Upload
others
View
2
Download
0
Embed Size (px)
Citation preview
umandulo • 2015
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
UkUba Yisiphiwo akUsona isiqalekiso!
Unakekelo lwamehlo Umdlavuza wezingane
mahhala
Nokunye ngapha-
kathi!
USENGABA NGONEMPILO. PHILA KAHLE, YIDLA KAHLE, HLALA UPHILILE!
* The SMSs will talk about HIV, so you must be comfortable receiving these messages on your phone
Umyalezo ovela kuMEC WezeMpilo e-KZN,
uDkt Sibongiseni Dhlomo
Kwaba ngenkulu intokozo
kimina ukuvakashela Isikhungo
Somphakathi Sempilo iPholela,
eseBulwer ngenxa yomlando
owehlukile wendawo ekuhlinzekeni ngo-
nakekelo lwezempilo eNingizimu Afrika.
IPholela CHC ithathwa emhlabeni jikelele
njengendawo lapho kwaqalwa ngem-
pumelelo Unakekelo Lwezempilo Oluy-
isisekelo ukubhekana nezidingo zezem-
pilo zomphakathi ngonyaka we-1940.
Uhlelo lwe-PHC lugxile ekugwemeni izifo,
ukukhuthaza inhlalo enempilo kanye
nokuqalisa uhlelo lapho onompilo bese-
benzisana khona nemiphakathi, behlela
izindawo, beqonda amasiko, izinkolelo
nemikhuba yomphakathi, inhlalomnotho
kanye nezimo zempilo ezandile. Nakuba
indlela ye-COPHC yavalwa eNingizimu
Afrika ngesikhathi kuthatha izintambo
uHulumeni wanaNeshinali, ngiyajabula
ukumemezela ukuthi sesiyayivuselela
ngokusebenzisana neNyuvesi yaKwaZu-
lu-Natali. Inyuvesi iyothumela abafundela
ubudokotela eMtholampilo iPholela uku-
ba bayoqeqeshwa. Kufanelekile ukuthi
siqoke iPholela CHC ukuba sihlole ngayo
ukusebenza kwalolu hlelo, sethemba
ukuthi kuyosabalala ezweni lonke.
uMandulo usinika ithuba
lokugubha Ukuqwashisa Ngokuba
Yisiphiwo. Lokhu kusikhumbuza
ukubaluleka kokuphatha ngendlela
efanayo abantu abayiziphiwo kanye
nabanye nje abantu. Kumele sonke
sikhohlwe yizinkoleloze ezithinta bona.
Kumele sikhumbule ukuthi bangabanye
bethu – izingane zethu – zazingazalwa
ziyiziphiwo.
ngiyajabula ukuthi Usuku
Lomhlaba Lonakekelongxube lugujwa
ngoMandulo. Nginothando olukhulu
lwalo mkhakha wezempilo ngoba
linika thina njengabelaphi ithuba
lokwehlisa izinhlungu kanye nobuhlungu
obutholwa abagulayo. Ngale nyanga,
ngokusebenzisana ne-Hospice Palliative
Care Association of South Africa
(HPCA) sizosingatha Ingqungquthela
Yonakekelongxube eThekwini. Sikholwa
ukuthi le ngqungquthela izoqinisa
imizamo yethu yokuhlanganisa
Unakekelongxube nohlelo lwezempilo
njengoba lukhuthaza ukuhlinzekwa
konakekelo oluhle kubantu abagula
kakhulu nokuqinisekisa ukulawuleka
kwezinhlungu nezinye izimpawu
ezibanga ingcindezi. Unakekelongxube
lufaka phakathi ukuhlinzeka
ngemfudumalo, ukuthula kanye
nesithunzi kogulayo kanye nomndeni
wakhe njengoba ikhuthaza ukuphila,
ikhuthaza ithemba isize abantu ukuba
bathokozele usuku nosuku. Yinto
esiyidingayo sonke yokukhuthaza
nokweseka.
UNkulunkulu Anibusise!
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
UTHI BEWAZI…
Kunqobe loKhu
Ukushaya kwenhliziyo
yomuntu wesifazane
KUYASHESHA kuno-
wesilisa ngamabhithi
ayisi-8 ngomzuzu!
UmandUlo yinyanga... Yokuqwashisa ngenhliziyo
Ngolwazi oluningi olufundayo, kwehla ubungcuphe besifo senhliziyo.
Ukuzivocavoca njalo kungukhiye obalulekile wenhliziyo enempilo. Futhi kumahhala!
Ungayilawula inhliziyo yakho ngokudla okun- empilo, ukuzivocavoca nokulawula ingcindezi.
Akulula ukuba abantu abadla isidlo sasekuseni babe nezifo zenhliziyo – kepha alibe nempilo!
Ukulala kakhulu noma kancane kungabanga isifo senhliziyo – lala amahora ayisi-7-8 ubusuku ngabunye.
Uqala kanjani umdlavuza wobungane?Umdlavuza uqala ngamaseli okuyiwona akha imizimba yethu. Kwakheka amaseli amasha njengoba sisuke siwadinga bese amadala efa. Kwenye inkathi amaseli amadala awafi, abe eseba umdlavuza.
