Upload
others
View
12
Download
0
Embed Size (px)
Citation preview
nhlaba • 2015
Fighting Disease, Fighting Poverty, Giving Hope
Usizo lokuqala Uba kanjani umhlengikazi
i-Diptheria: umgomo obalulekile wengane yakho
Nokunye ngapha-
kathi!Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
mahhala
Ngifisa ukuqale ngibonge
bonke abantu baseNingizimu Af-
rika abezwe inhlabamkhosi ka-
hulumeni yokusiza ekuqedeni
ukuhlaselwa kwabafowethu nodadewethu
base-Afrika. Azizinhle izigameko ezenzeke ng-
enyanga eyedlule. Akumele ngabe kuhlasel-
wa abokufika ngalesi sikhathi ezweni lethu
elinezakhamizi eziningi ezithanda uxolo. Ngi-
fisa nokushayela ihlombe uMengameli wethu
ohloniphekile uJacob Zuma kanye noNdu-
nankulu wesiFundazwe ohloniphekile uMnu
Senzo Mchunu emizamweni yabo yokulwa
nokucwaswa kwabokufika. Ngisho neSilo,
uGoodwill Zwelithini sigqugquzele ukuba
kungalinyazwa abokufika. Lokho kuchaza
ukubambisana ekuvikeleni ukuba kungabi
bikho muntu obulawayo, ohlaselwayo noma
esatshiswe ngoba ezalwa kwelinye izwe. Set-
hemba ukuthi sizozihlonipha zonke izexway-
iso zabaholi bethu ukuze sigweme ukuthela
izwe lethu ngehlazo.
kuselapho nje, ngiyobe nginehlazo uma
ngingabonganga bonke abasebenzi bezempilo,
amavolontiya kanye nanoma yimuphi umuntu
onike usizo ngalesi sikhathi esinzima. Ningam-
aqhawe namaqhawekazi ezwe lethu.
njengoba sizogubha Usuku Lomhlaba
Labahlengikazi ngoNhlaba 12, ngifisa ukubonga
bonke abahlengikazi abasebenza ngokuzikhan-
dla. Ngifisa ukubakhumbuza ukuthi bawumgo-
godla wezibhedlela nemitholampilo, babuye
babe yizinjini zohlelo lwethu lwezempilo. Uku-
zinikela nemizamo yenu akusoze kwalibaleka.
Qhubekani nomsebenzi omuhle.
ngenyanga kanhlaba, sihlonipha
Isonto le-Hospice, oluqhakambisa isidin-
go sokwelekelela nokunakekela abantu
abasokhukhweni lokufa. Wonke umuntu
osokhukhweni lokufa unelungelo lokunak-
ekelwa ngokusezingeni eliphezulu nakuba
esezoshona. Kumele abasebenzi bezempilo
babanakekele ngokuseqophelweni eliphezu-
lu labo asebesokhukhweni lokufa.
olunye lwezinsuku ezibalulekile ekhal-
endeni yezempilo Yisonto Lokuvikelwa Kwez-
ingane eliqala zingama-27 kuNhlaba liphele zi-2
kuNhlangulana. Ukuhlukunyezwa kwengane
kuchazwa njenganoma yiluphi uhlobo loku-
limaza noma ukuphatha kabi ingane. Iqiniso
elibuhlungu elokuthi izingane eziningi ziyathula
nalokhu kuhlukunyezwa. Esingakwenza njeng-
abazali, ababheki bezingane noma abazalwa ne-
zingane ukubheka izimpawu zokuhlukunyezwa
kwezingane. Ezinye zalezi zimpawu ukuba yink-
omo edla yodwa, ukwehla kwamamaki esiko-
leni, izenzo ezingajwayelekile zocansi, inkinga
yokulala noma amaphupho amabi. Uma usola
okuthile, khuluma nayo ingane. Ungashayela
amaphoyisa ku 10111 noma uChildline ku 0800
05 55 55. Khumbula ukuthi izingane ziyikusasa
lethu. Kungumsebenzi wethu ukuba sizivikele
siqinisekise nokuthi zikhulela endaweni efanele-
kile. Uma ubungane bezingane buhambe kahle,
ziba nempumelelo empilweni. Phambili nesimo
esihle ekukhulisweni kwezingane, phambili!
UNkulunkulu anibusise
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Izandla ezihlanzekile Ziletha impilo
yeNza ukuhlaNza izaNdla usebeNzisa iNsipho kube yiNdlela yempilo.
Kubaluleke ngani ukuhlanza izandla?Izandla zithathwa njengezisabalalisi magciwane nezifo. Kubalulekile ukuhlanza izandla zakho. Akumele uhlanze izandla zakho ngamanzi kuphela kepha kumele use-benzise insipho ukuze ususe amagciwane abanga izifo. Insipho iyatholakala kuwo wonke amakhaya, ngakho-ke kubalulekile ukuhlala njalo usebenzisa insipho uma uhlanza izandla. Ukuhlanza izandla ngendlela efanele kubalulekile ngoba kugwema ukusabalala kwezifo ezin-jengesifo sohudo kanye nesifo sokuphefumula, kubalule-kile nasezifweni ezinjenge-HINI kanye nesifo sohudo.
Fundisa izingane zisencane ukuhlanza izandla ngendlela bese uba yisibonelo esihle. Abazali, abafundisi, abanakekeli bezingane, abafundi kanye nomphakathi wonke baneqhaza elikhulu abangali-bamba ekukhuthazeni ukusetshenziswa kwensipho uma kuhlanzwa izandla.
