Upload
lyanh
View
311
Download
8
Embed Size (px)
Citation preview
Sesifikile leso sikhathi somklomelo
WOMFAMA WONYAKA
UOKTHOBA2013
Isizini yokutshala isifi kile: Masishone khona!03
Ukukhiqizwa kanye nenzuzo yesoya njengomthombo wokudla
04
Okubaluleke kakhulu ngezicheleli – izingalamanzi kanye namanozili
12
PULAPULAIMVULAIMVULA>> GROWING FOOD >> GROWING PEOPLE >> GROWING PROSPERITY >>
04
03
12
Ukulima, kungakhathalekile ukuthi hlobo luni, kunzima ngempela. Kudinga ube nolwazi oluningi, ukuzethemba kanye
nesibindi. Ukuba wumlimi wezinhlamvu kune-
zinselelo eziningi kakhulu, ngoba usebenza
ngaphandle (hhayi ngaphansi kophahla), une-
zindleko eziphezulu, ubhekene nezinselelo ze-
somiso, izikhukhula, imililo kanye nesichotho,
ekugcineni kwakho konke akunanzuzo etheni.
Uma ungumfama osathuthusa ubhekana nazo
zonke lezi zinselelo nezinye ezingaphezulu. Ka-
nti-ke amafama enzuzo wona ayakwazi ukuse-
benzisa ulwazi lweminyaka asebenalo kulelo
pulazi. Ngeshwa amafama ‘amasha’ wona kume-
le aziphathele konke ngaphandle kokuthola usizo,
baqhudelane nezwekazi lonke ukuze izilimo zabo
zithengiswe ngamanani ezimakethe zezwe.
SingabakwaGrain SA, sinoHlelo loku Thuthu-
kisa amaFama onhlosongqangi yalo “Kunguku-
thuthukisa amafama omdabu ane khono alima
izinhlamvu, futhi sifake nesandla ekuvikelekeni
Incwadi yeGrain SA yabalimi abasakhulayo
Funda Ngaphakathi:
Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 1Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 1 2013/09/25 09:41:31 AM2013/09/25 09:41:31 AM
Inyanga ka-Okthoba ingaba ngenye yezinyanga ezinhle onyakeni (uma nje kube nezimvula zasentwasahlobo), kepha ngeshwa ivame ukuba ngenye yezinyanga ezinzima kakhulu uma kumele
kondliwe imfuyo emvakokudlula kwamakhaza asebusika. Ngisho noma ngabe imvula ibe khona, kodwa-ke utshani busuke bungakakhuli ngokwanele ukuze imfuyo ikwazi ukudla. Utshani basemadlelweni busazacile. Yiso-ke lesi sikhathi lapho umfana kumele ame ngazo zombili abone ukuthi imfuyo yakhe inokudla okwanele.
Kuningi okumele kwenziwe ngaphambi ko-kutshalwa kwesilimo. Umhlaba kumele uqhaqhwe (kususwe ileya eligqishelene lomhlabathi), bese usetshenzwa ngedisc noma ityne implement ukuze kuphulwe amagabade. Lesi sinyathelo sivame ukula-ndelwa yishallow tyne operation ukuze kulungiselelwe umbhede wembewu eqaqene, emanzi futhi engenalo ukhula.
Enye yezinselelo zokulinywa kwesilimo ukutshala isilimo ngesikhathi esifanele (optimal time).
Izinsuku zokutshalaLapha ngezansi yithebula elikhombisa izinsuku zoku-tshala, ezilungele ukutshala kanye nezinsuku okume-le kugcinwe/kuphezwe ngazo ukutshala. Kubalulekile ukuba sizijwayeze ukutshala ngezikhathi ezilungele ukutshala kunokuba sizame ukutshala zonke izilimo lapho sekusondele isikhathi sokupheza ukulima. Kune zinto ezimbalwa okumele zenziwe ngaphambi kokutshala (ukuthila okusezingeni eliphansi kubanda-kanya iripping, idiscing kanye nokulungiswa kombhede wembewu). Isivuno esilindelwe siba siningi uma kula-ndelwe ngononinco izinsuku lezi ezilungele ukutshala.
Uma unethemba lokuvuna isilimo esihle, uya-celwa ukuba ubheke isikhathi esifanele soku tshala – lokhu kungenza umehluko omkhulu kakhulu esivunwe ni ongasilindela.
Ugogo Jane uthi...kokudla ezweni ngokusebe nzisa ngendlela
eyongayo zonke izinsiza zemvelo umfama
ngamunye anazo”. Sikho lwa ukuthi njengoba
inani labantu emhlabeni landa, kumele sihla-
le njalo sivule amehlo sazi izinguquko zayo
yonke imikhakha yempilo yesimanjemanje.
Kumele futhi sizwisise ukuthi akusiwo wonke
umuntu ongakwazi ukuba nepulazi elikhulu
elingenisa inzuzo (ngoba umhlaba kwawona
awumkhulu ngokwanele).
Ohlelweni lwethu, siyazama ukusiza
noma ngubani ofuna ukuthuthukisa izindlela
zakhe zokulima ukuze akwazi ukukhiqiza
kangconywana emhlabeni lowo anawo.
Sisebenza namafama anomhlaba obuncane
bawo bungangehektha eli-1, kanye nalawo
mafama anomhloba obukhulu bawo bunga-
mahektha eqile ku-1 000. Uma sizokwazi
ukondla isizwe, isiqephu nesiqephu somhla-
ba kumele sisetshenziswe futhi sithele.
Njengoba sekushiwo ngenhla, umse-
benzi wepulazi unzima ngakho-ke sesi-
bonile ukuthi kubalulekile ukuqhubeka njalo
ngokugqugquzele abantu ukuthi ukuhlale
njalo bezama bangadangali. Kumele futhi si-
khombise nentsha ukuthi ukulima akusiwo
umsebenzi onzima nje kuphela kepha uyayi-
ngenisi nzuzo yize unzima. Ukuze sikhombise
isasasa futhi sigqugquzele labo abango-
somapulazi, sinomncintiswano woMfama
woNyaka emazingeni amathathu ahlukene
– yilabo abakhiqiza amahektha angaphansi
kwayishumi (subsistence), labo abakhiqiza
izinhlamvu emahektheni ayishumi kufi kela
kumathani ayi-250 unyaka nonyaka (small-
holder), nalabo abathathwa njengamafama
enzuzo. Funda kabanzi ngabathathi ngxe-
nye kuPula/Imvula yale nyanga. Kulo nyaka
sizoba nosuku lwethu lokugubha ngomhla
ka-17 Okthoba eMangaung.
Sethulela isigqoko abasebenze kanzima
ukumelana nezinqinamba abaye babhekene
nazo endleleni yabo. Laba bathathi ngxenye
bomncintiswano benze imizamo emikhulu
ukuqinisekisa ukuthi abantu baseNingizimu
Afrika banokudla okwanele nsuku zonke.
Asibancomi nje kuphela, kepha siyababonga
futhi ngenxa yemizamo yabo – ngaphandle
kwenu ngabe asinakudla! Siyaziqhenya nga-
ni ngoba nisigcina siphokophelele phambili
njengamafama asafufusa.
2
I-athikhili ibhalwe nguJane McPherson,uMphathi woHlelo lweGrain SA lokuThuthukiswa kwamaFama. Uma ufuna imininingwane egcwele thumela i-imeyili [email protected].
UMFAMA WONYAKA
Sesifikile leso sikhathi somklomelo woMfama woNyaka
Isili
-m
o Usuku olulungele ukutshala
Usuku lokupheza ukutshala
Mp
um
a-la
ng
a
Ma-
phak
athi
ni
Nts
ho
na-
lan
ga
Mp
um
a-la
ng
a
Ma-
phak
athi
ni
Nts
ho
na-
lan
ga
Um
mb
i-la 15
Okt
h - 1
5 N
ov
15 O
kth
- 15
Nov
1 N
ov -
16
Dis
30 N
ov
20 D
is
25 D
is
Ubh
eki-
lang
a
Aku
cet-
shis
wa
15 N
ov -
25
Dis
15 N
ov -
31
Dis
Aku
cet-
shis
wa
15 J
an
25 J
an
Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 2Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 2 2013/09/23 12:37:55 PM2013/09/23 12:37:55 PM
MADE POSSIBLE BY
THE MAIZE TRUSTUKUKHIQIZA
Okuyiyona mfi hlo yokulima okuyimpumele-lo ukuhlela. Kubalulekile ukuhleleka futhi ube nesu elicacile ngalokhu ozo kwenza.
