8
FishersNet Vol. 19 – July/August 2013 1 DEVELOPMENT TRUST MASIFUNDISE UMthetho i-Marine Living Resources Act awushintshwanga ngokushesha ukuze kuvumele inqubomgomo yabadobi abadobela ukuziphilisa (SFF) ukuthi yenziwe. Lesi yisicelo esivela kuMqondisi weMasifundise uNaseegh Jaffer, otshele i-Fishers Net ukuthi uMthetho i-MLRA uma kubukwa indlela oyiyo njengamanje, awunikezi uNgqongqoshe wezokudoba amandla okuvulela inqubomgomo ye-SSF. “Inqubomgomo yabadobi abadobela ukuziphilisa ibhaliwe ebhukwini likahulumeni igazethi futhi uhlelo lokuyenza kufanele luphothulwe,” kusho uJaffer. “Uhlelo lokwenza luzovulelwa umphakathi kuNcwaba kulonyaka. Siyaqonda ukuthi ukwenziwa kwangempela kuzoqala ngonyaka ozayo”, esho engezela. UJaffer unxuse abasemagunyeni ukuthi baqinisekise ukuthi ukuchibiyela kuyaphothulwa ngaphambi kokuphela konyaka, kungenjalo kuzoba khona okunye ukubambezeleka enqubweni eseyineminyaka ibhaliwe. Isicelo sokufaka izichibiyelo ezidingekayo ziyesekwa ozakwethu be-Coastal Links, abacwaningi emanyuvesi amaningana kanjani nezinkampani ezidobayo ezinkulu. UJaffer uveze ukuthi uMthetho i-MLRA udinga ukwenziwa kabusha kodwa loku kungadingidwa enqubweni ejule kakhulu. “Okwamanje, le ngxenye ethinta i-SSF idinga ukunakwa ngokushesha, okunye kungabhekwa esikhathini esimaphakathi,” esho eqinisekisa. “UMthetho sewuneminyaka eli-15 manje, soloku kwaba khona okuwushintsho olubonakalalyo kuwo. Udaba lokuguquguquka kwesimo sezulu lube wudaba olukhulu futhi izimboni ezidobayo zibe nomthelela omkhulu Ezinsizeni Zasemanzini ngalesi sikhathi,” ngokuka Jaffer. Uthi uMthetho awukhulumi ngokwanele ngokuvikela imvelo esolwandle. UJaffer uthe, ngaphandle kokunikeza uNgqongqoshe amandla okuthi avulele ukwenziwa kwenqubomgomo, ukuchibiyela nako kubalulekile ukuze inqubomgomo ye-SSF yaziswe njengengxenye yemisebenzi yendabuko neyokuziphilisa. Uqhube wathi, “ezingxenyeni ezahlukene ezweni, kuyingxenye yesiko nenqubo ukuthi abantu bafinyelele kuloko okuphila emanzini ukuze bathole ukudla kanjalo nokuqhuba amasiko. “Impilo kanye namasiko kuhlangene ngendlela ekwenziwa ngayo amasiko. Inqubo yokudoba igcina seyiyinto ewusiko. Umthethosisekelo uvikela amalungelo esintu.” “UMthetho i-MLRA idinga ukuchibiyelwa ukuze yazise abadoba abadobela ukuziphilisa njengeqembu labadobi abanelungelo lokuphila. Kudingeka ukuthi wazise ukuthi ukudoba ave nje kuyinto yokuqeda isizungu kodwa umsebenzi oyilungelo labantu,” kusho uMoeniba Isaac wasePLAAS. FishersNet Published by: Coastal Links and Masifundise Development Trust 1 Station Road, Mowbray, Cape Town 7700 Tel: 021 685 4549 • Fax: 021 685 3816 Email: [email protected] VOL. 19 — July August 2013 Amazwi Omhleli Manje sekuyisikhathi! Siyakwamukela ocwecweni lwethu lwesibili lwe-Fisher’s Net yowezi 2013. Lolu cwecwe lukhishwa i-Masifundise and Coastal Links futhi lungumlomo wabadobi aba- dobela ukuziphilisa ezweni lilonke. LuyinkundIa yokwabelana ngolwazi kanye nokuqinisekisa umbono wethu wokuthuthuk- isa imiphakathi edobayo ikwazi ukuziphilisa, lapho bonke bephila endaweni yentando yeningi nenokuhlanganyela. Kulolu cwecwe sibuka umsebenzi wethu wezinyanga ezedlule. Sixoxa ngesidingo es- iphuthumayo sokuchibiyela uMthetho Wezin- siza Eziphila Emanzini i-Marine Living Re- sources Act ukuze inqubomgomo yabadobi abadobela ukuziphilisa ama-small-scale fish- eries (SSF) yenziwe. Ukukhishwa ngokushesha kwenqubomgomo kusayinselelo enkulu kithi kanye nozakwethu. Sidinga uhulumeni ukuthi Aseke izibopho azenza emphakathini ngezenza ezifanele. Manje sekuyisikhathi! Sibheka udaba lweziNdawo Ezivikelwe Zasolwandle ama-Marine Protected Areas, ezadingidwa amalungu e-Coastal Links emh- langanweni wokufundisana eThekwini ekuph- eleni kukaNhlangulana. Siseka ngokuphelele ukuvikelwa kwezindawo zasolwandle. Kodwa sidumele uma sibona umthelela wama-MPAs ezimpilweni zemiphakathi ehlwempu edobayo. Loku kusukela endleleni ekucatshangwa ngazo ngayo kanye nekwenziwa ngayo. Kukhona okubonakalayo ezindaweni zase-Dwesa- Cwebe, ezikhanyisa ngomthelela wama-MPA ezimpilweni zabantu bendawo. Siphinda sibheke udaba lwamalungelo ahlanganyelwe, azongena endaweni yohlelo lokudlulisela lomuntu ngamunye. Kubalulekile ukuthi imiphakathi edobayo iqonde ukuthi loku kuzosebenza kanjani nokuthi kuletha izinzuzo ezinjani. Le phephandaba liphinda linikezele ngolwazi ngemboni yezokudoba kanye nabantu aba- bandakanyekayo. Funda, ulidlulisele kwabanye, dingida izindaba bese uzwakalise uvo lwakho. continued on page 5 Umthetho kufuneka ubandakanye ukwaziswa kwabadobi abadobela ukuziphilisa bese uvumele ukwenziwa kwenqubomgomo ye-SSF ‘UMthetho i-MLRA idinga ukuchitshiyelwa ngokushesha’’ Naseegh Jaffer UNosipho Singiswa weMasi- fundise ukhuluma noMali- bongwe Gongqose nalabanye abahlali kulwandle lwase- Hobeni. Thola indaba ephele- leyo ku makhasi 4 and 5.

