Upload
hoangcong
View
224
Download
0
Embed Size (px)
Citation preview
DE
PA
RT
ME
NT
OF
H
EA
LT
H
KZ
N
J A N U A R Y – M A R C H
S I N G A B E N U
N E W S L E T T E R
P A T I E N T S N E W S L E T T E R
Ngithanda ukwamukela wonke umphakathi
waseNgweni nabobonke abantu abasebenzisa
isibhedlela namakilinikhi ethu kulonyaka omusha u
2012. Siyambonga ujehova obe nathi kwaze kwa-
ba lapha sithi “Ebeneza”.
Ngithanda ukuthinta izihloko ezimbalwa
ezisihluphayo njengomnyango wezempilo. Siyacela
umphakathi wakithi ukhuthalele ukuya ekilinikhi
ikakhulukazi omama abazithwele kusukela ema-
vikini ayishumi nane. Lokhu kunciphisa amathuba
okusuleleka komntwana ngegciwane lesandulela
ngculazi futhi uma enalo igciwane afundiswe
ukuthi kufanela aphile kanjani ngesikhathi
ezithwele. Sesizame isikhathi eside njengomnyan-
go wezempilo ukugqugquzela ukuthi omama beze
emtholampilo ukuze kuphephe abantwana. Uma
sifuna ukuthi ngelinye ilanga sibe nesizukulwane
esingenalo igciwane lesandulela gcula-
zi.Sikhuthaza futhi ukusebenzisana phakathi kwa-
balaphi basentshonalanga nabalaphi bendabuko.
Sekwabonakala ukuthi iningi labantu ngaphambi
kokuba beze esibhedlela baqala kubalaphi benda-
buko bese beza esibhedlela noma emtholampilo.
Kunezinto njengomnyango esifisa sisebenzisane
nabo kuzo lapho sifaka ngisho ababelethisi
nonomehlo ukuvikela ukuthathelana kwanagci-
wane (infection control) kanye nokunye . Sinensele-
lo enkulu ikakhulukazi kwimtholampilo yethu yoku-
lethwa kwezingane ezinesifo sokungondleki
(kwashiorkor). Siyacela kubazali baphe izingane
ukudla okunezakhamzimba (protein). Lokhu kusiza
ukuvikela izingane ukuthi zingabi nesifo sendlala
noma sokungondleki. Ziningi izingane ezilaliswa
egumbini labagulayo ngenxa yalenkinga. Siyacela
ukuthi uma kukhona ongazi ukuthi kufanele ayini-
ke kudla kuni ingane yakhe akaye emtholampilo
ayocela isaluleko ngoba kukhona abantu abaqashi-
we okuthiwa abeluleki ngokwezokundla (Nutritional
Advisor).Sisaqhubeka nohlelo lokufundisa omama
mayelana nokuhlola izinhlobo ngezinhlobo
zomdlavuzo (Phila Ma campaign). Kuhlolwa
umdlavuzo womlomo wesibeletho nowebele. Futhi
omama bayafundiswa ukuzihlola bona umdlavuzo
webele.Kuyiyifiso sami ukuthi kungabi bikho
umuntu wesifazane ongakwazi ukuzihlolela yena
umdlavuzo webele. Ngibala njena okusihluphayo
njengomnyango kodwa kuningi okwenziwa kulom-
khankaso.Siyacela futhi ukuthi abazali babantwana
balethe izingane zizogoma emtholampilo.
Ngokwezinamba zethu zincane kakhulu izingane
lapha eNgweni ezingomile uma siqhathanisa nezin-
gane ezikhona. Ukugoma abantwana kusiza
ukuvikela abantwana ezifeni. Ngiyathanda ukusho
futhi ukusho ukuthi lusaqhubeka uhlelo lokusoka
abafana. Sithanda ukubonga bonke abeze
ngaphambili bezosoka futhi sikhuthaza nalabo
abangakasiboni isidingo ukuba beze, sikhuthaza
ukuthi kungabi bikho umfana noma owesilisa on-
gasokile eNgweni.
Ngithanda ukubonga amalunga ebhodi le-
sibhedlela esisebenze nawo isikhathi eside, ngithi
iqhaza abalibambile liyabonakala.
Ms. L.V Khumalo– uMphathi Sibhedlela
E Z A B A N T W A N A N O S I S T E R M E I .
Page 2 P A T I E N T S N E W S L E T T E R
K uyintokozo ukuba siphinde sine-
thulele uMphathi wegumbi la-
bantwana ( Paeds ward) kulengosi yethu.
Siyathola ukuthi kunezinkinga ezikhona
lapha emiphakathini yethu, njengabantu
abamnyama siyakholelwa kakhulu
ekusebenziseni amakhambi esintu uku-
zelapha. Kodwa manje kuvela izinkanga
eziningi ezidalwa amakhambi esintu
ikakhulukazi ezinganeni ezincane
( Herbal intoxication).
