Isingeniso
Ngaphambi kokuba ngingene kwi ngqikithi yalombalo ngizothi nje fahla fahla
kancane ngaloku ukuzobe kuqukethwe kulombalo ongenhla.lombalo onganhle
uzochaza kabanzi ngesizulu nokufundwa kwaso ezikoleni.siphinde futhi sizame
ukubheka ukuthi indaba yolimi lamanguni isukela kuphi.abantu abadlala indima
enkulu ukukhulisweni kwesizulu kanti nedlela isiZulu esibaluleke ngayo kithina sizwe
sabansundu noma kithini esisicelile ebeleni labazali bethu.loku okulandelayo
uzokuthola uma ufunda kahle lombhalo olandelayo.ukusetshenziswa kobu
chwepheshe ukufunda isiZulu.uzothola ukuthi uvygotsky bane piaget bathini
ngesimo semfundo nolimi.Akugcini lapho nje kuphela kodwa siyabheka nendlela
okwabele ngayo isikhathi isiZulu ezikoleni ngokusho kwemithetho migomo.
Umakuqhubeka siyathola nge foundation of learning program lapho kubhekwe
kakhulu ezinganeni ezisencane kodwa seziqalile ukufunda ezikoleni.kukhona ke
nezingqinamba ezivelayo ngenxa yokusebenziswa kwalo lohlelo.sibheka o
readathon lapho izikole zigqugquzela khona izingane ngokufunda nokubaluleka
kwako.emizameni kahulumeni ngemithetho migomo(policies).siqhubeka sibheke nje
izinkinga okanye izingqinamba ezikhona esikoleni uma kubhekiswe olimini
lwesizulu.konke loku nakanjani uzokuthola kuqukethwe ngenhla.
1
Umsuka
Encwadini ethi papers of the African languages congress 1973 siyathola ukuthi
umbali uyasho ukuthi ngemithetho ka hulumeni ulimi lwebele laqala ukuthi lenziwe
ukuthi libe semthethweni kuze zonke izikole ezaziwa ngokuthi yi bantu skole
ezikoleni ezamabanga aphansi kusuka ngonyaka ka 1955 kwathi ngonyaka ka 1958
kwase bakhethe ukuthi ulimi lusetshenziswe kuze kufike ebangeni lesihluna.lolu
shitsho liqala nje lenzeke emabangeni aphansi okufunda nokufundisa.uma siphinde
sibhekisisa siyabona ababhali bayo incwadi lena ethi papers of African languages
besho ukuthi iminyanga yakwa bantu mfundo/(education) isizile ngokuthi iqoke
abantu abanobuchwepheshe obufanele kulelo limi ,umuntu onolwazi esizulwini
wakhethwa ukuthi asize ekufakeni nokusetsenziswa kolimi esikoleni phecelezi
(planning and implementation).koluko leso sazi sisho amagama aziwayo esizulwini
bese kuthi lapho kushoda khona kube nemifakela yamagama noma kwakhiwe
amagama amasha azosetshenziswa khona esikoleni.kuthe ngonyaka ka 1962
amagama acishe afika ku 8000 wabe asehleliwe kanye nokuthi lelo nalelo gama
lisho ukuthini uma usulichaza ngesingisi noma sona isibhunu.
Mining ke imizamo eyenziwayo ukuthuthukisa ulimi lwesizulu.loku sikubona ngokuthi
lolu limi lenziwa ulimi olufanele abafundi babe nalo phecelezi(compulsory
subject).soloku kwenziwa loku izingane zifundiswa ezikoleni ukubhala ngolimi
lwesizulu iningi labafundi abakhuluma lolu limi bakwazile ukuthi bafunde ukulibhala
kahle ulwimi lwabo futhi balubhala ngendlela elula kubona.baphinda futhi bafundiswa
nokuthi bakwazi ukulifunda lolima lwabo ngendlela ijabulisayo futhi engathokozisa
ngisho labo bazali abangazange balithole ithuba lokuthi bafunde ukulufunda lolu limi
lwabo ezincwdini noma emaphephandabeni.
