8
FishersNet Vol. 22 – June 2014 1 DEVELOPMENT TRUST MASIFUNDISE I-Coastal Links neMasifundise icele ukuthi uhulumeni alubeke eqhulwini udaba lokuqalisa ukusebenza kwenqubomgomo yezokudobela ukuziphilisa (SSF) izibuko. Lesi sicelo siqhamuke emuva kokuqokwa kukaSenzeni Zokwana noBheki Cele njengoNgqongqoshe omusha nePhini likaNgqongqoshe wezoLimo, amaHlathi nezokuDoba. “Inqubomgomo ye-SSF iwumphumela wokuzabalaza ngokungapheli mandla kwabadobi futhi iwumyalelo wangowezi-2006 weNkantolo yezokuLingana. Kuthathe iminyaka eminingi ukwenziwa kwayo kanye nezinqubo zomthetho ngakho-ke kusemqoka ukuthi ukuqaliswa kokusebenza kwayo kwenziwe ngokushesha okukhulu,” kusho usihlalo we-Coastal Links SA u-Christaan Adams noMqondisi weMasifundise u-Naseegh Jaffer esitatimendeni. “Iqophele lempilo yabadobi abadobela ukuziphilisa nemiphakathi edobayo lincike kuyo. Sikulungele ukusebenzisana noNgqongqoshe kanye noMnyango ukuze siqinisekise ukuthi le nqubo iba yimpumelelo futhi iyaphothulwa,” kusho bona. Emasontweni amabili adlule uMongameli u-Jacob Zuma ugcine esayine isichibiyelo soMthetho weziNsiza eziPhila oLwandle, ephemba indlela yokuqalisa ukusebenza kwenqubomgomo yezodobela ukuziphilisa (SSF) IMasifundise, i-Coastal Links kanye nabasebenzisana nabo sebezabalaze iminyaka ukuze le nqubomgomo isungulwe futhi yamukelwe. Manje, njengoba sekusondele isigaba sokugcina salolu hambo – ukuqaliswa kokusebenza kwenqubomgomo ye- SSF – kunezimpawu ezinhle kodwa futhi kunobungozi obukhona ngaphambili. Ngenyanga edlule ngesikhathi kwethulwa incwadi enguMkhombandlela wenqubomgomo e-Ocean View, eKapa, uMqondisi oMkhulu we-DAFF, uMnu Saasha Phieeha wabophezela umnyango ukuthi uzoqinisekisa ukuthi inqubo iyaphumelela. Wathi umnyango ubeke isamba zezigidi ezingama-90 zamarandi kunyakamali ozayo ukuze kwenziwe umsebenzi ohlobene nokuqaliswa kokusebenza kwenqubomgomo nokuthi uzimisele ukusebenzisana nemiphakathi edobayo. Umkhombandlela ngokwawo, oshicilelwe ngezilimi ezine futhi otholakala ezweni lonkana, uchazela abadobi abadobela ukuziphilisa ngokuthi ukuqaliswa kokusebenza kwenqubomngomo kuzosebenza kanjani. Kodwa isithiyo esikhulu kungase kube ukushayisana kwemibono phakathi kwe-South African Commercial Linefishermen Association ne- DAFF mayelana nokwabiwa kwamalungelo okudoba FishersNet Published by: Coastal Links and Masifundise Development Trust 1 Station Road, Mowbray, Cape Town 7700 Tel: 021 685 4549 • Fax: 021 685 3816 Email: [email protected] VOL. 22 — JUNE 2014 Amazwi oMhleli Izikhathi ezinhle kubadobi Siyakwamukela kulesi sishicilelo sokuqala se-Fishers Net esishicilelwe kulo nyaka wezi-2014. Sesifike esikhathini esithokozisayo kodwa esinenselelo kulolu hambo lwethu njengabadobi abadobela ukuz- iphilisa. I- MLRA esichitshiyelwe seyisayiniwe uMongameli uZuma, nokuphembe indlela yokuqalisa ukusebenza kwenqubomgomo yezokudobela ukuziphilisa (SSF). Abamele uMnyango wezoLimo, amaHlathi nezokuDoba badalule ukuthi sezikhona izinsiza ezibekwelwe uku- qalisa inqubo. Uhambo lwethu belulude futhi lunzima lube lugwele nezinkathazo kanye nokubambezeleka. Kodwa sikhom- bise ukuthi uma kunombono, ubumbano nokuphatha ngokubambisana, abantu bayakwazi ukuba nenqubeke- la phambili enkulu. Manje sekuyisikhathi sethu samaqiniso, siya phambili noma siyayeka. Sesifinyelele lapho kumele sibambisane siye phambili. Lokhu kudinga ububumbano impela kanye nokuz- imisela kakhulu kunakuqala. Kudinga ukuthi siseben- zisane kahle ndawonye kanjalo nabanye ababambiq- haza. Sikholelwa ukuthi uma singasebenzisana ngokuzwa- na noMnyango wezoLimo, amaHlathi nezokuDoba kungasizakala wonke umuntu. Sinomgomo owodwa owukuqalisa ukusebenza kwenqubomgomo ye-SSF, ukuze kuhlomule imiphakathi edobayo. Ubudlelwano bethu bangaphambilini abusisizanga ukuze sifinyelele phambili masisha. Bebunezimpawu zokungathembani, ukuphoxeka, ukubambezeleka kan- ye nezimpikiswano ezingenasidingo. Kumele konke loku sikudlulise bese siqale ubudlel- wano obuzosiqhubezela phambili ngokushesha. Siizwile ngokuqokwa kukaNgqongqoshe wezoLimo, amaHlathi nezokuDoba omusha, uMnu Senzeni Zok- wana kanye nephini lakhe, uMnu Bheki Cele. Sibafisela okuhle futhi sibanxusa ukuthi udaba lokuqalisa ukuse- benza kwenqubomgomo ye-SSF balubeke eqhulwini ngokukhethekile. Kuyisifiso sethu ukuthi sisebenzisane nabo kanye nomnyango wabo ukuze sikwazi ukuphothula isigaba sokugcina salolu hambo lwethu olude. Amathuba nezinselelo ekuqalisweni kokusebenza kwenqubomgomo Isikhathi samaQiniso iqhubeka kwi phepha 3 Umphathi we Masifundise uNaseegh Jaffer, Professor Moeniba Isaacs wase PLAAS, Saasa Phieeha, wase Department of Fisheries, Forestry and Agriculture (DAFF), Solene Smith,weCoastal Links SA eLangebaan kunye noAndy Johnson weArtisanal Fishers Association of South African. Ngabantu abangaphezu kwe-150 abaze kulwethulo lwe ncwadi engu Mkhambhandlela wenqubo mgomo.

FishersNet - Masifundise Development Trustmasifundise.org/wp-content/uploads/2014/06/Fishers... · SAMKE McHUNU KwaDuKuza, Kwazulu-Natali Imiphakathi edobayo kumele ihleleke, kumele

  • Upload
    others

  • View
    0

  • Download
    0

Embed Size (px)

Citation preview

Page 1: FishersNet - Masifundise Development Trustmasifundise.org/wp-content/uploads/2014/06/Fishers... · SAMKE McHUNU KwaDuKuza, Kwazulu-Natali Imiphakathi edobayo kumele ihleleke, kumele

FishersNet Vol. 22 – June 20141

D E V E L O P M E N T T R U S T

MASIFUNDISE

I-Coastal Links neMasifundise icele ukuthi uhulumeni alubeke eqhulwini udaba lokuqalisa ukusebenza kwenqubomgomo yezokudobela ukuziphilisa (SSF) izibuko.

