Upload
others
View
3
Download
0
Embed Size (px)
Citation preview
IBANDLA KANYE NEMFUNDO
Isifundo 9 ukulungiselelauLwezi 28, 2020
Ukubona njengoJesu
Ukuphila njengokufundiswa wuJesu
Ukunaka njengoJesu
Ukufuna iqiniso elinguJesu
Ukwabelana ngoJesu
Ngaphambi kokuba uJesu ezeemhlabeni, abantubakaNkulunkulu babeyisizweesisodwa kuphela, abantubakwaIsrayeli.
UJesu wenza isimo esisha sabantubakaNkulunkulu, iBandla. IBandlalalibuthana ngamaqembuamancane emakhaya kuqala.
IBandla liyisikole esiphakeme salabo abashabalala ngokweswela ulwazinobumnyama bomphefumulo, esibizelwe kusona sonke ukuba singene impiloyethu yonke-futhi-sihlale, sifunde kuJesu waseNazaretha, uthisha omkhulu.
“Kepha umSamariya othile owayesendleleni wafika kuye; wathi ukuba ambone, wamhawukela.” (Luka 10:33)
Yini engasenza “sibe nesihe” kwabanye?
UJesu ubona izidingo zabantuabasizungezile, ngakho usikhuthaza ukubasibasize.
IBandla libusiswe ngamaqiniso amakhuluasenza sizwisise kancono izithembiso kanyenentando kaNkulunkulu. Kodwa ke, ukwazilawo maqiniso kuphela akwenele ukubasiphathe abanye ngobumnenenangokungabagxeki.
Ukubona njengoJesu kubandakanyaukugxilisa amehlo ethu esiphambanweniendaweni yokuzibheka thina. Ukubhekaokunjalo kuyosisiza ukuba siboneukubaluleka okubonwa nguNkulunkulukuloyo naloyo muntu (kwabaseFilipi 2:3-4).
“Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba baboneimisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.” (Mathewu 5:16)
UJesu wasikhuthaza ukuba sikhazimulenjengomuzi owakhiwe entabeni ebusuku.
Siphila ezweni elisithwe yisono, elingenasimilo, nelisebumnyameni ngokomoya. Umsebenziwebandla wukuletha ukukhanya kanyenethemba kuwona wonke amagumbi omhlaba.
Amalunga omzimba kaKristu kufanele abe njaniukuze abonise ukulunga kukaNkulunkulunjengokukhanya kwangempela (bukakuMathewu 5:3-12)?
Abathobekile
Abanozwelo
Abamnene Abalungile
Abanomusa
Abahlanzekile Abenza ukuthula
Abaqondile
Abaqiniselayo
Umsebenzi kaJesu–obhalwe kuLuka 4:18-19–wawubandakanyaukunakekela abaphuyile, ukusiza abanezinhliziyo ezaphukile, ukwelapha abagulayo, kanye nokukhulula abathunjiweyoesonweni.
Sibizelwe ukuba silandele isibonelo sakhe kanye nokubasithandane. Futhi sibizelwe ukuba siphile ngalolo thando, sinakekele abanye futhi sanelise izidingo zabo zenyama kanyenezikamoya ngendlela esingakhona ngayo.
SingabafundibakaThisha, ngakhokufanele sihlalesibonisa wona lowomusa ayewubonisa, ehlala njaloesebenzela usindisolwabo.
UKUFUNA IQINISO ELINGUJESU“Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise, ngokuba wena unguNkulunkuluwensindiso yami; ngilindela wena usuku lonke.” (AmaHubo 25:5)
UNkulunkulu usidale sinomoya wokufunaulwazi, kanye nokulangazelela ukwazi kanconookungenakweneliswa. “Iso alisuthi ngokubona, nendlebe ayigcwali ngokuzwa.” (Umshumayeli1:8; 3:11)
Sifuna izimpendulo zemibuzo enzulu kakhulu: Singobani? Yingani sikhona? Kufanele siphile kanjani? Kwenzekani uma sifa? Kungani kunobubi kanyenokuhlupheka?
Awukho umthombo wolwazi ongaphendulalemibuzo ukwendlula Lowo oyiqiniso eliphelele. “UJesu wathi kuye, ‘Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandlekwami.’” (Johane 14:6).
Imfundo yobuKristu ibandakanya ukuholelaabantu eqinisweni ngokufuna izimpenduloeBhayibhelini, eliyincwadi ephethe iqiniso uJesuabelana ngalo.
“Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egamenilami, ngikhona lapho phakathi kwabo.” (Mathewu 18:20)
AmaKristu okuqala ayebuthana emakhaya ngamaqembuamancane.
Onke noma amanye alawo maqembu edolobheni thizeayebuthana njalo ukwenza imibuthano (isibonelo, ukuzolalelaukushumayela kukaPawule [Izenzo 20:7]).
AmaKristu ayekade abelana ngenkolo yawo, ekhula ndawonyeeqinisweni, futhi ayephila ngevangeli kulawo maqembu. Lawokwakungamaqembu ayevulekile, futhi ayezimisele ukwabelanangeqiniso nabo bonke ababefuna ukulamukela.
Inhloso yalelo nalelo bandla wukwabelana ngoJesu, nanomalingakanani. IBandla ngalinye liyisikhungo semfundo lapho wonkeumuntu engafunda futhi afundise ngoJesu.
“Amaqembu amancane mawahlangane
ukuba afunde iMibhalo.
Aniyikulahlekelwa lutho ngalokho,
kodwa niyozuza okukhulu. Izingelosi
zikaNkulunkulu ziyoba semihlanganweni
yenu, kuyothi nisadla iSinkwa Sokuphila,
niyophiwa amandla kamoya kanye
nempilo. Niyobe nidla, ngokwesifaniso,
amaqabunga omuthi wokuphila. Yilena
kuphela indlela yokugcina ukwethembeka
kwenu.”
E.G.W. (This Day With God, January 3)
“Singazisho ukuthi singabalandeli
bakaKristu, singazisho ukuthi sikholelwa
kulo lonke iqiniso elisezwini
likaNkulunkulu; kodwa lokho kungemsize
umakhelwane uma ukukholwa kwethu
singakuphili nsuku zonke. Singamemeza
kuze kufike esibhakabhakeni, kodwa
kungesisindise thina noma abantu bakithi
uma singabi ngamaKristu. Ukuba yisibonelo
esihle kuyoba yinzuzo enkulu emhlabeni
kunokuzisho kwethu.”
E.G.W. (Christ’s Object Lessons, cp. 2, p. 383)