38
IZWI E LINGAQONDAKALIYO Ngijabule kakhulu ukuba ngibe lapha kulokhu ukusa, futhi sethemba izibusiso zeNkosi elungileyo ukuba ziphumule phezu kwalowo nalowo wenu. Futhi bengingazi ukuthi bengizoba lapha, kuthi ukumangalisa kimi. Kodwa bawuyekile umhlangano, eJalimane, elinye futhi iviki, ngenxa yaleyonto ethize eyenzekile, badingeka ukuthi basebenzise lesositadiyamu. Ngakho asiyi kuze kube yi—yiviki kusukela kuleliSonto elizayo. 2 NgeSonto elizayo, sizoba se…ngoMgqibelo ozayo nangeSonto, ezinkundleni zokukhempa zamaMethodisti eCampbellsville, eKentucky, owomkhankaso wokuphilisa. UMgqibelo ebusuku kuzoba yinkonzo yokuphilisa eCampbellsville, izinkundla zokukhempa zeMethodisti. NgeSonto elilandelayo ntambama, ngifuna ukushumayela uMlayezo weVangeli, uma iNkosi ithanda. Bese kuthi-ke ngeSonto ebusuku, futhi, kuzobakhona inkonzo yokuphilisa ezansi…Lokho kuseduze kwedolobha lasekhaya kithi, lapho engazalelwa khona futhi ngakhuliswa khona, noma ngazalelwa khona. Futhi ngakhuliswa lapha eIndiana. Ngakho nina eninabangane obefuna ukuza enkonzweni yokuphilisa, awu, iNkosi ithanda, sizobakhona ngoMgqibelo ozayo ntambama, noma kusihlwa, njalo. Ngiqagele iqala cishe ligamenxe elesikhombisa. Umelusi wethu othandekayo uzohamba nathi, ukulungisa ukucula kanjalonjalo. 3 Futhi kuzobakhona izinkonzo etabernakele, lapha, ngeSonto elizayo ekuseni nangeSonto kusihlwa. Futhi kuzobakhona onomoya omuhle kabi umfundisi lapha ukuba akhulume kini, ukumangaza. Ngakho, ngizovele ngikuyeke kulele kanjalo, ngoba sizama ukuthola omunye ozonimangaza kweyangeSonto elizayo. Futhi ngakho manje, nina eningeke nakwazi ukuba sezansi eCampbellsville, ukuba abe nathi emhlanganweni, ngani, wozani ngqo etabernakele elincane, nezinkonzo zizoqhubeka njengokwejwayelekile, ngeSonto elizayo ekuseni nangeSonto kusihlwa. 4 Sizophuma, uma kwenzeka ukuba abekhona omunye lapha owaseduze kwaseCampbellsville, ngokuvamile sizama ukuphuma senzela izinkonzo, kodwa lapho…sinabantu abangeke nje, ngesikhathi, ukuphuma kuleyomihlangano. Futhi sizoba nezinkonzo ikakhulukazi zabo nabafo abancane. Ngakho, wonke umuntu uyamenywa ngenhliziyo emhlophe kulezizinkonzo ezinhle. 5 Manje-ke, kwenzeka sathola i…Manje ukukhuluma ngesikhathi, ukuthi ngempela kwanda kanjani. Cabangani nje. Ngizosuka lapha ngeleshumi nanye nqo, ekuseni,

ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

  • Upload
    others

  • View
    1

  • Download
    0

Embed Size (px)

Citation preview

Page 1: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

IZWI ELINGAQONDAKALIYO

Ngijabule kakhulu ukuba ngibe lapha kulokhu ukusa, futhisethemba izibusiso zeNkosi elungileyo ukuba ziphumule

phezu kwalowo nalowo wenu. Futhi bengingazi ukuthibengizoba lapha, kuthi ukumangalisa kimi. Kodwa bawuyekileumhlangano, eJalimane, elinye futhi iviki, ngenxa yaleyontoethize eyenzekile, badingeka ukuthi basebenzise lesositadiyamu.Ngakho asiyi kuze kube yi—yiviki kusukela kuleliSonto elizayo.2 NgeSonto elizayo, sizoba se…ngoMgqibelo ozayonangeSonto, ezinkundleni zokukhempa zamaMethodistieCampbellsville, eKentucky, owomkhankaso wokuphilisa.UMgqibelo ebusuku kuzoba yinkonzo yokuphilisaeCampbellsville, izinkundla zokukhempa zeMethodisti.NgeSonto elilandelayo ntambama, ngifuna ukushumayelauMlayezo weVangeli, uma iNkosi ithanda. Bese kuthi-kengeSonto ebusuku, futhi, kuzobakhona inkonzo yokuphilisaezansi…Lokho kuseduze kwedolobha lasekhaya kithi, laphoengazalelwa khona futhi ngakhuliswa khona, noma ngazalelwakhona. Futhi ngakhuliswa lapha eIndiana. Ngakho ninaeninabangane obefuna ukuza enkonzweni yokuphilisa, awu,iNkosi ithanda, sizobakhona ngoMgqibelo ozayo ntambama,noma kusihlwa, njalo. Ngiqagele iqala cishe ligamenxeelesikhombisa. Umelusi wethu othandekayo uzohamba nathi,ukulungisa ukucula kanjalonjalo.3 Futhi kuzobakhona izinkonzo etabernakele, lapha, ngeSontoelizayo ekuseni nangeSonto kusihlwa. Futhi kuzobakhonaonomoya omuhle kabi umfundisi lapha ukuba akhulume kini,ukumangaza. Ngakho, ngizovele ngikuyeke kulele kanjalo,ngoba sizama ukuthola omunye ozonimangaza kweyangeSontoelizayo. Futhi ngakho manje, nina eningeke nakwazi ukubasezansi eCampbellsville, ukuba abe nathi emhlanganweni,ngani, wozani ngqo etabernakele elincane, nezinkonzozizoqhubeka njengokwejwayelekile, ngeSonto elizayo ekuseninangeSonto kusihlwa.4 Sizophuma, uma kwenzeka ukuba abekhona omunyelapha owaseduze kwaseCampbellsville, ngokuvamile sizamaukuphuma senzela izinkonzo, kodwa lapho…sinabantuabangeke nje, ngesikhathi, ukuphuma kuleyomihlangano.Futhi sizoba nezinkonzo ikakhulukazi zabo nabafo abancane.Ngakho, wonke umuntu uyamenywa ngenhliziyo emhlophekulezizinkonzo ezinhle.5 Manje-ke, kwenzeka sathola i…Manje ukukhulumangesikhathi, ukuthi ngempela kwanda kanjani. Cabanganinje. Ngizosuka lapha ngeleshumi nanye nqo, ekuseni,

Page 2: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

2 IZWI ELIKHULUNYIWE

ngiphuma eLouisville. Nangentambama elandelayo, masinyaemva kwelantshi, ngishumayela eLuxemburg, naseFrankfurt,eJalimane. Cabanga nje, kusukela ngeleshumi nanye nqolapha, e…Ngisuka eLouisville ngeleshumi nanye, bese kuthingentambama elandelayo ngishumayela eFrankfurt, eJalimane;nomehluko ongamahora amahlanu, ngesikhathi, kususwakuso, okwesikhathi. Cabanga ngalokho nje! He! Kul’khuniukukholwa, akunjalo na? Kushesha kakhulu! Kodwa kwenzekaukuthi thina, ngomusa kaNkulunkulu, ukuthola omuhle ulayiniwokwedlulisa, iPC-9 ukusuka lapha kuya eNew York; futhi,kusukela lapho kuqhubeke, nge Pan American. Isithatha isiyisengqo eFrankfurt.6 Sizoba lapho-ke i—izinsuku eziningana, bese-ke siyahambaukusuka lapho siye eBerlin. Nano—noHal Herman odumileyo,ngizoba naye ubusuku obubili eBerlin, eJalimane. Umqondisiwamabhayisikobho odumile osephendukile, waseHollywood,futhi waphenduka komunye wemihlangano ngaphandle lapho.Futhi uyiJalimane, ngokuzalwa. Futhi usebuyele eJalimane,eshumayela iVangeli phansi kwethende elikhulu eBerlin.Nezinkulungwane eziningi ziyeza zivela ngemuva kwekhethinilensimbi. Ku…7 Ngempela kuyinto efikiselana umunyu. Ngokuny’ukusa,ngangihlezi eZurich, eSwitzerland, futhi, manje-ke,kwakukhona abantu abaningi kakhulu. Sasinabantuabayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili-nesithupha lapho emhlanganweni, ngakho sasingakwaziukuphuma endaweni, kul’khuni. Futhi ngakho wonk’umuntu,niyazi, kufikiselana umunyu, futhi benxusa ukubabakhulekelwe, futhi befuna ukwazi ukuthi iNkosi izothini kubo.8 NeNkosi yathi kimi, “Phuma bese wehla uye ngasogwinilolwandle, noma ogwini lwechibikazi.” ISwitzerland iyizweelihle kabi.

Ngase ngithi, “Billy, wena hamba nami.”9 Wathi, “Manje, baba, ulungiselela ukuzihilela yonke indawophandle lapho, futhi uzodingeka ukuba uthole amaphoyisa.”10 Ngase ngithi, “Awu, iNkosi ingitshela ukuba ngehle ngiyengasogwini.” Ngakho ngehla ngase ngihamba ngenyukela lengakhona, akukho noyedwa…AmaJalimane, namaSwidi,neBelgium, neFrance, nabase Itali, emhlanganweni. Akekhoowangiqondayo, nhlobo. Ngangihamba ngiqhubeka ngqongiya ngapho. Futhi nginendlela yohlobo lokuthi ngizifihle,kancanyana. Ngiyangabaza ukuthi umfowethu uqobo angangaziyini uma behlangana nami, niyabo. Ngakho…Futhiwaye…11 Ngangihamba ngiqonde ngakhona, sasesenyukela laphosasesihlala phansi. NoBilly wathi, “Ngani, uyazi bayangazi,baba.”

Page 3: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

IZWI ELINGAQONDAKALIYO 3

12 Wathi, “Awu.”Ngathi, “bangahle bakwenze. Kodwa,” ngathi,“INkosi ingitshele ukuba ngenyuke.”13 Ngathi, “Kodwa iNkosi ifuna wenzeni na?” Ukungabekezelikwengane, niyazi.

Ngathi, “Izokunakekela lokho.” Niyabo?14 Ngakho sasesiqala ukuhamba sibuyela emuva, sigudla ugu.Ngabona umfo omdala ehleli lapho, ekhala, efunda, kanjalo.Ngathi, “Nango. Nguye lowo.”

Wathi, “Awuzukuhamba ngezinyawo wenyuke beseukhuluma naleyondoda?”15 Ngathi, “Qhabo, izohamba yenyuke bese ikhuluma nami.”Ngathi, “I…” Ngathi, “Manje ingeyakude le.” Ngase ngithi,“Ize lapha; wudaba oluphuthumayo. Bhekisisa ubone umaleyondoda ingenakho engiphathele khona. Futhi kuphathelenenengalo yowesifazane. Niyabo?” Ngathi…

Wathi, “Wazi kanjani?”16 Ngathi. “Umbono washaya nje, futhi leyo yindoda efanayo,yiyo leyo ehlezi khona lapho.” Futhi ngakho ngathi, “Bukangapha nje, bese uhambawedlule eduze kwayo.”17 Sahamba sihamba sedlula ngakhona. Emizuzwaneniembalwa, wathi, “Baba, leyondoda iyasilandela.”18 Ngathi, “Ngiyakwazi. Futhi sizofika sijike ejikeni; sizowelaibriji elincane, futhi izohamba phambi kwami bese ingedlulakhona lapho ebrijini. Buka ukuthi ayikwenzi yini.”

Wathi, “Kulungile.”19 Ngakho, sahamba saqhubeka. Futhi nanso ima, yahambaphambi kwami, yase ingedlula khona impela ebrijini elincane.Yathi, “Mfowethu Branham?”20 Yase ikhipha kowayo omncane…yayinojosaka omncane,njengemishuqulu yamanenekazi, yakhipha lapho isikhwanyanaesincane sabesifazane sesandla sento ethize, ipaspoti yayo.Futhi yayingeyaseRashiya. Futhi yayineduku phakathi laphoeyayifuna ngikhulekele phezu kwalo, yase ilidabula imicueyisithupha, yenzela owesifazane owayenengalo embi kabieyayikade ilimele futhi ingasindi, futhi ishwabana. Futhiwayengumama wabantwana abahlanu. Imicu eyisithupha,niyabo, kuphelele nje.21 Ngase ngiyibuka lepaspoti. YayingeyaseRashiya, enhla emvakwekhethini lensimbi. Nokucabanga ukuthi iNkosi uJesuyakwenza kanjani…Ngibona lowomRashiya ozihluphekelayo!Ngambuza ukuthi babebangaki ababesezansi lapho. Wathi,“Singamakhulu amaningana esedlulile emgqeni futhi sehlelaemhlanganweni wakho.”

Ngathi, “Waze kanjani ukuthi bengisezansi lapha na?”Wathi, “Awu, sikuzwe ngomsakazo waseSwidi.”

Page 4: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

4 IZWI ELIKHULUNYIWE

Ngase ngithi, “Sewake wezwa ngezinkonzo zami phezululapho na?”22 Wathi, “Ngenkathi umfana omncane evuswa eFinland,lokho kwahamba kwaze kwayoshaya eRashiya.” Yonke indawoeRashiya; lowomfana omncane wavuswa kwabafileyo. Ngakhonje kuyakhombisa, uNkulunkulu unabantwana bakhe yonkeindawo. Akanabo na?23 NoHal Herman wangitshela, wathi, “Billy, siyobalapho…” Niyazi, kusondele emgqeni, lapho eBerlin. Wathi,“Kuyobakhona, mhlawumbe, abantu abayizinkulungwaneezinhlanu, noma abantu abayizinkulungwane eziyishumi,bemi. Uma usukhipha inkonzo, emizuzwini eyishumi(entubeni engaphansi komhlaba) awusaboni-muntu.”Babuyela emuva emva kwekhethini lensimbi futhi. Baputshenjengezimvukuzane.24 Ngakho kuyakhombisa nje ukuthi ngaphezu kwakhokonke ukuphika uNkulunkulu, konke okokungamesabiuNkulunkulu, bonke ubuNazi, ubuHitler, ubuntaliyane,nobukhomanisi, abusoze behlula ukuKhanya kweVangeli.Kusalokhu kusezinhliziyweni zabantu. Futhi Kuyohambisaokwegagasi njalo njalo, nanjalo njalo, njalo. SozeKwaphela.25 Ngokuba uJesu wathi, “Phezu kwaleliDwala NgiyakulakhaiBandla laMi; namasango ehayidese awayiKulahlula.”26 Akumangalisi na? Ukwazi ukuthi sona impela isizathusokuthi nihlezi kulendlu eshisayo endadlana, kulokhu ukusa,namafeni aletha umoya ephephetha, yinto ethize phakathikumuntu ibiza, aMandla afihliwe izwe elingazi lutho ngawo.Yilabo kuphela akade bengabahlanganyeli baWo, uyazi ukuthiAyini.27 Ngabe izipikha ezincane ziyasebenza phezulu lapho manjena? Esikhashaneni esedlule, bengingamzwisisi umfowethuothandekayo, emuva lapho, amafeni omoya ephenduka, futhi—futhi angikuqondanga okuningi abekusho.28 Awu, siyajabula kulokhu ukusa ukunibona niphakathi,niphumile ngalolusuku olushisayo. Ningayikhohlwa inkonzoyangoLwesithathu ebusuku etabernakele. Futhi ngiqagelenizomuzwa uMfowethu Neville ngesikhathi esifanayo,ngoMgqibelo ozayo ekuseni, bese kuthi-ke mhlawumbeuzo—uzoqhubeka ngqo kusukela lapho, kwehliwe kuyiweeCampbellsville ke, noma ngalokho kuhlwa, njalo, kwenzelweinkonzo.29 Futhi ngiyajabula ukubona uEdith omncane, nomndeniwakwaWright usukumile futhi kulokhu ukusa, uDadewethuLawton, abaningi babanye benu lapha. Futhi ngithanda ukuzwauDadewethu Angie nabo becula, “Uqondisa ukhozi emoyeniongenandlela yezinyawo,” noma ngabe kwakuyini, ngenkathiengena. Ngangikujabulela.