FishersNet · 2020-07-23 · Lolu cwecwe lukhishwa i-Masifundise and Coastal Links futhi lungumlomo wabadobi aba-dobela ukuziphilisa ezweni lilonke. LuyinkundIa yokwabelana ngolwazi

  • Upload
    others

  • View
    0

  • Download
    0

Embed Size (px)

Citation preview

Page 1: FishersNet · 2020-07-23 · Lolu cwecwe lukhishwa i-Masifundise and Coastal Links futhi lungumlomo wabadobi aba-dobela ukuziphilisa ezweni lilonke. LuyinkundIa yokwabelana ngolwazi

FishersNet Vol. 19 – July/August 20131

D E V E L O P M E N T T R U S T

MASIFUNDISE

UMthetho i-Marine Living Resources Act awushintshwanga ngokushesha ukuze kuvumele inqubomgomo yabadobi abadobela ukuziphilisa (SFF) ukuthi yenziwe.

Lesi yisicelo esivela kuMqondisi weMasifundise uNaseegh Jaffer, otshele i-Fishers Net ukuthi uMthetho i-MLRA uma kubukwa indlela oyiyo njengamanje, awunikezi uNgqongqoshe wezokudoba amandla okuvulela inqubomgomo ye-SSF.

“Inqubomgomo yabadobi abadobela ukuziphilisa ibhaliwe ebhukwini likahulumeni igazethi futhi uhlelo lokuyenza kufanele luphothulwe,” kusho uJaffer. “Uhlelo lokwenza luzovulelwa umphakathi kuNcwaba kulonyaka. Siyaqonda ukuthi ukwenziwa kwangempela kuzoqala ngonyaka ozayo”, esho engezela.

UJaffer unxuse abasemagunyeni ukuthi baqinisekise ukuthi ukuchibiyela kuyaphothulwa ngaphambi kokuphela konyaka, kungenjalo kuzoba khona okunye ukubambezeleka enqubweni eseyineminyaka ibhaliwe.

Isicelo sokufaka izichibiyelo ezidingekayo ziyesekwa ozakwethu be-Coastal Links, abacwaningi emanyuvesi amaningana kanjani nezinkampani ezidobayo ezinkulu.

UJaffer uveze ukuthi uMthetho i-MLRA udinga ukwenziwa kabusha kodwa loku kungadingidwa enqubweni ejule kakhulu. “Okwamanje, le ngxenye ethinta i-SSF idinga ukunakwa ngokushesha, okunye kungabhekwa esikhathini esimaphakathi,” esho eqinisekisa.

“UMthetho sewuneminyaka eli-15 manje, soloku kwaba khona okuwushintsho olubonakalalyo kuwo. Udaba

lokuguquguquka kwesimo sezulu lube wudaba olukhulu futhi izimboni ezidobayo zibe nomthelela omkhulu Ezinsizeni Zasemanzini ngalesi sikhathi,” ngokuka Jaffer.

Uthi uMthetho awukhulumi ngokwanele ngokuvikela imvelo esolwandle.

UJaffer uthe, ngaphandle kokunikeza uNgqongqoshe amandla okuthi avulele ukwenziwa kwenqubomgomo, ukuchibiyela nako kubalulekile ukuze inqubomgomo ye-SSF yaziswe njengengxenye yemisebenzi

yendabuko neyokuziphilisa.Uqhube wathi, “ezingxenyeni ezahlukene ezweni,

kuyingxenye yesiko nenqubo ukuthi abantu bafinyelele kuloko okuphila emanzini ukuze bathole ukudla kanjalo nokuqhuba amasiko.

“Impilo kanye namasiko kuhlangene ngendlela ekwenziwa ngayo amasiko. Inqubo yokudoba igcina seyiyinto ewusiko. Umthethosisekelo uvikela amalungelo esintu.”

“UMthetho i-MLRA idinga ukuchibiyelwa ukuze yazise abadoba abadobela ukuziphilisa njengeqembu labadobi abanelungelo lokuphila. Kudingeka ukuthi wazise ukuthi ukudoba ave nje kuyinto yokuqeda isizungu kodwa umsebenzi oyilungelo labantu,” kusho uMoeniba Isaac wasePLAAS.

FishersNetPublished by:

Coastal Links and Masifundise Development Trust

1 Station Road, Mowbray, Cape Town 7700Tel: 021 685 4549 • Fax: 021 685 3816

Email: [email protected]. 19 — July August 2013

Amazwi OmhleliManje sekuyisikhathi!

Siyakwamukela ocwecweni lwethu lwesibili lwe-Fisher’s Net yowezi 2013.

Lolu cwecwe lukhishwa i-Masifundise and Coastal Links futhi lungumlomo wabadobi aba-dobela ukuziphilisa ezweni lilonke.

LuyinkundIa yokwabelana ngolwazi kanye nokuqinisekisa umbono wethu wokuthuthuk-isa imiphakathi edobayo ikwazi ukuziphilisa, lapho bonke bephila endaweni yentando yeningi nenokuhlanganyela.

Kulolu cwecwe sibuka umsebenzi wethu wezinyanga ezedlule. Sixoxa ngesidingo es-iphuthumayo sokuchibiyela uMthetho Wezin-siza Eziphila Emanzini i-Marine Living Re-sources Act ukuze inqubomgomo yabadobi abadobela ukuziphilisa ama-small-scale fish-eries (SSF) yenziwe. Ukukhishwa ngokushesha kwenqubomgomo kusayinselelo enkulu kithi kanye nozakwethu. Sidinga uhulumeni ukuthi Aseke izibopho azenza emphakathini ngezenza ezifanele. Manje sekuyisikhathi!

Sibheka udaba lweziNdawo Ezivikelwe Zasolwandle ama-Marine Protected Areas, ezadingidwa amalungu e-Coastal Links emh-langanweni wokufundisana eThekwini ekuph-eleni kukaNhlangulana. Siseka ngokuphelele ukuvikelwa kwezindawo zasolwandle. Kodwa sidumele uma sibona umthelela wama-MPAs ezimpilweni zemiphakathi ehlwempu edobayo. Loku kusukela endleleni ekucatshangwa ngazo ngayo kanye nekwenziwa ngayo. Kukhona okubonakalayo ezindaweni zase-Dwesa-Cwebe, ezikhanyisa ngomthelela wama-MPA ezimpilweni zabantu bendawo.

Siphinda sibheke udaba lwamalungelo ahlanganyelwe, azongena endaweni yohlelo lokudlulisela lomuntu ngamunye. Kubalulekile ukuthi imiphakathi edobayo iqonde ukuthi loku kuzosebenza kanjani nokuthi kuletha izinzuzo ezinjani.

Le phephandaba liphinda linikezele ngolwazi ngemboni yezokudoba kanye nabantu aba-bandakanyekayo. Funda, ulidlulisele kwabanye, dingida izindaba bese uzwakalise uvo lwakho.

continued on page 5

Umthetho kufuneka ubandakanye ukwaziswa kwabadobi abadobela ukuziphilisa bese uvumele ukwenziwa kwenqubomgomo ye-SSF

‘UMthetho i-MLRA idinga ukuchitshiyelwa ngokushesha’’

Naseegh Jaffer

UNosipho Singiswa weMasi-fundise ukhuluma noMali-bongwe Gongqose nalabanye abahlali kulwandle lwase- Hobeni. Thola indaba ephele-leyo ku makhasi 4 and 5.

Page 2: FishersNet · 2020-07-23 · Lolu cwecwe lukhishwa i-Masifundise and Coastal Links futhi lungumlomo wabadobi aba-dobela ukuziphilisa ezweni lilonke. LuyinkundIa yokwabelana ngolwazi

FishersNet Vol. 19 – July/August 2013 2

IzInDAbA zeMAsIfunDIse

no Maria

Hofman

Q Udabuka kuphi Maria?