Sifisa ukwazisa umphakathi esiwuseben-
zelayo ukuthi kunenkinga enkulu yokugula
okuholela ekushoneni kwezingane ezin-
cane, ezingaphansi konyaka ngenxa
yamakhambi eziwaphuziswayo no-
ma ezichathwa ngawo emakhaya.
Ezinganeni
eziyisikhombisa (7) ezilaliswayo
esibhedlela ezishonayo zibantathu
(3) kulezo ezisuke zigula ngenxa
yalenkinga yemithi yesintu.
Imiphumela esingayibalula yilena
elandelayo :Ukukhukhumala
kwesisu.
ukuphalaza umphalazo omnyama,
Inyumoniya ( Pneumonia)
Ukulimala kwesibindi (hepatitis)
Ukulimala kwezinso ( Renal failure)
Usister Mei ubeke kanjena “Siyazi ukuthi
nathi sakhula ngawo amakhambi esintu
ngokusho kogogo bethu, kepha isikhathi
samanje asisafani nesasendulo sokukhula
kwethu. Izingane zamanje zidinga
ukuqashelwa okukhulu. Besingathanda
ukuthi sibambisane noMphakathi ngoku-
nakekela izingane ngendlela ezozenza
ziphile kahle”
Siyawuqguqguzela umphakathi ukuthi uva-
kashele esiBhedlela naseMitholampilo
kuqala uma kunezinsolo zokugula abazi-
bonayo ebaNtwaneni babo. Lokhu kuzosi-
za ekunqandeni kokuswelakala kwemi-
phefumulo ngendlela enganasidingo.
Thina njeMnyango Wezempilo sinomgomo
wokulwa neZifo, Ukulwa noBubha
nokunikeza iThemba.
OOI
U Sister MEI UMPHATHI WEWODI LABANTWANA
EZITHINTA ABANTU ABASHA
N genyanga ka Nhlolanja (February )kusukela kum-
hlaka 01 kuya kumhlaka 29, 2012 umnyango
wezempilo ubunomkhankaso wokufundisa imiphakathi
ngokubaluleka kokuhlelwa kwemindeni .
Kulesikhathi ithimba lasezikoleni (school health team) lase
St Apollinaris Hospital libe selivakashela izikole zamabanga
aphezulu (High Schools) lapho belinika khona ulwazi olun-
zulu kubafundi ngalezizihloko ezilandelayo: Ukuzithiba ocan-
sini kubafundi, Ukubaluleka kokuhlela umndeni uma
umuntu esezimbandakanya nezindaba zocansi, Izindlela
ezehlukene ezisetshenziswayo ukuhlela umndeni kanye
nokubaluleka kokusoka ekwehliseni ukubhebhetheka
kwegciwane lengculazi
Isizathu esinqala esenze lelithimba lakhetha ukuvakashela
ama High Schools yingenxa yezinga eliphezulu loku-
khulelwa kwabafundi ezikoleni. Leli zinga lokukhukhulelwa
kwabafundi liyasikhathaza nathi basebenzi bomnyango
wezempilo. Ngoba akugcini nje ngokukhulelwa kodwa kwan-
da nezifo ezithathelana ngokocansi, lokhu kubeka
engcupheni impilo yomfundi. Futhi ukukhulelwa kwabafundi
kubenza bangakwazi ukuqhubekela phambili nezifundo
zabo.
Abafundi bawuthakasele kakhulu lomkhankaso wethu ngo-
ba bathola ithuba lokuxoxa nathi basebenzi bonmyango
wezempilo. Ezindaweni zasemakhaya kuyazwakala ukuthi
kusekhona umkhuba wokuthwala kwezintombi kwezinye
izinxenye zezigodi. Futhi uthola ukuthi umntwana ugana
esemncane agane umuntu omdala, omunye uthole ukuthi
usesulelekile ngaleligciwane lesandulela ngculazi (HIV)
noma ngengculazi uqobo lwayo.
Kodwa lomkhankaso ube yimpumelelo kakhulu ngoba nathi
njengomnyango wezempilo sithole ithuba lokuqwashisa
abafundi ngezinto eziningi abakade benganalwazi ngazo.
Sithanda ukudlulisela abazwi okubonga kulezikole ezilande-
layo esithole ithuba lokuzivakashela :Centocow High, Lesh-
man High, Ngwaqa High, Dumakude High, Ralph Har-
dingham High, Skofil High, Qulashe Combined School kanye
Newtonville Primary School
uSister P.P Gasa eqwashisa abafundi ngobungozi
bokuzihlanganisa nezindaba zocansi kubantwana.
uMr. K Dinangwe esika elijikayo kubafundi
Abafundi babelalelisise kahle yonke inkulumo neziyalo.
