8
SINIFISELA UKHISIMUSI OMUHLE NONCIBIJANE ONENTOKOZO

Umldec20p00

Embed Size (px)

DESCRIPTION

 

Citation preview

Page 1: Umldec20p00

SINIFISELA UKHISIMUSI OMUHLE

NONCIBIJANE ONENTOKOZO

Page 2: Umldec20p00

2 IZINDABA Umlazi Eyethu- 20 December 2013

ISIMO SEZULU IZINKANYEZIThursday, 19 December 2013Min 18°C Max 27°C

Weather Clear skies Wind E

Friday, 20 December 2013Min 20°C Max 23°C

Weather Clear skies Wind E

Saturday, 21 December 2013Min 22°C Max 27°C

Weather Clear skies Wind NE

Sunday, 22 December 2013Min 19°C Max 30°C

Weather Showers Wind S

Aries Uzokwazi ukulandela amaphupho akho. Uyakwazi ukufunda kabanzi ngezinto ezibaluleke kuwe kodwa uyehluleka ukulalela izingxoxo ezinga-kuthokozisi nezikuchithela isikhathi. Uyashesha ukuphendula futhi uhlale uzimisele ngokusiza.

Taurus Uzokwazi ukuxhumana kabusha nabangani bakudala nomndeni. An-geke ube nankinga ukuthola isikhathi sabanye. Kuzomele uhlele, uchithe isikhathi nabantu abanezinhlelo ezifana nezakho. Sebenzisa umdlandla wakho ukwenza imali. Ukungaboni ngaso linye nabangani bakho kuzok-wenza niqhelelane.

GeminiUzozinikela kothanda ukukwenza kulelisonto, noma ngabe yini, onentshisekelo kukho uzokwenza ngendlela. Hlela kahle ngaphambi kokuba wenze njengoba kusazothatha isikhathi sokuba uphothule izinhlelo zakho kodwa wena unemicabango ezokufinyelelisa empumelelweni. Ku-

zomele ulinde ukuze uvune izithelo. Cancer Uzofuna ukushaywa umoya nje kan-cane ukwazi nokuzithokozisa. Qin-isekisa ukuthi ubhekisisa lonke ulwazi oludingayo, uzokuthola ukwetuswa okufunayo. Kuzomele ube neqiniso, labo obakhathalele bazi ukuthi uzizwa kanjani ngabo. Ezimalini akukho kubi kodwa kubukeka unezinkinga ezibhekene nomphefumulo.

Leo Uzokwenza umehluko, ukwazi uku-lalela wazi ngezinkinga ezibhekene nomndeni. Isipiliyoni sakho nolwazi sizokwenza izinto zibuyele esimweni. Uzokwenza ukuthi baqwashiseke bakwazi nokubhekana nezingqinamba zansuku-zonke. Ungakwazi ukuheha abanye ukuba basize. Kumele ubheke izidingo zakho zangasese ngaphambi kokubheka ezomsebenzi.

Virgo Uzobona ukuthi ungena kuphi. Abanye bazimisele ukunqoba, wena kodwa ufuna ukuba nendawo ok-

wazi ukungena kuyo zikhathi zonke. Akudingeki okuningi ukukukhum-buza ukuzizwa unenhlanhla. Kumele ubhekisise yonke into oyenzayo usebenzise nolwazi onalo.

Libra Uzoqaphela ezindabeni zezi-mali. Uzokuba nomdlandla futhi ube nguwena uqobo. Ukuhlela kwakho kungenzeka kuhambelane nesikhathi, izinto zizohamba kahle. Izingxoxo zizoshintsha zibe ngezinohlonze. Ukusebenza kwakho kungaba ngoku-zodonsa amehlo abathile abazokusiza ezinhlelweni zakho zakusasa.