Lesi sicelo siqhamuke emuva kokuqokwa kukaSenzeni Zokwana noBheki Cele njengoNgqongqoshe omusha nePhini likaNgqongqoshe wezoLimo, amaHlathi nezokuDoba.

“Inqubomgomo ye-SSF iwumphumela wokuzabalaza ngokungapheli mandla kwabadobi futhi iwumyalelo wangowezi-2006 weNkantolo yezokuLingana. Kuthathe iminyaka eminingi ukwenziwa kwayo kanye nezinqubo zomthetho ngakho-ke kusemqoka ukuthi ukuqaliswa kokusebenza kwayo kwenziwe ngokushesha okukhulu,” kusho usihlalo we-Coastal Links SA u-Christaan Adams noMqondisi weMasifundise u-Naseegh Jaffer esitatimendeni.

“Iqophele lempilo yabadobi abadobela ukuziphilisa nemiphakathi edobayo lincike kuyo. Sikulungele ukusebenzisana noNgqongqoshe kanye noMnyango ukuze siqinisekise ukuthi le nqubo iba yimpumelelo futhi iyaphothulwa,” kusho bona.

Emasontweni amabili adlule uMongameli u-Jacob Zuma ugcine esayine isichibiyelo soMthetho weziNsiza eziPhila oLwandle, ephemba indlela yokuqalisa ukusebenza kwenqubomgomo yezodobela ukuziphilisa (SSF)

IMasifundise, i-Coastal Links kanye nabasebenzisana

nabo sebezabalaze iminyaka ukuze le nqubomgomo isungulwe futhi yamukelwe.

Manje, njengoba sekusondele isigaba sokugcina salolu hambo – ukuqaliswa kokusebenza kwenqubomgomo ye-SSF – kunezimpawu ezinhle kodwa futhi kunobungozi obukhona ngaphambili.

Ngenyanga edlule ngesikhathi kwethulwa incwadi enguMkhombandlela wenqubomgomo e-Ocean View, eKapa, uMqondisi oMkhulu we-DAFF, uMnu Saasha Phieeha wabophezela umnyango ukuthi uzoqinisekisa ukuthi inqubo iyaphumelela.

Wathi umnyango ubeke isamba zezigidi ezingama-90 zamarandi kunyakamali ozayo ukuze kwenziwe

umsebenzi ohlobene nokuqaliswa kokusebenza kwenqubomgomo nokuthi uzimisele ukusebenzisana nemiphakathi edobayo.

Umkhombandlela ngokwawo, oshicilelwe ngezilimi ezine futhi otholakala ezweni lonkana, uchazela abadobi abadobela ukuziphilisa ngokuthi ukuqaliswa kokusebenza kwenqubomngomo kuzosebenza kanjani.

Kodwa isithiyo esikhulu kungase kube ukushayisana kwemibono phakathi kwe-South African Commercial Linefishermen Association ne-DAFF mayelana nokwabiwa kwamalungelo okudoba

FishersNetPublished by:

Coastal Links and Masifundise Development Trust

1 Station Road, Mowbray, Cape Town 7700Tel: 021 685 4549 • Fax: 021 685 3816

Email: [email protected]. 22 — JUNE 2014

Amazwi oMhleliIzikhathi ezinhle kubadobiSiyakwamukela kulesi sishicilelo sokuqala se-Fishers Net esishicilelwe kulo nyaka wezi-2014.Sesifike esikhathini esithokozisayo kodwa esinenselelo kulolu hambo lwethu njengabadobi abadobela ukuz-iphilisa.

I- MLRA esichitshiyelwe seyisayiniwe uMongameli uZuma, nokuphembe indlela yokuqalisa ukusebenza kwenqubomgomo yezokudobela ukuziphilisa (SSF). Abamele uMnyango wezoLimo, amaHlathi nezokuDoba badalule ukuthi sezikhona izinsiza ezibekwelwe uku-qalisa inqubo.

Uhambo lwethu belulude futhi lunzima lube lugwele nezinkathazo kanye nokubambezeleka. Kodwa sikhom-bise ukuthi uma kunombono, ubumbano nokuphatha ngokubambisana, abantu bayakwazi ukuba nenqubeke-la phambili enkulu.

Manje sekuyisikhathi sethu samaqiniso, siya phambili noma siyayeka. Sesifinyelele lapho kumele sibambisane siye phambili.

Lokhu kudinga ububumbano impela kanye nokuz-imisela kakhulu kunakuqala. Kudinga ukuthi siseben-zisane kahle ndawonye kanjalo nabanye ababambiq-haza.

Sikholelwa ukuthi uma singasebenzisana ngokuzwa-na noMnyango wezoLimo, amaHlathi nezokuDoba kungasizakala wonke umuntu. Sinomgomo owodwa owukuqalisa ukusebenza kwenqubomgomo ye-SSF, ukuze kuhlomule imiphakathi edobayo.

Ubudlelwano bethu bangaphambilini abusisizanga ukuze sifinyelele phambili masisha. Bebunezimpawu zokungathembani, ukuphoxeka, ukubambezeleka kan-ye nezimpikiswano ezingenasidingo.

Kumele konke loku sikudlulise bese siqale ubudlel-wano obuzosiqhubezela phambili ngokushesha.

Siizwile ngokuqokwa kukaNgqongqoshe wezoLimo, amaHlathi nezokuDoba omusha, uMnu Senzeni Zok-wana kanye nephini lakhe, uMnu Bheki Cele. Sibafisela okuhle futhi sibanxusa ukuthi udaba lokuqalisa ukuse-benza kwenqubomgomo ye-SSF balubeke eqhulwini ngokukhethekile.Kuyisifiso sethu ukuthi sisebenzisane nabo kanye nomnyango wabo ukuze sikwazi ukuphothula isigaba sokugcina salolu hambo lwethu olude.

Amathuba nezinselelo ekuqalisweni kokusebenza kwenqubomgomo

Isikhathi samaQiniso

iqhubeka kwi phepha 3

Umphathi we Masifundise uNaseegh Jaffer, Professor Moeniba Isaacs wase PLAAS, Saasa Phieeha, wase Department of Fisheries, Forestry and Agriculture (DAFF), Solene

Smith,weCoastal Links SA eLangebaan kunye noAndy Johnson weArtisanal Fishers Association of South African.

Ngabantu abangaphezu kwe-150 abaze kulwethulo lwe ncwadi engu Mkhambhandlela wenqubo mgomo.

Page 2: FishersNet - Masifundise Development Trustmasifundise.org/wp-content/uploads/2014/06/Fishers... · SAMKE McHUNU KwaDuKuza, Kwazulu-Natali Imiphakathi edobayo kumele ihleleke, kumele

FishersNet Vol. 22 – June 2014 2

UKUQHUBA UMSEBENZI UQONDE PHAMBILIKulesi sishicilelo, sethula abanye abasebenzi beMasifundise, abaqhuba umsebenzi wenhlangano uqonde phambili.

Carsten Pedersen – Umsizi kwezeNqubomgomo neziNhlelo U-Carsten usesebenze neMasifundise kusukela ngowezi-2004 futhi ube yingxenye yomndeni kusukela ngowezi-2010. Uqapha ababambiqhaza

ebuholini bezokudoba – njengokubheka indlela yobuholi be-Nepad, amazwe aseYurophu neBhange loMhlaba – bese esabalalisa ulwazi olufanele emiphakathini. Uphinde akhe ubudlelwane obubalulekile nokuxhumana nezinhlangano kanye nezikhungo zamazwe zaseYurophu asethuthukile ukuze aqinise ubunye namazwe aphesheya futhi aphinde akhe nobudlelwano obusha.

