNYIWE

ngezinto nakho konke lokho isimo sabo esiyikho, bekuhlalanjalo kuphambene nezinto abantu bezwe abazifisayo.

Nabantu bakwaIsrayeli bafika kuSamuweli basebethi, “Manje usumdala, namadodana akho awahambingendlela yakho;” (ngoba ayengaqinisile njengoSamuweli;ayengabathengwa ngemivuzo nabathathi bemali). Base bethi,“Samuweli, abafana bakho abanjengawe, ngakho sifuna wenauphume ukuba usitholele inkosi, futhi uyigcobe, futhi usenzesibe ngabantu abanjengabanye abantu bezwe.”

NoSamuweli wazama ukubatshela ukuthi lokhokwakungeke kusebenze. Wathi, “Uma nenza lokho, intoyokuqala niyazi, nizothola ukuthi izobiza onke amadodanaenu asuke ekhaya lenu iwenze amabutho ukuba agijime phambikwezinqola zayo aphathe izikhali nemikhonto. Akusikho lokhokuphela, kodwa iyobiza amadodakazi enu ukwenza abapheki-zinkwa futhi iwathathe asuke kini ukuba aphakele impi.” Futhiwathi, “Ngaphandle kwakho konke lokho, iyothatha izintelaezithile kini, zokusanhlamvu kwenu, nakho konke okuyinzuzoyenu engenayo. Iyokuthelisa konke okwalokho ukwenzaizikweletu ezithile zikahulumeni nokunjalo okuyofanelezikhokhwe.” Wathi, “Ngicabanga ukuthi ngakho konke nenzaiphutha.”

Kodwa ngenkathi abantu bethi, “Kepha sisalokhu sifunaukufana nabanye abantu.”

Kukhona okuthize ngowesilisa nabesifazane ukuthibayakulangazelela ukufana nomunye. Futhi kubekhona uMuntuoyedwa kuphela oseke waphila emhlabeni owaba yisibonelosethu, futhi kwaba yiLowo owafela thina sonke, iNkosinoMsindisi wethu, uJesu Kristu. Wayeyisibonelo esiphelelesalokho esifanele ukuba yikho—njalo esemsebenzini kaBabafuthi enza lokho okulungile.

Futhi akunandaba ukuthi uSamuweli wazama kangakananiukubabonisa abantu, njalonjalo babeya kuye ubusuku nemini,“Sifuna inkosi. Sifuna indoda. Sifuna indoda esingathi,‘Nguye lo umholi wethu.’” Futhi lokho akukaze kube yintandokaNkulunkulu. Kwakungakaze kube yintando kaNkulunkulu,kumbe akusoze kwaba yintando kaNkulunkulu ukuba umuntuabuse phezu komunye. UNkulunkulu ubusa phezu komuntu.UNkulunkulu unguMbusi wethu, iNkosi yethu. Futhi impela,impela kuhambisana ncamashi nokwanamhlanje ngobaumuntu ubonakala enalowomqondo ofanayo. Ababonakalibekwazi ukubamba ukuthi uNkulunkulu usambusa umuntu,esikhundleni somuntu ebusa umuntu.

Ngakho, bazikhethela indoda ethiwa uSawulu,owayeyindodana kaKishi. Futhi wayeyindoda enesithunzi,indoda ehloniphekile. Kodwa wabafanela abantu kahle impelangoba wayemkhulu, emude, umuntu onobude bobuqhawe.

INKOSI ELAHLIWEYO 9

ImiBhalo yathi wayekhanda namahlombe angaphezu kwanomayiyiphi indoda kwaIsrayeli. Wayebukeka njengenkosi, futhiwayebukeka ebusweni.Wayeyindoda ekhaliphile nengavamile.

Manje, lolo luhlobo lwendoda abantu abathandaukulukhetha namhlanje. Abantu akabonakali bengabanelisekilengendlela uNkulunkulu abeke ngayo iBandla laKhe ukubaliphathwe futhi lilawulwe nguMoya oNgcwele. Bafuna othile,indoda ethize, ihlelo elithize, abanye abantu abathize ukubabaphathe ibandla abangakwazi ukuziphonsa ngokupheleleezandleni zikaNkulunkulu ukuba babengokomoya, ukubabaholwe nguMoya oNgcwele. Bafuna othize ukuba abenzeleinkolo yabo, othize ozovele nje abatshele ukuthi yenziwa kanjaninakho konke ngayo. Ngakho lendoda yabonakala iyifanelangempela indawo, ngoba yayiyindoda ehlakaniphe kakhulu.

Futhi kufana ncamashi njenganamhlanje. Sithandaukukhetha abantu abanjalo, futhi, ukulawula amabandlaethu, ukulawula iBandla likaNkulunkulu. Akukho luthoengilushoyo oluphambene nakho, kodwa nje ukwenza iphuzu,ukuthi akusiyo, kwakungesiyo, futhi akusoze kwaba yintandokaNkulunkulu ukuba lokho kube njalo. UNkulunkulu nguyeofanele abuse abantu baKhe, ukuba aphathe umuntu ngamunye.

Khona-ke siyathola ukuthi lendodana kaKishi—indodaenkulu, no—nobude bayo, nokwayo…Wabonakala efaneleabantu ukuthi ingubo yakhe ayigqokile uyobukeka emkhulunomqhele ekhanda lakhe, kude nangaphezu kwabobonkeabantu lapho ehamba, wayeyoba lu—lusizo lwangempelaembusweni wakwaIsrayeli. Kwamanye amakhosi ayeyo…ezinye izizwe ayeyocabanga, “Akenibheke indoda ngempela!”Ukuthi babekhomba kanjani ngomunwe wabo bese bethi,“Bukani lapha ukuthi sinenkosi enkulu kangakanani! Bhekaniukuthi yindoda enkulu kangakanani ephezu kwethu!”

Futhi kuyadabukisa ukusho ukuthi, kodwa kuliqinisokangakanani namhlanje mayelana nebandla. Bayathandaukuthi, “Umfundisi wethu akasiyo indoda enengqondo encane;uyindoda enkulu. Uneziqu zaseHartford kumbe esinye isikoleesikhulu sesayense yezenkolo. Uneziqu ezine azithola endaweniethize-thizeni, futhi muhle kabi ekuzejwayelaniseni phakathikwabantu.” Konke lokho kungakuhle futhi kubenendawoyakho, kodwa indlela kaNkulunkulu mayelana neBandla laKhengukuba liholwe nguMoya oNgcwele nanguMoya waKhe.Kodwa bayathanda ukusho ukuthi, “Sinalelihlelo elikhuluesisonta kulo. Siqale emuva ezinsukwini zokuqala zokuvulaindlela ngenkathi siseyingcosana ngesibalo, abantu abambalwaimpela nje futhi sibancane. Futhi manje sesikhule kwaze kwabasendaweni lapho sesiphakathi kwamahlelo amakhulu ukwedlulaamanye elikhona. Sinezikole ezizedlula zonke nabefundisiabafunde ukubedlula bonke. Sinezixuku ezigqoka kahleukuzedlula zonke, nabantu abahlakaniphe kakhulu bedolobha

10 IZWI ELIKHULUNYIWE

usonta ehlelweni lakithi. Futhi sinikela ekuphaneni, futhisenza imisebenzi emihle nakho konke okunjalo;” futhi akukholutho nhlobo—uNkulunkulu akavumi ukuba ngikhulume izwielilodwa eliphambene nalokho, ngokuba konke lokho kuhle;kodwa noma kunjalo akusiyo intando kaNkulunkulu ukubaumuntu abuse phezu komuntu.

UNkulunkulu wathumela, ngoSuku lwePentekoste, uMoyaoNgcwele ukuba abuse ezinhliziyweni zomuntu futhi abuseempilweni yakhe. Kwakungaqondiwe ukuba umuntu abusephezu komuntu, kodwa siyathanda ukusho lokho.

Kuyinto evelele kakhulu lapho esingasho khona ukuthisingabenhlangano enkulu: “UngumKristu?”—kungakhongisukele lelitekisi. Ngenkathi ngisesibhedlela, futhingangimbuza umuntu, “UngumKristu?” “Ngisonta kwelithize-thizeni.”

“UngumKristu?”“Ngisonta kwelithize-thizeni.” Nomhlengikazi omncane

wangena waya eceleni kombhede lapho engangifunda khonaiBhayibheli, futhi wayengumhlengikazi omusha endaweniyaphansi, futhi wathi, “Sawubona?” Wathi, “Ngikholwa ukuthiunguMfu. Branhamulapha ngokuzo—zohlolwa umzimba.”

Ngathi, “Nginguye.”Wayesethi, “Ngingakuhlikihla umhlane wakho ukuba

uzizwe ungconywana, ngendakisa?”Ngase ngithi, “Ungakwenza?”Futhi ngenkathi esangihlikihla emhlane wami, wathi,

“Uhlelo lini lebandla?”Ngase ngithi, “O, ngingowehlelo elidala kunalo lonke

elikhona.”Wayesethi, “Hlelo lini lelo?”Ngathi, “Yilelo elahlelwa ngaphambi kokuba kuze kuhlelwe

izwe.”“O,” wathi, “yini…Angikholwa ukuthi ngiyalazi nje

lelo…” Wathi, “Mina ngingowebandla elithize. Ngabeyileyonhlangano?”

Ngathi, “Cha nkosazana. Leyo yabakhona cishe njeeminyakeni engamakhulu amabili eyedlule—leyonhlangano.Kodwa lenhlangano yaqala lapho izinkanyezi zokusazahlabelela kanyekanye, namadodana kaNkulunkulu enanelangokujabula, lapho ebone ukufika koMsindisi ukuhlengaisintu.”

Futhi wavele wama ukuhlikihla umhlane wami, futhingangithe ukugoba kancane ngapha ukuze inenekazi likwaziukuhlikihla, (futhi wayengowaseduzane kweCorydon ezansilapha,) futhi saxoxa, wayesethi, “Mnumzane, bengihlale

INKOSI ELAHLIWEYO 11

njalo ngikholwa ukuthi uma uNkulunkulu wabe eyilokhuenguNkulunkulu, Usenguye uNkulunkulu namhlanjenjengalokhu nje Wayenjalo ezinsukwini zakudala.” Wathi,“Nakuba isonto lami likuphika ngokusobala lokho, kodwangikholwa ukuthi lokho kuliQiniso.”

