Upload
others
View
6
Download
0
Embed Size (px)
Citation preview
Wina nabakwa-Atlas noNweleIKHASI 8
Usuku lweNgculazieMhlabeni
IKHASI 6
Lifikile ihlobo nezifoIKHASI 3
NOVEMBA 2005
Usuku lwamehloIKHASI 4
Wina
Wina
Wina
Wina Wina
Wina
Wina
Wina
Wina
Wina
Wina
Wina
Wina
Ushukela udla fumuka udlesilaza
IKHASI 4
MBALI THUSI
NGENYANGA ka -Agastinonyaka umNyangowezeMpilo KwaZulu-Natal,wavula ngokusemthethweni
isikhungo sezokuxhumana i-Operations Centre. Lesi sikhungoesamukela izincingo ubusukunemini, singesokuqala ngqa saloluhlobo eNingizimu Afrika njengobasinikeza usizo lwezempilo ngasosonke isikhathi kwabaludingayo.Umphakathi ungathinta lesisikhungo uthole usizo ngokushayelainombolo yamahhala ethi: 0800 005 133. Lesi sikhungoesisezingeni eliphezulukwezokuxhumananobuchwepheshe, sinabasebenziabakwazi ukunikeza umphakathiizeluleko nolwazi mayelananezempilo kanye nanoma yiluphiulwazi nemininingwane edingwayilowo oshaye ucingo. Uma njekuphathelene nezempilo uyalutholausizo.
Lesi sikhungo esisebhilidiniiNatalia, okuyiNhloko HhovisiyomNyango wezeMpiloeMgungundlovu, sinabasebenziabaqeqeshelwe ukunikeza usizo
kunoma ngubani oxhumana naso.Inhloso yokusungulwa kwalesisikhungo ukunikeza umphakathiwonkana usizo lwezempilo ngasosonke isikhathi ngokusebenzisaizinsiza zokuxhumana ezifananemisakazo, isikhahlamezi, i-email,imiyalezo ethunyelwangomakhalekhukhwini (sms) kanyenocingo.
Selokhu lesi sikhungo savulwaumphakathi awuzibekile phansiuyasisebenzisa njengoba zibalelwaku-4509 izincingo esezamukelwekulesi sikhungo selokhu savulwaokuyinto ehlaba umxhwele.“Ukuvulwa nokusungulwa kwalesisikhungo sezokuxhumana kubeyimpumelelo enkulu kithinaemNyangweni wezeMpilo ngobakusisizile ekuvuleni umguduwokuthi umphakathi ukwaziukuxhumana nathi ngaso sonkeisikhathi,” kusho uMnuz KholekileNtsobi, onguMphathi wophikolwabosizo lwezempilooluphuthumayo, i-EmergencyMedical Rescue Services (EMRS).
Uqhube wathi, “Lesi sikhungosiwusiz kithini kwezosizooluphuthumayo ngoba umaumphakathi uhlaba umkhosi
siyakwazi ukusheshe sifike laphosidingeka khona ngoba lesisikhungo sinobuxhakaxhakaobusiza abasebenzi bezimoeziphuthumayo bakwaziukuyalelwa lapho kudingeka usizokhona ngaphandle kokuchithaisikhathi befuna leyo ndawo.
Futhi lesi sikhungo siyakwaziukuthumela imiyalezo esiqaphisayouma kungenzeka kuba khona izimozezinhlekelele sikwazi ukumangokumumo,” kuchaza uNtsobi.
Ingxenye enkulu yezincingoesezamukelwe kulesi sikhungo ivelakubantu abafuna ulwazi nosizomaqondana ne-HIV nengculazikanti abanye bafuna ulwazimayelana nemishanguzo,“Kuyajabulisa ukubona ukuthi lesisikhungo siyakwazi ukusizangokunikeza ulwazi abantu abafunausizo mayelana ne-HIV ne-AIDSokusho ukuthi nathi siphosaokuthize esivivaneni ekufundiseniumphakathi. Esikubonile wukuthibaningi nabantu abebefuna ukwazingesimo sezempilo sakulesisifundazwe ngoba befisaukuvakasha nokusho ukuthi sibanomthelela kwezokuvakasha,”kuchaza uNtsobi.
Uhlobo lwezincingo ebezifikakulesi sikhungo luhlanganisa lezozabafuna ukubika izinto ezifananenkohlakalo, izigamekozokuhlukunyezwa, ezokukhwa-banisa, ababika abadukile, ababikaizingozi, abafaka izikhalo mayelananezabasebenzi kuze kufike kulaboabafaka izikhalo. Zonke izikhaloziyalandelwa futhi ziphenywe.
Ukwakhiwa kwalesi sikhungokwadla imali ebalelwa ku-R3-million kanti u-80% wayowakhishwa yinhlangano ye-GlobalFund.
Ukuvulwa kwe-Operations Centresekwakhe amathuba emisebenzikubantu abangaphezu kuka-40 kantiabanye babo bakhubazekile.
Njengoba sesiya emaholidiniokuphela konyaka kubonakalasengathi lesi sikhungo sizobanomkhulu umthelela ekulethwenikosizo lwezempilo emphakathininasekuletheni usizolwezokuxhumana uma kwenzekakuba nezimo zezinhlekelele ngalesisikhathi.
“Khuluma nathi. Silalele.Amahora angu-24 ngosuku.Mahhala”
SINGAKUSIZA NA?
Ubusuku nemini... nsuku zonke. Lesi sikhungo sinethimba labasebenzi abazinikele nabahlale belindele ukusiza umphakathi ngaso sonke isikhathingokuphendula zonke izingcingo ezingena kulesi sikhungo. Banikeza usizo nezeluleko eziqondene nezempilo. Laba bangabanye babasebenzi kulesi sikhungongoNomusa Khanyile noMxolisi Thabede abathathwe bematasatasa emsebenzini wabo Isithombe: Themba Mngomezulu
UNWELE OLUDEUNWELE OLUDEIKHASI 2ULWESIHLANU, NOVEMBA 4, 2005
0800 00 5133KHULUMA NATHI. SILALELE. UBUSUKU NEMINI. MAHHALA
BONGANI MTHEMBU
UNKOSIKAZI NomusaKhuzwayo unesifosengculazi. Wathola ukuthiunalesi sifo ngo-Ephreli
ngonyaka-2003 kanti isibhedlelaiMahatma Gandhi, esisePhoenixeduze kwaseThekwini, sasinonyakasiqale ukunikezela ngemishanguzoyesifo sengculazi ngaphansi kohlelolukahulumeni omkhulu lokwelaphaabanalesi sifo.
Akapholisanga masekouKhuzwayo njengoba wavelewalithatha ithuba waba yingxenyeyalabo ababa ngabokuqala ngqakulesi sikhungo ukuthi badle imithiyokudambisa isifo sengculazieyaziwa njengama-antiretrovirals.