Sithembiso Gwaza -umDididyeli woMklamo USthera, waqala ukusebenze ne-MDT ngowezi-2001. Usehole uhlelo i-National Footprint programme, obeluwukhulisa i-CLSA ize ifinyelele eMpumalanga Koloni nase-KZN,

yakwazi ukuba namalungu ayizi-2000. Usebenzisana kakhulu nabasebenzi abasemphakathini ekulungiseleleni nasekuqalisweni kwezinhlelo zomphakathi. Uzinze ehhovisi elise-Mowbray..

NgaphakaThi kUMasifUNDisE

Siqhubekela phambili, kancane kancaneI-Masifundise Development Trust iyi-NGCO ekudala yaba khona futhi namuhla igxile embonini yabadobi abadobela ukuziphilisa. Kuleli khasi sihlinzeka ngomlando nemininingwane ye-MDT.

WONKE AMAHLO AtHE NjO KULOLUyA DONgA OLUSE-MOWBrAyUmdwebo omkhulu, ombalabala osodongeni oluphambi kwamahhovisi eMasifundise ungundabamlonyeni e-Mowbray, eKapa.Idlanzana labadwebi – u-Garth Erasmus, u-Gaby Chemainis, u-Sophie

Pieters noThembinkosi Kohli yibo abenze lo msebenzi wobuciko omuhle kangaka. Lo mdwebo uchaza ngempilo yomphakathi odobela ukuziphilisa.IMasifundise iphinde yaguqula ingaphakathi lehhovisi layo laba yindawo

yombukiso omncane, equkethe izithombe nemibhalo okumayelana nomlando weMasifundise ne-Coastal Links yaseNingizimu Afrika.

Abantu abangaphezu kwe-150 babuthane e-Ocean View, eKapa mhla ziyi-15 kuNhlaba ngesikhathi kuyokwethulwa uMkhombandlela olandisa ngamalungelo ayisisekelo abadobi abadobela ukuziphilisa.

Lo Mkhombandlela ukhiqizwe iMasifunde, i-Institute for Poverty, Land and Agrarian Studies (PLAAS) kanye nesikhungo socwaningo i-Too Big to Ignore (TBTI). Inhloso yawo ukusiza abadobi abadobela ukuziphilisa ukuze baqonde kalula iNqubomgomo yezokuDobela ukuziPhilisa uphinde ulawule inqubo yokuqaliswa kokusebenza kwayo.

Lo mhlahlandlea uqukethe okuningi ngenqubomgomo njengokwabiwa kwamalungelo, ukuphatha ngokubambisana, ukuthuthukiswa kwamakhono, izinhlaka zasemphakathini, nobhasikidi bezinhlanzi namalungelo ezobulili.

Lokhu kwethulwa komkhombandlela kwakuhanjelwe abadobi abavela ezinkalweni ezahlukene zezwe, abacwaningi, izifundiswa, amaqembu ezinhlangano zasemphakathini namalungu omphakathi wase-Ocean View.

UMqondisi weMasifundise u-Naseegh Jaffer, wahola umhlangano kanti izikhulumi zazibandakanya u-Andy Johnson we-Artisanal Fishers Association of South Africa, uSolwazi uMoeniba Issacs we-PLAAS, u-Solene Smith, umholi we-Coastal Links wase-Langebaan no-Saasa Phieeha, woMnyango wezoLimo, ezamaHlathi nezokuDoba (DAFF).

UMnu Johnson noNkk Smith bakhuluma ngomzabalazo ogcine sewuholele ekwamukelweni kwenqubomgomo enenqubekela phambili. uSolwazi Isaacs waveza ezinye izinselelo ezingase zihambisane nokuqaliswa kokusebenza kwenqubo uMnu Phieeha wabe esebophezela umnyango ukuthi uzoqinisekisa ukuthi inqubo iba yimpulelelo futhi nokuthi babeke isamba zezigidi ezingama-90 zamarandi kunyakamali ozayo ukuze kwenziwe umsebenzi oqondene nokuqaliswa kokusebenza kwenqubomgomo.

IMIHLAHLANDLELA yOMHLABA yOKUVIKELA IZIMBONI ZABADOBI ABADOBELA UKUZIPHILISA

IMihlahlandlela yoMhlaba yokuVikela abaDobi abaDobela ukuziPhilisa iwumbhalo onhloso yawo wukusiza abadobi abadobela ukuziphilisa emhlabeni jikelele ukuze bagcinwe bephilile, benokudla futhi kuqedwe ububha. Ibhalwe yikomidi lezokudoba i-Food and Agriculture Organisation (FAO) ngezinjongo ezifezwa ngokusebenzisa indlela ebhekelela amalungelo abantu nezihlose ukuhlomisa imiphakathi.

UMqondisi weMasifundise u-Naseegh Jaffer ube yingxenye yalezi zinqubo, njengesithunywa sesiThangami soMhlaba saBantu abaDobayo.

Ekuqaleni kukaNhlolanja wezi-2014, iKomidi lezokuDoba (COFI) liphothule izingxoxo zalo ngeMihlahlandlela yokuZinikela kwabaDobi abaDobela ukuziPhilisa (ama-SFF).

Uhlu oluphelele lweamihlahlandlela uwehlaka lwagunyazwa nokwaba yisinyathelo esikhulu semboni ye-SSF emhlabeni jikelele. Yindima eyodwa kuphela engagunyazwanga futhi lokhu kwadluliselwa phambili ukuze kudingidwe emhlanganweni we-COFI ozobanjwa mhla ziyi-5 kuNhlangulana kulo nyaka.

IMihlahlandlela ivela emihlanganweni eminingi eyabanjwa (izinqubo zokuzibandakanya nokuxoxisana), okubandakanya imiphakathi ye-SSF, izinhlangano zasemiphakathini, ohulumeni, izinhlangano zesifunda nabanye ababambiqhaza be-FAO.Ungaya kule linki ukuze ufunde uhlaka lokugcina olwagunyazwa: http://masifundise.org.za/international-guidelines-on-securing-sustainable-small-scale-fisheries/

uJosh Cox ekohlo, eme phambi ko mdwebo kunye nabasenzi bese Masifundis u Mansoor Jaffer, Naseegh Jaffer no Sithembio Gwaza

UKUQONDA INQUBOMgOMO yEZOKUDOBELA UKUZIPHILISA

Umdobi wase ocean view, lapho bekothulelwa uMkhombandlela

wamalungelo wabadobi

Imihlahlandlela ibindingwe kumhlangano ubuse Rome kunyaka

odlulile

Page 3: FishersNet - Masifundise Development Trustmasifundise.org/wp-content/uploads/2014/06/Fishers... · SAMKE McHUNU KwaDuKuza, Kwazulu-Natali Imiphakathi edobayo kumele ihleleke, kumele

FishersNet Vol. 22 – June 20143

NOZUKO MNyOMBOLO eKhayelitsha, eNtshoNalaNga KoloNi

Kumele siqinisekise ukuthi impela lokhu kusebenza kwenqubomgomo kuyaqaliswa – okubalulekile ukuqinisekisa ukuthi abantu basemiphakathini edobayo bayaqinisekiswa futhi baziwe ukuze bakwazi ukuthola amalungelo abo, njengoba sekunezinye

izinhlangano eziningi eziqhamuka esithubeni ezithi zimele amalungelo abadobi abadobela ukuziphilisa ngoba zazi ukuthi inqubo yokuqalisa ukusebenza kwenqubomgomo sekusondele.

HILDA APrIL e-MaMre, eNtshoNalaNga KoloNi

Lokhu kuyimpumelelo enkulu kubadobi bethu abadobela ukuziphilisa emiphakathini edobayo edla imbuya ngothi. Ukulungiselela ukusebenza kwenqubomgomo bonke ababambiqhaza – abazohlomula, abanezimvume, imindeni –

kumele BABUMBANE. Kumele sizivuselele sibuyekeze inqubomgomo ye-SSF futhi sithole ikhophi yomkhombandlela wenqubomgomo ye-SSF osanda kwethulwa.