Ngase ngithi, “Awukude noMbuso kaNkulunkulu, ntombi.”Wathi, “Uma Wake wabanguMphulukisi, Akasuye

uMphulukisi namanje?”Ngathi, “Unguye impela, dadewethu.”Kodwa umuntu ufuna ukubusa, futhi abuse phezu komuntu;

futhi umuntu ufuna umuntu abuse phezu kwakhe. Akafuniukuba abe noNkulunkulu ukuba abuse.

Ngakho lendodana kaKishi (uSawulu, ngegama) wabayimpendulo efanele kulokho ababekufunile. Indoda enkuluenobukhosi ne…o, wayevele abaholele ezimpini zabo,nokunjalo. Kodwa noma kunjalo kwakungesiyo indlelakaNkulunkulu yokwenza izinto. UNkulunkulu wayefunaumprofethi waKhe omdala othembekile ukuba abaqondise futhiakhulume amaZwi aKhe kubo.

Manje, namhlanje, onyakeni wethu omkhulu webandlaesiphila kuwo, si—ngicabanga futhi ngikholwa ngenhliziyoyami yonke ukuthi ngempela sihambe ngokuguquka kulokhouNkulunkulu asigcobele ukuba sikwenze. AmaZwi okugcinaoMsindisi wethu lalikuMarku 16, athi:

…Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangelikukho konke okudaliweyo.Okholwayo abhaphathizwe uyakusindiswa;…

ongakholwayo uyakulahlwa.Lezizibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo;

Ngegama lami bayakukhipha amademoni; bashumayelengolimi ezintsha;Futhi uma bebeyophatha izinyoka; kumbe

bephuza…okubulalayo, bekungasoze kwabalimaza;futhi uma bebeka izandla zabo phezu kwabagulayo,…basinde.Akukho ndoda; akukho ndodana kaKishi, kumbe

akukho namunye omunye ongaveza lokho ngaphandlekokuhola kukaMoya oNgcwele. Kodwa thina senze izikole;senze amakholiji, futhi senza nezinhlangano u—ukwenelisanokubukeka njengezwe lonke.

Manje, uMoya oNgcwele wawuvamise ukuba ngumholikulesisizwe. Lesisizwe sasivamise ukuphathwa ngenkathiemuva e…ngenkathi beloba isiMemezelo sokuZibusa, futhikwakukhona esinye isitulo esithasiselwe sihlezi lapho. Akukhonachashaza elilodwa lokungabaza emqondweni wami kepha

12 IZWI ELIKHULUNYIWE

ngukuthi iNdodana kaNkulunkulu yahlala kulelotafula,ngenkathi lesisizwe sitholwa phezu kwemigomo yenkululekoyenkolo, nenkululeko kubo bonke, naphezu kwezisekelo zeZwieliPhakade likaNkulunkulu. Kodwa sesikubolisile lokho—ezombusazwe. Sivotele umuntu phakathi lapho ngaphansikokuthenga nokuthengisa nezethembiso zamanga, kwazekwathi isizwe sethu, nezombusazwe zethu, nokubusa ngentandoyabantu kwethu konakele kakhu sekuze ku—kuthandelananobuKhomanisi nazo zonke izinhlobo zezi “jobelelo.”

Futhi izikhathi eziningi sibizela ekuhlanganenikwemihlangano yomkhuleko ngenkathi Inhlangano yeZizweihlangana phakathi lapho kumbe ukuba nezingxoxo.Futhi kwesinye isikhathi esithize esikhulu esikhathiniesisand’ukudlula, kwakungekho ngisho nesisodwa isikhathiesabizelwa umkhuleko! Siyoke sikuxazulule kanjaniukungezwani ngaphandle komkhuleko? Singake sikubhekekanjani ezweni lonke ukuba sike senze noma yini ngaphandlekobuholi bukaMoya oNgcwele?

Kodwa mangisho lokhu ngothando nenhlonipho esizwenisakithi, nasefulegeni laso, nakwiRiphabliki esiyimeleyo:simlahlile uMholi wethu, uMoya oNgcwele, nangezombusazweezibolile kungeniswe indoda emqondo-uphendukezelwe. Futhiuma ningaqapheli, bazokwenza elinye lamaphutha amakhuluokufa asebake bawenza njengamanje: yingoba abantu bafisaumuntu ukuba abuse.

Esikudingayo endlini enkulu yesizwe lapho kuhlanganakhona umkhandlu waleUnited States njengoMongameli,esikudingayo kuKhongolose, esikudingayo emahholo ethuezobulungiswa, ngamadoda ahlukanisele izimpilo zawokuNkulunkulu, futhi agcwaliswe ngoMoya oNgcwele, futhiaholwa ngukuqondisa kwaKhe kobuNkulunkulu. Kodwaesikhundleni salokho, sikhetha indoda ehlakaniphileyo,amadoda anesimo sokumesaba uNkulunkulu futhi ephikaamandla kaNkulunkulu, amadoda angomphikiNkulunkulufuthi ngezinye izikhathi mabi kakhulu kunalokho—singeniseamandla ezombusazwe esizwe sakithi; akusikho lokho kuphelakodwa emabandleni ethu.

Amabandla ethu asonakele phezu kwezisekelo ukuthi thina,ekukhetheni abelusi bezimvu bethu ukuba basihole, sihambesaya emakholiji futhi sakhetha indoda ayizidlakela ezinkuluezihlakaniphile; amadoda akhaliphe ngempela engqondweni;amadoda anolwazi, futhi angamakhulu azejwayelanisaphakathi kwabantu, futhi angamadoda amakhulu esifundeni,engingenalutho engingalusho lokuphikisa; amadoda anomusaezindleleni zawo zokuhamba, acophelelayo ezindlelenizawo zokuphila, nokuthi aziphatha kanjani phakathikwamanye amadoda naphakathi kwabantu; amadodaamakhulu ezinkundleni zawo, engingakhulumi kabi ngakho—

INKOSI ELAHLIWEYO 13

uNkulunkulu akavumi ukuba umoya wami uyoke ube mubikangako—kodwa noma kunjalo, lokho akusikho uNkulunkuluasikhethela khona! Ngubuholi bukaMoya oNgcwele—uKristuenhliziyweni yomuntu.

Amaningi aleyondoda ehlakaniphile ema epulpiti lethuephika ubukhona bangempela bukaMoya oNgcwele. Amaningiawo aphika ubukhona bokuphulukisa kukaNkulunkulunamandla kaMoya.

Bengifunda isiqephu sendaba ebhaliwe izolo; (ngikholwaukuthi bekuyiyo) uhlu lweziqephu zezindaba ezisikweephephandabeni kuJack Coe, uJack Coe ongasekho, omunyeowabaphendulelwa yimi eNkosini uJesu, owayeyindodaenamandla enesibindi osukwini lwakhe, futhi wafakwaimibuzo ezansi eFlorida, ngenxa yokucela okuwumntwanaomncane ukuba kukhumule izinsimbi zakho emilenzeni yakhonokuthi kuhambe kunqamule emsamo. Futhi phezu kokwenzakanjalo, okungumntwana kwahamba kwanqamula emsamokungokuphelele kwase kuwa ngenkathi sekufika kunina—konkekuqalwe yisitha sikaKristu.

Lona wesifazane osemncane nomkhwenyana wakhebaletha umfowethu oliqhawe ezinkantolo zezwe. Futhi laphokwakufanele onke amabandla ame ngakuMfowethu Jack, laphowonke umfundisi ophatha iGama likaJesu Kristu wayefaneleame ngakuye ngesibindi; bonke abantu ababiza iGama leNkosiuJesu babefanele ukuwa ngamadolo abo ngomkhuleko, kodwaesikhundleni salokho, ezihlokweni zezindaba zamaphepha—elinye lamahlelo akithi amakhulu zathi babambisananabaphikiNkulunkulu ukuba balahle futhi babophe uMfowethuJack Coe. Ake ucabange nje ibandla abazibiza ngeGamalikaKristu, babambisane nomphikiNkulunkulu ukuba balahleindoda eyesaba uNkulunkulu, eyayizama ngenhliziyo yayoyonke ukumela iBhayibheli? Kodwa bakwenza.

Kwase kuthi-ke uMfowethu Gordon Lindsay wabasekulamuleni, futhi ngenkathi umahluleli ongakholwaethi, “Lendoda iyakhohlisa, ngoba yathatha izinsimbikuleyongane yayihambisa ngokuyinqamulisa emsamo, futhiyathi yayisiphulukisiwe, futhi yaqamba amanga futhi yenzaokuphambene neziyalo zikadokotela; ngakho-ke, ibhekenenecala lokuwaka.”

Futhi uMnu. Coe wasukuma, wayesethi, “Mnumzane,ngisishaya indiva lesositatimende. UNkulunkulu wamphulukisaumfana.”

Nomahluleli wathi, “Ngizocela noma yiyiphi indodakulenkantolo uma lesositatimende sasingahle sibe yiqinisoukuthi uNkulunkulu wayengaphulukisa lowomfanangakwelinye icala lomsamo, bese emyeka agule ngakwelinye.

14 IZWI ELIKHULUNYIWE

Uma lesositatimende singafakazelwa yiBhayibheli, khona-kengithi uMnu. Coe unelungelo ngesitatimende sakhe.”

Futhi umfundisi waphakamisa isandla sakhe wayesethi,“WenaWakomkhulu, mnumzane, ngingakusho na?”

Nomahluleli wathi, “Yisho.”Nomfundisi wama ngezinyawo zakhe wayesethi, “Ngobunye

ubusuku olwandle oluzamazamayo, ngenkathi umkhumbiomncane wawusuzoshona phansi; onke amathemba okusindaayesehambile. Babona uJesu, iNdodana kaNkulunkulu, ezaehamba phezu kwamanzi. Futhi omunye wabaphostoli,ogama linguPetru, wathi, ‘Uma lowo kunguWe, Nkosi, yishoukuba ngize kuWe phezu kwamanzi.’ Futhi Wathi…INkosiyathi kumphostoli, uPetru, ‘Woza.’ Wayesephuma esikebheni,mnumzane, ehamba kahle nje njengoba uJesu wayehamba phezukwamanzi. Kodwa lapho esesaba, uqala ukucwila ngaphambikokuba afike kuJesu.”

Umahluleli wathi, “Icala liyachithwa.”Sidinga ubuholi bukaMoya oNgcwele—hhayi indoda

ehlakaniphile.USawulu, indodana kaKishi, wabe-ke esenziwa umholi

phezu kwabantu. Futhi wathatha amadoda ayizinkulungwaneezimbili, noJonathani wathatha inkulungwane, futhi uJonathaniwehlela ebuthweni wehlula isigejana sama Amori, ama Amoninjalo. Futhi ngenkathi—ngenkathi esewehlulile, uSawuluwabetha icilingo wayesethi, “Niyabona ukuthi uSawuluwenzeni.” Waqala ukuzikhukhumeza.