Ngakho-ke cabangisisa kahle ngezi nhlelo zesizini entsha uphinde ucabange nemibuzo ozoyibuza ongcweti basekhaya bezolimo ukuze ugweme amaphutha angakudla izindodla zezimali futhi achithe nesikhathi esibalulekile sokutshala.
Khumbula ukuthi ummbila udinga amanzi aphakathi kuka-450 kuya ku-600 wamamilimitha isizini nga yinye. Kuzothi lapho usukhulile khona isitshalo ngasinye sizobe simunce amanzi an-gango-250 wamamilimitha noma inkomishi eyo-dwa egcwele. Wonke lawa manzi awumswaka-ma otholakala emhlabathini. Imilimitha ngalinye lamanzi likhiqiza u-15 kg wenhlamvu kanti lapho sesikhulile icembe eliphelele lingadlula isquare meter sesitshalo nga sinye.
Sazi kanjani ukuthi imbewu kumele itshalwe ngokujule kangakanani na?Uma sitshala imbewu siyakwazi ukuqinisekisa ukujula kwayo, ngakho-ke kubalulekile ukuqinise-kisa ukuthi imbewu yommbila itshalwa ngendlela eqinisekisa ukuthi ithintana nomhlabathi ngo-kwanele. Izimbewu kumele zicindezelwe phakathi emhlabathini ukuqinisekisa ukuthi zimunca u-30% wesisindo sazo emanzini ngoba lokhu kwenza isi-tshalo sikhule masinya.
Futhi-ke uma zitshalwe kahle, izimbewu zi-kwazi ukumila izimpando ezingamanodi ezi-qinile. Ngakho-ke kubalulekile ukuqinisekisa ukujula kwembewu kuyafana embhedeni wonke wembewu. Lokhu kukhula kwezimpande za-manodi kumele ngokujwayelekile kuqale ku-2 cm ngaphansi kolayini womhlabathi. Izimpande za-manodi zisebenza ukweseka isitshalo sommbila, kanti futhi yizona ezisiza ukumunca iningi lamanzi kanye namanyuthriyenti azodingwa isitshalo sommbila impilo yaso yonke. Ngakho-ke ukumila kwezimpande zenodi ezinhle esigabeni sokuqala yiyona mfi hlo yokunciphisa i-early root lodging, kanti kuzosiza nesitshalo sommbila ukumelana nengcindezi yesomiso.
Ukutshala imbewu yommbila ekujuleni okufanelekile
buka-4 cm kuya ku-5 cm kuzoqinisekisa ukuthi izim-
pande zamanodi ziqala ukumila ngaphansi kolayini
womhlabathi. Uma imbewu itshalwe yangajula im-
bewu, ingaholela ekumileni kwezimpande zamanodi
kuwo ulayini womhlabathi noma nje ngaphezulu
kwawo. Amanye amafama anokwenza iphutha loku-
cabanga ukuthi imbewu yommbila etshalwe yanga-
jula izoqhuma ma sinya. Ososayensi bona benze
ucwaningo olukho mbisa ukuthi le nkolelo ayilona
iqiniso. Ucwaningo lwabo luveze ukuthi imbewu
etshalwe ekujuleni kuka-4 cm iqhume yavela mas-
inya ukudlula leyo etshalwe ku-2 cm wokujula. Ume-
hluko kusivinini sokuqhuma yingenxa yokuhlangana
nomhlabathi okungcono ekujuleni kuka-5 cm lapho
amazinga omswakama womhlabathi asimeme.
Omunye umthelela yizinga lokushisa lomhlabathi
okuma ngazayo ukuthi lithe ukuba phezudlwana
ekujuleni kuka-5 cm ngoba ‘ivalelekile’ (umhlabathi
ufana nengubo) – ikakhulukazi ekuqaleni kwesizini
ngenkathi ilanga lingashisi kakhulu.
Ngabe ngesiphi isikhathi esifanele ukutshala ummbila?Izilimo zommbila zisebenzisa ukukhanya kwe-
langa ngokonga, kanti futhi zidla ubhedu ekuguqu-
leni amandla elanga. Zidonsa amandla elanga
ziwaguqule abe yizinhlamvu. UJ du Plessis we-ARC
Grain Crops Institute uthi lapho sezikhulile, aman-
dla asetshenziswa yisitshalo esisodwa silingana
no-8 293 x 15 watts wamalambu kagesi ngehora
elilodwa.
Ummbila yisilimo sezimvula zasehlobo kanti asivu-nwa ezindaweni lapho amazinga okushisa ansuku zonke angaphansi kuka-19°C. Izinga eliphansi im-bewu yommbila engamila ngaphansi kwalo u-10°C kepha amazinga okushisa afanelekile u-16°C kuya ku-18°C. Ummbila uyazwela kakhulu yisithwathwa kanti udinga indawo engenasithwathwa izinsuku ezibalelwa kwezi-120 kuya ku-140, ngakho-ke isikhathi sokutshala kumele sicatshangisiswe ku-bhekwe nobungozi besithwathwa esiza kamuva sibe sesidlulile. Ngesikhathi lapho imbewu isamila ngaphansi komhlabathi isithwathwa asivamile ukuba nobungozi esitshalweni ngoba amacembe amasha asengamila. Uma isilimo sitshalwe emva-kwesikhathi, isithwathwa sakuqala lapho sekuso-ndele ihlobo singenza ubungozi obukhulu futhi sibe nomthelela omubi esigabeni sokugcwala kohlamvu okunciphisa isivuno kakhulu.
Izinhlobo ezihlukile zamahybrid ezimbewu zinezikhathi ezihlukile zokukhula kanti lokhu kuba yithuluzi elihle lamafama. Uma isizini yokutshala ibambezelekile okuholela kusizini emfushane, amafama anganquma ukushintshela embewini efi nyelela ekukhuleni ngokwesiqu masinya ukuze isitshalo sikhule ngaphambi kokuqala kwesi-thwathwa.
Ukuhlela isigaba sama-input kanye nomkhiqizo kubaluleke kakhulu uma uhlelo lwakho lokulima lu-zoba nesasasa. Amafama awanamandla phezu kwamazinga okushisa kanti futhi awanamandla phezu kwezimakethe namanani, kepha banama-ndla ekutheni bawasebenzisa kanjani ama-inputs nokuthi isilimo siphathwa kahle kanjani.
IrefrensiU-du Plessis, J. 2003. Maize Production. iDi-rectorate Agricultural Information Services with ARC-Grain Crops Institute, UMnyango weZoli-mo, ePitoli, eNingizimu Afrika.
Isizini yokutshala isifikile: Masishone khona!
Qala ngokuhlela bese uya-lungiselela – usungatshala. Qiniseka ngezinyathelo ohlele ukuzithatha futhi ulungele uku-qhubekela phambili ngokutsha-la isilimo sakho esisha masisha lapho isikhathi kanye nezimo ezinhle zokulima zivela.
I-athikhili ibhalwe nguJenny Mathews, umbhali wePula/Imvula. Uma ufuna imininingwane egcwele ungathumela i-imeyili [email protected].
33
Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 3Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 3 2013/09/23 12:38:07 PM2013/09/23 12:38:07 PM
4
MADE POSSIBLE
BY OPOT UKUKHIQIZWA KWESOYA
4444444444444444444444444444444444444444444444444444444444444444444444444444444444444444444444444444
Ukukhiqizwa kanye nenzuzo yesoya njengomthombo wokudla Isitshalo sesoya siwela ngaphansi kwe
‘Gycine max’ embusweni wezitshalo kanti sivame ukubizwa njengesilimo somhlola.