Uzihlanza nini izandla?Kubalulekile ukuhlanza izandla njalo ikakhulukazi ngalezi zikhathi ezilandelayo ukugwema amagciwane kanye nezifo:
1 Emva kokuya endlini yangasese2 Ngaphambi kokuthinta, ukulungisa
nokupheka ukudla3 Ngaphambi kokudla4 Emva kokushintsha inabukeni5 Emva kokunakekela umuntu ogulayo
Umyalezo ovela kumeC Wezempilo e-kzN,
udkt sibongiseni dhlomo
Nh
lab
a 2
015
iziloNdaidiptheria
Imifanekiso esetshenziswe kwEzEmpilo eyokucacisa kuphela, ayiqondile ukuveza abantu bangempela futhi ayimele lokho okuqukethwe ushicilelo.
uk
ub
he
ma
ukuhlukuNyez-Wa kWeziNgaNe
okuqukethwe
usuku lWabah-leNgikazi
N amuhla u-Alice usebonile ukuthi isinemfu singamenza agule kakhu-lu njengoba seziqalile izindebe
zakhe zakhe “ukubola” futhi usephethwe nayisifo sezinsini. Lo mkhuba selokhu awuqala eseyintombazane futhi kun-gamthatha isikhathi eside ukuwuyeka. Nga-lo nyaka uzimisele ukuwuyeka lo mkhuba kancane kancane enzela abazukulu bakhe. “Angifuni bafunde kugogo wabo baqhube lo mkhuba. Ngifuna bakhule benempilo futhi bazinakekele,” echaza.
Akulula ukuyeka ukubhemaBaningi abantu abanjengo-Alice, abangazi ukuthi ukubhema isinemfu kubi njengokub-hema usikilidi. Njengabo bonke ababhemayo, u-Alice akasheshanga ukubona ubungozi bukagwayi empilweni yakhe kepha njengabo bonke asebeyizigqila, wagcina usuhlasela um-zimba wakhe. Ukwesatshiswa ukuhlaselwa umdlavuza kumgqugquzele ukuba ayeke kusenesikhathi. Nawe ungakwenza!
Izingane zifunda lokho ezikubonayoAbantu abasha nezingane babhema ngenxa yezizathu ezahlukene. Izizathu ezimbili ezingaba yimbangela yokubhema, ukukhuliswa umzali obhemayo, babukela kumzali, basebenzise ugwayi ukwamuke-lwa abangani bese kuthi uma sebebadala babheme ngoba benengcindezi.
U-Alice ungumsebenzi wasezindlini oneminyaka engama-52 osesebenzise isinemfu iminyaka engaphezu kwama-30 nsuku zonke. Lo mkhuba wawufunda kubaba wakhe. Wayekholelwa ukuthi isinemfu silungisa amakhala nekhanda, simenze acabange kahle. Wayecabanga ukuthi wathatha isinqumo esilungile ngempilo yakhe kwaze kwaba uqala ukugula okwagcina ngokuba ashone.
nhlaba 31 USUKU lOKUQEDa UKUbhEMa UGWaYI
Sekuyisikhathi sokuyeka ugwayi wonge imali!
ukubhema kuyabulala. kuyeke Namuhla.
ukubhema Funda ukuthi umzimba wakho ungaphila kanjani uma uwuyeka
iziNsuku zokuqWashisa Izinsuku zezempilo zikaNhlaba
umfaNekiso Ukuvikelwa kwengane kuqala ngokuqwashiswa
iziNdaba zezempilo zase-kzN Ezakamuva ezivela emnyangweni wakho Wezempilo e-KZN
usuku lWabahleNgikazi Kudingekani ukuze ube ngomunye
idiphtheria Kubaluleke ngani ukugomela ingane yakho yona
iziloNda Ukuphola nokusinakekela ekhaya
ukuvikelWa kWeziNgaNe Qeda ukuhlukunyezwa kwezingane
emrs Yazi uma kumele ubize i-ambulensi noma uma kungafanele!
Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:UMNYANGO WEZEMPILO E-KZN: UPHIKO LWEZOKUXHUMANA
U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)
COLIWE ZULU
THANDI ZULU
THEMBA MNGOMEZULU
sARA AULD
DR GUGU MAZIBUKO
Sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini! P O Box 25439, Gateway, 4321, UCINGO-031 825 6790. I-EMAIL: [email protected] ILUNGELO LOBUNIKAZI
Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo… Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe futhi kusakazwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela.
Zonke izikhangiso ezikulo magazini akukona ukuthi zisekelwa ngokusemthethweni uMnyango Wezempilo Wase-KZN, uMasipala WasEthekwini noma Ezempilo Health Matters
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
NgAmAhorA:
Ukuhamba kwegazi kuyanyuka ezandleni nasezinyaweni, kuzenze zifudumale
Umzimba wakho uyoqala ulwe kalula nomkhuhlane nokukhwehlela
Uyokwazi nokuzwa ukudla kwakho kahle ngoba iphunga likagwayi liyobe lingasekho
Uyobe usuthokozela ukudla okunempilo ngakho yidla isithelo uma usuqalekile!
Kuyoqala kwehle ubungcuphe besifo senhliziyo nesohlangothi
NgezINyANgA:
Uyokwazi ukuhamba kalula, kuyophefumuleka kalula!
UYOKONGA imali, uy-omangaliswa ukuthi isingakanani oyimose ngogwayi nesinemfu!
IsIkhAthI esIde:
Ubungcuphe bokuba nomdlavuza wamapha-phu buyokwehla ngohhafu eminyakeni emihlanu
Inhliziyo yakho iyoba ngenempilo, kwehlise amathuba okuhlaselwa yinhliziyo
Uyozizwa ungcono, ubukeke ungcono ube nomzimba onempilo!