Konke ngomdlavuza wegaziLo mdlavuza owejwayelekile ebunganeni uqala emnkantsheni. Amaseli amhlophe egazi alwa nezifo, emdlavuzeni wegazi, umnkantsha ukhiqiza amaseli amhlophe egazi angalungile enza kube nzima ukuba igazi lenze umsebenzi walo. Lezi ezinye zezimpawu zomdlavuza wegazi, kepha khumbula ukuthi zingabangwa ezinye izimo enganeni yakho, ngakho hlala njalo uxhumana nomsebenzi wezempilo oyohlola ingane yakho bese ekutshela ngesisusa.
OKUmele UKUqAphele Ukukhathala kanye nesikhumba esiphaphathekile Ukugula nemfiva Ukusheshe wophe noma ukutubuzeka Ubuhlungu bethambo Ukukhukhumala kwesisu Ukukhwehlela, inkinga yokuphefumula Ukuvuvuka kobuso nezingalo Ikhanda, ukuquleka, noma ukuphalaza
Izindlela zokwelaphaIndlela yokwelapha iyoya ngeminyaka yengane yakho, impilo yayo kanye noku-sabalala kwesifo. Ukwelapha okwejwayele-kile yilokho kwemisebe bese kuthi kwez-inye izimo kube ukunikelelwa ngomnkant-sha. Ukuze ingane inikelelwe ngomnkant-sha kumele ithole onofana nse nowayo. Kunokukhulu ukwentuleka kwabanikelayo lapha eNingizimu Afrika. INingizimu Afrika idinga abazonikela okungenani abayi-100, 000 ukuze kusizakale izingane ezinalolu hlobo lomdlavuza.
UMDLAVUZA WOBUNGANE Konke okumele ukwazi
UNAKEKELO LWENHLIZIYO Umyalelo ovela kwabezimo eziphuthumayo e-KZN
IZINDABA ZEZEMPILO E-KZN Ezakamuva ezivela Kwezempilo e-KZN
UMFANEKISO Hlakanipha, soka
IZINSUKU ZOKUQWASHISA Izinsuku Zezempilo ngoMandulo
UKUQWASHISA NGEZINSO Bhekelela izinso zakho nazo ziyokubhekelela!
UKUBA YISIPHIWO Akusona isiqalekiso!
IMPILO YOMLOMO Amathiphu ezinsini ezinempilo
UNAKEKELO LWAMEHLO Ungakugwema kanjani ukungaboni
UM
AN
DU
LO 2
015
UKUBA YISIPHIWO
Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:UMNYANGO WEZEMPILO E-KZN: UPHIKO LWEZOKUXHUMANA
U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)
COLIWE ZULU
THANDI ZULU
THEMBA MNGOMEZULU
sARA AULD
DR GUGU MAZIBUKO
UM
DLA
VUZ
A W
OB
UN
GA
NE
UNAKEKELO LWAMEHLO
okuqukethwe
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Izingane ezithi azibe ngama-800 lapha eNingizimu Afrika zitholwa zinomdlavuza bese kuthi ezinga-ma-500 zishone ungakahlonzwa noma ungakelashwa. Umdlavuza wegazi ungumdlavuza owej-wayelekile ohlasela izingane, ngakho uma ungumzali, funda kabanzi ngawo ukuze wazi uku-thi ungayisa nini ingane yakho ukuba iphinde iyohlolwa.
IMPILO YOMLOMO
InyAngA yokUqWAsHIsA ngomdlAvUZA WoBUngAnE
ONGAXHUMANA NABOTHE CANCEr ASSOCiATiON Of SOUTH AfriCA.................0800 22 66 22CHildHOOd CANCEr fOUNdATiON SOUTH AfriCA...........................086 111 2182THE SUNflOwEr fUNd .... 0800 12 10 82AddiNGTON HOSpiTAl .......031 327 2000iNKOSi AlBErT lUTHUli CENTrAl HOSpiTAl ..............031 240 1000KiNG EdwArd Viii HOSpiTAl .......................................031 360 3111GrEY’S HOSpiTAl ...................033 897 3000
UMA USUHLONZWE KUSENESIKHAtHI KUNGELASHWA IZ-INGANE EZINGAMA-70% - 85% NGAKHO UNGAZIBAMBEZELI!
Ukuqonda umdlavuza
wegazi
UNAKEKELO LWENHLIZIYO
Imifanekiso esetshenziswe kwEzEmpilo eyokucacisa kuphela, ayiqondile ukuveza abantu bangempela futhi ayimele lokho okuqukethwe ushicilelo.
Sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini! P O Box 25439, Gateway, 4321, UCINGO-031 825 6790. I-EMAIL: [email protected] ILUNGELO LOBUNIKAZI
Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo… Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe futhi kusakazwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela.
Zonke izikhangiso ezikulo magazini akukona ukuthi zisekelwa ngokusemthethweni uMnyango Wezempilo Wase-KZN, uMasipala WasEthekwini noma Ezempilo Health Matters
UN
AK
EK
ELO
LW
EN
HLI
ZIY
O
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Ukuthi kunini lapho ongacela usizo ngenhliziyo yakho
No-Rob McKenzie Wezezimo Eziphuthumayo e-KZN
ImIyAlElo yokWAZI
Uma umuntu ezwa izinhlungu esifubeni, uye acabange isilungulela bese elinda ukuthi zizophela izinhlungu. Njengabezimo eziphuthumayo siye sithole ukuthi abantu bayephuza ukuthola ukwelashwa uma beqala ukubona izimpawu zokuhlaselwa yinhliziyo.