Ukukhiqizwa kwesitshalo sembewu yesoya
kuseyiwona mkhiqizo wembewu kawoyela
okubaluleke kakhulu lapha emhlabeni.
Umkhiqizo kwazwelonke wembewu kawoyelaIdatha yomkhiqizo kazwelonke yonyaka ka-2011
ikhombisa ukuthi isoya yongamela ngo-56%
ekukhiqizweni kwembewu kawoyela amametric
tons ayi-452,5 izigidi. Ukuyicacisa kahle le nda-
ba inombolo lena ithi u-452 500 000 wamametric
tons.
Ezinye zezilimo zembewu kawoyela
ezinomthelela kulo mkhiqizo ku-MMT zinjena:
irapeseed efaka kuyo icanola 60,80 ku-13%,
imbewu kakotini 46,60 ku-10%, imbewu kabhe-
kilanga 38,90 ku-9%, amakinati 35,50 ku-8%,
ipalm kernel 13,40 ku-3% nembewu yecopra
5,80 ku-1%.
Umkhiqizo kwazwelonke wesoyaIdatha yonyaka ka-2011 ikhombisa uku-
thi isamba sokukhiqizwa kwesoya umhlaba
wonke jikelele esiwu-251,50 MMT ngezwe
ngalinye sinjena: iMelika u83,2 ku33%, IBhra-
zili u-72,0 ku-29%, iAjenthina u-48,0 ku-19%,
iChina u13,5 ku-5%, iNdiya u11,0 ku-4%,
iParaguay u-6,4 ku-3%, iKhanada u-4,2 ku-2%
nezinye u-13,1 ku-5%.
Ukusetshenziswa kwezwelonke kukawoyela wemifi no Idatha yonyaka ka-2011 ikhombisa ukuthi
ukusetshenziswa kukawoyela wemifi no ku-
MMT kuhamba kanjena: iPalm oil u-49,6 ku-
33%, isoya u-42,6 ku-28%, irapeseed u-23,2
ku-15%, ubhekilanga u-12,9 ku-9%, imbewu
kakotini u-5,2 ku-3%, amakinati u-5,2 ku-3%
napalm kernel engu-5,1 ku-3%, ikhokhonathi
u-3,9 ku-3% kanye ne-olive oil u-3,0 ku-2%.
Umkhiqizo waseNingizimu AfrikaLezi zinombolo ezingenhla zomkhiqizo zi-
siza ukubeka umkhiqiza waseNingizimu
Afrika wesoya endaweni efanele. INingizimu
Afrika ngenye yamazwe angama-5- akhiqiza
isoya.
Ngesizini edlule iNingizimu Afrika ikhiqize
amathani angama-800,000 noma ngamanye
amagama ikhiqize u-800 wamametric tons.
Lesi yisibalo esincane uma siqhathaniswa
nomkhiqizo kazwelonke. Enanini lika-R4 700
ithani ngalinye lokhu kusho inzuzo ka-R3 760
wezigidi noma u-R3,76 wamabhiliyoni ama-
randi. Ngokwelizwekazi lethu wumnikelo othe
xaxa kwezolimo kanye nasezwekazini lethu
lonke.
Ukuhweba ngamaqebelengwane kawoyelaUmkhiqizo wamanje wesoya waseNingizimu
Afrika awukho mningi ngokwanele ukumelana
nezidingo zeNingizimu Afrika zeqebelengwane
likawoyela wesoya, okuyiby-product ebaluleke
kakhulu yemboni ekhama imbewu yesoya.
Iqebelengwane likawoyela wesoya yingxenye
ebalulekile futhi ebucayi yokudla kwemfuyo
embonini yemfuyo. Kanti futhi iwumthombo
omuhle wephrotheni ekudleni kwezingulube,
izinkukhu, izinkomazi zobisi kanye nezinkomo.
Amareshini esiko aqukethe ukudla kwezinhlanzi.
Kusemahlombe omfama wa -
se Ningizimu Afrika ukuba
enze ucwaningo olunzulu
ngezindlela ezisetshenzi -
s wayo ukukhiqiza isoya ukuze
kukhushulwe isivuno sika-
zwelonke. Ngokwenzenjalo
amafama ethu azokwazi uku-
qhubeka ngokufaka isandla
ngalesi silimo esibalulekile
kulelizwekazi lethu njengo-
kunye kokudla okuzosiza
eku vikelekeni kokudla ngoku
zayo.
Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 4Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 4 2013/09/23 12:38:11 PM2013/09/23 12:38:11 PM
5
MADE POSSIBLE
BY OPOTUKUKHIQIZWA KWESOYA
5
MADE POSSIBLE
BY OPOTUKUKHIQIZWA KWESOYA
5
I-athikhili ibhalwe ngumfama osethathe umhlalaphansi.
Lo mkhiqizo usesimeni esibucayi kanti futhi usubiza kakhulu njengomthombo wephrotheni wamareshini emfuyo abiza u- R11 900 00 ithani ngalinye.
INingizimu Afrika ihweba ngo-900,00 wama-metric tons eqebelengwane likawoyela ngo nyaka esambeni senani lokuhweba elingamarandi ayi-4 amabhiliyoni. Uma kwenzeka irandi lehla lifi ka ku-R10,00 uma liqhathaniswa nedola lase-Melika kusho ukuthi imali yamazwe angaphandle edinge kayo izoqhubekela phambili ikhuphuke njalo. Ngakho-ke amafama asengakwazi uku-khiqiza inani elengeziwe lesoya. Kepha-ke noma kunjalo akunamandla anele okukhama imbewu yesoya ezimbonini zesimanje ezenzelwe wona lo msebenzi. Uwoyela wesoya ungakhanywa ngo-kufanle nje kuphela uma kusetshenziswa ireco-verable solvent process ukuze kukhanywe inani eliphezulu likawoyela kumbewu leyo yesoya.
Isoya – inzuzo yokudla kanye nabanye abasebenzisiImbewu yesoya yenziwe ngowoyela wesoya kanye namaphrotheni, enza u-60% wesoya elo-mile ngesisindo. Isilinganiso sikawoyela kumbe-wu eyomile u-18% kuya ku-20%, bese kuthi amaphrotheni wona abe ngu-36% kuya ku-40%. Lokhu okusalayo kuba ngu-35% wamakhabo-haydrethi no-5% womlotha noma amaminerali. Iningi lama-amino acid abalulekile lenza isili-nganiso samaphrotheni kanye namavithamini B, C, E no-K kanye namaminerali afana nekhalsiy-amu, i-iron, imagneziyamu, ifosforasi, iphothezi-yamu, isodiyamu kanye nezinc.
Njengoba sibona imbewu yesoya ibaluleke kakhulu njengomthombo wokudla okunomsoco okudingwa ngabantu kanye nemfuyo. Izilwane ezetshisayo ezifana nezimvu kanye nezinkomo zingadla imbewu eluhlaza emadlelweni emva-kokuvunwa kwesilimo sesoya. Kanti izilwane ezinesisu esisodwa ezifana nezingulube kanye nezinkukhu zona zidinga kuphela amaphrotheni agayiwe ngaphambi kokuba zikwazi ukuyidla. Itrypsin yona-ke ingushevu okungamele udliwe ngabantu.
Isitshalo sesoya uma sivunwe ezimweni zokuniselwa kanye nezomhlaba owomile kanye nesimbiyosisi nerhizbium bacterial root nodules, silungisa inaythrojini esemoyeni. Le nayithrojini inika u-65% wenayithrojini edingekayo ukukhiqi-za imbewu. Ngempela lesi yisitshalo sezimanga.
