Upload
trinhanh
View
226
Download
0
Embed Size (px)
Citation preview
umfumfu • 2014
mahhala
Fighting Disease, Fighting Poverty, Giving Hope
UKUSOKA: UNGASALI!
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Ukuqwashisa Ngomdlavuza WebeleKubalulekile ukuthola kusenesikhathi….
Ngesikhathi we-lashwa gxilisisa bese
ubuza udokotela wakho konke
ofisa ukukwazi. Ungaphikisani noku-
zwayo, yamukela usizo emndenini
nakubangani. Un-galilahli ithemba!
Umdlavuza ungenye
yezinkinga. Ngamandla,
uthando nosizo lomndeni wami noNkulunkulu, ngithokozela
usuku nosuku.
Ngithole ukwelashwa, ngakhuleka nsuku zonke
ngingangabazi ukuthi uJesu
unami. Umusa kaNkulunkulu
usanele sonke.
Ngisinde emdlavuzeni webele. Okumele
kwenzeke kuyenzeka. Okukwehlulayo
kubike kuNkulunkulu.
Unganqotshwa umdlavuza, futhi uma usunqobile uba namandla
uthokozele impilo. Buka mina emva
kokwelashwa, ngivakashela
eNdiya njengoba ngangizethem-
bisile ngiselashwa eminyakeni emibili
eyedlule.
UNkulunkulu Anibusise!
Njengoba ufunda le ngosi, ngicela
ukuba kewume kancane bese uzibuza
le mibuzo emibili: uke ukucabange nje
ukuthi kuyinto enjani ukungaboni?
Ngabe wenza okufanele ukunakekela amehlo
akho? Impilo esiyiphilayo imatasatasa ngale
ndlela yokuthi size sikhohlwe ukunakekela
impilo yethu. Iqiniso limile nje lokuthi uma
singayinakekeli imizimba yethu impilo yethu
iyokhinyabezeka.
uMfuMfu yinyanga yokunakekelwa
kwaMehlo, uma ubungawanakekeli amehlo
akho, usengaqala uwanakekele. Bonke abantu
abanezinkinga zamehlo kumele bavakashele
izikhungo zethu zezempilo ukuze basheshe
bahlolwe bese belashwa. Izingane ezikhala
ngokungaboni kahle kumele ziyobonwa
abasebenzi bezamehlo kusenesikhathi. Bonke
abantu abanesifo sikashukela kanye nomfutho
wegazi kumele bahlolwe amehlo njalo
ezinyangeni eziyisithupha ukuze bagweme
izinkinga ezinkulu. Abantu abanomfutho
ophezulu emehlweni abo kumele basebenzise
amaconsi amehlo ukuze bagweme ukungaboni.
Ungwengwezi lususwa ngokulaliswa
okwejwayelekile, labo abanenkinga kumele baye
ezikhungweni eziseduzane ikakhulu uma kuba
luvindi emehlweni abo. Labo abaneminyaka
engaphezu kwama-40 kumele bahlolwe amehlo
njalo kanye ngonyaka.
uMfuMfu yinyanga yokuqwashisa
ngoMdlavuza webele, okukhumbuzisa
bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba
bahlole. Oyedwa kwabesifazane abangama-35
lapha eNingizimu Afrika uyotholakala
enomdlavuza empilweni ngokwezibalo zeSouth
African National Registry. Ucwaningo lwakamuva
olushicilelwe yijeneli yezokwelapha yakwaLancet
luhlawumbisela ekuthini bayokwenyuka
ngama-78% abantu baseNingizimu Afrika
ngowezi-2030 abayobe benomdlavuza. Okuhle
nje ukuthi umdlavuza webele njengeminye
imidlavuza uyelapheka uma utholakale
kusenesikhathi.
ekugcineni ngifisa ukubonga
bonke abantu, abazali, izingane kanye
nababheki bezingane abalizwile ikhwelo
lokulwa nokusabalala kwegciwale lengculazi
nengculazi ngokuthi kusokwe. Thina
njengoMnyango Wezempilo KwaZulu-Natali
sesiqale izinkambi zethu zokusoka kuso sonke
isifundazwe ngale nyanga kaMfumfu. Sihlose
ukuthi kufike owezi-2016 sekusokwe izigidi
ezi-2.5. Sisandakuthola ukuthi ababaningi
ngokwanele abaphumile ukuba bazosokwa.
Sikholwa ukuthi lokhu kubangelwe yizimo
ezahlukene ezinjengolwazi olungelona iqiniso
abalitholayo, izinkoleloze kanye nokuqinisa
ikhanda. Ngifisa ukuthatha leli thuba ngicele
bonke abantu baKwaZulu-Natali ukuba basoke.
Ukusoka kwehlisa ukuthola igciwane lengculazi
ngama-60%. Njengoba sazi ukuthi i-KZN yaziwa
njengenezibalo eziphezulu zegciwane lengculazi,
ngakho kumele siyeseke imingenelelo ehlose
ukwehlisa lolu bhubhane. Ukusoka kungukhiye
uma sifisa ukuphumelela ekulweni nokusabalala
kwegciwane lengculazi kanye nengculazi kanye
nokuba nesizukulwane esingenangculazi kuze
kube ngowezi-2030. Isifiso sezigidi ezi-2.5
sibukeka sisikhulu kakhulu. Kepha njengoba
ubaba wethu ongasekho uTata uMandela asho
ukuthi kuye kubonakale kungeke kwenzeke
kuze kube kuyenzeka. Ngineqiniso lokuthi ngo-
kweseka kwenu okuphelele kuyokwenzeka.