Scorpio Uzokwazi ukubona okumele ukwenze ukwazi nokubhekana nez-ingqinamba. Ukuzivikela kubaluleke ngempela kuwena. Uma usuvikelekile uzokwazi ukukhululeka. Ukubambisa-na nabanye kungakufakela ingcindezi ngokwedlulele. Yiba nesineke ukwazi nokuzimela.

Sagittarius Uzokwazi ukusebenzisana nabanye

wakhe nobungani. Uzokuthola amathuba amabhizinisi. Zama ukusebenza ngokulindelekile ukwazi nokulekelela ozakwenu.

Capricorn Uzokwazi ukuthi ungubani futhi ulibangisephi. Uma uxakeka cela usizo kubangani nasezihlobeni. Ukusiza abanye kungaba nomvuzo kuwe. Izindaba ezithintene nezimali kungenzeka zigcine sezikunenga.

Aquarius Uzokujabula ngenxa yempilo yakho yangasese neyomsebenzi. Uzokuba nentshisekelo. Izinhlelo zakho zenze zikusebenzele. Uzokwazi ukuz-ithuthukisa ngokwezimali, ukwazi nokuziqonda wena uqobo.

Pisces Uzokwazi ukusiza abanye ngesikhathi bebhekene nobunzima emphe-fumulweni. Izinkinga zasekhaya zingakufakela ingcindezi. Yenza okumele ukwenze, akekho ozofuna ukulibele ekufaka imibuzo ngolwazi nangamakhono akho.

Cell: 078 300 4074

EYETHUINSTHONALANGA

EYETHUINSTHONALANGA

Uma unenkinga yokungalitholi iphepha

shayela lenombolo yamahhala :

0800 4444 66

031 716 4532

115 Escom Road, New Germany, 3610

Cell: 084 297 2015031 716 4444

Tsepiso [email protected]

Sabelo [email protected]

BAVEZA UVO NGEVIKI LOKUZILELA UMANDELA

Amanda Mntambo (25) wakwa W: Bekungamele abantu bahhahhamele umongameli Zuma enkonzweni yomngcwabo ngeledlule ngoba kwehlisa isithunzi. Ngithi alilale ngokuthula iqhawe lesizwe ukulwile ukulwa okuhle kwezwe asaphila.

Bhekani Malimela kwa Q: Ubebalulekile kuthina ngoba walilwela lelilizwe. Ubemuhle kakhulu umngcwabo wakhe futhi sijabulile ukuthi nabaholi bamanye amazwe bebekhona kusho ukuthi lokhu ebesikubona kuye nabo bebekubona.

Nkosinathi Ntombela kwa Q: Bafunde lukukhulu abantu kuMandela futhi ubengumholi oqotho futhi osifundise uxolo. Yize noma besingeke simubone sonke kodwa abamubonile bamubonele thina sonke. Ubeyimbali eqotho kuthina sonke.

Fezile Hlongwa (14) kwa K: Mina ngibona ukuthi azanelanga izinsuku ebezibekelwe ukubona uMandela ngoba abantu baningi. Ngibonga ukuthi ungcwatshelwe kubo eQunu ngoba nomphefumulo wakhe uzolala ngokuthula.

Feroza Khuzwayo (33) kwa L: Halala Tata uyibekile induku ebandla futhi ube isibonelo emhlabeni jikelele ngabe asinayo lenkululeko esinayo ngaphandle kwakho. Phumula ngokuthula Tata.

Ningi Mndaweni (29) kwa C: Akungiphathanga kahle ukuhhahhamezwa kukamongameli wezwe ngoba kwehlisa yena isithunzi futhi kwakhombisa izivakashi ukuthi asibumbene. Njengoba uMandela esehambile thina asiqhubeke lapho egcine khona.

Dj Oros Langa wakwa R noLerato Manyana wakwa BB: Ufi hlwe ngesizotha uDkt Nelson Mandela futhi bekuqala e-Afrika ukuthi kube nomngcwabo omkhulukazi kanje. Siyamthanda futhi siyohlala simkhumbula ngoba ubeyisibonelo esihle emhlabeni wonke.

