38
IMITHOMBO EVUZAYO Nkosi, ngiyakholwa; Nkosi, ngiyakholwa, Konke kungenzeka; Nkosi, ngiyakholwa. 2 Asibe silokhu simile umzuzwana nje futhi sikhothamise amakhanda ethu. Nkosi Jesu, sizama ngendlela yethu yokuzithoba, ukuzwakalisa kuWe, ngokucula leli, ukuthi siyakholwa. Futhi siyakhuleka, Nkosi, ukuthi manje, ukuthi Uzoqhubeka usihlephulela iSinkwa sokuPhila, usipha lokho esikudingayo, okuphuma eZwini laKho. Ngokuba sikucela eGameni likaJesu. Amen. 3 Ningahlala phansi. Ngiqinisekile impela, uma besingafanele sikwenze, uma bengingasho izwi elenele konke manje lika “amen,” ukuthi izibusiso zikaNkulunkulu ezinobukhosi bezingabe zilokhu ziphumula phezu kwalezizethameli. 4 Ngihlale kulokhu ukusa futhi ngalalelisisisa enkonzweni, ngazithokozela izimfakazo, izindlela ezehlukene umuntu ngamunye anazo zokuba bazizwakalise. Nokuzwa izifiki, umfowethu oyiBaptisti lapha ofikela ukuzoxolisa ngokucabanga lokho ngokungalungile kancane. Ngakho ngi—ngimthokozela ngempela umuntu, umuntu ongaba ngumunntu ngokwenele, noma—noma umnumzane ohloniphekile ngokwenele, futhi, uma ecabanga ukuthi wenze iphutha. Akaxolisanga kimi ngqo, bekungesimi abexolisa kuye, bekunguNkulunkulu. Ngakho ngi—ngiyakuthokozela lokho, niyabo. UNkulunkulu ambusise umfowethu, nomfowabo ongumvangeli. 5 He, lowomBaptisti, niyazi, ngake ngakhonza ebandleni leBaptisti uqobo lwami. Ngangiyilunga leMissionary Baptist Church. Uma ngifika phakathi kwabantu, ngiyazi ukuthi uzizwa unjani. Ngezwa ngendlela efanayo, nje ngigcwele into ethize enga—engangingayazi. 6 Ngiyasikhumbula isehlakalo sami sokuqala sokubona ipentecostal, kwakuseDowagiac, eMichigan…ngiyaxolisa, ngangikade ngiseDowagiac ngisohambweni lokuyodoba, futhi ngangehla ngivela eDowagiac, ngiya ezansi ukuyongena eIndiana. Futhi ngakho ngibone amagama, ka “Jesu” kuzo zonke izimoto nezinto, futhi ngalalela izinkonzo zabo ngalolosuku. Futhi ngosuku olulandelayo bangicela ukuba ngize emsamo, ukuba ngisho amazwi ambalwa, futhi ngakwenza. Futhi ngi… Bangibuza ukuthi ngangisonta kuliphi isonto, futhi ngabatshela ukuthi ngangiyiBaptisti. 7 Futhi ngalobobusuku babenendoda yekhaladi endala yayizoshumayela, futhi ifanele ukuthi yayilapha isingene emashumini ayisishiyagalombili, futhi iphumela emsamo. Umfo omdala, babecishe bamhole impela ephuma. Waye, embethe

ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

  • Upload
    others

  • View
    10

  • Download
    0

Embed Size (px)

Citation preview

Page 1: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

IMITHOMBO EVUZAYO

Nkosi, ngiyakholwa; Nkosi, ngiyakholwa,Konke kungenzeka; Nkosi, ngiyakholwa.

2 Asibe silokhu simile umzuzwana nje futhi sikhothamiseamakhanda ethu. Nkosi Jesu, sizama ngendlela yethuyokuzithoba, ukuzwakalisa kuWe, ngokucula leli, ukuthisiyakholwa. Futhi siyakhuleka, Nkosi, ukuthi manje, ukuthiUzoqhubeka usihlephulela iSinkwa sokuPhila, usipha lokhoesikudingayo, okuphuma eZwini laKho. Ngokuba sikucelaeGameni likaJesu. Amen.3 Ningahlala phansi. Ngiqinisekile impela, uma besingafanelesikwenze, uma bengingasho izwi elenele konke manje lika“amen,” ukuthi izibusiso zikaNkulunkulu ezinobukhosibezingabe zilokhu ziphumula phezu kwalezizethameli.4 Ngihlale kulokhu ukusa futhi ngalalelisisisa enkonzweni,ngazithokozela izimfakazo, izindlela ezehlukene umuntungamunye anazo zokuba bazizwakalise. Nokuzwa izifiki,umfowethu oyiBaptisti lapha ofikela ukuzoxolisa ngokucabangalokho ngokungalungile kancane. Ngakho ngi—ngimthokozelangempela umuntu, umuntu ongaba ngumunntu ngokwenele,noma—noma umnumzane ohloniphekile ngokwenele, futhi, umaecabanga ukuthi wenze iphutha. Akaxolisanga kimi ngqo,bekungesimi abexolisa kuye, bekunguNkulunkulu. Ngakhongi—ngiyakuthokozela lokho, niyabo. UNkulunkulu ambusiseumfowethu, nomfowabo ongumvangeli.5 He, lowomBaptisti, niyazi, ngake ngakhonza ebandlenileBaptisti uqobo lwami. Ngangiyilunga leMissionary BaptistChurch. Uma ngifika phakathi kwabantu, ngiyazi ukuthi uzizwaunjani. Ngezwa ngendlela efanayo, nje ngigcwele into ethizeenga—engangingayazi.6 Ngiyasikhumbula isehlakalo sami sokuqala sokubonaipentecostal, kwakuseDowagiac, eMichigan…ngiyaxolisa,ngangikade ngiseDowagiac ngisohambweni lokuyodoba, futhingangehla ngivela eDowagiac, ngiya ezansi ukuyongenaeIndiana. Futhi ngakho ngibone amagama, ka “Jesu” kuzo zonkeizimoto nezinto, futhi ngalalela izinkonzo zabo ngalolosuku.Futhi ngosuku olulandelayo bangicela ukuba ngize emsamo,ukuba ngisho amazwi ambalwa, futhi ngakwenza. Futhi ngi…Bangibuza ukuthi ngangisonta kuliphi isonto, futhi ngabatshelaukuthi ngangiyiBaptisti.7 Futhi ngalobobusuku babenendoda yekhaladi endalayayizoshumayela, futhi ifanele ukuthi yayilapha isingeneemashumini ayisishiyagalombili, futhi iphumela emsamo. Umfoomdala, babecishe bamhole impela ephuma. Waye, embethe

Page 2: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

2 IZWI ELIKHULUNYIWE

elinye lalawomabhantshi amade obufundisi, ukhololo wevelveti,futhi nje indingilizi encane yezinwele eziwuboya obumhlophezizungeze eceleni. Ngase ngicabanga, “Onke lawa indoda laphanosiyazi bezenkolo, indoda enkulu, ukuthi bebengayidedelakanjani lenkonzo inikezwe umfo onjalo na? Awu, indoda endalaifanele ngabe isesihlalweni ndawondawo, ihlezi phansi.”8 Babekade beshumayela ngalolosuku ngalokho uJesuayekwenzile lapha emhlabeni. Futhi, kodwa ithatha, yathathaindikimba yayo, ngikholwa ukuthi yayikuJobe…: 7, 20, ngekengaqiniseka ukuthi yilowo umBhalo. Nokho, yilesi isicaphuno,noma enye ingxenye yaso, “Wawukuphi lapho Ngibeka izisekelozomhlaba, lapho izinkanyezi zokusa zahlabelela ndawonye,namadodana kaNkulunkulu amemeza ngokujabula na?” Futhiyakhuluma ngalokho okwakuqhubeka eZulwini, ngenkathibabekade bekhuluma ngalokho okwakukade kuqhubekaemhlabeni.9 Futhi ndawondawo, cishe emizuzwini emihlanu emvakokuba yayikade ikhuluma, yona, uMoya weNkosi wathelekakuyo, futhi yagxuma yaya phezulu le kwiphansi lendlu yaseishayisana izithende zayo ndawonye. He, yayiningi kakhuluimpela indawo, kwakukhona cishe impela uhhafu kulomsamo;futhi yahamba isuka ihamba ngezinyawo, yathi, “Aninayo njeindawo eyenele phezulu lapha ukuba ngishumayele.”10 Awu, ngangithi angibe neminyaka engamashumi amabiliubudala ngaleyonkathi. Ngacabanga, “Uma—uma lokhokuzokwenza lokho ngaleyondoda endala, kuyongenzelani minana?” Ngakho niyabo?11 Ngenxa yokugcina yonke into nje ihleleke impelakubafowethu abasha, ukuthi sibemukela ngempelaenhlanganyelweni yethu. Ngibona, ngiyakholwa bake baphathaumpristi ohlezi lapha, ngiyacabanga; kusobala, engumIrishi,abantu bakithi bayiKatolika. Futhi ngakho bekunabanyefuthi abathi ababe babili, iBaptisti nabehlukene. Ningahleukuba nithe ukudideka kancane, esikhashaneni esedlule.Ngiqaphele ukuthi akukho namunye wabazalwane okhulumengakho, kodwa ngicabange ukuthi ngizozama ukuqondisa.Ngenkathi uMfowethu Shakarian…Emva kokuba isikhulumiesikahle lapha sesigcwale kakhulu injabulo, yokwazi ukuthiukuFika kweNkosi sekusondele kakhulu impela, u—ukhulumengolimi olungaziwa, kithi. Futhi sinabahumushi onikeza incazo.Okungukuthi, umBhalo uthi, “Uma engekho ohumushayo,khona-ke mabathule.” Kodwa uma—uma bekhuluma ngezilimibese-ke bekuhumusha, kuba yisiprofetho. Ngakho ukudidekaokuncane kwa—kwabo bobabili ngasikhathi sinye. Manje, lokhobekungesikho nokuncu ukudidana, niyabo; ngoba, omunye waboubenikeza incazo, omunye ubeprofetha. Niyabo? Ngakho lokhoyi…

Page 3: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

IMITHOMBO EVUZAYO 3

12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithibaqonde, uma bengaqondanga, ngoba omunye wabo ngokuyikhoubenikeza…Niqaphelile ngemikhawulo yezikhathi zomunyengamunye na? Nomunye ubegcwalisiwe kakhulu nje, qobolwakhe, ukuthi uMoya kaNkulunkulu ubuprofetha ngoyedwa;uhumusha, omunye ubenikeza incazo. Ukuze kucace, ukuthini…asi…Ngezinye izikhathi, emqondweni wemvelo…Njengomfowethu oligugu nje onikeza ukuxolisa kulokhu ukusa.Kuthi ukudida kancane kumuntu ongaqondi. Kodwa kulaboabaphakathi, izingwazi ezindala zempi ebeziphakathi, ngani,siyakuqonda lokho, ukuthi lezizinto ziyini. Ngakho ngicabangenje ukuthi ngizosho into ethize ngakho, uma bekulungile.13 Manje, ngi—ngiyazi lena akuyona indawo yokusho lokhu.Kodwa ngokuthi wonke umuntu ubexoxa izinto ezincane, ngi…Niyazi, lowomfo wathi, indoda yekhaladi endala yathi, “aninayoindawo eyenele ukuba ngishumayele.” Aninaso isikhathi esenelesokuba ngishumayele. [Ibandla lishaya ihlombe—Umhl.] Kutheukukhulumela futhi.14 Indoda yathi ngoluny’usuku, yathi, “Umfundisiwakhuphuka, wayekade engumelusi ebandleni iminyakaengamashumi amabili. Futhi wayehlala njalo eshumayelanje imizuzu engamashumi amathathu ngqo njalo ngeSontoekuseni ebandleni lakhe.” Futhi yathi, “NgaleliSonto ekuseni,ushumayele amahora amathathu.”15 Futhi ngakho ibhodi yamadikoni yambizela phakathi, yaseithi, “Melusi, sikuthokozela ngempela.” Yathi, “Siyazi njaloukuthi—ukuthi umela iBhayibheli namalungelo aLo.” Yase ithi-ke, “Futhi njalo uyasiqondisa ukuze sizizwe simsulwa futhisihlanzekile phambi kukaNkulunkulu. Futhi sikuthokozelangempela, futhi sikholwa ukuthi uyinceku kaNkulunkulu.Futhi siwuthokozele ngempela lowomlayezo kulokhu ukusa.Kodwa,” yathi, “kunento eyodwa nje esifuna ukukubuza ngayo.”Yathi, “Sikuqophele isikhathi, njengebhodi yamadikoni.” Yathi,“Njalo ngeSono ekuseni uba nje yimizuzu engamashumiamathathu ngqo, futhi namhlanje ube ngamahora amathathu.”Yathi, “Manje, khumbula, siwuthokozela wonke nomnci wawo.Ubuqinisile.” Benza umfo omdala azizwe ekahle, niyazi.16 Wathi, “Awu, bazalwane, ngizonitshela ukuthi kukanjani.”Wathi, “Njalo ekuseni uma ngiya e…Ngibizelwa epulpiti,”wathi, “Ngifaka elilodwa lalawomaswidi amancaneamaLife Savers emlonyeni wami,” wathi, “futhi ngivelenje ngilimunyunge.” Futhi wathi, “Uma iswidi iLife Saverseliphelile,” wathi, “lithatha nje imizuzu engamashumiamathathu,” wayesethi, “bese-ke ngiyeka ukushumayela.”Wathi, “Niyazi, kulokhu ukusa, ngicabange ukuthi ngitheukweqa isikhathi. Ngaliphimisa, benginenkinobho emlonyeniwami.” [Ibandla liyahleka—Umhl.]

Page 4: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

4 IZWI ELIKHULUNYIWE

17 Angizukufaka lutho, ngakho sithemba ukuthi asizitholiizinkinobho ephaketheni lethu. Kodwa si…Ngithemba ukuthilokho akuzwakalanga kungokuthuka okungcwele lapha. Kodwanje ngi…Niyazi, ngisho noNkulunkulu unamancoko, niyazi.18 Ngakho sibonga kakhulu ukuba lapha futhi sibenalesisikhathi senhlanganyelo, na—nalenhlanhla enkuluukuhlephula iSinkwa sokuPhila kanye futhi, ngendlelayami uqobo encane elula. Ngiyazi, njengosiyazi bezenkolo,njengaleyondoda ekhulume lapha izolo ebusuku evelaeNgilandi; he, ngiyakuzonda ukusukuma emva komuntu onjalo,nemfundo yami yebanga lesihlanu. Kodwa ngithemba ukuthiuNkulunkulu uzonihumushela incazelo enhliziyweni yami.Niyabo? Uma amazwi ami engalungile; izinhloso zami, ngi—ngiyethemba, zinjalo.19 Manje asifunde emBhalweni. Abaningi benu bayathandaukulandela. Futhi ngizofunda kulokhu ukusa, okwemizuzwanaembalwa nje, eNcwadini kaJeremiya, umprofethi, isahluko 2,futhi ngizoqala manje ngevesi 1.