ZAZI IZImpAwUUma uzazi izimpawu zokuhlasela kwen-hliziyo, uyokwazi ukuthola usizo ngokushe-sha noma usize onenkinga. Ukuhlasela kwenhliziyo okuningi kuqala kancane, ngezinhlungu ezincane ezinyuka ngaman-dla. Abantu abasuke behlaseleka ababi na-siqiniseko sokuthi kwenzekani bese Belinda inkinga ize ibe nkulu. Qaphela lezi zimpawu okungaba ezokuhlasela kwenhliziyo:
Izinhlungu esifubeni Ukuhlaseleka okuningi kubandakanya ubuhlungu esifubeni okuba okwemizuzwana, noma okuphelayo kubuye kuqale phansi. Kungezwakala kuwubuhlungu obunomfutho, ukucindezeleka noma izinhlungu. Khuluma nomtholampilo oseduzane ngoba abanye abantu ababi nezinhlungu esifubeni uma be-hlaselwa yinhliziyo okungenzeka kube yisilungulela noma okunye nje.
Ubuhlungu kwezinye izindawo ezingasenhla nomzimba Izimpawu zingabandakanya ubuhlungu noma ukungazizwa kahle kuzo zombili izingalo, umgogodla, intamo, umhlathi noma isisu.
Ukuphelelwa umoya Lokhu kun-genzeka kukhona noma kungekho ubuhlungu esifubeni.
ezinye izimpawu zingafaka phakathi umjuluko obandayo, isicanucanu noma ikhanda elibuhlungu kancane.
Ungalekelela kanjani uma usola ukuthi kukhona onokushaywa yinhliziyo:
Yehlisa umoya bese ukhulume nalowo muntu ngomoya ophansi nangezwi elim-qinisayo
Biza i-ambulensi bese utshela umshayeli okwenzekayo nokuthi ucabanga ukuthi lowo muntu uhlaselwa yinhliziyo.
Lalisa noma hlalisa phansi lowo. Ungam-vumeli ahambe noma enze okugqilazayo
Xegisa izimpahla eziqinile njengebhande noma uthayi
Uma kuphephile, lindisa omunye eceleni komgwaqo ukuze akhombise abezimo eziphuthumayo lapho ukhona.
Uma isiguli siquleka noma singasaphefu-muli yenza i-CPR, uma ukwazi ukuyenza.
Uma ungayazi i-CpR, landela le miyalelo elula:
1 phAmpA
Phushela phansi phakathi nesi-fuba ama-intshi amabili izikhathi ezingama-30, isandla esisodwa kwesinye. Pampa ngaman-dla nangamawala ngezinga elingama-100/ngomzuzu.
2 FUthA
Dudulela ikhanda emuva bese uphakamisa isihlathi. Cindezela ikhala lakhe ulivale bese wem-boza umlomo wakhe ngowak-ho bese ufutha uze ubone isifuba siphakama. Phefumulela kuye kabili. Lokho kuphefumula kumele kuthathe umzuzwana owodwa.
3 qhUbeKA
Qhubeka nokuphampa esi-fubeni izikhathi ezingama-30 ube uphefumulela kabili emlony-eni womuntu kuze kufike usizo.
UNgqoNgqoshE wEzEmpilo E-kzN, UDkt siboNgisENi Dhlomo ushayele ihlombe iqha-za elibalulekile elibanjwe yisiKhungo Sempilo Yomphakathi iPholela njengendawo yokuqala yemodeli Yonakekelo Lwezempilo Oluyisisekelo, oselusetshenziswa emhlabeni jikelele.
Ekhuluma ngenkathi kunesifundo sesikhum-buzo soDokotela Sidney no-Emily Karks abafika ePholela baqalisa le ndlela yokwelapha kubhe-
kwe emphakathini, uNgqongqoshe uDhlomo wathi le ndawo iyosetshenziselwa njengesizinda sokuqinisa indlela ye-PHC esifundazweni.
Uhlelo lwe-PHC lugxile ekugwemeni izifo ngendlela eholwa umphakathi. “Lapha eNin-gizimu Afrika uyahlonishwa uma ungudokotela wamathambo onquma imilenze yabantu uma inezinkinga. Kepha eCuba uhlonishwa ngoku-fundisa abantu ukugwema izifo. Siyazi ukuthi in-
dlela ye-COPH iyawasebenzela amanye amazwe, sifuna ukuyibona isebenza ezweni lethu,” kusho uNgqongqoshe uDhlomo.
UDhlomo wabuye wavula ngokusemtheth-weni ibhilidi elisePholela CHC lokuhlala abase-benzi i-Dr Samkelisiwe Theodore Camara, eliqanjwe kabusha ukuhlonipha uDkt Camara owaqeqeshwa eCuba, wedlula emdlabeni ngo-nyaka owedlule engozini yemoto.
UNGQONGQOSHE UKHUMBULA ISIZALO SONAKEKELO LWEZEMPILO OLUYISISEKELO
Ukuqiniswa konakekelongxube
Uqeqesho olusha lwabahlengikazi
EzobUhlENgikazi EzwENi zizophuculwa ngokumenyezelwa ngale nyanga kohlelo olu-sha lokuqeqeshwa kwabahlengikazi.
Ngesikhathi enza isimemezelo esiBhedlela iPrince Mshiyeni okuyoba ngesinye sezikhun-go ezizosetshenziselwa uqeqesho ezweni, uNgqongqoshe uDhlomo wathi uqeqesho lweminyaka emine luyoqinisa lubuye lu-fundise abahlengikazi esifundazweni.