UyekelANI?Ama-80% abantu ababulawa umdlavuza wamaphaphu lapha eNingizimu Afrika usuke ubangwe ukubhema. Lokho kwanele ukukukhuthaza ukuba uyeke. Kumele uzimisele ukuye-ka ukubhema, kepha kumele ukhethe phakathi kokufa nokuphila. Ukubhema kuyabulala nje kuphela. Uma uqala ukuyeka ukubhema uqale uzizwe unokuqhaqhazela kepha ungalahli ithemba ngoba lokho kuyophela ezinsukwini ezimbalwa kanti kuwuphawu lokuthi umzim-ba wakho uyazelapha wona! Siyawazi umphumela wokuyeka ukubhema emva kwesikhathi eside kepha uthi bewazi nje ukuthi umzimba wakho usheshe uhlomule?
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Nhlaba
17 Usuku lokukhumbula Ukukhanyiswa Kwekhandlela Ukusiza ikusasangalolu suku abangani nomndeni bayanxuswa ukuba
bakhumbule labo ababulawa yigciwane lengculazi nengculazi kanye nalabo
abaphila negciwane. yisikhathi sokukhumbuza abantu ngokubaluleka
ukuhlola nokuphila ngokuziMisela. iningizimu afrika isuka kude
nokulwa negciwane lengculazi nengculazi kepha singagcina silunqobile lolu
bhubhane uma singenza okufanele bese sikhuthaza esibaziyo ukwenza
okufanayo. singaba yisizwe esingenayo ingCulazi!
Inyanga Yomkhankaso Wokulwa nogwayi
Isifo somdlavuza nokubhema kuyahambisa-na. Nakuba ukuyeka ukubhema noma isinem-fu kungelula kepha kuyenzeka. Inhloso yalo mkhankaso odonsa inyanga yonke owokugx-ila ekwaziseni ngokuthi kungani ugwayi uy-
ingozi empilweni yakho, ungawuyeka kanjani futhi ungalutholaphi usizo. Cabanga ngemali
ongayonga uma uphumelela!
Yisikhathi sokwenza umehluko, yon-ga imali yakho uyisebenzisele okub-alulekile – yeka ukubhema. Kancane,
kancane, ungakwenza lokhu!
Usuku lomhlaba labahlengikazi Lolu
suku lugujwa minyaka yonke emh-
labeni jikelele ukukhumbula imenenja yamanesi
yaseBrithani kanye nomguquli womphakathi,
uFlorence Nightingale. Wayehlisa izibalo zaba-
fayo ezibhedlela zaseBrithani ngokungaphezu
kukahhafu ngokwenyusa izinga lenhlanzeko
ezibhedlela kanti uthathwa njengomsunguli
wezobuhlengikazi bamanje.
Inyanga Yomhlaba ye-Multiple SclerosisI-Multiple Sclerosis (MS) yisifo esihlasela ingqondo
nomgogodla, lapho izimpawu zomzimba zilimala
zingeke zisalungiseka. Lokho akusho ukuthi
umuntu ngeke esaba ngophumelelayo.
UDkt Samantha Gregory, iNhloko ye-
Multi Sclerosis Society of South Af-
rica (MSSA) ungudokotela, ummeli
kanye ne-MS. Ayikaziwa imbangela
ye-MS kepha isifo esilawulekayo.
Xhumana ne-MSSA enom-
bolweni yabo yosizo kuz-
welonke ethi 0860 45 6772
ukuthola olunye ulwazi
olwengeziwe.
ZIN
ING
I,
IZIGulI EZINGa
ZIw
a
nhlaba 3 - 10
Isonto le-hospiceEnye yezinselelo ezinkulu uma
umuntu esimthandayo ne-
simnakekelayo eba sokhukh-
weni lokufa, ukumnakekela
ngendlela efanele ukuze abe
nemfudumalo. Izikhungo
ezinjenge-Hospice zihlinzeka
ngonakekelo lomphefumulo
nolwempilo kwasebesokhukh-
weni lokufa. Ngalo nyaka
indikimba igxile ekusizeni
iziguli zikwazi ukuthola lolu
nakekelo.
Usuku lomhlaba lwesipham-bano Esibomvu Inhloso yalolu suku ukubonga
bonke labo abanikela ngempilo yabo ekuphephiseni
abantu emhlabeni jikelele. Inhlangano, Yesiphambano
Esibomvu iba ngabokuqala abafika endaweni uma kunezinhlekelele.
Babizelwa ukuzosiza. Babizwa njalo ukuzosiza uma kunezinhlekelele.
Lolu suku olokubonga la mavolontiya abeka impilo yawo engcupheni
ukusiza abanye.
Umnyakazo Womhlaba Wosuku lwezempilo Nyakazisa lowo mzimba! Uma
uzivocavoca uyoba nempilo. UNgqongqoshe wethu
Wezempilo, uDkt Dhlomo ungumgijimi oyisibonelo
esihle. Njengezwe siya ngokuya sikhuluphala, lokho kwenza sibe nezifo
eziningi. Sebenzisa lolu suku ukuthatha isinqumo esisha ngokudla,
ukuphila nokuba nengqondo nomzimba ophilile. Umzimba ophilile
ugcina umqondo ophilile.
Usuku lomhlaba lokukhathala ngokweqile ne-Immune Dysfunction Syndrome
Kungaphezu kokuzizwa ukhathele. Lokhu kuze kubange ubuhlungu
emisipheni nasemathanjeni, ikhanda nokukhathala. kepha
kuyelapheka! Xhumana nomsebenzi wezempilo uma unolunye
lwalezi zimpawu.