Lase lifika kimi izwi leNKOSI, lithi,Hamba umemeze ezindlebeni zeJerusalema, uthi, isho

kanje iNKOSI; Ngikukhumbulela, umusa wobusha bakho,nothando lokukotiza kwakho, nokungilandela kwakhoehlane, nezwe elingatshalwanga.UIsrayeli wayeyingcwele kuyo iNKOSI, nolibo

lwezithelo zayo, bonke abamdlayo bayaku…necala;okubi kuyakubehlela, isho iNKOSI.Zwanini izwi leNKOSI, O ninandlu kaJakobe, nani-

mindeni yonke yendlu kaIsrayeli:Isho kanje iNKOSI, Ububi buni oyihlo ababufumene

kimi, baze badeda kude nami, futhi balandela okuyize,futhi baba-yize na?Abashongo ukuthi, Iphi iNKOSI eyasikhuphula ezweni

laseGibhithe, futhi yasihola ehlane, ezweni logwadulenelemigodi, ezweni elomileyo, nelamathunzi okufa,ezweni elingadatshulwanga-muntu, na…kungahlali-muntu khona na?Nganingenisa ezweni elivundileyo, ukuba nidle

izithelo zalo nokuhle kwalo; kepha lapho seningenile,nalingcolisa, izwe lami, nenza ifa lami laba-yisinengiso.Nabapristi abashongo ukuthi, Iphi iNKOSI?

Nabaphethe umthetho babengangazi: nabalusibaphambuka kimi, nabaprofethi baprofetha ngoBali,futhi balandela okungenakusiza.

Ngakho-ke ngiyakuphikisana nani, isho iNKOSI,ngiphikisane nabantwana babantwana benu.

Page 5: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

IMITHOMBO EVUZAYO 5

Ngokuba…kulelizwe zaseKitimi, futhi nibone;naseKedari, futhi niqonde kahle lokho, futhi niboneuma yake yaba-khona into enjengalena.Isizwe sike senana ngawonkulunkulu babo,

abangesibo onkulunkulu na? kepha abantu bamibenanile udumo lwabo ngokungenakusiza.Mangalani, O mazulu, ngalokhu, futhi

nithuthumele,…chitheke impela, isho iNKOSI.Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili;

bangishiyile umthombo wamanzi aphilileyo, futhibazigumbele imithombo, imithombo evuzayo, amanziangenakuhlala kuyo.

20 INkosi mayenezele izibusiso zaYo ekufundweni kwamaZwiaYo. Futhi ngithanda uku—ukuthatha indikimba yalokho,njengokuthi, Imithombo Evuzayo.21 Uma, ekufundeni lomBhalo kulokhu ukusa; okungukuthi,wonke umBhalo unikezwa ngokuphefumulelwa. Futhi sizaeNdlini yeNkosi sizoqondiswa nangokuqonda. Futhi ngezinyeizikhathi ukuthi sibona i…noma yiyiphi into encane endleleni.22 Njengalendoda yezempi, esikhashaneni esedlule,ibikhuluma kithi futhi ithi ezinye izinto ezithize, ukuthimhlampe mhlawumbe kwelinye izwe elithize kunomcibisholoothize imizayli, noma—noma into efana nalowomqondo, futhisifanele sithole okuthize ukuphikisana nalokho e—emaswiniokuphamba ezempi.23 Awu, into efanayo ingena ebandleni, ukuya esifundenisomfundisi lapho indoda ishumayela khona, noma umaingumvangeli ensimini. Uma ibona izibhelu, nento ethile eqalayonje, ihamba, ebunganeni bayo kumbe noma ngabe kuyini;yileyondoda, uma iyinceku kaNkulunkulu, ukuvimbela leyontoibe kude kakhulu emiqondweni yabantu ukuthi bayodeda kuyo.Futhi asifuni lokho ukuba kwenzeke, ukuba thina singeneezindaweni ezinjengaleyo.24 Manje, ngesikhathi sikaJeremiya lapha, isiprofethosakhe, kwase kukade kuthe akube yiminyaka engamashumiayisithupha selokhu kwafa u—uIsaya—Isaya. Futhi basebebe neminyaka ethi ayibe ngamashumi ayisithuphabengenaye umprofethi omkhulu. Kwakukhona uHabakukinabanye babaprofethi abancane abangabancane, kodwauIsaya wayengumprofethi wokugcina omkhulu. Nabantubabekade, ngalesisikhathi, babengenamuntu wokubabizabaphume. Babeshushumbile. Nokho, babengabantubakaNkulunkulu, babeshushumbe bangena kulesisimo manjee—esibathola bekuso, njengoba uJeremiya weza ukuzoprofethakubo. NoJeremiya futhi waye…Waprofetha ngaphambikokudingiswa, kanti futhi waya ekudingisweni nabo.

Page 6: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

6 IZWI ELIKHULUNYIWE

25 Bese kuthi-ke, kusobala, uDanyeli ufika emvakukaJeremiya. NoDanyeli washo ukuthi wayenokuqondaokuningi, ngomBhalo, weminyaka engamashumi ayisikhombisaukuthi babezoba lapho.26 Kusobala, kwakukhona omuny’umprofethi phakathi kwabo,owayefuna ukwenza lelijoka, lapho elibeka phezu kwentamoyakhe, ukuthi kuyoba yinto encane, ukuthi, “Phakathikweminyaka emibili, awu, uNkulunkulu wayezobabuyisabonke,” kodwa uJeremiya wayazi okwehlukile kulokho.Futhi siyazi ukuthi kwenzekani kumprofethi owaprofethangokungesikho, wafa ngawo lowonyaka. Ngakho uNkulunkuluakamvumelanga ame.27 Futhi manje siyaqaphela futhi izimo zabantu ngalolosuku.Manje anginifiseli ukuba ningangiqondi kahle (a—angihlosile)kulokhu engizokusho lapha, eminye imiBhalo namanothiamancane.28 Kwakuvame ukuthi ngingadingeki ukuba—ukuba ngibhalephansi imiBhalo yami nezinto. Kodwa emva kokubasengedlule emashumini amabili-nanhlanu okwesibili, awu, a—angisakhumbuli njengoba ngangivame ukukhumbula, ngakhongibhala phansi umBhalo nokuthi ukwazi, kulokho, laphoengiya khona. Bese-ke kuba yisikhathi esiningi kakhulungikhulekela abagulayo, kanjalonjalo, futhi ngiphume futhisengihambile, anginaso isikhathi sokuthi ngempela ngitadishenjengoba ngifanele ngenze.29 Manje, kodwa lomprofethi omkhulu walolusuku,wayenguJeremiya, futhi wayethi akabe yinto ethize emisiseokuka-Amose nabaningi babanye abaprofethi abavukayo.Washukuma ngenkathi ebone izimo zesizwe. Manjekwakunezindawo…30 Ngesinye isikhathi uma ukhuluma ngesizwe, sona singahlesicabange ukuthi sibonisa i—iqembu elithize. Akusikholokho. Yisithombe sonke sesizwe. Futhi siyathola, namhlanje,sona impela simo so—sokuqhathanisa namhlanje njengobakwakunjalo ngezinsuku zikaJeremiya, ukuthi isizwe uqobolwaso, ngakho konke, singene kukho, ngokufana nakho,ukukhonza izithombe; uhlobo olunjalo, ngingathi, sidedilekuNkulunkulu. Futhi ngokwenza lokho, kube ngubuthakathakabepulpiti. Ngoba, ukuba ipulpiti belihlale laqonda, futhi lineZwilikaNkulunkulu, uNkulunkulu ubezoba kuwo wonke amabandlanjengoba Ehamba phakathi kwethu lapha. Kodwa baholebasuka kulokho. Naleyo yinto engi—engifuna ukukhulumangayo kulokhu ukusa. Futhi manje sithola ukuthi lokhokuqinisile uqobo kuyo yonke iminyaka.31 Ngikholwa ukuthi kwakunguAmose, njengoba ngikengakhomba kuye esikhashaneni esedlule, ukuthi wathi waye“ngesuye umprofethi, kanjalo nandodana yomprofethi.” Kodwa

Page 7: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

IMITHOMBO EVUZAYO 7

washo, ukuthi, “Uma ingonyama ibhonga, ubani ongayikwesabana?”32 Futhi uma noma ubani owake wezwa ingonyamayangempela ibhonga ehlane, lezi enizizwa ezibiyelweningapha zisuke zikhalisa okwekati nje. Kodwa uma eyodwaibhonga ehlane, yonke into iyalalela. Ngike ngalala emenweni,ukuba ngizizingele. Futhi iyinkosi yezilwane, futhi, umaleyongonyama ibhonga, ngisho namabhungane ayayekaukumpompoloza, yonke into iyayeka. I—izimpungushe nezi—nezimpisi ziklabalasa, nezinye izilwane, nokunswininizakwezimfene nezinkawu, amabhungane, kungal’khuni ukubauzizwe ucabanga; kodwa ebangeni ake kubhonge ingonyama,futhi onke amabhungane ayoyeka ukumpompoloza. Niyabo,yonk’into iyayesaba. Nokho, kunezinto eziningi ezingayibulala,kodwa yaziwa njengenkosi phakathi kwezilwane.33 Wathi, “Uma ingonyama ibhonga, ubani ongayikwesabana?” Wathi, “Manje-ke uNkulunkulu ukhulumile, ubaniongayikuprofetha na?”34 Nalokho ngukuthi, ngiyacabanga, isimo sihlangabezananaleyonselelo futhi namhlanje. UNkulunkulu ukhulumile.Niyabo? Futhi sibona isandla esiloba odongeni, ngakho kululakabi ukuprofetha nokubona ukuthi sisesikhathini sokuphela.35 Futhi sibona uNkulunkulu, kuzo zonke izigaba zamahlelo,kusukela le ebuKatolikeni, kuwo wonke amabandlaamaprotestane, oBhuda namanye, kusukela eNdiya, nanomayini okunye. Ubizela abantu baKhe ndawonye, ebabuthelandawonye. Futhi ngi—ngijabula kakhulu ngalokho, ukubonalolusuku luza. Manje si…Wu—wusuku olukhulu, enyeyezinhlanhla ezinkulu kunazo zonke.36 Lokho, ukuba ngangingakwenza, ukuba ngangazingaphambi kokuba kubekhona izwe, ngenkathisiseyimiphefumulo ingxenye kaNkulunkulu, ukuthi siyiyo,ngokuba sasinaYe ngaphambi kwezisekelo zezwe. Ngoba,sinye kuphela isimo sokuPhila okuPhakade, nalowonguNkulunkulu. Futhi siyingxenye yaKhe. Sasingekhokangako ukuthi sasizokwazi futhi—futhi sicabange, futhisibe nokuba ngumuntu; kodwa sasisemicabangweni yaKheyalokho esasiyikho, ngaphambi kokusekelwa kwezwe. Ngoba,siyingxenye yaKhe, njengendodana yami iyingxenye yami,nami ngiyingxenye kababa wami, kanjalonjalo. Singamadodananamadodakazi kaNkulunkulu, ngokwazi phambili kwaKhe.37 Nasemuva lapho, ukuba ngangazi njengoba ngazi manje,futhi ngakwazi ukubuka lonke ibanga lesikhathi, futhiWayeyothi kimi, “Yisiphi isikhathi ofuna ukuphila kuso na?”Ngangiyosho lesisikhathi khona manje, ngaphambidlananje ko—kokuphela komlando wezwe, nokufika koMbusokaNkulunkulu ukuba usungulwe emhlabeni. Ngicabanga ukuthi

Page 8: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

8 IZWI ELIKHULUNYIWE

yisikhathi esiyinkazimulo kakhulu kunayo yonke iminyaka,sikhona manje.38 Siyathola lapha ukuthi uIsrayeli uthweswa icalangumprofethi, ngenkathi uNkulunkulu wayesemgcobile futhiwamthumela, bathweswa icala lezono ezimbili ezinkulu.Futhi sifuna ukukhuluma ngalezozinto ezimbili ababezenzile.Futhi, kusukela kulokho, sifuna ukuphumelela ngakho.Manje, babefulathele uNkulunkulu, uMthombo wamanziaphilileyo, futhi babezigumbele imithombo. Babefulatheleinto uNkulunkulu ayebanike yona, futhi babezigumbele intoethize ababezenzele yona. Nalemithombo yokuzigumbela,niyaqaphela, ayenayo, yayephuliwe futhi yayivuza.39 Manje, umthombo ovuzayo wokuzigumbela ungekewawabamba amanzi. Uyovuza. Ngakhuliswa eplazini, futhingiyazi ukuthi uyini umthombo omdala wokuzigumbela,nobunzima esinabo ngawo.40 Nalomthombo ovuzayo wokuzigumbela uyi—yisithombeesihle impela, ngiyacabanga, salolusuku, ukuthi nxa (okwethu)zonke izinto esizame ukuzenza, ukuhlanganisa indodandawonye, ukuhlanganisa abantu ndawonye, ukuhlanganisaamabandla ndawonye, sekuphenduke njalo kwaba sezingenilemizamo yezihlakaniphi. Sizame ukwenza onke amaMethodistiabe yiBaptisti, nangapha nangapha, namahlelo ehlukene. Nalolokwakungesilo uhlelo lukaNkulunkulu, kwase kuqaleni nje.41 UNkulunkulu unendawo eyodwa kuphela yokuhlanganela.Washo laphaya eNcwadini kaEkosodosi, ukuthi, “Ngikhetheindawo yokubeka iGama laMi, naleyo yiyona-ndawo kuphelaeNgiyohlangana khona nabantu.” Futhi Wayekhethe indawoyokubeka iGama laKhe. Futhi lapho Abeka khona iGama laKhe,yilapho Ahlangana khona noIsrayeli. Unendawo Ahlanganakhona nebandla laKhe namhlanje, futhi Wakhetha leloGama,naleloGama nguJesu Kristu. Futhi yilapho Ahlangana khonanekholwa leqiniso, uma likuJesu Kristu. Yilapho uNkulunkuluakhetha khona ukubeka iGama laKhe.

Wena uthi, “IGama likaNkulunkulu?”42 Wathi, “Ngeza ngeGama likaBaba waMi.” Ngakho yilaphouNkulunkulu abeka khona iGama laKhe, kwakukuKristu. FuthikuKristu yilapho sonke esihlangana khona phansi kweGazieliphalele, futhi lapho sibe neyangempela, inhlanganyeloyeqiniso.43 UNkulunkulu wenza uhlelo lwaKhe ekuqaleni, ensiminiyase-Edene, lapho indawo Ayohlangana khona nomuntu,nalokho kwakungekho phezu kokuqonda kwezihlakaniphi;ukuba kwakunjalo, uEva wayesemgqeni impela nohlelolwaKhe. Kodwa siyazi ukuthi ukwemukela kwakhe umqondowokuhlakanipha kukaSathane, “Impela, uNkulunkuluakayikukwenza,” kodwa uNkulunkulu wathi Wayezokwenza!