Ulumi lolu lesizulu selinakwe kakhulu manje ezikoleni.buka nje selithatha
ngokulingana namanye amalimi anjengesingisi kanye nesibhunu
ezikoleni.ukuvunyelwa kokusetshenziswa nokuthi kube khona ulimi lwesizulu
sekusize kakhulu izingane ezenza isiZulu ukuthi ziphumelele.ababhali bencwadi
African congress languages encwadini yabo bayasho ukuthi izinga labantu
abaphumelele ku matikiletsheni kuthande ukunyuka emuva kokuthi izingane zikwazi
ukufundiswa ngolimi lwazo ezikoleni abafunda kuzo.futhi siyathola ukuthi izikole
eziningi zabelungu seziyalufundisa ulimi lolu ezikoleni zabo.
2
Nokho noma kwezinye izikole lolumi luthathelwa phezulu sisathola ukuthi kusekhona
ukuxega xega noma izingqinamba ezithanda ukuba khona ezikoleni.()Loku
siyakubona ezikoleni lezo ekwakwaziwa ngokuthi ezabelungu kuqala phecelezi
(former model c schools).lapha sithola ukuthi abelungu abasekho kodwa sekugcwele
iizingane ezinsundu kepha ulimi alikusho loku.ulimi oluthathelwa phezulu yilo
olwesingisi nesibhunu uthole izinggane ezikhuluma ulimi lwesizulu ekhaya
sezikwitiza ngesingisi kanye nesibhunu loku kwenziwa yini.nazo izingane lezi zinako
ukuziqhenyela ulimi lwazo kungathi zinamahloni ngalo. UManyoni, (1999:125) uthi:
All official languages must enjoy parity ofesteem and must be treated equitably. Thelanguage usage and preferences of communitiesmust be taken into account
Inyuvesi yase Zulu land
Ngokwe inaugruli ayathulwa enyuvesi yase zulu land sithola ukuthi ezinhlangothini
eziningi umuntu uyezwa ukugxekwa kwezinga lokufundiswa isiZulu
ezikoleni.izingane ziyabalisa kakhulu ngokufundiswa kwe grama.bakhala ngokuthi
lolu hlelo okufundiswa ngalo lithanda ukuphasha kakhulu.futhi nje bazithola
befundiswa imithetho emide emayelana ne grama.noma bemakelwa nakhona nje
kuyabheda imibhalo yekhompozishini ibe nzima kakhulu kubafundi ngenxa yokuthi
othisha bayahluleka kwabona ukunika abafundi ulwazi olwanele kuthi abafundi
bazilungiselele.amakhompozishini wenkulumo kanye nenkulumo eqondile othisha
bathanda ukungazinaki.okubalulekile abakukhohlwayo ukuthi loku kuba nomthelela
omubi ezinganeni.othisha bayakhohlwa ukuthi ukuqeqesheka kolima okutholakala
emakhaya ezingane nasemiphakathini loko kodwa akwanele futhi
akugculisi.ekufundiseni isiZulu kulalela,ukukhuluma,ukufunda kanye nokubhalwa
kwama khompozishini kumelethole isikhathi sakho futhi kunakwe.emazingeni lawa
athanda ukuba phezulu izincwadi lezi ezifundwayo ngoba kungumqubo mgomo
akusho ukuthi ziyasiza ukuthuthukiseni ulimi ezinganeni futhi esikhathini esiningi
asiluvuseleli ungqozi nofuququ lothando lwezi nkondlo noma ama noveli.(inaugural
address;1968)
3
Ukwabelwa kwesikhathi
Ukuze into ithole ukuthuthuka kumele inikwe isikhathi endaweni.nakhona lana
endabeni yolimi lwesizulu siyakubona loku.kwisitatimende senqubomgomo yohlelo
lokufunda amabanga 1-3 okuyilapho isiqalo semfundo sitholwa kona ngoba ingane
phela ifika esikoleni yazi loku ekuthole ekhaya bese uthisha ayagcwalisela phela
ingana akulono ithini elingenalutho ngokusho kwe sazi esithenjwayo emhlabeni u
vygotsky.uma sibheka isitatimende lesi senqubomgomo lesi ekumele silandelwe
esikoleni siyabona ukuthi isiZulu naso sinikiwe isikhathi ekumele sifundwe futhi
sifundiswe ngaso.uma sibheka kuletafula elingenhla sizobona ukuthi ulimi lolu
luhamba phambili ngesikhathi esinikwe lona ukuza othisha bakwazi ukuthuthukisa
kahle izingane futhi lena kube wumuzamo owenziwayo ukuze izinga lesizulu kulaba
abenze isiszulu luthuthuke.ngadlela isikhathi sabelwe ngaso siyabona ukuthi loku
kusho ukubaluleka kolimi nokuthi kuningi izingane ezimele zikwenza.ulimi siyalubona
ukuthi lebekwa phambili kuwo wonke amabanga akhona asikoleni ababheke nje
ibange elithize.loku kwenziwe ukubonisa ukuthi nolimi lolu abantu abangalinakile
nalo luthanda ukutha libe yinto ebalulekile ezikoleni.bheka kahle amathebula
angenhle abekiwe njengesisekelo.