Ukweseka abalwa nawoUkuncoma abasinde emdlavuzeni
Ukuhlonipha asebedlUlenokungalilahli ithemba
UKUQWASHISA NGOMDLAVUZA
WEBELE
Uye ungazi ukuthi unamandla
kangakanani kuze kube yisikhathi
lapho ukuba namandla kuba
yikho kodwa okumele ube
nakho.
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Umyalezo ovela kuMEC WezeMpilo e-KZN,
uDkt Sibongiseni Dhlomo
ISEXWAYISO! Ukwesweleka kwe-Iodine komama abakhulelwe nabance-lisayo kungabulala ingqondo enganeni esakhulayo.
okuqukethweUm
fUm
fU 2
014
UKHULELWE? Funda ngokubaluleka kokuqaphela amazinga e-iodine yakho
UmDLAVUZA WEBELE Ukuncelisa ibele kungakwehlisa kanjani ukuba sengcupheni kowesifazane
IZINDABA ZEZEmPILO E-KZN Ezakamuva ezivela emnyangweni wezempilo esifundazweni
UKUSOKA Ungasali, funda okuningi ngaphakathi
UKUDLA KWASE-AfRIKA KWESINTU Kunempilo, nomsoco kanti kushibhile!
UKWETHULELA ISIGQOKO ABASEBENZI BESIfAZANE BEZEmPILO UMusa Njoko uphumela obala
UKUQWASHISA NGEZEmPILO Izinsuku ezibalulekile zezempilo ngale nyanga
UmfANEKISO Kungani kungabulala ukukhetha amathoyizi angalungile kanye nopende
UKUSOKAUKUDLA KWASE-
AFRIKA KWESINTU
Imifanekiso esetshenziswe kwEzEmpilo eyokucacisa kuphela, ayiqondile ukuveza abantu bangempela futhi ayimele lokho okuqukethwe ushicilelo.
ABASEBENZI BEZEMpILO
UMDLAVUZA WEBELE
29UmfUmfU
UsUkU LUka-zweLonke LokUsweLe-ka kwe-IodIne
Ungawudli usawoti omningi kunokwejwayelekile, zama ukuthenga usawoti o-iodised kunowejwayelekile wasolwandle.
Omama bachitha isikhathi esiningi benakekela izingane zabo baze bazikhohlwe bona. Lolu suku olokukhumbuza bonke abesifazane, ikakhulu labo abakhulelwe ukuba badle okunempilo bese beqinisekisa ukuthi bathola i-Iodine eyanele emizimbeni yabo.
Kubaluleke ngani?I-Iodine iyikhemikhali esendlaleni ithyroid esiza ukulawula ukushaya kwenhliziyo, amafutha egazini bese ibhalansisa nama-homoni. Indlala ithyroid isezansi nentamo yakho kanti isiza ekugayeni ukudla. Ngok-wejwayelekile abesifazane baye baswele i-Iodine ngoba indlala yabo yethyroid inkulu ngokuphindwe kabili kuneyabesilisa.
Umthelela enganeniUkwesweleka kwe-iodine kowesifazane okhulelwe kungaholela kulokhu okuland-elayo:
Ukuba sengcupheni yokushonelwa yingane noma izalwe isishonile
Ukuba sengcupheni yokuthola ingane singakafiki isikhathi
Ingane ingazalwa inokukhubazeka okuthile okungaba ukulimala kwengqondo, ukungakhuli ngendlela, inkinga yokuzwa neyokukhuluma.
Ngisho ukwesweleka okuncane kwe-iodine uma ukhulelwe kungaholela ekungahlakaniphini kwezingane.
Ungaqinisekisa kanjani ukuthi uthola i-iodine eyaneleNgokwejwayelekile umuntu udinga ithispuni nje le-iodine empilweni yakhe yonke, kepha ngenxa yokuthi ngeke sagcina i-iodine isikhathi eside emizimbeni yethu, kumele siyithathe kancane kancane. Indlela yokwenyusa amazinga e-iodine ukuba sidle kakhulu ukudla kwasolwandle kanye nenhlanzi. Okunye kokudla okune-iodine, amaqanda kanye nemikhiqizo yobisi efaka ubisi, ushizi kanye neyogathi, u-anyanisi kanye neredishi.
Yikuphi ukudla okumele kugwenywe ngabesifazane abakhulelwe?Gwema ukudla okunjengeklabishi, amakinati, ufulawa wesoya, amabrussels, amasprouts, ukholiflawa kanye nobrocolli ngoba kwehlisa i-iodine.