A E-Pearly Beach esifundeni sase-Overberg eNtshonalanga Koloni.

Q Uthanda ukwenzani ngesikhathi sakho?A Ukubamba izinhlanzi, ukuchitha isikhathi

olwandlwe nabanye abadobi kanye nomndeni wami.

Q Uthanda inhlanzi eyi-snoek noma i-hake?

A I-snoek- yehla esiphundu. Q Waqala kanjani ukuzibandakanya

neMasifundise/Coastal Links futhi sesingakanani isikhathi uzibandakanya nayo?

A Ngowezi 1962 umndeni wami wasuka eTulbagh waya ePearly beach lapho engakhulela khona. Ngaqala ukudoba nobaba ngineminyaka eli-13 bese ngazibandakanya kuMasifundise ngowezi 2000.

Q Ndima yini edlalwa abantu besifazane embonini yezokudoba?

A Abantu besifazane bazibandakanya ekuthuthukisweni kwentsha, hhayi ukudoba nje kuphela. Yibona abawumgogodla womphakathi odobayo, besiza ozakwabo balungele ukuya olwandle. Abantu besifazane abaningi basebenza ezimbonini zezinhlanzi ngaloko bagcina imboni yezokudoba isebenza.

Q Zinselelo zini abantu besifazane ababhekana nazo embonini?

A Uma sesiya esikebheni, ngezinye izikathi siyancwaswa; amanye amadoda aye asithethise athi sifanelwe ukuba semakhaya futhi kufanele sinakekele izingane. Ngaphandle kwaloko izinto zihamba kahle.

Q Uthini umyalezo wakho kubantu besifazane embonini yabadobi abadobela ukuziphilisa?

A Njengomuntu wesifazane ungameli emuva kufanele ukhumbule ukuthi umzabalazo uyaqhubeka; kufanele siqinisekise ukuthi siyabandakanywa kwinqubomgomo futhi sazi amalungelo ethu. Kufanele sifunde bese sibe nolwazi ngaloko okusithintayo.

Uhlelo lwePan african KuMandulo kowezi-2010 usihlalo we-Coastal Links uChristian Adams, endawonye noNaseegh Jaffer wakuMasifundise, baya emhlanganweni wongqongqoshe babadobi base-Afrika emazweni aseNtshonalanga ne-Afrika aseGambia ukuyomela abadobi be-Coastal Links. Eminye yemiphumela yalowo mhlangano kwaba wukuthi iNhlangano ye-Afrika yanikezwa umsebenzi wokuthuthukisa izincomo zenqubomgomo esathuthuka yohulumeni base-Afrika mayelana nokulawula ezokudoba.

INhlangano yase-Afrika iqale lenqubo ngonyaka odlule, ibe ithola uxhaso lwemali oluvela eBhange Lomhlaba, oludume kabi ngokududula izinqubomgomo ezicebisa amabhizinisi amakhulu bese zithathe izinhlanzi emiphakathini. IMasifundise/Coastal Links yamenywa ukuthi izibandakanye enqubweni, lapho esathola ukuthi iningi lababambiqhaza bayahambisana nohlelo lwe-ITQ noma loku abakubiza ‘nge-Wealth-based Fisheries’.

Wonke umdobi odobela ukuziphilisa eNingizimu Afrika uzwile ngomthelela othenana amandla walolu hlelo olwethulwe ngowezi 2005 ngaphansi kweNqubomgomo Yesikhathi Eside. Lushiye abantu bethu abaningi ababedoba kusukela emandulo bengasenayo indlela yokondla imindeni yabo.

“Njengengxenye yohlelo lwethu i-Pan African Programme, iMasifundise/Coastal Links izoqhubeka nokwenza konke okusemandleni ukulwisana nezinqubomgomo eziqhamuke neNhlangano ye-Afrika ezizobukela phansi amalungelo okudoba endabuko emiphakathi ezwenikazi,” kusho uJosh Cox, umdidiyeli wohlelo i-MDT’s Pan African Programme.

Ungezele wathi, “kuyinqubomgomo yabadobi abadobela ukuziphilisa esayilwela sonke ekufanele siyiphakamise njengesibonelo eNhlanganweni yase-Afrika, kanye namazwe emhlabeni wonke, esingalandelwa, hhayi izinqubomgomo ezeseka ‘ukugxavunwa-kolwandle’ kanye nokuphazanyiswa kwempilo”.

UkUxoxisana kUngUkhiye IMasifundise kanye ne-Coastal Links iqinisa imizamo yokuxoxisana ngaphakathi kanye nangaphandle.Umbiko wonyaka ushicilelwe ekuqaleni kwalonyaka bese wamukelwa amalunga kanye nababambiqhaza

ngentokozo.I-Fishers Net iyavuselelwa futhi kubhekisiswa kakhulu udaba lokusatshaliswa kwayo ngendlela esebenzayo.

Umsebenzi weMasifundise kanye ne-Coastal Links ike yaba undabuzekwayo kwabezindaba ezinyangeni ezidlule. Siyaqhubeka nokusebenzisa uhlelo lwethu olukhulu lwama-SMS futhi siqhubeke nokuxhumana ngocingo nabantu ezweni.

UNosipho Singiswa, wophiko Lwezokuxhumana ulawula okubhalwe emthobheni wezokuxhumana wokwakha ubungani futhi uqoqa izithombe ezivela ezweni lilonke, ezizosetshenziswa ekushicileleni kwethu okwahlukene ukuze akhe inqolobane..

“Sivakashele eDwesa-Cwebe kuNhlangulana futhi sihlele ukuvakashela izindawo eziningi ezweni,” kusho uSingiswa. Uthi, sifuna ukufunda emiphakathini, nokuqoqa ulwazi kanye nokuthatha izithombe ezindaweni ezisogweni ezahlukene.”

Uphiko Lwezokuxhumana luthuthukisa nezinsiza zalo ukuze lukwazi ukuthwebula amavidiyo. Umxhumanisi Wezokuxhumana eMasifundise uMansoor Jaffer ukholelwa ukuthi ukuxhumana ngendlela

enempumelelo kungaphakamisela umsebenzi we-MDT ne-CL emazingeni aphezulu. “Sinohlelo lokwenza uhlelo lokwenza loku,”kusho uJaffer. “Sidinga ukuzibandakanya kwamalungu kanye nabasebenzi kule nqubo”

IMasifundise iya phambiliIMasifundise Development Trust iloku isebenza kusukela ngeminyaka yezi-1980, futhi seyibhekane

nemboni yabadobi abadobela ukuziphilisa isikhathi esingaphezu kweminyaka elishumi.Inhloko yehhovisi nguMowbray. IMasifundise ineBhodi Lesikhwama, elinomqondisi kanye

namalungu alishumi nambili angabasebenzi.Ngezansi kufingqwe eminye yemisebenzi yeMasifundise yakamuva.

sixoxisana ngqo

Masifundise and Coastal Links members with small-scale fisher representatives from other African countries in Durban, 2011

Page 3: FishersNet · 2020-07-23 · Lolu cwecwe lukhishwa i-Masifundise and Coastal Links futhi lungumlomo wabadobi aba-dobela ukuziphilisa ezweni lilonke. LuyinkundIa yokwabelana ngolwazi

FishersNet Vol. 19 – July/August 20133

Izindawo Ezivikelwe Zasolwandle zinomthelela ongemuhle ezimpilweni zemiphakathi eyakhe kuzo, kusho umdobi odobela ukuziphilisa.