Umkhankaso wokusokwa kwabesilisa
U mkhankaso wokusokwa kwaBantu besilisa
usalokhu uqhubeka njalo, futhi kubonaka-
la likhula nesasasa lawo kubantu besilisa. Kuya-
sijabulisa lokho njengoMyango weZempilo. Sizo-
khumbula phela ukuthi lokhu kwenzeka ku-
landela ikhwelo elashaywa Isilo saMazulu uN-
gangezwe lakhe Goodwill Zwelithini ngokubambi-
sana noMphathiswa kazwelonke womnyango
wezeMpilo u Dokotela Aaron Motsoaledi.
Kusukela zingu 17 kuya ku 20 January 2012
siphinde saba nalomkhankaso endaweni yas Ma-
kholweni , lapho futhi abantu besilisa
bebephume ngezinkani ukuzosokwa.
Lapha kuqalwe kwafundiswa abahlengikazi
bethu labo abajutshelwe ukwenza lomsebenzi .
besivakashelwe ithimba eliqhamuka eMgungund-
lovu kanye noDokotela oqhamuka eGoli. Ngoba kuhle
ukuthi umuntu uma enza umsebenzi othile kube nama-
phepha amgunyazayo ukwenza lowo msebenzi. Kanjalo
nalapha, kuthe uma kubonabakala ukuthi bonke abah-
lengikazi abajutshelwe kulomsebenzi bawenza ngezinga
eligculisayo kwacaca ukuthi kufanela bazithole izitifiketi
ezibagunyaza ukukwenza lomsebenzi ngokusemthethweni.
Njengenjwayelo lapho sihamba khona siba no Mnz.
Nhlanhla Mtolo ongumxhumanisi waloluhlelo lokusokwa
kwabantu besilisa ngaphansi koMkhandlu waseNgweni.
Wadlulisela amazwi okuziphatha ngendlela eyemukelekile
kubantu besilisa. Washo lamazwi “kuyinjababulo ukuni-
bona niphume ngobuningi benu namhlanje nizosokwa ma-
doda. Ngithi anginitshele ukuthi ukusokwa akusho ukuthi
sekufanele nihambe nilala ,kufanele niziqhelelanise nezin-
daba zoncansi noma nisebenzise ijazi lomkhwenyana.
Nginifisela ukuthi niqhubekele phambili nezifundo zenu
ukuze nibe ngamadoda aqotho kusasa. Ziqhelelaniseni
futhi nezidakamizwa ngeke ziniyisenadwo”
Abaphathi besibhedla bathanda ukudlulisela amazwi oku-
bonga kubahlengikazi base Pholela CHC ngokubamba
iqhaza kulomkankaso wokusokwa kwabesilisa. Ngaphan-
dle kwenu lomkhankaso ubungeke ufike kulelizinga ukwan-
da kwaliwa umthakathi.
Abamile kusukela kweskunxele; Mr. Shozi, Mr.B Ngcobo, Mr. Mthi-
yane,Mr. Mdunge, Sr Mokapela, Mr.Cekwane, Mr.N.Mncwabe,Mr. N Mto-
lo, Mr.F Mbele,Mr. Ximba, Mr. Ngcobo kanye no Mr.S Mbambo.
Abahleli phansi kusukeka kwesokunxele: Mr.K Dinangwe, Sir Thanda, Sir
Zwane,Mr.Nkentsi,Ms.L.V Khumalo. Ngaphambili kwesokunxenle Dr.
Bantu kanye no Mr. Mthiyane.
uMnumzane Nhlanhla Mtolo wathathwa lapho kade enikeza iziyalo
kubafana ngaphambi kokuba basokwe
U mshikashika kasukuma Sakhe Isi-
fundazwe sakwa Zulu Natali ulokhu
uqhubeke njalo. Mhla ka 6 February
2012, sibe nalomkhankaso endaweni yaseHlane
ku Ward 4 ngaphansi kuka Cllr Mzo Makhan-
ya .inhloso yalomkhankaso bekuwusiza
umphakithi wakithi osasalele emuva mayelana
nezinsiza ezivela kuhulumeni. Nokho kusijabu-
lisile nathi njengomnyango weZempilo ukubona
uMphakathi wakithi usukumela phezulu uma
kunomkhankaso onjengalona. Umphakathi
wabonakala uwuthakasela kakhulu lomkhan-
kaso, futhi bayalujabulela kakhulu nosizo lwethu
lwezempilo abalutholayo. Kodwa kusekuningi
okufanele sikwenze njengomnyango, ukufundisa
umphakathi wakithi mayelana nokuthi kufanele
phela basazi isimo sabo sezempilo, kufanele ba-
zihlole phela ukuze bathole ukwelashwa kunga-
konakali kakhulu .Kube intokozo kakhulu ukuh-
langanyela nabanye ozakwethu baleminyango
elandelayo: uMnyango wezokuvikela, uMnyango
Wezolimo, uMnyango wezokuthuthukiswa kom-
phathi, uMnyango wakwaNdabazabantu kanye
noMasipala weseNgweni
Asisukume sakhe IsiFundazwe SakwaZulu– Natal
1 . A B A S E B E N Z I
B A S E
S T . A P O L L I N A R I S
H O S P I T A L
B A T H A T H W A B E -
S I Z A A B A L U N G U
O M P H A T H I .