Uma ukhulelwe bonana nomtholampilo noma unokunye kwalokhu okulandelayo, okungaba yizimpawu zokuthi umzimba wakho awuyitholi i-iodine eyanele:
Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:UMNYANGO WEZEMPILO E-KZN: UPHIKO LWEZOKUXHUMANA U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)COLIWE ZULUTHANDI ZULUTHEMBA MNGOMEZULUsARA AULDDR GUGU MAZIBUKO
Sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini! P O Box 25439, Gateway, 4321, UCINGO-031 825 6790. I-EMAIL: [email protected] ILUNGELO LOBUNIKAZI
Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo… Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe futhi kusakazwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela.
Zonke izikhangiso ezikulo magazini akukona ukuthi zisekelwa ngokusemthethweni uMnyango Wezempilo Wase-KZN, uMasipala WasEthekwini noma Ezempilo Health Matters
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Izimpawu zokuthi awuyitholi ngokwanele i-iodine Ukukhathala – okungejwayelekile Ukubanda kwezandla nezinyawo Ukungakhumbuli kahle nokungabambi kahle emqondweni
Ukuqumba kwendlala i-Thyroid
UcWAN-
INGO OLUSHA
Ukuncelisa
ibele kwehlisa
ubungcuphe
bomdlavuza
webele
UmfUmfU inyanga...
YokuqwashisaNGOmDLAVUZA WEBELE
Iningi lethu liyazi ngomdlavuza webele kepha alazi ngohlobo lomdlavuza webele ohlasela kakhulu abesifazane base-Afrika. Waziwa ngokuthi umdlavuza webele i-triple-negative kanti uhlasela abesifazane base-Afrika kathathu ngaphezu kwanoma yibaphi abanye besifazane.
Kuvelwa kude nokwelashwa komdlavuza. Hamba uyohlola njalo bese ukhumbula ukuthi ukutholakala kwezinkinga kusenesikhathi kwandisa amathuba okuphila kwakho.
Lolu hlobo lomdlavuza luyinhlanganisela yemidlavuza kanti kunzima ukulelapha, ngisho kunganikwa ikhemo eningi kuneyejwayelekile.
Ucwaningo lwakamuva Ngokuncelisa ibeleIzindaba ezimnandi ezokuthi ucwaningo olusha lomhlaba luveza ukuthi abesifazane base-Afrika abancelisayo bangakwehlisa ukuba sengcupheni kwabo kokuthola lo mdlavuza webele. Ucwaningo lwaseMelika luveza ukuthi umdlavuza webele uhlasela kakhulu abesifazane abathole abantwana kepha bangabancelisa. Abesifazane abancelisayo bayavikeleka bona kulolu hlobo lomdlavuza obulalayo.
Ubani osengcupheni yomdlavuza webele?Nakuba abesifazane asebekhulile besengcupheni kakhulu kepha nabasebancane nabo bayaba sengcupheni. Labo besifazane abanomama, osisi nogogo abake baba nalo mdlavuza basengcupheni enkulu. Abesifazane abangazange babe nabantwana noma babe nabantwana sebeneminyaka engaphezu kwama-35 basengcupheni kakhulu kanye nabesifazane abaphuza izingilazi ezingaphezu kwezimbili zotshwala, ngosuku!
Yizimpi izimpawu? Isimila ebeleni noma eduze nalo noma ekhwapheni – nakuba izimila
eziningi ziye zingabi nalutho kepha uma uzwa kungejwayelekile, hamba uyokubheka!
Ukushintsha kobungako kanye nomumo webele Ukushona phakathi kwesikhumba sebele Ingono ishone phakathi Kuphume uketshezi olungajwayelekile engonweni Isikhumba sebele, ingono noma indawo emnyama ezungeze ingono
ikhekhebuke, ibe bomvu noma ivuvuke Isikhumba sebele sibukeke noma sizwakale sengathi iwolintshi
elihlutshwayo
Ukwelashwa Izindlela ezintathu zokwelashwa komdlavuza, ukuhlinzwa, ichemotherapy kanye neradiotherapy.
Ukuhlinza kususa isimila kanti kugwema ukusabalala komdlavuza. IChemotherapy yenziwa ngokufaka idriphu emthanjeni osengalweni
ukuze kubulawe amaseli omdlavuza. KuRadiotherapy kusetshenziswa imisebe ukubulala amaseli omdlavuza.
KUPHEPHISA IMPILO
UKUTHOLAKALA KUSENESIKHATHI!Wonke umuntu wesifazane kumele azi ukuthi
umdlavuza webele ungahlasela noma nini, kepha
ukutholakala kusenesikhathi kwandisa amathuba
okulwa nawo. Ukuhlola kusenesikhathi, kubalulekile
ukuhlala njalo uzihlola amabele akho ukuze
usheshe uthole ushintsho emabeleni akho bese
uhlolwa emtholampilo. Zihlole amabele akho kanye
ngenyanga ngesikhathi usesikhathini ngesikhathi
esifanayo nyanga zonke kanje:
Lala phansi bese ufaka isandla sakho
sakwesokudla ngaphansi kwekhanda.
Uzizwa kahle zonke izicubu ezisebeleni
uma ulele phansi.
Sebenzisa ingaphambili leminwe yakho
emithathu ephakathi yangakwesokunxele
ukuze uzwe izimila ebeleni
langakwesokudla.