Lo kube umbono ekuvunyelwene ngawo oqubuke emhlanganweni wokufundisana obuseThekwini zingama-26 kuNhlangulana, lapho amalungu e-Coastal Links enza ucwaningo olunzulu ngokwahlukene okuthinta ama-MPAs.

Abamele imiphakathi ethintekayo elandelayo babekhona:INtshonalanga Koloni = i-Hout Bay, i-Langebaan, i-St Helena Bay, i-Arniston, i-KleinmondKZN = i-KoziBbay, iNibele, iHluhluwe, i-Richards

Bay, i-Nkundusi, iMaphelane (St Lucia Estuary), iMpumalanga Koloni: iHluleka, iDwesa – iCwebe, i-Port St Johns.

Umhlangano wokufundisana waphethwa ngokuthi kwamukelwe isifungo senhloso esabophezela i-Coastal Links ohlelweni lokuthatha izinyathelo onjongo yalo kungukubhekana nama-MPAs ukuze asize imiphakathi, angayilimazi.

isifUngo siqala kanje:

“Thina, malungu amagatsha e-Coastal Links avela emiphakathini ebhalwe ngezansi, sihlangane eThekwini mhla zingama-26 kuNhlangulana kowezi 2013, ukucubungula umthelela Wezindawo Ezivikelwe Ezisolwandle (MPAs) emiphakathini yethu yabadobi abadobela ukuziphilisa. Izimpilo zabantu abahla ngaphakathi noma abahlala ngaphesheya kwama-MPA zilimala kakhulu ngenxa yomthelela wazo.”Izithunywa zidalule loku okulandelayo ngohlelo lwama-MPA.1. Sibhekana nokuhlukunyezwa okuqhubekayo

okwenziwa abasemagunyeni ngezindlela ezinesihluku, ukulimaza kanye nokusiphuca impahla, ukuboshwa, ukukhokhiswa izinhlawulo zamacala obugebengu kanye nokuphoqeleka ukuba sisuke okuholela ekulahlekelweni abantu, izindlela zokuphila

zakudala, ukuhudulwa kwesithunzi sethu kanye namalungelo abantu.

2. Ukuphambana kwemibono okuqhubekayo phakathi kwemiphakathi, amakhosi, uhulumeni kanye nezimboni eziqokwe uhulumeni.

3. Ukungabandakanywa okungalungile kwemiphakathi yethu ekutholeni inzuzo kuma-MPAs, ekwenziweni ngcono kwezokudoba ngokusebenzisa imiklamo yokuthuthukisa ezomnotho zendawo njengezindlu zokulala abakhenkethi (ama-lodges) ekungezomphakathi kanye neminye imisebenzi yezokuvakasha

4. Ukungabandakanywa ngenhloso kwabadobi abadobela ukuziphilisa ezindaweni zokudoba eziphambili esike sadoba kuzo ngokomlando.

5. Imiphakathi ayibandakanywanga ngokuphelele esinqumweni sokuqoka lama-MPA.

Imiphakathi ikhishwe inyumbazane ngokuphelele esinqumweni sokubeka lezo zindawo njengezindawo eziyima-MPAs

Umhlangano wanquma ukuzibandakanya ohlelweni oluzobeka induku ebandla bese lwenze okucatshangisisiwe okuzoholela ekuguqulweni kokuhlelwa kwezindawo ezingama-MPAs ukuze:

• Kuvikeleke usikompilo lwabantu kanye namalungelo esintu emiphakathi edobayo ehlala phakathi kanye nehlala ngaphesheya kwama-MPAs;

• Ukuhlinzekela ngokuvikela nokulondoloza izindawo ezinemvelo kanye nezinsiza zemvelo eziphila khona;

• Ukuqinisekisa ukuthi ama-MPAs aqokwa ngokusebenzisa isayensi ephuma phambili kanye nolwazi lwendawo

• Ukuhlinzekela ngenqubo yokulawula ngokwentando yeningi oluzovumela imiphakathi ukuthi ibandakanywe ngokuphelele nangokunomqondo ekuthathweni kwazo zonke izinqumo eziwuthintayo;

• Ukuhlinzekela ngezindlela zokulawula ezihambisana futhi esifanele nesimo semiphakathi yendawo ethintekayo kanye nama-ecosystems;

• Ukuletha inzuzo yezomnotho wendawo emiphakathini ephila ngaphakathi noma ngaphasheya kwama-MPAs;

Sinquma ukuthi sizobiza imiphakathi yethu bese sisebenzise konke okukhona nezinsiza ukuze sixhumane nawo wonke amazinga kahulumeni

IzInDAbA zeCOAsTAL LInks

Amalungu e-Coastal Links KwaZulu Natali afuna incwadi ephuthumayo ephuma kwabasemagunyeni kwezokudoba ebakhululela ukuthi babe nemvume yokudayisa abakudobile.

Lolu daba kwaxoxwa ngalo emhlanganweni we-Coastal Link wesifundazwe owabajelwa e-La Mercy Ogwini oluseNyakatho ne-KZN ngomhla wezi-4 kuNtulikazi 2013.

Okungafani nokwenziwe kwezinye izindawo eNtshonalanga Koloni, e-KZN naseMpumalanga Koloni abadobi abadobela ukuziphilisa abavumelekile ukudayisa abakudobile, okubavimbayo ekungeniseni imali.

Abadobi base-KZN bakholelwa ukuthi amalungelo abo kanye nesithunzi sabo kuzovikeleka ngokubanikeza incwadi ebakhululayo. Bakholelwa ukuthi kufanele kwenziwe ngaleyo ndlela kuze kwenziwe ngokugcwele okubhalwe kwinqubomgomo yabadobi abadobela ukuziphilisa.

“Abasemagunyeni e-KZN babeke

imiphakathi yasogwini njengabadoba izinhlanzi ‘ngokumthetho’ kunokuba babuke iqiniso elisobala”, kusho uSam Masinga, osebenza kuMasifundise Kwazulu Natali.

Uthi abadobi, kwelinye icala, bakholelwa ukuthi baphucwa ithuba elibenza bakwazi ukuzondla nemindeni yabo.

Umhlangano uhlele ithimba elizobamba izingxoxo nabeZemvelo KZN Wildlife mayelana nokulawulwa kwezokudoba “okuchemile nokuphithene” esifundazweni.

Iqembu le-Coastal Links lizobandakanya abalimele abane abavela ekomidini lesifundazwe, amalungu amathathu e-Coastal Links SA kanye namalungu e-NGO amabili.

Ukhetho oluyikhethelo lwabanjwa ukuze kuvalwe isikhala sikaSihlalo kanye noNobhala, abanyusiwe ezikhundleni bangena eKomidini lesiGungu sikaZwelonke ngesikhathi kwethulwa i-Coastal Links yaseNingizimu Afrika e-Port Elizabeth kuLwezi ngonyaka odlule.