4
Amathebula athathwe kwi: ISITATIMENDE SENQUBOMGOMO YOHLELO LOKUFUNDA
(NCS), (DOE)
ISIFUNDO Ibanga –
R(amahora)
Ibanga loku-1
kuya kwelesi-2 –
R(amahora)
Ibanga 3 –
R(amahora)
Ulimi lwasekhaya 10 7/8 7/8
Ulimi lokuqala
lokwengeza
2/3 2/3
izibalo 7 7 7
Amakhono empilo:
Ulwazi lokuqala
Ubucizo
nomsebenzi
wezandla
Isifundo
sokuzivocavoca
Okuqondene
nomuntu uqobo
kanye
nokuphila
emphakathini
6
1
2
2
1
6
1
2
2
1
7
2
2
2
1
isamba 23 23 25
5
IsiGaba esiPhakathi neNdawo (iBanga lesi- 4 kuya kwelesi-6)Leli thebula elingezansi likhombisa izifundo nesikhathi sokufundisa
esibekiwe sesigaba esiphakathi nendawo
ISIFUNDO Amahora
Ulimi lwasekhaya 6
Ulimi lokuqala
lokwengeza
5
izibalo 6
Isayensi
nobuchwepheshe
3.5
Isayensi
yezokuhlalisana
kwabantu
3
Amakhono empilo:
Ubuciko
bokusungula
Isifundo
sokuzivocavoca
Isifundo
sokuzivocavoca
Okuqondene
nomuntu uqobo
kanye nokuphila
emphakathini
4
1.5
1
1
1.5
isamba 27.5
6
IsiGaba esiPhakeme Isikhathi sokufundisa IsiGaba EsiPhakeme simi ngale ndlela:
ISIFUNDO Amahora
Ulimi lwasekhaya 5
Ulimi lokuqala
lokwengeza
4
izibalo 4.5
Isayensi yezemvelo 3
Isayensi
yezokuhlalisana
komphakathi
3
ezobuchwepheshe 2
Isayensi yokuphathwa
komnotho
2
Ulwazi ngamakhono
empilo
2
Ubuciko bokusungula 2
isamba 27.5
7
Osolwazi abadumile Vygotsky no Piaget
Ezinye zezindlela esikoleni esezisetshenziswa ukuthi othisha babe yisobonele
ezinganeni lezi bazifundisayo.kakade izingane ziyakopela kuloyo muntu
ezimthembayo.endaweni yasesikoleni othisha abayisibonala esihle noma ezimbi
enganeni.uma uthisha efundisa ekilasina eundisa isiZulu ukucace ukuthi ufundisa
isiZulu.uthisha ukwenza kanjani loku ,ukwenza ngokuthi angaxubi ulimi laphe
efundisa izingane ekilasini.isizulu asingaxutshwa nesingisi lapho sifundwa no
sifundiswa uthisha.uthando lolimi izingane azilubona ko thisha khona ezikoleni.u
vygotsky(1978) uyasho ethi yena ulwazi ingane evele inalo eluthole
emphakathini,indlela yempilo kanye nolwazi olusha kuyahlanagna lapho ingane
ifunda umbalo ukuze iwuqonde.ngakho ke othisha bangazakha nomabazibulale
izingane.abanye osolwazi babeka bathi bona ingane ifunda ukufunda okubhaliwe
kusukela ezintweni ezenzayo,kusuke emagameni efunda ngawo ukukhuluma nje
bizo noma isenzo izinto eziphathekayo kanye nje nezinto ezibuka zenzeka phambi
kobuso bayo(Piaget and Inhelder,1969;Block and Israel,2005).yingakho ke nezikole
zisebenzisa othisha nje nge njini eletha ushitsho makuza kusizulu ezikoleni
ezifundisa kuza.