Uthi nje umuntu angathola ukuba nguDokotelawezobuNkulunkulu othize, kumbe athole okuthize okuncaneemva kwegama lakhe, uphenduka athi akabe u “ngazi-konke.” Amadoda kaNkulunkulu angamadoda athobile. AbantubakaNkulunkulu bangabantu abathobile.

Uma ubona othize othi bemukele uMoya oNgcwelefuthi baqale ukuzehlukanisa, kubonakala ukuthi abanakhoukuKholwa, behambahamba bezama ukuba yinto ethizeabangesiyo, kuphela khumbulani, abakayemukeli iNkosi uJesu.

Khona-ke siyathola ukuthi isitha sangena, futhisasizongena esigejaneni esincane sabantu bakaNkulunkulufuthi sasizokopolota iso langakwesokudla lawo wonke umuntu.Yilokho isitha esihlala sizama ukukwenza, ngukukopolotaamehlo omabili uma singahle sikwazi, ukuze abantu bangakwaziukubona ukuthi benzani. Yilokho uSathane azama ukukwenzanamhlanje kuwowonke umKristu—akopolote amehlo akheokomoya, ukuze alandele kuphela umqondo wokuhlakaniphawezinto futhi kungabi umqondo kaMoya oNgcwele umhola.

Ngakho-ke ngenkathi bekwenza lokho, ngenkathiukwehlulwa okukhulu kufika, khona-ke uSawulu wahlahlela

INKOSI ELAHLIWEYO 15

izinkabi ezinkulu ezimbili futhi wazithumela zonke kubantu.Futhi ngifisa sengathi beningaqaphela lapha. NgenkathiuSawulu ethumela amaqatha enkabi kuwowonke uIsrayeliwayesethi, “Makuthi wonke umuntu ongayikulandelauSamuweli noSawulu, makuthi yena, lenkabi…abenjengalokhu.” Niyabona ukuthi wazama kanjani ngokukhohlisaukuziveza kanye nendoda kaNkulunkulu? Ukuthi—ukuthikwakungesibona kanjani ubukristu. Ukwesaba kwabantukwakungenxa kaSamuweli. Kodwa uSawulu wabatholabonke ukuba balandele yena ngenxa yokuthi abantu besabauSamuweli. “Mabeze emva kukaSamuweli noSawulu.”

Futhi kukangaki namhlanje sikuzwile: “Siyibandlaelikhulu;” “SiyiBandla likaKristu;” “SiyiBandlalikaNkulunkulu;” “Singu—ngu kuthi-nokuthi.” Kwenza abantubathole ukwesaba futhi bacabange ukuthi ngempela kulaphouNkulunkulu esebenza khona. Futhi ababufuni ubuholibukaMoya oNgcwele; bangaqoka ukulandela umuntu kanjalo,ngoba bathanda ukuphila impilo okungeyabo yomuntungayedwa. Bathanda ukukholwa lokho abafuna ukukukholwa.

Niyabona ukuthi uMoya oNgcwele unguMahluleliwethu? UNkulunkulu akalokothi asinike uphapha, kumbeumbhishobhi, kumbe noma ngubani ukuba abe ngumahluleli.UMoya oNgcwele, uMuntu kaNkulunkulu esimweni sikaMoyaoNgcwele, unguMahluleli wethu noMholi wethu. Manje kunganikube yilokho?

Ngiyacela nixole ngalokhu ukungahloniphi nokuzwakalisaokukhulu ukungahloniphi. Angikusho ukuba ngeye; ngikushokuvela othandweni. Kodwa uMoya oNgcwele uthi kuliphuthaukuba abesifazane bethu bagunde izinwele zabo, futhikuliphutha ukuba abesifazane bethu bagqoke izikhinjananamabhulukwe nokwenza izindebe zabo zomlomo nobusongopende; uMoya oNgcwele uthi kuliphutha. Kodwa sifunaindoda isitshele ukuthi kulungile!

“Inqobo nje uma silandela mina noSamuweli.” Bayathandaukuphila zonke izinsuku eziyisithupha noma ngayiphi indlelaabafuna ukuphila ngayo, baye esontweni ngeSonto ekuseni—futhi esihle isihlakaniphi, isifundiswa esinesiqu sasekholijineziningi iziqu, singakhuluma kubo intshumayelo encaneezo…amahlaya ambalwa ayokitaza izindlebe zabo futhisibenze kebalibale njengebhayisikobho ethize kumbe uhlelolwethelevishini, bese sibasholo umkhuleko omncane phezukwabo, bese sibayisa ekhaya benokuphepha o—okuwuhlobolokuziduduza ukuthi bayenzile inkolo yabo.

Leyo akusiyo intando kaMoya oNgcwele. UMoya oNgcweleufuna niphile ngokumesaba uNkulunkulu nsuku zonkeevikini futhi busuku bonke, nizehlukanise nezinto zezwe.Kodwa ibandla alikufuni lokho. Bafuna indoda ethize enga—

16 IZWI ELIKHULUNYIWE

engahumusha iBhayibheli ngendlela abafuna ukuLizwa ngayo.Bangeke balalele ePhimbweni likaMoya oNgcwele ekhulumangeBhayibheli.

Abaningi babo bafuna ukuthi, “Izinsuku zezimangalisoselwedlula.” Yilokho okukitaza abantu. Bafuna ukuthi,“Awukho umbhaphathizo kaMoya oNgcwele.” Abantu abafuniukwenza noma yini eyahlukile kunalokho okwenziwa yizwelonke. Abafuni ukungena emgwaqeni nokuba bageze ubusobabo, na—namadoda abe nobuso obuhlanzekile futhi kungabiwosikilidi emilonyeni yawo, ne—nezigazu, nezinqawe, ne—nezinto indoda ezenzayo; nabesifazane bafuna izinwele zabozigundwe zibe mfishane ngempela bagqoke nezingubo ezincane,futhi ezibonakalisa ukubumbeka kwabo nezinto abazifunayo.Ba—bafuna indoda ezobatshela ukuthi kulungile.

Kwasekuthi-ke ngobunye ubusuku nakhu kufika indodaukungitshela ukuthi ngoba ngishumayele ngaphikisana nentoenje, ukuthi ihlelo elikhulu, cishe amahlanu awo, athi,“Sizomyeka uMfowethu Branham futhi singabi nalutho olunyeesingalwenza naye. Kuzoba phakathi kokuthi uyawahoxisalawomateyipu bese uxolisa ngawo, noma sizokuyeka.”

Ngathi, “Ngiyoma neZwi likaNkulunkulu, uma kuthathakonke okusempilweni yami. Ngiyohlala neZwi futhi ngi…”

Bathi, “Pho, ungeyihoxise iteyipu ethize-thizeni?”Ngathi, “Angikaze ngishumayele lutho empilweni yami

engabanamahloni ngayo. Angizukuhoxisa mateyipu, kumbelutho okubhalwe encwadini. Ngiyohlala nalokho okushiwonguMoya oNgcwele. Lokho ngiyophila ngakho futhi ngifengakho.” Angizami ukuzisho ngami, manje, kodwa nje ngizamaukuninika umfanekiso wokuthi kwenzekani ukuze nibone futhiniqonde. Ngabantu befuna ukuholwa yindoda.

Babengamfuni uSamuweli. Kwase-ke ngaphambi kokubabagcobe inkosi uSamuweli, kumbe inkosi uSawulu, ngiyaxolisa.USamuweli weza kubo futhi. Futhi ngizokhuluma ngolimi njenjengoba ayengalusho namhlanje. Ningakufunda.

Wathi, “Yin’indaba ngoNkulunkulu eyiNkosi yenu na?”“Phela, asimboni uNkulunkulu.”“Phela, ngingomele Yena.” USamuweli wathi, “Sengake

nganitshela yini noma yini okungesikho? Sengake ngaprofethayini noma yini engazange ifezeke njengoba nje ngasho ukuthiiyokwenzeka? Anginitshelanga yini iZwi leNkosi? Futhingizonibuza lokhu: Sengake ngeza yini kini ngacela nomayiyiphi imali yenu? Kukhona yini esengake ngakuthathakini? Kukhona yini esengake ngakuletha kini ngaphandlekoqondileyo u ISHO KANJE INKOSI? Futhi uNkulunkuluukuqinisekisile ngezikhathi zonke, ukuthi kwakuliQiniso.”Futhi Wathumela ukuduma kwezulu nezimvula. Niyawazi

INKOSI ELAHLIWEYO 17

umBhalo, nina, khona lapho, ukufakazisa ukuthi uSamuweliwayengumlomo kaNkulunkulu.

Futhi njengoba uSamuweli ngokuphelele umele namuhlauMoya oNgcele. UMoya oNgcwele unguMlomo kaNkulunkulu.Okhuluma khona impela iBhayibheli elakushoyo. Okholwayikho nje okwashiwo yiBhayibheli futhi angeke ahlukekukho nakancane, kodwa bafuna othize owayengabatshelaokwehlukile.

Futhi abantu babengenakusho ukuthi isiprofethosikaSamuweli sasingaphelele. Baphendula bathi, “Samuweli,konke okukhulume eGameni leNkosi, iNkosi ikufezile njengobanje washo. Akukho nokukodwa ukuvuza. Awuzange uze kithiwase usicela imali yethu. Uzondle wena. Awukaze usiceleukuba sikwenzele noma yini okukhulu okuqhamile. WethembelekuNkulunkulu wakho, futhi Ukukhululile ezintweni zonke.Futhi amazwi akho aqinisile—konke owakukhuluma eGamenileNkosi kubenjengoba nje washo, kodwa sisalokhu sifunainkosi!”

Niyakubona ukwehluka? Niya—niyabubona u—ubuqilibukadeveli ukuthi bungasebenza esidalweni esingumuntu?Esikhundleni sokuba azinikele yena, kumbe yena owesifazane,kuMoya oNgcwele bese elalela kulokho u ISHOKANJE INKOSIayikho empilweni emsulwa, isimilo esimsulwa, sempilo ehlukile,abantu abazuziweyo, isizwe esingcwele, abantu abaziphathangokuyinqaba, baqoka ukuvumelana nezwe, baziphathisaokwezwe, futhi baye kwelinye ibandla elithi, “Lokho kulungile;ziphatheni kanjalo nje niqhubeke.”