OSOLWA NGELOKUDLWENGULA USENGENE KOLUNYE UBISHI

_______________________Sabelo Ngema

UPHINDE wavela enkantolo yaseMlazi ngoLwesibili umsolwa wakwaShembe uMnuz Sipho Khumalo (47) ngecala lokusabisa umakhelwane wakhe ngemumva kokuvulelwa icala lokudlwengula ingane ena 11.

Lomlisa owanikwa yimantshi imiyalelo yokuthi angasondelani eduze nommangali kuthiwa uhlulekile ukuzibamba waphula umthetho.

Sekuqubuke nezinkulumo zokuthi kukhona iphoyisa elifuna ukuthenga umuzi wakhe uKhumalo, owashiswa amalunga omphakathi owawudinwe ugane unwabu ezakhiweni ePeace Ville kwa V ngenyanga endlule.

Unina wengane aphinde abengumakhelwane oyisihlobo sikaKhumalo uthi kwakungafanele athole ibheyili umsolwa.

''Uyinkinga ngoba uhambe esongela abantu kodwa inkantolo yamyalela ukuthi engaphazamisi ofakazi, okuyingane nomphakathi, futhi engasondeli eduze kwabo, kukhona abambonile la komakhelwane. ''

Omakhelwane bathi kukhona okushaya amanzi nakuwona amaphoyisa ngoba sebedayiselana umuzi esaboshiwe. Amacala aphela sekunje kuthiwa kulahleke idokodo kanti sekukhona ubushompeshompe ngaphakathi.

Umsolwa uzophinde avele enkantolo ngo 17 Januwari ngonyaka ozayo.

Sebuphelile ubuhlobo phakathi kukaMnuz Maxwell “Ngcwangule” Mvuyo (51) (osesithombeni) benoMnuz Sipho Khumalo (47) abangomakhelwane kwa V ezakhiweni iPeace Ville. Isithombe: Sabelo Ngema

BATHATHA ISICOCO NO R10 000 ABE-COASTAL KZN

Basithathile isicoco seligi abafana be-Coastal KZN abadlala kuStream A ezinkundleni zemidlalo eGlebe bagoduka no-R10 000 beqeda benamaphuzu angu 71

behleli esicongweni kanti futhi kulona iqembu kuphinde kwatonyulwa umdlali wonyaka kulo iqembu ngeledlule.

Isithombe: Handsome Ncayiyane

Sales Consultant Thobile Blose

[email protected]:031 716 4541

Fax: 031 716 4532Cell: 079 227 8383

Page 3: Umldec20p00
Page 4: Umldec20p00

4 IZINDABA Umlazi Eyethu- 20 December 2013

LALA NGOXOLO TATA WESIZWE

UMBHEDE WAKHO UNGAKUHLABI

NGODECEMBERINGOSI YODUMO KANOMVULANomvula Ntuli

INGOSI

KANSIZWAZIYAMPANSA

Ncamisile Gumede

SAKHALA isizweLilele iQhawe Umbuzo

esizibuza wona sonkeuthi Engabe sizwe sakithi

sizobanjani?Engabe iQhawe elisenzele

konaElakulwela Kanzima

soqhubeka yini sikukhumbule sikuhloniphe?

Engabe kuzokwenzakalani na?Whhhhhoooo hhhheeeee!!!Engabe ukube

awuhlukumezekanga ngenxa yokunika thina inkululeko ngabe impilo yakho yabanjani na?

Siyakhala isizweBayakhala abazali

abanezingane ezincane ezizokhula ebunzimeni

balelizwe!Asethembe inkululeko

yethu awuhambile nayo!Asethembe uzoba

yidlozi lesizweLala Qhawe usebenzileLala Madiba Ugulile

ngabe siyaganga uma singathi ukufa kukuzumile!

Besinethemba kona lokuthi INkosi yokugcina!

