8

Umlfeb21p00

Embed Size (px)

DESCRIPTION

 

Citation preview

Page 1: Umlfeb21p00
Page 2: Umlfeb21p00

2 IZINDABA Umlazi Eyethu- 21 February 2014

ISIMO SEZULU IZINKANYEZI

Thursday Max

Max

Max

Max

210C

210C

190C

200C

300C

280C

290C

290C SE

S

SW

E

Wind

Wind

Wind

Wind

Min

Min

Min

Min

Friday

Saturday

Sunday

Aries Kulelisonto uzokwehlukana nezinto ezimbi uphinde udede ebantwini abangesizo empilweni yakho. Aku-mele uzikhohlise, ukudla ngendlela nokuzigcina ulingene kudinga umse-benzi omningi.

Taurus Uzokuba nenkinga ngendlela ozizwa ngayo, kumele uqaphele ukuthi awen-zi izethembiso ozohluleka ukuzigcina. Kumele ube semicimbini ezokuhlan-ganisa nabantu, uzothuka usuhlangana nabantu abazokuba wusizo.

GeminiKuzomele wenze ohluleke uku-kwenza, ungavumeli kubekhona abazokunqabela ukuba uphumelele, uqaphele ungadaluli izimfihlo zakho. Lindela ukuba nezinkinga nozakwenu, gxila emsebenzini wakho, uqaphele ukuthi akekho othola izincomo ngenxa yomsebenzi wakho. Uma unenkinga, bonisana nomndeni, ungakusiza ukuxazululise.

Cancer Uzokuya kude umangabe uzose-benzisa umqondo wakho ngendlela. Uwena kuphela ongazivimba ukufinyelela lapho ohlose khona. Qin-isekisa ukuthi izethembiso uzibhala phansi, ungasabi ukuzibandakanya ezinhlelweni ezintsha.

Leo Uzosebenzisa umdlandla wakho, ukwazi ukuzizwa kahle. Lesi yisikhathi sokwenza izinguquko. Uzokhathala umangabe kade uzikhandla kakhulu. Landela amaphupho akho, cela ukukhushulelwa umhlomulo usayine nezinkontileka ezintsha.

Virgo Uzokwazi ukuqeda umsebenzi ngesikhathi. Kuzomele wazi ukuthi yini ebaluleke ngempela kuwe, uqede umsebenzi ngesikhathi. Kumele ulahle ongasakudingi, uzozizwa ungcono uma usuphothule konke okumele uk-wenze. Qinisekisa ukuthi uxhumana ngendlela nonobudlelwano naye

Libra Uzozizwa usothandweni. Ukuzikhan-dla kwakho kuzobonakala. Zama ukungadli ukudla okungahambisani nesisu sakho. Kungenzeka kubekhona umngani wakho ozokunengeka, tshengisa ubuntu kuye. Xoxisana nabantu abaseke baba lapho ofisa ukuya khona.

Scorpio Lalela imizwa yakho, ugxile kokumele ukwenze. Kungenzeka kubekhona abangaboni izinto njengawe, ungaku-vumeli lokho kugcine sekubanga izingxabano. Uzosebenza ngokuyikho uma uzozilalela wena uzazi nokuthi uzimisele ngani.

Sagittarius Angeke uzizwe kahle, ufinyelele esiphethweni okungesiso. Ungabi nakunanaza, yisho lokhu okucaban-gayo. Ukuzibandakanya kwezemidlalo kuzokusiza wehlise ingcindezi. Zipha-the ngendlela, ufezekise amaphupho akho. Kuzomele wenze izinguquko ezithile ukuze ujabule. Akumele yonke into uyifake enhlizweni.

Capricorn Uzokwazi ukubhekana nezinkinga. Ungabi nankinga ukuxoxisana nomuntu omkhathalele. Ungamoshi imali, uhlobise noma sesingekho isidingo. Yisho okumele ukusho ku-phela, ungangeni ngekhala ezindabeni zabanye. Gxila emsebenzini wakho, kungenzeka osondelene naye abe nomsindo afune nengxabano.