Foundation for learning program
Eminye yemizamo eyenziwayo ezikoleni ukuthuthukisa ulimi lwesizulu imizamo
yokufakwa kwezinsiza ezifana ne foundation for learning program.lolu uhlelo
lokufundisa izingane ngolimi lwesizulu ukukhuphula ukugqonda kubafundi kuloku
abakufundayo.kulomzamo ke okwenziwa umfundi esikoleni sakhe ukuthi bafunda
imibhalo ebhalwe ngesizulu.ngokwenza liko ngkohlelo lolu kuthiwa kusiza
ukuthuthukisa izinga laba fundi lokufunda nokubukela kanye nokulalela ngolimi
abaluqondayo.lomzamo owenziwayo ezikoleni awubheki abafundi bodwa kodwa
nothisha laba abafunndisa izingane.othisha banikwa izinsiza kufundisa ukuthi
zibalekelele ekufundiseni abafundi esikoleni,bafundise futhi ngendlela
eseqophelweni eliphuzulu.i foundation for learning program iyabanxusa othisha
ukuthi indlela yabo yokufundisa isiszulu bangayishitshi kakhulu.
8
Izingqinamba ze Foundation for Learning Program
Ucwaningo ngohlelo lolu olubizwa ngokuthi yi foundation for learning program
lubonisa ukuthi nokuba lusetshenziswa lohlelo kodwa izinkinga zisekhona kulo
lohlelo.izingqinamba ezibhekene nabafundi kanye no thisha babo.uma kukhulunywa
nothisha bathi kunzima ukufundisa izinto ezifana ne phonotiki(phonics)
esizulwini.othisha bathi basadinga kakhulu ukuxhaswa ngazo izinsiza kufundisa.ne
nombolo yezingane emakilisini ithanda ukuba yinkinga kothisha.bayafisa ukubona
izinombolo zehle(ratio)1:35 ekilasini elilodwa.ezinye zezinsiza abanazo zisiza
abanye abafundi ukudlula abanye ,isibonelo nje sibheka indaba kamabonakude
kulala uma ufundisa ingane ngomabonakude kanti vele iwujwayela kulaba
abangawujwayele kuba yinkinga.okuzosho ukuthi kuzothatha isikhathi ukuthi abanye
abafundi bathole ukufundiseke ezikoleni.
Okusobala kakhulu yikho ukuthi ingqinamba enkulu ekusabhekene nayo yiko ukuthi
izinsiza kufundisa esizulwini zisashoda kakhulu.othisha baningi baphinde bakhale
ngokuthi lo hlelo ngathi uhlelo ulukade luqalelwe ulimi lwesingisi kahle uma
sebelubheka.loku bakubona ngokuthi ziningi izinto zesingisi kube ezesizulu
zizincane kakhulu.loku ke kusho ukuthi othisha abafundisayo ke abazibone ukuthi
baphuma kanjani kwezinye izinhlelo noma izifundo ekumele bazifundise.
Readathon
Ngonyaka ka 2001 kusungulwe omunye umzamo lapho u Asmal wakhuluma khona
wathi yena ukufunda kubalulekile kakhulu futhi kuyisikhali sase ningizimu afrika lesi
ekungaba yisiphephelo.yingakho kubalulekile ukuthi yonke ingane ezweni ifunde
ukubhala nokufunda.abaphathi bezwe kumele basize kuwo lomkhankaso.i readathon
lena yenzele ukuthi ikhuphula izinga lezingane loku funda nokubhala isiZulu.lapha
isikole nesikole sinikwa uhla lezincwadi ukuthi bazifunda ukusiza ukuthi bakhuphula
izinga lokufunda lezingane.lapha izikoleziyakwazi nokuthi zibambe imincitshiswano
yokufunda nokubhala ezikoleni zabo kanye nazikole eziseduze nazo.siphinde sithole
futhi ukuthi kukhona uhlelo oluqalwe lasetsenziswa yizikole ukuthuthukisa ulimi
lwesizulu le nhlelo ebizwa ngokuthi yi(parent and schools learning club kodwa ke
kwaba khona ukugxekwa kwalomzamo lapho sithola khona umzali ethi “uma
izingane sizithumelo esikoleni sibheka ukuthi zifunde izinto ezitsha .isizulu lesi
9
ingane isuke isazi isikhipha ngamakhala ngakho ke asikho isidingo sokuba
leyo ngane ibelokhu isina ndawonye”.