Okusetshenziswa/okudliwa ngabantuIphrotheni yesoya izinzile kanti futhi ingaphe-keka emazingeni aphezulu okushisa ukwenza ngaphakathi kokunye ithofu, okuwukudla okutha-mbe sashizi okunamaphrothen amaningi, ubisi lwesoya olwenziwe ngembewu ephelele egaywe yacwiliswa emanzini yase ifudunyezwa umusi, kanye namaphrotheni emifi no angekho bushele-lezi. Imikhiqizo yamaphrotheni emifi no angekho
bushelelezi ingatholakala ezimakethe eziningi lapha eNingizimu Afrika kanti iyimithombo emi hle yamaphrotheni angafakwa ekudleni kwabantu kwansuku zonke.
Umkhiqizo wobisi lwesoya yinhlanganisela yamakhabohaydrethi kanye namaphrotheni efana ngqo nalokho okutholakala obisini olu-jwayelekile. Ubisi lwesoya lungenziwa iyogathi enganandisiwe noma ixutshwe nezinongo ze - m velo bese imakethwa njengoketshezi olwaziwa njengeyogi sip. Yonke le mikhiqizo ingaphekwa emakhishini asemakhaya noma ezimbonini ezinkulu kusetshenziswa imishini emikhulu.
Amaphrotheni atholakala kusoya alingana nalawo atholakala enyameni, emaqandeni kanye nakucasein okusiza ukukhula kanye nempilo enhle yabantu.
Mandulo, ngaphambi kokuba yaziwe futhi iqoshwe phansi, isoya yayilinywa eMpumalanga ne-Asia mandulo ngaphambi kanti nanamuhla iseyisilimo esiwukudla okubaluleke kakhulu eChina, Japan kanye naseKorea njengakwezi-nye izingxenye zezwe. Iningi lalawa mazwe ase-phucule izinga lokukhiqizwa kanye nokuda yiswa kwemikhiqizo yesoya ebilisiwe efana nesoy sauce, itempeh, inatto nemiso. Ibhaktheriya ebalulekile evela ngenkathi kubiliswa isiza uku-phula iphrotheni ukuze ibe ngama-amino acid agayeka kalula esiswini.
Amacultivars avela kula mazwe akheth-we ngokucophelela okukhulu eminyakeni angama-2 000 edlulile kwenzelwa umkhiqizo we-zolimo. Lamacultivar asabalala eNyakatho yonke enze isisekelo segenetic cultivar eyenza amac-ultivar emvelo kanye nalawo atrans-genetically altered kulezi zinsuku.
Ukuphuculwa kwamatrans-genetic cul-tivar kufakelele amagene ukuze izitshalo zesoya zimelane nechemical glyphosate ese tshenziselwa ukulawula ukhula ekukhiqizweni kwesoya kwesimanjemanje.
Isiphetho Isoya ukudla okubalulekile, ikakhulukazi emhla-beni oqhubeke njalo wanda, kubalwa lapho abantu baseNingizimu Afrika kanye nemfuyo. Kusemahlombe omfama waseNingizimu Af-rika ukwenza ucwaningo ngezindlela ezifanele zokukhiqizwa kwesoya ngaphansi kwezimo zomhlaba owomile noma lowo oniselwayo uku-ze kukhushulwe izinga lesivuno sikazwelonke. Ngokwenzenjalo, amafama ethu azokwazi uku-qhubeka njalo afake isandla ekwenzeni lesi simila esibalulekile njengengxenye ebalulekile yokuqinisekisa ikusasa lokuvikeleka kokudla kulelizwekazi lethu.
MADE POSSIBLE
BY OPOT
Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 5Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 5 2013/09/23 12:38:19 PM2013/09/23 12:38:19 PM
66
UMFAMA WONYAKA
6
Abaqokiwe ku-2013 SUBSISTENCE FARMER NGABO...
U Emmanuel Hadebe wazalwa mhla ka-16 enya ngeni kaSepthemba ngonya-ka ka-1971 endaweni yaseThokoza
maduzane ne-Estcourt. Ungowesine ezi-
nganeni eziyishiyagalombili.
Uqale izifundo zakhe zamabanga aphansi ngonya-
ka ka-1979 esikoleni iThemba. Kusukela ngonyaka
ka-1982 kuya ku-1984 walusa izinkomo zikayisem-
khulu wakhe. Kwathi ngonyaka ka-1989 wadlulela
eya esikoleni samabanga aphezulu i-Amahlubi
lapho aphothula khona izifundo zakhe zikaMati-
kuletsheni ngonyaka ka-1994. Waya eGoli ngen-
hloso yokuyofuna umsebenzi, kepha lelo phupho
alifezekanga. Ngokuhamba kwesikhathi wanquma
ukuthatha izifundo zokuba ngunogada wakwazi
ukuthola iGrade C Security Certifi cate. Phakathi
nonyaka ngo-1996 wakwazi ukuthola umsebenzi
wasebenza njengonogada. Ngenkathi esebenza
wakwazi ukwenza izifundo ezimfushane ezifana
noProject Management kanye neHuman Resource
Management neNyuvesi yaKwaZulu-Natali.
Ngonyaka ka-1999 wabuyela ekhaya lapho
asebenza khona njengonogada esikoleni sa-
mabanga aphakeme iTatazela. Ngonyaka ka-
2006 waqala ukulima amazambane (awayeka
ngo nyaka ka-2009). Waqala eke manje eqala
ukulima ummbila kuhektha eli-1. Kusukela ngo-
nyaka ka-2001 kuze kube yinamuhla uyilunga
leNon-Go vernmenatl Organisation (uBhekuzulu
Self-suffi cient Project) esiza futhi yeseke izingane
eziyizintandane. Washada noPhilisiwe ngonyaka
ka-1997 kanti babusiswe ngezingane eziyisikho-
mbisa, izinsizwa ezimbili namadodakazi amahlanu.
Uneminyaka emine eyilunga elizimisele le-
Emangweni Study Group. Usephothule nge-
mpumelelo izifundo zokuqeqesha ezilandelayo:
Maize Production, iFarm Management ne-Introduc-
tion to Soybeans. Unezinkomo eziyisishiyagalolu-
nye. Usebenzisa umhlaba womphakathi ngaphansi
kwenkosi. Okwamanje akanayo itraki yokulima
amasimu akhe. U-Emmanuel uqale emhlabeni on-
gamahektha ayi-1,8 omhlaba womphakathi kepha
wase enza isinqumo sokutshala amahektha ayi-9,5
ommbila oRoundup Ready. Unethemba kakhulu
kanti usecabanga nokuthola amasimu amanye
futhi okutshala kule sizini ezayo. Angathanda-ke
ukuzithengela itraki kanye nemishini yokusebenza
ngokuzayo. Njengoba aqala ukusebenzisa ulwazi
alutholile usenze ngaphezu kwalokho abeku-
cabangile.
UPatrick Nxumalo wazalelwa endaweni yas Emangweni eduze naseWinter-ton lapho aphinde wakhulela khona.
Waqala imfundo yamabanga aphansi Eman-gwaneni Primary School bese waseqhubekela esikoleni samabanga aphakeme iSizathina High School lapho aqeda khona ibanga le-10.
Waqala ukusebenza eWelkom ngonyaka ka-1979 efekthri kufi kela ngonyaka ka-1983. Emva-kwalokho wasebenza embonini ekhiqiza iplastiki eGoli kufi kela ngonyaka ka-1989. Efuna amanye amathuba wasedlulela e-Estcourt lapho ase-benzela khona inkampani iMasonite kufi kela ekupheleni konyaka ka-2000. Kusukela ngonyaka ka-2001 waqala ukusebenzela ibhizinisi leBhe-khari lasendaweni yangakubo. Emvakokushona okungalindelekile kukankosikazi wakhe ngonyaka ka-2006, uPatrick waphoqeleka ukuba ayeke uku-sebenza ukuze anakekele izingane zakhe.
Unezingane ezinhlanu. UNkanyiso owazalwa ngonyaka ka-1986 waphothula izifundo zakhe zebanga le-12 ngonyaka ka-1999. Usebenza njengehyster operator. UNomalungelo owazalwa ngonyaka ka-1990 naye waphothula izifundo zakhe zebanga le-12. UNqobile yena owazalwa ngonyaka ka-1992, waphothula izifundo zakhe zebanga le-12
ngonyaka ka-2011 kanti manje uqhubekela phambili ngemfundo ephakeme eMnambithi FET College. U-Aphiwe yena wazalwa ngonyaka ka-1995 kanti ufunda ibanga le-11 bese kuthu uthunjana ongu-Ntombizethu (owazalwa ngonyaka ka-1999) yena ufunda ibanga le-9.