HArVEy NtSHOKO KuCeNtaNe, MpuMalaNga KoloNi

Kumele siqinisekise ukuthi siyatshelwa ngokwenzekayo embonini yezokudoba, sidinga ukuqinisekiswa ukuze umnyango usazi ukuthi singobani, senzani nokuthi sidobani. Sidinga nokwesekwa ngezinhlelo ezingasisiza ukuqala nokulungiselela amabhizinisi

ethu. Sesimi ngomumo lapha eMpumalanga Koloni – akuqale ukusebenza kwenqubomgomo.

SINDISO NONgcAVU e-port st JohNs, MpuMalaNga KoloNi

Sidinga amathuba ukuze sivule imakethe. Kumele silungise izindawo zethu zokulondoloza namalayisense ukuze sikwazi ukudayisa noma ukuhwebela ngalokho esikudobile namazwe angaphandle. Phezu kwalokho, sidinga ukuqinisekisa ukuthi

siyakwazi ukufinyelela izikebhe ukuze sikwazi ukuqhubeka siye ekujuleni kolwandle. Njengomphakathi kumele sifake izicelo zamalayisense futhi sizilungiselele.

SAMKE McHUNU KwaDuKuza, Kwazulu-NataliImiphakathi edobayo kumele ihleleke, kumele ithole izinsiza zezikebhe ihlale ilindele ukudoba, izikhangise futhi ithole nezimvume. Njengomuntu osemusha, ngibona lesi sikhathi kuyithuba elizodalela intsha amathuba futhi liguqule izimpilo

ngezindlela eziningi. Sesimi ngomumo.

iziNDaba zECOasTaL LiNks

Abantu basoGwiniI-MLRA yachitshiyelwa yabe seyisayinwa uMongameli uZuma ngenyanga edlule, nokuphembe indlela ukuze kuqaliswe ukusebenza kwenqubomgomo ye-SSF. Amalungu e-Coastal Links kuleli abelane ngemibono yawo

yokuthi abadobi kumele bazilungiselele lesi sigaba.

esikhathi eside. I-DAFF isihoxile kulolu daba kodwa iNhlangano

isafuna ukuqhubeka nokulibangisa enkantolo.“Esikhathazeke ngakho ukuthi le nqubo

ingase isibambezele ekuqalisweni kokusebenza wenqubomngomo ye-SSF futhi ibe nomthelela ongemuhle kobhasikidi bokudoba ababekelwe

imboni yama-SSF”, usho kanje uMandla Gqamlana weMasifundise.

“Sizimisele ukuba yingxenye yalolu daba enkantolo ukuze siqinisekise ukuthi akubi khona ukubambezeleka nokuthi ukwabiwa kamalungelo okudoba abadobi abadobela ukuziphilisa akuphazamiseki,” kusho yena.

Ukuze uthole eminye imininingwane ngecala, bheka ekhasini lesibili

isuka kwiphepha 1

IMasifundise ithanda

ukubonga amalungu e-CLSA

asiza ngokusabalalisa

iFisher’s Net. Ngani, sikwazi

ukufinyelela ezinkumbini

zabantu, sisabalalise ulwazi

siphinde siqwashise.

I-CLSA iyakhula

I-Coastal Links South Africa iyaqhubeka nokukhula futhi iba nomthelela emiphakathini edobayo eNingizimu Afrika.

Abadobi abangaphezulu kwezi-4 000 babumbene ngaphansi kwe-CLSA futhi njengamanje le nhlangano ike yathungatha amathuba okwandisa izimali futhi yasungula umthethosisekelo.

Lezi zindaba zaxoxwa emhlanganweni kazwelonke owabanjwa ngenyanga edlule eBhayi. KwaZulu-Natali naseMpumalanga Koloni, i-CLSA iyaqhubeka nokukhankasela imvume ekhathekile evumela ukuthi abadobi badobe izinhlanzi ezinkulu kanye nemvume yokudayisa abakubambile.

KwaZulu-Natali, izinhlaka zasendaweni ze-CLSA bezikhankasa eziNdaweni eziVikelwe ezisoLwandle ukuze ziqinisekise ukuthi zithola ukufinyelela kangcono futhi ziqede ukuhlukunyezwa kwemiphakathi ehluphekayo edobayo.

ENtshonalanga Koloni, kunezindaba ebeziqhubeka mayelana nokugunyazelwa ukudoba iSikhuphashe nezinhlanzi ezidotshwa ngoDobo, emiphakathini ehlukene, okubandakanya i-Struisbaai, i-Arniston ne-Gansbaai.

Izinhlaka ze-Coastal Links ezweni lonke zizibandakanye ekusatshalalisweni kweNcwadi enguMkhombandlela kubadobi abadobela ukuziphilisa ezayikhiqiza ngokuhlanganyela neMasifundise, i-PLAAS ne-Too Big To Ignore.

Izinselelo zokuqaliswa kokusebenza kwenqubomgomo zibukeka ziyijoka elikhulu emlandweni we-CLSA. Zizodinga ubumbano olukhulu, ukuthuthukiswa kwamakhono kanye nokusebenzisana okuhle nababambiqhaza abaningi.

I-CLSA iphinde ibe yingxenye yethimba elilungiselela uMhlangano Jikelele weSithangami soMhlaba saBantu abaDobayo, okuhlelwe ukuthi ubanjelwe eKapa esontweni lokuqala kuMandulo.

Page 4: FishersNet - Masifundise Development Trustmasifundise.org/wp-content/uploads/2014/06/Fishers... · SAMKE McHUNU KwaDuKuza, Kwazulu-Natali Imiphakathi edobayo kumele ihleleke, kumele

FishersNet Vol. 22 – June 2014 4

iziNDaba zECOasTaL LiNks

Q Udabuka kuphi?A Ngidabuka e-Langebaan oGwini

oluseNtshonalanga, eNtsholanga Koloni.

Q Awusixoxele ngomndeni wakhoA Ngishadile, nginezingane ezimbili

– intombazane eneminyaka eyi-17 nomfana oneminyaka eyi-12.

Q Waqala nini ukuzibandakanya nemboni yezokudoba futhi kanjani?

A Ngathi uma ngiqeda esikoleni samazinga aphezulu e-Vredendal, ngasebenzela i-fish cannery, njenge-retort operator eqeqeshiwe.

Q Waqala nini ukusebenzela iMasifundise Development Trust?

A Ngaqala ukusebenzela i-MDT ngokwezi-2003 njengomsebenzi wasemphakathini. Ngasebenza kakhulu nemiphakathi futhi yiyo indlela eyaqala ngayo i-CLSA.

Q Yini oyithanda kakhulu ngomsebenzi wakho?

A Ngithanda ukusebenzisana nabadobi abadobela ukuziphilisa abanentshisekelo nokubhekana nezinselelo eziqhamukayo embonini – ikakhulukazi uma sekuziwa ezimweni ezinomthelela embonini.

Q Ngizwe kuthiwa wake walubeka phesheya, wawuye kuphi?

A Yebo, kunjalo – saya e-Chile, ukuyovakashela imiphakathi edobayo eyayizibandakanya ekudobeni izinhlanzi/ukuvuna lokho okutholakala emanzini – sabona ukuthi imiphakathi ehlukene izibandakanya kanjani

kwezinye izinhlobo zokudobela/ukuvunela ukuziphilisa, ngikhumbula ukuthi empeleni savakashela abadobi ababedoba i-Abalone..