Page 9: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

IMITHOMBO EVUZAYO 9

Futhi ngakho ngakho-ke Wakhetha indawo yokuhlengwa, futhikwakungeGazi, futhi hhayi ngomqondo wokuhlakanipha.44 Ngakho sishaya umoya kuphela, kodwa nje kuyimveloyomuntu ukuthi—ukuthi abantu bayozama ukwe—ukwenzalokho. Ukuba besinesikhathi, besingakuhlaziya kube yizicucueziningi, kodwa angiyifuni leyonkinobho. Ngakho sizozama njeukukwenza kube lula ngakho konke okungenzeka, “imithomboyokuzigumbela evuzayo.” Futhi sithola ukuthi ngokoqobo kwe—kwenzekile futhi, kuyiso impela isithombe sonyaka wethuesiphila kuwo, sakho konke ukuzama kwethu.45 Futhi kungesikho ukubukela phansi kuyo yonke imizamoukuthi noma yiyiphi inceku kaNkulunkulu, ephathangisho iGama likaJesu Kristu. Ifanele ihlonishwe ngishonangokuphatha iGama laKhe ngenhlonipho yokuzithobanenhlonipho. Nezinqubo ezinkulu zobuvangeli obunqamuleumhlaba, kanjalonjalo, kulezizinsuku zokugcina, ngiyacabanga,noma kunjalo asisoze sakwazi ukuthola abantu babenhliziyonyesize sibafake phansi kweGazi likaJesu Kristu. Leyo yindawokuphela esiyoba nokuphepha njalonjalo kuyo.46 Omunye wangibiza kungekudala, phezulu evelaeMpumalanga, futhi wathi, “Mfowethu Branham, ngizwaukuthi usuthuthele e—eArizona, futhi wakha i—indawolapho lapho ukuthi kunokuphepha.” Futhi njengoba naziukuthi uMlayezo ufika kanjani, neNkosi yangitshela ukuthikwakuzokwenzekani eAlaska, nokuthi kwakuzoba kanjaniezansi kudabula eCalifornia, futhi kube ngaleyondlela nje.Bathi, “Manje uma lokho kuzamazama, nayo yonke into, iphiindawo ephephile na?”47 Ngathi, “Yinye indawo ephephile engaziyo ngayo. LeyoikuKristu. Ngokuba labo abakuKristu, bayaku…” Yiyonakuphela engiyaziyo.48 Manje uJeremiya wayebizwa, futhi ngokuthi, “umprofethiokhala izinyembezi.” Futhi ngoba, ngiyakholwa, lokho kwenzalomprofethi akhale izinyembezi—akhale izinyembezi, ngiqondeukusho njalo, kwakungenxa yokuthi yena engumprofethi (neZwileNkosi liza konjalo) futhi ebona abantu belandela amasikoabo, futhi bacabanga ukuthi babeqinisile, futhi akukho-ndlelanhlobo yokubaphendula.49 Ngokuba, babeya ngqo ekudingisweni, ngoba siyazi ukuthiuvuna okutshalayo, kungakhathaleki ukuthi ungubani, ukuthiuyini. Futhi thina njengesizwe sivune…noma esikutshalile,njalo, futhi sifanele sivune. Ngikhuluma kusasa, iNkosi ithanda,ntambama, ngokuthi Izinhlungu Zokuzala; futhi ngi—futhingithinta lokho phakathi lapho, ukuthi ngeke sazedlulelanalutho. Sifanele sivune esikutshalayo.50 Futhi uma uNkulunkulu engasidedela sizedlulelenempendukezelo yethu yobuKristu namhlanje,

Page 10: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

10 IZWI ELIKHULUNYIWE

nokuphendukezela abantu kulezizinto ethiwa ngubuKristu,njengoba uMfowethu Moore ake asho, “Uyobophezelekangokwesimilo ukuvusa iSodoma neGomora, futhi axolisengokubashisa abaqede.” Kunjalo, ngoba uNkulunkulu usalokhuelungile. Nalapho ukungabi nabulungiswa kufike khona; ku—kufanele ebungcweleni baKhe neZwi laKhe ukuthi Wenzaabantu bavune abakutshalayo, futhi sizodingeka senze lokho.51 Manje qaphelani babeMshiyile, uMthombo wamanziamaningi aphilileyo, futhi babezigumbele imithomboyokuzigumbela.52 Manje kungahle kube nomuntu-mumbe lapha ongeqondeukuthi umthombo wokuzigumbela uyini. Umthombowokuzigumbela uyithangwe elenziwe ngumuntu ozamaukuthatha indawo yesiphethu. Kuyinto egujwe ngumuntu-mumbe. Futhi bangaki owaziyo ukuthi umthombowokuzigumbela uyini na? Kuhle. Kulungile, inqwaba yabantubasemaphandleni lapha kulokhu ukusa. Ngakho ba…Ngiyawukhumbula umthombo omdala wokuzigumbelaendaweni, ukuthi wawubukeka unjani, futhi ngangesaba njaloukuphuza entweni. Kwakuyi—yithangwe elenziwe ngumuntu.Futhi lingeke neze kwethenjelwa kulo. Ungeke wethembelaemthonjeni wokuzigumbela.53 Manje noma yini eyenziwa ngumuntu ngokwejwayelekileayiyinhle kakhulu. Kodwa nje njenge—ngeNkosi yahlelaisikhathi e—e—ekujikelezeni kwaso, nomhlaba uphenduka;minyaka yonke, njalo uma unqamula, nsuku zonke, mahoraonke, nelanga lishona, futhi akwehluleki neze. Kodwa wonaimpela amawashi amahle kunawo onke esingawathola,ayohluleka imizuzu eminingi esikhathini esiyinyanga,akungabazeki. Kodwa, niyabo, yonk’into uNkulunkuluayenzayo iphelele, nalokho okwenziwa ngumuntu akuphelele.Pho kungani nemukele okwenziwa ngumuntu, kanti ungabanakho ukuphelela na?54 Bengihlala njalo ngikusho lokho ngathi thina bantubePentecostal. Niyabo, siyazi, futhi asi—asiphumile ohlelwenikusobala, lukaNkulunkulu, asikholwa; kodwa futhi siyaziukuthi phakathi kwethu sinabantu abazama ukuzifanisanomunye umfo. Lokho ngubuntu nje. Bayozama ukwenzalokho. Bakwenza eBhayibhelini, “Omunye, ‘NgingokaPawulu,’‘NgingokaSila,’” kanjalo njalo. Kodwa, bona, bazamaukuzifanisa nokwenziwa ngomuny’umuntu noma akwenzayo.55 Kodwa kungani ningemukela ukuzifanisa nomuny’umuntukwamanga, zibe izibhakabhaka zigcwele into yangoqobo,kanti “isithembiso ngesenu nesabantwana benu na”? Kunganisingemukela into eyayehlukile na? Kungani singaphakamisaisivumokholo noma umbhedesho, kanti iBhayibheli liyiZwilikaNkulunkulu elimsulwa na? Kungani sizame ukwenezela kulo

Page 11: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

IMITHOMBO EVUZAYO 11

noma sisuse kulo, kanti iNkosi uJesu yathi eSambulweni 22:18,“Oyosusa iZwi elilodwa kuLo, noma enezele izwi elilodwa kuLo,isabelo sakhe siyosuswa eNcwadini yokuPhila”?56 Kanti uNkulunkulu kuqala wabeka isintu emhlabeni,Wabatshela baphila ngeZwi laKhe. Manje iZwi likaNkulunkululinjengeketango, nedlula ninqamula esihogweni ngaLo; futhiiketango lalo lihle kakhulu kuphela ekuxhumaneni kwalookubuthakathaka ukwedlula konke, noNkulunkulu usifunasigcine lonke iZwi laLo. Manje lokho kwakungokokuqalakweBhayibheli; ukwephula iZwi elilodwa nje, kwasithi dlwaisintu ebumnyameni bokufa.57 UJesu wafika phakathi neBhayibheli, futhi Washo ukuthi,“Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso, kepha ngamaZwionke.” Hhayi nje ingxenye yamaZwi, noma amashumiayisishiyagalolunye-nesishiyagalolunye ekhulwini; kepha onkeamaZwi, njengoba nje wayenjalo uEva noAdamu.58 Futhi ekugcineni kweBhayibheli, iSambulo 22:18, Washoukuthi, “Oyosusa iZwi kuLeli, noma enezele izwi elilodwakuLo!”59 Ngakho sidingelani ukujovela phakathi Lapha imibonoyomuny’umuntu ngezinto, kanti lona nguMbono kaNkulunkuluuQobo ngakho na? Sifuna ukuthatha Akusho. Kanti futhikulotshiwe, “Onke amazwi omuntu awabe amanga, nawaMi abeyiQiniso.”60 Kwakuyileyo indaba ngalomprofethi. NgezinsukuzikaJeremiya, wayengumprofethi, wayeneZwi leNkosi.Nalomfo wayezama ukujovela into ethize kuLo, manje ngekekwethenjelwa kuyo. Futhi ngifanisa lamathangwe manjenalezizinqubo esizame ukuzithatha, nokuthatha indawo yeZwilikaNkulunkulu lasekuqaleni.61 Ngokuba, akukho lutho olungathatha indawo yaLo.NguNkulunkulu. “Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwiwayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. ULizwiwaba yinyama wakha phakathi kwethu.” Futhi amaHeberu13:8 athi, “Nguyena izolo, namuhla, naphakade.” Singaphuculakanjani sisuke kuLokho na? Kuzofanele kube yiQiniso. Uhlalaefana njalo. Ufana kuyo yonke imigomo.62 Yingalesosizathu niLijabulela, nina maBaptistinamaMethodisti, neKatolika namaPresbyterian, kanjalonjalo,nijabulela loboBukhona. Ndawondawo, kuwe, wemukeleuNkulunkulu. Mhlawumbe ngesinye isikhathi ngendlelayokuhlakanipha, mhlawumbe uzwe Amandla kaNkulunkulu,futhi uyinceku kaNkulunkulu; kodwa uma ngempela ungezaungene kuNkulunkulu, futhi uyiqonde indawo yakho kuYe,njengendodana noma indodakazi kaNkulunkulu, yilokhookuletha lokho kuxhuxhuma okukhulu kuwe, uNkulunkuluahlose ukuba ube nakho.

Page 12: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

12 IZWI ELIKHULUNYIWE

63 Manje siyaqaphela kuMarku oNgcwele, isahluko 16, uJesuakashongo ukuthi, “Hambani niye ezweni lonke, futhi—futhi—futhi nifundise.” Wathi, “Hambani nishumayele iVangeli.”Nishumayele iVangeli, ngukuthi, nibonakalisa Amandla kaMoyaoNgcwele! “Hambani niye ezweni lonke, futhi nibonakaliseAmandla kaMoya oNgcwele.”64 Ngikhuluma nomfowethu, omunye wabaxhasi e…umhlangano wami eNdiya, eBombay lapho, ezansi eNingizimuAfrika nezindawo ezehlukene, lapho izithunywa zenkolozaziKufundise njengezwi noma njengomqondo wezihlakaniphi.Kodwa ngoluny’usuku emhlanganweni, ngenkathi uMoyaoNgcwele wehla, qobo lwaWo, futhi wasindisa izinkulungwaneezingamashumi amathathu zabomdabu boblanketheekubizelweni ealtare okukodwa, futhi khona enkundleniefanayo lapho ababemi khona. Abesifazane bemi lapho,ababekade benqunu cishe impela nje njengoba babenjalongenkathi befika ezweni, futhi ngawo impela lowomzuzuabaphakamisa ngawo izandla zabo ukuba bemukele uKristu…65 NoMoya oNgcwele wehlela phezu kwendawo futhi waphilisaabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili-nanhlanungesikhathi esisodwa, besuka ezihlalweni ezinamasondo,imibhede eyizinhlaka nezinhlaka. Imeya yedolobha yabanami, ngosuku olulandelayo, sibuka lemithwalo yamaveni ehlangomgwaqo.66 Labo besifazane bemi lapho, benqunu, bengazi ukuthibabenqunu. Kodwa kwathi nje uMoya oNgcwele ungashayakubo, basonga izingalo zabo ukuba basuke bahambe ebukhonenibesilisa sakubo.67 Futhi ngiyamangala ukuthi kukanjani ukuthi thinaeMelika sizibiza ngesizwe samaKristu, naseBukhonenibukaNkulunkulu; futhi njalo ngonyaka thina, abesifazanebakithi, bahhundula eziningi. Futhi benifanele nembatheeziningi. Nokuningi kukaKristu enikwembathayo, yilaphoniyoba nomningi unembeza wezimo zenu uqobo. Ngesinyeisikhathi ngibona indlela abantu abaziphatha ngayoemgwaqeni, ngiyamangala ukuthi ngabe ngempela nje kusileyini kahle engqondweni. Kubonakala sengathi abaqondi ukuthiuma benza lokho, abakwenzayo, bazenza bona uqobo isicuphosikadeveli, nokuthumela imiphefumulo esihogweni. Kunjalo.Kodwa izwe lisekonakaleni njengoba lalinjalo ngezinsukuzikaJeremiya.68 Manje sibuyele emthonjeni wokuzigumbela. Manje,lomthombo wokuzigumbela ngeke kwethenjelwa kuwo ngobaungeke wazigcwalisa wona. Futhi uzofanele wethembeleezimvuleni zendawo ukuba ziwugcwalise, izimvula zendawonoma izimvuselelo zendawo, ukuba nemvuselelo encanelapha nemvuselelo encane laphaya, kumbe nokunjalo, ukuba

Page 13: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

IMITHOMBO EVUZAYO 13

kuwugcwalise swi. Ngakho ngeke kwethenjelwa kuwo.Ungeke wazigcwalisa wona. Unokungeneli, kuwo uqobo.Ungeke wakwenza. Futhi uzofanele wethembele ezimvuleni,ukuwugcwalisa.

69 Manje-ke ake siqaphele lapho u—uthola khona imvula yawo,lapho othola khona amanzi awo, umthombo wokuzigumbela.Yehla ivela phezulu esicongweni sezinqolobane, emashede,lapho konke ukungcola uthuli olukuphephulayo phezulu lapho,kugezekela emvuleni ngqo, futhi kwehlele ngqo emthonjeniwokuzigumbela, ithangwe elenziwe ngumuntu. Uphendukacishe impela ube njengomgodi wokungcolile. Futhi igeza kusukaesicongweni senqolobane lapho zonke izilwane, kwephungaemagcekeni ezinqolobane, kanjalonjalo, bese kwehlela phansi.Nomoya uphephula e—uthuli nezinto enqolobaneni, bese kuthi-ke imvula yendawo ifike bese ikugeza, imvula, ikususe.

70 Bese kuthi-ke amanzi athwalwe ngomkhombe owenziwengumuntu edlule epayipini elenziwe ngumuntu, aye ethangwenielenziwe ngumuntu. Bese kuthi-ke uma esefika lapho,asengcolile, angcole kakhulu ngangokuthi uzofanele ubekeindwangu eyisisefo kuwo, kungenjalo ubungeke uwaphuze.Manje, niyabo, kugezeka kusuka ophahleni, ngomkhombeowenziwe ngumuntu, ipayipi elenziwe ngumuntu, ayongenaethangweni elenziwe ngumuntu. Bese kuthi-ke wona nesisefoesenziwe ngumuntu phezulu phezu kwawo, ukubona ukuthiezinye zezilokazana nezinto azingeni.

71 Manje, manje siyaqaphela, kulezizinsuku ezimbalwa emvakokuba amanzi ehlezi lapho, kulokhu ukuhlela okwenziwengumuntu, noma ithangwe. Ngiyaxolisa. Ngiyaxolisa.Kulungile. Emva kokuba seku—emva kokuba sekugezekile,kuzozonke izinhlobo zamasayense ezenkolo nezinto sezigezekezangena kuwo; manje sifike sithole ukuthi, uma ehlala laphoizinsuku ezimbalwa, aba ngami ndawonye.