Isichaza mazwi esiletha ushitsho
Ngo kwe Drum magazine(20.10.2010) enye yezinto ezifakiwe ezikoleni ukusiza
ngolimi nokuthuthukisa izinga lesizulu isichaza mazwi ezisha.kutholakale ukuthi
othisha abaningi esikhathini esedlule bekuba nenkinga uma kumele bachazele
izingane amagama athize esizulwini.lesi sichaza mazwi lesi sichaza mazwi bathi
sizoba wusizo kakhulu futhi sihlukile kunalezi ezike zaba khona.lesi sichaza mazwi
sibonisa ukushitsha kolimi kuleminyaka ewu 40 edlulile ekuyinkathi lapho isichaza
mazwi sokuqala sakhandwa okanye sashicilelwa.lesi si chazi magama
esingamakhasi awu 640 aqonde ukusiza ukuthi bafundi bakwazi ukuqonde lelo
nalelo gama abangaliqondi.lesi is chaza mazwi asiniki incazelo yodwa yegama
kodwa uphinde uthole nokuthi lelo gama lingasebenza kanjani emshweni.loku
kuzosiza wonke umfundi owenza isiZulu no thanda ukusenza kodwa kungelona ulimi
lwakhe lebele.
Uhulumeni nemizamo yakhe
Uhulumeni naye usubekile imizamo yakhe yokukhuphula nomaukuthuthukiswa
kwesizulu.uhulumeni uzamile ukuthi asukume alwe nalenkinga’loku sikubona
ngezenzo zakhe.ngonyaka ka 1995 kwasungulwa imithetho okubalwa kuyo lena
elandelayo I national education policy act(no.27 of 1996) lena ke imithetho ekhuluma
ngezindaba zemfundo.izimali ezizofaka ukuxhasa izikole lezi engathi zimpofu
ekuthuthukeni nokuthi babe nezinsiza kufunda kanye nezinsiza kufundisa.kuphinde
futhi kube khonai south African schools act(no.84 ngo 1996).kuphinde kube ne policy
of childhood development (emyangweni wezemfundo 1996).kuphinde kube khona ne
revised national curriculum statement(umnyango wezemfundo,2002) lena ke ibheka
umphumela wokufunda okubhaliwe naloku osebenzisa amaehlo ukukubona.kubheka
ukuthi ofunduswayo uzokwazi yini uma eseyedwa ukwakha umqondo akuthola
akufundayo ukuthi kusho ukuthini futhi aphinde akwazi ukufundela ukuthi athole
ulwazi kanye nokuzijabulisa.kanye ke ne adult basic education and training act
10
act(no.52 ngo 2000) lena ke yona ibhekela ukufunda kubantu abasemazingeni lanka
a ngathi ase the ukuphakama.
Izingqinamba ezikhona uma kubhekwa ulimi lwesizulu ezikoleni
Uzinhle Primrose Nkosi wase nyuvesi ya Kwazulu-Natal uthi ke Ucwaningo oluningi
oseluke lwenziwa luveza ukuthi aphansi kakhulu amazinga okufunda okubhaliwe/
umbhalo (reading levels) kubafundi baseNingizimu Afrika. Lokhu yinto eyenzeka
kuwo onke amazinga emfundo, kusukela emabangeni aphansi kuze kufike
emfundweni ephakeme (Pretorius & Mampuru, 2007; Bharuthram, 2006; DoE, ,
2008c;; Ngaphandle kwabafundi abasemazingeni ehlukene emfundo; amazinga
okufunda umbhalo/ okubhaliwe aphansi nalapho kubukwa awezakhamizi
zaseNingizimu Afrika, noma ngabe kungasezona izingane zesikole (Aitchison &
Harly, 2006; UNESCO, 2006; United Nations Development Programme, 2007/2008).