Niyabona ukuthi kuyini? Bathi, “Ayikho into ethiwaukuphulukisa. O, umbhaphathizo kaMoya oNgcwelewawuluhlaka lwebandla.” Ngamany’amazwi, wase-keuNkulunkulu ethatha indoda, wathatha uMoya oNgcwelewawukhipha ebandleni wayekela ihlelo ukuba lilikhulise.Phinde, phinde. Ayikho into enjalo. UMoya oNgcwele,iZwi leQiniso, wawungowokunihola uJesu aze afike. Kodwayileyondlela o—okwahamba ngayo.

USawulu wangena esikhundleni sokubusa. Watholaukulandelwa okukhulu. O, wayenezikhali ezinhle;wayenabahlabeleli; wayenezihlangu; futhi wayenemikhonto. O,wazedlula ngokukhanya zonke ezinye izizwe. Futhiwabangenisaekubuseni ngentando yabantu lokho kwakuphambili kwanomayini noma ubani osewake wakuzwa.

Futhi yilokho impela amahlelo ethu namabandla akwenzilenamhlanje. Sinezindlu zokusonta ezinkulu kunazo zonkeezweni. Sinabantu abagqoka kahle ukubedlula bonke ezweni.Sinolwazi-nzulu oluphakeme kunalolonke olungalethwa.Njengendoda eqeqeshiwe kaSawulu eyayikwazi ukuthatha

18 IZWI ELIKHULUNYIWE

lowomkhonto, futhi ayekwazi ukuwuyaluzisa futhi avive izizwezaze zawesaba. Ayengabantu abaqeqeshiwe, nabo bonke.

Kodwa ngelinye ilanga, kwafika isikhathi ukuthikwabakhona ophumayo owacela inselele. Futhiyayixhaphazelisa kakhulu yonke impi yakwaIsrayeli bazebama bethuthumela ezicathulweni zabo. UGoliyati wabenzelainselele: “Uma uNkulunkulu wenu eyilokho enithi Uyikho,ningabaqeqeshwe ukubedlula bonke,” futhi wabacela inselele.Abazanga ukuthi kwakufanele benzenjani. Ezinhle ezabo,izikhali ezipholishiwe zazingenakusebenza. Imikhonto yaboyayingenakusebenza. Kwakukhona okuthize ababengazangebezwe ngakho ngaphambili okwakwenzeka. Futhi ngayoyonke inhlonipho, nezinhlonipho zokumesaba uNkulunkulu,nobuqotho, nesizotha nothando, nokuhlanganyela kobuKristu,ngisho lokhu: Ngafunda ngelinye ilanga ephepheni laseAfrikalapho indodana yethu kaKishi, umceli-nselele wethuwobuvangeli—ngenkathi okaMohamede emcela inselele—uBillyGraham—wathi, “Uma uNkulunkulu wakho enguNkulunkulu,Makaphulukise abagulayo njengoba Athi Uyokwenza!” Futhiindodana kaKishi, nabanye bempi, bazithulisa bashiya izwebehluliwe.Kuyihlazo. UNkulunkuluwethu unguNkulunkulu!

Sinamabandla ethu amahle; sinokushumayela kwethuivangeli okuhle; sinabahlabeleli bethu abakhokhelwayo;sinamakhwaya awedlula onke, imibhoshongo ecije phezuluephakeme kunayo yonke ezweni; sinendoda enhle ukuwedlulaonke, inkindlane yemali. Sinesihlakaniphi; sinesayenseyezenkolo eze yafika phansi esihlokweni; singayishumayela;singayisho; singavangela futhi singenise abantu futhi senzeizigidi ngonyaka ngamunye zabaphendukile bangena ebandleni.Abahlabeleli bethu abakhokhelwayo, ukushunyayelwakwevangeli lethu elihlakaniphileyo alikwazi ukuthilingahlangabezana kanjani nenselele enjalo. Abazi lutho ngayo.Abazi lutho ngamandla aKhe okuphulukisa, ombhaphathizokaMoya oNgcwele, ngamandla angathatha ithunzi lendodaebulawa ngumdlavuza futhi ayikhulule. Abazi lutho ngawo.Abakaze baqeqeshwe kuleyonkundla, njengoSawulu neqembulakhe elenziwe ngumuntu wayenjalo.

Kodwa mangisho kubantu bakaNkulunkulu nakinibantwana, ukuze nazi ukuthi uNkulunkulu akanishiyi nezengaphandle kukafakazi: Ongaziwa kuSawulu; uSawuluwayengazi lutho ngakho. UNkulunkulu wayenoDavide omncanengale ngemuva kwegquma ndawo ndawo owayengazeluseliizimvu okhuleni lobufundisi. Wayeziholela eceleni kwamanziacwebileyo nasemadlelweni aluhlaza! Wayezinakile izimvuzikayise, futhi uma kukhona okugijimela phakathi (isitha)ukudephuna enye yezimvu zikayise, wayewazi amandlakaNkulunkulu ukukhulula leyomvu!

INKOSI ELAHLIWEYO 19

UNkulunkulu usenaye uDavide ndawo ndawo owaziyoukuthi kuchaza ukuthini ukukhulula enye yezimvuzikaNkulunkulu ngamandla kaNkulunkulu. Usazi konkengakho. Ubethembele…Wayengazi lutho ngezikhalizikaSawulu kanjalo wayengafuni nayisiphi sazo. Wayengafuninayiliphi lamahlelo abo; wayengazifuni izikhali ezindala phezukwakhe. Wathi, “Angazi lutho ngaso! Kodwa mangihambeeMandleni engiwaziyo.”

Wayezalusile izimvu zikayise. Wayewanakelele amadlelo.Wayezinike uhlobo oluyilo lokudla, futhi zaphila futhi zakhula.“Umuntu akanakuphila ngesinkwa sodwa, kodwa ngawoonke amaZwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu umuntuuyophila ngawo.” Umelusi wezimvu weqiniso uyazondla—“UJesu Kristu, nguyena izolo, namuhla, naphakade.” Futhiuma isitha sidephuna eyodwa ngokugula, uyawazi amandlakaNkulunkulu.

Buka uDavide omncane, wama lapho. Bathi, “Lowomfouyibutho kusukela ekuzalweni kwakhe. Futhi kusukela ebushenibakhe ubengazi lutho kodwa umkhonto nezikhali. Uqeqeshwengokwenele. Uyisazi sezenkolo. Futhi awazi lutho ngakho.”

Wathi, “Yiqiniso lelo, mnumzane. Angazi luthongokuqeqeshelwa kwakhe ezesayense yezenkolo, kodwakunye engikwaziyo: ukuthi ngenkathi isitha singena ukubasithathe enye yezimvu zikababa wami, ngahamba namandlakaNkulunkulu. Ngayikhulula! Ngayibuyisa ngokuphephayabuyela ekuphileni okuhle futhi. Ngayibuyisela emadlelwenialuhlaza anomthunzi namanzi acwebileyo. NoNkulunkuluowanikezela ingonyama ezandleni zami, futhi ngayibulalangenkathi ithatha enye yamawundlu, futhi Wangivumelangibulale ibhere; ngakho uNkulunkulu weZulu uzohambanami ukuba ngibulale lomFilisti ongasokile!” Sidinga ubuholibukaMoya oNgcwele.

Angizazi izinsuku zami. Akekho owaziyo.

Ngokunye ukusa ngangicambalele embhedeni wami.Futhi nga…Ngangikade ngizumekile, futhi ngaphuphauJoseph egula, futhi ngangimthathile ukuba ngimkhulekele.Futhi ngenkathi sengivuka ngakhathazeka kakhulu. Ngathi,‘Awu, mhlampe uJoseph uzogula.” Futhi ngabuka kuhambaphambi kwami ethunzini elincane elimnyama, kakhudlwanakungumbala othi awube nsundu, futhi kwabonakala sengathikwakuyimi. Futhi ngakuqaphelisisa futhi okwakuza ngemuvakwakungumuntu othize omhlophe, futhi kwakunguYe. Ngabukangale komkami ukubona ukuthi wayephapheme yini ukuzengimkhombise; uma engawubona umbono, kodwa wayelele.Ngathi, “O, ngiyaxolisa, Nkosi, kodwa lokho bekuyimpilo yami.Ubuyilokhu ungiqhubela kukho konke engikwenzile. Sonkeisikhathi uma bekwenzeka noma yini, bengiyaye ngicabange

20 IZWI ELIKHULUNYIWE

ukuthi kwakusuke kunguWe okwenzayo, futhi ngiyaqondaukuthi kwakunguSathane ezama ukungidedisa kukho.” Ngathi,“Uma nje kuphela Ungangihola.” Futhi lapho ngibuka ngabonaubuso obuhle kunabobonke esengake ngabubona kumuntu.Wayengaphambi kwami ebuka emuva. Waphakamisa isandlasaKhe wase ebamba esami wase eqala ukuya ngapha. Umbonowangishiya.

NgeSonto eledlule ekuseni nga…ngisheshe ngavuka. Lokhokwaba ngoMgqibelo; lombono. Bengihlale ngikhathazekile.Bengihlale ngicabanga ngokufa. Kimi, nginamashumiamahlanu, isikhathi sami asi…Angicabanganga ukuthi kwasekuyisikhathi eside. Ngangimangala ukuthi kazi ngiyoba yinikulomzimba-moya—umzimba wasezulwini. Ngabe kuyobangukuthi ngiyobabona abangane bami abathandeka kakhulufuthi ngibone inkungu encane emhlophe yedlula, bese ngithi,“Nanguya uMfowethu Neville ehamba,” kumbe angasho ukuthi,“Halo, Mfowethu Branham.”? Futhi uma sekufike uJesu, besengibuye ngibe umuntu futhi. Ngangihlala njalo ngicabangalokho.

Ngangiphupha ngihambele entshonalanga futhi ngi…ngiza ngehla ngidabula endaweni enezihlahlanyana ezincanezokunonga, nomkami wayenami, futhi sasikade sidobaizinhlanzi amatrawuthi. Futhi ngama ngavula isango, nesimosezulu sasisihle kabi. Sasingabukeki njengoba senza phezukwesigodi lapha. Sasiluhlaza okwesibhakabhaka namafuamahle amhlophe. Futhi ngathi kunkosikazi, ngathi, “Kufanelengabe kade saphuma seza lapha, S’thandwa.”

Wathi, “Ngenxa yabantwana, besifanele, Billy.”