72 Futhi noma ubani uyazi, emlandwini webandla, ngenkathiuNkulunkulu ethumela into ethize, umlayezo, futhi ubangofreshi uvela kuNkulunkulu, khona-ke emva ko—kokuphilakwalowomqambi (kumbe noma kungaba yini, nimbizangomguquli, kumbe noma ngabe yini enifuna ukuyisho ngakho),emva kokufa kwakhe, khona-ke bathola inqubo esetshenziwebese benza inhlangano. Futhi kuthi nje bangenza inhlanganokulokho, ifa khona lapho. Ayivuki neze futhi. Ikwenzile ngasosonke isikhathi, emuva, kuyothi ngqu emuva.

73 Ekunakeni lompristi oyiKatolika ehlezi lapha; ngenkathiuNkulunkulu ehlela ibandla…noma, hhayi ukulihlela,uNkulunkulu akazange ahlele ibandla. Akekho kulolohlobolomsebenzi. Usekuzaleni, hhayi inhlangano, ngakho ngenkathiuNkulunkulu eqalisa ibandla ngoSuku lwePhentekoste. Kwase

Page 14: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

14 IZWI ELIKHULUNYIWE

kuthi-ke ekugcineni ezansi eNayisiya, eRoma, balihlela, futhiyilapho elalahla khona Amandla alo.74 Manje-ke sehlela enguqukweni yamaLuthela, futhikwakuyinto enkulu. IZwi likaNkulunkulu lanikwa,“Abalungileyo bazakuphila ngokukholwa.” Futhi ngenkathibenza, esikhundleni sokucosha, bonke ndawonye, bonkebendawonye futhi bemasha beya phambili, benza ibandlalamaLuthela, bezahlukanisa naleliqembu, lase liyafa-ke.75 Kwase kuthi uNkulunkulu wavusa uJohn Wesley,nokungcweliswa, umlayezo womsebenzi wesibili womusa,futhi kwakuyinto eyisimangaliso. Kodwa emva kukaWesleynoAsbury, balihlela, lafa.76 Bese-ke kuqubuka amaPentecostal nokubuyiselwakweziphiwo. Ayenza kahle, kwenzekani na? Alihlela futhi lafa.Khona impela nje.77 Manje phakathi kwakho konke lokhu, uNkulunkuluusalokhu ebiza insali kubo bonke balezozizukulwane. ImpelaUsakwenza. Futhi yisikhathi sethu sokuphuma, sokubuthanandawonye. Futhi yilokho engikucabangayo, oSomaBhizinisibeFull Gospel ubambe iqhaza elikhulu ngokubhidlizalezizindonga, nokusho ukuthi, “Akukho-mehluko kithi.Asihlangane ndawonye futhi sikhonze uNkulunkulu phansikomgomo owodwa, hhayi phansi kwenhlangano.” Ukubabekuyinhlangano, bengizosuka kulomsamo khona manje.Angizihlanganisi ngalutho nayo.78 Okuyikho, kuzofanele kube yinhlanganyelo, futhi hhayiinhlanganyelo yesivumokholo esithize. Kodwa inhlanganyelokuKristu, ngamandla okuvuka kwaKhe, yileyonto elethaukuPhila. Iletha ukuzalwa.79 Futhi ngaphambi kokuba ukuzala kukwaziukufika, siyaqonda ukuthi kuzofanele kube ngukufangaphambi kokuzala. Nokuzala kungamahlaphahlapha,angikhathali ukuthi hlobo luni lokuzala okuyilo. Umakusehhokweni lezingulube, noma—noma ngabe kukuphi,kungamahlaphahlapha. Futhi kunjalo nokuZalwa okusha,kukwenza wenze izinto ngokwejwayelekile obungeke ucabangeukuthi uyozenza. Kodwa uma usulungele ukufa kuwe uqobo,khona-ke uzalwa ngokusha, isidalwa esisha kuKristu uJesu,bese-ke izinto, zivuleka nge nokuphila kuba ngukubonaokusha kuwe, ngoba sewemukele uMuntu kaJesu Kristu, futhihhayi isichasiselo esithize esibonwa ngokucabanga nje nomaisivumokholo esithize.80 Noma, ngisho naseZwini elilotshiwe, Lizofanele liphiliswenguMoya oNgcwele. Akunandaba ukuthi unesayense eningikangakanani yezenkolo, ilele lapho ifile. Bengingaba nokoloogcwala isandla; uze ungene ekuqhubekeni lapho ongaphiliswakhona, ukolo awusoze waphila. Futhi ungaba neziqu

Page 15: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

IMITHOMBO EVUZAYO 15

zobudokotela, iPh., LL., noma yini oyifisayo; kodwa uzeuMoya oNgcwele ufike phezu kwalokho futhi ukuphilise kuwe,njengesehlakalo esiqondene nawe noNkulunkulu, khona-keukolo awusizi lutho. Uyafunda kuyize.81 NjengaleliNgisi lasho ngobunye ubusuku lapha, ngamangalakakhulu ngalokho. Konke ukufunda elalinakho, njengoPawulu,ladingeka likhohlwe konke elalikwazi, ukuze lifumane uKristu,lenza izinto elalicabanga ukuthi lalingeke lizenze.82 Kodwa yileyondlela uNkulunkulu enza ngayo, Uyasehlisaenqubweni yethu yemfundo. Kungesikho ukuthi sengathingizama ukwesekela ukungazi, kodwa ngizama ukunitshelaumehluko. Imfundo ingeke neze yaletha ukuPhila. KuthathauMoya kaNkulunkulu ukuletha ukuPhila, nalokho kuPhilaakufanele nje kuvele emvuselelweni yokuhlakanipha.Kuzofanele kuvele eBhayibhelini, imvuselelo yeZwi, naleloZwiliyilo izolo, namuhla, naphakade. Futhi uma Lehla namhlanje,futhi liphilisa, uthola imiphumela efanayo owayenzayoeZenzweni 2. Impela. Belihlala njalo linjalo, futhi liyohlala njalolinjalo, ngoba nguMoya kaNkulunkulu owenza izimo zendawozishintshe.83 Kuthatha ukushintsha kwesimo sendawo ukwenza izinto.Yingalesosizathu nina besilisa nihlala njalo nifundiswa,“Lethani abantwana benu lapha.” Awu, impela lokho kunjalo.Ngijabulile ukubona indodakazi yami, uRebekah, engena futhiehlala phansi, emizuzwini embalwa nje edlule. Abanye benubangibonile ngiqhweba ngeso owesifazane, bekuyindodakaziyami, ngakho iyangena yase ihlala phansi. Ngifuna yemukeleumbhaphathizo kaMoya, futhi yingakho ilapha emhlanganweni.Yileyo-ke inhloso yakho. Kuthatha isimo sendawo.84 NjengoDokotela Bosworth omdala wayevame ukuthi,“Ungathatha iqanda lesikhukhukazi bese ulifaka phansikomdlwane, liyochamsela ichwane.” Ngani na? Ngoba yiqandafuthi linesimo esikahle sendawo.85 Angikhathali uma uyiMethodisti, iBaptisti, iPresbyterian;esimweni esikahle sendawo, iyochamsela umntwanakaNkulunkulu ozelwe ngokusha. Yisimo sendawo esikwenzayo,akunandaba ukuthi unacici lini lehlelo elichaza uhlobo onalo.86 Ngangivame ukwelusa izinkomo. Ngangiqaphela umphathiweplazi uma sizenyusela ehlathini, ziphuma e—ziphumaezindaweni zokuziphakela ezansi emaplazini ezinkomo, besesizibeka ehlathini. Wayema lapho futhi abhekisise lapho zedlulaesangweni, othangweni lokushushumbisa. Wayengazinakineze kakhulu kangako izimpawu, ngoba kwakukhona zonkeizinhlobo zezimpawu ezazedlula lapho. Kodwa yinye intoayeyiqaphela, icici elichaza uhlobo lwegazi. Kwakufanelekube yiHereford yoqobo kungenjalo yayingenakuqhubekelakulelohlathi, ngoba yiHereford Association edlisa kulelohlathi.

Page 16: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

16 IZWI ELIKHULUNYIWE

Ifanele ibe necici elichaza uhlobo lwegazi, ukugcina uhlobolokuzalana lukahle.

87 Futhi ngicabanga ukuthi yileyondlela okuyobangayo ngoSuku lokwaHlulela. Akazukungibuza ukuthingangiyiMethodisti, iBaptisti, iPentecostal, noma iPresbyterian,kodwa Uzofuna icici lohlobo lweGazi. “Nxa Ngibona iGaziNgodlula kini.” Yileyonto.

88 Ngakho sithola ukuthi lemithombo yokuzigumbela, emvakokuba isithe ukuhlala izungeze isikhashana, iba yi…iba ngamanzi amile futhi ayilungile. Futhi kuba-ke, futhi,kuba yikhaya lamaxoxo nezibankwa nezinyoka nezilokazananamagciwane, nanoma yini okunye, ngoba yisimo samanzi amileaphusheleke kuwo. Ungathini nje, kugezeka kusuka ophahlenilwenqolobane, noma kusuka endlini esondele enqolobaneni,kumbe noma yikuphi ukungcola okungabakhona, nhloboniyezilokazana namagciwane, nayo yonke into, egezeka ingenekulomthombo wokuzigumbela na?

89 Manje, yisibonelo esiphelele sanoma yiluphi uhlobolwenqubo eyenziwe ngumuntu. Uyisehluleki, kwasekuqaleninje. Yingalesosizathu edinga uMsindisi. Wayengenakuzisindisayena, angenze lutho ngakho. Ulahlekile, kwasekuqaleni nje.Uzalwa ezweni, enesono, ufika ezweni ekhuluma amanga.Ungumqambimanga, ukuqala nje, ngakho kungenzeka kanjaniezweni ukuba azenzele noma yini na? Ingakwenza kanjaniindoda engcwele na?

90 Akukho-ndoda engcwele. Akukho-bandla elingcwele.NguMoya oNgcwele! Hhayi ibandla elingcwele, abantuabangcwele; nguMoya oNgcwele phakathi kwabantu,kuyilokho-ke. Amen. Hhayi intaba engcwele lapho uPetru nabobama khona; intaba yayingengcwele. Kodwa nguNkulunkuluongcwele, entabeni, owayenza yangcwele. Akusuye umuntuongcwele; nguMoya oNgcwele usetshenziswa kulowomuntu,okukwenza kube ngcwele. Hhayi umuntu; kodwa uMuntukaMoya oNgcwele! Akusuye umuntu; ngoba, engumuntu nje,“ozelwe esonweni, wabunjwa ebubini, ufika ezweni ekhulumaamanga.”

91 Noma yiyiphi inqubo eyenziwe ngumuntu iyomgcina ngqokulokho; uyophuphuthekisa into kohlakaniphileyo, amehloohlakaniphile, ukuthi bayacabanga, “Ngingowebandla, igamalami lisencwadini. Ngenze lokhu. Ubaba wami wayeyi lokhu,kanjalonjalo.” Lokho kuzwakala kahle; okungukuthi, kunjalo,akukho okungashiwo okumelene nakho. Kodwa noma kunjalo,mngani, uJesu wathi, “Uma umuntu engazalwa ngokusha,angebone ngisho,” ukubona, lapho, akusho khona ukuthi ubonangamehlo akhe, kodwa, “aqonde uMbuso weZulu.” Uze uzalwephakathi!

Page 17: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

IMITHOMBO EVUZAYO 17

92 Ubengakwenza kanjani lomvangeli oyiBaptisti,yayingakwenza kanjani leyondoda eyama lapho yase igxeka yaseihlekisa ngaKho na? Niyabo, akukho lutho kuyo olwalungazengisho luKwemukele; kodwa uNkulunkulu wadingeka akwenze,niyabo. UNkulunkulu wayipha uMoya oNgcwele. Wabonakalisaukuthi lokhu kwakungesikho ukuzenzisa, leli yiZwi. Ikuzwakuphela emqondweni wesikole, futhi bazama ukuthathazonke i—izibusiso zikaNkulunkulu bese bekubeka osukwiniolwedlula.93 Umshumayeli oyiBaptisti osemncane, lapha kungekudala,ehlezi ekhona khona lapha kulokhu ukusa; futhi wezakimi, wayesethi, “Mfowethu Branham, yinye into oyenzayoengalungile.”

Ngathi, “Ngisize.”94 Wayesethi, “Wena u, ngicabanga ukuthi uqotho nomuntuolungileyo, kodwa…”

Ngathi, “Ngiyabonga, mnumzane.”Wathi, “Kodwa yinye into oyenzayo engalungile.”Ngathi, “Ngithemba ukuthi iNkosi ithola into eyodwa nje

engalungile.”95 Wayesethi, “Awu, kukhona…Yilokhu okwenzayookungalungile.” Wathi, “Uzama ukuveza ezweni inkonzoyabaphostoli, futhi,” wathi, “inkonzo yabaphostoli yaphelakanye nabaphostoli.”96 Ngathi, “NjengeBaptisti kwiBaptisti, ngithanda ukukubuzaumbuzo.”

Wathi, “Ini?”97 Ngathi, “Uyakholwa ukuthi iZwi likaNkulunkululiphefumulelwe, konke nokuncane kwalo na?”

Wathi, “Ngani, impela.”98 Ngathi, “Manje-ke, Wathi, ‘Ungenezeli izwi elilodwa,noma uthathe eliLodwa.’ Ngokuba,” ngathi manje-ke,“Ngizokutshengisa lapho isiBusiso sabaphostoli sifika khonaphezu kwabantu, ngesithembiso sikaNkulunkulu, manjengitshengise isithembiso sikaNkulunkulu nokuthi sasukanini kubantu. Uyabo, uma ungeke wakuveza lokho eZwini,khona-ke—khona-ke khohlwa yikho, uyabo,” ngathi, “ngobaSisaqhubeka.”99 Akazange asho lutho imizuzu embalwa. Futhi ngakhongathi, “Awu, manje-ke, mfowethu, ngithanda ukukubuzalokhu. UPetru wethula umlayezo wabaphostoli, ngoSukulwePhentekoste. Futhi sonke siyazi lokho kuqinisile, ngokubawayenezihluthulelo kuwo umbuso, uJesu ayemnike zona.Futhi manje bhekisisa ukuthi wathini. Wathi, ‘Phendukani,yilowo nalowo, abhaphathizwe eGameni likaJesu Kristu

Page 18: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

18 IZWI ELIKHULUNYIWE

kukho ukuthethelelwa kwezono, khona niyakwamukeliswaisiphiwo sikaMoya oNgcwele. Ngokuba isithembiso ngesenu,nesabantwana benu, nesabo bonke okude, bonke iNkosiuNkulunkulu wethu eyakubabiza.’ Manje-ke uma kunendawolapho Akukhipha khona, manje-ke kwenzekani emazwinikaPetru ngoSuku lwePhentekoste na?” Niyabo? Qhabo, akukazekuphele!

Wundlu elifayo elithandekayo, iGazi laKhoeliligugu

Alisoze laphela Amandla alo,Lize lithi lonke iBandla likaNkulunkulu

elihlengiweLisindiswe, ukuba lingabe lisona.Bese-ke kwelobukhosi, iculo elimnandi

kakhulu,Ngiyocula Amandla aKho okusindisa,Uma lolu olushwashwazayo bandla, ulimi

olungingizayoLulala luthule ethuneni.