Qala kancane ucindezela ugcine
usucindezela kakhulu ukuze uzwe zonke
izicubu.
Yenza okufanayo uma usubheka izimila
ebeleni langakwesokunxele.
Yima phambi kwesibuko bese ubheka
okungajwayelekile emabeleni akho.
Hlola ingaphansi lamabele akho uma
uhleli noma umile ngokwenyusa kancane
ingalo ukuze ukwazi ukuzwa uma kukhona
okusolisayo.
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
leyo naleyo ngane ezalelwe esibhedlela sikaHu-lumeni KwaZulu-Natali iyothola isitifiketi sokuzalwa ngaphambi kokuba iphume esibhedlela, sibonga uhlelo olusha lokubhalisa ngekhompyutha olweth-ulwe ngale nyanga lwethulwa uNgqongqoshe Wezempilo e-KZN uDkt Dhlomo ekanye noN-gqongqoshe Wezasekhaya uMalusi Gigaba. Ngen-kathi amukela lolu hlelo esiBhedlela i-Addington, uDhlomo uthe lolu hlelo luzokwenziwa kuzo zonke izikhungo zezempilo esifundazweni. Lolu hlelo lu-zosiza ekufinyelelekeni kulo lonke uxhaso lukahulu-meni lubuye luqede nenkohlakalo esekukhishweni kwezitifiketi zokuzalwa,” esho. Njengamanje isifun-dazwe sinezibhedlela ezingama-53 ezibelethisayo, okubandakanya ezingama-39 ezixhumene ngqo noMnyango Wezasekhaya.
UKWETHULWA KOKUBHALISWA
KWEZITIFIKETI ZOKU-ZALWA EZIBHEDLELA
izingane ezingaphezu kwezi-3000 ez-indaweni ezentulayo KwaZulu-Natali zihlolelwe impilo yamehlo, kusho uNgqongqoshe uDhlo-mo. Ekhuluma nababambiqhaza ngoSuku Lokubona Lomhlaba lwangale nyanga em-cimbini obusesiBhedlela Inkosi Albert Luthuli, uNgqongqoshe uDhlomo uncome abasebenzi bezempilo kanye nabezamehlo ngokuvolon-tiya ngokuya emiphakathini entulayo beyoyih-linzeka ngezidingo zezamehlo. “Lokhu sikubiza ngokuthanda izwe lakho kanye nokuzinikela emiphakathini entulayo futhi kusiza ekuhlinze-kweni kwezidingo zezempilo ezilinganayo kuwo wonke umuntu,” kusho uDhlomo.
Imitholampilo yoMnyango engomaham-banendlwana yamehlo ibisebenza ekwelaphe-ni amehlo kanye nasekuhlolweni kwamehlo ezingane ezikoleni, kwengeza uDhlomo. Lezi zimoto zikuzo zonke iziFunda okuhlolelwa kuzo ukusebenza kwe-NHI ezibandakanya uMgun-gundlovu kanye noMzinyathi; zibandakanya udokotela wamehlo osizwa yithimba labase-benzi abagxile kwezamehlo.
Amukela imizamo yeNyuvesi yaKwaZulu-Na-tali yokwelekelela ikhwelo lomhlaba lokugwe-ma ukungaboni, ikakhulu ezinganeni, uDhlo-mo wathi: “Ngajabula kakhulu ukuzwa ukuthi uMnyango Wezamehlo wase-UKZN ukhethe ukuba welekelele abafundi abaswele imali yokufundela ezamehlo. Ngiweseka ngokugc-wele lo mnyakazo obaluleke kangaka othi: ‘impilo yamehlo kanye nokubona kubalulekile empumelelweni yabafundi basenyuvesi.’ Sen-giyawugcizelela nami lo mbono ngokuthi Buka Kahle, Funda Kahle bese Uphasa Kahle ukuze usetshenziswe Amathimba Ethu Ezempilo Ezikoleni ngenkathi ethubeleza esifundazweni ehlola futhi elapha izingane ezifweni ezikhinya-beza ukufunda kwazo.”
Egcizelela ukubaluleka kokutholakala kusen-esikhathi ukuze kugwenywe ukungaboni, uDhlomo ucele lokhu:
Bonke abantu abanenkinga yamehlo ba-vakashele izikhungo zezempilo ukuze basheshe bahlolwe bese belashwa.
Izingane ezikhala ngokungaboni kahle zibon-we ochwepheshe bamehlo kusenesikhathi.
Bonke abantu abanesifo sikashukela kanye nenkinga yomfutho wegazi ukuba bahlolwe amehlo njalo emva kwezinyanga eziyisithu-pha ukuze kugwenywe izinkinga.
Abantu abanomfutho ophezulu emehlweni abo (iglaucoma) bathathe njalo amaconsi amehlo ukuze bagweme ukungaboni.
Ungwengwezi emehlweni lususwa ngokulal-iswa okwejwayelekile. Labo abanenkinga ku-mele baye ezikhungweni eziseduzane ikakhu-lu uma sekuluvindi emehlweni abo.
Bonke abaneminyaka engaphezu kwama-40 kumele bahlolwe amehlo kanye ngonyaka.