Yize impilo kaKhuzwayo nabanyeabangu-abangu-506 abavakashelalesi sikhungo isikhombisaumehluko umkhulu ezimpilwenizabo kusukela baqala ukuthathaimishanguzo, kodwa ubhekenenobunzima obukhulu ekhayanjengoba umyeni wakhe engafunikuzwa lutho ngesifo sengculazi.
Wake wazama ukuthi akhulumengaso ngemuva nje kokuthi etholeukuthi unaso kodwa umyeni wakhewala waphetha ukuzwa ngaleyondaba.
Ngokusho komhlengikaziosemnkantshubomvu, uNkkNonhlanhla Nzuza eMahatma
Gandhi, uKhuzwayo ungomunyewabaningi abakuthola kunzimaukuthi bathathe imishanguzo yabongokukhululeka ngenxa yokuthiabakutholi ukwesekwayizinqandamathe zabo.
Indlela abantu abesilisa
abasithatha ngayo isifo sengculaziikhanya bha esikhungwenisemishanguzi esibhedlelasaseMaGandhi.
Kwabangu-506 abasohlelwenilwemishanguzo, bangaphansikwekhulu abesilisa.
Ngabe lokhu kubangwa yini?Ngokusho kukaNzuza lokhu
kubangelwa yizinto eziningiokubalwa kuzo indlela azibhekangayo amadoda emphakathini.
UNzuza uthi kokhona izigamekolapho izithandani ikakhulukaziezamadoda zingafuni khonaukubonakala zidla imishanguzongendlela yokuthi baze baqomeukuthi bantshontshe leyo enikezweomkabo.
“Omunye weziguli zethu wezakithi ekhala ngokuthi imithi yakhe
iyanyamala. Ngesikhathi senzauphenyo sathola ukuthi umyeniwakhe kade entshontsha amaphilisiakhe. Sase siyamchazela ke ukuthikuyingozi kangakananiukungayilandeli imigomo umausebenzisa imishanguzo njengobaigcine ingasasebenzi” kuchazauNkk Nzuza.
Umnyango weZempilo usunxusaabesilisa ukuthi nabo balusebenziseuhlelo lukahulumeni lokutholaimishanguzo mahhala.
Ngaphandle kwezinkingaezikhona ohlelweni lwemishanguzozokungalandeli kahle indlelayokusebenzisa imithi, uhleloluhamba kahle kakhulu.
Kuyimanje zibalelwa ku-53izibhedlela esifundazwenisaKwaZulu-Natal ezinikezelangemishanguzo.
Lezi zikhungo zitholakala kuzo
zonke iziyingi ezingu-11 kulesisifundazwe.
Lezi zikhungo zinezinhleloezibhekelela abadala, izinganekanye nabesimame abakhululwe.
Okhulumela umnyangowezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkkzLindiwe Khuzwayo uthibangaphezulu kuka-15 000 abantuabaqala ukuthatha imishanguzokanti inani liya ngokwenyukakakhulu.
UNzuza uthi abantu abanikezwaimishanguzo yilabo abane-CD 4count engaphansi kuka-200. Inanilegciwane lengculazi emzimbeniwomuntu libizwa nge-viral load.Odokotela baye babheke inani le-viral load emzimbeni umabelapha isiguli ngoba ukwehlakwayo kusho ukuthi imithiiyasebenza.
Imishanguzo isiza ukuthi yehlisei-viral load emzimbeni.
Ukwenyuka kwe-viral loademzimbeni womuntu osebenzisaimishanguzo, kungabangelwaukuthi isiguli sesinekinga yokuthiimithi ayisasebenzi kuso nomaukuthi imithi ayithathwa ngendlela.
Imishanguzo isebenza kahle umaithathwa njengokomyalelowomhlengikazi noma udokotela.Ukweqa izikhathi zokudlaamaphilisi kungabangela igciwanelande futhi nokuthi angcineengasebenzi emzimbeni.
IYAQHUBEKA IMPIYOKULWA NENGCULAZI . .
UQALE NINI UKUSEBENZA EMNYANGWENIWEZEMPILO? NGIQALE ngo-Januwari nonyaka ngemuva kokuphothulaizifundo zami eNyuvesi yaseStellenbosch, eNtshonalangaKapa. Njengamanje ngisebenza esibhedlela -Osindisweni,lapho ngenza unyaka wami wokusebenzela umphakathi(community service). Ngikuthokozela kakhulu engikwenzayo.
LWAQALA KANJANI UHLELO LOKUPHAABANTULAYO UKUDLA?
Kwafika uDkt Suraya Naidoo owangazisa ngenhlosoyokuqala lolu hlelo wabe esefisa ukuthi ngibe yingxenye yalonjengoba vele ngingumeluleki kwezokudla (dietician).Ngokomsebenzi kumele ngikwazi ukusiza labo abasweleukudla ngisize nemindeni ikwazi ukuxosha indlalaemakhaya. Ngamuva-ke ukuba yingxenye yalolu hlelo kwasekuthi ngoJulayi nonyaka saluqala uhlelo kulesi sibhedlelakanti yimi engibhekelela ukuthi konke kuhamba ngononina.Iziguli engizibonayo yilezo ezisuke zedluliselwe kimingudokotela, umhlengikazi noma ngabanye abasebenzibezempilo uma besibona isiguli ukuthi siyentula.
UKWAZI KANJANI UKUQHUBEKA NALOLU HLELO?Kuyamangaza kakhulu ukuthi amalungu omphakathi
kanye nosomabhizinisi bendawo bayakwazi ukuvula
izinhliziyo zabo babe nesihe basize labo abaswele ngempela.Abantu abanjengoMnuz no Nkk Govender wase-EverestFlexible no Mnuz Preggie Naidoo we-Calypso Carriersbangabanye babantu abanikele ngendathane yokudla kuloluhlelo lethu. Sengike ngacela nabangani bami kanye nabanyebasemndenini wami ukuthi banikele ngalokho abanakho.
YIKUPHI OSUKUZUZILE KUMBEOSUHLANGABEZANE NAKHO SELOKHU LWAQALALOLU HLELO?
Sengikwazile ukuzibonela ububha kanye nokuhluphekaokubhekene nabantu bakule ndawo futhi kuyadabukisa.Sengike ngahlangabezana nezingane ezingondlekile ngobakungekho ezingakudla emakhaya. Ngibona ogogo nomkhulubebhekene nomthwalo nosizi lokukhulisa bondle izinganezabantababo eseziyizintandane.
Uma ngikwazi ukusiza ngisho noma ngabe ngumuntuoyedwa ngiyazi ukuthi ngizokwazi ukuqhubeka nalolu hlelo.Ngijabula kakhulu uma ngibona umuntu obekade ondileeseqala ukukhuluphala emamatheka ngoba ethole ukudlanaye afake okuthize esiswini.