Page 5: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

IZWI ELINGAQONDAKALIYO 5

30 Bengizama ukuxhawulana noMfowethu Fleeman,emuva laphaya, futhi ngikhulume naye umzuzwana. Futhiyileyondlela…Angikutholanga ncamashi ukuthi bekuyini.Ake sibone. [UMfowethu Branham buthule ufunda isicelosomkhuleko—Umhl.] Omunye umuntu lapha ufuna…Ngumkhuleko wesitho, umuntu.31 Awu, ngeSonto eledlule ebusuku saba nomhlanganoomangalisayo ngale eBandleni LoMnyango Ovulekileyo, iNkosiyenza isimangaliso esikhulu lapho. Futhi sekuthi akugcwalelapho indlu igcwele abantu leli—leliviki. Ngakho bekuyisikhathiesikhulu. O, esininginingi isimo sokushisa kwezulu. Kodwa,nokho, makabongwe uNkulunkulu, siyakwazi ukuthi sibe laphaendlini yeNkosi, kulokhu ukusa, futhi silungele ukukhonzaiNkosi.

Singakhuleka?32 Baba wethu waseZulwini, siyaKubonga njengamanje,eGameni likaJesu, iNdodana yaKho ethandekayo, ngakhokonke lokho Esenzele khona. Nokusithethelela izonozethu, nokusimemela kulena emangalisayo, inhlanganyeloemangalisayo yokuhlupheka kwaKhe, nalenhlanganyeloyeNkazimulo yaKhe elandele ukuvuka, ukwazi lokhungesiminya, ukuthi uJesu wavuka kwabafileyo futhi uyaphilaphakathi kwethu namhlanje. SiMthanda kanjani pho ngalokhoAkwenzile! UkuMbona, ukuthi Ubaphilisa kanjani abagulayo,wenza leyo encane, intombazane eyimpumputhe (ifunda iBreyli),ngobunye ubusuku, amehlo ayo ukuba avuleke, yase ihambaindlu yonke, kufakazisa kubantu ukuthiUvukile kwabafileyo.33 Namanje sikhuleka kuWe, o, Nkulunkulu omkhuluovukileyo, uNkulunkulu wawonkulunkulu bonke, iGunyaeliKhulu kunawo onke phezu kwezinto zonke ekhonaemazulwini nasemhlabeni, Mbusi noMenzi. Sikhulekela ukuthiuBuntu baKho obukhulu bobukhosi buzosibusisa namhlanje,nobuKhosi baKho obukhulu bugibele ezinhliziyweni zonke,kulokhu ukusa, Baba, futhi ukulawule konke. Sicela inkazimulokaNkulunkulu. EGameni likaJesu siyakhuleka. Amen.34 Ngale eNcwadini yabaseKorinte bokuQala, ngendlelayendikimba nje, uma besingayibiza ngalokho, okwemizuzwanaembalwa. Sizothanda ukufunda ivesi noma amabili lapha,ukusinika isendlalelo nobufakazi obuncane engifunaukunitshela bona ngaphambi kokuba siqale ukukhuluma.35 Nginamanothi ambalwa abhalwe phansi lapha, ezintoezehlukene engifuna ukuzisho kini mayelana nezinkonzo, nentoethize eyenzeka ngoluny’usuku. Ngakho, ngeke ngakukhohlwa,ngiyethemba.36 Manje, kwabaseKorinte bokuQala. IZwi likaNkulunkulunjalo lingelokuqala ezintweni zonke. Lingelokuqala. Gcinani

Page 6: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

6 IZWI ELIKHULUNYIWE

iZwi laKhe. Namanje esahlukweni 14, futhi siqale ngevesi 6,ngifunda lokhu.

Manje-ke, bazalwane, uma ngiza kini ngikhulumangezilimi, kuya—kuyaku nisiza ngani, uma ni…ngingakhulumi kini noma ngokwambula, nomangokwazi, noma ngokuprofetha, noma ngokufundisana?Nezinto ezingenamphefumulo ezikhalayo,

noma yigenkle…ihabhu, noma zingakhalingokwahlukeneyo, kuzakwaziwa kanjani ukuthiyigenkle na habhu na?Ngokuba uma icilongo likhala ngezwi

elingaqondakaliyo, ngubani oyakuzilungiselela ukulwana? (Kukhuluma uPawulu.)

37 Manje-ke ngale emaHubweni, amaHubo 1, sifundalokhu. “Ubusisiwe umuntu uNkulunkulu ongayikumbalelaunright-…-ukulunga, noma isono.” Nomuntu obusisiweungumuntu ohlukile. Kukhuluma uDavide, esho ukuthiwayebusiswe kanjani, ukuthi, “Umuntu obusisiwe,wayenjengomuthi otshalwe ngasemifuleni yamanzi,”emaHubweni 1, “nokuthi uyothela kanjani isithelo sakhengesikhathi sakhe sonyaka. Ongamesabi uNkulunkulu angekeabenjalo, kodwa u—uyobhubha,” kanjalonjalo. Kodwa, u—umuntu obusisiwewayengumuntu kaNkulunkulu.38 Futhimanje ngifuna, njengalokhu nje bengebaningi kakhululapha namhlanje, futhi ngethemba ukuthi akushisi kakhulu kiniukuba nihlale lapho, imizuzwana embalwa, noma okungenaniimizuzu engamashumi amane-nanhlanu. Ngingathandaukukhuluma nani, inhliziyo-nenhliziyo, namhlanje.39 Etabernakele, angilitholi ithuba lokwenza lokhu kaningi,noma ngaphandle emihlanganweni, ukufundisa imfundiso,noma ukusho izinto engifuna ukuzisho. Kodwa, phandlelapho, kuhlala njalo kuyizifundo zokuphilisa kukaNkulunkulu.Nangaphandle kwamanye amabandla, lapho ukwehluka kwabokuxubana khona, namahlelo athize afundisa isayense yezenkoloehlukile, awu, manje-ke, a—angikwazi ukukusho, ngobakulimaza imizwa, kanjalonjalo. Ngisho, ngesinye isikhathi,iZwi lishunyayelwa, kalula futhi ngokucacile, kulimaza imizwa.Nento engcono kunayo yonke yokuba yenziwe ingukuba njenihlale emigomeni eyimisuka ka—kaJesu Kristu uma siphandlelapho, nokufa kwaKhe, ukumbelwa, ukuvuka, namandla aKhe—aKhe nothando ngabantu. Futhi ngaleyondlela akubangelikudideka.40 Ngoba, angi…kimi, akunandaba kimi ukuthi abantubamabandla basonta kuphi. Into enkulu ngukuthi umabengumKristu. Uma uyiKatolika, uma uyiProtestane, umauyiMethodisti, iBaptisti, kumbe noma ungaba yini; inqobo

Page 7: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

IZWI ELINGAQONDAKALIYO 7

nje uma ungumKristu, leyo yiyonanto enkulu. UKristuakabheki ibandla osonta kulo. Ngoba, ayobhubha futhiamuke ngoluny’usuku, futhi abhidlike, futhi awayikuphindeacatshangwe. Kodwa u—umgomo wobuKristu yizimo zenhliziyongakuNkulunkulu. Futhi yileyonto esithanda ukuyinakisisa;ngukwazi umzalwane, hhayi ngebandla asonta kulo, nomauzigqoka kanjani izingubo zakhe, kodwa lokho ayikhoenhliziyweni yakhe.41 Manje, indaba yami kulokhu ukusa, kusobala, ithi: IZwiElingaQondakaliyo.42 Manje ziningi izinto ekhalayo. Futhi maningi amazwiangaqondakaliyo namhlanje. Kukhona ukungaqondakali ndawozonke. Ndawo zonke lapho obuka khona, ezindabeni zesizwe,ngu—ngukungaqondakali.43 Imihlangano yamazwe amakhulu amane, ingukuthi,ahlangana ndawonye. Abhala izimemezelo ngokuphelele,kodwa kukhona ukungaqondakali ukuthi ingabe elinyelisigcina yini isithembiso sawo—sawo esiyisifungo, nomaqha. Kukhona ukungaqondakali ukuthi ingabe lizokuna yinikusasa, noma ingabe lizobalela. Kungukungaqondakali kuzozonke izinto enizibukayo, kodwa into eyodwa, leyo ikuKristu.Niyabo? Yileyonto eyodwa ongaba nesiqiniseko ngayo, leyoiyaqondakala.44 Futhi kukhona eny’into eqiniseke ngokoqobo kuwo wonkeumuntu ophakathi lapha. Ngifuna ukushiya lowomcabangokini, okokuqala nje. Akuqondakali noma uzophila ukubauphume kulendlu yesonto noma qha. Akuqondakali nomauyoke ubuye futhi noma qha. Akuqondakali noma uyokubonaukuphila komunye unyaka. Kodwa yinye into eqinisekengempela; lokho ngukufa, nokwaHlulelwa kamuva. Uqinisekenje ngempela ukuba ubonane nalokho njengoba uNkulunkuluenjalo eZulwini.45 Ungenza usuku lokubonana nomkakho, bese uthi,“S’thandwa, ngizokuthatha ngikuse endaweni ethize.” Intoethize ingahle ivuke ukuthi ngeke ukwenze lokho. Ungahleungakwazi ukugcina lolosuku lokubonana.46 Ungahle utshele umngane wakho omkhulu kunabobonke,“Mfowethu, ngizobonana nawe. Ngizokwenza into ethize.Ngizokunika imali, noma ngizokunika imoto yami.” Lonkeuhlobo lwe in-…ukungaqondakali kwalokho.47 Kodwa kukhona into eyodwa eqinisileyo, lokho ngukuthi,“Uzofa, futhi, emva kwalokho, uzodibana nokwaHlulelwa.”Ngakho kukhumbule lokho sisakhuluma ngokungaqondakali.48 Manje kukhona abantu ocabanga, ukuthi, “Ukuze njesiyongena esontweni, ukuze nje sibe abe sonto, ukuze sizweintshumayelo emnandi ngasikhathi, kanjalo njalo, lokhokulungile.”

Page 8: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

8 IZWI ELIKHULUNYIWE

49 Manje, njengalokhu kushisa nakho konke, futhi ngiyajulukakanjalo, naphansi kwalefeni nakho konke, ngokwejwayelekilekungenza ngishe izwi.50 Ngifuna nje ukukhuluma nani namhlanje, uma ngingahlengikwazi, ukunifundisa, ezinye izinto engaziyo ukuthi nifanelenikwazi. Nalokho yinto ezonenza nibe ngcono, ezonisizanisahamba endleleni. Ngethemba ukuthi uNkulunkuluuzongisiza namhlanje ukuba ngedlulise into ethize kini,ezonenza niqonde ukuthi yini enifanele nibe yiyo nokuthinifanele nibe yini. Futhi, ngokunitshela, kuzongenza namingiqonde, ukuthi ngizofanele ngibe ngumuntu ongconokunalokho engiyikho nalokho ebengiyikho. Futhi usukungalunye, mangivuke ngithi ukuphakama kancane, ngisondelekakhulu kuKristu. Yilokho esikukhonela lapha kulokhu ukusa,ebuqothweni nobumhlophe bezinhliziyo zethu.51 Ngikholwa ukuthi besingeke size esontweni, kushisanamhlanje, lapho esizodingeka ukuba sihlale khona lapha futhisihlupheke phansi kokushisa, ukuba nje size esontweni ukubanje kube ukuzijabulisa ukuba size. Ngikholwa ukuthi kukhonainto ethize eniyizelayo, lokho ngukuthi, ngukuzela uKristu.52 Anizeli neze ukuzozwa mina. Nakuba ngingenza konkengamandla ami engingakwenza, kodwa angizange ngidonsele-muntu kuNkulunkulu. Akekho ongakudonsa kodwanguKristu.53 Nizela ukuzozwa ukucula, mhlampe. Ukucula kuhlekakhulu. Siyaluthanda lolohlobo lokucula. Kodwa ukuculaakubadonseli abantu kuKristu. Ngu—nguMoya oNgcweleodonsela abantu kuKristu. Niyabo?54 Ukushumayela akudonsi, nakuba sizama konkeesingakwenza ngamandla ethu. Umelusi nami, senza konkeokusemandleni ethu uku—ukudonsela abantu kuKristu,noma ukushumayela iVangeli, kodwa nguMoya oNgcweleOzofanele udonse inhliziyo yakho bese umemeza kuwengalelozwi eliqondakalayo. Singalishumayela iVangeli,ngalokho esicabanga ukuthi kulungile, kodwa uMoya oNgcweleuzofanele uumemeze kuwe ngezwi eliqondakalayo elinkenenezaenhliziyweni yakho. Futhi kukhona izwi eliqondakalayo.55 “Kukhona indlela, futhi, ebukeka ilungile kumuntu, kephaukuphela kwayo kuyizindlela zokufa.”56 Kuthe ukuchezuka kancane endabeni, kodwa ngifunaukuhlala kulokho umzuzwana nje, mayelana na—nabantuabathize engingahle ngibathathe emqondweni wami,umuntu oyinsumansumane, bese ngikwetha igama elithiuNkk. John Doe. LoNkk. John Doe, ngenkathi ekhuliswaebandleni wayengowesifazane onomoya omuhle. WayemthandauNkulunkulu. O, wayeya esontweni nomama wakhe.Wafundiswa uku—ukuba enze lokho okwakulungile.