Buka kahle, funda kahle, phasa kahle kusho u-mEc
PHO
TOG
RAPH
: Rog
an W
ard
uNGaZIBamBEZElI – KWEHLISA UKUSABALALA KWEGCIWANE LENGCULAZI NGAMA-60%UMnyango Wezempilo e-KZN usuqalise Izinkambi Zokusoka zekwata yesithathu ka-2014. UNgqongqoshe Wezempilo uDhlomo ucele bonke abesilisa ukuba bezwe ikhwelo leSilo samaZulu lokuba bayosoka.
USUSOKIWE?Sekusokwe ngempumelelo abesilisa abayizi-388, 000 e-KZN!
Uma umanqikanqika ngokusoka, lalela la maqiniso:
Kwehlisa amathuba okutheleleka ngegciwane lengculazi ngama-60%
Kwehlisa amathuba okwedluliseleka kweHerpes type 2
Kwehlisa amathuba okwedluliseleka kwegciwane i-HPV
Kwenyusa inhlanzeko esithweni sangasese okuchaza ukwehla kwamathuba okuthola ezinye izifo.
Okwenza ukusoka e-KZN kube YimpumeleloUMnyango Wezempilo e-KZN ususoke ngempumelelo abesilisa abangaphezu kwezi-388, 000 esifundazweni kusuka ngowezi-2010 kungedlulanga noyedwa emhlabeni. Isizathu sale Mpumelelo engaka uqeqesho oluhlinzekwa uMnyango kubasebenzi bezempilo abangaphezu kwama-500 okubandakanya nodokotela kanye nokusetshenziswa kweTara Klamp. Embikweni wakhe ngomkhankaso wokusoka esifundazweni, uDhlomo uthi wagqugquzelwa ukuthathelwa phezulu komkhankaso, okubandakanya amathimba angaphezu kwayi-10. “Sibonga noxhaso lwama-NGO asiza ngokwandisa uhlelo lokusoka esifundazweni. Lokhu kusho ukuthi ngaphezu kokusoka kugxilwa nasekuhloleleni isifo sikashukela, umfutho wegazi, igciwane lengculazi, izifo zocansi kanye nokunye ukuhlolwa kwegazi ngesikhathi abasokwayo kuxoxwa nabo ngokuziphatha kahle,” kusho uDhlomo.
Isikhungo Esisezingeni EliphezuluEkuqiniseni nasekugqugquzeleni uhlelo lokusoka uMnyango uqalise isikhungo esiseMgungundlovu eminyakeni emibili edlule ukuqinisekisa amazinga aphezulu okuqeqesha labo abasokayo ukuze kusoke abavunywe uMnyango Wezempilo.
KHULUMA NESIBHEDLELA NOMA UMTHOLAMPILO OSEDUZANE NGOKUSEBENZISA UMSOKI OVUNYIWE.
“lokhu kusho ukuthi ngaphezu kokusoka kugxilwa nasekuhloleleni isifo sikashukela,
umfutho wegazi, igciwane lengculazi, izifo zocansi kanye nokunye ukuhlolwa kwegazi
ngesikhathi abasokwayo kuxoxwa nabo ngokuziphatha kahle.”
ucansi emva kokusoka?Uma ususokiwe, usuke usamelwe ukusebenzisa ikhondomu ngoba ukusoka akukuqedi ukusabalala kwegciwane lengculazi, kepha kwehlisa ubungcuphe. Lokho kusho ukuthi indoda enegciwane lesandulela ngculazi isengaledlulisela igciwane kumaqondana wayo kepha lokho sekwehle ngama-60% uma ususokiwe. Ukuze uvikeleke ngokugcwele kumele usebenzise ikhondomu. Kubalulekile nokukhumbula ukuthi ukusoka akubehlisi ubungozi bokutheleleka ngegciwane lengculazi uma wenza ucansi.
amaNYE amaqINIsO NGOKusOKa
Abafana abaneminyaka engaphansi
kweyi-18 badinga imvume yabazali.
Ukusokwa ezikhungweni zezempilo
kuyashesha futhi kuphephile.
Ukuhlolela igciwane lengculazi
kuyanconywa kepha akuphoqelelwa.
Kusoka odokotela abaqeqeshiwe,
abahlengikazi nabanye abasebenzi
kusetshenziswa indlela evunyiwe.
Usokwa ngokusetshenziswa
kwesindikindikisi kanti akweqi
emizuzwini engama-30 kanti iba mibili
uma kuyiTara Klamp.
Imithi yezinhlungu itholakala mahhala.
Abesilisa kumele bagweme
ucansi emasontweni ayisithupha
emva kokusokwa, kuze kuphole
isilonda. Uma isilonda singakapholi
inkulu ingcuphe yokuthola
igciwane lesandulela ngculazi
kunokwejwayelekile.