Nakuba inkinga yamazinga aphansi okufunda okubhaliwe kuyingqinamba
ekhungethe iNingizimu Afrika yonke, kodwa inkinga enkulu igqama kubafundi
abakhuluma izilimi zabaMnyama, njengaso isiZulu. Abafundi abaMnyama,
ikakhulukazi abafunda ezikoleni okungezabaMnyama bodwa, abatholi ukwesekwa
kahle ukuze bathuthuke ekufundeni nasekubhaleni. Lokhu kusho ukuthi ekhaya
nasesikoleni izingane eziningi azilekeleleki kahle ukuze zikhule ekufundeni
umbhalo/okubhaliwe. Isibonelo: ezinye izingane azinakwa ngabazali bazo
ngokuzithengela izinto zokufunda, aziwatholi amaphephandaba ukuba zifunde,
esikoleni azifundi ngendlela yokuthi zifunde umbhalo ngokuwuqondisisa, kodwa
kuba sengathi ukufunda umbhalo kusho ukukwazi ukubhala isibizelo, njalonjalo.
Izincomo (praise ruling)
Umbali wephephandaba u Keith Ross ubhale ukuthi yena zonke izikole sekufakwe
Isincomo sokuthi amalimi esintu kufakwa isiZulu lapho, awabekhona kuzo zonke
izikole.umkhulumeli we MEC yezemfundo kwazulunatal u Mbali Thusi uthe kuningi
okwenziwayo ukuhlangabezana nezidingo ezikhona zolimi.uThusi uthe izikole
ezinesizulu esifundazweni sakhe sezifike esibalweni esingu 1471 lesi sibalo kuthiwe
sinyuke ngesibalo esingu 176 seloku kwaba ngu nyaka ka 2004.loku bathi
kuyajabulisa kakhulu futhi kuqeda amahemuhemu okuthi isimo sokuma kwesizulu
11
phecelezi (status) siyawa noma siwile.izikole eziningi kwazulu natal zinaso isiZulu
lesi.
Ukuqhashwa kothisha nokwandiswa izinsiza
Eminye yemizamo eyenziwa yizikole ukuthi kuthuthuke ulimi lwesizulu ezikoleni
ukuthi sekuqhashwe othisha bathi kuba baningi ezikoleni.futhi labo bothisha
baqhashiwe yilabo abaqeqeshekile uma kuza esizulwini.othisha
abanobuchwepheshe nolwazi lwesizulu futhi abakwaziyo ukufundisa izingane
ngendle okuyiyo.okuphindwe kwenziwa futhi ukuthi izikole zithenge izincwadi
ezanele zesizulu nezinye izinsiza kufundisa ezikhona ukusiza ukufundisa
ezikoleni.kwase kulungiswa nemitapo yolwazi ekhona ezikoleni lapho khon abenza
kube nendawo noma isikhala sezincwadi zesizulu lezo abafundi bangazisebenzisa
uma bedinga usizo ngaso isiZulu.
Uma sibheka ukufundiswa kwesizulu emazingeni aphansi okuyilapho ingane iqala
khona ukwakheka.Othisha ezikoleni sebenalo ulwazi olanele ngezinhloso
zokufundisa ukufunda okubhaliwe.ngaleyo ndlela othisha bazokwazi ukuthi
bafundise izingane ukuthi zifunda okubhaliwe zakhe umqondo ngento
eziyifundayo.othisha bazokwazi ukulekelela izingane ngaleyo ndlela izingane
zizokuzwa ubumnandi bokufunda futhi kube kusamdlalo futhi.ngokuka Morrow(2005)
uthi yena umsebenzi wokwakha amagama kubafundi abasemazingeni aphansi
kumele kube yinto esamdlalo futhi kube yinto engaqhelanga kuloku abakubona
kwenziwa emphakathini.lokhu kuzosize ekuthuthukiseni isiZulu emazingeni aphansi
ukuze izingane zizokhula nalo ikhono lokwazi isiZulu.othisha kumele bakhumbule
imibono yabantu abafana no Duke ukuthi akubona ubuhlakani ukufundisa izingane
ezincane imibhalo emide ngoba lezizingane zisafunda ukuqonda imibhalo.