Kodwa ke

besizikhohlisaAkufi abanezono kuphelaKepha sonke siphila ngenxa

kaNkulunkuluSibonga ubukhona bakho

Yonke leminyaka Usebenzile!!!Ohhhhhe sengidabukela

abangabanga nethuba lokukwazi nokwazi ngemisebenzi yakho!!

Kungcono ukuthi uNkulunkulu usiphuce wena

Wasishiya nozohamba ezinyathelweni zakho

Kodwa lutho abaholi bethu bayasixova isizwe!!

Kubona kuhamba phambili imali kunokuhola isizwe

Asiphelele amaQhawe Uhambe nakho konke .

Uqhubeke usibheke Indoda obuyiyo sinethemba lokuthi uzofi ka uhlale kwesobukhosi isihlalo ngoba sikufanele .

Qhubeka nomsebenzi wakhoVula abaholi bethu imiqondoBahlakaniphise Ubaqede unya

nomona!!Lala ngokuthula Qhawe!INkosi Mayikuphe

ukuphumula kwafuthi,nokukhanya kwaphakade

kukukhanyeleuphumule ngobuhle. Amen# Ziyampansa LaPoetsohlangana kufacebook

Ncamisile Zinsizwaziyampansa Zinsizwaziyamubanga Gumede

Ncamisile Precious Gumede

NGOKUKHULU ukuzithoba ngicela ukuthatha leli thuba ngibonge uNkulunkulu ngokungipha ithuba ngibe ingxenye yezimpilo zenu. Kumina kuyintobeko ukuba nani.

Ngibonge bonke abangisekela bangilandele unyaka wonke nalaba abangithembile bangithembela izinkinga nezimfi hlo zabo.

Ngiyazama ngawo wonke amandla ami ukufi ka ezidingweni zenu. Mangingafi ki ingoba kusuke kuphela amandla endleleni.

Ngicela ukuxolisa kulaba abasuke befuna ngibanake ngalesisikhathi ngimpitshekile kodwa ngiyaqiniseka ukubuyela kubo.

Ngibonge ngothando eninalo ngami.

Ngicela ukubonga i-team yonke ye eyethu newspaper, kakhulukazi ubhuti u-Chris Hlongwa.

Ngibonge kubobonke abasebenzisana naleliphepha, ngezinkondlo, ezenkolo, ezemfundo, ezokungcebeleka ngithi kubo ikhaya lethu.

Ngifuna ukuthi uKhisimuzi omuhle.

Niziphathe kahle nizihloniphe, ungavumeli isikhathi sikwenze uzikhohlwe ubani.

Ungajabuliswa isikhathi bese ikusasa uyalikhohlwa.

Bheka abangani ohamba nabo ukuthi bangobani, bavelaphi noma bakuthanda ngoba bezodla imali yakho.

Bezokuqhatha nezihlobo zakho uma bona beziphethe wena usengaphansi kwabazali uma bethi cha akube ucha.

Yazi okwenzayo uyazitshalela wena kubantwana nasesizukulwaneni. Ungenzi into ngo-December bese ngo January uyazisola.

Kulaba abazijabulisa ngophuzo ngiyacela nizihloniphe nikhumbule uJanuary uzobe

usafana noDecember.Kumele nibuyele emsebenzini,

kumele abantwana babuyele esikoleni.

Ungathi unyaka uqala nje usuqala ngomashonisa, unyaka ozayo uhlele manje ukuthi ufuna ukuphathe kanjani.

Bosisi ngisanicela njengonyaka ophelile umbhede wakho ubungakuhlabi unyaka wonke awungakuhlabi manje ngoba kuwuDecember.

Awungaziwa ngokuthi uzotholakala kanjani awungehlisi inani lakho nge-dampi le-cider nje.

Bheka abangani ohamba nabo banjani bangobani.

Ngiyanithanda kuyiqiniso uKhisimuzi ufi ka kanye ngonyaka, qaphela ungadluli nawe.

UKhisimuzi isikhathi sezipho ayi sokulahlekelwa nokuzidela.