Ama-MPAs kufanele asize, angalimazi imiphakathi

abadobi base-kZn bafUna kUthathwe iZinyathelo

continued on page 5

Page 4: FishersNet · 2020-07-23 · Lolu cwecwe lukhishwa i-Masifundise and Coastal Links futhi lungumlomo wabadobi aba-dobela ukuziphilisa ezweni lilonke. LuyinkundIa yokwabelana ngolwazi

FishersNet Vol. 19 – July/August 2013 4

IDwesA- Cwebe

Ithimba lezokuxhumana leMasifundise kanye ne-Coastal Links livakashele endaweni yaseDwesa-Cwebe ekupheleni kukaNhlangulana, kubika uNosipho Singiswa.

IDwesa-Cwebe yindawo yamagugu esogwini futhi iyindawo evikelwe yasolwande (i-MPA) eNingizimu Afrika esiFundazweni saseMpumalanga Koloni. Kungama-175km enyakatho-mpumalanga ne-East London, le ndawo Elondoloziwe yahlukaniswe uMfula iMbashe. ICwebe itholakala empumalanga neMbashe, bese iDwesa yenabele eningizimu-ntshonalanga noMfula iNqabara. Sezindawonye, lezindawo ezimbili ezilondoloziwe zenabela endaweni ecishe ibe ngama-14 km ogu lwaseNingizimu Afrika e-Wild Coast, bese zenabele kumhlaba ongamakhilomitha amahlanu.

Inezintaba eziluhlaza, imigwaqo yobhuqu kanye nezindawo zasemakhaya ezisogwini, le ndawo igcwele izimbali ezihehayo, izihlahla kanye nemifula ejikelezayo. Abantu bakhona banomoya omuhle wokwamukela abanye abantu; babingelele uMcebisi, uMansoor kanye nami ngokumoyizela nentokozo.

Abahlali basehlathini laseDwesa-Cwebe basuswa ngendluzula emhlabeni wabo ngeminyaka yezinkulungwane ezili-18. Isimo sabo sisanda kuguquka, abahlali basemiphakathini eseduzane bebekwazi ukufinyelela ehlathini kanye nasezinsizeni zasogwini.

I-Mazzepa Bay eDwesa inesiqhingi esincane esixhumene nomhlaba ngebhuloho. Le bhuloho belisiza abadobi baseGcina ukuthi badobele kulo. Abantu bebedoba ngodobo olwakhiwe ngezinduku, ucingo kanye namatshe.

“ULwesithathu bekuwusuku lokwakha impahla yokudoba; okhokho bethu, babevame ukuthatha induku esihlahleni esibizwa ngokuthi uMthimkhulu ukuze bazakhele udobo” kusho uMnu Nondoda

Xhalisego, ilungu le-Coastal Links (CL). Uthi, abantu besifazane babephakamisa amatshe ukuze bathole izinkalakala zohlobo lwama-crayfish kanye nezimbaza. Abadobi babebamba ama-shrimps, ama-stamblers, ama-cob, ama-garrick kanye nama-abalone“.

Abadobi babedla baphinde badayise abakubambile, benze imali eyanele ukuze baziphilise. Bathi babengazibambi izinhlanzi ezisezincane, ngoba babazi ukuthi kufuneka zikhule ukuze zizale ezinye. “Sasazi ukuthi izizukulwane ezilandelayo zizodinga lezinsiza ukuze nazo ziziphilise,” kwengezela uSenesa Lawu naye oyilungu le-CL.

Ukungena ehlathini kwaphela mhla libiywa ekuqaleni kweminyaka yezi-1980, kulandela ukuqokwa kwehlathi njengendawo eyigugu i-Dwesa-Cwebe Nature Reserve okwenziwa uhulumeni waseTranskei ngowezi 1978. Ngowezi 2001, emuva kokulwisana, umphakathi ugcine uphumelele ekutholeni umhlaba ngaphansi kwenqubomgomo yokubuyisa umhlaba yaseNingizimu Afrika. Loku kubandakanya isivumelwano sokuthi

umhlaba uzolawulelwa ukulondoloza ezemvelo ngezizathu zezokuvakasha – okuchaza ukuthi ukungena komphakathi wasendaweni kunezithiyo futhi awuvumelekile ukuthi usebenzise izihlahla kanye nezinsisa zasolwandle.

Abadobi basemiphakathini waseHobeni (Indawo yasemakhaya ehlanganise ingxenye yendawo elondoloziwe yaseCwebe) babedoba eMfuleni iQorha kuze kube uMfula iNgqunqe. Abadobi kulendawo yasemakhaya ababamba izidlo zabo eMfuleni iWavecrest kuya kuMfula i-Great bathi babona ukuthi umhlaba wabo bawuphuciwe. Ngesikhathi kuqokwa indawo yabo yokudoba kuthiwa iyi-MPA, abazange babandakanywe enqubweni yokuthatha izinqumo, kukhalaza abantu abahlala kulendawo yasemakhaya.

“Ulwandle lwaluselapha, sasilala sisuthi, ukudoba kwakugcina abantu ikakhulukazi intsha imatasatasa,”kusho uVuyelwa Siyaleko. Uqhubeke wathi, “sekuyiminyaka eli-13 manje asivumelekile

Buyisela amalungelo abantu esintu

Abafazi ababili balinde abanye abahlali kulwandle lwaseHobeni

1. Abadobi abasuka eMazeppa Bay nabasebenzi beMasifundise, bahleli phezu kwamadwala ngaselwandle.2. UMcebisi Kraai, ngasekudla, ukhulumisana noNondoda Xhalisego, ongumgcinisihlalo weCoastal Links kulela.3. Mbuyisele Ncwanabani4+ 5. Amalunga eCoastal Links amabili acacisa amaphuzu emhlanganweni ongaphandle.

Page 5: FishersNet · 2020-07-23 · Lolu cwecwe lukhishwa i-Masifundise and Coastal Links futhi lungumlomo wabadobi aba-dobela ukuziphilisa ezweni lilonke. LuyinkundIa yokwabelana ngolwazi

FishersNet Vol. 19 – July/August 20135

Ziyini iZindawo eZivikelwe ZasolwandleIzindawo Ezivikelwe Zasolwandle ziyizifunda lapho imisebenzi yabantu ibekelwe izithiyo ngenhloso yokulondoloza imvelo, izindawo ezizizungezile kanye nama-ecosystems, kanye nezinsiza zendabuko noma zomlando ezingadinga ukulondolozwa noma ukulawulwa.

Emhlabeni wonkana, izilwandle zisencupheni ngenxa yezenzo ezinjengokuvukuza, izilwane noma izitshalo ezingezona ezemvelo kulezo zindawo, ukungcola, izikebhe, ukuthuthukiswa kogu, ukudoba ngokweqile kanye nezokuvakasha ezingalawulwa.

Kusukela ngowezi 2010, umhlaba wasingatha ama-MPA angaphezu kwezi-5,880, okungama-1.17% ezilwandle zomhlaba.