Encwadini ka Jerri Haynes ethi culturally and diverse children (2000 )ezinye
zezindlela ukuthuthukiseni kwesizulu ukuthi uthisha ofundisayo kumele angakhohlwa
ukuthi izingane azifundisayo zihlukile ngayo yonke indlela.eziningi zalezi zingane
ezinaso isiqalo esiqinile(foundation).abanye kuyenzeka ukuthi basekilasini lwesizulu
ngoba azange bathole ulimi lwabo kuleso sikole noma izingane ezibuya kwamanye
amazwe.leo ngane iba nenkinga ekulaleleni,ekufundeni,ekukhulumeni kanye
nasekubhaleni.lapho kuwumsebenzi wakhe uthisha ukuthi aqala alethe ushitsho
empilweni yaleyo ngane izokwazi nayo ukuqhubekela phambili.loku kusho ukuthi
12
uthisha uzokhipha ingane kwindlela ekade iyisebenzisa phecelezi(traditional)bese
ezame ukufaka umfundi endleleni eqhubekayo phecelezi(continuous development
progress).le ndlela ke yokufundisa idinga uthisha ahole ingane phambili ngokuthi
ayitshele okumele ikwenze,ayihlola ukuthi ukwenza ngendlela elungile bese ephinde
eyigada ingane ngandlela thile phecelezi(monitoring).
Ukuza othisha babone noma baya phambili yini noma basebenzele emuva
ekufundiseni ulimi kumele othisha babheke indlela abafundisa ngayo bayicubungule
kahle;babheke izindlela balandelela ngayo nokuhlola loku abakusebenzisayo.indlela
ebizwa ngokuthi yi (systematic approach) iyasiza ukubonisa izidingo izingane lezi
ezinazo ekilasini ukuze umfundisi akwazi ukuthi lezo zingane uzozisiza kanjani
ekilasini loku kuzosiza ukukhuphuleni izinga lokufunda nokufundisa khona lapho
ekileseni noma ezikoleni.othisha futhi kumele bazi okubhaliwe nokwenziwayo
(theorical and practical knowledge) loku kumele bakwazi kakhulu uma bebhekene
nenkinga yokuthi kungenzeka ukuthi akuyona yonke ingane elapho ekilasini
lwesizulu evela emndenini wamazulu noma isiZulu kuyilimi lwalo lwebele.ngaleyo
ndlela izingane zonke zizokwazi ukuthi zifunde futhi zingabi nokulahlekelwa ukuthi
kwenziwani manje ekilasi lelo lwesizulu.
Ngokusho kuka Jerri othisha kumele eqala usiko lwakhe nezingane olushu
ekilasi,indlela yokwenza izinto noma inqubomgomo.loku yingoba imiphumela
yabafundi ekufundeni kwaba icikile kulezizinto.izingane ziyakwazi ukuthi zifunde uma
uthisha ezinika ulwazi olunothile futhi efundisa ngendlela ephuma phambili.uthisha
nabanye othisha ezikoleni bazisekele izingane zazi nazo ukuthi isisekelo sikhona
ezikoleni.mangabe othishe baqikelela ukuthi bayavuma futhi bayasekela ukuthi
ukuthi izingane zizophumelela loku kuzosiza nawe umoya wezingane ukuthi
ziphokophele khona empumelelweni.(jerri,2000).
Ukusebenza kobuchwepheshe
Ezinye zezindlela ezisetstenziswa yizikole lezi ezibhekwe u zoliswa olga meli
kucwaningo lakhe.uzoliswa uthole ukuthi kukhona izikole esezisebenzisa
ubuchwepheshe bama khompytha ekuzameni ukuvala igebe elikhona phakathi
komfundi,nalaba afunda nabo kanye nomfundisi.le ndlela ke yona kuthiwa izingena
zixhumane zizodwa zikhuluma ulimi lwazi kube nenkulumo mpendulwao lapho.uma
izingane zifuna ukuthola ukuchazeleka kagcono futhi ziyakwazi nokuthi zibuze
13
umfundisi lona ukuthi ngabe kumele zenze njani.lohlela olubizwa
ngokuthi(communication strategies)lusafufusa kakhulu kwezinye izikile ngenxa
yokuthi ezinye izingane azinabo lobubuchwepheshe eduza kwabo noma
emakhaya.futhi izikole eziningi nazo azinalo uxhasa ukuthi zingakwazi ukuthi
zibhekane nenhlobo yo kuxhumana phakathi kothisha naba fundi.