8
10
12
12
31
Amandla Oguquko: Unakekelo
Olusebenzayo, Olungabizi
nhlaba – UnhlanGUlana27 2
Isonto lokuvikelwa Kwezingane Ukuvikelwa Kwezingane kungokukawonke-
wonke – lokho kumele sikukhumbule. Uhulumeni wethula Isonto Lokuvikelwa
Kwezingane njengendlela yokubeka izingane phabili. Njengengxenye yalokhu
kuqinisekiswa ukuthi kubekwa izidingo zokubhekelela izingane eziba yizisulu
zokuhlukunyezwa ukuze zibike ngokwenzeka kuzo. Bika noma yikuphi
ukuhlukunyezwa kwezingane okusolayo. Uma usola ukuthi ingane
iyahlukunyezwa PHUMELA OBALA – kungaba kudokotela, umsebenzi
wezempilo noma ilungu lomndeni. UNGALINDI! Khuthaza izingane
ukuba ziphumele obala ngokwesaba kwazo.
Usuku lokuphikisana nogwayi ENingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele abantu bayacelwa
ukuba bangabhemi lutho amahora angama-24. Lokhu
okokukhumbuza labo ababhemayo ngobungozi bukagwayi.
Cela umngani noma ilungu lomndeni ukuba likufihlele ugwayi ngalolu
suku! Hlola ukuthi ungasenyusa yini lesi sikhathi – ukukhombisa ukuthi
ungawuyeka! Khumbula ukuthi akuyena kuphela umuntu obhemayo
osengozini. Ukuwuhogela kumuntu obhemayo nakho kuyabulala!
nhlaba 28 Usuku lomhlaba lokwenza Okuthile ngempilo YabesifazaneKuyilungelo lawo wonke umuntu wesifazane ukuphila nokuzikhethela ukuthatha izinqumo ezibalulekile ngempilo yakhe engaphoqiwe. Inhloso yalolu suku ukuqeda ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane nokukhuthaza abesifazane ukuba baphumele obala, bafunde bese bethola nezidingo.
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
emva kwamasonto ambalwa...
yithi Cha ekuthandaneni nobaba abadala, uthi yebo emfundweni!
emva kwezinyangana ezimbalwa avakashelwe umngani wakhe wasesikoleni...
UDkt Dhlomo EphEkEzElwa amalUngU esishayamthetho uvakashele e-Ixopo lapho eqinisekise umphakathi ukuthi kuneth-imba elizobuyekeza ukuhlinzekwa kwezidingo. Ucele izakhamizi, ikakhulu zabesilisa ukuba zithole izidingo emtholampilo ong-umahambanendlwana okhona endaweni ngoba abesilisa aba-kukhonzile ukuya emitholampilo. “Abanye besilisa, njengaba-
shayeli bamatekisi abasitholi isikhathi sokuya emitholampilo beyohlolwa ngenxa yohlobo lomsebenzi abawenzayo. Sithe kubalulekile ukuba abesilisa basazi isimo sabo sempilo, asibale-thele ezempilo lapho bekhona. Uma abantu behlolwa kusheshe kutholakale izifo abanazo, kuba lula futhi kushibhile ukubelapha. Kungcono ukuvikela kunokwelapha,” kusho uNgqongqoshe.
UNGQONGQOSHE UDHLOMO EBHEKELELA IZIKHALO
ZOMPHAKATHI WASEXOPO
Umnyango ulandelela inkohlakalo yangaphakathi
Ukwelekelelwa komtholampilo nelondolo
U n g q o n g q o s h E wEzEmpilo e-KZN, uDkt Dhlomo wamukele ngentokozo ukuthi uM-nyango usubuyelwe yizigidi ezi-2.9 ngenxa yophenyo lwanga-phakathi okubandakanya abasebenzi abasebenza ngokungemthetho kwez-inye izikhungo.
UNgqongqoshe uDhlo-mo uthumele umyalezo oqinile kubo bonke abasebenzi nabahlinzeki bezidingo wokuthi uhu-lumeni awuyibekezeleli inkohlakalo nokukhwa-banisa, ngakho-ke uyo-sebenzisana futhi wele-kelele umthetho ukuba uthathe indawo yawo.
nakUba zikhona izinselelo ngokuhlinzekwa kwezidingo esi-fundazweni, uMnyango Wezempilo unentokozo yokumemezela ukuthi kunenqubekela phambili ekuphucul-weni kwezidingo zelondolo ezikhun-gweni zikahulumeni zezempilo.
Ukulungiswa kweLondolo yesiFun-da saseThekwini kuqhubeka kahle, ngoZibandlela wezi-2014 uMnyango wathola ukuvumeleka ukungena ukuba usebenzise imishini ngesikha-thi ilondolo isalungiswa. Lokhu kwa-holela ekwehlisweni kwezindleko
ngenxa yokunika umsebenzi amaLo-ndolo Azimele.
Ngonyakamali wezi-2015/2016, um-nyango uzothenga amaloli amane anga-malondolo ayofaka ilineni engcolile neh-lanzekile ukuze kuhanjiswane nezidingo Zokugwenywa Nokulawulwa Kokugula.
Ukwengeza, uMnyango ubeke izigidi ezingama-20 zelineni njengomzamo wokwehlisa ukwesweleka kwelineni nezimpahla zeziguli ezikhungweni. Yonke le mizamo ihlose ukuphucula izikhungo zezempilo ngokuhlinzeka ngendawo ehlanzekile nenhle!
Umnyango ukhuphula izinga lohle-lo lwezikhaloUmnyango wEzEmpilo KwaZulu-Natali usuwenze umehluko omkhulu ekuxazululeni izikhalo ngokuhlinzekwa kwezidingo ezikhungweni zikahulume-ni, njengoba sekusonjululwe izikhalo ezingama-70% onyakeni odlule.