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
IZINKamBI ZOKusOKa E-KZN KuZE KuBE umfumfu 30 2014
ETHEKWINI (eMtholampilo iDanganyana, 23 kuMfumfu kanye naseMtholampilo iMolweni, 24 kuMfumfu
UgU (eMtholampilo iMorrison, 18 kuMfumfu; Ejele lasePort Shepstone, 19 kuMfumfu; eMabiya High School, 25 kuMfumfu kanye nasesiBhedlela iSt Andrews, 31 kuMfumfu)
UTHUKEla (Esikhungweni Sezempilo Somphakathi iSt Chads (CHC), 16 kuMfumfu; eMtholampilo iZwelisha, 17 kuMfumfu; eSt Chads CHC, 23 kuMfumfu, eMtholampilo iNtabamhlophe, 24 kuMfumfu; esiBhedlela i-Emmaus, 24 kuMfumfu, eSt Chads CHC, 30 kuMfumfu)
UTHUNgUlU (eTisand Technical School, 20 kuMfumfu, 21 kuMfumfu)
Ukhethe ukudla kwasentshonalanga...?
UMA UKUDLA KWESINTU KWASE-AFRIKA KWAKHA UMZIMBA ONEMPILO
YINI EYENZa uKudla KwasE-afrIKa KuYIluNGElE ImpIlO YaKhO?Ukudla kwase-Afrika kunomsoco wemvelo osiza umzimba wakho ukwazi ukulwa nezifo. Ngakolunye uhlangothi, ukudla kwasentshonalanga kunamakhemikhali amaningi alimaza umzimba bese edala izinkinga eziningi ezinjengesifo sikashukela, umfutho wegazi kanye nomdlavuza. Khuthaza izingane zakho ukuba ziziqhenye ngamasiko azo, nokudla kwesintu okunomsoco bese usebenzisa lokhu okulandelayo ukuzichazela ngokuba nempilo kokudla kwesintu:
uKE uNaKE NjE ukuthi ogogo bethu banamandla kangakanani? Basebenza kusukela ekuseni kuze kube sebusuku, ngisho sebekhathele. Iningi labantu abasha namuhla likhathala kungakabiphi. Yini ebenza babe namandla kangaka? Imfihlo yabo isekudleni abakhule bekudla: kuhle, kunempilo, ukudla kwesintu iningi lethu eselikuyeke ngoba selidla okwasentshonalanga njengoba sesifudukele emadolobheni amakhulu.
Umama Tule uneminyaka engama-73 kepha usenamandla njengenkabi. Uhamba imizuzu engama-30 ngosuku ebe ebheke abazukulu abayisithupha ngesi-khathi omama babo besebenza emadolobheni. Ugogo unensimu yakhe yezithelo nemifino kanti upheka ukudla okusha okuphuma ensimini. “Nginempilo kunabantu abancane kunami, ngithi uma ngibatshela ukuthi yingoba nginga-zidli izibiliboco bavele bahleke, kepha yiqiniso. Akunampilo ukudla kwasentshonalanga, yin-gakho abantu abaningi namuhla bekhuluphele ngokweqile futhi benezifo ezinjengesikashu- kela nezenhliziyo,” echaza.
Okunye ongakuzuza ekudleni kwesintuAwukabi nasiqiniseko? Nazi izizathu ezingak-wenza uziqhenye ngamasiko ethu anothile okudla kwesintu. Kwenza nalokhu okulandelayo:
Kukhuphula ukugayeka kokudla Ukusheshe ululame emva kokudla ama-
antibiotics Kwehla izinga lokukhishwa yisisu Kugwema izifo eziyisimbelambela
njengesikashukela Kunosawoti omncane
30 kumfumfu usuKu lOKudla KwasE-afrIKa NOKuNOmsOCO
aMaSI Kumnandi ukuwaphuza kodwa uthi bewazi nje kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi izingane eziphuza amasi akulula ukuba zibe nesifo sohudo. Amasi aqinisa amasosha omzimba asize nomzimba ekulweni nezifo.
UjEqE Ujeqe wenziwa ngokugaya ummbila noma amabele bese kubiliswa. Ummbila oluhlaza uyashesha ukugayeka emzimbeni usiza esiswini kanti ungcono kakhulu kunesinkwa esithengwa esitolo.
USU Yenza izingane ziluthande zisencane ngoba luqukethe amaphrotheyini kanti lukhuthaza amaseli egazi abomvu ukuba asebenze kahle ngokwakha amaphrotheyini adingwa yila maseli ekuthwaleni i-oksijini.
IMIfINo Uma uzama ukwehlisa isisindo, hlukana nemithi namaphilisi angadingekile! Yidla ukudla okunemifino. Imifino isiza ekulawuleni isisindo kanye nokwehlisa ubungozi bokuhlaselwa yisifo somdlavuza.
aMaHEWU Kungani ukhethe iziphuzo ezihlohlozayo ezinoshukela ezingalimaza impilo yakho? Khuthaza umndeni wakho ukuba uwathokozele amahewu okuyisiphuzo esenziwe ngempuphu kanye nokolo bese egcinwa endaweni efudumele. Angawemvelo, futhi akwengezwanga lutho kuwo olungaba nobungozi.
UbHaTaTa NaMaD-UMbE Anovithamini A, C kanye no-B6 kanti anefayibha namakhabhohayidrethi. Ana-maphrotheyini amaningi kunom-mbila kanti angacubuzelwa ingane ukuba idle.