Siyajabula ngokuqokwa kwesiBhedlela iPrince Mshiyeni njengoba siyingxubev-ange exube ukuba yisiFunda; iRijini kanye
nokuhlinzeka ngezidingo ezithe thuthu kanye nemitholampilo engama-22 yon-akekelo lwezempilo eyisisekelo elawulwa nexhumene nesikhungo. Lolu qeqesho luzohlomulisa abantu abayisigidi esi-1.9 abasendaweni eseduze nalesi sikhungo.
Sibophelezekile ukuthola abaneziqu ab-alungele ukubhekana nezidingo zezempilo eziguquguquka njalo zabantu basesifundaz-weni sethu, ikakhulu njengoba zixhumene nobhubhane lwegciwane lengculazi ne-ngculazi uqobo,” kwengeza uDhlomo.
UNgqongqoshe Wezempilo e-KZN uDkt Sibongiseni Dhlomo, iNhloko Yehhovisi LikaNgqongqoshe
Wezempilo e-KZN, uBheki Nzimande, UMphathi Omkhulu kwa-HPCA, uDkt Liz Gwather, IPhini
LoMqondisi: Izifo Ezingathathelwana, uSindi Mthet-hwa kanye no-HPCA Advocacy Manager, uZodwa
Sithole bedingida ngengqungquthela ezayo.
UmNyaNgo wEzEmpilo uzoqinisa unakekelongxube esifundazweni kanye nokukhuthaza eminye imizamo yokuhlonipha isithunzi sesiguli nonakekelo kulolu hlelo.
Kulindeleke ukuba uDkt Dhlomo aca-cise ngokubaluleka konakekelongxube ngengqungquthela yalolu daba ezoba seThe-kwini ngale nyanga, esingathwa uMnyango kanye ne-Hospice Palliative Care Association of South Africa (HPCA).
UNgqongqoshe uDhlomo unothando ngo-nakekelongxube njengoba naye eneziqu na-mava kulo mkhakha. Unogqozi lokukhankasela ukuba lo mkhakha ufakwe kwezempilo ngoba ukhuthaza ukuba kunakekelwe kahle abantu abagula kakhulu ukuba kulawulwe izinhlungu zabo kanye nokubabangela ingcindezi.
Unakekelongxube lufaka phakathi ukuh-linzeka ngemfudumalo, ukuthula kanye nesit-hunzi kogulayo kanye nomndeni wakhe njen-goba ikhuthaza ukuphila, ikhuthaza ithemba isize abantu ukuba bathokozele usuku nosuku. Yinto esiyidingayo sonke yokukhuthaza nok-weseka,” kusho uDkt Dhlomo.
Uyokwethulela ingqungquthela isihloko esithi: Impilo Efihlekile, Iziguli Ezifihliwe:
“ Unakekelongxube lufaka phakathi ukuhlinzeka ngem-fudumalo, ukuthula kanye nesithunzi kogulayo kanye nomndeni wakhe njengoba ikhuthaza ukuphila, ikhuthaza ithemba isize abantu ukuba bathokozele usuku nosuku.”
Unakekelo Lwabo Bonke.” Lena yindikimba yoSuku lwe-World Hospice Palliative Care oluhlonzwe yi-Worldwide Hospice Palliative Care Alliance (WHPCA).
Kulindeleke ukuba iNingizimu Afrika ibike ngokuqhubekayo mayelana nokuhlanganiswa konakekelongxube nohlelo lwezempilo ebhodi-ni eliphethe le-WHO ngoMasingana wezi-2016.
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
UMANDULO
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Inyanga yokuqwashisa ngokunikela ngomnkant-sha nomdlavuza WegaziAbantu abanomdlavuza wegazi bathembela
ekunikelelweni ngomnkantsha. Lokhu kusiza ekulweni
nezifo okungelula ukuba kwenzeke ngoba umdlavuza
ukhinyabeza umnkantsha okuyiwona owenza lo
msebenzi. Kunokwentuleka kwabanikela ngomnkantsha,
kungani ungaphephisi impilo ngale nyanga? Ukuthola
ulwazi ngokuba ngonikelayo, shayela u The Sunflower
Fund enombolweni yamahhala ethi 0800 12 10 82.
Inyanga yokuqwashisa ngomdlavuza WesibelethoLo mdlavuza uhlasela ingezansi lesibeletho kanti
uvame ukubangwa yizifo zocansi (STI’s). Abesifazane
abanegciwane lesandulela ngculazi basengcupheni
wokuba nomdlavuza wesibeletho. Ukugwema lo
mdlavuza kumele:
Ugweme ukwenza ucansi usemncane Usazi isimo
sakho segciwane lesandulela ngculazi. Uma utholakala
kusenesikhathi, makhulu amathuba okwelapheka kwawo.
sebenzisa amakhondomu. Hamba njalo uyohlolelwa
umdlavuza wesibeletho emtholampilo.
Inyanga yabanenk-inga yokuzwaBangaphezu kwesigidi abantu abanenkinga
yokuzwa lapha eNingizimu Afrika kanti le
nyanga eyokuqwashisa ngeqhaza abalibambayo ngaphansi
kwendikimba ethi ‘Ukulinganiswa Kwabanenkinga Yokuzwa’.