Ngathi, “Lokho…” Ngase ngivuka. Ngacabanga,“Ngaphupha kangaka. Angazi ukuthi yingani.” Futhingabuka phansi futhi wayelele eduze kwami. Ngase ngivukaemqamelwemiwami, njengoba iningi lenu bantu nike nakwenza.Ngabeka ikhanda lami phezu kwepulangwe lombhede ngasengibeka izandla zami emva kwami. Futhi ngangicambalelelapho kanje ngase ngithi, “Awu, impela angazi ukuthi kuyobayini, ngaleya. Sengivele nginamashumi amahlanu, futhiangikenzi lutho nokho. Uma nje ngingenza okuthile ukubangisize iNkosi. Ngoba ngiyazi ukuthi angiyikuba ngofayo…Ingxenye yesikhathi sami isiphelile, empeleni, kumbe ngaphezukwengxenye. Uma ngingaphila ngibemdala njengabantubakithi, nakhona lapho ingxenye yesikhathi sami isiphelile.”Futhi ngaqalaza futhi ngangicambalele lapho ngilungelaukuvuka. Kwakucishe kube ngelesikhombisa nqo. Ngathi,“Ngikholwa ukuthi ngizokwehla ngiye enkonzweni namhlanjeekuseni. Uma ngishe izwi, ngizothanda ukuzwa uMfowethuNeville eshumayela.”

INKOSI ELAHLIWEYO 21

Ngakho, ngathi, “Usuvukile, S’thandwa na?” Futhi wayelelezwi.

Futhi angifuni nikugeje lokhu. Kungiguqulile. Ngingekengisaba yiloMfowethu Branham ebenginguye.

Futhi ngabuka, futhi ngezwa enye into iyilokhu ithi,“Usaqala nje. Phikelela empini. Yiba uyilokhu uphikelele.”

Nganyakazisa ikhanda lami umzuzu. Ngase ngicabanga,“Cha, mhlampe ngicabanga kanjena nje, uyazi, umuntuangathola imicabango nje,” futhi ngathi, “Mhlampebengizicabangela nje lokho.”

Kwathi, “Phikelela empini! Qhubeka! Qhubeka!”Futhi ngathi, “Mhlampe kushiwo yimina.”Futhi ngafaka izindebe zami zomlomo phakathi

kwamazinyo ami, ngase ngivala umlomo wami ngesandla sami,futhi nakho kufika futhi. Kwathi, “Yiba ulokhu uphikelele.Uma nje ubuwazi ukuthi kunjani ekupheleni kwendlela.” Futhikwaba sengathi ngiyamuzwa uGraham Snelling kumbe omunyeowacula leloculo kanje; balicula lapha—Anna Mae nani nonkenonke:

Ngikhumbule ekhaya ngijahile futhi ngifunaukubona uJesu;

Ngithanda ukuzwa lezozinsimbi ezimnandizokungamukela zikhala;

Kuyokhanyisa indlela yami futhikushabalalise konke ukwesaba;

Nkosi, mangibuke ngale kwekhethinilesikhathi.

Nake nalizwa liculwa lapha enkonzweni.Futhi ngezwa into ethile ithi, “Ungathanda ukuba uke ubuke

ngaphesheya kwekhethini na?”Ngathi, “Kuzongisiza kakhulu.” Ngase ngibuka, futhi

ngomzuzwana nje, ngi…ukuphefumula kanye, ngase ngifikeendaweni encane eyayitshekile. Ngabuka emuva, futhi nakhuyangangilele embhedeni. Futhi ngathi, “Yinto eyisimanga lena.”

Manje, angithandi nikuphinde lokhu. Lokhu kuphambikwebandla lami, noma izimvu zami engizelusayo. Nomakwakuyimi ngangikulomzimba noma ngiphumile, nomakwakungukuguqulwa…Kwakungenjengawo noma yimuphiumbono engake ngaba nawo. Ngangikwazi ukubuka laphaya,futhi ngangikwazi ukubuka lapha. Futhi lapho sengifikakuleyondawo encane, angikaze ngibabone abantu abaningikangaka beza begijima, bememeza, “O, mfowethu othandekakakhulu”. Futhi ngabuka, nabesifazane abasha, mhlawumbebedonsela lapha emashumini amabili eminyaka (eshumininesishiyagalombili kuya emashumini amabili) babengigaxafuthi bememeza, “Mfowethu othandeka kakhulu.”

22 IZWI ELIKHULUNYIWE

Nakhu kuza insizwa elapha ebunsizweni obuqhamileyo,namehlo azo ekhazimula futhi ebukeka njengezinkanyeziebusuku obumnyama, amazinyo azo emhlophe njengobuhlaloobuligugu, futhi zazimemeza zingihwaphuna futhi zimemeza,“O, mfowethu othandeka kakhulu.” Futhi ngama futhi ngabuka,futhi ngangimusha. Ngabuka emuva emzimbeni wami omdalaulele laphaya izandla zami zisesiphundu sami. Futhi ngathi,“Angikuqondi lokhu.” Nalaba besifazane bengigaxa.

Manje, ngiyazi ukuthi sixubene lapha, futhi ngikusho lokhungobumnandi nangesizotha sikaMoya. Muntu wesilisa ungekeugaxe abesifazane ngengalo kungabibikho okunyakazayoemizweni. Kodwa kwakungekho laphaya. Kwakungekhozolo noma ikusasa. Babengakhathali. Babe…Angikazengibabone abantu besifazane abahle kanjeya empilweniyami yonke. Babenezinwele ezize zayoshaya maqondananokhalo lwabo, iziketi ezinde zifika ezinyaweni zabo, futhibabengigona. Kwakungesikho ukugona engingakugonwa ngishongudadewethu uqobo ohlezi laphaya. Babengangiqabuli,futhi nami ngangingabaqabuli. Kwakuyinto e—engingenawoamagama asetshenziswayo ekukhulumeni; anginawo amazwiokukusho. Ukuphelela alifiki nakancane kukho. Okuhle hlenalo alifinyeleli ndawo. Kwakuyinto engingakaze…Kungconouziyele wena lapho.

Futhi ngabuka ngapha nangapha, futhi babezangezinkulungwane. Futhi ngathi, “A—angikuqondi lokhu.”Ngathi, “Yini ba…” Futhi nakhu sekuqhamuka uHope—lowokwakungumkami wokuqala. Wagijima futhi akazange ashoukuthi, “Myeni wami.” Wathi, “Mfowethu othandeka kakhulu.”Futhi lapho engigona, kwakukhona omunye wesifazaneowayemi lapho obese-ke wangigona, noHope wagona lonawesifazane. Futhi ngamunye, futhi ngacabanga, “Lokhukumele ukuba yinto eyehlukile; kungeke kwenzeke. Kukhonaokuthize…” Ngacabanga, “O, ngisayoke ngiphinde ngifuneukuba ngike ngiphinde ngibuyele kulesiya sidumbu esidalafuthi?” Ngaqalaza lapho, futhi ngacabanga, “Kuyini lokhuna?” Futhi ngangibukeka ngikahle ngempela, futhi nga—ngathi, “A—angikuqondi lokhu.” Kodwa uHope wayebonakalaenjenge…o isimenywa esihloniphekile. Wayengahlukile kodwanje enjengesimenywa esihloniphekile.

Futhi ngase ngizwa izwi-ke elakhuluma nami elalisendlini,lathi, “Nakhu owakushumayelayo kwakunguMoya oNgcwele.Lolu wuthando oluphelele. Futhi akukho okungangena laphakungenalo.”

Sengiphokophelele kakhulu kunakuqala empilweniyami ukuthi kubiza uthando oluphelele ukungena lapho.Kwakungekho mona. Kwakungekho kukhathala. Kwakungekhokufa. Ukugula kwakungeke kwangena lapho. Ukufakwakungeke kwakwenza ubemdala; futhi bona, babengakhali.

INKOSI ELAHLIWEYO 23

Kwakungukujabula nje kuphela—“O, mfowethu othandekakakhulu.”

Futhi bangithatha bangikhuphula base bengihlalisaendaweni enkulu ebanzi ephakemeyo. Futhi ngacabanga,“Angiphuphi. Ngibuka emuva emzimbeni wami olele phansilaphaya embhedeni.” Futhi bangihlalisa phezulu laphaya ngasengithi, “O, bengingafanele ngihlale phezulu lapha.”

Futhi nakhu kufika abesifazane nabesilisa nxa zombilibephelele nje ebusheni, bememeza. Nomunye wesifazanewayemi lapho futhi wamemeza, “O, mfowethu othandekakakhulu. O, siyajabula kakhulu ukukubona lapha.”

Ngathi, “Angikuqondi lokhu.”Kwase kuthi lelozwi elalikhuluma phezu kwami lathi,

“Uyazi ukuthi kulotshiwe eBhayibhelini ukuthi abaprofethibaqoqwa nabantu babo.”

Futhi ngathi, “Yebo, ngiyakukhumbula lokhoemiBhalweni.”

Lathi, “Kodwa, lokhu kuyoba mhla usubuthana nabantubakho.”

Ngathi, “Kanti bayoba ngabantu ngempela, futhingiyabathinta.”

“O, yebo.”Ngathi, “Kodwa ngi…Kukhona izigidi. Ababaningi

kangako oBranham.”Futhi lelozwi lathi, “Abasibo oBranham; bangabaphendulwa

nguwe. Yilabo owabaholela eNkosini.” Futhi lathi, “Abanyebabo abesifazane lapho ocabanga ukuthi bahle kakhulu basebedlule emashumini ayisishiyagalolunye eminyaka ubudalangenkathi ubaholela eNkosini. Akumangalisi bememeza,‘Mfowethu othandeka kakhulu.’”

Futhi bamemeza kanye kanye, bathi, “Ukubawawungahambanga, ngabe asikho lapha.”

Ngaqalaza ngase ngicabanga, “Cha, angikutholi.” Ngathi,“O, uphi uJesu na? Ngifuna kabi ukuMbona.”

Bathi, “Manje, Uthe ukuphakama kancane, phezulu njekhona ngapho.” Bathi, “Ngelinye ilanga Uyoza kuwe.” Niyabonana? Bathi, “Wathunyelwa ukuba ngumholi noNkulunkuluuyofika, futhi uma Efika, Uyokwahlulela wena ngalokhoowabafundisa khona, kuqala; ukuthi bayangena noma qha.Siyohamba singene ngokufundisa kwakho.”

Ngathi, “O, ngiyajabula kakhulu! Ngabe uPawulu—ngabenaye uzoma kanjena na?Ngabe noPetru uzoma kanjena na?”