100 Nkulunkulu ngisize ukuba ngikukholwe Lokho futhingibambelele kuKho, nathi sonke, futhi sime ngaKho, ngobaKuyiQiniso leVangeli! Yebo, mnumzane.101 Indoda ehlakaniphile ayifanele neze ibuke lezizinto.Futhi yazi ukuthi ngeke zisebenze. Azikaze zisebenze.Inkolo ehleliwe nesehlakalo esihleliwe akusoze kwasebenzaeBukhoneni bukaNkulunkulu. Kufanele kufike, kumsulwa,kuvela kuNkulunkulu. Ayikaze isetshenziswe nguNkulunkulu,akukho sikhathi kwesedlule uNkulunkulu ake asebenzisakhona inqubo enjalo. Manje nina, o, nithola amalunga nezintoezinjalo. Kodwa ngiqonde imbewu kaNkulunkulu yangoqobo,isiBusiso njengesehla ngoSuku lwePhentekoste, asifiki nezengenhlangano; sifika ngokuzalwa, ngokuzalwa okusha.102 Simenywa ukuba sithathe uIsrayeli abe—abe yisibonelo,akade beyiso. Qaphelani, “BaMshiyile, umthombowabo ohlinzekiweyo, futhi wayezigumbele imithomboyokuzigumbela.” Ungathini nje i—i—i—into, uma indodaisemthonjeni ophethuzayo, iphuza, bese-ke ifuna ukuzenzelaumthombo wokuzigumbela, niyabo, ukuphuza kuwona? Manje yilokho umprofethi akusho, yilokho iZwilikaNkulunkulu elakusho. Yilokho uNkulunkulu akushokumprofethi. “NiNgishiyile futhi—futhi naNgiyeka, umthombowamanzi amaningi aphilileyo; futhi wazigumbela imithomboyokuzigumbela, ephukile, futhi iyavuza.”103 Niyabo, into ethize, babefuna into ethize ababengayilawula,noma ukutshengisa ababekwenzile. Lobo ngu—lobo ngubuwulabenkolo ehleliwe. Izama njalo, bazofanele babe nento ethizekuyo qobo lwabo. Bazofanele babenazo zonke lezizinqubo

Page 19: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

IMITHOMBO EVUZAYO 19

nemiphakathi, nezinto, “Futhi sengingowa le manje.”Esikhundleni nje sokuba ngabantwana bakaNkulunkuluabathobile, bafuna into abangazibonisa bona uqobo.Esikhundleni sokudedela uNkulunkulua akwenze ngendlelayaKhe, babefuna ukukwenza ngendlela yabo. Futhiyingaleyondlela izinqubo ethole ngayo ibandla namhlanje.Hhayi…Inqubo ngayinye, omunye ukufuna nga le ndlela,omunye ukufuna nga leyo ndlela. Uma uyiMethodisti,ufanele ube yikho nga le ndlela. IBaptisti, nga le ndlela.IPresbyterian, iKatolika, noma yikuphi okunye, banezinqubozabo. Akumelenwe ngalutho nalokho, kodwa lokho akusikhoengikhuluma ngakho.104 Umuntu ufuna indlela yakhe yokukwenza, noNkulunkuluunendlela yaKhe yokukwenza. Futhi Wathi, “Nibambeleleendleleni yenu, umthombo wokuzigumbela ovuzayo; futhianiyikwemukela indlela yaMi, indlela yokuPhila.”105 Naleyo yinto efanayo njengoba injalo namuhla. Ayikehlukinje nakancu. Cabangani ukuthi kungubuwula obunjanibendoda ishiya umthombo ophethuzayo wamanzi acwebileahlanzekile ephuphuma, bese-ke ifuna ukuya emthonjeniwokuzigumbela ovuzayo izenzele yona, bese izigumbelaumthombo wokuzigumbela, naleyomfucumfucu ephezuluesicongweni senqolobane igezekela kuwo, bese-ke iphuzakulowo. Lapho impela kunokungalungile ngokwengqondokulowomuntu.106 Futhi nxa indoda iyonamathela e—emqondweni wobufundisingomBhalo, esikhundleni sokwemukela uMoya oNgcweleoqinisekisa umBhalo futhi uWenze ube yiwo ngempelakuwe, kukhona okungalungile ngokomoya kulowomuntu.Kunjalo impela. Impela, uMoya oNgcwele! Ngamunyeunokuhumusha kweBhayibheli labo, enicabanga ukuthikulungile. UNkulunkulu akaludingi usizo lwenu. UNkulunkuluakakudingi ukuhumusha kwenu.107 UNkulunkulu ungumhumushi waKhe Yena. UNkulunkuluwenza ukuhumusha ngendlela A—indlela Athi Uyokwenzangayo. INkosi yathi ekuqaleni, “makube khona ukukhanya,”futhi kwabakhona ukukhanya. Lokho akudingi kuhunyushwa.Yilokho uNkulunkulu akwenzayo. Wathi “intombiiyokhulelwa,” yakhulelwa. Lokho akudingi noma yikuphiukuhunyushwa. Wathi Wayezo “thulula uMoya waKhe phezukwayo yonke inyama,” Wakwenza. Akudingi noma yikuphiukuhunyushwa. UNkulunkulu uhumusha iZwi laKhe uQobongokuLiqinisekisa, nokuLibonakalisa, nokuLifakazela.108 Wayefakazelwa kanjalo-ke umprofethi ukuthiungokaNkulunkulu. Wathi, “Uma ekhona phakathi kwenu,ongowomoya noma umprofethi, Mina iNkosi Ngiyakuzazisakuye ngemibono, ngikhulume kuye ngamaphupho. Futhi

Page 20: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

20 IZWI ELIKHULUNYIWE

uma akushoyo kufezeka, khona-ke mesabeni; kodwa umakungafezeki, ningakwenzi.”109 Leyo yinto efanayo nxa uNkulunkulu ekhuluma iZwi laKhe,nendoda ithi, “IZwi liyiLokhu,” futhi kwenzeka ngaleyondlela,khona-ke nguNkulunkulu ekwenza.110 Kodwa uma ethi, “Kunga le ndlela, nezinsuku azisekho,”kungani kuthatha yonke i…Ufinyelelisa isinkwa sokulamba,esandleni sakhe, siye kubantwana, bese bephucwa sona; besebona bebulawa yindlala. Kungani nifune ukuphuza emthonjeniwokuzigumbela ube lomthombo ophethuzayo ubulapho na?111 Uyini umthombo wokuPhila manje na? Yini umthombowokuPhila, umthombo waManzi amaningi aphilileyo na?Umthombo ophethuzayo, sizokufanisa naWo.112 Manje ngifuna niqaphele umehluko phakathi komthombowokuzigumbela nomthombo wamanzi aphilileyo; umthomboophethuzayo, nomthombo omdala wokuzigumbela ovuzayophandle lapho ugcwele izilokazana, izibankwa, amaxoxo,amagciwane, nanoma yini okunye, niyabo.113 Futhi nanku umthombo ophethuzayo. Manje bhekisisanilokhu. Uzondla wona. Awudingi ukuba uthole noma yiziphiizinqubo ezinkulu futhi ungenise inqwaba yemali kuwo.Awudingi ukuba ujoyinise inqwaba yamalunga. Wondlaamalunga awo, ngoMoya wokuPhila okuwo, usebenza.114 Qaphelani amanzi avela kuwo, afreshi, acwebile futhiahlanzekile. Hhayi umthombo wokuzigumbela, into ethize emileehlohlwe imibhalo ngamashumi amane, imiqondo ehlukeneengamashumi amahlanu, ithi, “Lokhu kulungile, na lokhokulungile, na lo mqondo,” futhi bavote futhi babize, futhilapho benza, bese kuthi-ke benze ihlelo ngakho. Ucwebile futhiuhlanzekile, iZwi likaNkulunkulu elimsulwa, livela esandlenisikaNkulunkulu. Ngumthombo ophethuzayo wangempela.115 Qaphelani, imfihlo yamandla awo iphakathi kwawo uqobo.Umuntu angewathole. Uhlobo oluthize lomfutho, phansi kwawo,owenza ufuqele phezulu.116 Ngiyakhumbula ngenkathi mina, ngangivame uku,ngangingumqaphi wesiqiwu sezinyamazane sikahulumeniwaseIndiana. Ngangivame ukwedlula ngakhona, eHarrisonCounty, umthombo othize, isiphethu. Sasilokhu njalosiphuphuma. Futhi nje, o, kwakubukeka sengathi kwakuyintoejabule kunazo zonke. Noma ngabe iqhwa lalisemhlabathini,uayisi, wawuyiqeqeba lamakhaza, ukuthi kwakubandakangakanani, sasisalokhu siphuphuma; lapho iziziba ezindalanamathangwe okwenziwe ngumuntu, kunamaxoxo nayoyonke into, kwakuphandle lapho kuba yiqeqeba lamakhazangaphezulu, kuqinile.

Page 21: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

IMITHOMBO EVUZAYO 21

117 Nalokho kukhombisa ukuthi noma yiliphi ihlelo,ngokusilalelwa okuncane nguMoya noma ukushintsha okuncanekwesimo sendawo, liyoba yiqeqeba lamakhaza ngaphezulu.Kodwa umthombo ophethuzayo kaNkulunkulu, Nguye—Nguyena izolo, namuhla, naphakade, ugcina zonke izintoziphuphuma kuwo futhi zishoveka ziphume kuwo. Futhi akukhonakunye phakathi lapho, okokuqala nje. Nanoma yini okungenakuwo, uyokufuqa kuphume endleleni.118 Leyonto yayiphuphuma iya phezulu kanjalo, ngase ngithi,ngahlala phansi lapho ngoluny’usuku, ngacabanga, “Ngikholwaukuthi ngizokhuluma kulesosiphethu, okomzuzwana nje.”Ngakhumula isigqoko sami, ngase ngithi, “Yini ujabulekangaka na? Uphuphumelani kangaka na? Mhlawumbe yingobaizinyamazane amadiye ziphuza kuwe, kanye ngasikhathi.”

Ukuba wawungakhuluma, wawungathi, “Qhabo.”Ngathi, “Mhlawumbe yingoba ngenxa yokuthi ngiphuza

kuwe.”“Qhabo, lokho akusikho.”

119 Ngathi, “Awu, yini ekwenza ucwebe kangaka, uhlanzekekangaka na? Ngakho yini—yini leyo ephuphumayo, ekwenzauphuphume, ugcwale injabulo ngaso sonke isikhathi, futhiayikho into engakwenza iqeqeba lamakhaza ngaphezuluna? Utsazela phezulu emoyeni, futhi akukho lutho; amanziahlanzekile.”120 Ukuba wawungakhuluma kimi, niyazi ukuthi lowomthombowawungathini? Wawungathi, “Mfowethu Branham,akusimina engiphuphumayo, yinto ethize esemva kwami,engiphuphumisayo.” Futhi yileyondlela okungayo. Lelo yigamaelingaphusile, kodwa niyazi ukuthi ngiqonde ukuthini.121 Futhi yileyondlela okungayo ngesehlakalo sokuzalwangokusha. Ungeke wakuqukatha. Ngu—ngumthombo wamanziphakathi kwakho, uphuphumela ekuPhileni okungunaphakade.Niyabo, kukhona okuthize ngakho, ongazihlanganisengalutho nakho. Amathangwe enziwe ngumuntu angabayiqeqeba lamakhaza, nabo benxusa imvuselelo nayo yonkeinto; kodwa umuntu ophansi kwalowoMthombo, ehlalakulowoMthombo, yimini nobusuku! Qhabo, awudingiukulindela izimvula zendawo nezimvuselelo zendawo.Ugcwele Wona. “Ngiyakumnika umthombo wokuPhila, kuye,uphuphuma.” Kunento ethize kuWo, lowo ufreshi nsukuzonke, ucwebile futhi uhlanzekile. YiZwi likaNkulunkuluelimsulwa enhliziyweni yakho nasemlonyeni, liziqinisekisaLona, lizikhulumela Lona. Angikhathali noma liyana, nomangabe liyakhithika, ukuthi hlobo luni lwesimo sezulu, usalokhuujabule ngoba uMoya oNgcwele uphakathi lapho uphuphuma.NgaMandla afihlakele. Qaphelani. O, imfihlo yawo iphakathikwawo.

Page 22: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

22 IZWI ELIKHULUNYIWE

122 Uzinikezela wona, ngesihle, kulowo oyophuza futhiasebenzise into yawo. Manje awukhethi, uthi, “Awu, manjengizodingeka nje ngiye ebandleni leMethodisti ngobangiyiMethodisti, okwemvuselelo. Ngizodingeka ngiye ngapha,kodwa (uma) ngidingeka ngiye kumaPentecostal ngobangingumvuseleli wamaPentecostal.” Ngiyakutshela, umauthola lowomthombo waManzi uphethuza, lowoMthombo,uma uphuza ngapho, akukho mehluko, unika noma yini efikayedlule. Uyavuma ukunikeza ithemba lokuPhila kwiKatolika,kwiProtestane, kwiJuda, kumphikiNkulunkulu, kumbe nomangabe yini. Ngempela, ngempela uNento ethize kuwe,ekwenzayo.

123 Niqaphela eny’into ngawo, awudingi ukuwuphampa.Awudingi ukuwudonsa, futhi uwuphampe. Ngibone okuningikakhulu kwalokho kuze kungigulise, kuphampa into ethize;kudlalwa inqwatshana yomnyuziki, nokugxuma phansi-phezulu, noma—noma inqwatshana enkulu yencwajanaefundwayo phandle edolobheni, namasayini amakhulukazi,“Indoda yehora.”

124 Yinye kuphela iNdoda yehora, naleyo nguJesu Kristu,Onguyena izolo, namuhla, naphakade. Sinye kuphelaisiThunywa esivela kuNkulunkulu, naleso—naleso nguJesuKristu. Yebo, mnumzane.

125 Awudingi ukuba uphampe Lona, noma uWudonsele phansi.Noma, hhayi, awudingi uWujoyine. UyaWuthatha nje, ngesihle.Amen. “NginguMthombo waManzi aphilileyo; uNgishiyile,ukuba uhambe futhi uzenzele amathangwe athize.” Manjeawudingi ukuba uWuphampe, uWuphampe, uWudonse, futhiuWujoyine, uWumbe, lutho olunye. Ufanele nje uthathe kuWo,ngesihle.

126 Awudingi noma yiyiphi isayense yezenkolo eyenziwengumuntu ibe yindwangu yesisefo, futhi, ukukutshela ukuthiyini edlula kuWo, ukuthi Wenzeni. Lutho. Isayense ethizeyezenkolo eyenziwe ngumuntu yenqubo ethize yezemfundo,inkolo yokuzenzisa ku lokhu, ku lokhu, noma umthombo othizewokuzigumbela wenqubo yezenkolo; awuwudingi. Awudingekiukuba ube lapho. Ubeka indwangu kuLowo, Uyoyijikijela iyothingqu phezulu emoyeni. Awuhlangene ngalutho nayo. Uyazondla!UngaMandla kaNkulunkulu ephethuzela ekuPhileni. Kunganiindoda ingashiya into enjengaLeyo, ukuba ijoyine enqubweni,kungaphezu kokuba bengingasho. Awudingi noma yiziphiizindwangu zezisefo. Awuyidingi. Awudingi ukuba njalo,awudingi ukwethembela ezimvuleni zendawo ekugcwaliswenikwawo. Ugcwele ngaso sonke isikhathi. Amen.