Enye yezinselelo eyokwenza ukuba umphakathi uqonde ukuthi
ukungezwa komuntu akuchazi ukuthi akaphilile. Abantu abafa-
na nathi futhi benza konke esikwenzayo. I-Deaf SA iyinhlangano
elwa nokuba kwenziwe semthethweni ulimi lwezimpawu lwas-
eNingizimu Afrika njengolimi lwe-12 olusemthethweni.
Inyanga kazwelonke yempilo yamazinyoIzingane eziyisi-9 kweziyi-10 ziguliswa yizimbobo emazinywe-
ni. Ukubola kwamazinyo kujwayeleke kakhulu ezinganeni.
Uma lokhu kungelashwa kungaholela ezinkingeni ezinjenge-
sifo sikashukela, esenhliziyo, ngisho nomdlavuza womlomo
kanye nesisu. Le nyanga eyokufundisa imindeni yethu ngobun-
gozi balokhu nokubaluleka kokunakekela amazinyo.
Inyanga yokuqwashisa nge-muscular dystrophyLesi simo senza buthakathaka imisipha emzimbeni, futhi
sihlasela oyedwa kubantu abayi-1200 lapha eNingizimu
Afrika. Izimpawu kuba ubuntekenteke bemisipha kanye
nokukhathala.
Inyanga yokuqwash- isa ngokuna- kekelwa kwamehloAma-75% okungaboni angagwemeka ngokugwenywa
noma ukwelashwa, yingakho kubalulekile ukuyohlola
amehlo akho okungenani kanye ngonyaka. Ngale
nyanga khuthaza abanye emphakathini ukuba baye
kohlolwa amehlo.
Inyanga yokuqwashisa ngomdlavuza WobunganeIzingane ezithi azibe ngama-800 lapha eNingizimu
Afrika zitholwa zinomdlavuza bese kuthi
ezingama-500 zishone ungakahlonzwa noma
ungakelashwa. Ukutholakala kwawo kusenesikhathi
kwandisa amathuba okuphila. Ngakho funda
ngezimpawu zawo kuleli bhukwana ukuze kusheshe
kutholakale ukwelashwa.
Inyanga yokuqwashisa ngokuba yisiphiwoAkusona isiqalekiso ukuba yisiphiwo, ngale nyanga sikhunjuzwa ukuba sibabekezelele, sibaqonde futhi sibahloniphe labo abayiziphiwo. Bayefana nathi ngakho akumele sibashalazele.
Usuku lomhlaba
lwempilo yemveloLolu suku lusikhumbuza ukuthi
amakhemikhali anobuthi aphuma
kudoti wezokwelapha angaphelela
kanjani emvelweni, adale izinkinga
empilweni yabantu. Sonke
simelwe ukuyivikela imvelo
ngoba munye kuphela
umhlaba esinawo.
26
Usuku lomhlaba lokuphuza kokh-ulelwe Ukuphuza utshwala
ukhulelwe kungabulala ingane, ungathathi amas-
hansi. Abesifazane abakhulelwe bayakhuthazwa
ukuba bayeke utshwala ukuze kuphephe izin-
gane zabo zingakazalwa. Lolu suku oloku-
qwashisa ngalokhu.
Usuku lwe-AdHdI-ADHD iyisimo esijwayeleke ezinganeni
esikhinyabeza ingqondo. Umuntu
onalesi sifo akahlali phansi. Iningi labantu
abadumile lapha emhlabeni banayo i-ADHD ngakho
iyalawuleka, futhi labo abanayo bayakwazi ukuphila
impilo eyejwayelekile. Uma ubona sengathi ingane yakho
ikhuthele ngokweqile, khuluma nomsebenzi wezempilo.
Usuku lomhlaba le- Alzheimer Lesi sifo sihlasela uku-
khumbula ikakhulu kubantu abadala. Asikela-
pheki kepha ikhona imithi eyenza silawuleke. Kumele sibe
nesineke, sibabekezelele abantu abanalesi sifo.
Usuku lomhlaba lamarabi Amarabi ayabulala, yingakho
kubalulekile ukuba zonke izinja zigonywe. Bika
ngemidlwembe yezinja emahhovisi omkhandlu aseduzane
bese ungavumeli izingane zidlale nazo. Ukulunywa yisilwane
esinamarabi kungabulala.
Usuku lomhlaba lenhliziyo
Uthi bewazi ukuthi ama-80% okush-
ona ngenxa yesifo senhliziyo kanye
nesohlangothi angagwemeka? Ungehlisa
ubungcuphe ngokungabhemi, udle ngokufanele
bese uzivocavoca. Kulula. Hamba njalo uyohlola
umfutho wegazi, amafutha egazini kanye nosh-
ukela – uzikhethele impilo enhle.
Inhliziyo yakho, impilo yakho.
UmAndUlo 2 - 6Isonto lokuqwashisa ngensoLeli sonto lihlose ukuqwashisa ngokugwenywa nokwelas-
hwa kwezinkinga zezinso ezihlobene nomfutho wegazi,
ushukela kanye nokukhuluphala ngokweqile. Funda
kabanzi ngalokhu kulo magazine.
UmAndUlo 2 - 6Isonto lomgogodlaUthi bewazi ukuthi ubuhlungu bomgogodla buyi-
sizathu sesibili esilandela umkhuhlane esenza abantu
bangayi emsebenzini? Bheka indlela ohlala ngayo
bese ugwema ukuthwala izinto ezisindayo ukuze
ungalimazi umgogodla wakho okungakudalela
ezinye izinkinga zempilo.