“Yebo,”

24 IZWI ELIKHULUNYIWE

Ngathi, “Ngakho-ke ngishumayele onke amaZwiabawashumayelayo. Angikaze ngehluke kulo ngapha nangapha.Lapho ababhaphathiza khona eGameni likaJesu Kristu,ngakwenza nami. Lapho abafundisa khona umbhaphathizokaMoya oNgcwele, ngakwenza nami. Noma yini abayifundisayo,ngayenza nami.”

Nalabobantu bamemeza bathi, “Siyakwazi lokho, futhisiyazi ukuthi siyohamba nawe ngolunye usuku sibuyeleemhlabeni.” Bathi, “UJesu uyofika, futhi uyokwahlulelwangokweZwi osishumayeze lona. Bese-ke, uma wamukelwangalesosikhathi, futhi okuyobanjalo,” futhi bathi, “lapho-keuyosiyisa kuYe njengemiklomelo yakho yenkonzo yakho.” Bathi,“Uyosiholela kuYe bese sonke kanyekanye siyobuyela emhlabeniukuyohlala phakade.”

Ngathi, “Ngibuyele emuva manje na?”“Yebo, kodwa qhubeka uphikelele.”Ngabuka, futhi ngangibabona abantu; ngibona kude le,

beseza, befuna ukungigona, bememeza, “Mfowethu othandekakakhulu.”

Kwathi khona lapho izwi lathi, “Konke lokho owawulokhuukuthanda, nakhokonke lokho okwakulokhu kukuthanda,uNkulunkulu ukunike wena lapha.” Futhi ngabuka futhi nakhukuqhamuka inja yami endala iza ikhuphuka. Nakhu kuqhamukaihhashi lami lafike labeka ikhanda lalo phezu kwehlombe lamilayiyiza. Kwathiwa, “Konke lokho owawulokhu ukuthandanakho konke lokho okwakulokhu kukuthanda, uNkulunkuluukunikele esandleni sakho ngenxa yenkonzo yakho.”

Futhi ngazizwa ngisuka kuleyondawo enhle. Futhingaqalaza. Ngathi, “Usuvukile, S’thandwa na?” Wayesalokhuelele. Futhi ngacabanga, “O, Nkulunkulu, o ngisize, oNkulunkulu. Ungangivumeli ngiyekelele nangelilodwa iZwi.Mangihlale ngiqonde ngqo phezu kwaleloZwi ngiLishumayele.Angikhathali ukuthi kuzani noma kuhambani, ukuthi ubaniwenzani, ukuthi bangaki oSawulu noma amadodana kaKishiavukayo, kungakanani lokhu, lokho, noma lokhuya, makuthimina, Nkosi, ngiphikelele kuleyondawo.

Konke ukwesaba ukufa…Ngikusho lokhu neBhayibhelilami liphambi kwami namhlanje ekuseni. Nginomfanyanalaphaya, oneminyaka emine ubudala, osadinga ukukhuliswa.Nginentombazane eneminyaka eyisishiyagalolunye ubudalanebhungu engibongayo ngabo, okuphendule indlela yeNkosi.Nkulunkulu mangiphile ukuze ngibakhulisele emyalwenikaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, umhlaba wonke jikeleleubonakala umemeza mina. Abesifazane abanamashumiayisishiyagalolunye eminyaka ubudala nabesilisa nezinhlobozonke, “Ukuba awuhambanga, besingeke sibe lapha.”Nkulunkulu mangiphikelele empini. Kodwa uma sekufika

INKOSI ELAHLIWEYO 25

ekufeni, angisekho…Kuyoba yinjabulo, kuyoba yintokozoukungena ngivela kulokhukubola nehlazo.

Uma ngingafinyelela ngale, ikhulu lesigidi sezigidizamamayela ukuphakama, iblokwe eliyisikwele, nalolowuthando oluphelele. Ngasinye isinyathelo ngapha, kuyancipha,size sifike phansi lapho esikhona manje. Kungaba njeyisithunzana sokubola. Leyontwanyana esiyizwayo futhisizwe ukuthi kukhona okuthize endaweni ethize; asazi ukuthikuyini. O, bangane bami abathandeka kakhulu, bathandwabami, zithandwa zami zeVangeli, bantwana bami abazalelweuNkulunkulu, ngilaleleni, engiwumfundisi wenu. Ni…Ngifisasengathi bekungabakhona enye indlela ebenginganichazelakhona ngayo. Akukho-mazwi. Angilitholanga. Alitholakalindawo. Kodwa ngaphesheya nje kwalokhukuphefumulakokugcina kuyinto enhle kakhulu ngokwadlulele osewake…Ayikho indlela yokukuchaza. Ayikho indlela; angikwazi njeukukwenza. Kodwa noma ngabe yini oyenzayo, mngane, bekaeceleni konke okunye uze uthole uthando oluphelele. Fikaendaweni lapho ongathanda khona wonke umuntu, sonke isitha,konke okunye. Lokho kuvakasha okukodwa lapho kiminakungenze umuntu owehlukile. Ngingephinde, phinde, phindengibe yilowoMfowethu Branham enganginguye.

Noma ngabe amabhanoyi ayagqugquzela, noma ngabeumbani uyabaneka, noma ngabe izinhloli zingibeke isibhamu,noma ngabe kuyini, akunandaba. Ngizophikelela empiningomusa kaNkulunkulu, ngokuba ngilishumayelile iVangelikukho konke okudaliweyo nakuwowonke umuntu engingakwaziukufinyelela kuye, ngibabonisa kulelozwe elihle ngaleya.Kungabonakala kul’khuni; kungathatha amandla amaningi.

Angazi ukuthi kuyoba yisikhathi eside kangakanani. Asazi.Ngokukhuluma ngokwenyama, ekuhlolweni kwami ngelinyeilanga, kwathiwa, “Uneminyaka engama 25 yokuqina, impiloenhle. Uqinile.” Lokho kwangisiza. Kodwa o, kwakungesikholokho. Akusikho lokho. Kuyinto ephakathi kwalapha.Lokhukubola kumele kwembathe ukungaboli; lokhu ukufakumele kwembathe ukungafi.

Amadodana kaKishi angavuka. Ngine…zonke izintoezilungileyo azenzayo, anginalutho olubi engingalusho ngakho;ukupha abampofu nakuso isihawu. Futhi khumbulani,yingani, uSamuweli watshela uSawulu, “Nawe uyoprofetha.”Futhi amaningi alawomadoda angabashumayeli abakhuluabanamandla, bangashumayela iZwi njengezingelosi ezinkulu,kodwa noma kunjalo kwakungesiyona intando kaNkulunkulu.UNkulunkulu kwakufanele abe yiNkosi yabo. Futhi mfowethu,dadewethu, vumela uMoya oNgcwele akuhole. Ake sikhothamiseamakhanda ethu okomzuzwana.

26 IZWI ELIKHULUNYIWE

Ngikhumbule kakhulu ekhaya futhi ngijahile,futhi ngifuna ukubona uJesu,

Ngithanda ukuzwa lezozinsimbi ezimnandizokungamukela zikhala.

Kuyokhanyisa indlela yami futhikushabalalise konke ukwesaba;

Nkosi, masibuke ngale kwekhethini lesikhathi.

Nkosi, mangibuke ngale kwekhethini lezinsizinokwesaba;

Mangibuke kulelozwe elinelangaelikhazimulayo.

Kuyoqinisa ukholo lwethu futhi kushabalalisekonke ukwesaba;

Nkosi, mangibuke ngale kwekhethinilesikhathi.

Ngineqiniso, Nkosi, uma lelibandla elincane, namhlanjeekuseni, lingabuka nje ngale kwekhethini. Akukho nhluphekophakathi kwabo, futhi soze yabakhona. Akukho kugula, akukholutho kuphela ngukuphelela—futhi kungukuphefumula kanyenje phakathi kwalapha nalaphaya—ukusuka ekugugeni kuyaebusheni, ukusuka esikhathini kuya ePhakadeni. Ukusukaekukhandlekeni kwakusasa nosizi lwayizolo kuze kubesesikhathini samanje sePhakade, ekupheleleni.

Ngiyakhuleka, Nkulunkulu, ukuthi Uzobusisa wonkeumuntu lapha. Uma kukhona labo lapha, Nkosi, ongakwaziWena ngaleyondlela yothando…Futhi impela, Baba, ayikhointo eyayingangena kuleyoNdawo eNgcwele ngaphandlekwaleyonhlobo yothando; ukuZalwa okusha kokuphindauzalwe. UMoya oNgcwele, uNkulunkulu, wuthando. Futhi siyaziukuthi lokho yiqiniso. Akunandaba noma sigudluza izintabangokukholwa kwethu, uma senza izinto ezinkulu, noma kunjalo,ngaphandle kwalokho lapho, sasingeke neze sakwazi ukukhwelakulelolada elikhulu ngale. Kodwa nalokho, kuyosiphakamiselangale kwaleminako yomhlaba.

Ngiyakhuleka, Baba, ukuthi Uzobabusisa abantu lapha,futhi sengathi wonke umuntu ongizwile namhlanje ekuseningikhuluma leliQiniso, ukuthi Ube ngufakazi wami, Nkosi.NjengoSamuweli wasendulo, “Sengake ngabatshela yini nomayini eGameni laKho ngaphandle kwalokho okwakuliqinisona?” Bangabehluleli. Futhi ngiyabatshela manje, Nkosi, ukuthiUngithathe wangiyisa kuleloZwe. Wena uyazi ukuthi kuliqiniso.Namanje, Baba, uma kukhona abanye abangakwazi Wena,sengathi leli kungaba yihora lokuba bathi, “Nkosi, bekangaphakathi kimi intando ukuba kube yintando yaKho.” Siphekhona, Baba.

Namanje nina enikhothamise amakhanda enu,ningaphakamisa izandla zenu bese nithi, “Ngikhulekele,

INKOSI ELAHLIWEYO 27

Mfowethu Branham. Intando kaNkulunkulu ibe ngaphakathikimi.”

Manje, uselapho nje okhona, ngobukhulu ubumnandi, yiniungavele uthi kuBaba, “Nkulunkulu, phakathi kwenhliziyoyami, namhlanje ngilahla zonke izinto zezwe. Ngilahlakonke ukuze ngithande Wena futhi ngikhonze Wena impiloyami yonke. Futhi ngizothi, kusukela namuhla kuqhubekenjalo, ngilandele Wena kuwo wonke umBhalo weBhayibhelilaKho.” Uma ungakaze ubhaphathizwe ngombhaphathizowobuKristu, “Ngiyavuma, Nkosi. Uma ngingakamamukeliuMoya oNgcwele…” uyokwazi uma usuMamukele.Uyokunikeza, Uyokunikeza isiqiniseko nothando oludingayo.O, ungahle ukuba wenze okwahlukile—waba namadlingozi,njengokungahle ukuba umemezile noma wakhuluma ngezilimi,okungokuhle, kodwa uma loloThando lobuNkulunkululungekho lapho…ngikholwe, manje.