NGABE ZIKHONA IZINGQINAMBA?Yebo, ngesinye isikhathi kuba nzima ukubona ngempela
ukuthi ngubani oswele nongeswele. Kukhona nje abake bafikebenakho ukudla emakhaya kodwa beze bazocela ukudlangoba ebefuna ukuphiwa mahhala. Yize kunjalo sizamangakho konke okusemandleni ukufinyelela kulabo abadingausizo ngempela. Njengoba lolu hlelo luya ngokuthuthukangithemba ukuthi sizoletha usizo nempilo engconokwabaningi.
UPHUMA KANJANI UMA UNGEKHO EMSEBENZINI?Ngiyathanda ukuvakashela olwandlela nokuxoxa
nabangani bami.
Uneminyaka engu-23 kodwa u Nksz Elouise Casey usenze omkhulu umahluko ezimpilweni zabantu abaswele, kodwa uma beze esibhedlela i-Osindisweni bathola usizo lwezempilo. U-Elouise, uyi-Dietician kuso lesi sib-
hedlela esise-Verulam, kanti uphethe uhlelo lokupha iziguli ezisuke zize esibhedlela ukudla. Okwenza lolu hlelo lwehlukeukuthi akanayo ngisho isho imali eseceleni ebhekele ukuqhutshwa kwalolu hlelo. Ngokuba nozwelo, nentshisekelo yoku-
siza abantu abantulayo, u-Elouise usekwazile ukwelula isandla asize imindeni eminingi ixoshe ikati eziko. UNWELEOLUDE luxoxisane nale ntokazi esencane mayelana nalolu hlelo kanye nangomsebenzi ewenzayo.
Umhlengikazi uNkkz Nonhlanhla Nzuza emtholampilo wemishanguzo yengculazi eMahatma Gandhi Hospital Isithombe: Bongani Mthembu
U-Elouise Casey usikhombisa ukudla okusuke kunikelwe ngamalungu omphakathi okunikezwa labantulayo
Isithombe: Themba Mngomezulu
WENZA UMAHLUKO EZIMPILWENI ZABANTU
UNWELE OLUDEUNWELE OLUDE IKHASI 3ULWESIHLANU, NOVEMBA 4, 2005
UMALALEVEVA
NAKUBA umNyango usuzamengazo zonke izindlelaukunciphisa umalaleveva
kulesi sifundazwe, kusabalulekileukuzivikela uma uzoba nohamboolukuyisa ikakhulukazi enyakathoyeKwaZulu-Natal. Ukuzivikelaokugcono kunakho konke yilokhookufanele wena uzisize ngakhongoba omasikito batinyela kakhulungokuhlwa. Akhona amaphilisiongawasebenzisa ukuzivikelakumalalevela. Uma unokungabaza,buza emtholampilo oseduze nawe,isibhedlela noma udokotela.
Iba nesiqiniseko sokuthi leyomithi oyitholile uyisebenzisangendlela.
Gcobisa isixosha zinambuzaneemzimbeni wakho. Lala endawenienenethi yokumboza noma ngabe
kusendlini. Vala amafasitelanezicabha ebusuku. Futha izifuthozokubulala izinambuzane nomiyaneebusuku.
ISIFO SOHUDO
Nakuba isifundazwe saKwaZulu-Natal sike sabhekana nokuqubuka
kwesifo se-cholera, ungakwaziukuhambela izindawo esezikezahaqwa yi-cholera uma uzolandelaimigomo efanele yezokuphephanokuhlanzeka.
Ukugeza izandla ngaphambikokuba udle, ukugeza imfinonezithelo kanye nezandla ngemuvakokuya endlini yangasese
kusemqoka kakhulu.Ungavumeli izingane zidlale
emaxhaphozini anamanzi angcolile.Uma ungenaso isiqinisekosokuphepha ngamanzi endaweniethile, kungaba ngumqondo omuhleukuba uwahlanze amanzingaphambi kokuba uwasebenzise.Ungasebenzisa lokhu okulandelayo
ukuhlanza amanzi:
Bilisa amanzi ngaphambi kokubauwasebenzise.
Hlanza amanzi ngokuthi wengezei-teaspoon elilodwa lesibulali-magciwane i-bleach, esikalinisamanzi angama-lithaangamashumi amabili anhlanu.Ngemuva kokwenza lokhu wayekeamanzi ahlale isikhathiesingamahora amabili ngaphambikokuba uwaphuze.
TYPHOID
Inhlanzeko ingayivikela ityphoidfever. Ityphoid ibangwa ukuphuzaamanzi angahlanzekile nomaukudla ukudla okunegciwaneelibizwa ngeSalmonella.
Ezinye zezimpawu ze-typhoidfever yilezi:
■ Ukukhwehlela okungapheli■ Ikhanda elibuhlungu■ Inhliziyo encane■ Ukwehla kakhulu emzimbeni■ Ukusongelana esiswini■ Ukuhuda■ Ukukhwehlela okuhlabayo
■ Ukupheka ukudla kuvuthwekahle, ukubilisa noma ukufaka
i-bleach emanzini okuphuzanokugeza izandla kungasizaukuvikela ukwanda kwalesi sifo.
■ Ukuphekisisa kahle ukudlakuyawabulala amagciwane adala i-typhoid. Kumele upheke inyama,inhlanzi nemifino kuvuthwe kahle.Ukudle kusashisa.
■ Ukugeza kuyakuvikela kwi-typhoid.
■ Geza izandla ngaphambikokuthinta ukudla.
■ Hlanza izitsha ngamanzianensipho.
■ Geza isithebe oqobela kusongamanzi anensipho.
■ Ukuhluba amakhasikuyakuvikela kwi-typhoid.
■ Yidla izithelo ezisanda kususwaamakhasi njengama orintshinobhanana.
■Ngisho noma ngabe isithelosibukeka sihlanzeke kanjani,amanzi angaba nayo i-typhoid.
■ Amanzi ahlanzekile nawo ayabanayo ityphoid uma engahleliendaweni evikelekile.
■ Amanzi ahlanzekile wagcineesitsheni esihlanzekile esinesivaloesincane.
■ Wasebenzise ngaphambikwamahora amane.
■ Amanzi kumele uwathululeleesitsheni ungafaki isitsha kumbeinkomishi ebhakedeni ofake kuloamanzi.
■ Amagciwane athwala ityphoidmancane kakhulu.
■ Ungawathwala ngezandlangaphandle kokuthi uwabone.
■ Uma ugeza izandla qinisekaukuthi usebenzisa amanzianensipho ebese uhlambululangamanzi amaningi.
■ Geza izandla uze ugezenezinzipho. Sebenzisa indluyangasese.
■ Indle yezingane kumeleuyilahle kude noma uyigqibe.
■ Khumbula ukuthi amanziangcolile yiwo ayimbangela ye-typhoid.