UmAndUlo 1 - 8Isonto lekhemisiLeli sonto elokuhlonipha iqhaza losokhemisi
ekuqinisekiseni ukuthi imithi isetshenziswa
ngendlela nangokuphepha kanye neqhaza
elibalulekile abalibambayo kwezempilo.
14
21
28
29
9
IsonTo lokUqWAsHIsA ngokWEHlUlEkA kWEZInso
UK
UQ
WA
SH
ISA
NG
EZ
INS
O
Ukunakekela izinso zakho Uma unenkinga yomfutho wegazi noma
isifo sikashukela, qiniseka ukuthi uya njalo ukuyohlolwa emtholampilo ngoba lezi zimo zombili ziyizimbangela ezinkulu zokwehluleka kokusebenza kwezinso namuhla lapha eNingizimu Afrika. Ake sibheke ukuthi konke lokhu kusho ukuthini…
UmAndUlo 2-6
unyaka nonyaka
abantu base-
ningizimu afrika
abayizi-10 000
bayobulawa yizifo
zezinso noma ukwe-
hluleka kwazo
ukusebenza!
KHEtHA IMPILO. KHEtHA UKUPHILA! KHEtHA IMPILO ENDE!
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
UNgAZIgCINA KANjANI IZINsO ZAKhO ZIphIlIleU Zisebenza kanjani izinso zethu?
Izinso zenza yonke imisebenzi yezitho zomzimba ngaphandle kwengqondo. Ze-nza amakhemikhali adingekayo omzimba, zicozulule amakhemikhali angadingeki nayingozi bese zigcina adingekayo. Nsuku zonke izinso zethu zihlanza uketshezi olungamalitha ayi-150 emizimbeni yethu, kubandakanya nomchamo.
ImbANgelA YeZINKINgA ZeZINsOLapha eNingizimu Afrika imbangela enkulu yezinkinga zezinso umfutho wegazi kanye nesifo sikashukela. Kubantu abaningi izifo zezinso zihlala isikhathi eside zingabo-nakali futhi zingelashwa ngoba akuyona into ebonakalayo kanti ezinye zezimpawu ezinjengokukhathala nengcindezi zingaba yizimpawu zokunye. Kuze kubonakale uma sekunenkinga ukubonakala. Ukunakekela izinso zakho kungasiza ekugwemeni isifo sezinso. Okunye kwalokhu ngukudla uku-dla okufanele nokuzivocavoca.
U selashwa kanjani isifo sezinso?
Inkinga enkulu ngezinso ukuthi zingaholela ekungasebenzini kwezinso okube sekud-inga ukuba uyodayalayzwa izinso. Lokho kobe sekusho ukuya esibhedlela esikheth-ekile lapho kuyosetshenziswa khona um-shini ukwenza umsebenzi wezinso zakho. Kuyalindwa kulokhu kwelashwa kanti futhi kuyabiza. Lokhu kudayalayzwa kungenziwa ngezikhathi ezithile ngosuku noma ngeviki kanti lokhu kwelashwa kungokwaphakade ngaphandle uma kutholakala ozokunikelela ngenso. Ukufakelwa inso kuyaphumelela, ama-90% afakelwe inso isuke isebenza kahle emva konyaka kepha akuyona into eyenzeka manje iphele. Kudinga uku-nakekelwa okukhulu ngoba kumele uthole imithi yokwenza inso efakiwe ingawuphiki umzimba wakho.
1 Ukubhema Ungalokothi uqale ukubhema uma ungabhe-
mi. Uma ubhema, yeka! Lokhu okulula kokwehlisa ubungcuphe besifo sezinso. Abantu ababhemayo basengcupheni ngokuphindwe kathathu ukuba nezinso ezehluleka ukusebenza, kanti basengcu-pheni ngokuphindwe kane noma kahlanu ukuh-laselwa yinhliziyo noma isifo sohlangothi.
2 Ungayi mawa-la otshwaleni
Utshwala obuningi bunga-holela esifweni senhliziyo kanye nomfutho wegazi ophezulu, kwenyuse ubung-cuphe besifo sezinso.
KhUmbUlA: Yidla izithelo eziningi nemifino Khetha inyama enjengenkukhu nenhlanzi okungenani kanye ngesonto. Yidla imikhiqizo enamafutha amancane. Yehlisa ekudleni okunamafutha njengen-hlanzi ethosiwe, amachips, inkukhu ethosi-we, nokunye. (sonke siyayithanda inkukhu yethu, qaphela ukudla okuthosiwe!). Yehlisa usawoti
3 Zivocavoce Ukuzivocavoca kwehlisa ukuba sengcupheni yokuh-laselwa yinhliziyo kanye nesifo sikashukela kanti udinga ukuzivocavoca imizuzu engama-30 kathathu ngesonto ukuze uphile. Akumele uze uyojuluka ejimini – ukuhamba ngokushesha nje kwanele.
4 Yidla okunempilo Likhulu iqhaza elibanjwa ukudla okudlayo
empilweni yomzimba wakho. Kungasiza ekulweni nezinye izifo, kusize ekulawuleni ezinye. Abantu abakhuluphele ngokweqile baba sengcupheni yesifo sikashukela kanye nomfutho wegazi ophezulu – isisusa esikhulu sesifo sezinso.
yInyAngA yokU- qWAsHIsA ngokUBA yIsIpHIWo
UK
UB
A Y
ISIP
HIW
O
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
IMP
ILO
YO
MLO
MO
Abesifazane abakhulelwe baba noguquko kumahomoni abo bese izinsini zabo zizwela kakhulu,
yingakho kubalulekile ukuba uma ukhulelwe uhlale njalo uya kohlola bese udla ukudla okunamavithamini kanye nekhalisiyamu ukugcina amazinyo akho enempilo (amaqanda, inyama, ubhontshisi, imifino eluhlaza kanye nezithelo ezinjengamawolintshi). Izinsini ezingenampilo namazinyo kungakhin-yabeza impilo yakho kanye neyengane yakho engakazalwa.