127 Indoda, ngiwezwa ethi, “Ngiphansi nje ezibini namhlanje.”O, he!

Page 23: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

IMITHOMBO EVUZAYO 23

128 O, ngiyajabula ukuba ngophila eBukhonenibukaNkulunkulu, noma ngabe izinto zihamba kahle nomaazihambi kahle. UngukuPhila kwami. Amen. UngukuPhilakwethu. UngukuPhila, ukuPhila okuchichimayo. Yebo,mnumzane. Futhi—futhi bukani ukuthi Usenzelani. AmandlaaWo nokucweba kuphakathi kwaWo uqobo. Awudingi kwethaokuvela emthonjeni wokuzigumbela kumbe noma yiyiphi enyeinqubo.129 Omunye uthi, “Awu, yini ikhadi lakho lokuhlanganyelana? Ake sibone uma uyiBaptisti elungileyo. Ngizobona umaunalo ikhadi. Noma—noma, iPentecostal elungileyo, umaungokaMunye, okaMbili, okaMthathu, noma—noma yini enye.”Niyabo, Awudingi nayikuphi ukwethiwa. Uhlala njalo uhamba.Ya.130 Niyazi, ngangivame ukuba nalomthombo omdalawokuzigumbela, ngangifanele ngithele amanzi phansi laphobese ngetha ngetha ngetha, ngalephampu eyisimunci endala,ukuba ngiwakhiphe lapho; niyazi, ngithele amanzi amaningikuwo, futhi nje kutheleke isixheke sezilokazana nezintophakathi, ukumpompa izilokazana nezinto. Lokho kuthi njeakube yindlela ezinye zalezizimvuselelo zezinqubo eyiyo.131 Kodwa, akabongwe uNkulunkulu, “KunoMthomboogcwaliswe yiGazi, lapho izoni zibhukuda khona phansikwethantala!” Awenzi amalunga ebandla; wenza amaKristungabo uma beza kulowoMthombo.132 Kungani ungashiya uMthombo wamanzi amaningiaphilileyo, ukuba uphuze emgodini wokungcolile onjengalowona?133 Akukho kuphampa; amandla aWo aphakathi kwawouqobo. Awudingi ukwethiwa, yebo, mnumzane, ngokuba (qobolwaWo) ukuPhila kwaWo uQobo kukuWo uqobo. Yileyondlelaimbewu kaNkulunkulu engayo enhliziyweni yomuntu. UkuPhilakukaNkulunkulu kuphakathi komuntu ngamunye, hhayiebandleni. Kuwe, kukuwe, nguwe onembewana yokuPhilakuwe.134 Ukunambitha okukodwa nje kwaWo kuyenelisa kuzo zonkeizinhlobo zabefundisi benkolo. Buza umpristi wamaKatolika,buza iBaptisti, noma ngabe yini. Ukunambithwa okukodwanje kwalamanzi aphethuzayo amakhulu afreshi, ngiyakutshela,ayenelisa ukuthi UyiQiniso. Umphefumulo wakho olambile,empeleni, ayenelisa kowomileyo, empeleni. Manje umaungomi…LomBaptisti omncane, wayengomi, kwasekuqaleninje; kodwa ngenkathi oma, amanzi anambitheka kamnandikabi. Kunjalo, kodwa ufanele wome, “ukoma okubusisiweyo,”njengoba uJesu akubiza lokho. “Nibusisiwe nxa nilamba futhinomela ukulunga, ngokuba niyakusuthiswa.” NoJesu wakusho

Page 24: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

24 IZWI ELIKHULUNYIWE

lokho, mngani. Yebo, mnumzane, UnguMthombo obusisiweyokowomile.135 Kungani noma ubani afune ukuWushintshanisangexhaphozi na? Ungathanda kanjani ukushintshanisaumthombo ophethuzayo ngamanzi exhaphozi, agcweleizilokazana nokonakele kwazo zonke izinhlobo zezichasiseloezibonwa ngokucabanga nje ezenziwe ngumuntu, uNkulunkuluathi, “Ukwenezela okukodwa eZwini laKhe, noma ukususaelilodwa lamaZwi aKhe, isabelo sakhe siyakususwa eNcwadiniyokuPhila”?136 Futhi ngenkathi uNkulunkulu ethembisa ukuthiWayezoqinisekisa leliZwi kuzo zonke izizukulwane, “Ngokubaisithembiso ngesenu nesabantwana benu, nesabo okude, bonkeiNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza,” ungaphampelanikwenye iphampu yenqubo eyonakele iminyaka, ivela kwenyeimana endala na? Mhlawumbe imana yayilungile, akukhookumelene nayo, ngezinsuku zikaMartin Luther, ngezinsukuza lokhu nezinsuku za lokho, nabanye abaguquli, akukho luthongakho; kodwa leyo yimana eyehla kudala.137 Uma siqaphela eBhayibhelini, ukuthi babefanele bayicoshensuku zonke. Babefanele bathole entsha. Emva kokubaisibe ndadlana, yayibola. Ingeke yabola ngaphandle kokubaihlakazeke. Izofanele ibe negciwane ibakteriya kuyo, noma intoethize u—ukuyenza ibole. Siyazi lokho kunjalo.138 Futhi zinjalo izinqubo! Emva kokuba ilele lapho isukakwenkulu imvuselelo iya kwenye, futhi ithola ukonakala futhiigcwale izilokazana, futhi njengomthombo wokuzigumbelaogcwele onoshobishobi, njengoba sasivame ukukubiza kanjalo,izilokazana ezindadlana ezazishobiza phakathi lapho.139 Futhi yileyo indlela ngesehlakalo sabantu abaningi kakhulunamhlanje. Ba—bagcwele nje onoshobishobi, beshobiza besukakomunye beya komunye, nomunye kuya komunye, bexoxaizinganekwane engenaQiniso kuyo nhlobo. Kunjalo, beshobizabephuma komunye beya komunye. “NgangiyiMethodisti;ngajoyina iBaptisti. ngangiyiKatolika; ngaya ukuyoba yilokhu.Ngaya ukuyoba yilokho.” Ngonoshobishobi nje.140 O, khohlwani yiyo yonke into, futhi wozani eMthonjeni,(Amen!), uMthombo ophethuzayo, uBukhona bukaKristuobuphila njalonjalo! NgiMkholwa ukuthi unguMthombowokuPhila ongenakuqedwa. Ngenkathi uthola okuningikuYe, uthola ukuba freshi kakhulu, futhi ngokutholaukubanda kakhulu, futhi uthola ukuba ngcono kakhulu,futhi unambitheka kamnandi kakhulu. Kade ngiMkhonzamanje sekuyiminyaka engamashumi amathathu-nantathu,futhi usuku nosuku kusalokhu kukhula kuba mnandi kakhulukunoma bekunjalo kuthangi. Angikaze ngi…Wathi awusoze

Page 25: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

IMITHOMBO EVUZAYO 25

woma uma siphuza kulawaManzi. Qaphelani ukuthi Makhulukangakanani. O!141 UIsrayeli wenza njengoba abaningi benza namhlanje,bashiya umthombo wamanzi amaningi aphilileyo, ukubabazigumbele imithombo yokuzigumbela.142 Manje ukukhuluma ngomusa okomzuzwana nje, ukuthiuyini umusa kaNkulunkulu. Sinemithetho nemithethoyedolobha, “Futhi uma ungakaleki uze ufike kulesisigaba…Nginobhoko lokukala lwenkolo; uma ungakaleki nje uzeufike kulokho, ufanele, ungeke ungene,” kanjalonjalo. KodwauNkulunkulu usisindisa ngomusa, hhayi ngobhoko lokukala.Niyabo? Kodwa uNkulunkulu, sikhuluma ngomusa manje,ukuthi nje lokhu kwenzeka kanjani ukuthi kwenzeke, uphuzakuYe. Kulolubhoko lokukala…143 Ukukhonona, uIsrayeli okhononayo. Bhekisisani, Wathi,“Futhi Ngobuye nginihambele.” Qaphelani emBhalweni.Qaphelani, Uzobavivinya, ukubuya abahambele. UIsrayeliokhononayo, oLwandle oluBomvu, wamenywa ukuba aMlandeleadabule emanzini amile aseGibhithe, ukuba abe ngabantuabakhululekile. Babeyisigqila. Bamenyelwa ukuba bezenganeno ukuba babe ngabantu abakhululekile, naYe. Baphumabadabula oLwandle oluFile, uLwandle oluFile; uLwandleoluBomvu, njalo, baphuma bedabula kulokho, ukubabayongena ehlane, ukuba balethe ukwehlukana phakathi kwabonabazifanisa nabo bezama ukuzifanisa nakho, ngaphandlekokusoka.144 O, yilokho okwabangela inkathazo. Bonke babhubhakhona entandweni…noma khona—khona olwandle, uFaronempi yakhe. Babone izidalwa ezingabantu zihambangaMandla angaphezu kwemvelo, ngakho bayabuyangakhona futhi bazama ukuzifanisa nalokho, ngaphandlekokubandakanywa esibusisweni. Futhi ngenkathi benza,babhubha. Ngukuqhathanisa kwenyama.145 Indoda ezama ukwenza lokho, izama ukuzifanisa nenyeinto, khona-ke yenza ukuqhathanisa kwenyama komKristuwangempela.146 Umfowethu oyiNdiya lapho uyakwazi lokho. YenyukelangaseBombay futhi uzobona abantu lapho, amaHindukanjalonjalo, elele phezu kwezipikili phezu kwe…ehambaphezu kweglasi futhi—futhi ehamba emlilweni, ukukhombisaangakwenza, nezinto njenge…Lokho ngukuzifanisa nomunyeumuntu okuningi kwenyama komunye umuntu emuva emenwenilapho, wenza lokho emhlatshelweni kankulunkulu wakhe.147 Siyakuthola lokho phakathi kwayo yonke impilo yezenkolo,ukuzifanisa nabanye abantu okuningi kwenyama, umuntumumbe ezama ukufana nomunye. Sinye kuphela isiboneloofanele ube njengaso, lokho ngukufana noJesu Kristu,

Page 26: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

26 IZWI ELIKHULUNYIWE

OwayeyiZwi. Bese kuthi-ke uma iZwi likaNkulunkulu lifikakuwe, liyoba yindlela efanayo.148 Kodwa uNkulunkulu wabaholela ngqo ezweni elithenjisiwe,noma kanjani. Bathola, futhi, onke amathangwe, ngenkathibeqala ukudabula ehlane ohambweni lwabo manje, emvakokuba base behlukanile, bathola ukuthi onke amathangweayesomile, kubo.149 Futhi uzothola into efanayo, mfowethu, uma uqalaloluhambo oluya eZweni elithenjisiwe. Uzothola iminyangoivaliwe. Njengoba kwasho lowomshumayeli omncane, oyiSheshi,kumbe noma ngabe wayeyini, futhi, into yokuqala niyazi,ibandla lakhe lamxosha. Niyabo, inqobo nje uma wayenabaningiabemukela uMoya oNgcwele, lokho kwakungukuphela kwakho.150 Futhi si…noIsrayeli wathola into efanayo, njengezibonelo,ohambweni lwabo beya ezweni elithenjisiwe. Amathangwe onkeayomile. Ya, uhambo lwabo ekulaleleni iZwi laKhe elithenjisiwe,uhambo lwabo, emathangweni, bathola komile. Manje batholaithangwe—amathangwe kwakungenakwethenjelwa kuwo,kwenzelwe ngohambo.151 Futhi uma uzohamba uhambo ekulaleleni iZwilikaNkulunkulu, nokuzama ukujoyina lokhu nokujoyina lokho,uzothola ukuthi akukho-thangwe ezweni elizoLesekela. Alikhonhlobo. Wena ungumuntu ngamunye. UNkulunkulu ukuholangendlela nje Afuna ukukuhola ngayo. Manje-ke, sithole intoefanayo namhlanje, futhi onke amathangwe ome nkwe.152 Kodwa isithembiso, zihlala njalo ziqinisile, kuNkulunkuluOyosigcina isithembiso saKhe kubantu baKhe. Wethembisaukubanika konke ababekudinga, ngakho Wakwenza lokho.Phakathi kwangenalutho, amathangwe omile, kucabangeninje; noIsrayeli okhonondayo, ogwadule, ohambweni lwabo!Wabiza inceku-mholi waKhe, umprofethi uMose, phandleeceleni, wayesevula nge umthombo wamanzi aphilileyo,ngeDwala elishayiwe, ukuze abantwana baKhe abakholwayobangabhubhi.153 Ngalolosuku, lokho kukhuluma ngomusa, kimi.Singabangafanele. Indlela esenze ngayo, indlela esiphile ngayo,singabangafanele.154 Kodwa uNkulunkulu, ngalolusuku, njengakhona laphakulokhu ukusa, bukani, kwiMethodisti, iBaptisti, iPresbyterian,iKatolika, nawo onke, Uvule nge uMthombo. AmaHeberu13 ayakufakazisa lokhu, ukuthi Nguyena izolo, namuhla,naphakade. Ngakho kwe—kwenza kube yiqiniso, uJohane3:16, “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, Wazewanikela ngeNdodana yaKhe ezelwe yodwa, ukuba yilowonalowo okholwa yiYo angabhubhi, kepha abe nokuPhilaokungunaphakade.”