Njengoba ihlobo lingena izifo ezifana nesifo sohudokanye nomalaleveva kulindeleke ukuthi ziphinde
ziqubuke. Njengoba kusazoba nezimvula umNyangouthanda ukukhumbuza umphakathi ngendlela
okufanele izivikele ngayo lezi zifo.
IHLOBO NEZIFO
Ngenhla uhlobo lwesina-mbuzaneesithwalaumalaleveva.
Lo mfanyanaodlalaexhaphozinilamanzi akaziukuthi ziningiizifo angazitholangokudlala lapha yingakhokubalulekileukuthi kuqikelel-we ukuthi kulandelwe amathiphu okuhlanzisisaaphuzwayo
UNWELE OLUDEUNWELE OLUDEIKHASI 4ULWESIHLANU, NOVEMBA 4, 2005
0800 00 5133KHULUMA NATHI. SILALELE. UBUSUKU NEMINI. MAHHALA
ROZ JORDAN
UMNYANGO wezeMpilo esifundazwenisaKwa-Zulu Natal, eNingizimuAfrika, kanye nasemhlabeni jikeleleubugubha usuku lwe-World Sight Day
ngo-Okthoba 13. Nonyaka lo mcimbi walolu
suku ububanjelwe esibhedlela iMosvold,esifundeni saseMkhanyakude enyakathonesifundazwe. Isiqubulo salo nyaka besithi:“The Right to Sight” okuchaza ilungelolokubona.
Usuku lwe-World Sight Day lugujwaminyaka yonke kanti lugxile enkingeniekhungethe umhlaba wonke, yokwanda
kwesibalo sabantu abanenkinga yokungabonikahle ngenxa yezizathu ezahlukene.
Inhloso yokugubha lolu suku ukuqwashisaabantu emhlabeni wonke mayelana nezimozokuvikela nokwelapha isimo sokulahlekelwawukubona.
Njengoba kunezibhedlela ezilishuminantathu kulesi sifundazwe saKwa-Zulu
Natal, ezikwaziyo ukunikeza usizongokwelapha nokuxilongwa kwamehlo,wonke umphakathi wakulesi sifundazweungathola usizo lokuvikela ukungaboni.
Kwelashwa abantu abathathu kwabahlanuabangaboni ngenxa yongwengwezi olubizwange-cataract.
Ukuvikelwa kanye nokwelashwa kwesimosokungaboni kungezinye zezintoeziyizindleko ezikhokhelwa ngumNyangowezeMpilo, futhi uyaphumelelaekunciphiseni isibalo sabantu abahlaselwayi-cataract nokungadala ukuthi bagcinebengasaboni emehlweni.
Lokhu kubandakanya ukususaungwengwezi kanye nokunye okukhubazaamehlo. Kuphinde kubandakanye ukugomelaisifo sesimungumungwane kanyenokunikezwa kwamavithamini ebantwaneningenhloso yokuvikela ukungaboniezinganeni kanye nokuhlinzekwa kwezibukozamehlo.
KwaZulu Natal, kubanantu abangu-60 000abangaboni. Abangu-48, 000 kulaba,ukungaboni kwabo kungelapheka.
Imbangela enkulu kulaba bantu eyenzaukuthi bangaboni, ungwengwezi oluvalaamehlo luphazamise ukubona.
Babalelwa kumaphesenti angu-60 abantuabangaboni ngenxa yalolu ngwengwezi.
Abantu abathathu kwabahlanu abangaboniemehlweni basuke benalolu ngwengwezi.
Uma unalolu ngwengwezi ugcina ubonangokufifiyela futhi kungaphazamisa impiloyakho nokuzenzela izinto ngaphandlekokusizwa.
Isimo sokungaboni esingelapheka sihlaselakakhulu kubantu abantula kakhulu,ikakhulukazi abesifazne ezindaweniezisemakhaya ngoba abanye abanalo ulwazilokuthi bangaluthola usizo.
UmNyango wezeMpilo KwaZulu Nataluyawesekela kakhulu umbono wamazweomhlaba wokusukumela le nkinga.
Ukwehliswa kwezinga lokubhebhethekakwesimo sokungaboni esingelaphekangonyaka ka-2020 kwesekwa kakhulungumNyango.
Ukuphazamiseka kwesimo sokubonakumuntu kunemithelela eminingi imibikanti futhi kuthinta yonke imikhakhayezentuthuko, ezomnotho kanye nempiloefanele.
AMEHLO AYETHE NJOKULOLU SUKU
UMNYANGO ULAHLEKELWE NGABASEBENZI
Umphakathi wahlolwa mahhala ngoSuku Lwamehlo, kanti Inhloko yeziMenenja uDkt Sibongile Zungu yathola ithuba lokuthi ihlolwe nguDokotelawamehlo uFrance Nxumalo ISITHOMBE: ROZ JORDAN
PRAVESH CHANDA SCELO MBATHA
UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natalusakhungathekile ngemuva kokuzwa izindabaezibuhlungu zokudlula ngokukhulu ukuzumaemhlabeni kwabasebenzi ababili, abasebenzaophikweni lwezempilo oluphuthumayo.Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi i-ambulensiabebehamba ngayo yehlelwe yingozi emgwaqweni.UMnuz Scelo Mbatha no Mnuz Pravesh Chandaabebesenza eGreytown Ambulance Base, bashonebesemsebenzini beya esibhedlela iGreytown,bephuthumisa owesifazane oneminyaka engu-35obebeletha. Isiguli kanye nomshayeli wemotoeshayisene ne-ambulensi nabo bashonile kulengozi.Ingozi yenzeke entathakusa ngo-Okthoba 22, 2005.
Le nhlekelele yengozi iphuce umNyango amalunguawo njengoba bonke abasebenzi balo mnyangobewumndeni owodwa. SingumNyango wezeMpilosithanda ukwedlulisa amazwi enduduzo emndeniniwakwaChanda nowakwaMbatha kanyenakozakwabo. UNgqongqoshe wezeMpilo, uNkkPeggy Nkonyeni, iNhloko yomNyango uSolwaziGreen-Thompson kanye nabo bonke abasebenzibomNyango wezeMpilo bafisa ukwedlulisa amazwienduduzo emindenini yaboshonile. “Abasebenzibethu kwezosizo oluphuthumayo basebenzaubusuku nemini ngakho ukudlula kwaboemhlabeni akusilo nje usizi kuthina emNyangweninasemndenini yabo kodwa silahlekelwe sonke,”kusho uNgqongqoshe uNkonyeni.
UNWELE OLUDEUNWELE OLUDE IKHASI 5ULWESIHLANU, NOVEMBA 4, 2005
0800 00 5133KHULUMA NATHI. SILALELE. UBUSUKU NEMINI. MAHHALA
NgoNovemba 14 umhlaba jikelele uzobeugubha usuku olubizwa nge-WorldDiabetes Day. Ngalolu suku kuzo-
qwashiswa kufundiswe umphakathi ngesifosikashukela.