Page 9: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

IZWI ELINGAQONDAKALIYO 9

57 Manje, Nkulunkulu siphe abanye abaningi balabomamaabayifeshini endala abazofundisa amantombazane abonabafana ukuthi kwenziwa kanjani okulungileyo, ukwaziokulungile kokungalungile! Yilokho esikudingayo namhlanje.Sinoluningi kakhulu olunye uhlobo lwezibonelo phambikwabantu bethu abasha, njengoku, bhema, ukuphuza, ukuphuzakakhulu utshwala edilini, kanjalonjalo, okungafanele, futhikungomama, ababizwa kanjalo.58 Manje qaphelani. E—emzimbeni womuntu, ukwakhiwakwethu, isakhiwo somzimba esiphila kuwo lapha, awenzelweukuthi wone. Wenzelwe ukuba wenze okulungileyo. Wenzelweukukhonza uNkulunkulu.59 UNkulunkulu akazange akwenzele ukuthi usebenze nje,bese uza ekhaya bese uthanda abantwana bakho. Lokho konkekuhle ngokwenele. UNkulunkulu wakwenzela ukuba usebenze.UNkulunkulu wakwenzela ukuba uze ekhaya, uthandeabantwana bakho, uthande unkosikazi wakho, nonkosikaziukuba athembeke futhi athande umyeni wakhe; abantwanabathande ubaba wabo nomama. Lokho konke kuhle. KodwauNkulunkulu wakwenza…60 Lokho nje yizendlalelo zokuthize uNkulunkulu ukubaukwenze. UNkulunkulu wakwenza ukuba ube ngumkhonzi,umkhonzi waKhe. Uyokhonza into ethize kungakhathalekiukuthi iyini. Uyokhonza unkosikazi wakho. Uyokhonzaabantwana bakho. Uyokhonza noma yini; imoto yakho,eyakho…Uyokhonza injabulo yakho. Uyokhonza okuthizengoba kusesintwini ukukhonza. Manje sifuna ukwazi ukuthisikhonzani.61 UJesu watshela owesifazane emthonjeni, wathi, “Nikhonza,eningakwaziyo. Thina maJuda, sikhonza…Siyazi ukuthisikhonza uNkulunkulu, ngoba insindiso ingeyeJuda.”62 Manje, nowesifazane useyaqala-ke ukuMchazela ukuthiukanjani…“Omunye wathi, ‘Entabeni,’ omunye wathi,‘EJerusalema.’”63 Wathi, “Ihora liyeza, namanje selikhona, lapho uBabaeyofuna abakhonzi abayoMkhonza ngoMoya nangeQiniso.Ngokuba uNkulunkulu unguMoya, nalabo abaMkhonzayobafanele baMkhonze ngoMoya neQiniso.”64 Njengoba bengisho, ezinsukwini ezimbalwa ezedlule,kuphakathi kokuthi kulapha noma ndawondawo, ngikhulumangomshini wokuhlola amanga. Manje qaphelani ngokusondelamanje. Ngifuna ninake ngokusondele. Beka kuwe umshiniwokuhlola amanga, futhi uzama ukulingisa i…leloqiniso, beseuzama ukuthi uthi lelo yiqiniso, kodwa phansi ngaphakathikuwe, ekuzweni konembeza omncane, kukhona indawo ebizwangomphefumulo. Nalengqondo yenhlakanipho ayikubusilokho-kudikizela komgudu. Ingqondo ingumqondisi kuphela.

Page 10: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

10 IZWI ELIKHULUNYIWE

Iyokuqondisa, futhi ibuthakathaka kakhulu ekukulethenikuNkulunkulu; ingqondo yakho. Ungeke wamazi uNkulunkulungengqondo yakho, inhlakanipho. Ingenye yezingcebo, nomaimigudu ezoholela kuyo, kodwa umphefumulo wakho yiwonaokubusayo. Uyilokho oyikho, ngomphefumulowakho.65 UJesu wathi kubaFarisi, wathi, “Ngani, nina bazenzisi.Ningakhuluma kanjani okuhle na?”

Ngenkathi, beMbiza ngokuthi, “Nkosi enhle,” kanjalo njalo.66 Wathi, “Izindebe zikhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.Nasenhliziyweni yenu niyaNgizonda. Nasezindebeni zenuniNgibiza nithi, ‘Nkosi enhle.’”Wathi, “Nina bazenzisi!”67 Niyabo, umphefumulo wakho ucabanga into eyodwa, futhiukhuluma ngezindebe zakho enye into! Indaba enje pho! Intoembi kakhulu kangaka pho! Umzenzisi uyinto ekhohlisa kanjepho! Ngokuba, engqondweni yabo basho enye into, kantiumphefumulo wabo usho enye into.68 Manje, umshini wokuhlola amanga awuyikusebenzaengqondweni yakho. Uyosebenza emphefumulweni wakho.Awuyikusebenza enhlakaniphweni yakho. Kukhona abanyeabantu abangalingisa iqiniso. Bayalingisa. Nokho, kungamanga,futhi bangalingisa baze bedukise njenganoma yini.69 NoSathane uyena odlula konke okukhona, ngokuba udukiseuEva ngaleyondlela, esho lezozinto ezifanayo. Namangaamakhulu kunawo onke, asake akhulunywa, ayenenqwabayeqiniso kuwo.70 Manje, lomuntu, ukuba-ke wawuke wathola lomphefumulongaphakathi, uzwana kakhulu noNkulunkulu, ukuthiumphefumulo wakho noNkulunkulu uze ube munye, ndawonye,khona-ke ubungacela lokho okuthandayo, futhi uyakuphiwakhona.71 Abantu abaningi beza kimi, izikhathi eziningi emgqeniwomkhuleko, bese bema lapho bese bethi, “O, MfowethuBranham, nginokuningi kakhulu ukukholwa. Nginokukholwangangokugudluza izintaba.” Futhi, nokho, abanakukholwa.Kul’khuni ukuthi babe nokukholwa okwenele ukuba bayeemsamo. Kodwa banokuzwa into eyodwa, ukuthi bayakholwa.Bakholwa ngokwenhlakanipho ngengqondo yabo. Nengqondoyabo ayisoze yabaletha kuNkulunkulu. Ingqondo yakhoyimizindlo. NoNkulunkulu akanamizindlo.72 Uma ungahle ukuzindle, ingqondo yakho izokutshela,“Manje buka lapha, udokotela uthi angeke ngakunqoba lokho.Akunakwenzeka.”73 Manje, udokotela, nenhlakanipho yakhe, nobuhlakanibakhe, nolwazi lwakhe lwesayense yezemithi, ukutsheleokwedlula konke ukuhamba kwenqondo yakhe. Futhi wenaukuthathe wakufaka enhliziyweni yakho, futhi usebenzisa

Page 11: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

IZWI ELINGAQONDAKALIYO 11

into efanayo udokotela akutshele yona, u…UNkulunkulungeke neze awuthinte lowolayini, inqobo nje uma uzindla.Kodwa masibeke phansi ukuzindla. UNkulunkulu akazangeasenze ukuba siphile ngenhlakanipho yethu. Siphila ngoMoyaoNgcwele osemphefumulweni wethu, othi “qha” kunomayimiphi imizindlo ophambene neZwi likaNkulunkulu.74 Uma iZwi lithi kunjalo, akukho lutho ezweni olumaendleleni yaLo. Bese-ke uma wenza lokho, wehlelangakwesokudla sikaNkulunkulu. Uyehla uze ucele okufunayo,futhi uyophiwa khona, ngokuba akukho lutho oluphakathikwalapho. Akukho kuzindla. Asilahle lezozizindlo. Zimiendleleni yakho. Khipha ingqondo yakho endleleni. Futhiungakusho okuzindlayo, okubonayo, okucabangayo. Shonolokho uNkulunkulu athi kuyiQiniso. Nalokho kungavelakuphela ngaphakathi, enhliziyweni, hhayi ezinhlakaniphweni.75 Yilapho abantu abaningi kakhulu, namhlanje, kuzobaukudumala okwesabeka kakhulu ngoSuku lokwaHlulelwa.Ukwazi ukuthi bahlale ebandleni, ukwazi ukuthi benzeimisebenzi emihle, ukwazi ukuthi bamphathe kahleumakhelwane wabo, ukwazi ukuthi bebethembekile kubantu,bethembekile ebandleni; nasengqondweni yabo bakukholiwelokho, uJesu Kristu iNdodana kaNkulunkulu, futhi balahlwengoSuku lokwaHlulelwa.76 UJesu wathi, “Baningi ababiziweyo futhi bayingcosanaabakhethiweyo. Isango lincane nendlela iyingcingo eyisaekuPhileni, futhi kepha bayingcosana lapho abayoba yilowooyifumanayo.”77 Manje kinina bantu lapha kulokhu ukusa, ngi—ngifunanihlale niqonde futhi niqaphele lokhu. Senibadala ngokwenelemanje. Senikuzwe ngokwenele ukushunyayelwa kweVangelisenize nifanele nikwazi uku—ukuyeka ubisi, nokuthi nizeohlobweni lokudla kwangempela kweVangeli; nize endawenilapho abesilisa nabesifazane befanele bame. UPawulu wathi,“Nxa benifanele nibe ngabafundisi, kungani, nisafanelenifundiswe, namanje.”78 Manje emphefumulweni, lapho umuntu ehlala khona,uyilokho oyikho emphefumulweni wakho. Hhayi engqondweniyakho, hhayi ekuzindleni kwakho, hhayi ngoba uthi,“Ngizoba nokuqonda okungcono. Ngingazimatanisa nesixukuesingcono uma ngiba ngumKristu.” Lokho ukuzindla. Niyabo?Awufanele wenze lokho. Ungakwenzi lokho. Makuveleolwazini lokuzibonela olusha, ukuZalwa okusha; into eyenzekahhayi engqondweni, kodwa emphefumulweni, okususe yonkeimizindlo, bese uba yisidalwa esisha. Futhi ukuKristu Jesu.79 UNkk. John Doe, wayengowesifazane olungileyo, ngokwazikwethu. Wagana uMnu. Doe. Wayengowesilisa ongumKristuonomoya omuhle. Eneminyaka cishe, o, engamashumi

Page 12: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

12 IZWI ELIKHULUNYIWE

amathathu, kumbe noma into enjengaleyo, uNkk. Doewayengowesifazane okhangayo. Uyaphuma futhi uqalaukuzimatanisa nomakhelwane. Uphumela phakathi kwesixukusasezweni. Manje, qaphelani, uphumela phakathi kwesixuku.Uqala ukuzimatanisa nabo bonke abanye; hhayi abantu ababi;abantu abalungileyo, abantu benkolo mhlawumbe kulaboakhelene nabo. Uqala ukuzimatanisa nalabobantu. Futhiesazimatanisa nalabobantu…Uyazi ukuthi ungowesifazaneolungileyo.80 Nento yokuqala niyazi, kukhona okumbambayo. Ukhangwangenye indoda. Ngani, uyindoda ekhangeka kakhulu. Ikhangekaukwedlula umyeni wakhe. Futhi kukhona okwenzeka kuye,ukuthi uzizwa ethandana nalendoda.81 Manje lalelani. Phansi le ekujuleni emphefumulweni wakhe,iZwi likaNkulunkulu liqala ukubila, futhi lithi, “Unephutha.Isifungo sakho singukuthi uyo ‘namathela kulendoda nizenehlukaniswe ukufa,’ akunandaba ukuthi ibukeka injani.”82 Owesifazane okhanga kakhulu noma owesilisa, futhikusebenza ngapha nangapha. Ufunge kulomuntu kuzekube sekufeni, nehlukane. Kodwa uyoya enhlakaniphweni.Uyocabanga, “Nangu uNkk. Jones. Ushaya upiyano.Ungowesifazane olungileyo. Ngani, wenze lokhu,” nokudlinza.Uzobabona abanye besifazane beqala ukugqoka ngokwesimiloesibi, ukuthi bagqoka lezozingutshana ezindadlanaabazigqokayo ngesikhathi sasehlobo khona lapha, ikakhulukazi,ebusika uma bengahle bakwazi. Ubunja impela nje! Futhinizophuma.83 Manje, manenekazi, ngifuna ningithethelele. Angifuniukulimaza imizwa yenu. Angikho lapha ukuba ngilimaze imizwayenu. UNkulunkulu uyazi ukuthi akusikho. Kodwa ngilaphanjengomshumayeli weVangeli, ukunazisa ukuthi liyini iqiniso,bese-ke nenza ngalo lokho enifisa ukukwenza. Manje-ke umanihamba ukuyokwenza lezozinto, niyoqala ukuzindla, “Umalona wesifazane engakwenza! Waziwa kakhulu. Uyasonta.Uhlala ezikhundleni zomphakathi. Angikwenzi ngani minana?” Lokho ngukuzindla, lapho umphefumulo wakho ukutshelaukuthi akulungile. UNkulunkulu wamboza owesifazaneyonke indawo, nendoda yonke indawo, ensimini yase-Edene;akazange abahlubule izingubo. Niyabo? Kodwa kungukuzindla.Niyokuzindla, “Bonke abanye bayakwenza.”84 Mantombazane asemancane kakhulu, la—lalelani kulokhuukusa eVangelini. IVangeli lathi, “Abesifazane mabagqokeizingubo ezifaneleyo,” hhayi ezingafanele, “izinguboezifaneleyo.” Futhi kuya…Kuyihlazo.85 Niyazi ukuthi bekungenzekani eZurich, eSwitzerland, umaowesifazane eza ehla ngomgwaqo egqoke njengoba kwenza laba

Page 13: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

IZWI ELINGAQONDAKALIYO 13

besifazane eMelika na? Bebengamphosa ejele khona lapho ne -clare…uthathwe ngokuthi uluhlunya. Impela.86 Ngenkathi ngiya eRoma, eItaly, ngase ngenyukelaezinkundleni zokungcwaba abangcwele, babenayo ngishonesayini esangweni, endaweni yokungcwaba eSaint Angelo,yomhume okwakulahlwa kuwo izidumbu, yase ithi, “SifazanesaseMelika, niyacelwa gqokani izingubo ngaphambi kokubaningene kulendawo, ukuba nihloniphe abafile.” Futhienesimilo esibi, ezehlisa isithunzi, eyonakele, eyihlazo indawoenjengeItaly, futhi ize ikhulume amazwi anjalo. Nothisha bethubayimbangela yakho, emsamo, ngokungalikhulumi iQiniso.Amen. Kunjalo.87 Qaphelani, owesifazane uyaqhubeka. Ucabanga ukuthiulungile. Emva kwesikhashana, uyamshiya umyeni wakhe.Usuka uyahamba futhi ugana lendoda engumthengisiohambayo, ngoba iyabukeka, umfo omkhulu. Futhi emvakwesikhashana uthola ukuthi akasiyo indoda umyeni wakheayeyiyona. Niyabo, akanamusa, njengoba umyeni wakhewayenjalo.88 Futhi emva kwesikhashana, manje-ke, uyacabanga, “O, awu,ngikwenzile lokho, ngizothandana nomunye.” Uyaqhubeka.Uyahamba uyaphambili. Uyasonta, ngokuqhubekayo. Umelusiakakaze alesule igama lakhe ebhukwini. Uyaqhubeka impela njeeya esontweni. Uphila nje lokho afuna ukukuphila.89 Nento yokuqala niyazi, o, futhi wena uthi, “Manje buka,Nkk. Doe, uyakholelwa kuJesu Kristu na?”90 “Ngayo yonke inhliziyo yami ngiyakholelwa kukho.”Kodwa ukwenza kwakhe, izithelo zakhe, ziyafakazisa ukuthiakakholelwa. Ungalilaleli izwi elingaqondakaliyo. Malizwakaleliphuma eVangelini lapha. Kuyafakazisa ukuthi akakholelwa.Ngokuba, ubengeke azenze lezozinto. Ubengeke enzengaleyondlela. Ubeyoba nemicabango ehlukile. Ubezobuswayinto ehlukile; umphefumulo wakhe.91 Okokuqala uyaLidabukisa, emuva lapho, ngenkathieqala ukuphuma, emehlisa emenyusa umyeni wakhe. Nansiinhlakanipho yakhe lapha; nanku umphefumulo wakhe lapha.Kukhona umugqa ohlukanisayo lapho, ukuthi uma uke uzeunqamule, awusoze unqamule ubuye futhi. Awusoze wabuyafuthi. Kucabangeni. Futhi ulokhu eqhubeka.92 Futhi emva kwesikhashana, uma ona kulento ngaphakathikwakhe, ekhuluma ngeZwi likaNkulunkulu, into yokuqalauyazi, uzofika engene shi kulenhlakanipho, eyeka umphefumulowodwa. IBhayibheli lathi, “Umphefumulo owonayo,lowomphefumulowokufa.”Ukufa kusho “ukwehlukanisa.”93 Manje-ke, umphefumulo, unembeza oke ukulahle, awusekhofuthi usuhambe ngakho konke wayongena enhlakaniphweni.Uyahamba uyojoyina elinye elidala, elibandayo, eliyibandla