Aquarius Kuzokuba nezinguquko ezinhle ekhaya lakho. Uzokuba nenkinga ukugxila ezintweni ezinzima. Izink-inga zangasese zingaba nomthelela emsebenzini wakho. Thatha usuku uma kunesidingo, uphumule.

Pisces Uzokwazi ukubhekana nezingqinam-ba, uqhubekele phambili. Umangabe izinto sezihamba ngendlela yakho, uzokwazi ukubhekana nezinto ezimbi ezisendleleni yakho. Kumele uqaphele ukuthi uthemba bani ezindabeni zak-ho zezimali. Lalela labo abanolwazi nesipiliyoni. Mema abathile, bachithe isikhathi nawe.

Cell: 078 300 4074

EYETHUINSTHONALANGA

EYETHUINSTHONALANGA

Uma unenkinga yokungalitholi iphepha

shayela lenombolo yamahhala :

0800 4444 66

031 716 4532

115 Escom Road, New Germany, 3610

or drop off at 115 Escom Road, New Germany, 3610

Publisher:7 Stranack Str

Pietermaritzburg 3201

Cell: 084 297 2015031 716 4444

Tsepiso [email protected]

Sabelo [email protected]

Sales Consultant Thobile Blose

[email protected]:031 716 4541

Fax: 031 716 4532Cell: 079 227 8383

Sales/Advertising Malcolm Naidoo

[email protected]:031 716 4403

Fax: 031 716 4532 Sazi Cele (26) kwa K: Ayikho into angakhulumanga ngayo ebengifuna akhulume ngayo futhi konke lokhu akhulume ngakho siyakubona la emawadini ethu izindlu ziyakhiwa, izikole ziyalungiswa nemigwaqo iyakhiwa.

Bongani Mchunu kwa R: Ukuvezile ukuthi uzothuthukisa kanjani amathuba ezemfundo kodwa mina ngingathanda aqale ezikoleni zasemakhaya nasemalokishini. Akagxile kakhulu ekuthuthukisweni amathuba emisebenzi entsheni engasebenzi.

Sandile Magwaza (18) kwa M: Ukhulume ngokuthembeka uZuma futhi ngiyethemba uzozifeza izidingo akhulume ngazo kodwa kwezemfundo akachazanga ukuthi uzokwenzani ukuthi abafundi nothisha baphephe ezikoleni.

Mduduzi Mbiko (21) be-H3 iqembu lomculo: Ngingathanda kulungiswe umnyango wezemfundo ngokuthi ezikoleni abafundi bathole okuya ngasethunjini nokuthi kubemahhala ukufunda kusukela emazingeni aphansi kuphinde kuthuthukiswe amakhono entsha.

Bathobile Nene (42) kwa V: Ukhulume iqiniso uZuma ngoba ezintweni abezithembisile uhulumeni ngonyaka odlule uzenzile njengokwakhiwa kwezindlu. Kuningi osekwenzekile kuleminyaka ewu 20 kuphethe i-ANC.

Thenjiwe Madida (26): Enkulumweni kamongameli Jacob Zuma ukhulume ngezinto ebesivele sizilindele njengokuthi kuzovuleka amathuba emisebenzi. Intuthuko ikhona kodwa kumanje kunombhikisho ewadini abantu bafuna imisebenzi.

BAVEZA IMIZWA NGENKULUMO KAMENGAMELI JACOB ZUMA

Umlazi Eyethu, wenzela iGovernment Communication and Information System (GCIS), ubuze amalunga omphakathi waseMlazi ngemizwa ngenkulumo yesizwe kaMengameli

Jacob Zuma, ebingoLwesine ebusuku ngeledlule. Izithombe: Tsepiso Mndebele noSabelo Ngema

KUNETHEMBA KUNGENELELA IMEYA EWADINI

IBUYILE inhlansi yethemba kubahlali basewadi 76 ngemumva kwenkulumo ethulwe imeya yeTheku uMnuz James Nxumalo ehamba nelunga lesishayamthetho sakwaZulu-Natal uNks Dora Dlamini nabanye ngesonto eledlule eGlebe.