Q Uzibona ukuphi eminyakeni emihlanu ezayo?

A Ngizobe ngisekhona kuMasifundise ngoba simatasa nenqubomgomo yezokudobela ukuziphilisa, ngakho ngifuna ukuyibona iqalisa ukusebenza – idala imisebenzi futhi nabadobi beba nempilo engcono.

Q Siyini isifiso sakho – ucabanga ukuthi imiphakathi edobayo kumele yenzeni ukuze izilungiselele inqubo yokuqaliswa kokusebenza kwe-SSF?

A Ukubona abadobi abadobela ukuziphilisa beba nesinkwa usuku nosuku – kodwa ikakhulukazi imiphakathi kumele ihlale ibheka futhi yazi ngalokho okuqhubekayo, kumele izihlele ukuze kube lula ukuthi umnyango uxhumane nayo. Kumele kuguqulwe izingqondo, lapho abadobi bekwazi ukucela usizo lwabadobi abanesipiliyoni futhi bakwazi ukufunda kulezo zipiliyoni zalabo badobi..

Isinqumo se-South African Commercial Linefish Association sokufaka i-DAFF enkantolo ngodaba lwamalungelo okudoba esikhathi eside singase sibambezele ukuqaliswa kwenqubomgomo ye-SSF.

Phezu kwaloko, singase siholele ekuncishishweni kakhulu kwesabelo esibekelwe imboni yabadobi abadobela ukuziphilisa.

UNgqongqoshe wezokuDoba wachitha inqubo yokwabiwa kwamalungelo ngenyanga edlule, kodwa iNhlangano i-Linefish Association isaqhubeka nesiphakamiso esifake enkantolo.

KuMbasa, iMasifundise ifune ukuba yithimba elizongenelela ecaleni elisenkantolo ngenhloso yokugwema ukubambezeleka kokuqaliswa kwenqubomgomo nenqubo yokwabiwa kwamalungelo ezinhlanzi.

Ummeli we-LRC u-Wilmiem Wicomb wafakela i-MDT isicelo, futhi lesi sicelo sizolalelwa mhla ziyi-12 kuNhlangulana 2014. Njengamanje inkantolo isaphikisene nesicelo

seMasifundise futhi ne-Linefish Association iphikisene naso.

I-Linefish Association ayikholwa ukuthi iMasifundise imele abadobi abadobela ukuziphilisa noma nje ukuthi ikhona into ebizwa ngemboni yabadobi abadobela ukuziphilisa.

Ngosuku esibhale ngalo lokhu, iNhlangano beyiqale isivumelwano esizobandakanya ukwabiwa kabusha kwamalungelo kulabo abanawo njengamanje nalabo ababenawo ngaphambilini. Lokhu kuyobe sekuchaza ukuthi abadobi abadobela ukuziphilisa

banokuncane abangakudoba, njengoba amalungelo amaningi ezonikezwa labo abodobela ukuqeda isizungu.

Inqubomgomo yezokuDobela ukuziphilisa inikeza ngokusemthethweni abadobi ukuba bazeke kule mboni okokuqala ngqa, ihlinzeka ngezindawo zokudoba zemboni futhi ivumela ukuthi kube namalungelo eqembu kunalawo angaphambilini ayenikeza umuntu ngamunye.

“I-MDT ne-CLSA yeseka noma eyiphi inqubo eholela ekwabiweni kwalungelo okudoba elungile neyaba ngokulingana. Sizophikisana nanoma eyiphi inqubo ezobambezela ukuqaliswa kokusebenza kwenqubomgomo yezokuDobela ukuziphilisa eyesekwa kakhulu futhi sizokwethula isahluko esisha kule mboni,” kusho uMandla Gqamlana weMasifundise.

“Sizophikisana nanoma esiphi isinyathelo (senkantolo) esizoholela ekuqonweni kwabadobi abadobela ukuziphilisa okungabaphuca okumele bakuthole,” wengeze kanjalo..

Isiphakamiso esisenkantolo singase sibambezele amalungelo abadobi

Sixoxisanano - Nico Waldeck

Abadobi kumhlangano e- Paternoster

Page 5: FishersNet - Masifundise Development Trustmasifundise.org/wp-content/uploads/2014/06/Fishers... · SAMKE McHUNU KwaDuKuza, Kwazulu-Natali Imiphakathi edobayo kumele ihleleke, kumele

FishersNet Vol. 22 – June 20145

iziNDaba zECMasifUNDisE

ISIKHUNGO seziNsiza zoMthetho, i-Masifundise ne-Coastal Links bazosebenzisana kuze kuphumelele ukuqaliswa kokusebenza kweNqubomgomo yezokuDobela ukuziPhilisa (SSF) ngisho kungathatha isikhathi esingakanani, nokuthi amalungelo endabuko emiphakathi edobayo aziswe ngendlela efanele, ngokusho kuka-Wilmien Wicomb, uMmeli, oPhikweni i-Constitutional Litigation Unit, esiKhungweni seziNsiza zoMthetho (LRC).

Ubudlelwane phakathi kweMasifundise nesiKhungo seziNsiza zoMthetho baqala ngowezi-2004, lapho, “... icala lokuqala elibalulekile, inselelo yeNkantolo yezokuLingana 2004/2005 okwaholela enqumweni sokuthi kusungulwe inqubomgomo yezokudobela ukuziphilisa,” kusho u-Wicomb.

IMasifundise ne-Coastal Links, bemele abadobi abadobela ukuziphilisa bangamakhasimende e-LRC futhi selokhu belawula i-LRC njengezithunywa zemiphakathi edobela ukuziphilisa.

U-Naseegh Jaffer, uMqondisi weMasifundise kuZwelonke, akawuvali umlomo ngomsebenzi owenziwa i-LRC, futhi ubona ukuthi baziqonda kahle futhi bazibophezele ezinkingeni nemizabalazo engabhekene nemiphakathi edobela ukuziphilisa nje kuphela, kodwa imiphakathi yasendaweni ebhekene nobunzima eNingizimu Afrika iyonke.

U-Jaffer wathi i-LRC idlale indima ebalulekile ekuvikeleni abadobi basendaweni uma beshushiswa ngokuphula imithetho ebekiwe ethiya indlela abangaziphilisa ngayo.

“I-LRC idlale indima ebalulekile ekusisizeni ukuthi sibhale iNqubomgomo yokuDobela ukuziPhilisa, ngokusipha izeluleko zomthetho, nasekubhaleni isiChibiyelo se-MLRA,” kusho i-Jaffer.

Njengoba kuno-Jackie Sunde, i-LRC yenza ucwaningo ngokuqaliswa kwe-SSFP e-KZN ngonyaka odlule futhi iMasifundise yasiza ngokuba nomcwaningi wasendaweni kulowo mklamo. I-LRC iphinde yaphawula ngenqubomgomo nokuqaliswa kwayo. I-LRC yamela umphakathi odobayo kwi-Nedlac ngesikhathi sezingxoxo nge-SSFP, futhi yamela iMasifundise ezingxoxweni zokuChibiyela i-MLRA, ngokuphawula kuzo zonke izigaba.

“Amacala akhumbulekayo lapho i-LRC yamela khona abadobi abadobela ukuziphilisa, abandakanya icala lika-Kenneth George laseNkantolo yezokuLingana (2005, 2009 nango-2010), icala eliqhubekayo le-line fish lapho simele iMasifundise njengethimba elingenelelayo. Senza icala lase-Langebaan ne-Coastal Links

Langebaan, kanjalo necala elise-Dwesa-Cwebe.”“Seluleka iMasifundise ne-Coastal Links

ngalokho esiqonda ukuthi yikho okuwumgudu ofanele kwezomthetho ekuphumeleliseni imigomo esibona ibalulekile, njengobulungiswa kubantu nokulingana. IMasifundise ne-Coastal Links kumele iqinisekise ukuthi iyaqonda futhi ixoxisane namakhasimende – abadobi – esibamele ngalokho abakufunayo. I-LRC ivame ukusebenza ngama-NGO nama-CSO uma imele imiphakathi ngakho akulula ukuthi sidlale nendima yokunxenxa abantu,” kusho u-Wicomb.