Page 14: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

14 IZWI ELIKHULUNYIWE

ngegama nje elingakholelwa kulezozinto. Baphume bayeengulubeni-idla-ingulube, futhi, into yokuqala uyazi,umphefumulo okulahlayo okokuqala mhla uqamba amanga,okokuqala ugqoka lezozingubo ezimfishane, okokuqala wenzaizenzo zokungaziphathi kahle, ziyofa kakhulu kuwe, ungekeusakuzwa. Futhi uyohamba uqhubeke njalo njalo. Futhi emvakwesikhashana ukufa kuyokuthola.94 Uphila ngaphandle ngaleya. Umelusi wakho uyofika beseethi, “Zonke izinto zilungile, dadewethu. Usulungele ukuhambamanje. Yonke into ilungile.” Uyokholwa okufanayo. Nentoyokuqala uyazi, uma sekwehla…95 Ngani? Nawo onke amandla okuzindla anawo! Uyeesontweni. Unikele kokothando. Wenze yonke into elungileyo,ucabanga kanjalo, yonke into elungileyo engqondweni yakhe.Ulandele okungaphikiswa kwengqondo yakhe. “Ngiyazi ukuthingifanele ngiye esontweni. Ngiyazi ngifanele ngibe nobungani.Ngiyazi ngifanele ngimphathe kahle umakhelwane wami.Ngiyazi ngifanele ngenze lokhu na lokho.” Kodwa, nomakunjalo, kuyini na? Umdabukisile loMfo.96 Bese kuthi-ke, ehoreni lokufa kwakhe, lapho eselungelaukufa, ulele embhedeni. Futhi khona manjalo, uyavukafuthi uyampongoloza, “O, Nkulunkulu wami! Ngilahlekile![UMfowethuBranhamushaya phezu kwepulpiti kabili—Umhl.]97 Umelusi uyothi, “Mnikeni isidakamizwa ihayipo.Uyahhema.” Futhi uyojova ngesidakamizwa ihayipo kuso. Futhiuyozama ukukhuluma. Akakwazi ukukhuluma.Uyovungama.98 Kuyini na? Umphefumulo wakhe usubambene naye,ngaphambi kokufa. [UMfowethu Branham ushaya phezukwepulpiti kane—Umhl.] Akusibo abesifazane kuphela;abesilisa, nabo, abedelela uthando lukaJesu Kristu, oMenqabile,wahlekisa ngaLo. Liyobambana nawe ngoluny’usuku,ngokuqiniseke ngempela njengoba ngimi lapha kulokhu ukusa.[Ushaya kahlanu.] Ukudumaze kwaba manje, ngangokuthiawusakuzwa. Kodwa kuyokubamba ngesinye isikhathi, futhi.Kuyobuyela kuwe, izinto ezingcolile, izinto ezimbi, ukuncetheza,ukumpompa, ukuhleba, ukuzazi, nezinto ozenzile. Konkekubuyela kuwe, ngoluny’usuku, ulele embhedeni wokufa.99 Yenze kanjalo inalithi yesidakamizwa ihayipo kulezizinsukuzokugcina imise izivumo zombhede wokufa kwezinkulungwane!“Mjove ngenalithi.Menze abe ndikindiki.”Uzamaukukhuluma.100 Kuyini na? Umphefumulo wakhe usubambene nayelapha. Lowomphefumulo nomoya yilento lapha, ukuthiinhlakanipho isilungela ukwehluleka. Kusengqondwenikuphela. Inhlakanipho, ophile ngayo, izobhubha. [UMfowethuBranham ushaya phezu kwepulpiti kane—Umhl.] Kodwalowomphefumulo owudabukisile enhlakaniphweni yakho,uzokuhlupha kuze kube Phakade. Amen.

Page 15: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

IZWI ELINGAQONDAKALIYO 15

101 Ningalilaleli izwi elingaqondakaliyo. Kholwani iVangeli,ekugcwaleni kwalo. Yebo, mnumzane. O, uthi, “Ngayaesontweni. Ngenza lokho okwakulungile. Ngakhokha izishumizami.” Lezozinto zilungile, kodwa lokho kuyinhlakanipho.102 Futhi bukani, uma bezama ukuyeka, naleyonalithiyesidakamizwa ihayipo engalweni yabo, babayeke babendikindiki ukuze bangazi lutho, futhi bazama ukukhuluma.Umphefumulo wabo usubambene nabo. Bayaqonda ukuthiukuzindla kwabo, ingqondo yabo, iyabhubha nobuchopho babo.103 “‘Bebhubha nobuchopho babo,’ ingqondo na?” Yebo,mnumzane. Yebo, mnumzane. Ingqondo yakho izobhubhanokufa kwakho.104 Ngizokufakazisa kini. Umshini wokuhlola amangaawuthathi ingqondo yakho; uthatha umphefumulo wakho.Ukudikiza kwemizwa yakho akuyi engqondweni yakho; kuyaemphefumulweni wakho. Amen.105 Ngakho, inhlakanipho yakho izofa uma ubuchopho bakhosebunqamuka ukuthi busebenze. [UMfowethu Branham ushayaphezu kwepulpiti kathathu—Umhl.] Uma igazi selehlulekaukuthululeka ledlulele ebuchosheni, nemizwa inqamuke, khona-ke ingqondo yakho iyahamba nomphefumulo wakho beseubambana nawe.106 Futhi uma lomphefumulo wowesifazane usubambana naye,bese ethi, “Nkulunkulu wami, ngilahlekile.”107 Futhi bacabanga ukuthi kunjalo, o, kungukuhhema.Bajova ngesidakamizwa ihayipo, inalithi kuye, bese eqalaukuba ndikindiki. Akabe esakwazi ukukhuluma. Uyazama.Uyagoqana. Usebuhlungwini. Nodokotela uthi, “Mnikeniomunye; nimthulise, ingelosi yokufa ize ishwibe umoya wakheuphume kuye.108 Kodwa, leyonalithi yesidakamizwa ihayipo ingathulisainyama, ingathulisa ingqondo, kodwa lokho ngekekwathulisa lowomphefumulo owaziyo ukuthi wonaphambi kukaNkulunkulu. [UMfowethu Branham ushayaephezu kwepulpiti kabili—Umhl.] Kuyomhlupha iminyakaenganqamukiyo, nasePhakadeni. Lowomphefumulo uyobeusalukhu uhlupheka futhi uhlupheka futhi uhlupheka, laphoiminyaka iphenduphenduka.109 Wavelaphi na? Uyaphi na? Waphuma ePhakadeni. Wangenaindaweni encane ethiwa yisikhathi. Uyaphuma esikhathiniungena ePhakadeni. Futhi lokho oyikho emphefumulweniwakho, lapho uphuma, uyofana. O, he. Kulungile.110 Lokho kungcono kancane na? Ngithola nje…Ngiyaqaphela,kuthi ukuzwakala kakhudlwana ngakho. Kulungile. Lapho—lapho i…[Imibhobho noma omunye uphazamisa uMfowethu

Page 16: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

16 IZWI ELIKHULUNYIWE

Branham—Umhl.] Ngikholwa ukuthi u…KukuMfowethuNeville. Ngishumayela kanzinyana.

Kulungile, ungene ePhakadeni, nakho lapho okhona.111 Omunye umelusi uyofika enyukele kowesifazane, athi,“Awu, udadewethu othandekayo, wayeyilunga elethembekilengempela ebandleni lethu. Wayefika njalo ngosuku lwesabatha.Wasiza abampofu. Wasiza abadingayo. Wenze zonke lezizinto.Namhlanje useNkazimulweni.”112 Kodwa, ukuba iqiniso kuphela belaziwa, ngaphandleendaweni yokuhlupheka ethiwa yisihogo, lowomphefumuloohlukane naye lapha emhlabeni, ukuthi walalela izwielingaqondakaliyo. Futhi wasuka wayongena ePhakadeniengamazi uNkulunkulu, engamazi uKristu njengokuZalwaokusha. WaKukholwa enhliziyweni yakhe. WaKukholwaengqondweni yakhe. Wayecabanga ukuthi wayelungile, kodwawayengalungile.

Ngumphefumulo wakho, okwenzayo. O Nkulunkulu,hawukela!113 Lalelani izwi eliqondakalayo. IVangeli alinalo izwielingaqondakaliyo. UPawulu wathi, “Uma i—uma icilongolikhala, uma isosha lizwa ukubethwa kwecilongo lasempini…”114 Maningi amaqhawe amadala lapha kulokhu ukusa. Ayaziukuthi kusho ukuthini ukuhlehlel’emuva. Ayazi ukuthikuyini lamasayini ahlukene alokhu ukukhala kwecilongolasempini. Futhi uma lelicilongo lasempini lingakhali ngezwieliqondakalayo, nje umsindo omkhulu oyisixheke, lizokwazikanjani isosha ukuthi lizilungiselele na?115 Uma elinye ibandla lithi yenza lokhu, elinye lithi yenzalokho, nelinye ibandla lithi yenza lokhu, elinye lithi yenza lokho,uzokwazi kanjani umKristu ukuthi kufanele enzeni na? Elinyelisho into eyodwa, nelinye okunye.116 Kodwa ngiyakutshela, mfowethu othandekayo,ngizokutshela indawo lapho elingekho khona izwielingaqondakaliyo. Leyo iseBhayibhelini, iZwi likaNkulunkululaPhakade! YiVangeli. NeVangeli lingaMandla nesibonakalisosokwenza sikaMoya oNgcwele kufakwe ekusebenzeni. Yebo.

“Izwi elingaqondakaliyo.”117 UJesu emi emhlabeni, Uyazi lapho Ayemi khona. Wayaziukuthi WayenguBani. Wathi, “NginaMandla okudela ukuphilakwaMi. NginaMandla okubuye ngikuthabathe.” Akukhoukungaqondakali ngalokho. “Nginawo!” Haleluya! “ManjenginaMandla okukudela. NginaMandla okukucosha.” Yebo,mnumzane. “Akekho oNgibambayo.”118 Noma yimuphi owesilisa noma owesifazane ozelwe nguMoyakaNkulunkulu uyazi lapho bemi khona, kungakhathaleki ukuthi

Page 17: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

IZWI ELINGAQONDAKALIYO 17

kwenzekani, noma bangaki othi yebo noma qha. Bayazi laphobemi khona. Akukho-zwi elingaqondakaliyo. Haleluya! O, he!119 Owesilisa onawo, owesifazane onawo, o, bangabantuababusiswe kakhulu. Akumangalisi uDavide athi babebusisiwe,umuntu obusisiwe. Mbeke etafuleni lokuhlinzela, beseuthatha…uzame ukusika isibusiso usikhiphe kuye, awukutholineze. KungaMandla afihliwe. AyiNto ethize efihliwe, o, kodwaAlapho. Wonke owesilisa nowesifazane owake waba naWo,babazi ukuthi babenaWo. Akukho kungaqondakali ngawo.Wonke umuntu ozelwe nguMoya kaNkulunkulu, uyazi ukuthiuma edlula ekufeni engena ekuPhileni; uyayazi indawo, ihora,umzuzu. [UMfowethu Branham ushaya phezu kwepulpitikasithupha—Umhl.] Uma ukufa sekuguqukele ekuPhileni;lapho ukungakholelwa eBhayibhelini, sekuguquke kwakholwayilo lonke iZwi laLo; ukuqhosha, izinto zengqondo ephakemesekwedlule; babangamaKristu azithobile, bayazi uma ukufakwedlulele ekuPhileni. Amen.120 Wonke umuntu owayenaWo, wayenento ethize ehlukile. Izwelakwazi. Wonke owesifazane owayenaWo, wayenento ethizeehlukile, nezwe lalikwazi. Izwe lingaWabona. Izenzo zakhoziyafakazisa ukuthi wena uyini. Ungasho ukuthi unaWo, kodwaizenzo zethu zikhuluma kakhulu ngangokuthi abalizwa iphimbolakho. Impilo yakho ikhuluma lokho oyikho.121 USamsoni, wayeyindoda eyayinaWo. Manje, inqwabayabantu izama ukwenza uSamsoni abe yindoda enamahlombeamakhulukazi nendoda enkulukazi ephumayo bese iqukulaamasango omuzi bese isuka ihamba. Lokho akusikho,lokho akusiyo imfihlakalo enkulu kimi, ukubona indodayenza lokho, namahlombe amakhulu kangako. USamsoniwayengesiyo indoda enkulu. Wonke umBhalo umbeka ngokuthiwayengumuntu omncanyanyana, umfo omncinyane impela.Futhi wayebusisiwe. Ngani na?Wazalwa ngaleyondlela.122 Yileyondlela othola ngayo ukubusiswa, yilapho umauzalwe ngaleyondlela. Hhayi uma umpristi othize ekubusisa,noma umshumayeli othize ekubhaphathiza. Kodwa laphouNkulunkulu, ngoMoya oNgcwele, enikeza ukuZalwa okusha,khona-ke uyazalwa, umntwana kaNkulunkulu.123 USamsoni waWuvumela kuye. Futhi kwakungesuyeuSamsoni, kwakungaMandla afihlakele kuye.124 Akusilo igama elithize lomlingo. Akusikho ukuhlikihlaunyawo lonogwaja emva kwendlebe yakho, uphimiseleesicathulweni sehhashi bese ukuphosa ngaphesheya, lokhokwenza umlingo. Lokho akusikho okwenza umuntu aphileimpilo ehlukile; akwehlukene nokujoyina isonto, noma ukufakaigama lakho ebhukwini, noma ngokubhaphathizwa. Okwenzaumuntu kungenkathi nxa uNkulunkulu, ngokuzalwa, kumnika

Page 18: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

18 IZWI ELIKHULUNYIWE

aMandla afihliwe, bese embusisa ngoMoya oNgcwele empilweniyakhe, okumenza abeyilokhu ayikho.

125 USamsoni, ngenkathi ephumela lapho, ibhubesi lizangakuye. O, he, ibhubesi lalizomthola! Omncane, umuntuomncanyanyana onekhanda elinezinwele ezisongene, ethiakabe kanjalo; ayisikhombisa amancane, amagoda elengaemahlombe akhe. Futhi wayeyintekenteke, wayewuhloboolufushanyana, wayebhashile, njengoba wonke umuntu unjaloongenaNkulunkulu. Yebo. Kodwa, khonamanjalo, ngenkathiibhubesi selilungele ukumthola, aMandla afihliwe aphuma.UMoya oNgcwele ufika phezu kwakhe. Wayeselidumelaibhubesi walibulala, sengathi kwakuyiwundlu.

126 Kulapho-ke. UmKristu akabuyiseli. UmKristuakaqophisani ngakho. UmKristu uhlala athule. NalawoMandlaafihliwe, isibusiso sikaMoya oNgcwele uyahambauyomsebenzela, ukukhiphe. Haleluya! Lokho…?…

127 UDavide wayenaWo. Ngenkathi esina phambi komphongoloweNkosi, wayenaWo. Wayazi ukuthi wayekhuluma ngani,ngakho yingalesosizathu wayengamesabi uGoliyati.Kwakungesilo idwala uDavide ayenalo endwayimanenielabulala uGoliyati. Kwakungesiyo indwayimane ayeyiphethengesandla sakhe eyabulala uGoliyati. Kwakungesiwo amatsheayenawo ephaketheni lakhe akwenzayo. KwakungaMandlaafihliwe, lesosibusiso sikaNkulunkulu. Lapho uDavide ededelalokho ayenakho, uNkulunkulu wakuthatha wakubusisanaMandla afihliwe. Ngakho, kwakungesuye uDavide,kwakungesilo itshe, kwakungesikho ukushaya ngendwayimane.Kwakuyilesosibusiso esasikuDavide, esabulala isithasikaDavide. Amen.