Uyilunga lEmangwaneni Study Group kusu-kela ngonyaka ka-2009. Useqede izifundo ezintathu okubalwa kuzo: Introduction to Maize, Introduction to Soybeans kanye neFarm Management. Umhlaba awusebenzisayo ukulima ngowomphakathi ngaphansi kwenkosi yendawo. Unehektha elilodwa lomhlaba ovundile namahektha ayi-100 amadlelo ahlanganyelwe. Unezinkomo eziyi-15. Kule hektha lakhe elilodwa lomhlaba utshale ummbila ophuzi ofunwa kakhulu. Amafama angomakhelwane bakhe, abangamafama ezinkukhu athenga ku-yena bese kuthi loyo ummbila osele ewusebenzisa ukondla izinkomo zakhe.
UPatrick angathanda ukukhulisa ipulazi lakhe kepha ubona ukweswela imali kumvimbela ukwe-nze njalo. Akanawo ugandaganda wakhe kanti udi-nga ama-implements afanele ukwenza umsebenzi wakhe ngokufanele. Unolwazi kanye nothando lokukhula abe ngumfama omkhulu ngelinye lama-langa, usho njalo.
UPatrick Nxumalo
UEmmanuel Hadebe
MADE POSSIBLE BY
THE MAIZE TRUST
Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 6Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 6 2013/09/23 12:38:36 PM2013/09/23 12:38:36 PM
77
UMFAMA WONYAKA
7
U TO Mdluli wazalelwa endaweni yase-Nhlozeni eziNtabezi zoKhahlamba, okunga ba ngamakhilomitha angamashumi
ayisithupha ngaphandle kweWinterton esifundeni
sa KwaZulu-Natali. Abazali bakhe babenezingane
eziyishumi nesikhombisa kanti ziyisikhombisa
kuphela ezaphila. Uyi ngane yesihlanu kanti unabafi -
wabo abane nodadewabo ababili.
Akazange angene isikole esijwayelekile kepha wa-
ngena isikole santambama ukuze azokwazi ukufunda
nokubhala. Washada ngonyaka ka-1992 kanti unezi-
ngane ezinhlanu, indodakazi eyodwa neziznsizwa
ezine. Izibulo lakhe lazalwa ngonyaka ka-1985, uSe-
nzile ofunda esikoleni samabanga aphakame eGoli.
Ngo-1989 kwazalwa u Sakhile oseqedile isikole kanti
usebenza epulazini elingekho kude nje nasekhaya.
Ngo-1995 kwazalwa uSimcayi ofunda ibanga le-11.
Ngonyaka ka-1997 kwase kuzalwa uBuyisane oseban-
geni le-8, kanti uthunjana yena uMafanelo wazalwa
ngonyaka ka-2000. Uyaziqhenya ngelokuthi izingane
zakhe ziyakwazi ukuya esikoleni kanti uzimisele ukuba
zithole imfu ndo okuyiyona efanele.
Umyeni kaNkk. Mdluli, uNdlala Mbhele wayesebenza
eGoli esebenzela inkampani edayisa inyama. Ngeshwa
umyeni wakhe wabashiya ngonyaka ka-2002. Kusukela
lapho kwase kumele athwale ijoko lokukhulisa izingane
zakhe yedwa engenamsizi.
Wakhula ephila ngomhlaba, ngakho-ke kwaba yiyona
ndlela yokuphila nokunakekela izingane zakhe. Inzuzo
yakhe uyithola esiqeshaneni somhlaba lapho etshala kho-
na amazambane, ubhontshisi owomile kanye nommbila.
Wonke umsebenzi wokulima wenziwa ngezandla. Uphinde
alungise izimpahla ezidabukile, athungele nomphakathi
izingubo zokugqoka ukuze angenise inzuzo eyengeziwe.
Akunagesi endaweni abahlala kuyona.
Umhlaba awusebenzisayo owomphakathi kanti
ungaphansi kwenkosi yendawo. Unamahektha amabili
omhlaba ovundile namahektha angama-50 ongamadlelo
ahlanganyelwe. Unezinkomo ezintathu.
Kuhektha eyodwa yomhlaba ovundile batshala
ummbila. Ubehlakula umhlabathi ngesandla esebenzisa
igeja. Uma eseqedile bese etshala imbewu azame nokugci-
UTO Mdluli
na umhlaba uhlanzekile ngesandla. Wayetshala
‘ummbila wesiZulu’ omdala (traditional open cul-
tivar), imbewu ayibeke ngenkathi eqeda ukuvu-
na. Ingxenye yommbila bayidla njengommbila
oluhlaza (green mealies) bese lowo osele bewu-
vunela ukwenza impuphu. Bavuna ngesandla
kanti namakhoba nawo ahlutshwa ngesandla.
Kuleyo ‘mbewu yesiZulu’ badinga izikhwama
ezimbili zamakhoba ukuze bagcwalise ibhakede
elingamalitha ayi-20 ezi nhlamvu. Kwakunge-
lula ukuphila ngoba kumele bavune okwanele
ukuze bakwazi ukuphila izi nyanga eziyi-12.
Ngonyaka ka-2011 wahlangana noJurie
Mentz, uMqondisi wezeNtuthuko oHlelweni
lakwaGrain SA lokuThuthukiswa kwama-
Fama, KwaZulu-Natali (Vryheid). UJurie Mentz
wasungula i-Emmaus Study Group endaweni.
UNkk. Mdluli wahamba imihlangano leyo. Ma-
nje usengusihlalo we-Emmaus Study Group.
Ngonyaka ka-2012 uye wazithengela ihand planter encanyana ayisebenzisa ngempumelelo enkulu. Unamaknapsack sprayer amathathu awasebenzisa ukuchelela amakhemikhali ukuze abulale ukhula kanye nokulawula izi-nambuzane. Ngoba-ke akanama-implements usebenzisa ino-till. Soloko ebe yingxenye ya-kwaGrain SA useqale ukutshala amacultivar ommbila ohybrid kanti usethole imiphumela emihle kakhulu. Manje sesinciphile isibalo sezikhwama zamakhoba azidingayo ukugcwali-sa ibhakede lommbila ngezinhlamvu.
UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi Abakhiqizayo Nalabo Abasakhulayo. Uma ufuna imininingwane egcwele ungathumela i-imeyili [email protected].
MADE POSSIBLE BY
THE MAIZE TRUST
Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 7Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 7 2013/09/23 12:38:41 PM2013/09/23 12:38:41 PM
8888
UMFAMA WONYAKA
UJalisa, uVuyani noVictor
basethubeni lokuzuza
UJalisa Simphiwe wazalwa mhla ka-15 Septhemba ngonyaka ka-1958. Wakhulela eManzimdaka eduze
naseNgcobo. Ubaba wakhe wayelima emhla-
beni womphakathi, exubile ekulimeni kwakhe
ngemvume yokuwusebenzisa umhlaba.
USimphiwe wangena isikole samabanga
aphansi saseCentu esiseduze neTsolo wase
edlulela esikoleni samabanga aphezulu
iCuthberts lapho aphothula khona izifundo
zakhe zikaMatikuletsheni ngonyaka ka-1981.
UJalisa washada uNonene ngonyaka ka-1991.
Banezingane ezintathu emshadweni wabo. UJali-
sa wasebenza njengonogada e Westonaria kufi ka
ngonyaka ka-1997. Ngo nyaka ka-1998 wangena
embonini yamathekisi lapho ahlala khona kufi ke-
la ngonyaka ka-2006.
Ngonyaka ka-2008 uJalisa wathenga ipulazi
endaweni yase-Elliot ehlinzekwa wuhlelo lwe-
LRAD, waqala kanjalo-ke ukulima.