Ukungenziwa wothisha
Eminye yemizamo eyenziwayo ezikoleni ukuthi othisha bafundisa izingane
amagama esesizulwini. ‘’Othisha kufanele babe namaqhinga okuthuthukisa
ulwazimagama lwabafundi’’(isitatimende senqubo mgomo).loku kuzosiza isikole
nengane ukuthi izinga layo lokufunda nokubhala isiZulu linyuka.kuso futhi
isitatimende siyabona ukuthi othisha banikwa amasu abangawasebenzisa
ukukhuphula izinga futhi bagcine nezingane zinogqozi kanye nofuqufuqu uma kuza
elimini lwabo.amasu lanka abonisiwe yilawa uthisha uba namagama abhaliwe
ngolimi ezindongeni.ekilasini noma esikoleni kuba ne midlalo yolwazi magama
isibonelo saloku imincintshiswano yamagama lapho sithi iklasi A esikoleni
uzoncintshisana no klasi B,kuthi labo abawinayo mhlawumbe bakomeliswe ngezinto
eziyizinsiza kufunda esikoleni.ukugququzela ukuthi izingane zifunde ngokuzimela
kungabi khona ocika komunye lapho kufundwa kanti abanye babheke ukuthi bona
bazozifihle ngabanye.ukugcina izichazamazwi(izincwadi
zolwazimagama).kungaphinda futhi kusize ukusebenzisa izichazimagama zezingane
ezinemifanekiso(ezisebenzisa ulimi olulodwa nezisebenzisa izilimi ezimbili).
Ngokwami ukubona manje ngicabanga ukuthi ukuvuselelwa kosiko ezinganeni
kungalithutukisa izinga lesizulu ezikoleni lezi esifundiso kuzo nje ngo thisha.izikole
uma ziba nohlelo olufuna nalanka malanga lapho kubongelwa amasiko.izingane
zifundiswe ngaso isiZulu lesi nemvelaphi yazo.zifundiswe hayi nholimi kuphela
kodwa namaqhawe akhona kwazulu.indaba ingabe wukuthi konke nje okwenzekayo
sekugxila encwadini nje kuphela cha.kodwa kubhekwe nokuthi kukhethwa ilanga
zikhishwe izingane ziyocobelelwa ngolwazi ngaphandle kwama gceke
esikole.vygotsky siyamuthola kweminye yemibhalo yakhe lapho ethi khona usiko
14
kanye nokuphila noma ukuhlalisana nabanye emphakathini phecelezi(social
interaction) kudlala indima ebalulekile ekucabangeni komuntu.
Ekugcineni angisho nje ukuthi mining imizama eseyinziwe ezikoleni ukuzama
ukuthuthukisa ulimi lwesizulu.othisha no hulumeni sebabuya kude kakhulu
ekuzameni ukuthi amalimi ethi angavele ashabalale kodwa awazame ukugcinwa
ukuza izizukulwane ezizayo ziwathole esekhona.
Umasesiphetha siyabona ukuthi ziningi izinsiza ezikhandiwe noma ezikhona
njengamanje ezikole ukukhuphula izinga lolimi.sibheka nje izinhlelo ezifana no
foundation of learning program enginabe kakhulu ngalo ngenhla lolu uhlelo olusizi
ukwakha isiqalo phecelezi I (foundation) yengane ngoba nesizulu siyasho ukuthi
logotshwa lisemanzi nokuthi inkunzi isematholeni.lapha kukhona nokubhekwa ukuthi
izinhlelo ezinjengo readathon zisebenza kanjani.uzophinde ubone ukuthi kuningi
esithe sakuthola kusitatimende senqubomgomo yohlelo lokufunda lapho sithole
khona ukuthi yisiphi esikhathi esibekelwe ulimi lwebele.futhi siphinde sabona ukuthi
lubekelwe isikhathi esiningi loku okunika othisha isikhathi esanele ukuthi othisha
bangene bagxile kuloku ebakufundisayo.
15