Bekulindeleke ungqongqoshe wezokuphepha komphakathi uWillies Mchunu, nabanye ongqongqoshe okubikwe ukuthi

bathathwe eminye imisebenzi njengoba kukhankaswa.

Umphakathi ukhombise ukuzihlonipha ngenkathi umeya esethula inkulumo ethembisa ukuthi kuzoba nomhlangano ngoLwesithathu, ngabaholi abazophendula yonke imibizo ebhalwe kumqulu owahanjiswa ngonyaka odlule.

Umeya ebuzwa ukuthi ikhansela lisazoqhubeka yini nomsebenzi walo uthe:

''Sizohlangana ngoLwesithathu isinqumo sizothathwa u-ANC ngoba

iyona oqashe ikhansela.'' Uchaze nokuthi umqulu uhlukene

kabili kukhona okuthinta ipolitiki nentuthuko.

Kulomhlangano kulindelwe ihhovisi likangqongqoshe wezokubusa nokubambisana uNkk Nomusa Dube, ungqongqoshe wezokuthutha nokubambisana komphakathi uMnuz Willies Mcunu, imeya yeTheku, ubuholi beANC.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule kubenokhukhulela ngoqo wemashi, babhalela umkhandlu incwadi yezikhalazo

enemibandela.Kuleyoncwadi babhale ukuthi

abasalidingi ikhansela lewadi ngoba lenza izinto ngendlela yalo.

Kuthiwa belikhona ikhansela ehhovisi ngenkathi kutheleka imeya nezinkumbi zabantu zilindile enkundleni. Kanti ukubhalisela ukuvota nokubheka amagama kuthiwa kuhambe kahle.

Imeya ihlalile emhlanganweni kodwa uzophinde uhlale futhi kulelisonto.

_______________________Sabelo Ngema

Page 3: Umlfeb21p00

Terms and conditions apply. Serving suggestion only. Tableware not included. Ingredients and allergens list available on request. Price valid until 28 February 2014, or while stocks last.Valid in SA restaurants only, excluding Nando’s Kosher. 1/4 chicken consists of 1 leg or 1 breast portion. No swap outs. Lipton 500ml Ice Tea available in Lemon and Peach.

Page 4: Umlfeb21p00

NOSA offers training towardsa career in SHEQ Risk Management

Register now for the following health, safety, environmental and riskmanagement training programmes scheduled at NOSA Durban:

For more information on NOSA’s occupational risk management training,auditing, consulting and software solutions,

please visit www.nosa.co.za.

NOSA Safety for Supervisors (SSTC)

SAMTRAC®

Introduction to SAMTRAC®

NOSA ITIS®

31

10

2

2

5

1

2

2

MAY 2014*APR 2014*MAR 2014*DAYSCOURSE NAME

* Course dates subject to change

Preliminary Incident Investigation

ASHEPP

Introduction to OHSACT

NOSA SHE Representative Functions

NOSA SHE Representative

Advanced OHSACT

5

NOSA Durban2nd Floor, NorthWing, Park Row, 4/10 School Road, Pinetown, 3610Telephone: +27 31 702 2877 l Facsimile: +27 31 702 2982Website: www.nosa.co.za

First Aid - Level 122

First Aid - Level 2

20

24-28

24-28

03-1431/03 -11/04

2017-1903-0406-07

16-17

14-15

30

07-11

07-1114-15

22

23-2514-15

16-17

05-0912-16 / 19-23

19-23

05-16

12

04-0617-1819-20

Page 5: Umlfeb21p00
Page 6: Umlfeb21p00

ZAKES CABINETSSpecialists in cabinetmaking, at prices you canafford. BIC`s and kitchenunits.Ph Moosa: 073 140 8236 /

073 183 3733JH090837

0202Home

Improvements

0200HOME

IMPROVEMENTS

OVEREATERSANONYMOUS

Can`t control your eating?Need help? Call:

Christine 083 409 8309.MX098165

DIAL A PRAYERA free service to thecommunity. Confidentiallymaintained. 9.00am to9.00pm. J3-16

Call: 072 845 2060.MX098161

0002Community Care

0000NOTICES

Page 7: Umlfeb21p00

7Umlazi Eyethu- 21 February 2014 EZOKUTHAKATHABADEDELWE ABEBEBOSHELWE

ELIPHATHELENE NOKUTHAKATHAKABADEDELWE abasolwa

abathathu ngecala lokushisa uNkk Thembelihle Khomo osolwa ngokuthakatha kwa V 4.