Wathola ulwazi ngezolimo zenzuzo lapho esethole
umhlaba othi yena. Ngaphambi kwalokho wayazi
nje ngesubsistence farming.
Uthe lapho eba yingxenye yethimba loku-
funda lakwa-Grain SA futhi ehamba nemihlangano
njalo waqala nokuhamba izifundo zokuqeqesha
eza mvulela amathuba amasha. Ezinye zezifundo
aziphothula sibala kuzo iRecord and Bookkeeping
kanye neTractor and Implement Maintenance
Course. Okokuqala nqa empilweni yakhe wabuye
wafunda ngokusampula imihlabathi kanye nokuba-
luleka kokugcina amarekhodi akhe emvula enayo.
UJalisa uzama ngakho konke okusemandleni
akhe ukulusebenzisa lonke ulazi lwalokho akufundile
emihlanganweni yamaqembu kanye nasezifundweni
zokuqeqesha. Ukhuthazekile kanti futhi ufi sa ukuba yi-
lunga le-250 Ton Club. UJalisa uzimisele ukuphucula
izindlela zakhe zokulima. Isivuno sakhe besihambe-
la kumathani ama-3 ihektha ngalinye kepha kulo
nyaka ubheke amathani ama-4,5 ihektha ngalinye.
UJalisa Simphiwe
UVuyani Kama wazalelwa endaweni yase-Ugie kanti uneminyaka enga-ma-43. Ukhuliswe ngumama wakhe
owamthumela esikoleni e-Ugie waze wapho-thula izifundo zakhe zeBanga le-12.
Usebenze kakhulu eMnyangweni weZolimo, weZamahlathi neZokudoba. Yilapho-ke uthan-do lwakhe lokulima lwaqala khona. Lokho akubona emapulazini enzuzo e-Ugie nakho kwenza omkhulu umehluko empilweni yakhe kwamgqugquzela ukuba abheke ngakwezoli-mo. Uthando lwakhe lwakhula ngokuhamba kwesikhathi, kepha inselelo enkulu abhekena nayo kwakungukuthola umhlaba.
Izinto zashintsha ngonyaka ka-2006 nge-nkathi ekwazi ukuthenga amahektha angama-450 omhlaba lapho ekhiqiza khona ummbila kanye namazambane ngohlelo lomjikeleziso wezilimo. UVuyane unepulazi futhi e-Elliot lapho elima khona ngezimvu nommbila.
Ngonyaka ka-2009 waba yingxenye yeqembu
lokufunda lakwaGrain SA ngaphansi koHlelo lo-
kuThuthukiswa kwaMafama. UVuyisa waphothula
izinhlelo ezimbalwa zezifundo zokuqeqeshwa
ezifana ne-: Introduction to Maize Production,
Contractors Course kanye neTractor Maintenance
Course. Soloko aba yingxenye yakwaGrain SA
ukwesekwa, amakhono kanye nolwazi aselutholile
selumsize ukuphucula umkhiqizo wesivuno sakhe
sommbila. Isivuno epulazini lakhe sesikhuphuke
kusukela kumathani ayi-3,5 ihektha ngalinye kuya
kumathani ayi-5 ihektha ngalinye endaweni yase-
Elliot. Isivuno sakhe engxenyeni eyodwa yomhlaba
wakhe endaweni yase-Ugie sibalelwa kumathani
ayi-7,5 ihektha ngalinye.
UVuyani unethemba elikhulu ngekusasa le-
zolimo kanti futhi ufi sa ukuqhubeka ngokuphucula
amakhono akhe okulima kanye nolwazi analo.
UVuyani Kama
ISMALLHOLDER FARMER AWARD
MADE POSSIBLE BY
THE MAIZE TRUST
Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 8Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 8 2013/09/23 12:38:44 PM2013/09/23 12:38:44 PM
999
UMFAMA WONYAKA
UVictor Mahlinza wazalelwa endaweni yase-Estcourt, KwaZulu-Natali ngomhla ka-14 enyangeni kaJulayi ngonyaka ka-1961.
Wakhulela e-Estcourt eduze ne Ntabamhlophe.
Waqala izifundo zakhe zamabanga aphansi ngo-
nyaka ka-1968 eCornfi el Primary School. Ngon-
yaka ka-1976 waya esikoleni samabanga aphezulu
iMtshezi lapho aphothula khona izifundo zakhe ze-
Banga le-11 ngonyaka ka-1982.
Ngonyaka ka-1983 uVictor wanquma ukuya eGoli
lapho asebenza khona unyaka owodwa njengoma-
bhalane ehhovisi lenkampani yokwakha. Ngonyaka ka-
1984 waya kosebenza njengestoreman enkampanini
yamakhemikhali khona eGoli kwaze kwaba ngunyaka
ka-1986. Phakathi kuka-1987 no-1988 uVictor wase-
benzela i-M&L Distibutors njengomshayeli wamaloli
ediliva ukudla okusemathinini. Kwathi – ke ngo-
nyaka ka-1989 wase eziqalela inkontileka yokudiliva
ne-AMCA Construction kufi kela ngonyaka ka-1995.
Ngonyaka ka-1996 wabuyela ekhaya lapho
anquma khona ukuba ngumfama. Ngaleso sikhathi
wayesasebenzisa izinkabi ukulima kufi kela ngonyaka
ka-2003 lapho athenga khona itraki.
Ushade noLinah kanti babusiswe ngezingane ezi hlanu;
amadodakazi amathathu kanye nezinsizwa ezi mbili. uFikile
(ona-27) owashiya isikole ebangeni lesi-11 kanti unezin-
gane ezimbili. USizwe (ona-20) owaphothula izifundo ze-
banga le-12 eZakhe Agricultural College eMgungundlovu.
Uthe eqeda lapho wadlulela eBuhle College lapho enza
izifundo zemifi no (Vegetable Course). Usebenza noyise
epulazini. UZandile (ona-16) ufunda ibanga le-11 esikoleni
samabanga aphakeme i-Abantungwa. UMcebisi (ona-
14) ufunda ibanga le-8 esikoleni samabanga aphansi
i Mathamo kanti uMpumelelo (ona-12) yena ufunda ibanga
le-6 naye esikoleni samabanga aphansi iMathamo.
UVictor uthembisene noNorah ngomshado kanti
banezingane ezintathu.
UVictor unamatraki amane: iMassey Ferguson 440
4x4, iMassey Ferguson 5465, iMassey Ferguson 399 kanye
neLandini 7500. Unezimoto futhi ezimbili: iColt 2.8 kanye
neMitsubishi. Unezinkomo ezi-78 ezisemadlelweni anga-
UVictor Mahlinza
mahektha angama-250 omhlaba womphakathi
namahektha angama-83 omhlaba oqashiwe.
UVictor akatholi sizo lwazimali kepha zonke izili-
mo zakhe uzibhekela yena qobo ngemali yakhe.
Akulula nokho-ke ngoba usebenzisa amahektha
angama-40 omhlaba womphakathi bese eqa-
sha amahektha omunye ongamahektha an-
gama-42 omhlaba ovundile kumfama ozimele.
UVictor akancikanga nje kuphela ku-
zilimo, kepha unezingulube, izimbuzi kanye
nezinkukhu. Ubona ukusabalala kuyindlela
ebalulekile yokusimamisa isilimo sakhe. Isu
lakhe lokuphumelela kulo nyaka kusewuku-
sabalala ngoba nakhu utshala ummbila,
ubhontshisi owomile, imifi no kanye nechicory
njengoba nakhu unenkontileka nabakwaNestlé.
UVictor wusihlalo weDistrict Farmers Asso-
ciation yendawo kanye neMtshezi Study Group
kanti uyazifela ngokulima. Ubuye abe ngusi-
hlalo weWorking Group oHlelweni lwa kwaGrain
SA lokuThuthukisa amaFama.
UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi Abakhiqizayo Nalabo Abasakhulayo. Uma ufuna imininingwane egcwele ungathumela i-imeyili [email protected].