Siyini isifo sikashukela?Zintathu izinhlobo zesifo sikashukela, yilezi
Type 1, Type 2 ne-Gestational Diabetesephatha abesifazane abakhulelwe.
Uhlobo lwe-Type 1
Uma umuntu enalolu hlobo lwesifosikashukela kuchaza ukuthi isitho
somzimba esibizwa nge-pancrease isukeingayikhiqizi i-insulin. Abantu abanalo
luhlobo lwesifo sikashukela kufanele njalobajove ngomjovo we-insulin ukuze babenayo emzimbeni bakwazi ukuna nezingalikashukela elifanele egazini. Uma ujova
ngalo mjovo kumele futhi ulandele indlelayokudla efanele futhi udle ngendlela
nokuvocavoca umzimba kubalulekile ukuzeukwazi ukubhekana nesimo sempilo yakho.
Uhlobo lwesibili lwe-Type 2
Lolu hlobo lona lwenzeka uma umzimbawakho wehluleka ukukhiqiza i-insulin
eyenele. Iningi labantu abanoshukela babanalolu hlobo. Ukudla ngendlela
nokuziphatha ngendlela kungadlala enkuluindima ekuzinakekeleni uma unalolu hlobolukashukela. Ukuba nezinga likashukela
eliningi egazini kungaba yimbangelayokuthi ungaboni emehlweni, uphathweyisifo sohlangothi, isifo senhliziyo, isifosezinso kanti ungagcina usunqunywaezinye izingxenye zomzimba. Lokhu
kwenzeka uma ungakutholi ukwelashwakusenesikhathi.
Gestational Diabetes
Abanye besifazane abakhulelwebahlangabezana nalolu hlobo lukashukelabesakhulelwe bese luyaphela futhi umasebe belethile. Amathuba okuthi umamanengane babe naso isifo sikashukela aba
khona ngokuhamba kwesikhathi.
Izimpawu zesifo sikashukela
Ukuchama njalo, ukoma kakhulu, ukwehlaemzimbeni, ukukhathala, ukungaboni kahleemehlweni, ukusikeka kanye nemihuzukoethatha isikhathi ukuthi iphole, ukulumanokuba ndikindiki kwezandla nezinyawo
kujwayelike kakhulu uma umuntuehlaselwa yisifo sikashukela. Abantu
abanesifo sikashukela bayakwazi ukuphilaimpilo efana neyawo wonke umuntu
ophiliyo futhi akufanele babandlululwe.Noma ngubani angaba naso isifo
sikashukela, ngisho noma uneminyakaengakanani yobudala. Izimo ezithile
ezikwenza uthole isifo sikashukela, laphokubalwa ukubamkhulu ngokweqile
emzimbeni, umlando wesifo sikashukelaemndenini, ihigh cholesterol, umfutho
wegazi ophezulu nesifo senhliziyo.Ukuzinakekela nokulandela imiyalelokadokotela kungukhiye wempilo enhle
nempilo ende.
Uthi Bewazi?UDokotela Frederick Banting owathola
umjovo we-insulin wazalwa ngoLwezi 14 ?Yingakho i-World Diabetes Day igujwa nga-lolu suku ngoba wusuku lwakhe lokuzalwa.
MBALI THUSI
USHOKOLEDI, uswidi, amakhekhe,ama-chips ungakubala kube kuningi-sonke sike sifikelwe yisikhathi sokudlaizinto ezimndani ezinoshukela omningi
namafutha. Kubantu abasha abaningi lezizinhlobo zokudla ziyingxenye yempilo yaboyansuku zonke. Kodwa konke lokhu kwaphelakuLelethu Gxagxisa oneminyaka yobudala engu-20 ngesikhathi ethola ukuthi unesifosikashukela. Kwavele kwacaca nje ukuthiuLelethu ngeke athole ithuba lokuzitikangezibiliboco ezifana no-pudding no-ice creamngoKhisimusi njengoba athola ngosukuolwandulela uKhisimusi ukuthi unalesi sifo.
ULelethu, owenza izifundo ze-Web Design uthizazikhona izimpawu ezazikhomba ukuthiungenwa yisifo sikashukela.
“Ngangichama njalo, ngoma kakhulu nomangabe ngiphuze isiphuzo esibandayo kakhulunoma amanzi kwakuzifanela nje. Ngangihlalangikhathele ngozele namehlo ami ezivalekela,”kusho le ntokazi.
Ngesikhathi eya esibhedlela ukuyohlola izingalikashukela egazini, uLelethu wathola ukuthiizinga likashukela liphezulu kakhulu.
“Ngaba nakho ukwethuka kodwa umndeniwami kanye nabangane bami bebengesekafuthi bekuqonda okwakwenzeka,” kushouLelethu.
Kwadingeka ukuthi aqale uhlelo lokudlangendlela efanele nokudla izinhlobo zokudlaezithize futhi kwadingeka ukuthi aqaleukuzijova ngomjovo we-insulin kane ngosuku.“Kwangithatha isikhathi ukuthi ngijwayele,kodwa manje sengijwayele nabangane bamiesikoleni bayangikhumbuza ukuthi ngijove.Nginohlobo lika-Type 1 lesifo sikashukelayingakho ngijova nge-insulin,” kuchazauLelethu.
Le ntombazane ijova njalo uma sekuseleimizuzu engu-30 idle kanti iphinde izijovephakathi kwamabili.
“Manje ngidla ukudla okuthoswe kuhhavini(grilled), okubilisiwe, okungenawo amafuthafuthi akufanele ngidle usawoti noshukela,”
kusho uLelethu.Uthi yize ephila nesifo sikashukela kodwa
uphila impilo efanayo neyawo wonke umuntuosemusha.
“Ngiphila kahle futhi ngiyayithokozela impiloyama nezifundo zami ngiyazinakekela futhiangizikhandli kakhulu,” kuchaza uLelethu.
Uthathe ithuba lokweluleka abanyeabakhombisa ukuba nezimpawu zesifosikashukela ukuba bathole usizo lwezempilongokushesha.
“Labo abaphila naso isifo sikashukela kufanelebayiphuze imithi kumbe amaphilisiabawanikeziwe futhi balandele uhlelo lokudlaukudla okunempilo njengoba besuke beyaleliwengudokotela,” kusho uLelethu.
USHUKELA UPHATHAABADALA NABANCANE
Intombazanyana ihlolaizinga likashukela
egazini
Kunezinto ezintshaezisetshenzisayo umakuhlolwa izingalikashukela egazini,futhi kulula ukuzisebenzisa njengayole ntombazanyana
UNWELE OLUDEUNWELE OLUDE IKHASI 5ULWESIHLANU, NOVEMBA 4, 2005
0800 00 5133KHULUMA NATHI. SILALELE. UBUSUKU NEMINI. MAHHALA
NgoNovemba 14 umhlaba jikelele uzobeugubha usuku olubizwa nge-WorldDiabetes Day. Ngalolu suku kuzo-
qwashiswa kufundiswe umphakathi ngesifosikashukela.