128 Abantwana bamaHeberu babenaWo. Babenesibindi. Bathi,“UNkulunkulu wethu unamandla okusikhulula esithandwenisomlilo. Kodwa asisoze sakhothama.” Kwakungekhoukungaqondakali kulokho; akukho-zwi elingaqondakaliyo.

129 Lalingekho izwi elingaqondakaliyo kuDavide, lapho ethi,“Niqonde ukungitshela ukuthi nizoyeka i…lowomFilistiongasokiwe ame lapho futhi eyise izimpi zikaNkulunkuluophilayo na?” Wathi, “Ngizolwa naye mina uqobo.” Amen.Akukho ukungaqondakali. UDavidewayazi lapho ayemi khona.

130 “UNkulunkulu wathi, ‘Davide, Ngakuthatha edlelweniekwaluseni izimvu, lapho wawungelutho kuphela umfanawezimvu, futhi Ngenza igama lakho libe likhulu phakathikwamadoda, njengamadoda amakhulu asezweni.’” [UMfowethuBranham ushaya phezu kwepulpiti kasishiyagalolunye—Umhl.]UNatanayeli wambuka, wathi, “Yenza konke okusenhliziyweniyakho, ngokuba uNkulunkulu unawe.”

Page 19: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

IZWI ELINGAQONDAKALIYO 19

131 Akukho ukungaqondakali. Babemazi uNkulunkulu.Babenolwazi lokuzibonela. Akukho-zwi elingaqondakaliyongakho.132 UDavide wathi, “Ngizohamba ngilwe naye, futhinamhlanje ngizomnquma ikhanda.” Akukho ukungaqondakali.Kwakungesuye uDavide; kwakunguNkulunkulu kuye.KwakuyilawoMandla afihliwe. Akukho nokuncinyaneukungaqondakali. Konke kuyavuma. Akukho okuphikayo.133 Abantwana bamaHeberu bathi, “Asiyikukhothamakonkulunkulu bakho. Asiyikukhonza inkonzo yakho eyiyongegama nje. UNkulunkulu unamandla okusikhulula. Kodwauma Engasikhululi, siyavuma ukufa.”134 Phakathi esithandweni somlilo! Futhi niyazi ukuthikwenzekani na? Lapho bethatha uNkulunkulu eZwini laKhe,futhi bahamba bayongena esithandweni somlilo, lawoMandlaafihliwe ayaphuma. Amen. Bama babazungeza yonke indawo,futhi babenenhlanganyelo. Ofana neNdodana kaNkulunkuluwama phakathi kwabo, ephebeza imimoya eshisayo, futhibenenhlanganyelo phakathi kobunzima obukhulu kunabo bonkeabake bedlula kubo.135 Futhi wonke owesilisa nowesifazane ozelwe nguMoyakaNkulunkulu, uma kufika ihora, yenza isinqumo sakhofuthi umele uNkulunkulu, ngaphandle kwanoma yikuphiukungaqondi kahle. Phakathi kwenkathazo, uyobanenhlanganyelo. Akukho ungaqondakali.136 Baphosa uDanyeli emphandwini wezingonyama. Akukhoukungaqondakali. Wama lapho. WayenaMandla afihliwe! Hhayiunyawo lukanogwaja lusephaketheni lakhe; hhayi ikhubaloukuba alifake entanyeni yakhe!137 Bangenza ngigule ngazo zonke lezoziphambanonamakhubalo, nakho konke, amaProtestane neKatolika bobabilibayazifaka. Akukho siqiniseko sobumsulwa kubo. Kulungileukuba naso; kodwa ukusikhonza ngendlela enenza ngayo,usilengise emotweni yakho futhi ucabange ukuthi siyokuvikelaekubeni ube nengozi, ngeke sikwenze. Kuphela yisandlasikaNkulunkulu esingenza lokho. Amen.138 Inyoka yethusi yayilungile. Kwakungekho kulahlwaenyokeni yethusi. Kodwa lapho sebeqala ukusukakuNkulunkulu, futhi bekhonza inyoka, umprofethiwayidlibhiza. Amen. Nakho lapho okhona.139 UDanyeli wangena, kungekho nayikuphi ukungaqondi.“UNkulunkulu unamandla okungikhulula ezingonyameni.”Kodwa bamphosa esithandweni somlilo…Ngikholwa ukuthingenkathi lezozingonyama ziqala phezulu lapho, zambuka,nakho kumi indingilizi yoMlilo izungeze uDanyeli. Noma yisiphiisilwane siyawesaba umlilo, niyakwazi lokho. Lezozingonyamazahlehlela emuva. Kwakuyini na? AMandla afihliwe,

Page 20: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

20 IZWI ELIKHULUNYIWE

ayesenhliziyweni kaDanyeli, ayaphuma ayesemembathandawo zonke. KwakuyilawoMandla afihliwe, lesosibusisosikaNkulunkulu, esasiphezu kwempilo yalowomprofethi,ammboza ngoMlilo osha amalangabi; njengasezansi eDothaningalolosuku lapho uGehazi ebuka wase ebona okwakuzungezeuElija: iziNgelosi zoMlilo, izinqola zoMlilo. Lapho lawoMandlaafihliwe ayezungeze uDanyeli.140 UPetru noJohane, lapho bedlula esangweni elithiwa Lihle,iNkosi yakhuluma kubo ngesishosha silele lapho. Kwakungekhoukungaqondakali. Babengenamfundo. Babengena…Babengesibo ngisho nabesonto. Babengesibo abehlelo. Kodwakwakungekho ukungaqondakali ngolwazi lwabo lokuzibonela.Babenokuvumayo. Babengenamali. Babengenabulunga.Babengenayo imfundo. Kodwa uPetru wathi, “Enginakho,ngizokupha khona. EGameni likaJesuKristu, sukumauhambe.”141 BabenaMandla afihliwe. Babegqoka njengamanye amadoda.Babehamba emgwaqeni. Badla njengamanye amadoda. Kodwababenesibusiso ngaphakathi kubo, esibanika ukuqondakalaukwazi ukuthi babemi kuphi. Wathi, “Anginamfundo. Angisuyeowanoma yiliphi isonto. Angazi-sayense yezenkolo. Anginamali.Into kuphela enginayo, ngizokuphaYona uma uzoYemukela.”

Sathi, “Iyini na?”142 Wathi, “NgeGama likaJesu Kristu waseNazaretha, sukumauhambe.” Akukho ukungaqondakali. Hhayi ukuthi “sukumauzame, bese ubona ukuthi ungaluhambisa unyawo lwakho.”Hhayi ukuthi “sukuma uzame, bese ubona ukuthi uzobangconoyini.” Kodwa, “EGameni likaJesu Kristu, sukuma uhambemanje.” Nakho lapho okhona.143 Izwi elingaqondakaliyo liyi…likhala ngezwielingaqondakaliyo, kuzokwenzekani. O, he.144 UStefanu wayenokuningi kwalokho okubusisiweyo kuye,washo, ngenkathi uStefanu bemkhanda ngamatshe. O, he!Wayenokuningi kakhulu kwesibusiso kuye, okuningi kakhulukwaMandla afihliweyo, uStefanu waze waba ngomuny’umuntu,wabheka phezulu wase ebona uJesu emi ngakwesokunenesikaNkulunkulu; futhi akazange ezwe ngisho igabade ngenkathilimgqimiza ekhanda.145 Ngani, sengiyambona uStefanu lapho. Waguqa phansi.Izitha zakhe, zimphimisela ngamathe, nakho konke okunye,futhi beMkhanda ngamagabade. Wavuka, wayesebhekaeZulwini. Wayesethi, “Baba, ungababambeli lesisono.Ngiyabathethelela Baba.” Siningi kakhulu isibusisongaphakathi kuye! Kwenzekani na? Ngiyakutshela,ayesevuleka-ke amaZulu. LowoMoya omncane, wawukuye,wavula indlela emafwini, ezinkanyezini, wadabula enkungwini,waze wabona uJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.Wathi, “Bhekani, ngibona amaZulu evulekile.”

Page 21: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

IZWI ELINGAQONDAKALIYO 21

146 Mfowethu, ngiqoka ukuba ngibe naKho [UMfowethuBranhamushaya ihlombe kabili—Umhl.] kunayo yonke imfundo,yonke imali ebeningayinqwabela phambi kwami. Yonkeimfundo yami, ngizoyiqathaza lapha. Yonke isayense yamiyezenkolo yengqondo, ngizoyishiya lapha. Wonke umcebo wami,ngizowushiya lapha. Kodwa aMandla afihliwe, leyonto eyenzaukuqondakala kweVangeli izokuyisa eZulwini, bese ikuthwalawedlule ezigodini zethunzi lokufa. Amen.147 Wayazi ukuthi wayekhuluma ngani. Wathi, “NgibonaamaZulu evulekile.” Wayenesibusiso. WayenaMandla afihliwe.Futhi akabange esezwa-magabade emva kwalokho. Babemshayaekhanda ngamadwala. Bemshaya ohlangothini olulodwa,olunye. UStefanu bandla wayenjengengane, icanyelisweezingalweni zikanina, futhi uNkulunkulu, Wayesemthunduzelaukuba amlalise esifubeni saKhe.148 IBhayibheli alishongo ukuthi uStefanu wafa. [UMfowethuBranham ushaya phezu kwepulpiti kane.—Umhl.] IBhayibhelilathi, “UStefanu walala ubuthongo.” Nkulunkulu hawukela!Mfowethu, yilokho engikufunayo ekupheleni kwendlela.[Ushaya izandla zakhe kabili.] Wambeka ezifubenizikaNkulunkulu wayesemthunduzela ukuba amlalise, wathi,“Uyabo, ndodana, lapho eNgikuyisa khona.”149 Wayenesibusiso. WayenaMandla afihliwe. Hhayi unyawolonogwaja; hhayi ikhubalo ephaketheni lakhe; kodwa into ethizeemphefumulweni wakhe, lokho kwamguqula futhi kwamenzaumuntu ohlukile.150 UPawulu wathi, “Ukuphila engikuphilayo manje.”Kwabonisa ukuthi wayephila okwehlukile, kanye. “Hhayi mina,kodwa uKristu uphila kimi,” washo. Yebo.151 UJohane, umambuli, wayenezwi eliqondakalayoephimbweni lakhe. Wayeyithanda iNkosi. Wacamelaesifubeni saYe. Wayenenhlanganyelo noJesu. Waphila wazewasondela eminyakeni eyikhulu ubudala. Wenza izimangalisonezibonakaliso futhi wabona imibono.152 Futhi ngenkathi bekwenza, bathi, “Ungumthakathikazi.”Ngakho bamweza base bembilisa, amahora angamashumiamabili-nane, ebhodweni elikhulu likagrisi. Niyazi uk’thini?LawoMandla afihliwe ayaphuma. LawoMandla afihliwe,ayesenhliziyweni yakhe, amembesa yonke indawo. Futhilapho bebheka ebhodweni likagrisi, lesosibusiso sasikuJohane.Futhi bamkhipha kugrisi, kungekho nelilodwa iphungalikagrisi kuye. Base bethi, “Ungumthakathikazi. Ungumbhuli.UnguBelzabube.”153 Wonke owesilisa nowesifazane owake wazamaukuphilela uNkulunkulu usolwa ngezinto zokungamesabiuNkulunkulu. “Ungumthakathikazi. Wathakatha ugrisi.”WayenaMandla kaNkulunkulu amakhulu kakhulu kuYe,

Page 22: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

22 IZWI ELIKHULUNYIWE

kakhulu ngangokuthi…Hhayi ngokuthakatha. KodwaKwakuyini na? AMandla kaNkulunkulu afihliwe ayekuye.Wayebukeka efana nomuntu. Udla njengomuntu. Wayelalanjengomuntu.Wayekhala njengomuntu.Wayengumuntu. KodwauNkulunkuluwayekumuntuwaKhe. Isibusiso sasikumuntu.154 “Ubusisiwe umuntu,” kwasho uDavide. Akukhoukungaqondakali kuye. Lowomuntu uyazi ukuthi ukhulumangani. Angikhathali ukuthi izwe lithini, ukuthi wenauthini ngaye, zama ukumenza ahlanye, ngeke ahlanye.Angikhathali ukuthi ukhuluma kangakanani ngaye, ngekeaze akunake. Uyoqhubeka, ngoba unesibusiso phakathi lapha.Uyokukhulekela. Kunjalo. Ungahle wenze noma yini ezweni,akakunaki nakukunaka. Angeke ahlebe ngomakhelwanebakhe, futhi ahambe ejikeleza futhi adale inkathazo.Uyoba wumlamuli. Uyokwenza konke angakwenza, ngokubaungumntwana kaNkulunkulu. Ubusisiwe lowomuntu. Yebo.155 Ngenkathi abantu bepentekoste benyukela ePentekostebabengabantu nje ngenkathi benyukela lapho. Kodwakhona manjalo, besephezulu lapho, babesaba. Babevaleamafastela, iminyango ivaliwe. Babesaba ukuhlushwa.Babengamalunga amahle ebandla, kwaze kwafika isikhathi.Babekade bebhaphathizwe emanzini, kwaze kwafika isikhathi.Kodwa babengenawo aMandla afihliwe. Babengenakho lokhokuqondakala.156 Omunye wabo wathi, “Uma U…Mangifake izandlazami ohlangothini lwaKho. Mangifake iminwe yami laphokwabhoboza khona izipikili, esandleni saKho.”157 Omunye wathi kowesifazane, “O, kungubuwula!Awubonanga lutho.”158 Kodwa lapho begibela kulezozitebhiso base benyukelaesitezi, khonamanjalo kwavela eZulwini inhlokomo, naMandlaafihliwe ehla. Angena kubo. Kamuva base bephumeleemgwaqeni…-joicing—bethokoza bebonga uNkulunkulu,beshumayela iVangeli, bedumisa uNkulunkulu. BabenaMandlaafihliwe. BabenaMandla izwe elalingazi lutho ngawo.159 Manje kuyafana. Izwi elingaqondakaliyo; ningalikholwaizwi elingaqondakaliyo. IVangeli alinalo izwielingaqondakaliyo.160 Uthi, “Mfowethu Branham, ngikholwa ukuthi ibandla lamilishumayela iVangeli.” Kulungile.161 UJesu wathi, “Manje ngizoninika into eqondakalayoukuba niyikholwe.” Wathi, “Hambani niye ezweni lonkemanje futhi nishumayele iVangeli kukho konke okudaliweyo.Okholwayo abhaphathizwe uyakusindiswa; ongakholwayouyakulahlwa. Na…” Amen! O, ngizizwa ngikahle. “Na”isihlanganiso. Ungami lapha, “ukushumayela iVangeli.”