Thana, “Nkosi, beka ngaphakathi kwenhliziyo yaminasemphefumulweni wami ukufika kukaMoya waKho ukuzengithande futhi ngihloniphe futhi ngibe naloloThandolobuNkulunkulu enhliziyweni yami namhlanje oluyongiyisakulelozwe lapho ukuphefumula kwami kokugcinasekungishiya.” Sisakhuleka, khuleka nawe qobo lwakho,manje. Ngendlela yakho, khuleka. Cela uNkulunkulu ukubaakwenzele lokho. Ngiyakuthanda. Ngiyakuthanda. Wena mlisaothandeka kakhulu osumpunga ohlezi lapha, osebenze kanzimawondla abantwanyana. Nina bomama abampofu enesulaizinyembezi emehlweni abo. Ake nginiqinisekise ngalokhu,dade othandekayo, akusiyo leyondlela engaphesheya kokunyeukuphefumula ngale. Ngikholwa ukuthi eqinisweni kusendlini.Kungenye indawo esiphila kuyo; lokhu kungukubola nje esiphilakukho manje. “Vumela kimi, Nkosi, ukuba kube yintandoyaKho.” Khuleka ngenkathi sikhuleka ndawonye.

Ngokuzithoba, Nkosi, phezu kwezisekelo zeZwi laKhonoMoya waKho oNgcwele, siyajabula kakhulu ukuthi siyaziukuthi ukuZalwa kwethu kuvelaphi. Siyajabula ukuthisazalwa, kungengantando yendoda, nantando yenyama, kodwangokwentando kaNkulunkulu. Futhi siyakhuleka namuhla,Baba, ukuthi laba manje abacela umusa wokuthethelelwa,ukuthi uMoya waKho uzokwenza lowomsebenzi, Nkosi. Ayikhoindlela yokuba kwenziwe yimina. Ngingumuntu nje; enyeindodana kaKishi. Kodwa sidinga Wena, uMoya oNgcwele.Nkulunkulu, mangibe njengoSamuweli—yena okhulumaiQiniso leZwi. Futhi ULiqinisekisile kuze kube yimanje, futhingiyakholwa ukuthi Uzoqhubeka inqobo nje uma ngihlalangeqiniso kuWe.

Kwangathi bonke manje bangamukela ukuPhilaokuPhakade, Baba. Sengathi lolusuku lungephinde lusukekubo. Nehora lapho sebezoshiya khona lelizwe, sengathi

28 IZWI ELIKHULUNYIWE

lokhu, engisanda kukusho kubo, kuvuleke kube liqiniso.Futhi njengoba sihlezi lapha singabafayo, namhlanje, sibukaewashini lethu, sicabanga ngedina lethu, ngomsebenzikusasa, ngeminako nokukhathazeka kwempilo, akusayikubakhona ngalesosikhathi. Kuyoshabalala konke. Akuyikubakhominako—intokozo eyodwa enkulu yePhakade. Banike lolohlobolokuPhila, Baba—bonke. Futhi kwangathi…Ngicela kuwelokhu, Baba, ukuthi wonke umuntu olapha namhlanje ekuseniongizwile ngisho lombono, sengathi ngingahlangabezananabo bonke ngale. Noma kungahle kubekhona owesilisalapha ongavumelani nami, nabesifazane futhi, kodwaBaba, ungakuvumeli lokho kume endleleni yethu. Sengathisingahlangabezana nabo ngaphesheya le lapho begijima, futhi,futhi sihwaphunane simemeza, “Mfowethu othandeka kakhulu.”Makube njengoba kwakhonjiswa laphaya, Nkosi, kubo bonke.Bonke engibathandile nabo bonke abangithandile. Ngikhulekelaukuba kube ngaleyondlela, Nkosi. Futhi ngibathanda bonke.Mabavele, Baba. Ngibanika ukuPhila okuPhakade manje.Sengathi bangenza isigaba sabo ukukwamukela. Lokhungikucela eGameni likaJesu. Ameni.

Sinemizuzu embalwa nje yokukhulekela abagulayo.Ngiyabona sinentombazanyana egulayo lapha nentombiesihlalweni. Manje, kubazalwane bami abathandekakakhulu ngokwedlulele, odadewethu. Ngiyacela ningabingabangangizwisisi. A—angazi ukuthi kwenzekani. Angaziukuthi kwenzekani. Kodwa Nkulunkulu, uma sengifa,angibuyele laphaya. Ngivumele nje ngibuyele kuleyondawo,yilapho engifuna ukubakhona, noma kwakukuphi. Angizamiukuba nguPawulu owahlwithelwa kwawesiThathu amaZulu.Angisho lokho. Ngikholwa ngukuthi Wayezama njeukungikhuthaza, ezama ukunginika okuthize okuncaneukungiqhubela phambili, enkonzweni yami entshaekhuphukayo.

Kungabonakala kungukungahloniphi yini uma ngifundaokuthize lapha u—umzuzu nje? Kungalunga? [Ibandla lithi,“Ameni.”—Umhl.] Elinye lamaphephabhuku ezizwe ahambaphambili—UBilly Graham: “UDr. Billy Graham umenyelwekwinkolo yamaSulumani.” Ekhasini lokuqala le AfrikaansTimes, Febuwari 15, 1960. Umlobi wendaba ebhaliwe,owayeyimoslem okaMohamede) ucabanga ukuthi izimangalalisozifanele zilandele ukushunyayelwa kweVangeli likaKristu—onguye, izolo, namuhla, naphakade. Siyacaphuna:

YiloKristu owethenjiswa, abalandeli baKhe, laphoEthi, “Okholwa yiMi, imisebenzi eNgiyenzayo minanaye uyakuyenza; nemikhulu kuna le uyakuyenza.”Ngabe ibandla selake layenza imisebenzi e…i—izenzeko zikaKristu eBhayibhelini; kungenzekanamhlanje? Ngabe nayiliphi lebandla elidumileyo

INKOSI ELAHLIWEYO 29

lingayenza yini ngisho ingxenye yezimangalisoezenziwa nguKristu? Kungesikho ukuthi imisebenziemikhulu kuna. Ngabe wena ngawedwa odumileyo,ongummeli womKristu ungasukumela uku…uvuseabafileyo baphile ngokomzimba? Ngabe ungahambaphezu kwezilwandle? Ngabe ungabaphulukisaabagulayo ubaphe ukubona abayizimpumputhe?Ngabe lokhu akuhambisani yini nenkathi engumlandooqhamileyo obeka obala ongokaMohamede, kumbebeka…kumbe ukuvivinywa kwabakaKristu…?…njengamazwi andawondawo enkolelweni yakho?Okuningi endabeni ebhaliwe yeMoslem kuyinhlanekezela

esobala eyodwa emva kwenye. Bayalidumaza leliMoslem, kodwalaliqinisile. Kodwa nakhu abakushoyo:

Impendulo ezedlula zonke ekufundeni iBhayibhelinokwazi iKoran. IKoran ivuma ukuthi i…livunywaukuqhathanisa. Ukuzisho kobuMohamede kuqhamilefuthi kwedlula ubuKristu, nguku z-i-k-h-u-k- h-u-m-e-z-a nje, (ukuzikhukhumeza ngiyacabanga)umcabango. Umlobi nokho uthinte iphuzu elisemqokamayelana nezimangaliso ezingezebandla. Kodwalapha futhi siyabungabaza ubuqotho bomlobi.Ngokuba ngubani obengakhomba futhi aphikiseizimangaliso ezenziwe nguMfu. William Branhamphambi kwamaMoslem eNingizimu Afrika, laphoizinkulungwane eziyishumi zikwamukela, uKristuuMsindisi. Ngaphansi kwenkonzo kaWilliam BranhameThekwini, eNingizimu Afrika nakwenye indawoezweni lonke, kumbe ku T. L. Osborn eMpumalangaAfrika. Nebala simi ngekhulu lamaphesenti mayelananoBilly Graham. Silikhulumile iphuzu lombuzo, alinava-…Leliphuzu lombuzo alilutho.”Kodwa phakathi kwakho konke nokuncinyane kwakho,

wangitshela—wathi sasiyizinhlanya; sasingazi ukuthi sasenzani.Badingeka bakufakaze ephepheni labo qho ukuthi uNkulunkuluwakwenza noma kanjani. UNkulunkulu usenguye nsenamhlanje njengoba Wayehlale enguye. Ungahle ungacabangiukuthi abakukholwa; abakuboni. Akufihlakele; akwenziwaekhoneni. Amakhulu ezinkulungwane abantu behlezilapho bakuqaphela lokho. Ngenkathi bebona lowomfanaowayeyisidalwa elusizi efika lapho, noMoya oNgcwele umtshelangempilo yakhe nezinto nokuthi kwenzekani phakathilapho, futhi babona izinkulungwane eziyishumi zamaMoslemezilalise emhlabathini ethe cu, futhi emukela uJesu KristunjengoMsindisi oqondene nawo.

Sisenabo oT. L. Osborn, nokunjalo, abasazipha izimvuukudla. Ngiqagele uMfowethu Osborn ubengakaze ehle abephakathi kwamaMoslem kuze kube manje. Azisho ukuba

30 IZWI ELIKHULUNYIWE

angabakhonyayo kakhulu. Kodwa sisenaye uNkulunkuluongazephula izimvu engonyameni; ongazephula izimvuebhereni. Futhi kwangenzela okuhle ukwazi ukuthi badingekabakulobe futhi bakuqonde. Bacabanga ukuthi abakuqondi.Bayovele basuke bahambe futhi bafulathele bese bethi, “O,lezozinsuku zedlule.” AmaMoslem athi, “A, bona, kusho ukuthi-ke lonke iBhayibheli seledlule. Nonke nisephutheni. NikhonzauMuntu. UMuntu owafayo, futhi iGama laKhe kwakunguJesu,futhi Wafa kudala eminyakeni eyedlula, futhi ayikho intookuthiwa nguYe evukile.” Kodwa kabakwazanga ukusho lokhoemhlanganweni waseThekwini.