Siyini isifo sikashukela?Zintathu izinhlobo zesifo sikashukela, yilezi
Type 1, Type 2 ne-Gestational Diabetesephatha abesifazane abakhulelwe.
Uhlobo lwe-Type 1
Uma umuntu enalolu hlobo lwesifosikashukela kuchaza ukuthi isitho
somzimba esibizwa nge-pancrease isukeingayikhiqizi i-insulin. Abantu abanalo
luhlobo lwesifo sikashukela kufanele njalobajove ngomjovo we-insulin ukuze babenayo emzimbeni bakwazi ukuna nezingalikashukela elifanele egazini. Uma ujova
ngalo mjovo kumele futhi ulandele indlelayokudla efanele futhi udle ngendlela
nokuvocavoca umzimba kubalulekile ukuzeukwazi ukubhekana nesimo sempilo yakho.
Uhlobo lwesibili lwe-Type 2
Lolu hlobo lona lwenzeka uma umzimbawakho wehluleka ukukhiqiza i-insulin
eyenele. Iningi labantu abanoshukela babanalolu hlobo. Ukudla ngendlela
nokuziphatha ngendlela kungadlala enkuluindima ekuzinakekeleni uma unalolu hlobolukashukela. Ukuba nezinga likashukela
eliningi egazini kungaba yimbangelayokuthi ungaboni emehlweni, uphathweyisifo sohlangothi, isifo senhliziyo, isifosezinso kanti ungagcina usunqunywaezinye izingxenye zomzimba. Lokhu
kwenzeka uma ungakutholi ukwelashwakusenesikhathi.
Gestational Diabetes
Abanye besifazane abakhulelwebahlangabezana nalolu hlobo lukashukelabesakhulelwe bese luyaphela futhi umasebe belethile. Amathuba okuthi umamanengane babe naso isifo sikashukela aba
khona ngokuhamba kwesikhathi.
Izimpawu zesifo sikashukela
Ukuchama njalo, ukoma kakhulu, ukwehlaemzimbeni, ukukhathala, ukungaboni kahleemehlweni, ukusikeka kanye nemihuzukoethatha isikhathi ukuthi iphole, ukulumanokuba ndikindiki kwezandla nezinyawo
kujwayelike kakhulu uma umuntuehlaselwa yisifo sikashukela. Abantu
abanesifo sikashukela bayakwazi ukuphilaimpilo efana neyawo wonke umuntu
ophiliyo futhi akufanele babandlululwe.Noma ngubani angaba naso isifo
sikashukela, ngisho noma uneminyakaengakanani yobudala. Izimo ezithile
ezikwenza uthole isifo sikashukela, laphokubalwa ukubamkhulu ngokweqile
emzimbeni, umlando wesifo sikashukelaemndenini, ihigh cholesterol, umfutho
wegazi ophezulu nesifo senhliziyo.Ukuzinakekela nokulandela imiyalelokadokotela kungukhiye wempilo enhle
nempilo ende.
Uthi Bewazi?UDokotela Frederick Banting owathola
umjovo we-insulin wazalwa ngoLwezi 14 ?Yingakho i-World Diabetes Day igujwa nga-lolu suku ngoba wusuku lwakhe lokuzalwa.
MBALI THUSI
USHOKOLEDI, uswidi, amakhekhe,ama-chips ungakubala kube kuningi-sonke sike sifikelwe yisikhathi sokudlaizinto ezimndani ezinoshukela omningi
namafutha. Kubantu abasha abaningi lezizinhlobo zokudla ziyingxenye yempilo yaboyansuku zonke. Kodwa konke lokhu kwaphelakuLelethu Gxagxisa oneminyaka yobudala engu-20 ngesikhathi ethola ukuthi unesifosikashukela. Kwavele kwacaca nje ukuthiuLelethu ngeke athole ithuba lokuzitikangezibiliboco ezifana no-pudding no-ice creamngoKhisimusi njengoba athola ngosukuolwandulela uKhisimusi ukuthi unalesi sifo.
ULelethu, owenza izifundo ze-Web Design uthizazikhona izimpawu ezazikhomba ukuthiungenwa yisifo sikashukela.
“Ngangichama njalo, ngoma kakhulu nomangabe ngiphuze isiphuzo esibandayo kakhulunoma amanzi kwakuzifanela nje. Ngangihlalangikhathele ngozele namehlo ami ezivalekela,”kusho le ntokazi.
Ngesikhathi eya esibhedlela ukuyohlola izingalikashukela egazini, uLelethu wathola ukuthiizinga likashukela liphezulu kakhulu.
“Ngaba nakho ukwethuka kodwa umndeniwami kanye nabangane bami bebengesekafuthi bekuqonda okwakwenzeka,” kushouLelethu.
Kwadingeka ukuthi aqale uhlelo lokudlangendlela efanele nokudla izinhlobo zokudlaezithize futhi kwadingeka ukuthi aqaleukuzijova ngomjovo we-insulin kane ngosuku.“Kwangithatha isikhathi ukuthi ngijwayele,kodwa manje sengijwayele nabangane bamiesikoleni bayangikhumbuza ukuthi ngijove.Nginohlobo lika-Type 1 lesifo sikashukelayingakho ngijova nge-insulin,” kuchazauLelethu.
Le ntombazane ijova njalo uma sekuseleimizuzu engu-30 idle kanti iphinde izijovephakathi kwamabili.
“Manje ngidla ukudla okuthoswe kuhhavini(grilled), okubilisiwe, okungenawo amafuthafuthi akufanele ngidle usawoti noshukela,”
kusho uLelethu.Uthi yize ephila nesifo sikashukela kodwa
uphila impilo efanayo neyawo wonke umuntuosemusha.
“Ngiphila kahle futhi ngiyayithokozela impiloyama nezifundo zami ngiyazinakekela futhiangizikhandli kakhulu,” kuchaza uLelethu.
Uthathe ithuba lokweluleka abanyeabakhombisa ukuba nezimpawu zesifosikashukela ukuba bathole usizo lwezempilongokushesha.
“Labo abaphila naso isifo sikashukela kufanelebayiphuze imithi kumbe amaphilisiabawanikeziwe futhi balandele uhlelo lokudlaukudla okunempilo njengoba besuke beyaleliwengudokotela,” kusho uLelethu.