Page 23: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

IZWI ELINGAQONDAKALIYO 23

“Nalezizibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo.” Akukho-zwi elingaqondakaliyo. YiVangeli. Amen.162 Bakhipha amademoni. “NgeGama laMi bayakukhiphaamademoni.” Lelo akusilo izwi elingaqondakaliyo. IVangelilathi lokho kusekukhaleni kwensimbi. Udumo! Haleluya! O,he! Lokho ngukuzwakala kwensimbi, uma bexosha amademoni.[UMfowethu Branham ushaya phezu kwepulpiti kasikhombisanoma kasishiyagalombili—Umhl.]163 “Bayokhuluma ngezilimi ezintsha.” Angiqonde lonaizwi elingaqondakaliyo manje. Bakhuluma ngokwazi,ngesambulo. Babenesiphiwo sangempela sokukhulumangezilimi. Kukhona into eyenzekayo uma benza. Lelo akusiloizwi elingaqondakaliyo. Lelo akusilo izwi lokungakholwa,akusilo nhlobo. Uma kuyinqwaba yokuqhubeka nje, njengobasibona izikhathi eziningi ningi, lokho ukungakholwa. Kodwauma ukhuluma ngamaZwi, ngokuhunyushwa, ngesambulo,haleluya, leyo yinsimbi yeVangeli inqenqetha. Akusilo izwielingaqondakaliyo.164 “Uma bebeka izandla zabo phezu kwabagulayo, bayosinda.”Lelo akusilo izwi elingaqondakaliyo.165 Nina bantu abathandekayo, eningabechurch of Christ,emuva lapho, nithi, “Lokho ngokukaDeveli.” Kuyikho na? Kushoukuthi-ke iBhayibheli lingelikaDeveli. [UMfowethu Branhamushaya phezu kwepulpiti kanye—Umhl.] Niyabo?166 IBhayibheli lathi, “Bayobeka izandla phezu kwabagulayo,bayosinda. Ngiyoba nani, ngibe kini, kuze kube sekuphelenikwezwe.” Akukho-zwi elingaqondakaliyo.167 Xwayani, nizwa okuninginingi kwesayense yezenkoloyebandla. Kungamazwi angaqondakaliyo. AkubambisanineBhayibheli. UPawulu wathi, “Uma i—uma icilongolingakhali ngezwi elizwakalayo, singazi kanjani ukuthi ubaniozolungiselela impi na?” Yebo, mnumzane. O, he!168 UJesu wathi, “Lezizinto engizenzayo nani niyakuzenza,ngisho nezinkulu kunazo, ngokuba Mina ngiya kuBaba waMi.”Akukho-zwi elingaqondakaliyo; akukho-nto.169 UPetru wathi, ngoSuku lwePentekoste, eZenzweni 2:38,“Phendukani, yilowo nalowo, abhaphathizwe eGamenilikaJesu Kristu, kukho ukuthethelelwa kwezono zenu, khonaniyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.” Lelo akusiloizwi elingaqondakaliyo.170 Kwakungekho-ndawo eBhayibhelini, nomaphi, kusukelakuGenesisi kuya eZambulweni, lapho uNkulunkulu ake“afafaza” khona umuntu. Lelo yizwi elingaqondakaliyo.Yayingakaze ibe khona indawo lapho khona noma yimuphiumuntu abhaphathizwa khona noma ngayiphi enye indlela

Page 24: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

24 IZWI ELIKHULUNYIWE

kunaseGameni likaJesu Kristu. Noma yini ephambene iyizwielingaqondakaliyo.171 Fundani iBhayibheli. Lenziwe ngalokho-ke iBhayibheli.Lena yiMbewu. IMbewu iyothela izithelo zaYo. Wewu! Kuthiukufudumala, akunjalo na? Kodwa kumnandi.172 Uhlobo loMlilo esiludingayo wu “Moya oNgcwele noMlilo,”ukushisa okungokwenyama nobusonto kuphume kithi,ukusibuyisela emadodaneni nasemadodakazini kaNkulunkulu;lapho khona lesayense yengqondo yezenkolo nalokhoenikufunda ekholiji phandle lapha, kanjalonjalo, kuzodlula,noNkulunkulu akwazi ukungena enhliziyweni yakho. Yilokhookubalulekile.173 Akusikho ukuthi uma uzosho u “YethiMariya,” kumbe hhayiuma uzokwehla bese usho isiVumokholo sabaPhostoli ebandlenilamaProtestane; lokho akuhlanganise lutho naWo, akukho-nto.174 UJesu wathi, “Uma umuntu engazalwa ngokusha,akayikungena eMbusweni.” Amen. Akukho-zwielingaqondakaliyo, akukho nelincu.175 Ngenkathi uElija enyukela lapho…Bukani, akenginikhombise into ethize. Ngenkathi uElisha ebhekisisauElija, uyenyuka futhi uyambhekisisa. Wathi, “Ufunani na?Umfanekiso kaKristu nebandla.

Wathi, “Ngifuna ukubona into ethize.”Wathi, “Ufunani na?”

176 Wathi, “Ngifuna okuphindwe kabili koMoya wakho umausuhamba.” Lokho kwakungukulamba. Leyo kwakuyisayenseyezenkolo. Lokho kwakungokwengqondo. Wayekulambele.Ingqondo yakhe yayikufuna. Umphefumulo wakhewakukhalela. Lokho akusho ukuthi wayenakho.177 UElija wathi, “Ucele into elukhuni. Kodwa uma ungibonauma sengihamba, kulungile, Uyoza kuwe.” Mfowethu,wambhekisisa lowomprofethi, wonke umnyakazo ayewenza.178 Futhi lapho lolobizo lokugcina selufika, noElija wabizelwaPhezulu, ukuba abonakale eBukhoneni bukaNkulunkulu,uNkulunkulu wamehlisela inqola ukuba agibele. Udumo! O, he!Wamehlisela inqola, namahhashi enqola…amahhashi oMlilo,nenqola yoMlilo. Wathi, “Nceku yaMi ethandekayo, khwela!Kwenziwe kahle.”179 Wathi, “Kulungile, Elisha, ngiyabona uyangibhekisisa.”Wakhumula ibhantshi lakhe waliphosa ngemuva.180 Wacosha lelobhantshi elifanayo wase eligqoka. Akukhookungaqondakaliyo. Wehla waya emfuleni! Haleluya! Ubonileukuthi uElija wenzeni. Wamvulela wona, ukuba awelengaleyondlela. Wathi, “Uma Esalokhu enguye, noMoya waKheuphezu kwami, uzovuleka futhi.” Akukho ukungaqondakali.

Page 25: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

IZWI ELINGAQONDAKALIYO 25

Wawushaya lowo macala onke, wayesethi, “Uphi uNkulunkulukaElija na?” Nolwandle lwehlukana ngapha nangapha,wayesehamba ewela. Niqaphelile na? Akadingekanga ukuba ayeesikoleni sabaprofethi ukuba athole imfundo. Udumo! Wewu!Kungekho-mfundo kulowomfana, futhi wahamba! Isayenseyezenkolo yengqondo yase iphelile. Wayenayo emphefumulweniwakhe.Mbhekisiseni, wenze njengoba kwenze uElija.181 UJesu wathi, “Isitsha esifanayo engisiphuzayo, niyosiphuza.Nombhaphathizo ofanayo eNgibhaphathizwa ngawo,niyobhaphathizwa ngawo. Nezinto ezifanayo eNgizenzayo, naniniyoba njalo.” Wenzani na? Wakhuluma ngezilimi, waxoshaamademoni, washumayela iVangeli, waphilisa abagulayo.Into efanayo Ayenzayo, singayenza, nathi. Futhi ekuphelenikwezinsuku zethu, njengoba Avuka kwabafileyo, kanjalo nathiesikuYe siyoba njalo.182 Angikwazi ukuvusa umfana wami, ekuseni. Ubukekasengathi uthole nje usuku lwakhe nobusuku kuguqukile. Ngathi,“Billy, awusoze walalela ize nje lapho kanjalo. Vuka. Umaungenzi okungaphezu kokuphuma bese uxubha amazinyoakho, bese uphumela egcekeni, ubheke imoto yakho, beseuyabuya uyangena bese uhlala phansi, ufunde. Ungacambalaliembhedeni; akukuhle, ubuvila.”183 Nkulunkulu hawukela lamaKristu anezinhliziyoezivilaphayo, akubi kuhle; wazi kakhulu ngaLo, bese uxoxakancane kabi kwabanye abantu ngaLo.

Wathi, “Baba, angikwazi nje ukuvuka kusesekuseni.”184 Ngathi, “Buka, Billy, ngolunye lwalezizinsuku, awuzukubanaye ubaba ozokunakekela. Ubaba uzobe engasekho,ngokunye kwalokhu ukusa. Ungena ekamelweni bese uyabuka,mhlampe. Ubaba uzobe eselele lapho. Uyomnyakazisa,kodwa angeke esavuka.” Ngathi, “Bayobe sebengidonsa-kebengehlisa, lelisonto elidadlana, ebhokisini. Uyokwedlula,iduku lisesandleni sakho, ukhala; ubuke phansi, uthi, ‘Lowongubaba wami osemdala. Ngifisa sengathi ngabe ngamlalela.’”Ngathi, “Kodwa khumbula, Billy, bengihlala njalo ngingovukakusesekuseni.”185 Haleluya! [Akuqoshwanga eteyipini.]…amazwi okukhalakwecilongo elibusisiwe, ngiyovuka ngokuvuka kokuqala.Ngiyakholelwa ekuvukeni kusesekuseni, (haleluya), ngolunyeusuku lwenkazimulo, ngomusa kaNkulunkulu. NgiyalikholwaleliVangeli engilishumayelayo. Ngikholwa ukuthi LiyiQinisoeliqotho.186 Ingubo kaElisha ayinalo izwi elingaqondakaliyo. Akukho-zwi elingaqondakaliyo.187 Indoda kaKhongolose u-Upshaw…Kwakungekho-zwielingaqondakaliyo ngenkathi uMoya oNgcwele ungitshelaphezulu ngaleya, ngaphambi kokuba odokotela baze

Page 26: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

26 IZWI ELIKHULUNYIWE

bathole i amuba isilwane esingenasimo. Kwakungekho-zwi elingaqondakaliyo, ngenkathi odokotela bethi ngangifa,futhi kwakunguNkulunkulu owangiphilisayo. Kwakungesiloizwi elingaqondakaliyo. Kwakungesilo izwi elingaqondakali,eGreen’s Mill ngalobobusuku, ngenkathi iNgelosi yeNkosiyenyukela kimi, Yathi, “Ngalesisizathu wazalwa ezweni.”Akukho-zwi elingaqondakaliyo!188 Ngahamba ngakhuluma nabanye abashumayeli ngakho.Bathi, “Billy, ubunephupho elesabisayo.” Kodwa kubekhonaimiphefumulo eyizigidi ezuzelwe uKristu. Kwakungekho-zwi elingaqondakaliyo. Lelo kwakuyiPhimbo likaNkulunkululikhuluma kumfokazana. Akukho-zwi elingaqondakaliyo. O, njeangikwazi ukushumayela uma ngicabanga ngalokho.189 Ngangitshela unkosikazi, esikhathini esithize esedlule.Kungenzeka ukuthi sengake ngakuxoxa lapha ngaphambili.Niyalazi imuva lomndeni wakithi. Ngiyamthanda ubabawami. Sewashona. Wafela ezingalweni zami, ngikhuleka.Kodwa wayephuza. Wonke umdeni wakithi wawuphuza. Benzeezinkulu, izinto ezilimazayo; namanje, ihlazo emphakathini.Abafowethu bayaphuza; hhayi ngoba ngifuna baphuze.Ngiyabakhalela, ngibakhulekele, konke okunye.190 Kwakuvamise ukuthi, ngaphambi kokuba uNkulunkuluangibize, ngangima emgwaqeni, ngikhuluma, omuny’umuntu,ba…Ngenxa yegama, babethi, o, “Branham? Uuuuh!” suka.Omuny’umuntu uyedlula, efuna omuny’umuntu, athi, “Sukakuye!”Kulungile, bese beyasuka-ke. Babengangikhulumisi.191 Ngathi kunkosikazi, ngoluny’usuku, “Manje ngizofanelengithi nyelele ngiyongena ehlathini ndawondawo futhi ngicashe,ukubalekela abantu, abavela emhlabeni jikelele, abezayo.”192 Kwenziwa yini na? Ngoba ngatadisha kaninginingi na?Ngoba ngafunda isayense yezenkolo na? Ngoba nginemfundona? Ngoba ngajoyina isonto elithize na? Qhabo. Lokho bekuyobayizwi elindaqondakaliyo.193 Kodwa kukhona into eyezwakalayo ngoluny’usuku, phansienhliziyweni yami, hhayi engqondweni yami, enhliziyweni yami.UNkulunkulu wangena. Bekulokhu kumnandi kusukela lapho.Lowo ngumusa omangalisayo.194 Ngoluny’usuku ngamangala, ngaphezu kwanoma yiyiphiinto eyenzeka esikhathini eside. Ngingumthandi omkhuluwemvelo. Niyazi nginguye. Ngiyazithanda izilwane. Ngicabangaukuthi nje ziyisimangaliso. Ngangihlezi emnyango wami.UMfowethu Leo noMfowethu Gene wayelapho. NoMfowethunoDadewethu Woods wayesezansi lapho. NoBilly Gillmoreomncane, umsengi, wayemi lapho. Futhi ngeleshumi nqoekuseni, ezansi emgwaqeni kuza into ethize, okuqhugayo,kuhudula umlenze ngemuva kukho. Kwajika kwangenaesangweni lami, kwase kwenyukela ezitebhisini zami. Kwakuyi

Page 27: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

IZWI ELINGAQONDAKALIYO 27

opozamu isilwane esithi asifane nenkawu esifaka amazinyaneaso esikhwameni, ngeleshumi nqo emini.195 Ziyaphuphutheka ngalesosikhathi sosuku.Ziyaphuphutheka, zonke, emini. Ziyisilwane sasebusukuesigijima ebusuku. Ziyadla, futhi zidle zijikajika, futhi zitholeukudla kwazo ebusuku. Nonke niyakwazi lokho. Iopozamuiyisilwane esidliwayo.196 Futhi sajika sangena esangweni. Ngaphuma ukubangihlangabeze iopozamu. Ngathatha ihhala. Ngacabanga,“Yisimanga! Ngahle ukuba iyimpumputhe. Yini eyenza yenzefuthi ibhadazele kanjalo na?” Ngabeka ihhala phezu kwayo.Futhi yaphenduka yase ingibuka, yase ihhahhama. Ngacabanga,“Kukhona into eyisimanga.”197 Futhi kwenzeka ngabuka phansi ephaketheni layo.Iopozamu yinto eyodwa, ngaphandle kwekangaru, zimbilikuphela enesikhwama ezithwala ngaso izinyane lazo. Futhiesikhwameni se opozamu, yayinesishiyagalombili nomaisishiyagalolunye sezingane ezincane ezingenaboya phakathilapho. Yayibanjwe yinja, kumbe noma yimoto; yephuka umlenze,ithambo layo lomkhono. Izimpukane eziluhlaza zigcwelekuyo; izimpethu ezindlebeni, kanjalo njalo. Futhi yayilapha,ixhuga kanjalo. Futhi yahhahhama ngoba yayicabanga ukuthingangithatha abantwana bayo.198 Ngathi, “Leyo-opozamu inobuningi ubumama ngayokunenqwaba yabesifazane, ikakhulukazi lona wesifazaneowaphosa ingane yakhe emfuleni, ngeliny’ilanga, ukubaisuke kuye.” Ngathi kuGene noLeo, behlezi emuva lapho,ngathi, “Wozani lapha futhi ngizonifundisa intshumayelo.”Ngathi, “Bukani izimilo zalona wesifazane. Bukani izimilozalelinenekazi. Yisilwane esiyisimungulu, kodwa sinobuningiubunenekazi ngaso kunamapesente angamashumi amaneabesifazane baseMelika.” Kunjalo. Ngathi, “Sisalelwe njecishe yihora ukuba siphile, ngokubukeka siyikho, kodwasiyochitha lelohora silwela ukuvikela labobantwana baso.Nalaba besifazane baphumela lapha futhi babe nezinganeezincane, bese bezincish’umoya, futhi bazigwilizise, futhibaziphose emlilweni, nezinto; babi ukwedlula izinja, babiukwedlula izilwane.”199 Inenekazi elincane alilindanga. Alimanga nokuma,nganhlanye. Laqonda ngqo ezitebhisini zami; futhi, liphelelweamandla, lalala lapho. Sazama ukulisukumisa. Lase lingasekho.Lalilokhu lisabhonga, lizwa ubuhlungu obesabekayo.200 UNkk. Woods uyenyuka, noMn. Woods nabo, bathi,“Mfowethu Branham, ngikholwa ukuthi into ewubuntu efaneleyenziwe, ngukuba, kubulawe iopozamu. Lezozingane ezincanebandla zizofa yindlala.” Wathi, “Yiyonanto kuphela ongayenza,obungayenza.”