I-MPA yokuqala eNingizimu Afrika yabekwa ngowezi-1964. ENingizimu Afrika kunama-MPA angama-21 abhaliswe ngokomthetho kazwelonke – uMthetho i-Marine Living Resources Act No. 18 of 1998 (MLRA).

Ama-MPA ayisishiyagalombili kulawa angama-21 ayizindawo “ekungathathwa lutho ngokuphelele kuzo”. Loku kuchaza ukuthi zonke izinhlobo zokuxhaphaza azivunyelwe kanti nemisebenzi yabantu inomkhawulo omkhulu.

UMthetho i-MLRA unohlu lwezinjongo ezintathu zama-MPA ezingengokuthi (1) ukuvikela impilo yasolwandle, (2) ukufakwa kwabalawuli kwezokudoba kanye (3) nokwehlisa ukushayisana-kwabasebenzisi.

IMasifundise kanye ne-Coastal Links ivumelane nombono wama-MPA kodwa ikholelwa ukuthi indlela owenziwa ngayo uthikameze izimpilo zabantu basemphakathini wabadobi kakhulu.

Source: http://www.wwf.org.za/what_we_do/marine/mpas/

continued from page 3

PROfILes

ukungena (ngokukhululeka) sidobe kulezindawo ezilondoloziwe. Indawo esivumeleke ukudoba kuyo ingama-30km uma usuka emakhaya”.

Ayikho enye indlela yokuya khona ngaphandle kokuhamba ngezinyawo futhi yize noma bebamba, abavumelekile ukudayisa. “Abadobi abadobela ukuziphilisa abaphethwe ngendlela efanele, uhulumeni akasihlinzekeli ngezidingo ngqangi futhi manje sebesinqande ekungeneni ezinsizeni esaziphiwa uNkulunkulu wethu,” kukhalaza uMadiliza Mbava.

Izindawo ezilondoloziwe (ngaphambi kokuba ziqokwe njengama-MPA) zaziheha izivakashi, ezazizodoba.

Loku kwakusiza umphakathi wasemakhaya ngokuthi uthole amakhasimende ayethenga imisebenzi yayo yobuhlalu, izingubo zokugqoka kanye naloko okudotshiwe. “Umuntu wayecishe enze izi-R1 000 ngosuku ngokudayisa okudotshiwe, manje asisatholi lutho” kuphawula uNowande Silo wasendaweni yaseCwebe.

Kubiza amarandi alishumi ukuze ungene kule ndawo eyigugu bese kusinde kumuntu ongaholi ndawo. Abanye abantu bakulendawo yasemakhaya bangena ngokungekho emthethweni endaweni elondoloziwe. Bafika ebusuku ukuze bathole ukudla abazokudla ngakusasa. Uma besenhlanhleni, bakwazi ukuphuma kulendawo elondoloziwe bengabanjwanga.

Uma ubanjwe udoba ngokungekho emthethweni kwi-MPA, ungahlawuliswa izi-R5 000 noma ngaphezulu ngokuphula Isigaba 43 soMthetho 14 sesigatshana 2 soMthetho i-Marine Living Resource Act.

UMnu Malibongwe Gongqose seboshwe kabili ngokudoba ngokungemthetho eCwebe Reserve. Wabekwa icala bese walahlwa ngalo kanye namanye amalungu omuphakathi eNkantolo yeMantshi e-Elliotdale.

Imantshi yase-Elliotdale uGreg Nel owabalahla ngecala, wathi ukuvinjwa komphakathi ukuthi udobe endaweni elondoloziwe yasolwandle “kungukuphucwa amalungelo esintu emiphakathi yaseDwesa benaseCweza ngokuphelele ukuze ukwazi ukuqhuba amasiko ayo kuleyo ndawo”.

Sisalula izinyawo ogwini laseCwebe Reserve namanye amalungu omphakathi waseHobeni, bekubhalwe ebusweni ukuthi ayakukhumbula ukuzodoba la. Asikhombise amadwala lapho abantu besifazane babethola khona izinkalankala ama-crayfish bese akhomba lapho abadobayo ababema khona. Izindaba zokuthi izinyanga noma izangoma zazigula ngoba zingakwazi ukufinyelela olwandle ezitshelwe ukuthi aziye kulo. “Sekuyisikhathi eside sagcina ukuthola amawele endaweni ngoba asikwazi ukufinyelela olwandle lwethu” kukhalaza uMadiliza Mbawa. Wengezele wathi, “sasiphuza amanzi ukuze sizihlanze”.

I-CL eNingizimu Afrika iyatholakala ezindaweni zasemakhaya ezinjengaseGcina, eHobeni naseCwebe. “Okubaluleke kakhulu kuMasifundise ne-CL kulendawo ukumela

abadobi abathintekayo ngokuvalwa kokungena eDwesa-Cwebe Reserve. Uma sesifeze lomgomo, singakwazi ukusiza abadobi ukuthi badayise abakubambile bese baqale amabhizinisi ngokuhlanganyela okuzobasiza babe nemali engenayo ezinzile” kubeka uMcebisi Kraai, Umsebenzi Wokuthuthukisa Umphakathi weMasifundise eMpumalanga Koloni.

Buyisela amalungelo abantu esintu kanye nezimboni ezixhaswe uhulumeni ukuze siphumelele kuloku okungaphezulu kanye nokuba nemithetho nenqubomgomo ehambisana nako.

“Besiqala ukuba nesigungu sama-MPA,” kusho uNico Waldeck, Umsebenzi Wezokuthuthukisa Umphakathi eNtshonalanga Koloni we-MDT.

Uthe, “imiphakathi edobayo iveze ukuphatheka kabi kwayo ngokususwa ezindaweni zokudoba, iphucwa isinkwa sayo semihla ngemihla.

“Imisebenzi yethu njenge-MDT incike ekufundiseni abadobi. Uqhubeke wathi, “sidinga ukufundisa imiphakathi ehlukene umthetho othinta ama-MPA njengoba ekhalaza ngokuthi amagama abhalwe emiqulweni abathwalisa kanzima.

Phezu kwaloko siyazibophezela, ezimweni ezithize, ukuzibandakanya ezinhlelweni zokuxazulula ukungaboni ngaso linye okuthinta ama-MPA phakathi kwamanye sibala i-Kosi Bay kanye neDwesa-Cwebe.