USHUKELA UPHATHAABADALA NABANCANE
Intombazanyana ihlolaizinga likashukela
egazini
Kunezinto ezintshaezisetshenzisayo umakuhlolwa izingalikashukela egazini,futhi kulula ukuzisebenzisa njengayole ntombazanyana
UNWELE OLUDEUNWELE OLUDE IKHASI 7ULWESIHLANU, NOVEMBA 4, 2005
Ugotshwa usemanziMBALI THUSI
IZINKULUNGWANE zezinganeezifunda emababangeni aphansizavakashelwa yithimbalabezempilo abaphuma
emikhakheni ehlukene yalomnyango ngenhlosoyokugqugquzela unkhankasowokuzinakekelanokuhla uphilileowaziwa nge-National SchoolHealth Week Initiativeowawuphakathi kuka-Okthoba 10no 14.
Zibalelwa ngaphezulu kuka-131izikole ezavakashelwa ngesikhathisalo mkhankaso laphokwakugqugquzelwa ukuthiabafundi ukuthi baphile ngendlelaenempilo, lokhu kwenziwangokubambisana nabasebenziababephuma kweminye imikhakhayezempilo njengababhekeleukondleka, ukuvuselelwakwezimilo, abakhubazekile,abezengqondo, ezemvelo kanyenabamazinyo.
Abasebenzi ababehlomengezixhubho, ngezinto zokuhlolaamahehlo bahlala phezukomsebenzi ababewezelewokufundisa izinganengokubaluleka kokuzigcina uphilekakhe. Baphinde babafundisangezindlela zokuvikela nokulwanezifo njengokuvikela amazinyoukuthi angaboli, lokhukungavikeleka uma izinganezingafundiswa zihlolwe zisencane.Isizulu sithi umuthi ugotshwausemanzi.
Labo ababedinga ukuxilongwakakhulu bathunyelelwaemitholampilo eseduzanenasemakubo.
Ongumxhamanisi walolu hlelolwe-National School Health WeekKwaZulu-Natal, uNksz EstherSnyman wathi umnyangousebenzise lesi sikhathi ukuthiusekele uphinde uqinise lezozinhlelo zezempilo esezivele
zikhona ezikolweni zakulesisifundazwe.
“NgoFebhuwari, lo mnyangowethula uhlelo lwemigomoyezempilo ezikoleni kanti uhlelolukazwelonke lwezempilo ezikolenilusisize kakhulu ekethini siqiniseolwethu nokuthi siluphucule,sakwazi ukuluhlanganisa nezinyeizinhlelo esesikhona,”kuphawula
uSnyman.“Kuphinde kwasinikeza nethuba
lokuthi sihlolisise kahle ukuthi yiniokudingeka ukuthi siyenzenesingayizama ukuzesizihlanganise neminyangoyezemfundo kanyenowezenhlalakahle.”
Lokhu kuhlolwa kuzosizaumnyango ukuthi uthumele izinto
ngezidingpo zezempilo ikakhuluezingeni lezikole eminyangweniefanelekile.
“Uma ngase sithole ukuthibaningi abafundi abanenkingayamehlo, eyokuzwa nomaeyamazinyo, ukwenza isibonelo nje,sizokwazi kahle kamhlophe ukuthisibheke lezo zinkinga ezidingaukuqaphelisiswa ngokushesha.”
Izinkinga ezithinta umphakathinjengengciwane lesandulelangculazi ngengculazi uqobo,ukusetshenziswa kwezidakamizwa,ukuhlukunyezwa kwezingane nazozadingidwa ngeleli sontolokugqugquzela ezempilo kuthikubonakala sengathi lolu hleloluzodluliselwa nasezikolenizamabanga aphezulu.
Abasebenzi abaphuma eMnyangweni wezeMpilo KwaZulu-Natal babesabalele kuso sonke isifundazwe saKwaZulu-Natal behlola izimo zempilo ezinganeni ezifunda ezikoleni zamabanga aphansi. Lezi zingane zifunda ezikoleni ezingaphansi koMkhandlu wo-Gu zazihlolwa amehlo namazinyo nokunye
Uthole isipho esikhulu kunazozonke abecangaba ukuthiangasithola ngesikhathiNgoMsombuluko mhlaka 17Okthoba 2005, umNyango ulethaizimpahla zokugqoka zezinganeebezigcwele ibhuthi yemotoebezinikelwe ngamalunguomphakathi abe nesihe ngemuvakokuthi kubikwe ngoNksz LungileMakhathini (19) ubeletheamawele amathathu. Phela lamawele abezobe eqeda inyangaezelwe ngomhlaka 18 ku-Okthobaumama wabo ubehluleka ngishowukuzibamba ebona izimpahla.ULungile waba ngundabuzekwayongesikhathi ebeletha amaweleuSimamukele, uSisandanoSamkelo. ULungile nobaba wezinganeabasebenzi nokwenza kubenzimakubona ukunakekela lezi zingane.Udaba lwabo lwathinta izinhliziyozabaningi neminikelo yezaubuthaphuthaphu. “Ngijabulekakhulu kuyangimangaza ukuthiabantu engingabazi nabangangazibangaba nesihe esingaka kiminabangisize ngale ndlela. Angazinokuthi ngingabonga ngithini lezizimpahla zokugqoka zizongisizakakhulu ngoba ziqala kosayizibezingane ezizelwe kuyakojahidada,” kusho uLungileobephuphuma yinjabulo.
ISITHOMBE: Themba Mngomezulu ULungile Makhathini(19) wayephuphuma injabulo ngemuva kokuthola izipho zezimphahla ezazivela emphakathini ezaziqondiswe emaweleni akhe amathathu
okungabafana ababili uSamkelo noSimamukele nentombazane uSisanda
Wina Wina Wina Wina Wina Wina Wina
Win
a
Win
a
Win
a
Win
a
Win
a
Win
a
Win
a
Win
a
Win
a
Win
a
Win
a
Win
a
Win
a
Win
a
Win
a
Win
a
Win
a
Win
a
Win
a
Win
a
Win
a
Win
a
Win
a
Win
a
Win
a
UNWELE OLUDEUNWELE OLUDEIKHASI 8ULWESIHLANU, NOVEMBA 4, 2005
Wina Wina Wina Wina Wina Wina Wina
Win
a Win
a Win
a Win
a Win
a Win
a Win
a Win
a Win
a Win
a Win
a Win
a Win
a Win
a Win
a Win
a Win
a Win
a Win
a Win
a Win
a Win
a Win
a Win
a Win
a
Wina no
UNWELE OLUDE
Ziwinele i-voucher ka-300 ephuma kubanganibethu bakwa-Atlas Pharmacy,. ngokuphendulaumbuzo olula bese uthumela iposikhadi noma
ubhale ngemuva kwenvilophu leli khelielingezansi: Isolezwe/Unwele Olude
Competition No. 7Box 47358Greyville
4023
USUKU LOKUVALA: Novemba 18 emini
UMBUZO: Lunini uSuku LweNgculazieMhlabeni? (Ithiphu: ekhasini 6)
HALALA HALALA!Owine ngenyanga edlule nguMattew
Buthelezi wase-Ashdown.Umklomelo wakho usendleleni.