Page 28: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

28 IZWI ELIKHULUNYIWE

201 Omunye umuntu uyafika wayesethi, “Mfowethu Branham,awuyibulali ngani iopozamu na?”Wathi, “Ibulale. Iyafa.” Wathi,“Ilele lapho izwa ubuhlungu.” Wathi, “Khipha izingane beseuyazibulala. Zingaba ngcono.” Wathi, “Azinawo umphefumulo.Yisilwane esiyisimungulu nje, isilwane nje.” Wathi, “Izintwanaezincane bandla zizobulawa yindlala. Umama bandla elelelapho, nalezozingane ezincane zincela lolobisi kuye, futhiuyasazi isimo akade ekuso,” wathi, “zizofa.”202 Ngathi, ngathi, “Yiqiniso, ngingumzingeli, kodwa angisuyeumbulali.” Ngathi, “Ngiyakuthanda ukuzingela, kodwaangibulali ukuba ngibulale nje. Lowo ngumbulali.” Kunjalo.Angibulali lutho engingeke ngiludle, noma into engingekengayisebenzisa, noma into ebhubhisayo. Hhayi ukubulala ukubangibulale; lowo ngumbulali wangamabomu. Ngangingekwenze.Nje ngangingekwenze.203 Futhi ngangazi ngokuba nokuhlakanipha, ezindawenizangokwengqondo, ngendlela eyiyo yokucabanga, intoyokobuntu ukuba yenziwe bekungaba, ukuyenza, kuyobaukubulala iopozamu nabantwana. Iopozamu yayifa, yayingekeiphinde isimame futhi. Nabantwana babeyobulawa yindlala.Nokuphuza lolobisi oselujiyile oludala kunina, bebezofelamhlawumbe osizini. Into engcono kunakho konke ukubayenziwe ngukubakhipha osizini. ‘Leyo kwakuyinto ethintanayo.Kodwa Into ethize phansi lapha yayingangivumeli ukubangikwenze.

Izixuku ziqala ukufika. Nganginokubizwa, ngaphuma.204 Ngalobo busuku, uMfowethu Woods nami sasigibelesiphumile sisemgwaqeni, noDadewethu Woods nomkami.Siza sehla, sivela enhla ngaseScottsburg, lapho engangizamaukuthola okuncane ukuphumuza ingqondo. UMfowethu Woodswathi, “Uyawubona lowayamdlwane omncane emuva laphayaemgwaqeni na?” Wathi, “Uzothola ukufihlizeka.” Ngashwibaimoto yami ngase ngibuyela emuva. Samcosha umfo omncanebandla.205 Wayegcwele amazeze nezintwala, notwayi lumudla lumqeda.Awu, yini eyayingaba yinto enokuhlakanipha ukuba yenziwena? Ngimbulale. Ngangingenakukwenza. Ngamletha ekhayaumfo omncane, ngathola umuthi wamazeze ngase ngimfutha,ngathola okwelapha utwayi; ngimnika okumnandi, ukudlaokuhle. Ngamfihla phezulu lapho, ngizama ukuthola umfoomncane ukuba asinde. Ufuna ukuphila.206 Kukhona into ethize ngokuphila engeyangempela.Ungabulingisi ubuKristu. Thola ukuPhila! Phila! Ungalwi njeqobo lwakho ngapha nangapha, uthi, “Awu, ngingumKristu,bengingafanele ngenze lokhu; bengingafanele ngenze lokho.”Phila! Munye okunakekelayo.

Page 29: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

IZWI ELINGAQONDAKALIYO 29

207 Ngalobobusuku, ligamenxe eleshumi noma eleshuminanye nqo, leyo opozamu encane yayisalokhu ilele iqulekile;izimpukane eziluhlaza zigcwele kuyo, umkhono wephukile; ilelelapho izwa ubuhlungu, ifa.208 Isikhathi eside, kamuva, kungena uBilly. Nakho kulele iopozamu endala, ilele emuva lapho, labobantwana bezamaukuncela oluncane, oluningi ubisi kuyo, ukuphila kuphumakumama. Wayesalokhu ebubula ngokwesabekayo. Wayezamaukuvuka, futhi wayengakwazi ukukwenza. Wayezama ukuvuka,futhi wayengakwazi ukukwenza.209 Ngangingakwazi ukususa leyo opozamu endala bandlaengqondweni yami. Ngacabanga, “Nkulunkulu, bengifanelengihambe ngingene bese ngithatha isibhamu bese ngibulala leyoopozamu, kodwa angikwazi ukukwenza. Yini indaba, Nkosi na?”Ngahamba phansi ngehla-ngenyuka.210 Kwasa. Iopozamu endala ilele lapho. Ngabuyela emuva,ngacabanga, “O Nkulunkulu, nanso, lelolanga elishisayo, ileleesitebhisini sami impela.” Ngaqala ukuhamba ngibuyela emuvangedlula kwiphansi.211 UMoya oNgcwele obusisiwe wangimisa, wathi, “Uyibizengenenekazi. Uyincomile, ngokuba ngumama wangempela.Futhi Ngiyithumele endlini yakho ukuba ikhulekelwe,futhi uyayiyeka ilale lapho njengowesifazane esitebhisiniesisemnyango wakho.”212 Ngathi, “Nkulunkulu, thethelela inceku yaKho eyisithutha.”Ngaphumela lapho ngase ngithi, “Nkulunkulu, uma—uma unesihawu ngokwenele ukuba usebenzane nesilwaneesiyisimungulu, esibe nobunenekazi obenele ngayo ukubaikhulise izingane zayo, ukuthumela iopozamu engazilutho esitebhisini somnyango wami ukuba sikhulekelwe,O Nkulunkulu, philisa iopozamu. EGameni likaJesu,ngiyakhuleka.”213 Iopozamu endala yaphenduka yase ingibuka; yavukangezinyawo zayo, yacosha izingane zayo yase izifaka phakathilapho. Kwaba sengathi ikhothamisa ikhanda layo, yase ithi,“Ngiyabonga.” Yase isuka iya ehlathini, ithokoza. Yazi okuningikakhulu kunoma kwenza abashumayeli, ngezinye izikhathi.Iyolandela ukuhola kukaMoya oNgcwele. [UMfowethuBranham ushaya phezu kwepulpiti kathathu—Umhl.] UmauNkulunkulu engasebenzana neopozamu, Angasebenzanakakhulu kangakanani nomuntu, uma kuphela bebenga…?…Akukho-zwi elingaqondakaliyo ngalokho. UNkulunkuluusebenzisa izilwane ukufundisa izinkonzo. Impela uyakwenza.214 Wasebenzisa umnyuzi, ngesinye isikhathi, ukusolaumshumayeli ohlubukile.215 UFrancis oNgcwele waseAssisi, nina bantu baseKatolikaenithi wayeyiKatolika, kodwa wayengesilo. Walibhikishela

Page 30: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

30 IZWI ELIKHULUNYIWE

ibandla eliKatolika ngawo onke amandla njengobangenza. Kodwa lalingekho elinye ibandla ngalolosuku,ngakho bamthatha base bembiza ngongcwele. Ngenkathiephumela emgwaqeni, ukushumayela iVangeli elifanayonengilishumayelayo manje, [UMfowethu Branhamushaya phezu kwepulpiti kasikhombisa—Umhl.] izinyonizazitshwekeza eziihlahleni. Wathi, “Bodadewethu abancane,ngizoshumayela iVangeli likaJesu Kristu. Thulani du ngenkathingisashumayela.” Futhi zonke izinyoni zavala umlomowazo.216 Leli akusilo izwi elingaqondakaliyo. Siphila eBukhonenibeNkosi uJesu Kristu. Izibusiso zaKhe zilapha.217 UNkulunkulu owakwazi ukuhlalisa indiza phansi ngaleya,futhi ayibambe ngenxa yozihluphekelayo, ongazi lutho,owesifazane oyikhaladi, owayengabazi no ABC bakhe, ukubakuphiliswe umfana wakhe owayenesifo sokubhajwa. Niyayaziindaba.218 UNkulunkulu, owakwazi ukukhuluma ne opozamu engazilutho, kube kukhona abashumayeli kulelidolobha abahlekaukuphilisa kukaNkulunkulu; abantu abaphakamisa ikhalalabo bese bethi ngangi “hlanya,” ngoba ngakufundisa.NoNkulunkulu esebenzana ne opozamu engazi lutho, ngobayayiyinenekazi, ngoba yayizithanda izingane zayo, ngobayayizimisele ukuzifela. UNkulunkulu ofanayo!219 Sithunyelwe lapha kulomhlaba ngezinto ezehlukene. Abanyebathunyelwe ukushumayela iVangeli. Abanye bathunyelweukuprofetha. Abanye bathunyelwe ukukhuleka umkhulekowokukholwa. Abanye unesiphiwo sokuphilisa.220 NoNkulunkulu ofanayo owakhuluma ngaleya ekamelwenilethu ngalobo busuku, noma ezansi lapha e…ngishayelakulowombono, futhi wangitshela ukuthi uMfowethu Bosworthwayelele ngaleya eseseduze kokufa, eNingizimu Afrika. NoMoyaoNgcwele washaya itelegramu lapha, amahora angamashumiamabili-nane. LowoNkulunkulu ofanayo, uNkulunkulu ofanayouyafika, ngokuhlonipha ukwethembeka. O Nkulunkulu, busisainhliziyo yabo.221 Ukwethembeka! Ngiyonikela ngeconsi lokugcina legazilami ngowesifazane omnyama ukwedlula bonke noma ophuziukwedlula bonke kulelizwe, oyofuna ukuhlala ngokwethembekakumyeni wakhe. Bengingamfela, njengoba bengingenzakumkami uqobo. Ngiyahlonipha, njengenenekazi.222 Nicabanga ukuthi uJesu Kristu wenzani na? Futhi yingani—ngani ningethembeki kuYe, nokuthi nishiye ukuzazisa kwenu,ukunganaki kwenu na? Ningeyeke isonto lenu, izinto ezincane,bese niza kuYe futhi nethembeke na?223 Leyo opozamu bandla, noMoya oNgcwele…Nami phezululapho ngiseholidini, kungakhulekiwe ngisho, naleyo opozamueyinenekazi elincane ilele esitebhisini somnyango wami. Lapho

Page 31: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

IZWI ELINGAQONDAKALIYO 31

ilanga lalishisa, yalala lapho ngokwethembeka. Lapho kufikaubusuku, amehlo ayo ayevuleka, yayikwazi ukubona. KodwauMoya oNgcwele awuyivumelanga ihambe. Yalala laphoubusuku bonke. Yayingakwazi ukuvuka.224 Kwase kuthi-ke, kusesekuseni kakhulu, kukhombisaukuthi yayikade ilele lapho lapha emahoreni angamashumiamabili-nane, ilindele isikhathi sayo ukuba ikhulekelwe, ngobayayiyisilwane. Futhi lapho uMoya oNgcwele uthi, “Phumauye lapho futhi uyikhulekele,” uNkulunkulu waseZulwiniwayiphilisa.225 Ngokushesha yaqoqa izingane zayo ezincane yazifakaesikhwameni sayo, yase ibheka ngemuva kimi, ngamehloabukeka edabukisa ukwedlula onke engake ngawabona,sengathi ithi, “Ngiyabonga, mnumzane onomusa.” Futhiyahamba yehla ngomgwaqo.226 Yedlula ezine ezinye izindlu, eziseduzane kakhulunomgwaqo kuneyami, ukuba ijikele esangweni. Eyodwa,eyesibili, eyesithathu, eyesine; eyesihlanu le eyajikela kuyo,u-J-e-s-u. Yathi qathatha esangweni. Ayilindanga ngaphandlelapho ezihlahleni. Ayilindanga emthunzini. Yenyuka idabulaelangeni, ukuba ifinyelele esitebhisini sasemnyango. Yalalalapho, ngokubekezela (ingahhahhami, ingakhonondi), ilindeleukuba kuze kube yisikhathi sayo sokukhulekelwa.227 Kwase kuthi-ke lapho ngilalela uMoya oNgcwele,uNkulunkulu wabuyisa impilo ye opozamu. Yacoshaizingane zayo yase ibuyela endaweni ehlala kuyo. Akukho-zwi elingaqondakaliyo. UNkulunkulu, obala izimpapheemaphikweni ezinyoni, uyazi ukuthi zonke zikuphi.UNkulunkulu obala izinwele zekhanda lakho; uNkulunkuluogibela emaphikweni okusa; Yena owadala amazulu nomhlaba,wazi zonke izidalwa nawo wonke umuntu. UnguNkulunkulu.Leli yiZwi laKhe. Kodlula amaZulu nomhlaba, kodwaLona alisoze. Ningadukiswa yimfundiso yabantu. KholwaniuNkulunkulu, futhi niphile.