2 U B A B A U Z U L U -
U S O M L O M O W O M -
K H A N D L U W A S E
N G W E N I .
3 . A B E S E N Z I
B O M N Y A N G O
W A K W A N D A B A Z A -
B A N T U B E S I Z A
U M P H A K A T H I
N G E Z I N S I Z A
E Z A H L U K E N E
4 . A M A L U N G A O M -
P H A K A T H I E L A L E -
L E I Z I N K U L U M O
E Z A K H A Y O
5 . A B A S E B E N Z I
B O M N Y A N G O
W A M A P H O Y I S A
6 . C L L R M Z O M A -
K H A N Y A
W A Y E N G U M P H A T H
I W O H L E L O
6
4
5 2
1
3
Mr. R.Z Langa
Board Chairman
Cllr. W.M Mtolo
Board Vice-Chairman
Mrs. P Shelembe
Board Member
Mr. S.P Satywa
Board Member
NGEZANSI : AMALUNGA AMASHA EBHODI LESIBHEDLELA
Mr. J Mnguni- Board Member Mr. H.S Sihlezane- Board
Member
Mrs. N. Sokhela-Board Mem-
ber
Mr. B.P Msingaphansi
Board Member
Mr. K.MB Mzimela -
Board Member
Miss .P Goba—
Board Member
Mr. N.M Ngubo
Board Member
Bonke laba abaphethe izitifiketi bangamalunga
ebhodi eliphumayo, noma amanye bebuyele.
Abamile ngemuva kusukela kwesonkunxele:
Matron N.R Njobe, Mr. S Zwane, Mr.M Dlamini,
Mr. S.S Thwala, Ms.L.V Khumalo, Mr.J Mnguni
kanye no Mr. B.P Msingaphansi.
Abahleli phansi kusukela kwesokunxele:
Mrs.K.S Ngwenya, Mr.E.R.S Sikhakhane, Ms.A.N
Dlamini, Inkosi V Zondi kanye no Mrs.C Dlungwa-
ne.
K uyiqiniso elimsulwa ukuthi
imisebenzi emihle umuntu
iyamlandela, futhi kubalulekile
ukuwuhlonipha ngaso sonke isikhathi um-
sebenzi asuke ephathiswe wona. Lokhu
kufakazelwa umcimbi esibe nawo mhlaka
29 February 2012 eSibhedlela sase St.
Apollinaris hospital wokuvalelisa ama-
lunga eBhodi lesibhedlela ebese liphe-
lelwe isikhathi. Noma besisathanda ukuba
nalo ngenxa yemisebenzi emihle abayen-
zele isiBhedlela bebambiseni nabaphathi
baso. Sekufike isikhathi sokuba sinethu-
lele ibhodi Elisha lesiBhedlela, nokho nalo
esethembayo ukuthi izobonakala
imisebenzi yalo. Futhi silifisela inhlanhla
kukho konke elizokwenza.
Dr. T.J Gumbi –Comm Service Dr. B.N Mdlophane- Comm Service
T.J Dlamini—Artisan Electrician Promo- B.G Myeza– Comm health Facilitator
G.Zuma—ENA
F.S Zuma— Supply Officer(Promotion) SI Memela – FSO (Promotion)
T.V Biyase– Lay Counsellor
N.B Dlamini– Data Capture T.B Zuma– Comm Outreach Mentor
G.N Miya –Telkom Operator –
Inserve Trainee
A.Z Nduku- Operational Mng–OPD
ABASEBENZI ABAQASHIWE / NEWLY APPOINTED EMPLOYEES
AN Mhlanga—PN S.F Mthembu- Staff Nurse L.A Mthembu- Staff Nurse
SR Mnguni– Staff Nurse C.B Mnguni– Lay Counsellor C.T Zulu– TB ASO
L. S. Njokwe– Data Capturer
K.Williamson– Occ Therapist
S.A Mosiea– FSO
S.F Lembethe - ENA
T.P Gumede- Dental Assistant
A.Z Magoso– TB assistant M.E Gambu– TB Assistant
L.N.C.Dubazane Dentist
Dr. N.B Ngubane ( Comm Serve
N.C Mtshali– Supply Officer
M.E Nhlangulela- ENA
T.M Mbele– Trademan Aid
D. Sivnanden– Physiotherapist