Lokhu kusonjululwa kwenziwe kwalula ngokusungulwa kweHhovisi lika-Ombud-sperson elibhekelela uhlelo lwezikhalo ezingasombululeki esikhungweni. UM-nyango ukhuthaza bonke abasebenzisa izikhungo zikahulumeni ukuba balithinte leli hhovisi uma benezikhalo ezingasom-bululeki ezingeni lesikhungo.
us
uk
u l
Wa
ba
hle
Ng
ika
zi Kuhlonishwa umgogodla
wohlelo lwethu lwezempilo!
idip
th
er
ia
nhlaba 12 USUKU lOMhlaba labahlEnGIKaZI
IsIfungo sabahlengIkazI
Ngiyazifungela ukwenza umsebenzi
wami ngonembeza nenhlonipho.
Ngiyogcina ngayo yonke indlela
ngokwamandla ami ngihloniphe ubu-
gugu bomsebenzi wami.
Ngiyobeka phambili impilo
yeziguli zami.
Ngiyogcina ngobumfihlo lonke ul-
wazi enginalo.
Ngeke ngivumele inkolo, ubuzwe,
ubuhlanga noma isimo senhlalo
ukuba kungenelele emsebenzini wami nesiguli sami
Ngiyohlonipha ngokusezingeni eliph-
ezulu impilo yomuntu. Ngenza lezi
zethembiso ngingedwa, ngokukhulu
ukukhululeka.
N galesi sifungo, izinkulungwane zabahl-engikazi abaqeqeshiwe bangena ebuh-lengikazini minyaka yonke, izinhliziyo
zabo zigcwele ithemba, impokophelo yokwenza umehluko, ukuthinta impilo, babe khona ezigulini zabo. Ngebhadi bathi abahlengikazi abaningi besebenza ngokuzikhandla bekhumbula isifungo sabo kepha kube khona labo abehlulwa ubuningi bomsebenzi nokusebenza amahora amaningi bese begcina sebengazinakekeli ngendlela iziguli zabo, bazibone beyizisebenzi nje.
njengoba uhlelo lwethu lwezempilo lulungiselela indlela entsha yokunakekela lapho kuzogxilwa khona ekugwemeni izifo,
abahlengikazi bayobamba iqhaza elikhulu emiphakathini yabo. Njengoba abahlengikazi bewumgogodla wohlelo lwethu lwezempilo, izibhedlela nemitholampilo kahulumeni zinokwentuleka kwabahlengikazi okwenza ukuthi abahlengikazi babe nomsebenzi omningi kanye nengcindezi. Ukusiza ukubhekana nalokhu, uMnyango Wezempilo uyaqhubeka nokumema abanye abantu ukuba benze izifundo zobuhlengikazi ukuze kuqinisekiswe ukuthi kunabahlengikazi abaningi ukwanelisa zonke izikhungo zezempilo zikahulumeni, ikakhulu ezindaweni ezisemakhaya lapho bedingeka khona kakhulu.
Ubani ongaxhu-mana naye uku-ze uthole olunye
ulwazi?
UMkhandlu wabaHlengikazi waseNingizimu Afrika (SANC)
uyalekelela ubuye we-luleke bonke labo abafi-sa ukuba ngabahlengi-kazi. Utholakala kulezi zinombolo 012 426 9599 noma 012 426 9542.
ISEXWAYISO! NGAPHAMBI KOKUBA UKHOKHE IMALI QALA UHLOLE UKUTHI LESO SIKHUNGO ESIHLINZEKA NGEZIFUNDO ZOBUHLENGI-KAZI SAMUKELWE YINI NGABE SANC. UMA SINGA-MUKELWE LOKHO KOBE KUSHO UKUTHI ASIKHO EMTHETHWENI NGAKHO UYOBE UMOSA IMALI YAKHO KANYE NESIKHATHI NGOBA LEZO ZIFUNDO ZAKHO NGEKE ZAMUKELWE NDAWO.
Ubani ongaba umhlengikazi? Kumele ube umuntu onakekelayo ngokwendalo, ube nesineke nothando, ukwazi ukubhekana nezimo zezempilo ngendlela enokuzinikela – Akumangalisi abahlengikazi bebizwa ngezingilosi ezicathulweni ezinofonofo.
Imfundo Edingekayo Ukuze ukwazi ukufunda esikhungweni semfundo esamukelwe uMkhandlu wabaHlengikazi waseNingizimu Afrika u-SANC kumele ube ngumuntu onesitifiketi sikamatikuletsheni noma uphase umatikuletsheni ngo exemption ukuze uyofunda enyuvesi. INyuvesi, izikole zobuhlengikazi kanye nezikole eziqeqeshayo zihlinzeka ngezifundo zobuhlengikazi. Kuyabiza ukufundela ubuhlengikazi enyuvesi ngoba kumele ufunde iminyaka emine yonke ukuze ube ngumhlengikazi obhalisiwe. Amakolishi okuqeqesha wona aqeqesha unyaka kuya kwemibili bese kuya ngokuthi ufuna ukwenza msebenzi muni.
Ngabe bonke abahlengikazi bayafana? Cha, kunezinhlobo ezahlukene zabahlengikazi. Usista angenza noma yimuphi umsebenzi awutshelwa udokotela futhi uba njengomholi eqenjini, ustaff nurse yena usebenza ngaphansi kukasista kanti uyakwazi ukunikeza imithi bese kuthi umsizi womhlengikazi yena unikwa umsebenzi wokuhlanza iziguli, ukuzigqokisa, njll.
Ngabe igonyiwe ingane yakho?