Ake sikhuleke!228 Baba waseZulwini, eGameni leNkosi uJesu, iNdodanayaKho ethandekayo; akukho-zwi elingaqondakaliyo, akukhookungaqondakaliyo ngalokhu. UyiNdodana kaNkulunkulu.Uzalwa yintombi. Wafika lapha phansi kwaMandlakaNkulunkulu. Wafika lapha ngeNtombi uMariya. Wahlupheka,wopha futhi wafa, phansi kukaPonti Pilatu. Lapho bethanda,baMnikela, amaJuda aMbethela, futhi baphika OLungileyo.Futhi kulotshiwe, “Kungani ukuba abezizwe baxokozele,nabantu bazindle ngokuyize na?”229 O Nkulunkulu, qiniso, ngokwelula isandla saKho ukubauphilise, ukuze izibonakaliso nezimanga kwenziwe ezinsukwinizokugcina, ukufakazisa ukuthi lena yimvula yokuqala

Page 32: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

32 IZWI ELIKHULUNYIWE

neyamuva. AMandla kaNkulunkulu alapha. ILanga elakhanyangoSuku lwePentekoste, kubantu baseMpumalanga. SelikhanyangaseNtshonalanga manje. Balibhuqa futhi bahlekisa ngaLo,futhi bathi Lalingukungakholwa, bababiza “ngabathakathikazi,nababhuli, nabangakholwayo,” futhi baze bababulala,babashisela esikhonkwaneni, base bebaphosa emafutheni.KodwaWena wawunabo, ukubakhulula.230 Wena ulapha namhlanje. Ulapha, wenzela ihora lokuvala,wenzela ngisho izibusiso ezinkulu kunezinye, “wenzela ukubaimvula yokuqala neyamuva ihlangane ndawonye.”231 Namanje, Baba, uma kubakhona ukungaqondi kunomayiluphi ulwazi lomuntu lokuzibonela, kulelikamelo;ngiyakhuleka, Baba, ngalelihora, bazominyanisa ukhololwabo, hhayi endleleni yabo yengqondo yokucabanga, hhayiekuzindleni ngemfundiso yomuntu, kodwa ekukholweni kweZwilikaNkulunkulu, ekuPhileni okungunaphakade. Lezizibusisosizicela eGameni likaJesu, iNdodana yaKho.232 Amakhanda ethu ekhotheme, angazi noma ukhonayini umuntu phakathi lapha manje, ozothi ngokuhloniphauphakamise isandla sakho na? Bese uthi, “Ngiyakwenza lokhu,hhayi kumshumayeli, kodwa kuNkulunkulu. Nkulunkulu,guqula indlela yami yokucabanga. Ngizamile ukuzindlangokuthi lezizinto ziyobanjani. Ngizamile ukuzindla ukuthiomakhelwane bami bayothini uma ngike ngaze ngazalwangokusha, uma uNkulunkulu eke waze wangibusisangangokuthi ngiyomemeza, uma uNkulunkulu eke wazewangibusisa ngangokuthi ngiyoba nolwazi lokuzibonelaoluyongenza ngikhale izinyembezi, futhi ngize ngishiyeengihambisana nabo. Ngizamile ukuzindla konke, Nkulunkulu.Kodwa, namhlanje, ngeke ngisazindla. Ngiphakamisela isandlasami khona manje kuWe, Nkulunkulu, futhi ngithi lobungubufakazi bami. Uma Uzokhipha izizindlo kimi, futhiuvumele umphefumulo wami uthathe indawo yawo ukubangikholwe yiZwi laKho ngaphandle kokuzindla, ngizokholwaukuthi liyizwi elizwakalayo elinikwa mina.” Uzosiphakamisaisandla sakho na? Noma ubani endlini, noma ngabe ukuphi.UNkulunkulu akubusise, wena, wena, nawe, nawe, nawe. Cisheamapesente angamashumi ayisishiyagalombili-nanhlanu endlu.233 Ukuzindla? “Lahlani izizindlo.” Zilahleni phansi.UNkulunkulu akafuni nibe nomzindlo. Umzindlo njalouzama ukuthola indlela yokuphuma. Ukukholwa akuzindli.Ukukholwa kuyakholwa nje. Ingqondo yakho, yini ekwenzauzindle. Ngamanga. Umshini wokuhlola amanga uyakufakazisalokho. IBhayibheli likaNkulunkulu, kuqala, liyakufakazisa.Kodwa umphefumulo wakho ungongafiyo, mfowethu,dadewethu. Amandla akho okuzindla ayokushiya umausushaywa wukufa, kodwa umphefumulo wakho uyoba nawe

Page 33: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

IZWI ELINGAQONDAKALIYO 33

iPhakade. Ningelikholwe iZwi likaNkulunkulu namhlanje futhiniMemukele na?234 Ezwini lomthandazo, omunye futhi ozophakamisa isandlasakho na? Athi, “Ngikhumbule manje, Mfowethu Branham,usakhuleka. Ngifuna ukulahla ukuzindla.” UNkulunkuluakubusise, nenekazi elincane. Ukhona omunye. UNkulunkuluakubusise, mfowethu, ngiyakubona. UNkulunkulu akubusise,mfowethu, ngiyakubona. UNkulunkulu akubusise, mfowethu.Wena, yebo, dadewethu. Omunye futhi na? Omunyefuthi phakamisa isandla sakho, masinya impela. Thana,“Khumbula…” UNkulunkulu akubusise, mfowethuothandekayo. UNkulunkulu akubusise, mfowethu. Lahlaukuzindla. UNkulunkulu akubusise, dadewethu, ngiyasibonaisandla sakho. UNkulunkulu akubusise, dadewethu,ngiyasibona isandla sakho. Ungabe usazindla. Kholwa nje.UNkulunkulu akubusise, dadewethu.235 Omunye futhi, ngaphambi nje kokuba sikhuleke manje?Ngizokhuleka futhi ngicele uNkulunkulu ukuthi Uzokusiza.Uyasibona isandla sakho. UNkulunkulu akubusise, nsizwa,ngiyasibona isandla sakho. Omunye futhi? UNkulunkuluakubusise, mfowethu, ngiyasibona isandla sakho.236 O, ukubusiswa kokukholwa! Isibusiso sokungazamiukukulinganisa. Isibusiso sokuphumula nje eZwinilikaNkulunkulu, bese uthi, “Liyiqiniso,” bese uyaqhubeka.LingukuPhila. LingukuPhila. Liphila ngempela.237 Owami oyigugu, othandekayo, umkhwekazi omdala ehleziemuva lapha, ngenkathi ngimtshela izolo ngakho. Wathi, “Billy,benginewashi elikhulu, ebengingakwazi ukulihambisa.” Wathi,“Ngangingakwazi nje ukuhlala ngaphandle kwalelowashielikhulu. Ngangingenayo imali yokuzithengela elinye.” Ngakhowathi, “Ngehla ngase ngithi, ‘Nkulunkulu, yenza lelowashielikhulu lingihambele, Uzokwenza na?’” Wathi wabhekaphezulu, lase liqala ukuhamba, nje lihamba ngokuphelele.238 Ifriji lakhe, wathi, izinsuku ezithi azibe mbili emvakwalokho, lalinga defr-…lilokhu lingabi nalo iqhwa; indawananje lapho eliyaye libambe khona u ayisi. Wenze konkeabengakwenza, ukuba aligcine lingayeki ungabi nalo iqhwa,noma aligcine lingabi nalo iqhwa, ngoba wayengakwaziukugcina ibhotela lakhe nezinto kulo. Into endala bandla,ungumfelokazi.239 Umyeni wakhe useNkazimulweni. Lowo ngumkhwe wami.Unikeza ubufakazi bakhe bokugcina, ngapha ngakwesokunxelesami, ngaphambi kokuba aye eKhaya.240 Waguqa, wayazi ukuthi wayengenayo imali yokuthengaelinye ifriji. Wathi, “Nkulunkulu, Uzoba naso isihawu kimi futhina? Uyangazi. Qalisa ifriji lami ukuba libande futhi, Uzokwenza

Page 34: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

34 IZWI ELIKHULUNYIWE

na?” Wathi wasukuma wase ehamba futhi wabheka phakathiefrijini lakhe, futhi lase lineqhwa ndawo zonke.241 Yiba lula nje. Cela nje. Ungacabangi ukukulinganisa.Ungazami ukukutadisha. Kukholwe nje. Ungakulinganisingokwengqondo. Kukholwe nje ngomphefumulowakho.242 Baba wethu waseZulwini, abaningi baphakamise izandlazabo kulokhu ukusa. Bafuna umkhuleko. Ngiyakhuleka,Nkulunkulu, ukuthi lokhu kuzoba ngukuthinta kokugcina,namhlanje; ngeke besazindla; bazohamba, bekholwa. Siphekhona, Nkosi. Kuyizwi elizwakalayo. Yizwi leVangeli, unyakawejubili wenkazimulo. Isikhathi sokukhululwa sesilapha.243 Ungeke yini, ngiyacela, Baba, uthathe ngamunye waboubafake ekunakekeleni kwaKho na? Bese ubapha ubisioluqotho lweVangeli manje. Futhi uma sebevele beluthathilelolo, kwangathi bangemukela inyama eqinile manje, futhibabe ngamaKristu agcwele; bangabe besancetheza nezenezwe, futhi bazitike ezweni; kodwa babe ngabesilisanabesifazane bangempela, bekholwa izwi eliqondakalayo,ukuthi iVangeli liqinisile, akunandaba ukuthi ubani othiAliqinisile. IBhayibheli, lonke iZwi, liqinisile. “Abantubafundisa iMfundiso eyimiyalo yabantu.” Kodwa iZwilikaNkulunkulu alisoze lahluleka. Kwangathi bangaLikholwa,namhlanje.244 Nalabo abangaziphakamisanga izandla zabo, abanelisekilengempela, kodwa abangaziphakamisanga izandla zabo,siyabakhulekela, futhi, Nkosi, ukuthi Uzobahawukela.Lezizibusiso siyazicela, Baba, ngenxa yokuthi ngoluny’usukusiza ekwaHlulelweni. NoMlayezo walokhu ukusa uzolethwaobala ngaloloSuku. Manje-ke kwangathi umphefumulo waboungebahluphe, uthi, “Ubufanele ngabe wakwenza lokhu.”Kodwa kwangathi kungaba ukuthula esigodini uma bedlula.Ngokuba eGameni likaJesu siyakucela.

…lemiNyaka, ngivulekele,Mangicashe njalo kuWenaMakuthi amanzi neGazi,Elagobhoza ohlangothini lwaKhoolwalinyazwa

Libe ngelelapha isono ngokuphindiwe,Ngisindise olakeni ungenze ngibe-msulwa.

245 Nkulunkulu othandekayo, uma kubakhona phakathikwabantu, ngalolusuku, noma yiziphi izinhlupheko, nomayiziphi izifo, noma yini engalungile emzimbeni wabo wenyama;siyakhuleka, Baba, njengoba uMoya oNgcwele ulapha, njeumemeza kakhulu izibusiso, uhlanza imiphefumulo yethukukho konke ukungalungi, ngeGazi leNkosi uJesu, iNdodanakaNkulunkulu. Kwangathi Yona, namhlanje, noMoya waYoomkhulu onxusayo, iziqiniseko zobumsulwa zaKhe ezinkulu

Page 35: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

IZWI ELINGAQONDAKALIYO 35

zokuphilisa, makuthi wonke umphefumulo ohlanzekile ubukengaphesheya le eKalvari bese uthi, “Lapho Walinyazwangeziphambeko zami, nangemivimbo yaKhe siphilisiwe thina.”Siphe khona, Nkosi.246 Manje amakhanda ethu ekhotheme. Uma ekhonaozokhulekelwa, ngokugula, ungasukuma ume ngezinyawozakho, noma ngabe ukuphi. UNkulunkulu akubusise. Kunjalo,sukuma nje umempo. [Akuqoshwanga eteyipini—Umhl.]

…mthombo,Ukhululeke kubobonke, umfudlanawokuphulukisa,

Ugeleza uvela emthonjeni waseKalvari.Esiphambanweni, esiphambanweni,Yiba yinkazimulo yami njalonjalo; (ONkulunkulu!)

…umphefumulo wami ohlwithiwe uyotholaUkuphumula ngaphesheya komfula.

247 Baba waseZulwini othandekayo, Uyababona bonke labaabamile, Baba. Bamile, ubufakazi, ukuthi bayaKukholwa, Baba.248 Wena Owakwazi ukuthumela leyo opozamu endalayangena esangweni! Wena Owakwazi ukwenza leyo enkulu,inkunzi eyingozi, eyayimi lapho, futhi yabuyela emuva! WenaOwakwazi ukwenza leyomivi ihambe iyongena ebhokisini!Wena Owakwazi ukubuye uphilise leyonja, inja yami endalayokuzingela, emva kokuhudulwa amamayela angamashumiayisithupha ngehora, amamayela amabili, ilele iwugongolo,ifile. Ngangiyithanda into endala. Umkhuleko wayibuyisa.Umkhuleko wafaka lowomlenze we opozamu nomkhonoendaweni yawo, lowomama omncane, wambuyisela ehlathini,ethokoza! Isandla sikaNkulunkulu ophilayo!249 LamaKristu linezandla zawo zibekwe phezu komunye,Nkosi. Nami izandla zami ngizibeke kulomfowethu,njengokunikeza inkomba yokuxhumana nawo wonke umuntuosendlini. Singamakholwa, Nkosi. Siyazikholwa lezizinto.SiyaKuthanda.250 Akukho-zwi elingaqondakaliyo. SiKubonile uphilisaabagulayo, uvusa abafileyo, ukhipha imimoya emibi, ususaimidlavuza, wenza abakhubazekile ukuba bahambe, usindisaimiphefumulo, ungcwelisa ikholwa, ugcwalisa ngoMoyaoNgcwele, unikeza ukuPhila okungayikufa; uzwe abafayo,bebonga, befakaza, bedumisa uNkulunkulu, bekholwa Uyabuyafuthi.251 Sidinga usizo, Nkosi. Siphe, Nkosi, ukuthi yonke intoeceliwe izophiwa. Imiphefumulo izosindiswa, phezu kwezintozonke; abahlubuki babuyiselwe. Futhi sikhulekela ukuthiimizimba egulayo izophiliswa njengamanje. Ngithumelalomkhuleko wokukholwa eGameni likaJesu Kristu,

Page 36: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

36 IZWI ELIKHULUNYIWE

ukuba kuphiliswe abagulayo, ukusindiswa komphefumulo,ukubuyiselwa kwalabo abaphandle, ngeGama likaJesu.

Ukholo lwami lubheka phezulu kuWe,(Asisukume!)

Wena Wundlu laseKalvari,Msindisi waPhezulu;Manje ngizwe ngisakhuleka,Susa lonke icala lami,Futhi ungangivumeli nanini ngidukeNgisuke eceleni kwaKho.

252 Manje nina eningahle nikwazi, phakamisani izandla zenusisacula leli.

Lapho nginyathela ekudidekeni okumnyamakwempilo,

Nosizi lwanda macala onke kimi,O yiba Wena nguMholi wami;Yala ubumnyama busuke namuhla,Sula izinyembezi zosiziUngangivumeli nanini ngidukeNgisuke eceleni kwaKho.

Page 37: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

IZWI ELINGAQONDAKALIYO ZUL55-0731(The Uncertain Sound)

LomMlayezo ngo Mfowethu William Marrion Branham, okokuqala wethulwangesiNgisi ngeSonto ekuseni, ngoJulayi 31, 1955, eTaberanakele likaBranham,eJeffersonville, eIndiana, U.S.A., uthathelwe ekuqopheni kweteyipu enozibuthefuthi washicilelwa ungafinqiwe ngesiNgisi. Lokhu ukuhunyushwa ngesiZulukwashicilelwa futhi kwakhishwa yiVoice Of God Recordings.

ZULU

©2007 VGR, ALL RIGHTS RESERVED

VOICE OF GOD RECORDINGS, SOUTH AFRICA OFFICE

58 DISA ROAD, ADMIRAL’S PARK, GORDON’S BAY 7140 WESTERN CAPE

REPUBLIC OF SOUTH AFRICA

VOICE OF GOD RECORDINGS

P.O. BOX 950, JEFFERSONVILLE, INDIANA 47131 U.S.A.www.branham.org

Page 38: ZUL55-0731 IZwi ElingaQondakaliyo VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL55-0731 The Uncertain...6 IZWIELIKHULUNYIWE iZwilaKhe.Namanjeesahlukweni14,futhisiqalengevesi6, ngifundalokhu

Inothisi yelungelo langokomthetho

Onke amalungelo agodliwe. Lencwadi ingaprintwa kwiprinta yasekhaya yenzelwe okuqondene nomuntu noma inikezelwe, ngesihle, njengethuluzi ukusabalalisa iVangeli likaJesu Kristu. Lencwadi ingethengiswe, iphinde ikhiqizwe zibe ningi, iposwe kwiwebsayiti, igcinwe ngohlelo lokuthi iphinde itholakale, ihunyushelwe kwezinye izilwimi, noma isetshenziselwe ukuzicelela izimali ngaphandle kwemvume ebhaliwe eshiwoyo ye Voice Of God Recordings®.

Ngolwazi olwengeziwe noma olwenye impahla ekhona, siza uxhumane ne:

Voice of God RecoRdinGsP.o. Box 950, JeffeRsonVille, indiana 47131 U.s.a.

www.branham.org