Umhlangano wokufundisana uthathe izinqumo ezilandelayo:• Ukwakha ikhomishana langaphakathi elizosebenza njengeqembu

eliyinkomba, elizomelwa umuntu oyedwa esifundazweni ngasinye• Ukubhala imininingwane yomuphakathi we-MPA ngayinye

kushicilelwe• Ukuqoqa lonke ulwazi nemininingwane ngama-MPA• Ukuthuthukisa nokwazisa imiphakathi ngokungaphezulu• Ukuthumela imemorandamu kuhulumeni sicela ushintsho• Ukubamba imihlangano yokufundisana ezifundazweni ukuze

kuthuthukiswe imigomo yoguquko kazwelonke • Ukusingatha inkomfa kazwelonke ukuze siqalise esikuhlongozayo

UMalibongwe Gongqose usibonisa ibanga lweMarine Protected Area (Indawo yolwandle evikelweyo)

Page 6: FishersNet · 2020-07-23 · Lolu cwecwe lukhishwa i-Masifundise and Coastal Links futhi lungumlomo wabadobi aba-dobela ukuziphilisa ezweni lilonke. LuyinkundIa yokwabelana ngolwazi

FishersNet Vol. 19 – July/August 2013 6

AbADObI AbADObeLA ukuzIPhILIsA

Ohambweni lwethu lwesibili lasemadolobheni asogwini, sibone iKosi Bay, etholakala ogwini olusenyakatho KwaZulu Natali, okungamakhilomitha ambalwa uma usuka emngceleni waseMozambique.Ohambweni lwethu lwesibili lasemadolobheni asogwini, sibone iKosi Bay, etholakala ogwini olusenyakatho KwaZulu Natali, okungamakhilomitha ambalwa uma usuka emngceleni waseMozambique.IKosi Bay ihlanganisa iziziba ezine ezixhumene endaweni yaseMaputaland KwaZulu Natali, eNingizimu Afrika.Leziziba zakha ingxenye yeSimangaliso Wetland Park, okuyindawo eyigugu i-UNESCO World Heritage Site. Idolobha eliseduzane kakhulu iManguzi, esendaweni engamakhilomitha ali-13 uma usuka kuyo. Ichweba laseKosi Bay likude ngamakhilomitha ama-2 nomngcele waseMozambique. Kungahambeka ngezinyawo usuka echwebeni uya e-Ponta do Ouro esikhathini esingangehora noma ngaphezudlwana. Lingolunye ulwandle oluthule eNingizimu Afrika. Kulendawo kufinyeleleka ngezinyawo, ngehhashi noma ngemoto yohlobo lwe-4X4 kuphela ngakho luvikelekile ezivakashini eziningi kanye nasekungeneni kwabantu ngokungemthetho. Ingxenye esenyakatho yeMaputaland, ayinawo ugesi namanzi. Lapha ungakwazi ukuzwa “impilo yangempela” yamasiko ase-Afrika engenamthelela womhlaba wesimanje noma izimboni. “Igama ledolobha iManguzi kube i-Threlfall ingenye nje indawo kolunye ukhalo. Igama elisemthethweni elithi KwaNgwanase kube i-Threlfall iseKosi Bay emngceleni. I-Threlfall iyindawo yami yomphakathi

odobayo etholakala ngqo emngceleni kanye nasechwebeni” kuchaza uSam Masinga, umsebenzi we-MDT.IKosi Bay, iManguzi, eManguzi, KwaNgwanase wonke lamagama amagama endawo eyodwa. IManguzi ingumphakathi owafudukela kulendawo bese igama elithi KwaNgwanase kube yigama lesifunda. Kunezinto ezahlukene ezingenziwa eKosi Bay –ukukhwela izintaba, ukutshuza emanzini ukubukela imikhome, ukudoba, ukugibela izikebhe. IMasifundise ikhona eKosi Bay isebenzisana nabadobi baseNtlangweni, amalungu e-CL kuleyo ndawo anosihlalo onguMnu Themba Mkhonto.“Sisebenzisa onoxhaka bezinhlanzi esikhundleni samanethi” kusho uMnu Mkhonto, “inhlanzi encane ingangena kunoxhaka kodwa uma sekubanjwa enkulu iyakwazi ukuphunyuka, asiqondile ukubamba izinhlanzi ezincane vele, inhloso yethu ukubamba izinhlanzi ezifana ne-King fish” esho engezela.IKosi Mouth yaziwa ngokuthi “i-the aquarium” ngenxa yokucaca kwamanzi kanye nokwanda kwezinhlanzi ezinhlobonhlobo. Izinyoni ezinhlobonhlobo ezifana naManqe, Izikhova, Izindwandwe, kanye noNongolozo. Impunzi,

imvubu, izingwenya kanye noShaka kuyatholakala. Izimfudu zasolwandle zibekela amaqanda azo olwandle. I-Bay yaziwa ngobuningi boShaka. Labo shaka endaweni baziwa ngokuthi iZambesi.Usundu lwaseKosi lwaziwa ngokuba neqabunga elikhulukazi ezitshalweni. Palm has the largest leaf of any plant. Izitshalo noma imvulo etholakala ezindaweni ezikhethekile ezikhona zibandakanya i-Kosi Cycad kanye ne-Kosi Fern. Lendawo ingenye kwezimbalwa emhlabeni ekutholakala kuzo uhlobo oluhlanu lwezihlahla zoMhlume endaweni eyodwa. IKosi Bay idume ngonoxhaka bendabuko bezihlanzi abakhelwe izinhlanzi ezingena ziphuma echwebeni ngokulawulwa amagagasi.Izindawo Zokuvakasha ezidumile nezokuhehayo kubandakanya izindawo ezinjengeSiziba saseKosi Bay, IKosi Mouth, iBhanga Nek, i-Rocktail Bay, i-Black Rock, Isiziba iSibaya, kanye neMabibi.

Imithombo yolwazi:

kositourism.co.za/ en.wikipedia.org/wiki/Kosi_Bay Mr Themba Mkhonto http://www.maputaland.net/ Mr Sam Masinga

Impilo yamasiko e-Kosi Bay

Eminyakeni eminingi, sikhankase ndawonye sikhankasela inqubomgomo yabadobi abadobela ukuziphilisa. Saya enkantolo, sabhikisha, sakhuluma nohulumeni.

Ngonyaka odlule enyangeni kaNhlangulana, iKhabinethi lagcina selamukele inqubomgomo engaletha uguquko oluhle ezimbilweni zabadobi abadoba ngezandla ezweni lilonke.

Inzuzo yenqubomgome entsha ibandakanya okulandelayo:

• Ukwaziswa ngokusemthethweni kwemiphakathi edobela ukuziphilisa

• Isinyathelo sokuthola amalungelo ahlanganyelwe okudoba, asuka ezinhlelweni zabantu abazimele ezingabandakanyi abantu

• Ukwabiwa ngezindawo ekungadotshwa kuzo ekuzoba ngezabadobi abadobela ukuziphilisa, lapho bezokwazi ukudoba izilwane ezahlukahlukene onyakeni uwonke. Ithuba lokungenisa imali yokuziphilisa

lizobe seligqugquzeleka. Izinkampani ezinkulu e z i n a m a b h i z i n i s i o k u d o b a azizukuvunyelwa kulezi zindawo.

• U k u l a w u l w a ngokuhlanganye la kwezinsinzisa zasemanzini okungcono nokugcinekayo.

amalUngelo ahlanganyelwe

Loku kuzoqukatha indlela entsha egqugquzela ukusebenzisana esikhundleni sokuthi abadobi bancintisane. “Amalungelo Ahlanganyelwe mahle ngoba azozuzisa umphakathi uwonke esikhundleni sabantu abambalwa nje – yindlela yokuthuthukisa umphakathi ngokugqugquzela imiphakathi ukuthi isebenzisane kunokuba isebenze ngayodwana”

kuphawule uSithembiso Gwaza,umdidiyeli womklamo i-MDT Project coordinator.Kuze kube yimanje, kusasetshenziswe indlela ebizwa ngokuthi i-Individual Transferable Quotas (ITQs). Lolu hlelo lunezinkinga eziningi.