I-LRC yaqala ngowe-1979 eGoli iqalwa u-Arthur Chaskalson, owayeyiJaji eliKhulu neJaji laseNkantolo yoMthethosisekelo, u-Felicity Kentridge nabanye abameli bamalungelo abantu aziwayo nezishoshovu zangaleso sikhathi.

Inamahhovisi esifunda amane eGoli, eKapa, e-Grahamstown naseThekwini kanye noPhiko i-Constitutional Litigation Unit oluseGoli naseKapa.

I-LRC empeleni yayiqalelwe ukuthi imele abantu ababeboshelwe amacala amapasi, nengenye yezindlela zokuzama ukuqeda ubandlululo.

U-Wicomb ungomunye wabameli abasebenza e-LRC, kodwa njengamanje nguye kuphela osebenzisana nemiphakathi edobayo. Ulandela ezinyathelweni zika-William Kerfoot no-Henk Smith asebemele abadobi iminyaka ngeminyaka. “Simela abantu nemiphakathi ezinhlakeni ezahlukene: ukubuyiswa komhlaba, umthetho wesintu, ezobulili, ezemfundo, ezababaleke emazweni abo, ezezindlu, amalungelo abantwana,” usho kanje.

IsiKhungo seziNsiza zoMthetho umngane omkhulu wemiphakathi edobayo

uHenk Smith wase Legal Resources Centre eme nomsebenzi wasemgodini e Marikana

Ukulwisana nezikhungo ezingabameli babantu abadobayo kuzoqinisa uMhlangano oMkhulu ozayo wesiGungu soMhlaba saBantu abaDobayo (WFFP) ozobanjwa eNingizimu Afrika ngoMandulo.

Kamuva nje, kuMbasa 2014, iBhange loMhlaba noHulumeni wase-Dutch uhlanganyele ngokubamba ingqungquthela nabo bonke abathintekayo, okubandakanya ne-New Partnership for Africa’s Development (Nepad) kanye nezinhlangano zezemvelo zaphesheya ezifana ne-World Wide Fund for Nature (WWF), zahlangana ukuze ziphendle indlela yokuthi kudobe abantu abathile olwandle.

U-Nassegh Jaffer wayekhona emele amaphimbo e-WFFP futhi wagcizelela isidingo sokuvikela amalungelo abantu abadobayo, ngokwaba amalungelo kubantu abangadobeli ukuhweba anikezwe imiphakathi edobayo ngokulandela

ezokulingana nobulungiswa kubantu bonke.

Ibhange lomhlaba lisungule uhlelo lweZwekazi lase-Afrika oluzuza ngokuthatha umhlaba ube wokudoba obe owabantu abathile. Lolu hlelo, lunesabiwo mali sika-US$ 550 million, lusungulwe ngaphandle kokuxoxisana nabantu abadobayo nangaphandle kokwazisa imigomo ewumongo okusekelwe kuyo inqubomgomo yethu yezokudobela ukuziphilisa.

Inqubomgomo yezokudobela ukuziphilisa yaseNingizimu Afrika – nokusuka kwayo

Kumele kuphele ukuziTapela oLwandle!

iqhubeka kwi phepha 6Inqanawe ezinkulu ziqeda lokho kufumaneka elwandle

Page 6: FishersNet - Masifundise Development Trustmasifundise.org/wp-content/uploads/2014/06/Fishers... · SAMKE McHUNU KwaDuKuza, Kwazulu-Natali Imiphakathi edobayo kumele ihleleke, kumele

FishersNet Vol. 22 – June 2014 6

sMaLL-sCaLE fishErs

UMhlangano oMkhulu weSithangami soMhlaba sabantu abaDobayo uzobanjelwa eKapa ngesonto lokuqala kuMandulo 2014, uzohlanganisa abantu abazomela abadobi abasuka emazweni angama-35.

UMhlangano oMkhulu ubanjwa njalo eminyakeni emine futhi kulokhu udaba oluzofakelwa izibuko kuzoba ukuziTapela oLwandle/ukuKlama uLwandle ukuthi olwabantu abathile kuphela neMihlahlandlela yoMhlaba yokuBa neziMboni ezi

Sebenzayo zabaDobi abaDobela ukuziPhilisa.

Njengoba izobe imelele ezweni elizobe lisingathe umhlangano iMasifundise inejoka lokuhlelela umhlangano.

Njengoba izinhlangano ezinobulunga eziningi ziphuma kwelase-Asia nase-Afrika, i-WFFP izophinda imele abadobi baseNyakatho naseNingizimu neMelika, e-Europe nase-South Western Pacific Ocean.

Ukukhethwa kweNingizimu Afrika njengezwe elizosingatha umhlangano omkhulu wesithupha akwenzekanga nje ngoba kuqondene izinto. Emhlanganweni wokugcina owawuse-Pakistan ngowezi-2011, kwaba u-Solene Smith wakwi-Coastal Links Langebaan owangena esigcawini wafakaza ngesizathu sokuletha umhlangano eNingizimu Afrika.

“Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, uphiko lwethu lwezokuxhumana luzobhala kabanzi ngengqungquthela futhi lushicilele izindaba kumawebhusayithi, okushicilelwayo kanye nemithombo yezokuxhumana,” kusho uNosipho Singiswa weMasifundise.

IsiGungu soMhlaba saBantu abaDobayo (WFFP) siyinhlangano yomhlaba jikelele eyethulwa kuMfumfu ngowezi-2000 kwinkomfa eyayise-France enehhovisi elise-Karachi, e-Pakistan. Le nhlangano ihlanganisa izinhlangano zabadobi abadobela ukuziphilisa ukuze kwakhiwe futhi kugcinwe amalungelo abantu abalulekile, ubulungiswa emphakathini nakubadobi abadobela ukuziphilisa.

Inhloso yaso ukugcina ulwandle luwumthombo wokuphila, luzibophezela ukugcina ezokudoba ngezinsiza zasolwandle kugcinelwe izizukulwane zamanje nezakusasa ngenhloso yokuqinisa, ukuthuthukisa, ukuvikela nokulwela imiphakathi eyethembele olwandle ukuze iphile futhi ithole impilo eseqophelweni elifanele.

I-WFFP njengamanje yakhiwe amalungu asuka amazweni angama-35 ahlukene futhi ubulungu bayo buvulelekile ezinhlanganweni zabadobi abadobela ukuziphilisa, abadobi abasebenza ngezandla,

abadoba ngezindlela zasendulo noma zabantu basendulo abangabadobi ngokwemvelo. Inhlangano inoMhlangano oMkhulu, iKomidi lokuDidiyela, neziGungu eziNhlanu zamaZwekazi asebenzisana ukuze akhe umnotho kanye neqophelo elingcono lempilo kubantu abasemiphakathini yazo.

Inhlangano ihlanganyela emisebenzini eminingi yokunxenxa noyekumela. Yadlala indima ebalulekile ekusungulweni keMihlahlandlela yoMhlaba Jikelele yokwaKha iziMboni eziSebenzayo zabaDobi abaDobela ukuziPhilisa ngokusebenzisa iKomidi lezokudoba leNhlangano yokuDla nezoLimo (FOA).