Wama lapho enza into efanayo Ayenzayo futhi wafakazisakuwo. Manje, ngisho na—namahlelo limele libuye…Yenalowomuntu owaloba futhi wangitshela ukuthi ngangifanelengikucubungulisise ukufundisa kwami phezu kweBhayibhelikwaba nguye okwadingeka alobe lokho emaphepheniabo. UNkulunkulu uyobenza baMdumise noma yikanjanikungakhathaleki ukuthini. Kunjalo. Uyobenza baMdumisenoma yikanjani.

Kunentombazanyana egulayo ehlezi lapha. Lowongumntanakho? Yini inkathazo yakhe, dadewethu? Nkosikazi?[Udadewethu uthi, “Umopho wobuchopho.”—Umhl.] Umophowobuchopho. [UMfowethu Branham uxoxa nonina womntwanaolusizi—Umhl.] Yinye kuphela into, Mama, kungahle-ke…zosindisa intombazane. Futhi lowo nguNkulunkulu. Uyakwazilokho. [Udadewethu uthi, “Ibisingcono kakhulu kunanomayayinjalo.”—Umhl.] Ngijabula kakhulu ngalokho. Ngabeubusezansi wayikhulekela, Mfowethu Neville? [UMfowethuNeville uthi, “Yebo, mnumzane.”—Umhl.] Selokhu uMfowethuNeville ehlile wayikhulekela isibengcono. Sisenabo abelusibezimvu abakwaziyo ukudla kwezimvu.

Yini inkathazo yakho, dadewethu othandekayo, ohleziesihlalweni laphaya? Eyakho? Umdlavuza. Yebo, uma njengikubuza okuthize, mhlawumbe khona lapha. Bangakiphakathi lapha osephulukisiwe ngo…kumdlavuza, phakamisaisandla sakho. Buka lapha, dadewethu. [Udadewethu ushookuthize—Umhl.]

UNkulunkulu unguMphulukisi. Siyakwazi lokho. Umangikutshele ukuthi bengingaya ezansi lapho bese ngiwususalowomopho entombazaneni futhi ngiyiphilise, bengiyobengikutshela iphutha. Kumbe bengisuse lowomdlavuzakowesifazane. Kodwa ngazi into eyodwa: kwakukhona ibhere,umdlavuza, isigaxa, ukuphumputheka, futhi ngisho nokufakwahwaphuna ezinye zezimvu zikaNkulunkulu ngelinye ilanga.Futhi ngaphuma namandla kaNkulunkulu, futhi ngalibulalangase ngibuyisa leyomvu. Kunjalo. Siyaphuma namhlanje,hhayi nanoma yini into enkulu ethize ewukuthi-nokuthi.Ngiphuma nendwayimane engagqamile encane yomkhuleko.

INKOSI ELAHLIWEYO 31

Izoyibuyisa. Uyakukholwa lokho, awukukholwa, dadewethu?Uyakholwa, futhi, awukholwa, dadewethu? Bangaki kiniokholwa ngenhliziyo yakho manje? Manje, khothamisaniamakhanda enu ngenkathi ngisahamba ngiyokhuleka.

[UMfowethu Branham usuka emsamo ukuba ayokhulekelaabagulayo—Umhl.]

Ungaliphakamisa ikhanda lakho umzuzu nje. Umfundisiusanda kungitshela lababantu bagula, ngempela ngempela.Bazophila. Nje ninga…Kukahle. Isethembiso sikaNkulunkuluasehluleki neze. Siyabalandela.

Banenkonzo yombhaphathizo. Kukhona abanye abantuokufanele bahambe. Sizoba nenkonzo futhi kulobubusuku.Ngabe ukhona lapha obengenakwazi ukufika namuhlaebusuku obungafuna sikwenzele umkhulekomanje?—ongakwaziukubakhona kulobubusuku. Ungeza-ke khona lapha? Wenaongekwazi ukufika kulobubusuku—ngizoba nesikhathiesiningi kakhulu somugqa wabakhulekelwayo kulobubusuku.Bazofanele bababhaphathize lababantu. [UMfowethu Branhamukhuluma nomunye—Umhl.] Unomfanyana lapho…Yebo,mfowethu, ngiyabonga kakhulu. Kulungile uma ngikufundaemva kwesikhashana, noma khona manje? Ngiyabonga,mnumzane.

Manje, uma nje nizosinika nje umzuzu kumbe ethe ukubamide ngemibili, si…khona-ke sizobe sesiba ne—nenkonzoyo—yombhaphathizo. Ngiyazi nizofuna ukuwubona. Futhilabo abafisa umbhaphathizo namhlanje ekuseni, kuhle nina—amanenekazi ahambe ngapha ukuba ashintshe izingubozawo, futhi abesilisa bahambe ngapha ngakulelicala. Bese-ke, ngenkathi ngisakhulekela lababantu abagulayo, khona-ke ningabe nenza amalungiselelo enkonzo yombhaphathizo.Nalabo manje aba…

Manje, namhlanje ebusuku, ngizozama ukubamba u—umugqa omncane wabakhulekelwayo kulobubusuku, masinyanje, ngingangena nje. Futhi sizoqala kwe 1, iNcwadi yabaseEfesu kulobubusuku. Futhi sizojabula kakhulu manje, ukubasibenawe ungene. Uma ungenalo ibandla ongaya kulo. Kodwauma unomfundisi ongowakho nebandla khona-ke u—ulihambeleibandla lakho elithandeka kakhulu lapho owesekela khona.Umawena, ozohamba, futhi nizosuka ngalesisikhathi, uNkulunkuluanibusise. Nibe nathi futhi uma ningaphumelela. Siyojabulaukuba nani. [UMfowethu Branham ukhuluma nomunye—Umhl.]Manje, nina abanye usakhothamisa ikhanda lakho umzuzu;sifuna ukukhuleka.

Baba, ngibonga Wena namhlanje ngendwayimane yezimvuencane, umkhuleko oguqise ingonyama ngamadolo ayo,newundlu elincane lahlwithwa kuyo lathathwa labuyiselwakunina noyise. Ngikhulekela umfowethu. Ngicela ukuba

32 IZWI ELIKHULUNYIWE

Umngenise ngokuphepha futhi, Nkosi. Sengathi umfuthowegazi nezinkathazo zomzimba wakhe kunganqamuka.Ngiyamlandela, Nkosi, mbuyise. EGameni likaJesu Kristu;ngakho makube njalo. Ameni. UNkulunkulu akubusise,mfowethu.

Ngokwehlela ezansi, ngikubona ubambe omncane, umfanaoyimpumputhe. Okunye futhi okukodwa engithanda ukukusho.Ngangigula kakhulu…Ngangihlanza. Futhi ngacabanga…Angifuni nikugeje lokhu uma ningakwenza. Ngacabanga,“Nkulunkulu, benginganikeza ini uma bengingahle ngizweumuntu ema ngaphandle.”

Umkami athi, “Billy, kukhona umnumzane omdala laphauzokubona.” Futhi nakhu kungena umfo omncane onempandla,nobuhwanqa obumpunga bulenga buzungeze ebusweni bakhe.

Angene bese ethi, “UnguMfowethu Branham?”Ngithi, “Yebo, mnumzane, nginguye.”“Igama lami nginguSimoni.” Abeke isandla sakhe ngapha

phezu kwami bese engibuka umzuzu. Athi, “Ulikholwa,Mfowethu Branham.”

“Yebo.”“Kuzolunga.”—uSimoni Petru waseBhayibhelini.

Ngingakuthokozela kakhulu lokho! Ubengeke asho okuningi—kuphela ukubeka isandla sakhe phezu kwami. Bekuzolunga.

Kwathi-ke okufika kimi: Ngosizo lukaNkulunkulunangomusa kaNkulunkulu, kukhona amashumiezinkulungwane zabantu abebezokholwa yinto efanayo umangifika kubo. Futhi ngacabanga, “Nkosi, mangifinyelelekuwo wonke engingafinyelela kuye, ke. Mangithi nje—nje…”Ngacabanga uma uSimoni ebengavele…UPawulu—abanyebabo bangene nje, bathi, “UnguMfowethu Branham?”

“Yebo.”Babeke izandla zabo ngapha phezu kwami bangibuke

bese bethi, “Kulungile, Mfowethu Branham”—bavele baphumebahambe. Ngingasinda. Ngingaphila. Impela. Ngathi, “Mfana,isibindi sami besingaqubuka ngaso lesosikhathi. Bengingathi,‘Ngizophila.’” Yebo, mnumzane. Futhi kukhona abantuabakholwa yinto efanayo namhlanje. Futhi yilokho engehlelaukuzokwenza lapha: ngibeka izandla phezu kwenu, ngiceleuNkulunkulu. [UMfowethu Branham uqhubeka nokukhulekelaabagulayo—Umhl.]

INKOSI ELAHLIWEYO ZUL60-0515M(The Rejected King)

LomMlayezo ngo Mfowethu William Marrion Branham, okokuqala wethulwangesiNgisi ngeSonto ekuseni, ngo Meyi 15, ngo 1960, eTabernakele likaBranhameJeffersonville, eIndiana, U.S.A., uthathelwe ekuqopheni kweteyipu enozibuthefuthi washicilelwa ungafinqiwe ngesiNgisi. Lokhu ukuhunyushwa ngesiZulukwashicilelwa futhi kwakhishwa yiVoice Of God Recordings.

ZULU

©1994 VGR, ALL RIGHTS RESERVED

VOICE OF GOD RECORDINGS, SOUTH AFRICA OFFICE

58 DISA ROAD, ADMIRAL’S PARK, GORDON’S BAY 7140 WESTERN CAPE

REPUBLIC OF SOUTH AFRICA

VOICE OF GOD RECORDINGS

P.O. BOX 950, JEFFERSONVILLE, INDIANA 47131 U.S.A.www.branham.org

Inothisi yelungelo langokomthetho

Onke amalungelo agodliwe. Lencwadi ingaprintwa kwiprinta yasekhaya yenzelwe okuqondene nomuntu noma inikezelwe, ngesihle, njengethuluzi ukusabalalisa iVangeli likaJesu Kristu. Lencwadi ingethengiswe, iphinde ikhiqizwe zibe ningi, iposwe kwiwebsayiti, igcinwe ngohlelo lokuthi iphinde itholakale, ihunyushelwe kwezinye izilwimi, noma isetshenziselwe ukuzicelela izimali ngaphandle kwemvume ebhaliwe eshiwoyo ye Voice Of God Recordings®.

Ngolwazi olwengeziwe noma olwenye impahla ekhona, siza uxhumane ne:

Voice of God RecoRdinGsP.o. Box 950, JeffeRsonVille, indiana 47131 U.s.a.

www.branham.org