Bebegqunywe esitokisini sasesiteshini samaphoyisa Umlazi impelasonto yonke edlule.

Kwabadedelwe kunabathi ababhaliswanga ngisho isitatimende.

Abasolwa ababoshiwe kube ugogo wengane okuthiwa yagundwa ishiya ‘’umthakathi’’, unina wengane kanye nomlisa othi wayesiza uNkk Khomo ngenkathi esha nendlu.

I-Eyethu ixoxe noMnuz Thula Dlulisa (32) echaza ngokuboshwa kwabo.

‘’Kwafi ka amaphoyisa athi

asihambe siyoxoxa afi ka asivalela esitokisini saze sakhishwa ngomSombuluko ezintatha.’’

Uthi yena akanacala ngoba wayengahlangene nokushiswa komuzi wakwaKhomo kodwa wayesiza ngokubakhiphisa izimpahla endlini ngoba umphakathi wawusho ukubaqeda.

‘’Ngamkhipha endlini esesha, nami ngaze ngasha kancane.’’

Ugogo wengane okuthiwa wanukwa uNkk Thembelihle ukuthi bathakatha naye, kuthiwa ubeboshelwe ukuthi uyena owahlanganisa umphakathi.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natal uThulani Zwane uthi abasolwa bayadedelwa uma kungekho ubufakazi obanele.

‘’Kungenzeka ukuthi badedeliwe ngoba kungekho ubufakazi obubambekayo kodwa uphenyo lusaqhubeka futhi kungenzeka baphinde babuye uma kutholakala ukuthi abasolwa bayathinteka ecaleni.’’

Uphethe ngokuthi uphenyo luyaqhubeka wanxusa nokuthi uma kukhona ofakazi uyacela bavele emaphoyiseni ukulekelela uphenyo.

Okhulumela amaphoyisa aseMlazi Lieutenant Thandiwe Moyeni uthe akalwazi udaba lokuboshwa kwabasolwa. ‘’Bengingakezwa lutho ngokuboshwa kwabasolwa.’’

Abomndeni wakwaKhomo abatholakalanga ukuphawula kodwa owesifazane obambe ucingo uvele washo inhlamba esabekayo ebhekise entathelini.

_______________________Sabelo Ngema

UNGAGWETSHWA 20 WEMINYAKA NGOKUNUKA UMTHAKATHI

ABAHOLI BASEMLAZI BAPHAWULA NGEZOKUTHAKATHA

_______________________Tsepiso Mndebele

_______________________Tsepiso Mndebele

KUYICALA ukukhomba umuntu ukuthi uyakuthakatha noma ungumthakathi, nokuthi uguliswe umuntu ngendlela yokuthakatha.

Lokhu kuvela ngaphansi komthetho owabekwa ephalamende i-Witchcraft Suppression Act 3 of 1957.

Lomthetho unqanda izigameko ezahlukahlukene eziphathelene nokuthakatha, ukunuka

umthakathi, noma ukuzingela abathakathi.

Lomthetho uchaza ukuthi kuyicala futhi ungagwetshwa iminyaka ewu 10 noma ukhokhiswe R40 000 ngokwenza lokhu:

Ukucabangela umuntu ukuthi uyathakatha, ukubiza umuntu ngomthakathi, ukutshela abantu ukuthi wena unamandla thizeni okuthakatha.

Nokutshela abantu ukuthi ungumthakathi noma ukutshela abantu ukuthi uwena obulale,

olimaze, noma onyamalalise noma othakathe umuntu.

Uma lo obekuthiwa uyathakathi eshona ngenxa yesigameko esenziwe abantu noma wena ungumuntu onuka abathakathi futhi uwena okhombile, isigwebo siyakhuphuka ugwetshwe iminyaka ewu 20.