• Abafakizicelo abangamaphesenti amancane (cishe 10%) kuphela abakwazi ukuthola i-ITQ’s. Ama-700 abafakizicelo abayizi-7 000 abaphumelela ngowezi-2004.

• Abafakizicelo abasha emakethe badayisa abadlali esebezinzile ama-quotas. Loku

continued on page 8

amalUngelo ahlanganyelwe ayisigxathU elikhUlU eliya Phambili

Izenzo zengcupho lwentlanzi zenzwa ng’Amangwane eKosi Bay. Abantwana badlala emanzini eKosi Bay.

Amalunga eCoastal Links kumele asebenzisane ndawonye namalunga amatsha

Page 7: FishersNet · 2020-07-23 · Lolu cwecwe lukhishwa i-Masifundise and Coastal Links futhi lungumlomo wabadobi aba-dobela ukuziphilisa ezweni lilonke. LuyinkundIa yokwabelana ngolwazi

FishersNet Vol. 19 – July/August 20137

OPOPAyI

Page 8: FishersNet · 2020-07-23 · Lolu cwecwe lukhishwa i-Masifundise and Coastal Links futhi lungumlomo wabadobi aba-dobela ukuziphilisa ezweni lilonke. LuyinkundIa yokwabelana ngolwazi

FishersNet Vol. 19 – July/August 2013 8

Amaqiniso ambalwa ezokudoba:• Uhlobo lwezilwane ezidayiswayo (izinhlanzi),

njenge-Hake kanye ne-West Coast rock lobster, zingenisa ama-80% kwezomnotho embonini yezokudoba eNingizimu Afrika. (Umthombo: Stats SA, Fisheries Account for South Africa: 1990 – 2010).

• Kusukela ebufakazini bocwaningo ngempilo yabantu kanye nomlando odluliswe ngomlomo wokudoba izinsiza eziphila emanzini. Isibonelo, ezindaweni ezithize ogwini laKwaZulu-Natal izinsiza ezivela ngenxa yokukhishwa amagagasi amakhulu sezineminyaka eyizi-100 000 zaqala ukudotshwa. Umthombo: Policy for the small scale fisheries in South Africa 20 June 2012).

• EKenya cishe ama-6% abantu besifazane ababandakanyeka ekubeni ngabanikazi bezikebhe. Ubunikazi bemikhumbi kanye

nempahla yokudoba kubantu besifazane kuzezingeni eliphezulu kakhulu emazweni amaningi eNtshonalanga ne-Afrika. Abantu besifazane bayabandakanyeka ngqo ekutholeni izinsiza zokudoba, njengase e-DRC lapho abadobi bamanethi abaningi bengabantu besifazane abanye banikezela ngemalimboleko kubadobi (Umthombo: Masifundise Development Trust AU-IBAR assessment report on small scale fishers in Africa).

• Isifunda esiseNingizimu ne-Afrika sigxabalazela izilwandle ezintathu: i-Atlantic, i-Indian kanye nezilwandle eziseNingizimu. Isifunda sinesibalo esiphelele samazwe asogwini ayisishiyagalombili: i-Angola, i-Democratic Republic of Congo, i-Mauritius, i-Mozambique, i-Namibia, i-Seychelles, iNingizimu Afrika kanye ne-Tanzania (Umthombo: Fisheries: Facts and Trends South Africa, WWF Report 2011).

continued from page 6

FUnny BUsInessUgeorge waya kodoba, kodwa wagcina engabamban-ga ngisho eyokubika le inhlanzi. Esebuyela enkanjini, wadlula esitolo esidayisa izinhlanzi. Ngifuna ukuthenga izinhlanzi, esho kumnikazi wesitolo. Kodwa esikhun-dleni sokuzifaka esikhwameni, ngicela ungiphonsele zona. Ngikwenzeleni loko? Kubuza umnikazi wesi-tolo. Ukuze ngikwazi ukutshela bonke abantu ukuthi ngibambe izinhlanzi ezintathu!

http://jokes.smashits.com/view-4918-george_went_fishing_but_at_the_end_of_the_day_he_h.html

Umdobi uzakhela imali enjani? Inzuzo yamanethiKungani izinhlanzi zikhaliphile kunabantu? Wake wayibona inhlanzi ichitha umcebo izama ukubamba umuntu?Kungani amahlengethwa ekhaliphile kunabantu? Emahoreni ama-3 angaqeqesha umuntu ukuthi ame eceleni komfula bese aliphe izinhlanzi!Why are some fish at the bottom of the ocean?Because they dropped out of school

http://www.photosbykev.com/wordpress/2009/05/17/fish-jokes/

Published by: Coastal Links and Masifundise Development Trust: Email: [email protected] Station Road, Mowbray, Cape Town 7700 • Tel: 021 685 4549 • Fax: 021 685 3816

D E V E L O P M E N T T R U S T

MASIFUNDISE

kuphambana noguquko oluphelele nolungenasici embonini.

• Amalungu omphakathi kanye nemindeni yawo kufuneka bancintisane kunokuba basebenzisane.

Indlela yamalungelo okuhlanganyela, kwelinye icala, ifuna ukusebenzisana kunokuncintisana. Amalunga omphakathi kuzodingeka ukuthi abhalise njengeqembu. “Ukubhalisa njengeqembu kuzobeka imiphakathi edobayo emathubeni okufinyelela emalini yokuqala ibhizinisi abangathenga ngayo impahla yokusebenza engcono, impahla yokudoba kanye nezindawo zokugcina impahla” kuchaza uMandla Gqamlana we-MDT. “Bangakwazi (fisher folk) ukusebenzisa amandla abo ahlanganyele ukuze bafinyelele

emananini angcono kanye nezimakethe.”Uma sebeqale ibhizinisi elisemthethweni (noma ngabe uhlobo luni), amalungu azoba sethubeni lokuthola i-UIF, ukungena kuma-medical schemes baphinde bazuze ezinhlelweni zokuqeqeshela amakhono.

collective rights

Amalunga eCoastal Links ahlangana ku-workshop eMpumalanga-Kapa (kwaXhosa)

free my soUlFree my soul free my soulAnd I say free my soul From dirty evil policies That came along with 1913 Land act

Yes free my soul When the white man came Yes the white man came They came here to destroy they came here to divide Yes they came here to exploit Through you 1913 Land act

From Makana Municipality to Ndlambe And from Ndlambe to Sundays River And from Gamtoos to Nelson Mandela MetroMawubuye umhlaba wethu

Our dignity, yes land is our dignity Land is life 1913 Land act is gone No it is going Yes it is still to be going Free my soul

Regional movements are to give birth to the National momentSo as to make the voiceless voices of IlizwiLamafama to be heardYes let us Educate - MasifundeIt is aimed at giving back their dignity The dignities that will make them shout loudly and say siyazakha because we can feed the whole nation.

You 1913 Land act your are the coward You are the destroyer and the exploiter You are the ragamuffinYou came here to bring along farm evictions You managed to use our land as a commodity for capitalists to gain You are the killer of our culture Free my soul and I say free my soul

by gerald mkele 03 June 2013

Gerald Mkele composed and presented this poem at a Public Meeting in Grahamstown commemorating the 1913 land act.

Gerald passed away on 6 July 2013, a month after he delivered this poem.