“Ukugoma kuphephisa ingane yakho ezifweni zezingane”– uNgqongqoshe uDhlomo
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
khumbula ukuthi umgomo yiyoNa Ndlela yokuvikela iNgaNe yakho ezifWeNi zeziNgaNe!
UNgqongqoshe Wezempilo e-KZN, uDkt Dhlomo ucela bonke abazali nababheki bezingane ukuba
baqinisekise ukuthi izingane zabo zithola yonke imigomo.
Lokhu kulandela ukubikwa okumbalwa kwesifo i-Diphtheria (isifo esingajwayele-kile se-bhaktheriya) esifundazweni lapho okwatholakala ukuthi izingane aziyitholile yonke imigomo.
“Angifisi ukwethusa abantu kube sen-gathi sekunobhubhane lwe-diphtheria. Ngisho lokhu ngoba ngesikhathi silandele-la izingane ezingeniswe esibhedlela, satho-la ukuthi enye yazo yayingenalo nekhadi lomgomo, okuchaza ukuthi asinabuqiniso bokuthi le ngane yagcina nini ukugonywa; ingane yesibili eyashona ineminyaka eyisishiyagalombili yayigcine ukugonywa inamasonto ayi-14. Kungenzeka ukuthi kubangwa ukungabi khona komama. I-diphtheria iyisifo esigwemekayo. Sicela bonke abantu baluhloniphe uhlelo lwemigomo olubekiwe,” Dkt Dhlomo.
Igonyelwa nini i-diphtheriaInqubomgomo yoMnyango Wezempilo ithi izingane ziqala umgomo we-diphthe-ria zinamasonto ayisithupha. Zibe sezithola umgomo wokwengezelela eminyakeni eyi-sishiyagalombili, zibuye ziwuthole sezine-minyaka eyi-12. Ukunamathela kulolu hlelo kuchaza ukuthi ingane isivikelekile kulesi sifo, okwenza kubaluleke ukuthi ingane yakho iyagonywa.
Izimpawu ze-diphtheriaIzimpawu ze-diphtheria ziya ngobungako bebhaktheriya kanye nengxenye yomzim-
ba ehlaselekile. Ukuhlasela kwe-diphtheria esikhumbeni akuyona ingozi kakhulu.
Izimo eziyingozi kakhulu ze-diphtheria zidala izinkinga zokuphefumula kanye nombala oluhlazana (ngisho nomnyama) eduzane namathansela emphinjeni. Ezinye zezimpawu zokuqala zibandakanya:
Imfiva nobuntekenteke Izindlala ezivuvukele kwingaphambili
lentamo
Ukushaya kakhulu kwenhliziyo Isicanucanu nokuhlanza Ukugodola, ikhanda nemfiva
Okumele ukwenzeUma ingane ingagonyelwe i-diphtheria futhi inalezi zimpawu ezingenhla, kubalule-kile ukuthola usizo lwezempilo ngokushe-sha. Yazisa umtholampilo wakho bese ukhumbula ukuphatha ikhadi lomgomo.
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
izil
oN
da
Inhlanzeko
yiyona ebaluleke
kakhulu ekugwe-
meni ukubhibha
kwesilonda noku-
siza ekupholeni
kwaso.
kulele ezintweni eziningi ukunakekela isilonda kanti ungahle ungazi ukuthi isilonda siyaphola noma siyabhibha. gcina le miyalelo elandelayo ukuze wazi ukuthi ungawuthinta nini umtholampilo ukuze uthole olunye usizo.
Ukuhuzuka nokulimala okuncaneLokhu kumele komiswe umoya, ungasibophi isilonda.
okUmele UkweNze:
Qala uhlanze izandla zakho ngensipho namanzi bese uhlanza indawo ehuzukile. Ungabophi ngalutho uma kuhuzuke isikhumba esiphezulu kungashonile phansi. Kuyophola ngokushesha uma kushiywa komile kepha uma kugcinwa kuhlanzekile.
Izilonda ezishone phakathi futhi zingcolile
1 Hlanza izandla zakho ngensipho namanzi. 2 Bese uhlanza
isikhumba es-iseduze nesilon-
da ngensipho kanye namanzi akade ebi-lisiwe ayesepholiswa. Hlanza konke ukung-cola ngoba ukungcola kungabanga ukub-hibha kwesilonda.
3 Emva kokuh-lanza isilonda, beka indwangu
ehlanzekile ngaphezulu (ungayibophi kakhulu) ukuze kudlule kahle umoya ozolekelela ekupholeni kwesilonda. Shintsha nsuku zonke indwangu bese ubheka lezi zimpawu zokub-hibha:
Ububomvu, ukuvuvuka, ukushisa nobuhlungu duzane nesilonda.
sinobomvu siqala ukunuka kabi
qaphela! Uma isilonda sinephunga elibi, sivuza amanzi ansundu noma aphuzi noma isikhumba esiseduze nesilonda siba mnyama sibe namabhamuza noma amaguludla, kungaba yi-gangrine. Uma sivaliwe leso silonda, sivule ukuze kun-gene umoya. phuthuma esibhedlela noma emtholampilo ngoba yinto engakubulala.
khuMbula! izilonda ezijulile kumele zembozwe kancane, kanti imihuzuko nokusikeka okuncane khona kwelashwa kangcono ngokushayiswa ngomoya.
Uma isilonda sibhibha Beka indwangu efudumele
ngaphezu kwesilonda okungenani imizuzu engama-20, kane ngosuku.
Ingxenye ethintekile iphakamise ibe ngaphezu kwezinga lenhliziyo.
Uma ungakwazi ukuthola uju lwasehlathini, lufake esilondeni esingcolile ukuze welekelele ekupholeni kwaso. Uju lwehlisa ukuvuvukala lusize ekuhlanzeni nasekuvikeleni isilonda ukuba singabhibhi.