Ungagwetshwa iminyaka emihlanu noma ukhokhiswe u R20 000 uma wenze lokhu okulandelayo:

Uqasha inyanga noma umuntu

onuka abathakathi ukuthi akhombe noma athi umuntu ungumthakathi.

Ukuveza ukuthi wena kukhona okwaziyo ngokuthakatha, ukusebenzisa imithi yokuthakatha, noma ukufundisa noma ukunika umuntu umuthi ngenhloso yokuthakatha umuntu.

Ukulimaza umuntu ngenxa yenkolelo yakho noma okutshelwe inyanga noma abanuka abathakathi.

Ukuthola imali ngokwenza engathi unamandla angesiwona

asemhlabeni, okuthakatha, noma ukuboniswa ukuthi into ebintshontshiwe noma ebilahlekile izotholakalaphi.

Ungagwetshwa iminyaka emihlanu noma ukhokhiswe uR80 000.

* Kukhona nophiko lokuphenya amacala okuthakatha okuthiwa i-SAPS Occult Crime Unit, kuchaza uCapt Thulani Zwane okhulumela amaphoyisa ezingeni lesifundazwe.

Bekuvutha kanje kushiswa ikhaya likaNkk Thembelihle Khomo ngeledlule enukwa ngokuthakatha.

SIKHULUME nabasezikhundleni kwezepolitiki, abefundisi namakhansela eMlazi ngendaba yokuthakatha:

Unobhala weqembu le NFP uMnuz Mfana Luthuli uthi ukuthakatha into ekhona.

“Omunye umakhelwane wami khona la kwa R ubephalaza imali, izinaliti nemithi egoqwe ngoplasitiki kodwa umuntu ohlolayo uyena owasho ukuthi uthakathwe omunye womakhelwane bethu.’’

Eqhuba uthe “Thina njengeqembu lepolitiki asiyifuni lento yokubulala ogogo bethi bayathakatha.

“Kumele umphakathi ufundiswe ukuthi ungabulali izaguga ngoba kuthiwa ziyathakatha ngoba akusibo abadala kuphela abathakathayo nentsha nayo iyathakatha,” echaza.

Umphostoli Mthembeni Mbambo webandla i-Family Worship Centre kwa E uthi yena akakholelwa ekuthakatheni ngoba ukholelwa kuJesu kuphela.

“Asikho isimo esingenza ukuthi umuntu abulawe kodwa uma esolakala ngokuthile kumele kuhlalwe phansi naye

aboniswe ngokuthi lento ayenzayo ayilungile ngoba labo abamhlukumezayo abacabangi ukuthi bangase baboshwe ngalokhu abakwenzayo,’’ echaza.

“Ngokwami angiboni ukuthi ikhona lento yokuthakatha ngoba busuke bungekho ubufakazi obubambekayo ukuthi lowo muntu uyathakatha,” kusho ukhansela waseWadi 84 uMnuz Bhekithemba Phungula.

UPhungula uchaze ngesigameko esenzeka eChicago kwa L lapho umphakathi walendawo wawufuna ukushisa khona umuzi wesalukazi ngoba bethi sithakatha omunye womakhelwane.

Ukhansela Mathombi Mnyandu waseWadi 77 uthi azijwayelekile izigameko zokuthakatha ewadini yakhe kodwa uveze isigameko esenzeka eminyakeni eyedlule lapho kwashona khona indodakazi yakomunye umuzi kwathiwa ithakathwe umakhelwane ngoba enomona.

Ukhansela uthi abantu babethi akathuthe endaweni: “Kwatholakala imiphumela kadokotela eyachaza ukuthi umufi ubulawe yini nabakubo baxolisa kumakhelwane ngoba kwacaca ukuthi indodakazi yabo yayibulewe yini.’’

Ikhansela laseWadi 84 uMnuz Bhekithemba Phungula. Isithombe: Sabelo Ngema

Umphostoli uMthembeni Mbambo webandla iFamily Worship Center kwa E eMlazi.

Isithombe:Tsepiso Mndebele

Page 8: Umlfeb21p00