ISITaMbU NobHoNTSHISI Ubhontshisi unamaphrotheyini nefayibha okwehlisa amafutha egazini kulinganise noshukela emzimbeni. Ubhontshisi unefolic esidi eningi evikela ezifweni eziningi ezinjengesifo senhliziyo kanye nesifo sohlangothi.
UPHUTU Ukudla kwansukuzonke lokhu kepha uthi bewazi ukuthi izinhlamvu ezisophuthwini zingamela ukolo kulabo abanesifo seceliac (isifo esilimaza amathumbu)
Phila kade, ube nempilo...khetha ukudla ukudla kwesintu!
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
UPhuthu nezibindi zezin-
kukhu kungukudla okumnandi noku-
nempilo!
UMusa Njoko Uyakugcizelela ukuthi akaziqhenyi ngokuthi unegciwane lengcu-lazi kepha futhi akazidabukeli.
“Angisona isikweletu emndenini nas-emphakathini. Ngiziqhenya ngokuba mnyama nobu-Afrika. Angichazwa ngegciwane lengculazi. Uma kuwuku-thi engiyikona kungenxa yegciwane lengculazi, kusho ukuthi inhle-ke bo!” washo kwashaywa ihlombe kwahle-kwa. Watshela bonke abesifazane ukuba bazinakekele zikhathi zonke.
“Kungumsebenzi wethu ukuba sizinakekele kanye nalabo esi-bathandayo. Kule minyaka enga-ma-20 eyedlule, akukho noyedwa ongaphumela obala athi ngamthe-lela ngegciwane lengculazi. Ngik-wenze kwaba umsebenzi wami uku-thi emndenini wami, emphakathini, ezweni nasemhlabeni igciwane lengculazi ligcina ngami. Nawe un-gakwenza lokho.”
Uthi ngenkathi eba sengozini yemoto ngonyaka wezi-2003, watshela labo ababemsiza ben-gafakile amaglavu ukuthi kumele baqaphele.
Ngenkathi sisengozini engi-kukhumbulayo nje ukubona igazi eliningi kanye namafasitela aphukile. Ngabamisa ababezosiza mina ngabatshela ukuthi ngine-gciwane lengculazi. Ngabatshela ukuba basebenzise opulastiki aba-besebhuthini. Ngisakwenza lokho namanje.”
Ekugcineni waphosela abesifa-zane inselelo. “Abesifazane bas-esengcupheni yokuthola igciwane lengculazi. Umbuzo wami usekuthi-ni yini abayenzayo ukuqeda uku-sabalala kwegciwane lengculazi? Asiyeke ukuba yizisulu. Shintsha impilo yakho, ungenzeli wena wed-wa kepha nezingane zakho. Kuningi uNkulunkulu akubekele khona.”
IMINYAKA ENGAMA-20 EpHILA NEGCIWANE LENGCULAZI KEpHA USENGUMQEMANE Ungomunye wabesifazane bokuqala baseNingi-
zimu Afrika ukuphumela obala eminyakeni enga-ma-20 eyedlule ukuthi unegciwane lesandulela ngculazi. Abaningi babecabanga ukuthi usezokufa. Njengomculi, ngisho izinkampani zomculo zazin-gafuni ukusebenza naye ngoba zicabanga ukuthi uzofa zingakenzi imali ngaye. Kepha namanje usaphila. Ungumculi ophumelelayo (waziqalela eyakhe inkampani yokuqopha), ungumthungi kanye nomama. UNjoko ukhuthaze abesifazane aban-gaphezu kwe-1000 ngenkathi ekhuluma emcimbini obuhlelwe uMnyango Wezempilo KwaZulu-Natali wokuhlonipha abasebenzi besifazane bezempilo.
UdAbA LwAKHE…UNjoko watholakala enegciwane ngonyaka we-1994 wabe esetshelwa ukuthi usesalelwe yizinyanga ezintathu ephila. “Ngatshelwa ukuthi uma nginenhlanhla ngiyokwazi ukudla uKhisimusi wangowe-1994. Kepha manje sengidle oKhisimusi abayi-19. Indodana yami yayineminyaka emibili ngaleso sikhathi. Mhla zingama-29 kuLwezi ngalo nyaka izobe isineminyaka engama-22. Kepha konke lokhu akwenzekanga ngomlingo.” Kuchaza uNjoko oziphilelayo. Wagcizelela ukudla imishanguzo ngendlela efanele, wengeza ngokuthi yena akayishiyi imishanguzo yakhe noma kuphi lapho eya khona nokuthi ukwethemba kwakhe uNkulunkulu yikona okumenze waphila kwaze kwaba manje. “UNkulunkulu wathi ngeke asishiye. Ngimi lapha nje ngingufakazi walokho. Ngingubufakazi balokho esikwenzelwe uhulumeni wethu waseNingizimu Afrika.”
“angisona isikweletu emn-denini nasemphakathini. ngiziqhenya ngokuba mnyama nobu-afrika. angichazwa ngegciwane lengculazi. Uma kuwuku-thi engiyikona kungenxa yegciwane lengculazi, kusho ukuthi inhle-ke bo!”