Omunye onomkhankaso wokulwisana nokuTapa uLwandle, u-Naseegh Jaffer, umqondisi weMasifundise Development Trust (MDT) nosihlalo wenhlangano othe, “Sikholelwa ukuthi ulwandle noma enye insiza yemvelo akumele ibe eyabantu abathile noma izinkampani”.

“IziNsiza zeMvelo kumele zithokalale mahhala, abantu kumele babe nelungelo lokuzisebenzisa ikakhulukazi uma bethembele kuzo njengalokho okuwumthombo wemvelo wenzuzo ehlinzeka bona

nemindeni yabo”, kuqhubeka uMnu Jaffer.I-WFFP imile ekunxenxeni uhulumeli

ukuthi ake ebheke “indlela yokubhekela amalungelo abantu; bafuna ukuqinisekisa ukuthi amalungelo abadobi nezidingo zabo ziyabhekelelwa futhi ziyacutshungulwa ohulumeni emhlabeni wonke.

Umhlangano omkhulu we-WFFP ufike ngesikhathi esihle. Kulindeleke ukuthi iMihlahlandlela yoMhlaba yokwaKha iziMboni eziSebenzayo zabaDobi abaDobela ukuziPhilisa izosayinwa yiKomidi lezokuDoba leNhlangano yeZizwe eziHlangene loKudla nezoLimo (FAO)

kuNhlangulana 2014. NjengakwiNqubomgomo yezokuDobela ukuziPhilisa eNingizimu Afrika, lokhu kuchaza ukuthi kuzodingeka ukuthi sisuse amehlo ekwakheni inqubomgomo sibheke ekuqaliseni inqubomgomo.

Njengoba umhlaba ubheke udaba lwemihlahlandlela kubukeka kuza kahle odabeni lokuqalisa ukusebenza futhi iMasifundise ne-Coastal Links izozibambela le thuba uma seyisingethe umhlangano omkhulu we-WFFP kusukela mhla lu-1 kuya kumhla zizi-4 kuMandulo kulo nyaka.

U-Naseegh Jaffer, osesebenza ihlandla lesibili njengomdidiyeli we-WFFP, ugcizelela ukubaluleka kokuxoxisana ngeMihlahlandlela yezokuDobela ukuziPhilisa kodwa ugcizelela nesidingo sokuqwashisa nokwakha amasu okuvikela amalungelo okufinyelela eningini labadobi abadobela ukuziphilisa emhlabeni. “Sibhekene nezinselelo ezinkulu kulokhu, njengoba abasemandleni nabaziwayo kuyibo abaqhamuka nokuthi kudobe abantu abathile kuphela nokuthi kuDluliswe amaLungelo okuDoba oMuntu ngaMunye”, kusho u-Jaffer.

Inkonfa yabaDobi basemhlabeni jikelele ezobanjelwa eKapa

kumalungelo okudoba omuntu ngamunye kube ngawomphakathi odobayo – ibongiwe yi-United Nations Special Rapporteur ngegalelo layo elikhulu ekutholakaleni kokudla embikweni obewubhekiswe eMhlanganweni oMkhulu weZizwe eziHlangene ngowezi-2012. Inqubomgomo ibhekana nokungabi nakulungiswa kwangaphambilini emithethweni yezokudoba – ikakhulukazi inqubomgomo yesikhathi eside – ngokwethula izinhlelo ezintsha ezabela amalungelo okudoba emiphakathini ukuze kuqinisekiswe ukuthi kufinyelelwa kwizinsiza zokudoba ngokulingana.

“Egameni ‘lokuqeda ububha nokutholela abantu ukudla’, izikhungo eziningi ezinamandla, izinhlangano nezinkampani ezihlanganyele zifuna ukuphoqelela izindlela zamalungelo anikezwa umuntu ngayedwana emhlabeni wonke”,

kuphawula uMnu Jaffer.Njengamalungu e-WFFP izinhlangano, i-MDT

ne-CLSA zibalwele abadobi abadobela ukuziphilisa nasemazingeni omhlaba, baligxeke ngokusobala ibhange lomhlaba nalabo elisebenzisana nabo, abangayishayi ndiva indaba yokuhlukana namalungelo okudoba omuntu ngamunye kudlulelwe kulawo okuzoba awomphakathi odobayo.

Ukuklama ulwandle ukuthi olwabantu abathile, ukuTapa uLwandle nokwakha imiphakathi edobayo ephilayo kuphakathi kwalokho ekumele kudingidwe ukuze kuqinisekiswe ukuthi imiphakathi edobayo emhlabeni jikelele ithola ubulungiswa, “asisoze savumela amabhizinisi ukuthi asiqonele izinsiza zethu zokudoba nomhlaba wethu osogwini. Ukuxoshwa kwabantu abadobayo emhlabeni wabo ukuze bona bakwazi ukutapa izinsiza zokudoba kumele kuphele” kusho u-Castern Pedersen we-MDT.

isuka kwiphepha 5

Iqela elalivakashele e Sri-Lanka kumhlangano oMkhulu we WFFP 2007

Page 7: FishersNet - Masifundise Development Trustmasifundise.org/wp-content/uploads/2014/06/Fishers... · SAMKE McHUNU KwaDuKuza, Kwazulu-Natali Imiphakathi edobayo kumele ihleleke, kumele

FishersNet Vol. 22 – June 20147

UpOpayi

school of fishers

Page 8: FishersNet - Masifundise Development Trustmasifundise.org/wp-content/uploads/2014/06/Fishers... · SAMKE McHUNU KwaDuKuza, Kwazulu-Natali Imiphakathi edobayo kumele ihleleke, kumele

FishersNet Vol. 22 – June 2014 8

IsiFundazwe saseNyakatho Koloni sisingatha ugu olungama-300 km njengoba iNingizimu Afrika inogu–olungama-3000 km , inamadolobha amabili adobayo, i-Hondeklipbaai ne-Port Nolloth.

I-Port Nolloth iwumphakathi onemboni yezikhuphashi, futhi abantu baziphilisa ngokuthola amadayimane kuyo.

I-Coastal Links South Africa iyatholakala e-Hondeklipbaai nase-Port Nolloth.

“Njengamanje sinabantu abanezimvume zokudoba ezingama-77 e-Port Nolloth nezikebhebhe eziyi-10 kuphela, nokuyinselelo kubadobi njengoba bengakwazi ukuya olwandle bonke njengoba bengama-77,” kusho uMnu Dawie Phillips, usihlalo we-Coastal Links.

I-Port Nolloth yasungulwa ngowe-1850 ukuze ilawule ukudayisela amanye amazwe umthofu owawulethwa ogwini usuka ezimayini eduze ne-O’Kiep namadayimani aphuma ogwini lwase-Namaqua.

Le ndawo ibe yindawo ehlinzeka ngokudla kubavukuzi bomthofu, abantu abahamba ngolwandle, abatshuzela amadayimane, abadobi engahlelekile ngokuphelele esolwandle iminyanga engaphezu kwama-150 futhi, kulezi nsuku, ihlinzekela izivakashi ezizongcebeleka ngenjabulo njengoba ukudoba ngemikhumbi emikhulu kwaphela ngowe-1970 ngesikhathi sekuncipha ukutholakala kwamadayimane endaweni.

Itholakala emakhilomitheni angama-144 enyakatho esentshonalanga ne-Springbok eNyakatho Koloni; igama lokuqala lalo mphakathi laqanjwa abantu bangamaNama ababehlala khona: Aukwatowa elichaza ukuthi ‘lapho amanzi athatha khona indoda endala’.

Yabe seyaziwa ngokuthi i-Robbe Bay (u-rob ochaza ‘i-seal’ ngesiBhunu) ngoba amaNama ayedayisa izikhumba ze-seal nenyama ye-seal eyomisiwe bedayisela abavukuzi bomthofi abaqala ukufika endaweni maphakathi nowe-1800.