MADE POSSIBLE BY
THE MAIZE TRUST
Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 9Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 9 2013/09/23 12:38:48 PM2013/09/23 12:38:48 PM
UMFAMA WONYAKA
Yazana nalabo abafinyelele kumanqamu alo nyaka
UThembalekhaya Fort Nkuhlu ukholelwa ekungafanini kwe-zinto. Ukhiqiza ummbila, isoya,
futhi unezingulube, izinkukhu kanye nemfuyo eningi epulazini lakhe lase-Denmark, endaweni yaseVrede.
Ukhulele eMpumalanga Kapa lapho um-khulu wakhe owayengumfama endaweni yaseCala, wamfundisa izindlela nemigomo ebalulekile yokukhiqiza izilimo.
UFort uphothule izifundo zakhe zamabanga aphezulu eNgangelizwe Jun-ior Secondary School. Ekuqedeni kwakhe isikole wenza ikhosi emfu shane yeMar-keting Management yonyaka e Boston City Campus eyalandelwa yi khosi ye-
Offi ce Administration eDamelin College
kanye nekhosi yeBookkeeping eVarsity
College.
Ukholelwa ukuthi uma ulima, uhlala
njalo ufunda, awuphezi. Uthando lwakhe
lokulima lwaqala mhla ubaba wakhe
ethenga ipulazi eliseduze neVrede ngo-
nyaka ka-1999.
UFort ufi sa ukuzibona enemakethe
ethembekile yemikhiqizo yonke yepulazi
lakhe. Ufi sa nokudala ipulatifomu lapho
amafama amasha kanye nabafundi be-
zolimo bezofunda khona bese bethola
namathuba okusebenzisa ulwazi lolo
abalufundile.
UMaurice Mthandeki Boki waza-lelwa eMatatiele. Wangena isikole samabanga aphansi saseSt
Columbus bese kwathi emvakwalo kho
wadlulela esikoleni samabanga aphezulu
iMariezell endaweni yaseMatatiele. Wa-
suka lapho ebangeni le-10 wayofunda
eSt Anthony’s Mission lapho aphothula
khona izifundo zakhe zikaMatikuletsheni.
Wafudukela eGoli wasebenza kuMasipala
waseGermiston iminyaka emithathu. Uthe
lapho eqeda ukushiya umasipala waqala
ukusebenzela iTwins Pharmaceuticals (Ad-
cock Ingrams) lapho asebenza khona imin-
yaka eyishumi nambili. Washiya le nkampani
ngonyaka ka-1977 wathenga isiteshi sokuh-
weba eMatatiele, nanamuhla sisekhona.
Ngonyaka ka-1995, ngosizo lweLand
Bank, wakwazi ukuthenga ipulazi lakhe
laseHorncroft. Yilapho ehlala khona.
UMaurice ukhule nalo lolu thando
lwezolimo. Uselime ngokwakhe kusukela
ngo nyaka ka-1995 ngaphandle kosizo olu-
vela ngaphandle.
UMaurice ushade noKholiswa ngo-
nyaka ka-1977. Uthole izifundo ekuKhiqi-
zweni kweZilimo, ukuKhiqizwa kweNyama
eBomvu, Ukugcina Amarekhodi Epulazi
kanye nokuPhathwa kweBhizinisi lwePulazi
eCedara.
UThabang Tsephe ukhulele eMa-tatiele. Waphothula izifundo zakhe zamabanga aphansi
eMehloaleng Junior School lapho aqeda
khona iBanga lesi-7.
Emvakwesikole usebenze epulazini isikhathi
esifushane wase eyosebenza emamayini
iminyaka eyishumi.
Ubuyele ekhaya ngonyaka ka-1986, waba
nesitolo kuze kube yilapho eqala ukulima ngo-
nyaka ka-1999. UThabanga ushade noMatau,
banamadodana amabili asiza uyise emapulazini.
UThabang usebenza emapulazini amabi-
li lapho etshala khona ummbila, i-oats kanye
namadlelo. Ngaphezu kokukhiqiza izilimo un-
esitolo somkhiqizo wobisi, unezinkomo zeny-
ama kanye nezinhlobo zezimvu.
OMFAMA WENZUZO
I-athikhili ibhalwe nguLandi Kruger, umbhali wePula/Imvula. Uma ufuna imininingwane egcwele ungathumela i-imeyili [email protected].
MADE POSSIBLE BY
THE MAIZE TRUST
10
Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 10Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 10 2013/09/25 02:42:53 PM2013/09/25 02:42:53 PM
Ngaphandle kokwesekwa ngabakwaMaize Trust, ubungeke uyifunde le magazini. Siya-bonga Maize Trust.
IMaize Trust Umlingani kwezentuthuko
AbakwaGrain SA banephupho lemboni yezolimo ebumbene
nenothile, futhi neyaziyo
ukuthi kumele kukubonele-
lwe izidingo zokuvikeleka
kokudla. Ezinye zezinto
ezibaluleke kakhulu kwa-
bakwaGrain SA uku-
tholakala kwenzuzo kubo
bonke abanomhlaba,
ukuvikeleka kwengcebo
yemvelo kanye nokudaleka
kwamathuba omsebenzi.
Ukuze sikwazi ukufezakaza
leli phupho, uGrain SA udi-
nga abalingani. Umlingani
obalulekile esinaye yiMaize
Trust. Inhlosongqangi yeMaize
Trust ukubonelela ngezezimali
embonini yezommbila lapha
eNingizimu Afrika, kanti kakhulu
kubhekwe ukwesekwa ngokwezi-
mali kulokhu okulandelayo:
• Ucwaningo lwesayensi noma lobu-
chwepheshe oluhambisana nezima-
kethe noma ukukhiqizwa kommbila;
• Ukutholwa, ukucutshungulwa kanye
nokusatshalaliswa kolwazi ngommbila
nganezimakethe zommbila (i-ARC
– iSummer Grain Centre, Uphiko lw-
ezocwaningo lommbila lweGrain Produc-
ers’ Organisation, kanti nanoma ngeyiphi
inhlangano ingafaka isicelo sezezimali);
• Ukungenelela kommbila waseNingizimu
Afrika ezimakethe (ngokubonelela ngezi-
miso zokumaketha, ukuqeqeshwa kanye
nosizo ezindaweni zasemaphandleni lapho
isidingo sisikhulu khona);
• Nokubaluleke kakhulu kwabakwaGrain
SA, okuyizimali zokuqeqesha nokuphucula
amafama asathuthusa.
IMaize Trust ingaphansi kobuholi bebhodi
yabagcinimafa abayisithupha: Umgcinimafa
ngamunye uvela kulabo abakhiqiza ummbila
omhlophe, omunye kulabo labo abakhiqiza
ummbila ophuzi, omunye avele kulabo abakh-
iqizi bommbila bo nkana, bese kuthi abathathu
kube ngamanxusa avela eMnyango wezoLi-
mo, ezaMahlathi kanye nezoKudoba. La bag-
cinimafa aqinisekisa ukuthi izimali zeMaize
Trust zisetshenziswa ngendlela efanele nan-
gokuhlakanipha.
Ukuze sikwazi ukuqeqesha nokuphucula abakhi-
qizi bezinhlamvu, iGrain SA idinga izimali kanti-ke
yilapho-ke iTrust ibaluleke khona njengomlingani.
UHlelo lwakwaGrain SA lokuThuthukiswa
kwamaFama (i-HTF yakwaGrain SA) lufaka isi-
celo sezimali minyaka yonke kwabakwaMaize
Trust. Lolu hlelo lubandakanya umbiko ophelele
lwenqeqesho kanye nempucuko ebonelelwa
yizimali ezivela kwaMaize Trust kumafama,
kanye nesicelo esinika imininingwane egcwele
ngezinhloso zoHlelo lwakwaGrain SA loku-
Thuthukiswa kwamaFama onyakeni ozayo.
Ngaphandle kokwesekwa esikuthola kuma-
siso ahlukene ezinhlamvu kanye nezimali zobu-
lunga bamafama, ngabe ayikho iGrain SA.