UMusa Njoko esesiBhedlela i-Addington emgubhweni wokuhlonipha abesifazane boMnyango Wezempilo
Fighting Disease, Fighting Poverty, Giving Hope
UMNyANgO WeZeMpILO e-KZN WethULeLA ISIgqOKO UMUSA NjOKO KANye NABO BONKe NgOKUhLANgANyeLA
ABALWA IMpI yegcIWANe LeNgcULAZI NeNgcULAZIngokubambisana sesenze umehluko!
umfumfu
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
9UmfUmfU Ukugubha
ukusebenzisana
ekulweni nengculazi
Abantu baseNingizimu Afrika abanegciwane
lengculazi nengculazi sebephila impilo engcono
kunakuqala, sibonga ukubambisana. Leli
sonto elokusikhumbuza ukuthi sivelaphi
ekubhekaneni nengculazi.
Ngokubambisana sinamandla. UmfUmfU 15 - 19Isonto Likazwelonke Lokudla Okunomsoco/Isonto Likazwelonke
Lokukhuluphala NgokweqileUkungondleki kahle kungenye yezinkinga ezihlasela
izingane ezihamba izinkulisa lapha eNingizimu Afrika.
Ucwaningo luveza nokuthi izingane zethu zikhuluphala
ngokweqile. Ake sisebenze ngamandla ekuqinisekiseni
ukuthi sikhulisa isizukulwane esinempilo.
UmfUmfU 20 -26Isonto Lomhlaba Lokugwema Ushevu WomsiziUyingozi umsizi uma ungena emzimbeni. Amathoyizi
amibalabala ayaba nomsizi ngakho-ke qaphela uma uthenga
la mathoyizi ngoba umsizi omningi ungakhubaza ingqondo
namathambo. Funda kabanzi engxenyeni ewumfanekiso.
Usuku Lomhlaba Labantu Abadala
Likhulu iqhaza elibanjwa abantu abadala emphakathini ngokuvolontiya, babelane ngolwazi, banakekele abazukulu kanye
nezintandane. Lolu suku olokuhlonipha imizamo yabo, ngakho ke bakhombise ukubaluleka
kwabo ngokuphumela obala ngokungahambisani nokuhlukunyezwa kwabantu abadala.
1UmfUmfU
Usuku Lomhlaba Lempilo Yengqondo
Minyaka yonke izigidi zabantu zitholakala zinenkinga
ethile emqondweni kepha bambalwa abayiqondayo
inkinga. Lukhona usizo la ngaphandle, gqugquzela labo
abanenkinga ukuba bathole ukwelashwa ukuze bakwazi
ukuphila impilo eyejwayelekile. Akusona isiqalekiso
ukugula ngengqondo. Usuku Lomhlaba Lokudla Intengo yokudla iyenyuka ngakho kumele
senze okuthile njengomphakathi ukuze
sigweme ukwentuleka kokudla. Ukufundisa,
ukuqeqeshela amakhono
kanye nokwenza izingadi
zomphakathi ezinye zezindlela
zokuqeda indlala.
16UmfUmfU
10UmfUmfU
23UmfUmfU
UmfUmfU 28 - 3 LWEZI
Usuku Lomhlaba
Lwesifo Sohlangothi
Nsuku zonke lapha eNingizimu Afrika
kufa abantu abathi ababe ngama-60
ngenxa yesifo sohlangothi. Khuluma
nomsebenzi wezempilo ngezindlela
zokugwema isifo sohlangothi.
Usuku Lukazwelonke Lokwesweleka kwe-Iodine
I-Iodine iyiminerali edingeka kakhulu ekukhuleni
ikakhulu kubantu besifazane abakhulelwe
ngoba isiza ekukhuleni kombungu. Khuluma
nabasemtholampilo ukuqinisekisa ukuthi umzimba
wakho uthola i-iodine eyanele.
Usuku Lomhlaba Lesifo Samathambo
isifo samathambo senza ubu- hlungu kanye nokuqina
kwamalunga. aselapheki kepha siyalawuleka.
12UmfUmfU
Usuku Lomhlaba LomgogodlaUbuhlungu bomgogodla bungesinye
sezizathu zokungayi emsebenzini. Ukufunda
ngezindlela ezifanele zokuma uma uphakamisa
okusindayo, yizindlela ezilula ongagwema ngazo
ukulimala komgogodla.
Usuku Lomhlaba Lwezimo Ezithusayo
Ukwethuka kuyimbangela enkulu yokufa
nokukhubazeka emhlabeni jikelele. Lolu suku
lugxile ekubhekaneni nezimo ezinzima uma
sibhekana nokwethuka okukhulu.
Usuku Lomhlaba Lwesifo Sokukhumuzeka Kwamathambo
Isifo sokukhumuzeka kwamathambo siyisifo sa-
mathambo esihlasela abesifazane iningi labo es-
eledlulile eminyakeni engama-50 kanti siyelapheka.
Usuku Lomhlaba LukavendleUvendle usuqediwe emazweni amaningi,
ngakho ke qinisekisa ukuthi ingane yakho
igonywa ngesikhathi futhi njalo nje!
17UmfUmfU
20UmfUmfU
24UmfUmfU
16UmfUmfU