Ichweba labe seliqanjwa kabusha ngokuthi i-Port Nolloth ngemva kokuthi umklami womhlaba, uKapteni MS Nolloth. Njengoba isoGwini oluseNtshonalanga yaziwa ngezindawo zokudlela ezidayisa ukudla kwasolwandle okwahlukahlukene, idolobha elinelanga

namazinga okushisha aphezulu, kutholakala ne-lighthoushe esenyakatho, obude bayo bungamamitha ayi-11 ukuphakama, kungenye yezinto eziningi eziheha izivakashi kuleli dolobha.

Kunezindawo zokubukela imikhome; i-McDougalls Bay ikhaya lolwandle oluhlanzekile noluthulile, lapho ungabhukuda khona amahora ngamahora, uhambe, ushushuluze emanzini nge-kayak uphinde uthole nesikhathi sokugibela izikebhe; umuntu angakwazi ukudoba i-snoek noma i-yellowtail uma enemvume.

I-Port Nolloth indawo enhle ongachezukela kuyo uma unentshisekelo yokuthatha uMzila i-Namaqua Flower Route, noma uvakashele ePaki i-Richtersveld National Park. Kunesigcinamagugu esinothe ngomlando, nedolobha elincane lase-Lekkersing, ngaphezulu nje kwase-Port Nolloth, elihlinzeka ngethuba ‘lokubuka’ imisebenzi yomphakathi ‘i-rusoord’ lapho kutholakala khona imisebenzi yobuciko bezandla efana ‘ne-velskoene’, amacansi, oguqasithandaze, izingubo nezihlalo ‘ze-riempie’.

Leli chweba lase-Port Nolloth seligcwele isihlabathi manje sekuyizikebhe ezincane ezikwazi ukungena phakathi. Izikebhe ezisebenzisa i-Port Nolloth kusukela ngowezi-2006 ezokudoba nezobuciko bokuqeda isizungu kanye nezikebhe eziqashwe imboni yemayini yedayimane.

“Yinye inselelo esibhekene nayo ekungeyokukhishwa kwezimvume zokuthi siye olwandle – kuyangithokozisa ukusho ukuthi, I-DTI izosinikeza izikebhe ezingamamitha ayisi-8.9 ubude ngomhla zizi-4 kuNhlangulana futhi zingathwala abantu abayi-12,” kuqhubeka uMnu Phillips.

Leli chweba linenkali eyodwa obude bayo bungamamitha angama-67. Ingaphakathi lenkali lilungele umsebensi omncane kuphela. Akukho zinsizakusebenza ezikhona.

http://en.wikipedia.org/wiki/Port_Nollothhttp://www.portnolloth.co.za/http://ports.co.za/port-nolloth.phphttp://www.southafrica.net/za/en/articles/entry/article-

Sibhekise amehlo e-Port Nolloth

Published by: Coastal Links and Masifundise Development Trust: Email: [email protected] Station Road, Mowbray, Cape Town 7700 • Tel: 021 685 4549 • Fax: 021 685 3816

D E V E L O P M E N T T R U S T

MASIFUNDISE

AmAqiniSo neziBAlo kwezokuDoBA

Bewazi ukuthi i-UN yaqoka unyaka wezi-2014 njengoNyaka wezoLimo woMndeni eMhlabeni Jikelele (IYFF). Inhloso yalokhu ukusimamisa imindeni kwezolimo kanjalo namabhizinisi ezolimo amancane ngokubheka udaba olubalulekile lokuqeda indlala nobuphofu emhlabeni, ngokuhlinzeka ngokutholakala kokudla nezakhamzimba, ukwenza ngcono isimo sempilo, ukulawula izinsiza zemvelo, ukuvikela imvelo, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.http://www.fao.org/family-farming-2014/en/Ezokudoba zidlala indima ebaluleke kakhulu ekuhlinzekeni impilo ngokuqondile nangendlela engaqondile ngqo kubantu baseNingizimu Afrika abangaphezu kwezi-140 000. Amaphrotheyini enhlanzi nawo abaluleke kakhulu emiphakathini edoba ngendlela yasendulo esogwini lwaseNingizimu Afrika, iningi lawo bangabantu abangenakho ukudla okwanele. Ukusatshalaliswa nokuqaliswa kokusebenza kwenqubomgomo yezokuDobela ukuziphilisa entsha kuzobaluleka ekuqinisekiseni ukuthi le miphakathi edobayo ithola ukudla futhi iyazimela kwezokudoba.Esifundeni saseMpumalanga Koloni esikhungethwe ububha, ama-R500m emali evela kwamanye amazwe atholakala ngesi-squid unyaka nonyaka; okwenza kube yindawo eyigugu kakhulu kwezokudoba ezweni. Imboni yamabhizinisi ezokudoba eNingizimu Afrika aqasha abantu abayizi-43 458, okubandakanya imisebenzi engamatoho neqasha ngokugcwele.http://www.wwf.org.za/?4900/fisheriesfactstrends

Bewazi ukuthi ngokunikeza imiphakathi ithuba lokuthola amalungelo okudoba, uMthethosivivinywa (MLRA), kungasiza nokunciphisa ukudoba okungekho emthethweni, ngoba imiphakathi ingase ivikele izinsiza eziphila olwandle uma ukwazi ukuziphilisa ngazo..

Read more: http://www.southafrica.info/business/economy/development/fishing-041013.htm#.UyGJGmKSzHg#ixzz2vq006WUa

iMiphakaThi EDObayO ENiNgiziMU afrika

Obhuti ababili babeyodoba emfuleni, bedoba ngeminyundu. Omunye wezwa kukhona okubambayo wadonsa udobo lwakhe. Wayebambe ibhodlela. Alikhiphe ibhodlela kudobo kuphume i-genie. Ithi akafise okukodwa izokwenza kuphumelele, abe eseyacabanga lo bhuthi acabange acabange.Ekugcineni athi: “Ngifisa ukuthi wonke lo mfula ube ubhiya!” Bhu!!! Umfula uphenduke ubhiya. Lo omunye ubhuti ahamba naye ambuke athi:” Sphukuphuku ndini, manje sekumele sichame esikebheni!”Omunye ubhuti washayela umphathi wakhe wathi: “Ngeke ngikwazi ukuza emsebenzini namuhla!” Umphathi wabuza ukuthi kungani bese ubhuthi wathi: “Amehlo ami.” “Anani amehlo akho?” kubuza umphathi. “Angiziboni nje ngiza emsebenzini, ngakho ngizoya kodoba okungenani...”Iziphukuphuku ezimbili zaqasha isikebhe zaya kodoba. Zabamba izinhlanzi eziningi zebe sezibuyela osebeni.Isiphukuphuku sokuqala: “Ngiyethemba uyakhumbula ukuthi sizibambe kuphi zonke lezi zinhlanzi.”Isiphukuphuku sesibili: “Yebo, ngifake uphawu oluthi ‘X’ecaleni kwesikebhe ukuze ngibone leyo ndawo.”Isiphukuphuku sokuqala: “We siphukuphuku ndini! Waze ngani ukuthi sizothola isikebhe esisodwa?”Iseluleko sikamama endodakazini: Phekela indoda inhlanzi uyobe uyondle usuku olulodwa, kodwa yifundise ukudoba hhawu uyobe uphumule iyona impelasonto yonke.IZINKOMBA: http://fishing.boyslife.org/25-funny-fish-jokes/http://www.lukaroski.com/jokes/fishing.asphttp://www.allfishingbuy.com/Fishing-jokes.htm

AMAhLAyA ezoKuDobA

Izibuko lase Port Nolloth