Asihlangane kufacebook nomvula gundy ntuli or email ku [email protected]

Page 5: Umldec20p00
Page 6: Umldec20p00

OVEREATERSANONYMOUS

Can`t control your eating?Need help? Call:

Christine 083 409 8309.MX097623

DIAL A PRAYERA free service to thecommunity. Confidentiallymaintained. 9.00am to9.00pm. J3-16

Call: 072 845 2060.MX097620

0002Community Care

0000NOTICES

XTC MP3/USB/AUX

XTC 6” 2WAY 400W MIDS

XTC 3000W 4CH AMP

PIONEER 1400W 12” SVC

XTC 4000W 4CH AMP XTC 3000W MONOBLOCK

XTC PRE AMP 5BAND

XTC 4000W MONO BLOCK

XTC 3000W 12” DVC XTC 2000W 12” SVC SUB XTC 1400W 2CH AMP

XTC 420W 5WAY 6X9 XTC 500W S/TWEETERPIONEER 400W 3WAY6X9

PIONEER MP3/AUX PLAYER XTC 3” DVD/MP3/USB/SD/AUX XTC 7” D/DIN/USB/SD/TFT

R599-99

R179-99

R499-99

R649-99

EMBASSY 400W TWEETER

R19-99

R799-00

R249-99

R599-99

XTC 4DOOR / C/LOCKING+REMOTE

R199-99

R949-99

XTC CROSSOVER 3WAY

R299-99

R389-99 R249-99 R399-99

R349-99 R199-99 R199-99

R549-99 R999-99 R2499-99

THE OFFICIAL WHOLESALE AGENT FOR PIONEER & XTC AUDIO IN KZNTHE RIDGE SHOPPING MALL - SHOP 13 - CHATSWORTH - SHALLCROSS

(T) 031 409 9521 (F) 031 409 4185

WORLD OF ELECTRONICSWORLD OF ELECTRONICSWORLD OF ELECTRONICSWORLD OF ELECTRONICS

WE CARRY THE BIGGEST RANGE OF CAR AUDIO IN AFRICA

NOW STOCKING: STARSOUND & AUDIOBANKWHOLESALERS FOR DURBAN

PUBLIC WELCOM - R300 MINIMUM PURCHASE - CASH ONLY WE RESERVE THE RIGHT TO LIMIT QUANTITIESALL PRICES INC VAT - E&OE

WE DO SPECIAL PRICE FOR WHOLESALE CUSTOMERS

ACTUAL PRODUCTS MAY DIFFER FROM PICTURES

TRADING HOURSMON-THURS 9:00AM-6:00PM FRI 9:00AM-7:00PM SUN 10:00AM - 4:00PM SAT 10:00AM - 7:00PM

WISHING ALL CUSTOMERS A SAFE & HAPPY FESTIVE SEASONSpecials End: 24/12/2013

Page 7: Umldec20p00

7Umlazi Eyethu- 20 December 2013

_______________________Sabelo Ngema

UNOMBUSO WELION KING UVAKASHA NGONYAKA

OZOQALA

SIXOXA noNombuso Gcabashe waseMlazi ephesheya kwezilwandle emdlalweni owuchungechunge iLion King eGermany.

Lomlingisi ophinde acule wahamba ngoMashi kuleli.

Uthi zimhambela kahle izinto phesheya kodwa ukhala ngesimo sezulu nokudla kwakhona.

''Ngafi ka likhithika izintaba zimhlophe iqhwa kodwa manje sekungcono, nelanga lakhona lishisa kakhulu uma seliphumile.''

Uchaze impilo yakhe njengenethezekile ethi uzizwa esekhaya noma esekuhambeni ngenxa yempatho ayithola kubaqashi bakhe.

Uthe uzobuya eze ekhaya ngonyaka ozayo ngo-April kodwa uzohlala amasonto amabili kuphela.

UNombuso Gcabashe unethezekile phesheya

Page 8: Umldec20p00