ABAKWA-ATLAS ABASIYO IKHEMISINJE KUPHELA
ESIKHUNGWENI sethu sezempilosinezinhlelo ezehlukene eziseqophelwenieliphezulu ukuze sikulethele usizoolusheshayo noluphephile. Nazi izinhleloesinazo ezilandelayo:
■ Udokotela osiza ngemithi ekhiqizwengamakhambi engaxubile ama-khemikali
■ Uchwepheshe kwezokwelule ngenqondo■ Uchwepheshe kwezokwelapha
amathambo ■ Uchwepheshe olapha abaphuke
amathambo■Udokotela ojwayelekile ■Umhlengikazi onesipiliyoli ■ Lezo ziguli ezithola imithi kithina
ngaphansi kohlelo lwe-Chronic zibuyezihlolwe isifo seBP nezinga likashukelaegazini mahhala. Konke lokhu bakwenzabesalindele imithi yabo. Umhlengikazi wethuuhlale ekhona ukusiza abadinga usizo njalonje ophikweni lwethu lwe-Medical Centre.
Vumela abakwa-Atlas bakusize ukuzeukwazi ukuzisiza wena uqobo lwakho!!!
Ngokubambisana nalokhu kuhlolwaumhlengikazi wethu uphinde alulekeakwenzele nohlelo lwakho ongalusebenzisaekhaya oluqondene nezinto ezimbalwa.
■ Uhlaziya indlela ophila ngayo■Indlela odla ngayo■Ukwelulekwa■Indlala odla ngayo imithi yakho
AMANYE AMAGATSHA AKWA-ATLAS :Shop 1, Berea Centre 257, Berea Road, Durban
(Ph: 031 242 3100) and in Pietermaritzburg,Shop 2, 280 Longmarket Street
(Ph: 033 394 6601).
Badle umhlanganisoabophiko lwe-EMRSMBALI THUSI
EZINYANGENIeziyisithupha ezedlule,umNyango wezeMpiloKewaZulu-Natal
usungule uhlelo lokuqeqeshaabosizo oluphuthumayongaphansi kwezimo ezibucayi.Lokhu kwaqala ngohleloolwalushayelwa ngabosizooluphuthumayo ezimweniezibucayi, i-Emergency MedicalRescue Services (EMRS) kantimanje sebevuna abakutshalile.
Ngenxa yokuthikwakuwuhlelo lokuzwa amanzingokobhoko, kuyisingeniso nje,kwaqalwa ngabantu abangu-50kuphela. Oyedwa waphumelelawadluliselwa ohlelwenilokuqeqeshwa lwezinyangaezintathu ngo-Agasti, usandakuthola isitifiketi futhiusekulungele ukubhekananomphakathi awunike usizooluphuthumayo. Lokhukukhishwa kwezitifiketikwenzeke ngesikhathi esihle.Njengoba sesifikile isikhathisamaholidi, kubhekwe ukuthisande isidingo sosizooluphuthumayo.
Lokhu kuqeqeshwa kwenziweesikhungweni sokuqeqeshaabosizo oluphuthumayoezimweni ezibucayi, i-EMRSTraining Centre, engaphansikoMkhandlu wo-Ugu.
Laba bafundi abangu-50baphuma ezindaweniezehlukene zesifundazwesaKwaZulu-Natal, kanti omunyewemigomo yokwamukelwakwabo kwakungukuthikufanele babengabantuabangasebenzi, abanesitifiketisikamatikuletsheni babengabantu abangenawo amandlaokuqhubekela phambilinezifundo zabo.
Ngokusho kuka-PriyaMaharaj ophuma ophikwenilwe-EMRS, kuyaqala ngqaukuthi uhlelo lokuqashaolunjengalolu lube yimpumeleloemlandweni wakuleli.
“Cishe bonke abafundi bethuabaphumele baphumaezindaweni zasemaphandleni,kanti abangu-16 kubongabesifazane”kuchaza uNkszMaharaj.
“Ngaphandle nje kokuthibaqeda ukuqeqeshwa,basenethuba lokuqhubezaizifundo zabo ekolishi lethuelisanda kuvulwaelisesibhedlela iNorthdale”
Njengengxenye yohleloloshintsho, umnyango wethuleizimpawu ezizosetshenziswangabaphethe ukuze bakhombiseamazinga okuphatha kwabo.
Okokuqala ngqa emlandweniwezoSizo oluphuthumayoezimweni ezibucayi eNingizimuAfrika (Emergency MedicalServices South Africa), kuzobanabaphethe abangaphezulukuka-150 (Emergency MedicalCare Supervisors), bonkeabanikezwe izimpawuneziqhano ezikhombisa izingalokuphatha kwabo.
Lokho kwenzelwe ukuqinisaukulawuleka kwezinhlelonokuqinisekisa ukuthi
kuhamba kahle ukunikezausizo ngaphambikukophuthuma esibhedlelanangesikhathi umuntuesesibhedlela, ngaphansikophiko losizo oluphuthumayo.
Ukwethulwa kwezitifiketikulaba abangu-50 kuqondanekahle nokwethulwa kohlelooluzobhekela isikhathisamaholidi, olubizwa ngokuthi-i-Alpha Operation, kanti ziwu-50 izimoto zama-ambulenseezithuliwe kulezo eziwu-200ezithengiwe.
Inhloso yalolu hlelo i-AlphaOperation, ukwenyusa isibalo sama-ambulense emizileniebalulekile nokuthi abonakalengaso sonke isikhathisamaholidi.
Umphakathi uzokwaziswangabezindaba ukuthiungazithumela nini izicelozokwamukelwa kulolu hlelolokuqeqeshwa, esigabeniesilandelayo.
Bangu-50 abophiko losizo oluphuthumayo abathole izitifiketi zabo kanti lawa ama-ambulense amashaawu-50 ethulwe ngaphansi kohlelo lwe- Alpha Operation
UMNYANGO WEZEMPILO
KWAZULU-NATALSIYATHANDA UKUZWA` IMIBONO YAKHO :
Uma unemibuzo noma imibono mayelana noNwele Olude ,ungesabi ukusithinta kuleli kheli: Communications Directorate
Private Bag X 9051 PIETERMARITZBURG
3201noma
uthumele i-Fax: 033 342 0429
AIDS HELPLINE:0800 0123 22
OPERATIONS CENTRE:0800 00 5133
IN CASE OF MEDICAL EMERGENCY: 10177
Uma kukhona isikhalo noma kunodaba ofisa luphenywe oluqondenenokungaphatheki kahle kwakho njengesiguli ungaxhumana nehhovisi le-Ombudsman
ngokusebenzisa le mininingwane:
OMBUDSMAN: Private Bag X9051
PIETERMARITZBURG 3201 IFAX: (033) 3940584