Page 27: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

IMITHOMBO EVUZAYO 27

155 Futhi kwaphakanyiswa ngesizathu esimbaxambili, ngobaabantu babekhonona futhi bona, futhi babelunywa yizinyokafuthi babefa; nangokuthethelelwa kwabo kwezono zabo,nokuphiliswa kokugula kwabo.156 Futhi yilowoMthombo ofanayo ovulelwe thina namhlanje,kwenzelwa insindiso yethu nokuphiliswa kwethu, ukuphiliswakomzimba. “Ngokuba Nguyena izolo, namuhla, naphakade.”157 Futhi ngenkathi iDwala elashaywa ngeZwi likaNkulunkuluelithenjisiweyo, lase liyaliwe, Laliphophoza amanzi acwebileahlanzekile; hhayi—hhayi amile, hhayi onakele, kodwauBukhona bukaNkulunkulu uQobo. Amanzi acwebile, futhiasindisa bonke abaphuza. Manje siyazi ukuthi lokho kuqinisile,ngoba siyakufunda eTestamenteni eLidala, njengomfanekiso.158 Manje, wawungadingi ukuba uwadonse, uwaphampe,uwajoyine, uyongena ekholiji ukuba ufunde ukuthiasetshenziswa kanjani. Bayokutshela ukuthi asetshenziswakanjani lapho, niyabo, “O, awu, wena, uma wemukele uMoyaoNgcwele, siyakukholwa lokho, kodwa ukuze u—ukwenze ngale ndlela.”159 Kodwa, niyabo, akukho kulawulwa kwawo. AwusebenzisiuMoya oNgcwele; uMoya oNgcwele usebenzisa wena, niyabo.Niyabo, aninjalo, anizukusebenzisa uMoya oNgcwele; uMoyaoNgcwele uthole wena. Isiphiwo asisiyo into oyithathayo,njengommese, bese ulola ipensela ngawo. Kungukuzinikelakwakho uqobo kuNkulunkulu, nokuzikhipha wena endleleniukuze uMoya oNgcwele ukwazi ukukusebenzisa.160 Qaphelani, babengadingi neze ukuba bawaphampe nomabawadonse, noma babengadingeki neze ukuba babuze, “Manjesiwasebenzisa kanjani lamanzi na?” Ngoba, babazi ukuthiasetshenziswa kanjani. Babomile. Babazi ukuthi kwenziwaningawo.161 Futhi ukanjalo owesilisa noma owesifazane, ini,kungakhathaleki ukuthi sivumokholo sini noma ihlelo asontakulo. Uma omele uNkulunkulu, akadingeki ukubaleka abuyeleekholiji, njengoba kwenze lomfowethu waseSheshi, nomaumfowethu waseBrithani, izolo ebusuku, udingeka abuyeleemuva futhi axhumane kanjani, ebandleni laseSheshi, ukuthiufanele asisebenzise kanjani lesisiphiwo esikhulu anaso,ekhuluma ngezilimi, nokuthi ufanele akwenze kanjani lokhu.Bebengamkhahlela bamkhiphe, okokuqala nje. Niyabo?Wayomile, ngakho uNkulunkulu wavele wamgcwalisa nje.Yilokho kuphela okukhona kukho. Ngukoma, bese-ke Egcwalisanje.162 Awudingi-kuba nayikuphi ukulawula, umuntu othizeakutshele ukuthi yenzani ngakho. UNkulunkulu uholaumuntu ngamunye nge—ngendlela Afuna wenze ngayo. Ungu—ngumuntu ngamunye, qobo lwakho. Uyingxenye kaNkulunkulu.

Page 28: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

28 IZWI ELIKHULUNYIWE

Akukho-muntu ongathatha indawo yakho. Futhi akukho-ndlelayokuba uze uye kumuntu-mumbe, bese uthi manje, ngizofanele“ngenze lokhu ngakho,” noma ngifanele “ngenze lokho ngakho.”Qhabo, mnumzane. UNkulunkulu ukusebenzisa ngendlela a—Afuna ngayo. Uma womile, wazi ngokwenele ukuphuza.163 Futhi uma womile kulokhu ukusa, phuza kuWo, yilokhokuphela ofanele ukwenze. UNkulunkulu wayehlinzeke indlelayokoma kwabo, abantwana abomile ukuba bahlanganyelengesihle kuYe uqobo. Futhi uNkulunkulu uhlinzeke indlelayawo wonke owesilisa nowesifazane kulokhu ukusa, olambilenowomayo. Mhlampe kunabantu abahlezi lapha, abangakazebasindiswe. Kunabantu abahlezi lapha oseduze kokusindiswa.164 Kunabantu lapha, abahlezi lapha njengamalunga ebandla,nifuna ukwenza okulungileyo, kodwa niphuza ethangweni.Abasoze banitshela lamaQiniso.165 Into kuphela, ukuza, ngukuthatha isithembisosikaNkulunkulu bese uza kulowoMthombo, khona-ke Uyocimaukoma. “Ophuza kuloMthombo akasophinde ome futhi.”166 Qaphelani manje ukuthi Wabakhulula kanjani—kanjaniabaKhe—abaKhe abemukela lamanzi, ngomusa, futhi hhayingenqubo noma umthombo wokuzigumbela wemfundo.Uqinisekisa iZwi laKhe, ngumthombo onikeza ukuPhila.Bangaki phakathi lapha owaziyo ukuthi wemukele ukuPhilauma uthathe leloZwi namanzi aKhe, owaziyo nje ukuthiwemukele ukuPhila na? [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.]167 Asithathe, awu, isibonelo nje, esinye nje isibonelo, nomaezimbili, ngizobe-ke sengivala emzuzwaneni nje. Ngi—ngifanelengibe naleyonkinobho ndawo ndawo. Kodwa qaphelani.Ngilokhu ngikhuluma nje, kodwa angiqondile ukukwenza.Bukani, ake sithathe isibonelo, abantu abathi ababe babili nje.168 Ake sithathe owesifazne emthonjeni wokuzigumbelakaJakobe, umthombo ogujiwe. Lapho wayehlezi lapho.Yilokho kuphela owesifazane ayekwazi, kwakuyilomthombowokuzigumbela lapho eza khona ukuzokha amanzi. Futhi ngalengasemthonjeni wathola, endaweni encane ebonakala yonkes’khathi sinye lapho, iNdoda ihlezi lapho, umJuda. Futhi yenawayengumSamariya, ngumuzi waseSikari. Futhi sithola ukuthileNdoda, lomJuda, wakhuluma iZwi elingejwayelekile kulonawesifazane, wathi, “Ngiphuzise.”169 Wathi manje, “Sinokwehlukana. Aku—akukuhle kuWeukuba ungibuze umbuzo onjalo; Wena ungumJuda, namingingumSamariya.”170 Wathi, “Kodwa ukuba bewazi ukuthi Ubani obukhulumakuye, ubuyocela kiMi amanzi, futhi beNgiyokunika amanziamaningi ongadingi ukuba uze kulomthombo wokuzigumbelaukuba uwaphuze; kube umthombo wamanzi ephuphuma kuwe.”

Page 29: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

IMITHOMBO EVUZAYO 29

Qaphelani ngenkathi ethola ukuthi lokhu kwafakazeleka ukuthikuyiQiniso!171 Manje, kuqala, noma yiyiphi indoda yayingakusho lokho.Kodwa wathi, “Wena uthi kukhulekwa eJerusalema, futhi thinasikhuleka kulentaba.”172 Wathi, “Insindiso ingeyamaJuda. Siyazi ukuthi yiniesiyikholwayo. Kodwa,” wathi, “ake Ngikutshele into eyodwa,”ngamazwi anjengalokhu. “hhayi kulentaba, noma eJerusalema.Isikhathi siyeza lapho umuntu eyokhuleka kuNkulunkulungoMoya nangeQiniso, ngokuba uBaba ufuna abanjalo.” Wathi,“Hamba ulande indoda yakho uze lapha.” Bhekisisani, laphakwakufakazela. Lapha kukhombisa ukuthi mthombo muniayekuwo. Wathi, “Hamba ulande indoda yakho uze lapha.”

Wathi, “Anginandoda.”173 Wathi, “Usho iqiniso.” Niyabo, kwakubukeka sengathikwakungukuphambanisa okusobala kulokho Ayembuze khona,wayesethi, “Hamba ulande indoda yakho.”

Wathi, “Anginandoda.”174 Wathi, “Usho iqiniso.” Wathi, “Ngoba ubunayisihlanu, naleohlala nayo manje ayisiyo eyakho.”175 Bhekisisani lowo wesifazane, kwehluke kangakananikubapristi bangalolosuku! Abapristi bangalolosuku baboneleyonto efanayo yenzeka, base bethi, “Lelo yidemoni, ukufundaumcabango, noma—noma uBelzabule.” Niyabo, behlulekaukubona iZwi lithembisa lokho.176 Kodwa lowo wesifazane omncane wayewufunde kangconokakhulu emBhalweni kunoma yimuphi wabapristi. Wathi,“Nkosi, ngiyabona ukuthi ungumprofethi Wena. Kade singenayenoyedwa iminyaka engamakhulu amane, selokhu kwabakuMalaki. Kodwa,” wathi, “besimbhekile oyedwa, futhi siyaziukhona Oyedwa ozayo, uMesiya. Futhi uma Efika, lokhu kuyobayikho Ayokwenza.”

UJesu wathi, “NginguYe.” Amen.177 Niqaphelile, washiya ibhakede lakhe emthonjeniwokuzigumbela kaJakobe, wagijimela ezansi emzini; esegcweleumthombo ophethuzayo! Wayekubonile kuqinisekiswangokupheleleyo, futhi WayeyilowoMthombo wokuPhila. Akengimethule kini. Wawushiya lowo; ngenkathi Efakazelekaukuthi uyiZwi lokuPhila. Wawushiya; futhi wayesetholileukuthi iDwala elifanayo, elashaywa ehlane, lafakazelwa ukuthilase likhona ngaleyonkathi.178 Ake ngisho, lowoNkulunkulu ofanayo owayekhonaezinsukwini ezedlulayo, esikhuluma kakhulu ngaye, Ukhonalapha manje; hhayi ngokuqonda okuthize kwesayenseyezenkolo, kodwa ngolwazi oluqondene nomuntu lokuqinisekisakwaKhe ukuthi Wayezowuthulula ngalolu izinsuku zokugcina,

Page 30: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

30 IZWI ELIKHULUNYIWE

uMoya oNgcwele phezu kwebandla laKhe. Akasuye u“Ngangikhona.” Uselokhu engu “NGIKHONA,” inkathiyamanje, njalo.179 Kwase kuthi umthombo wokuzigumbela walahlekelwaukunambitheka kwawo. Futhi wenzenjalo wonk’umuntu okeawele emandleni kaNkulunkulu, ngombhaphathizo kaMoyaoNgcwele, izinqubo zamahlelo zilahlekelwa ngukunambithekakwazo. Anisakufuni okwalawo maxoxo amile, nezibankwa,nezilokazana, kanjalonjalo. Niphuza eMthonjeni ofreshinocwebile, iZwi likaNkulunkulu, lifreshi mahora onkeemphefumulweni wakho. Liyafana njengamanje, nxa iZwiselifakazekile ukuthi liyiQiniso, nambitha futhi ubone ukuthialiqinisile yini.180 Nakuba umthombo wokuzigumbela wawuwusebenzileumthombo wawo, wasisebenzisa isikhathi sawo kahle;kodwa, niyabo, uMthombo wokuPhila wawulapho, akusesiwoumthombo kaJakobe, okokuphuza komoya. Ababekucabanga,uma babephuze kulowomthombo, ngani, kwakuyoba kahle;kodwa manje uMthombo wokuPhila qobo lwaWo wawuhlezilapho.181 Manje asizidingi izinqubo nezinhlangano esasinazo.Sesisesikhathini sokuphela. NoNkulunkulu wethembisa,ngalesisikhathi sokuphela, izinto Ayezozenza. Futhi sikubonakugcwalisekile, eZwini. Sizwa indoda yamandla ezempi,isukuma, futhi ivevezela, futhi ithi, ba, “Ikhona into ethizeezokwenzeka.” Siyawuzwa uMoya oNgcwele usexwayisaukuthi ikhona into ethize ezokwenzeka. Sibona yonk’into imingomumo. Manje-ke, shiyani leyonqubo futhi nize eMthonjeni.Yebo, mnumzane.182 Uyisebenzile inhloso yawo, kodwa manje wayebhekeneubuso nobuso noMthombo uqobo lwaWo.183 KuJohane 7:37-38, uJesu washo ngezinsuku zokugcinangomkhosi wedokodo (Wathini na?), “Uma umuntu omile,makeze kiMi, futhi aphuze.” Kuso impela isigejane sosiyazibezenkolo! “Uma umuntu omile, makeze kiMi, futhi aphuze.Ngokuba imiBhalo ushilo, kwingaphakathi lobuyena impelakuyakuphuphuma imifula yaManzi aphilayo.”184 Nanko uMthombo ophilayo. Lowo nguMthombo abantuabawushiyile namhlanje. Ngesivumokholo, bashiye uMthombowaManzi aphilayo. Ake nginethule kuYe. Yena, kimi…Futhingiyavala.185 Yena, kimi, uyilowoMthombo owasindisa impilo kaHagari,nomntwana, ngenkathi babefa ehlane.186 Ngikholwa ukuthi UyileloDwala, kuIsaya 32, UyileloDwalaezweni eliyethileyo. Ungumpheme ngesikhathi sesiphepho.

Page 31: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

IMITHOMBO EVUZAYO 31

187 UZakariya 13, UnguMthombo ovulekile eNdlini kaDavide,wenzelwa isono. NgiMkholwa ukuthi uyilokho. Anikholwa na?[Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.]188 EmaHubweni 36:9, Ungumthombo wokuPhila kaDavide.UngaManzi kaDavide athule, namadlelo aluhlaza. UngaManzingasemfudlaneni, kaDavide.189 KuGenesisi 17, Uyibele elincelisayo lika-Abrahama, uElShadayi. Kodwa ngenkathi ukuphila kwakungasekho kuye,usalokhu…UNkulunkulu washo.190 “Umuntu oneminyaka eyikhulu ubudala, lento iyoba kanjanina? Sengigugile, umkami usegugile, lezizinto zingaba kanjanina?191 Wathi, “Ngingu El Shadayi.” Manje, uEl ngu “u,” no—noShadayi yi “bele,” noShadayi ngubuningi, okuchaza ukuthi“NginguNkulunkulu onamabele.”192 Njengengane etetemayo futhi iyagula, namandla ayoengasekho kuyo, incika esifubeni sikamama futhi incelele ukubaibuye ithole amandla ayo. Impela. Akusikho kuphela…Umaincela, ayibe isatetema. Ebeleni likanina, iyeneliseka ngenkathiisathola amandla ayo.193 Futhi noma yiyiphi indoda eyothatha isithembisosikaNkulunkulu enhliziyweni yayo, ukuthi “Isithembisongesenu, nesabantwana benu, esabo okude, bonke iNkosiuNkulunkulu wethu eyakubabiza,” bese ulala ngqo wencikekulokho bese uncela ubuyisele amandla akho. Mntwanaotetemayo, kukholwe! Kungokwamakholwa.194 Kwimbongi eyikholwa, ngingacabanga ngamaculo amaningiizimbongi ezasitholela wona. Kwakukhona eyodwa yazo eyakeyasho ngesinye isikhathi, U…

KunoMthombo ogcwaliswe yiGazi,Elimuncwe emithanjeni ka Imanuweli,Lapho izoni zibhukuda ngaphansi

kwethantala,Kusuka lonke ibala lazo lecala.Lelosela elifayo lajabula ukubonaLowoMthombo osukwini lwalo;Lapho mina angithi, nakuba ngimubi njengalo,Ngigezwe zonke izono zami.Futhi selokhu kwasukela lapho ngokukholwa

ngawubona lowomfudlanaOvezwa yizilonda zaKho ezigelezayo,Uthando oluhlengayo beluyindikimba yami,Futhi luyoba yiyo ngize ngife.