Ungakulawula kanjani ukopha esilondeniUma isilonda esivulekile siqala ukopha, kumele uphuthume ukuze ugweme ukulahlekelwa yigazi ngisho nokufa imbala. Yehlisa umoya bese wenza lokhu okulandelayo:
1 Lalisa isiguli bese uphakamisa le ngxenye
yomzimba elimele
2 Ngokusebenzisa indwangu ehlanzekile
(noma izandla ezihlanzekile uma ingekho indwangu), cindezela esilondeni. Cindezela kuze kuphele ukopha. Lokhu kungathatha imizuzu eyi-15 noma ihora nangaphezulu. Lokhu kungaqeda ukopha cishe kuzo zonke izilonda.
3 Uma ukopha kungapheli sekunengozi yokuthi
umuntu angaze afe: Qhubeka nokucindezela
isilonda Phakamisela phezulu indawo
elimele Ungalokothi uqede ukopha
ngesihlabathi, udaka, ikhofi, nokunye.
ZIlUnGISElElE
Kungumqondo omuhle ukugcina ibhokisi
losizo lokuqala ekhaya, okumele kubandakanye: isibulalimagciwane, igozi, amabhandishi, amaplasta
kanye nezikele.
AMANyE AMAthIphU ASIzA EkUphOlENI NgOkUShEShA:
Yidla ngendlela efanele, ugxile ekudleni okunoVithamini C. Umzimba udinga ukudla okunomsoco ukuze ukwazi ukupholisa. Izithelo nemifino emisha uma kudliwa njalo kunganika umzimba umsoco odingekayo ekupholiseni isilonda njengoVithamini C, ikhopha kanye ne-zinc. Kunganika uVithamini C owengeziwe.
Gcina isilonda esidephile semboziwe bese uvula umhuzuko ushaywe umoya.
Ungasebenzisi okhilimu abayizibulalibuthi, izihlanzi noma izifutho esilondeni esiyisimbelambela. Kuyingozi kumaseli asiza ekupholiseni isilonda.
Zivocavoce ngoba kwenyusa ukuhamba komoya, kusiza empilweni nje bese kukhuphula izinga lokuphola kwesilonda. Buza udokotela ngezindlela zokuzivocavoca ezifanele.
Ungalokothi UFakE Utshwala EsilonDEni, bUzolimaza inyama bEsE kwEphUza UkUphola. sEbEnzisa insipho namanzi!
Uzelapha kanja-ni izilonda
izingane ezihlala emigwaqeni zibalekela amakhaya ngenxa yodlame nokuhlukunyezwa okubandakanya ukuhluku-nyezwa ngokocansi. iningi lazo lifika emigwaqeni lidle izidakamizwa lenze no-bugebengu ukuze libhekane nezinkinga zalo. Njengoba kuqala ubusika kumele kes-ibheke ukuthi yini esiyenzile nesingayenzanga ukuvikela izingane ekuhlukunyezweni. asibhekeleli kuphela ezethu izingane, kepha zonke izingane ngoba ziyikusasa lezwe lethu nesibuko som-phakathi esiphila kuwo.
uk
uvi
ke
lWa
kW
ez
iNg
aN
e
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
ISOnTO lOKUVIKElWa KWEZInGanE
qedaUKUHLUKU
-NYeZWa KWeZIN-
GaNe
Kunabantu abak-holelwa ukuthi kusiza kakhulu ukusebenzisa
izicubu zezingane uma kwenziwa imithi – amanGa laWO FUThI YICala!
akuluNgile ukuthula Wazi ukuthi kuNeNgaNe ehlukuNyezWayo.
kumele siziqaphe izingane zethu njengomphakathi, sizikhuthaze ukuba zikhu-
lume ngokuhlukunyezwa kwazo noma ngabe zihlukunyezwa uba-ni. Kumele zifundiswe zisencane ukuthi akulungile ukuba zith-intwe yinoma ubani ngendlela yokuhlongoza ucansi ngisho kun-gathiwa ilungu lomndeni, um-sizi, umfundisi noma umngani omethembayo. Khumbula uku-khuluma nosonhlalakahle noma umsizi womphakathi ngoba baqeqeshelwe ukubhekana naleso simo uma usola ukuthi kunengane ehlukunyezwayo.
Bheka lezi zimpawu ezilandelayo okungaba ezokuhlukunyezwa: UkUhlUkUNyEzwA EMOyENI
Wesaba ukwenza iphutha Uyaqhela kumzali Wenzisa okwengane (ancele isithupha)
UkUhlUkUNyEzwA EMzIMBENI
Uyalimala noma asikeke Uhlala enovalo sengathi ulinde okubi
okuzokwenzeka Akafuni ukuthintwa noma esabe ukuya
ekhaya Ugqoka izingubo ezingafanelekile
ukufihla ukulimala (njengezinto ezinemikhono emide kushisa)
IzIMpAwU zOkUNgANAkwA Unephunga, nezingubo ezingcolile Ukugula okungelashwa nokulimala
emzimbeni Ujwayele ukushiywa yedwa Ufika kamuva noma angayi esikoleni
IzIMpAwU zOkUhlUkUNyE- zwA NgOkOcANSI
Uba nenkinga yokuhamba noma ukuhlala
Athande izinto zocansi Agweme umuntu othile Abe nesifo socansi Abalekele ikhaya
Vikela ingane yakho FUNdISA INgANE yAkhO UkUBA:
Zibe nabangani ezibathembayo. Zihambe nezinye izingane uma ziya esikoleni
Zigweme izihambi Zingagibeli imoto yomuntu ezingamazi. Uma zibuzwa indlela zingangeni kuleyo
moto.