Ubisi lwengane luwalimaza kan-jani amazinyo engane yakhoOngoti bakubiza ngokuthi yi Baby Bottle Syndrome futhi sekuyinkinga yamazinyo ejwayelekile ezinganeni. Izimpawu kuba ukubola kwamazinyo amane angenhla engane, okwenzeka ngoba ingane ilala nebhodlela lobisi noma lejusi emlonyeni. Ngesikhathi ingane yakho iphuza, ubisi ilumunca ngamazinyo angaphambili okuvumela ibhaktheriya ikhiqize i-esidi
ebulala ikhalisiyamu emazinyweni. Ikhal-isiyamu idingekela ukugcina amazinyo eqinile, ngaphandle kwayo amazinyo ayabola okuholela ezifweni ezinjengesen-hliziyo, esikashukela, ngisho nezinkinga zokukhuluma kahle.
UKUgwemA lOKhU: Khetha ukuncelisa ibele – kunempilo
futhi kunikeza ingane wonke umsoco ewudingayo.
Khuthaza izingane ukuba zixubhe amazinyo emva kokudla. Ingilazi eyodwa.
Fundisa izingane ukugwema noma zehlise emaswidini kanye neziphuzo ezinoshukela – ujusi we-aphula uquke-the amathispuni ayisithupha nohhafu kashukela.
Hamba njalo uyohlola wena nengane yakho
Uma unesifo sezinsini noma inkinga emlonyeni thola ukwelashwa bese ukhuluma nomsebenzi wezempilo uku-gwema obunye ubungozi obulandelayo obungavela.
InyAngA yEmpIlo yEZomlomo
Ukubandlululwa emphakathiniUmama wakhe kuphela owayemeseka futhi engakuye uThami uma echaza ngosizi; wayemusa yonke indawo ngoba akekho owayefuna ukumthinta. Ngesikhathi esengena esikoleni, izinga lokucwaswa lenyuka ngoba wayes-ehlala njalo eyedwa. “Abazali babetshela izingane zabo ukuba zingadlali futhi zin-gakhulumi ‘nomthakashana omhlophe” ngoba bengakuqondi ukuba yisiphiwo. Ngokuqhubeka kweminyaka ngangiba ngedwa, nempilo yami yangaba yinhle,” engeza. Namhlanje uThami ubhekana nesimo sakhe futhi uziphilisa ngomse-benzi awenzayo – kepha akubanga lula ngenxa yezinkoleloze ngesimo sakhe.
Ukuba yisiphiwo akusona isiqalekisoUmsebenzi wezempilo uThabo Gwala uthi kumele abantu bazi ukuthi ukuba yisiphiwo akuthelelani futhi akumele besatshwe abay-iziphiwo. “Umphakathi kumele ubaseke futhi ubaqonde abayiziphiwo. Bayefana nathi, abaqalekisiwe futhi abanayo imimoya yobuthakathi”, kusho uThabo.
Izifo ezihaqa abayiziphiwoAbayiziphiwo baba nenkinga yokungaboni kahle kanti akumele bathole ukushisa kwelanga ngoba isikhumba sabo siyazwela. Uma bephandle kumele bagqoke izigqoko zelanga ukuze ban-gatholi umdlavuza wesikhumba bese begqoka nezibuko zelanga ukuze bekwazi ukubona kahle.
UmAndUlo
AmAqiniSo ngokubA
yiSiphiwo
Ukuba yisiphiwo kuyisimo esidalwa ukwentuleka kombala wesikhumba obizwa nge ‘melanin’.
Akukhubazi ukuhlakanipha komuntu.
Ukuba yisiphiwo kungadala izinkinga zokungaboni.
Abantu abayiziphiwo bayazwela kakhulu ekukhanyeni.
Ungabagwemi abayiziphiwo ngoba abaqalekisiwe.
Uthami wazalwa eyisiphiwo, njengoba esemdala use-cacisa ukuthi ukungabi nalwazi komphakathi kuyikhu-baze kanjani impilo yakhe. Udaba olubuhlungu lokuthi izinkolelo zabanye abantu ziyilimaza kanjani impilo yabanye abantu, ngale nyanga sihlinzeka ngolwazi ukuze abantu baqonde ukuthi ukuba yisiphiwo akusona isiqalekiso; yisimo esidinga ukuqondwa nokwelekelelwa.
Fundisa, unga- bandlululi
udAbA LukAThAmi
“Ngesikhathi ngizalwa umndeni
wami kanye nomphakathi babethi
umama wayethandana nomlungu,
yingakho ngazalwa ngimhlophe.
Babengakholelwa ekubeni yisiphi-
wo. Umndeni wami wabukwa
njengoqalekisiwe, ubaba wami wa-
hamba ngosuku engazalwa ngalo.
Angimazi nhlobo,” kusho uThami.
iqiniSo: owesifazane okhulelwe usemathubeni kasikhombisa okuthola
umntwana kungakabi yisikhathi.