Bekani iso kokulandelayo lapho sizobe zikhulu-
ma kabanzi ngabaxhasi bakaGrain SA ekuqinise-
kiseni ezolimo ezibumbene nezinothile lapha
eNingizimu Afrika.
MADE POSSIBLE BY
THE MAIZE TRUSTUBULINGANI BEMAIZE TRUST NEGRAIN SA
I-athikhili ibhalwe nguSusan Engelbrecht, UMqondisi wezokuXhumana noMthombo wabeZindaba kwaGrain SA. Uma ufuna imininingwane egcwele thumela i-imeyili [email protected].
11
Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 11Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 11 2013/09/25 12:54:09 PM2013/09/25 12:54:09 PM
Ithimba labahleli
GRAIN SA: BLOEMFONTEINSuite 3, Private Bag X11, Brandhof, 93247 Collins Street, ArboretumBloemfontein 08600 47246 Fax: 051 430 7574 www.grainsa.co.za
UMHLELI OMKHULUJane McPherson 082 854 7171 [email protected]
UMHLELIUKWABALiana Stroebel 084 264 1422 [email protected]
IMIDWEBO, ISAKHIWO KANYE NOKUSHICILELAInfoworks 018 468 2716 www.infoworks.biz
IPULA IMVULA IYATHOLAKALA FUTHI NANGALEZI ZILIMI EZLANDELAYO:IsiZulu,IsiBhunu, isiNgisi, IsiTswana, IsiSuthu, IsiSuthu saseNyakatho, nesiXhosa.
Uhlelo lweGrain SA LokuThuthukisa amaFama
ABAQONDISI BENTUTHUKODanie van den BergFree State (Bloemfontein) 071 675 5497 [email protected]
Johan KrielFree State (Ladybrand) 079 497 4294 [email protected] Office: 051 924 1099 Dimakatsi Nyambose
Jerry MthombothiMpumalanga (Nelspruit) 084 604 0549 [email protected] Office: 013 755 4575 Nonhlanhla Sithole
Naas GouwsMpumalanga (Belfast) 072 736 7219 [email protected]
Jurie MentzKwaZulu-Natal (Vryheid) 082 354 5749 [email protected] Office: 034 980 1455 Sydwell Nkosi
Ian HousehamEastern Cape (Kokstad) 078 791 1004 [email protected] Office: 039 727 5749 Jenilee Buntting
Lawrence LuthangoEastern Cape (Mthatha) 076 674 0915 [email protected] Office: 047 531 0619 Cwayita Mpotyi
Toit WesselsWestern Cape (Paarl) 082 658 6552 [email protected]
PULAPULAIMVULAIMVULA
UKULINGANISWA KWEZICHELELI
12
Ngoba kulula futhi kuyasebenza, ukuse-tshenziswa kwamapesticide angamakhe-mikahli sekusetshenziswa kakhulu kanti
kuyithuluzi elibalulekile ekulaweni kokhula kanye
nezinambuzane embonini yezolimo.
Noma kunjalo-ke, la makhemikhali ayisisombululo
esiwusizo yiwona futhi angabuye abe nobungozi
ngokuba angcolise amanzi asemhlabathini noma
athwaleke aye kobulala ezinye izilimo noma eminye
imiphakathi. Amafama kanye nabaphathi kumele
baqinisekise ukuthi ukusetshenziswa kwamakhe-
mikhali kwenziwa kusetshenziswa impahla efanele
yokusebenza, impahla ephephile nefanele egqo-
kwayo kanye nolwazi olushaya umhlola lwesili-
nganiso okumele sichelelwe.
Ikhwalithi yamanziUkuxutshwa kwamakhemikhali kubalulekile. Ama-
nzi yiwona athwala amaherbicide applications kanti
avame ukwenza u-99% wengxube, ngakho-ke
akuwona umhlola ukuthi ikhwalithi yamanzi ase-
tshenziswayo nayo ibalulekile. Amanzi kumele
ahlanzeke futhi angabi nezinsalela zamapesticides.
Ukuze kuxutshwe ikhemikhali elifana neRoundup
noma iGramoxone amanzi kumele ahlanzeke
ngokuphelele futhi angabi namasuspended solids
afananama-organic matter esihlabathi noma
umhlabathi, ngoba lokhu kubulala amandla engxu-
be. Amanzi aqinile avame ukuba namazinga aphe-
zulu ekhalsiyamu, imagneziyamu, isodiyamu noma
i-iron. Lapho i-alkhalinithi isho ukuthi kunamazinga
aphezulu ekhaboneythi nebhaykhaboneythi ema-
nzini. Umfama oqotho uzohambisa amanzi akhe
ukuba ayohlolwa bese ethatha izinyathelo ezifanele
ngokusebenzisa ibuffer solution. Amabuffer solution
asetshenziswa ukugcina amazinga epH ezimelele.
Ukukhetha inozili Isinyathelo sokuqala esilinganisweni sesicheleli
ukuba nolwazi olufanele ngokusetshenziswa
kwamakhemikhali akhethiwe kanye nosayizi we-
nozili ukuze ukwazi ukuthola ireythi yokugeleza
kwekhemikhali.
• Amafl at-fan nozzle asetshenziselwa ukuche-
lela iningi lamaherbicide kanye namanye ama-
insecticide lapho kudingeka iconsi eliphakathi
nendawo;
• Amafl ooding kanye namafull cone nozzle ase-
tshenziselwa amaherbicide amaningi achelelwa
ngaphambi kokutshala ngoba akhiqiza amaconsi
amakhulu angagijimi kanti kungasetshenziswa
newide nozzle spacing;
• Amahollow cone nozzle akhiqiza amaconsi
amancane kanti asetshenziselwa ukuchelela
ama-insecticide namaherbicide adinga uku-
ngenelela emacembeni andlalekile.
Kubalulekile kakhulu ukuhlolisisa isimo seno-
zili ukuthi ayidabukanga ngoba amanozili aphe-
lile anga holela ekucheleleni amanani okungewona
engxube. Imetheriyali esetshenziswayo ukwenza
amanozili yiyona eba nomthelela eminyakeni
yokuphila kwenozili kanye nendlela esetshenziswa
ngayo. Amametheriyali afana netungsten, icarbide,
iceramic kanye nestainless steel esiqinisiwe asiza
amanozili ukugcina ukugeleza okusimeme isikhathi
eside. Kanti-ke amanozili enziwe ngeplastiki kanye
nebrass awaqinanga ngokwanele okwenza izinga
lokugelelza likhuphuke ngokuhamba kwesikhathi.
Amafama amaningi avame ukuzikhohlisa ngokuthi
onga imali lapho ethenga amanozili ashibhile kanti
iqiniso ukuthi bagcina bekhokhe ngaphezulu ema-
lini yamakhemikhali ngenxa yokukhuphuka kwezi-
nga lokugeleza.
Kubalulekile ukwazi ukuthi kulindelekile ukuthi
inkampani edayisa amakhemikhali ikuqwashise
ngendlela efanalekile yokusebenzisa amakhe-
mikhali lawo ekudayisela wona. Kuyimvamisa futhi
ukuthi abadayisi bamakhemikhali beze epulazini
lakho bezokusiza ngokulungiselela ispray rig kanye
necalibration. KwiPula/Imvula yangoNovemba
sizobheka amaSprayer Fundamentals – Calibration
okuhlolwa kwensimu.
Okubaluleke kakhulu ngezicheleli – izinga lamanzi kanye namanozili
I-athikhili ibhalwe nguJenny Mathews, umbhali wePula/Imvula. Uma ufuna imininingane egcwele thumela i-imeyili [email protected].
Ulwazi olushaya emhloleni, impahla yokusebenza efanele kanye nempahla edingekayo yokuphepha yikona konke okudingekayo ukuqinisekisa ukuthi amakhemikhali achelelwa ngendlela efanele.
THIS PUBLICATION IS MADE POSSIBLE BY THE
CONTRIBUTION OF THE MAIZE TRUST
Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 12Pula Imvula_Oktober_2013_Zulu.indd 12 2013/09/23 12:39:01 PM2013/09/23 12:39:01 PM