Fundisa ingane yakho isencane ngezitho zomzimba bese uyazisa ukuthi yiziphi izitho zomzimba wayo okungamele zithintwe yinoma ubani.
Fundisa ingane yakho ukuthi uma umun-tu omdala eyenza ibe nokwesaba, kumele imbalekele lowo muntu bese ikwazisa.
Amalungelo ezinganekumele siqinisekise ukuthi ayavikelwa.
Nginelungelo lomndeni onothando nonakeke-layo, ikhaya eliphephile nelifudumele, izingubo nokudla okunempilo.
Nginelungelo lokwa-ziswa ngemithetho yekhaya engihlala kulo.
Njengengane akumele ngiphoqelelwe ukuse-benza.
Nginelungelo lemfundo engifanele. Nginelungelo lokuphawula ngoku-nakekelwa kwami, noguquko endleleni enginakekelwa ngayo ngokweminyaka yami.
Nginelungelo lo-nakekelo olukhethekile ngokwezidingo zami ezikhethekile.
Nginelungelo lokuvikel-wa ekuphathekeni kabi. Uma ngigula ngin-elungelo lempilo, uma ngigula ngiqhele duzane nogwayi, utsh-wala nezidakamizwa.
Ngingumuntu on-elungelo lokuphathwa ngendlela.
Nginelungelo lokula-lelwa kanye nokwenza amaphutha.
Nginelungelo lenkolo yami namasiko ami.
Nginelungelo legama lami nelungelo lami.
Nginelungelo lokuphath-wa ngendlela efanayo, kungabhekiwe ibala lami, ubuhlanga, ubulili, ulimi noma inkolo.
Nginelungelo lokuz-iqhayisa ngamagugu nezinkolelo zami.
Nginelungelo lokukhu-luma nokuzwiwa.
Nginelungelo lokwa-mukela imibiko yami engafundiwe noma yavulwa ngabanye abantu.
Nginelungelo lommeli ezinkantolo naseku-lalelweni kwezinto ezithinta ikusasa lami.
Nginelungelo lokuphila endaweni efanele ngin-gafakwa etilongweni noma ezitokisini.
Nginelungelo lokwazi amalungelo ami.
nhlaba – UnhlanGUlana27 2
ez
ak
am
uva
Ng
e-e
mr
s
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Ibizwa nini futhi kanjani i-ambulensiivela kumkhulumeli we-kzN wakwa-emrs, urobert mckenzie
Ama-ambulensi kumele abizelwe isimo
esibucayi kuphela.
U msebenzingqangi we-am-bulensi ukuthutha umuntu ogulayo noma olimele uma
eya esibhedlela ngesikhathi sezimo eziphuthumayo. Ama-ambulensi aba nabasebenzi ababili abaqeqeshelwe ukwelapha izimo ezehlukene.
Akumele ama-ambulensi abizelwe izimo ezingaphuthumi kepha kube yindlela yokuthola izinyawo ezilula zokuya esibhedlela noma emtholampi-lo njengoba eye abizwe, okwenza ukuba ashodele lezo zimo ezibucayi neziphuthumayo. Kugcina kuthatha isikhathi eside ukufinyeleleka kubantu abadinga kakhulu usizo lwethu.
Kumele ama-ambulensi abizwe kuphela uma kunesimo esiphuthu-mayo. Ziyacelwa iziguli ezingaguli kakhulu nezilimele kancane ukuba ziye emitholampilo eseduzane ngoba umtholampilo oyozibizela i-ambulensi uma kunesidingo. Esikhathini sesimo esiphuthumayo, kumele ube nolwazi oluphelele ngesimo leso ukuze wele-kelele abakwa-EMS ekuboneni ubun-gako besimo.
Uyobuzwa eminye yale mibuzo uma ushayela kwa-EMS:
Igama lakho Inombolo yakho – ukuze
ushayelwe uma ucingo lunqamuka noma abasebenzi bezimo eziphuthumayo bengayitholi indawo
Lapho okunesimo esiphuthumayo – okubandakanya indawo nendawo eseduzane okungayalelwa ngayo
Hlobo luni lwesimo esiphuthumayo
sinani isiguli esidinga usizo Kungaba nemibuzo eqondenengqo
naleso simo esiphuthumayo
Abezimo Eziphuthumayo babambe iqhaza elibalulekile kwezempilo, njengoba abasebenzi bakhona kuba ngabokuqala ababona isiguli bese beqala nokuselapha okube sekuqhut-shekwa nakho esibhedlela. Ukwazi ukuthi kumele uyibize nini futhi kanja-ni i-ambulensi kungaphephisa impilo yomuntu esimweni esibucayi!
Abezimo Eziphuthumayo zase-kzN bangashayelwa ezinombolweni ezehlukene
10177 Inombolo yamahhala uma ushaya ocingweni lasendlini. Le nom-bolo ixhunywe esikhungweni sokus-ingathwa kwezimo eziphuthumayo esiseduze nendawo oshaya kuyo.
112 Inombolo yamahhala uma ushaya ngomakhalekhukhwini. Le nombolo ixhunywe esikhungweni okushayelwa kuso lapho uyobuzwa khona lapho ushaya khona kanye nosizo oludingayo (izicishamlilo/amaphoyisa/i-ambulensi) ucingo lube selwedluliselwa esikhungweni sokus-ingathwa kwezimo eziphuthumayo esisendaweni yalapho ushaya khona.
0800 00 3155 Uma isik-hungo sokusingathwa kwezimo ezi-phuthumayo singatholakali ku-10177, kungashayelwa u-0800 00 3155.