195 Kimi, UngaManzi amaningi eZwi okweHlukanisa,akwehlukanisa nayo yonke into ephambene neZwi laKhe.Lowo nguMthombo engiMkholwa ukuthi uyiwo. Yebo,

Page 32: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

32 IZWI ELIKHULUNYIWE

mnumzane. Lokho, LingaManzi amaningi angehlukanisanemithombo yokuzigumbela eyenziwe ngumuntu, ngayaeMthonjeni waManzi aphilileyo. O, mngani, ngingavele nje…Nje ungaqhubeka uqhubeke, nezinto a—Ayizo kithi! UnguAlfa,uOmega. UngukuQala, UngukuPhela. UnguYe owayekhona,okhona, nozayo. UyiMpande neNzalo kaDavide. UyiNkanyeziyoKusa. Ungowami Wonke kukho konke.196 Futhi, mfowethu, dadewethu, uma ubungakabi nayoi—i…Kade nje uphuza kulelithangwe elincane elenziwengumuntu, yonke impilo yakho, kungni kulokhu ukusaungashiyi lelothangwe bese uza kuloMthombo na?197 Asikhothamise amakhanda ethu okomzuzwana nje.Namakhanda enu ethotheme…[Udade uqala ukuculangoluny’ulimi. Akuqoshwanga eteyipini. Omunye unikezaincazo—Umhl.]…ngowami umbono, ukubizela ealtare. Bangakimanje na?198 Bengi—benginovalo ngakho konke, bengi—benginihlalisaisikhathi eside kakhulu, kwangenza nganqamula umlayezowami waba yizicucu. Kodwa ngikholwa ukuthi uMoya oNgcweleufuna nithole engikuqondile. Bukani, akukho okusemqokakakhulu kulolusuku kunokulungisana noNkulunkulu; niyabo,amadina ethu, noma ngabe kuyini, noma yini. INkosi ilapha.Manje, ngikuzwile lokho kuphela cishe kanye empilweni yami,kuze kube yilesisikhathi.199 Manje kanjani…nonke lapha, hhayi ukuthi “bangaki.”Nonke lapha ofuna ukuphuza kuLowo, sukuma nje umzuzu nje,okomkhuleko nje. UNkulunkulu anibusise. INkosi inibusise.200 Manje bangaki phakathi lapha, o—omi ekhona manje,ongasho, ngesandla esiphakeme kanje, “Nkulunkulu, hambaphezu kwami, ngigcwalise nje, mangiphuze kuloMthombo.Futhi angenzanga nje okulungileyo, kodwa ngi—ngifuna Wenaungithethelele ngakho. Ngifuna Wena uhlanze izono zami. Futhimakuthi—kuthi—kuthi mina, kusukela kulolusuku, nje…”?Bukani nje! He!

KunoMthombo ogcwaliswe yiGazi,Elimuncwe emithanjeni ka Imanuweli,Nezoni zabhukuda ngaphansi kwethantala,Kusuka onke amabala azo ecala.Kusuka onke amabala azo ecala,Kusuka onke amabala azo ecala;Nezoni zabhukuda ngaphansi kwethantala,Kusuka onke amabala azo ecala.

201 Manje lokho, wena oyikholwa elingumKristu, wemukeleuKristu njengoMsindisi oqondene nawe, kodwa awuka…Manjeuma ungakakwenzi, lowo nguMthombo. Okuyiwona kuphelaengazi ngaWo yilowoMthombo ovela emithanjeni kaImanuweli.Manje, futhi uma abaningi benu lapha…

Page 33: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

IMITHOMBO EVUZAYO 33

202 Kufana nje njengoba ngangikhuluma ngobunye ubusukungalolukhozi oluncane luhamba egcekeni lenqolobanenamachwane. Futhi lwalungakaze lwazi lutho olunye kodwaamachwane, kodwa lwalwazi ukuthi kwakukhona okuthizengalo okwakwehlukile emachwaneni. Kwase kuthi-ke umamawalo uza ukuzoluzingela, wayesekhala kakhulu ngaphezulu.Kwakulubizo lokhozi. Niyabo, lwalufanele lube wukhozi,kwasekuqaleni, kungenjalo lwalungeke neze lukuqonde lokhokubizwa. Niyabo, lu…203 Kuzofanele kube nento ethize lapho, emilile, kungenjaloingeke neze yaveza ukuPhila. Futhi uma iMbewu, iZwilikaNkulunkulu, ikuwe, uMoya oNgcwele ulapha manjeukumilisa lelo bese uLiletha ebumpeleni kuwe.204 Bangaki phakathi lapha ongakawemukeli umbhaphathizokaMoya oNgcwele, ningaziphakamisa izandla zenu na?Macala onke, ndawo zonke, ukuba qotho ngempela nje,uma ungakawemukeli uMoya oNgcwele, futhi ungathanda,phakamisa isandla sakho. Noma ngabe ukuphi, sigcinesiphakeme nje isandla sakho, umzuzwana nje.205 Manje ngifuna, nina enimi macala onke futhi nibabuka,ngifuna umuntu othize ukuba ubeke izandla zakho phezukwabo.206 Ngikholwa njengamanje ukuthi uMoya oNgcweleuzonigcwalisa nonke wena oWufunayo. Manje ningacabangingokudla phandle lapho ehhotelana elingenaweta. Asicabangengalokhu uKudla lapha. Yikho Lokhu. Lokhu ngukuPhila.Niyabo, lokhu ngukuPhila.207 Manje jikani ngqo, ngamunye wenu, bese nibeka izandlaphezu komunye nomunye. “Futhi babeka izandla zabo phezukwabo!” Manje ngifuna ukhulekele lowomuntu isandlasakho…208 Manje ningacabangi ngokuphuma. Ningacabangi ngaluthoolunye. Cabangani nje, khona manje, uMoya oNgcwele ulaphaukugcwalisa umuntu ngamunye. Vula nge inhliziyo yakho,chithela ngaphandle onke amanzi omthombo wokuzigumbela,bese uthi, “O Mthombo wokuPhila, ngena kimi. Ngigcwalise, ONkosi Nkulunkulu, ngokulunga kwaKho nesihawu.”209 Nkosi Jesu, lowoMthombo ongenakuqedwa! Ngiyakhuleka,Nkulunkulu, ukuthi Uzobagcwalisa bonke ngamunye.Kwangathi uMoya oNgcwele ungehlela lapha. Ngiyakhuleka,Nkulunkulu, ukuthi sizokhohlwa konke nganoma yini enye;ukuthi uMoya oNgcwele wehlele phakathi kwethu, njengamanje,futhi uzosipha lawoManzi amaningi okuPhila, ngesihle,ngokuvela ndawo zonke. Siphe khona, O Nkulunkulu.Ngenkathi uku—ukuqhubeka komkhuleko neculo, kuhlangnathaqa ndawonye, Nkosi, ukwazi ukuthi nguBukhonabaKho, uBukhona baKho bobuNkulunkulu, sifuna ukuza

Page 34: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

34 IZWI ELIKHULUNYIWE

eMthonjeni. Sifuna owangempela, umbhaphathizo wangoqobongoMoya oNgcwele. Nkosi, lababantu bakhulekela Wona.Ngikhulekela ukuthi, wona lomzuzwana ngqo manje, ukuthibazogcwaliswa ngalokhu ukulunga kukaNkulunkulu. Siphekhona, O Nkulunkulu. Yizwa umkhuleko wabantwana baKho.Kwangathi Ungeza phezu kobukhona babo, kwangathi AmandlakaNkulunkulu, noMoya oNgcwele, ungashwibeka phezu kwabo.Siphe khona, Nkulunkulu.210 O siKubonga kangaka ngokuhlunyeleliswa, ngoBukhonabukaNkulunkulu waseZulwini onamandla, emi phakathikwethu! Ngalo lelihora lemini, Nkosi, sondle! Nkosi,sifuna ukudla okuvela etafuleni laKho. Sondle, Nkosi,njengamanje. Sondle ngoMoya oNgcwele, ezimpilweni zethu.Imiphefumulo yethu egagadekile elambile yomile. NjengobaUshilo ekuhunyushweni kweculo, “Kuyothulula amanzi phezukomhlabathi ogagadekile.” Makwenzeke, Nkosi. MakuthiamaZwi aKho abonakaliswe ezinhliziyweni zabantwana baKho,“Amanzi amaningi phezu kowomile, umhlabathi ogagadekile.”Nkulunkulu waPhakade, yizwa umkhuleko wezinceku zaKho,futhi siphe lesosiBusiso. Amen.

O, ngiyamthand’uJe-…211 Qhubekani nje nokuMdumisa manje. Tholani, uMoyaoNgcwele ulapha. Uma ningaMemukeli, yiphutha lenu.

Ngiyamthand’uJesu,

“UyaNgithanda kunalaba na?”

…thand’uJesu,Ngoba Wang’thanda kuqala.

O, ngiyamthand’u…(AkadunyisweuNkulunkulu!)

O, ngiyamthand’u…(Ukuba-ke Ubengafikanje…?…-ment?)

O, ngiyamthand’uJesu,Ngoba Wang’thanda kuqala.

Angisoze ngaMshiya,Angisoze ngaMshiya,Angisoze ngaMshiya,Ngoba Wang’thanda kuqala.

Uyisimangaliso, isimangaliso, uJesu kimi,UMluleki, iNkosi yokuThula, uNkulunkulu

onaMandla nguYe;O, uyangisindisa, uyangigcina kuso sonke

isono nehlazo,Isimangaliso nguMhlengi wami, alidunyiswe

elaKhe…212 Asilicule kuYe manje!

Page 35: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

IMITHOMBO EVUZAYO 35

Uyisimangaliso, isimangaliso, uJesu kimi,UMluleki, iNkosi yokuThula, uNkulunkulu

onaMandla nguYe;O, uyangisindisa, uyangigcina kuso sonke

isono nehlazo,Isimangaliso nguMhlengi wami, alidunyiswe

iGama laKhe!213 Bonke abezwa lokho, thanini “amen.” [Ibandla lithi,“Amen.”—Umhl.] O, haleluya! Ngibona abanye abantu bedabulabeza manje, ngoMoya oNgcwele.

Ngangilahlekile, manje sengitholiwe,ngikhululekile ekulahlweni,

UJesu unikeza inkululeko nensindiso egcwele;Uyangisindisa, uyangigcina kuso sonke isono

nehlazo,Isimangaliso nguMhlengi wami,

alidunyiswe…Asiphakamise izandla zethu manje futhi ngempela si

pra-…O, isimangaliso, isimangaliso, uJesu kimi,UMluleki, iNkosi yokuThula, uNkulunkulu

onaMandla nguYe;O, uyangisindisa, uyangigcina kuso sonke

isono nehlazo,Isimangaliso nguMhlengi wami, alidunyiswe

iGama laKhe.214 NiyaMthanda na? [Ibandla lithi, “Amen!”—Umhl.] O,isimangaliso! Awudunyiswe lowoMthombo ogcwaliswe yiGazi,lapho izoni zisusa khona konke ukwesaba komuntu, konkeukulahlwa, nje ukhululekile kuYe. Haleluya! O, he, lokhokumangalisa ngempela!215 Manje sisacula lelo futhi, masithi sidedele yonke iMethodisti,iBaptisti, iKatolika, iPresbyterian, ukuthi kuyini, sisaculaleli, “Isimangaliso, uJesu kimi,” asijike nje bese sixhawulananomunye nomunye, nje sibe nokuxubana okuhle okudala.Niyazi, mina, yilokho engikuthandayo. Wozani, asilicule manjelapho sikwenza.

O, isimangaliso, isimangaliso, uJesu kimi,216 [UMfowethu Demos Shakarian ukhuluma kuMfowethuBranham, “Mfowethu Branham, nginezwi ngoMongameliuJohnson, uphuthunyiswe esibhedlela enokuhlaselwayinhliziyo, futhi mhlawumbe besifanele simkhulekele nesizwesakithi.” Abazalwane bayakuxoxa. Omunye uthi, “Asilindeumzuzu.”—Umhl.]

Isimangaliso, uJesu uyiso, (kunjalo)O, uMluleki, iNkosi yokuThula,

Page 36: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

36 IZWI ELIKHULUNYIWE

217 [UMfowethu Shakarian futhi ukhuluma kuMfowethuBranham, “Ngiyaxolisa, ngiyaxolisa futhi, uyafuna ukwehlaumzuzu nje?” UMfowethu Earl Prickett uhola ibandlaekuculeni, Isimangaliso. Akuqoshwanga eteyipini. Ibandlalicula elithi KunoMfula WokuPhila. Okunye ukungaqoshwaeteyipini—Umhl.]

IBhayibheli lathi, “Khulekelani labo abakhulu.”218 Baba wethu waseZulwini, simi esidingweni esinentshisekelongomholi wesizwe sakithi, uMongameli wakithi. Angahleangakwazi neze lokhu, Nkosi, kodwa Wena uyakwazi.Ngikhulekela uMfowethu Johnson, njengoba ezisho ukuthiuyikholwa kuWe. Futhi, Baba, ukuhlaselwa yinhliziyo,siyaqonda, kumshayile. Ngiyakhuleka, Nkulunkulu, sindisaimpilo yakhe. Sise—sesikhathini esiyingozi khona manje,empeleni. Futhi makuthi uMoya waKho ufike phezu kwakhe,Nkosi. Futhi khona manje, esibhedlela kumbe noma yikuphilapho angabakhona, futhi makuthi uMoya waKho wehlelekulesosiBhedlela iWalter Reed futhi uthinte umzimba wakhe,usindisa impilo yakhe. Nkosi, indoda iphansi kwengcindezi,ingcindezi enkulu edlula leyo esiyiqondayo. Ngakhosiyakhuleka, Nkulunkulu, njengamakholwa nanjengengxenyeyalesisizwe, sikhulekela umholi wethu, ukuthi Uzomuphaukweluleka kokuphila, kulelihora elikhulu, eGameni likaJesuKristu. Amen.

Page 37: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

IMITHOMBO EVUZAYO ZUL65-0123(Broken Cisterns)

LomMlayezo ngo Mfowethu William Marrion Branham, okokuqala wethulwangesiNgisi ngoMgqibelo ekuseni, ngoJanuwari 23, ngo 1965, wenzelwa ukudlakwasekuseni kweFull Gospel Business Men’s Fellowship International eRamadaInn ePhoenix, eArizona, U.S.A., uthathelwe ekuqopheni kweteyipu enozibuthefuthi washicilelwa ungafinqiwe ngesiNgisi. Lokhu ukuhunyushwa ngesiZulukwashicilelwa futhi kwakhishwa yiVoice Of God Recordings.

ZULU

©2014 VGR, ALL RIGHTS RESERVED

VOICE OF GOD RECORDINGS, SOUTH AFRICA OFFICE

58 DISA ROAD, ADMIRAL’S PARK, GORDON’S BAY 7140 WESTERN CAPE

REPUBLIC OF SOUTH AFRICA

VOICE OF GOD RECORDINGS

P.O. BOX 950, JEFFERSONVILLE, INDIANA 47131 U.S.A.www.branham.org

Page 38: ZUL65-0123 Imithombo Evuzayo VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0123 Broken Cisterns VGR.pdfIMITHOMBOEVUZAYO 3 12 Ngicabange ukuthi ngizodedela abazalwane bakithi baqonde,umabengaqondanga,ngobaomunyewabongokuyikho

Inothisi yelungelo langokomthetho

Onke amalungelo agodliwe. Lencwadi ingaprintwa kwiprinta yasekhaya yenzelwe okuqondene nomuntu noma inikezelwe, ngesihle, njengethuluzi ukusabalalisa iVangeli likaJesu Kristu. Lencwadi ingethengiswe, iphinde ikhiqizwe zibe ningi, iposwe kwiwebsayiti, igcinwe ngohlelo lokuthi iphinde itholakale, ihunyushelwe kwezinye izilwimi, noma isetshenziselwe ukuzicelela izimali ngaphandle kwemvume ebhaliwe eshiwoyo ye Voice Of God Recordings®.

Ngolwazi olwengeziwe noma olwenye impahla ekhona, siza uxhumane ne:

Voice of God RecoRdinGsP.o. Box 950, JeffeRsonVille, indiana 47131 U.s.a.

www.branham.org