Izingane eziyisi-9 kweziyi-10 eNingizimu Afrika ziguliswa yizimbobo emazinyweni
Izingane eziyisi-9 kweziyi-10 eNingizimu Afrika ziguliswa yizimbobo emazinyweni
Ukuziba izinsini ezophayo kungaholela ekuguleni okukhulu, isifo sikashukela, esenhliziyo kanye nomdla-vuza wesisu
Uvamile umlomo owomile uma udla imishanguzo yegciwane lengculazi ngenxa yokungabibikho kwamathe aneleyo akhek-ayo ukugeza ibhaktheriya emlonyeni wakho. Cela um-sebenzi wezempilo akunike igama lesihlanzimlomo sokwehlisa ubungcuphe bokubolelwa amazinyo.
UWENA KUPHELA ONGAGWEMA UKUBOLA KWAMAZINYO!
ukuba Yisiphiwo
akubona
ubuthakathi!
yInyAngA yokUqWAsHIsA ngokUnAkEkElWA kWAmEHlo
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Wawuyokwenzenjani uku-ba wawungaboni?Abantu abangaphezu kwama-500,000 baminyaka yonke lapha KwaZulu-Natali banezinkinga zokubuka, i-Glaucoma ihamba phambili ekuholeleni ekungabonini. Sebenzisa lolu lwazi olulan-delayo ukuqonda kahle ngalokho ongakwenza ukugwema lokhu kanye nokwabelana ngolwazi nabanye emphakathini:
UN
AK
EK
ELO
LW
AM
EH
LO
angagwemeka
ama-80%okungaboni!
UmAndUlo
Iyini i-glaucoma?Uma uketshezi olusemehlweni akho lun-gahambi kahle, luholela ku-Glaucoma. Uma lo mfutho uhlala uphezulu, unga-holela ekungabonini. UNgAKUgwemA KANjANI lOKhU? Ukuhlola njalo amehlo kuyiyona ndlela yokuh-lonza i-glaucoma. Kumele izingane zihlale njalo zihlolwa amehlo ngoba ukusheshe kutholakale izinkinga kunika amathuba an-gcono okwelashwa. UMnyango Wezempilo e-KZN uhlinzeka ngokuhlolwa kwamehlo ezikhungweni zezempilo kanye nasemith-olampilo engomahambanendlwana ehamb-ela sonke isifundazwe. Kubalulekile ukuseben-zisa la mathuba ukuze amehlo ahlolwe njalo. UKwelAshwA Ukwelashwa kwe-glaucoma kubandakanya ukusetshenziswa komuthi wamehlo oconsiswayo. Kulula ukwelashwa akwesabisi. Okubalulekile ukubuyisa ukubona kwakho, ungadileyi ukuthola ukwelashwa – uma ukuyeka isikhathi kuzoba yinkinga kakhulu!
Ungwengwezi emehlweniUngwengwezi emehlweni luba khona uma kunqwabelana amaphrotheyini ku-lensi yamehlo okuwenza abe mhloshana. Lokhu kwenzeka kakhulu kubantu abadala, kwesinye isikhathi nasezinganeni ezizalwa nakho noma ezingakhuli kahle. UKwelAshwA Uma uqhubeka nokung-aboni kahle kuyomele ususwe ungwengwezi emehlweni. Imitholampilo engomaham-banendlwana iyakwenza lokhu manje, sibo-nga ubuchwepheshe obusezingeni eliphe-zulu, bheka ukufika kwabo okulandelayo!
UKUtHI UKUHLOLA AMEHLO NJALO KUNGAKUGCINA UBONA NJALO!
1 Dlela ukubona kahleUkujwayela ukudla lokhu
kudla kungaholela emehlweni anempilo:
Imifino eluhlaza enamaqabunga, enjengesipinashi Inhlanzi, ikakhulu ituna kanye nenhlanzi enamafutha Amaqanda, amantongomane, ubhontshisi. Amawolintshi nezinye izithelo ezifana nawo nojusi bakhona
3 gqoka izibukoIzibuko zamehlo ezifanele
ziyosiza ekuvikeleni amehlo akho emisebeni yelanga elimazayo. Khetha izibuko zelanga ezivimba imisebe i-UVA kanye ne-UVB ngama-99% kuya kuma-100% - ungawathengeli imfashini!
2 Yeka ukubhema
Uma uke wazama ukuyeka ukubhema ngaphambilini kepha wabuye wabuyela, qhubeka nokuzama. Uma uqhubeka nokuzama ukuyeka ukubhema, uyogcina uyekile.
4 Uma usebenzela ekhompyutheni
Gwema ukungena kweglare ekhompyutheni yakho ingena ngamawindi kanye Nokukhanya. Uma kudingekile sebenzisa isikrini esingangenisi i-glare.
sebenzisa isihlalo esikuphasayo uhlale kahle. sibeke ngendlela yokuthi izinyawo zakho zithinte phansi.
Uma amehlo akho omile, cwayiza kakhulu.
Njalo emva kwemizuzu engama-20, phumuza amehlo akho ngokubuka kude imizuzwana engama-20.
Phumula imizuzu eyi-15 njalo emva kwamahora amabili.
Njengoba usuyiqonda kangcono i-glaucoma nongwengwezi emehlweni, umisa kanjani ngendlela odla ngayo nendlela yokuphila? Ngaphandle kokuhlola njalo, zama ukwenza lokhu okulandelayo: