47
1 Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP) Ngonyaka ka 2030 uMasipala waseThekwini uzoba yidolobhakazi elinenhlalonhle nelinakekelayo Ukubuyekezwa kuka 2014/15 EyesiZulu

Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

Embed Size (px)

Citation preview

Page 1: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

1

Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

Ngonyaka ka 2030 uMasipala waseThekwini uzoba yidolobhakazi

elinenhlalonhle nelinakekelayo

Ukubuyekezwa kuka 2014/15

EyesiZulu

Page 2: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

2

Amazwi kaMeya

Ngonyaka ka 2014 sibungaze iminyaka engu 20 iningizimu Afrika yaba uhulumeni wentando yeningi.

Elinye lezinsiza-kusebenza elabonakala lizoba nemiphumela emihle kuhulumeni wonkana ukuthi

bonke omasipala ezweni babe nohlelo lwentuthuko edidiyele (IDP). Umasipala weTheku,

ngokusebenzisa I IDP, ubambe iqhaza ekuthuthukiseni izimo zenhlalakahle, ezemvelo, ezomhlaba

kanjalo nezomnotho kuskela ngonyaka ka 2000 ngesikhathi kudlondlobala omasipala bentando

yeningi. Le IDP ka 2014/15 ingukubuyekezwa kweplani yeminyaka emihlanu eyagcotshwa ngo 2011,

okungayo lapho siveza umsebenzi osuwenziwe eThekwini siphinde siveze okusasalele ngemuva.

Siphinde salungisa amaqhinga okuqinisekisa ukuthi siyakwazi ukufeza umbono weTheku othi:

“ngonyaka ka 2030umasipala waseThekwini uzoba yidolobhakazi laseAfrika elinenhlalonhle

nelinakekelayo, lapho izakhamuzi zeTheku ziyohlala ngokunethezeka nangokuzwana”. Uhlelo

lwethu lwamaphuzu ayisishiyagalombili lusazoqhubeka ngokuqinisekisa ukuthi umasipala weTheku

uyaziphendula aphinde azixazulule ngendlela izingqinamba iTheku elibhekene nazo. I IDP

ihambisana namaqhinga nezindlela zentuthuko zikazwelonke nezesifundazwe, kanti ngokuxhumana

kwethu nezinhlaka neminyango eyahlukene eyumasipala wethu unendima enkulu ayidlalayo

ukuphokophelisa I global development agenda ka 2015. I IDP ilokhu iyisitelingi esiqinisekisa

ukusebenza ngendlela kwebhajethi kamasipala, ukugwema ubungozi nezinkinga umkhandlu

obhekene nazo nokuqinisekisa ukuthi umkhandlu usebenza ngendlela owawuhlele ngayo, okuyizinto

ezisiza ekutheni umphakathi ukwazi ukukala indlela umasipala asebenza ngayo nezinto okumele

uzifeze njengoba kubhalwe kuma IDP atholakala ezikhungweni zemiphakathi, emitapweni yolwazi

nakwi internet.

Amaplani ethu siwenze ahambisana nezimiso nezinhloso ze National Development Plan, kanti

esikusophile kuleminyaka ezayo ukudlaondlobalisa umnotho, ukuveza amathuba emisebenzi

nokulethwa kwezinsiza zomphakathi. Yize sisaqhubeka nokuletha izinsiza njengezimiso ze IDP,

siwumasipala weTheku asikhohliwe ukuqinisekisa ukulungisa nokukhuculula indawo yaseThekwini.

Ngakho nginxusa wonke umphakathi ukuthi ubambe iqhaza kwi “Clean My City Campaign,

okunguhlelo olukhuthaza bonke abahlali baseThekwini ukubamba iqhaza ekwenzeni ngcono izimpilo

zomphakathi. Ngiphinde ngifise ukukhuthaza umphakathi wonkana nezinhlangano ezizimele ukuthi

ziyifunde leIDP, zilethe imibono ziphinde zisebenzisane nomasipala ekuyenzeni ibe ngeyabantu.

Kungokuzinikela kwenu ekutheni sisebenzisane okungasenza senze umbono wethu ube

yimpumelelo.

IKhansela uMeya James Nxumalo

Okuqukethwe

Page 3: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

3

Isigaba 1: Ukuhlaziywa kwesimo saseThekwini ............................................................................................. 4 1.1 Isibalo sabahlali .......................................................................... Error! Bookmark not defined. 1.2 Ukubhekekekl kwabo bonke ubulili ............................................................................................ 4 1.3 Izingqinamba enhlalweni yeTheku ............................................................................................. 5 1.4 UKwandiswa kolwazi emphakathini ........................................................................................... 5 1.5 Umnotho wTheku ...................................................................................................................... 6 1.6 Ushaka Marine World ................................................................. Error! Bookmark not defined. 1.7 I ICC Durbanu ........................................................................................................................... 7 1.8 I Moses Mabhida Stadium ......................................................................................................... 6 1.9 Ezempilo ................................................................................................................................... 4 1.10 Ukulethwa kwengqalasizinda .................................................... Error! Bookmark not defined. 1.11 Ezezindlu ................................................................................................................................. 7 1.12 Ezokuthutha umphakathi ......................................................................................................... 6 1.13 Ukuphepha (izinhlekelele) ....................................................................................................... 6 1.14 Ubugebengu ............................................................................................................................ 6 1.15 Imvelo ..................................................................................................................................... 6

1.16 Ukuguquka kwesimo sezulu..................................................................................................... 6 1.17 Ukawkheka kweTheku (ukuhlela)............................................................................................. 7 1.18 Ukwentuleka kokudla.................................................................................................................7 1.19 Ukuphathwa ngendlela kwezimali..............................................................................................7 1.20 Ukuphatha nokwengamela umasipala.......................................................................................7 1.21 Uhlelo lokuqapha indlela umkhandlu osebenza ngayo..............................................................7

Isigaba 2: Uhlelo lokusebenza lwe IDP ............................................................................................................ 8 2.1 Isingeniso .................................................................................................................................. 8 2.2 Ukuhambisana kwe IDP nezinhlelo zikazwelonke nesifundazwe ............................................... 9 2.3 Umbono kamasipala .................................................................................................................. 9 2.4 Izingqinamba ezibhekene neTheku ........................................................................................... 9 2.5 Uhlelo lokuqapha ukusebenza kweTheku................................................................................ 14 2.6 I Eight Point Plan .................................................................................................................... 11 2.7 Uhlelo lokuqinisekisa indlela umasipala asebenza ngayo ........................................................ 16

2.8 Uhlelo lukaSukuma Sakhe..........................................................................................................14 2.9 Amanye amaprojekthi abalulekile ka 2014/15 nangale...............................................................14 Isigaba 3: Uhlelo lwamaphuzu angu 8............................................................................................................ 18 Iplani 1: Ukuthuthukiswa, ukugcina nokonga imvelo yethu, nendawo esihlala kuyo .............................. 18 Iplani 2: Ukuthuthukiswa nokusabalaliswa komnotho kanye nokuveza amathuba emisebenzi ............ 20 Iplani 3: UkuqinisekisaIndawo esihlala kuyona esezingeni eliphezulu ...................................................... 29 Iplani 4:Ukuqinisekisa indawo eyamukelekile emphakathini ....................................................................... 31 Iplani 5: Ukuvleka kwamathuba okukhula, ukunika abantu amandla nokuthuthukisa amakhono ........ 32 Iplani 6: Ukuthakasela amasiko ethu, amasiko namagugu ......................................................................... 35 Iplani 7: Ukuphatha ngendlela efanele nomasipala olalela umphakathi ................................................... 37 Iplani 8: Idolobha elinomnotho osimeme nelisesimweni esihle sokuhlala ................................................ 41

Page 4: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

4

ISIGABA SOKUQALA: UKUHLAZIYWA KWESIMO SASETHEKWINI

U Masipala weTheku usogwini lwentshonalanga yeningizimu ne Afrika endaweni engu 2297km2,

ube nabantu abacishe babe ngu 3.5 million. iTheku liyindawo enezingqinamba ezahlukene

esingabala kuzo izingqinamba zenhlalonhle, imvelo, ezomnotho, liphinde libe nesibalo sabahlali

esinyuka mihla namalanga.

1.1 Isibalo sabahlali Itheku linesibalo sabantu abangu 3.442.361 (Census 2011). Linabantu abahlukahlukene ngebala

kanjalo nangamasiko. Iningi labahlali bangabahlali abansundu (71%), lilandelwe abaseNdiya (19%),

kuze abelungu (8%) ebese luba amakhaladi (2%). Abantu besifazane baseThekwini bangu

1,759,146 bese kuthi abesilisa babe ngu 1,709,687.

1.2 Ukubhekelela kwabo bonke ubulili Isibalo sabahlali beTheku sikhombisa ukungalingani lapho abesifazane (51%) bebaningi kunabesilisa (49%). Ukgakho umasipala ehlongoze icebo lokuqinisekisa ukuthi ubulili bonkana buhlomula ngokulingana emathubeni umasipala awavezayo.

1.3 Izingqinamba enhlalweni yeTheku Ukukhulelwa kwentsha, ukuphuza ngokweqine, I HIV/AIDS kuyizingqinamba ezinkulu ezitholakala kumasipala weTheku. Kumele kube nezindlela zokulwa nalokhu.

Ukukhulelwa kwentsha Ukudlondlobala kwegciwane lesandangculaza nengculaza kwenza ukukhulelwa kwentsha kube yingcindezi enkulu kumasipala weTheku. Izibalo zika 2011 zikhombisa ukuthi kunezingane zamantombazane ezikhulelwa kusukela kulezi ezenza ibanga lesithupha, sinyuke ngokukhuphukela kwamabanga. Okunye okutholakele kulolucwaningo ukuthi ezinye zezizathu zokukhulelwa kwezingane isitayela sokuba nengane njengozakwenu, kanjalo nalemali yesibonelelo ekhishwa uhulumeni.

Ukubhidlanga kophuzo oludakayo Ucwaningo luveza ukuthi abantu abaphuza kakhulu eThekwini ilabo abaneminyaka ephakathi kuka 20 no 34 okuyilabo abasangena emkhakheni yensha ngokweminyaka. Iningi lalabobantu ileli elihlala ezindaweni esezithuthukile, kanti labo futhi yibo abaphuza ngendlela exakile. Ucwaningo luphinde luveze ukuthi abaphuza kakhulu ngabantu abamnyama.

I HIV/AIDS Itheku likhonjwa njengomunye womasipala abakhombisa ukuba nesibalo esikhulu nesikhula njalo salabbantu abanegciwane lesandulela ngculaza nengculaza. Okumele kwenziwe ukunciphisa leligciwane ukuqinisa izinhlelo ezizolwa nokubhebhetheka kwalesifo, kanjalo nokusebenzisana nozakwethu basesifundazweni ukulwisana ne HIV/AIDS.

UKukhula kwesibalo sabantu baseThekwini Kulinganiselwa ekutheni isibalo sabantu sikhule kancane kusukela ngo 2015 kuya ku 2030. Isibalo sabantu abaneminyaka engu 15 kuya aku 65 kulindeleke ukuthi sikhule ngo 30%.

1.4 Ukwandiswa kolwazi emphakathini Umasipala weTheku uyakuqinisekisa ukubhekelela abahlali bawo ngolwazi namakhono okuziphilisa.

Ukuthekelelisa ulwazi kuhlukene izinhlaka ezimbili: okwangaphakathi lapho kuthekelelwa

Page 5: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

5

ngamakhono abasebenzi namakhansela, nokwangaphandle lapho lolupwazi ludluliselwa

emphakathini. Umphumela wakokhu uya ngokuya ukuveza njalo ukuncipha kwabantu abangafundile

emphakathini.

1.5 Umnotho weTheku Kunezinhlelo eziningi ezikhona kanjalo nalezo iTheku eliphezu kwazo okuyizo ezizodlondlobalisa

umnotho weTheku. Kulezi singabala ichweba, ukunwetshwa kwalo, isikhumulo samabhanoyi,

ukuthuthukiswa kwe Cornubia, I Dube Trade Port, inxanxathela yodedangendlale bezitolo

ezisatshalaliswe eThekwini namaphethelo, ukudlondlobaliswa kwezokuvakasha nezokungcebeleka

okubuye kwaxhaswa ukwenganyelwa kwe COP 17 yiTheku kanjalo nezimboni

zokukhiqiza.Okwamanje iTheku yilo elikhiqiza amathuba emisebenzi kunabo bonke omasipala

kisifundazwe (52.7%). Amathuba emisebenzi asezinhlelweni zokusiza umphakathi, kwezohwebo

kanjalo nakwezemikhiqizo. Isibalo semisebenzi siphinde sadlondlobaliswa ukwakhiwa

kwezingqalasizinda.

1.6 UShaka Marine World Le projekthi eyabiza R 750 million yenziwa kuvuselelwa ukubukeka nokuthuthukiswa kwe Point

Precinct. Inezinhlelo eziningi zokuzijabulisa emanzini, kanti yenzelwe abantu bayo yonke iminyaka.

Kulonyaka ifake izivakashi ezingu 1 479 181, okungukukhula ngephesenti elilodwa uma uqhathanisa

nonyaka odlule.

1.7 I ICC Durban I ICC isasiza ekudlondlobalisweni komnotho wase Thekwini nasekwandisweni kwamathuba

emisebenzi. Njengamanje sekuqashwe abantu abangu 7 670 selokhu yasungulwa i ICC. Injalo

ihanjelwa izitatanyiswa ezingu 1 251 413, yenze i GDP ka R 2.73 billion.

1.8 I Moses Mabhida Staium Lenkundla yezemidlalo ingenye yezinkundla ezivelele emhlabeni wonkana evakashelwa kakhulu

umphakathi weTheku nezivakashi eziqhamuka emhlabeni wonke. Imoses Mabhida isetshenziselwa

uchungechunge lweminye imicimbi edumile eThekwini esingabala kuyo i Top Gear, Fact Durban

Rocks, Amashova, nemijaho eyahlukahlukene

1.9 Ezempilo iTheku linengqinamba yesandulela ngculazi nengculazi, isifo sofuba, isibalo somama nabantwana

abashonayo, izingozi nokulimala, isimo senhlalo engeyinhle yasemijondolo esimpmthelela akutholeni

izifo ezahlukena, ubuphofu kanjalo nokungondleki ngokuyikho kwabantwana abaneminyaka

engaphansi kwemihlanu. Ezinye zezingqinamba ezibhekene nezempilo ukwetuleka kwemali

ebhekene nezempilo eThekwini, okungumsebenzi kahulumeni kazwelonke, kanjalo nesibalo

sabantwana abancane abakhulelwayo.

Page 6: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

6

1.10 Ukulethwa kwengqalasizinda Liyazogqaja iTheku ngeselikwenzile kulomkhakha, kodwa kumele sikuvume ukuthi

kusenezingqinamba ngakwezengqalasizinda

Ezintweni ezenza ukutholakala kwezidingo zomphakathi kube nezinkinga singabala ukwentuleka

kwezimali zokuhlangabezana nalezidingo, ukungakwazi kwamalunga omphakathiukukhokhela

izidingo,ukuxhunywa kukagesi namanzi ngomgunyathi kanjalo nokushoda kwamathuba okuthi

imiphakathi ithole lezizidingo.

Izidingo zomphakathi Okusalele ngemuva

okwamanje (izidingo

ngomuzi nomuzi)

Kusukela ngo 30 June

2013

Indlela ezizolethwa

ngayo ngonyaka

Isikhathi okuzosithatha

ukuthi zibe sezilethiwe

okuncike endleleni

esithola ngayo imali

yokuziletha *

Water 71494 2000-2500 29-36 years

Sanitation 218248 8000-10000 22-27 years

Electricity 290393 8000-13000 22-36 years

Refuse removal 0 1500-2000 0 years1

Roads 1 118.20 kms 10-15kms 74-111 years

1.11 Ezezindlu Kuze kube manje uMasipala usuwakhe izindlu ezingu 945 910 kanti usaqhubeka nokuzakha. E Cornubia uhlele ukwakha ezingu 15000 kanti usaqhubeka nokuzakha. Izingqinamba zisekhona, kodwa uMasipala usebenza kanzima ukuhlangabezana nazo. Okwamanje sisasalele emuva

Izidingo

zomphakathi

Okusalele ngemuva

okwamanje (izidingo

ngomuzi nomuzi)

Kusukela ngo 30 June

2013

Indlela ezizolethwa

ngayo ngonyaka

Isikhathi okuzosithatha

ukuthi zibe sezilethiwe

okuncike endleleni esithola

ngayo imali yokuziletha *

Housing 404192 5000-10000 40-81 years

* - Lezizikhathi zincike endleleni esizothola ngayo imali yokusebenza/umxhaso

Table 14: Ukusalela emuva kwezindlu Source: eThekwini Municipality, Human Settlement and Infrastructure Cluster

1.12 Ezokuthutha umphakathi Cishe abahlali baseThekwini abangu 40% basebenzisa izithuthi zomphakathi. Kulaba singabala

abasebenzisa izitimela abangu 7%, abasebenzisa amabhasi abangu 25% kanjalo no 68%

osebenzisa amatekisi. iTheku liyakuqinisekisa ukuhlinzekwa kwen=migwaqo nemizila kaloliwe

Page 7: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

7

eseqophelweni eliphezulu nelamukelekile. Ngasemkhakheni wamabhasi uMasipala ufike nohlelo

lwamabhasi abakhubazekile, uhlelo lwamabhasi lapho ungashaya ucingo ibhasi ikulane egcekeni

kanjalo namabhasi ahamba idolobha zikhathi zonke.

1.13 Ukuphepha (izinhlekelele) iTheku liyaqinisekisa ukuthi izinhlelo ezibhekene nezinhlekelele okungabalwa kuzona izikhukhula, imililo yequbula nemililo ejwayelekile, inkanyamba nokunye zinikezelwa kubantu ukuqinisekisa ukuphepha kwabo.Itheku liyaqinisekisa ngezinhlelo elinazo ukuthi abantu bayafundiswa ngokuphepha

1.14 Ubugebengu Izibalo ezivezweuphiko lwamaphoyisa nezokuphepha zika 2011/12 no 2012/13 zikhombisa ukwenyuka kokubikwa kwamacala ngo 6589. Umasipala uzibophezele ukuqinisekisa ukuphepha komphakathi wakhe. Kungalesisizathu ukuthi ufake amakhamera emigwaqeni, waqasha amaphoyisa engezeliwe waphinde wasebenzisana namaphoyisa kahulumeni ukudweba izindawo eziyingozi nezibucayi ukuze aqinise ukuphepha lapho.

1.15 Imvelo

iTheku lingachazwa njengendawo enezintaba entshonalanga bese liba ugu empumalanga.

Linezindawo zemvelo zivikelwe, kanti liqhosha ngemvelo yasemanzini neyasemhlabeni. iTheku

liyakuqaphelisisa ukuthi imevlo yalo liyigcina iphephile ngokusebenzisa ukuqondiswa ngendlela

komhlaba ukuze ungegugulwa umoya namanzi, ukutshala izihlahla nezitshalo, ukusebenzisa

amathuba amakhono nobuciko ukuvikela imvelo, imithetho elwa nokuhlukunyezwa kwemvelo,

ukubuyiselwa komsoco emhlabathini, ukusebenzisa izindlela ezingakhiqizi isisi esibulala imvelo

nomkhathi, ukukhiqiza ukudla okutshaliwe kanjalo nokulahlwa kwezibi ngendlela eyiyo.

Esingakubalula ngemvelo neTheku wukuthi umhlaba waseThekwini uhlaselwe yizitshalo okungezona

ezokudabuka kuleli, okuyinto ebulala imvelo yethu. Izikhukhula ziphinde zalithunubeza iTheku

ngokushiya amagebhegebhu emihlaba egcina isilimaza imikhiqizo. Ukuguqulwa komhlaba kulethwa

intuthuko kunomthelela nakho ngokunjalo.

1.16 Ukuguquka kwesimo sezulu Loluguquko lungafika nezingqinamba eziningi eThekwini, okungabalwa izikhukhula noma isomiso,

ukusweleka kwamanzi okuphuza, ukonakala kwengqalasizinda, ukuphakama kolwandle, ukushisa

okuxakile, izifo, ukwehla komkhiqizo wezitshalo, nokwehla kwezinga lezokuvakasha.

1.17 Ukwakheka kweTheku (ukuhlela) Itheku lingu 2300 wezikwele zama hectare.Ukuhleleka kwalo kuncike ohlelweni lobandlululo lapho abantu abahluphekayo babebekwa kude nedolobha, kwaba khona nalabo ababekwa emalokishini lapho beminyene khona, nalabo-ke abasezindaweni ezingcono ngokwempilo, Ngokuguquka ngokwepolitiki nangokuhlela izimo sezenziwe ngcono manje kumasipala weTheku, neTheku lathuthukiswa ukuze lenze ngcono izimpilo zabantu

Page 8: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

8

1.18 Ukwentuleka kokudla Umasipala uqhamukr nezindlela ezining ezizokwenza ukuthi ukudla kungantuleki. Eyokuqala uhlelo i one-house- one-garden, lapho kugqugquzelwa wonke amakhaya ukuba abe nezingadi emagcekeni. Nezingadi zemiphakathi nazo ziyakhuthazwa.

1.19 Ukuphathwa ngendlela kwezimali Umasipala weTheku unamawadi angu 103, kanti kusukela ngo Agasti 2012 usubeke ama Ward

Committee kumawadi angu 102 ukuze aqinisekise ukubamba iqhaza ekuqinisekiseni umbuso

wentando yeningi. Ama ward Committee enziwa amalunga ewadi ukuqinisekisa ukuthi izidingo

zaleyowadi ziyaziwa ziphinde zifakwe ohlelweni lwe IDP.

.

Okwamanje indlela iTheku elisingatha ngayo ezezimali ihamba ngokuyikho.Lokhu kuqiniswe yihhovisi

likazwelonke lomgcini- mabhuku. Singakubeka nje singananazi ukuthi umphumela walokhu yindlela

umasipala asebenzisa ngayo kahle imali yabatheli-ntela, uhlelo lokuqoqwa kwama rates, ukuqoqwa

kwezimali ezibolekisiwe, kanjalo nokwengamela indlela umkhandlu oboleka ngayo izilami,

nosebenzisa ngayo izimali ezibolekiwe, azinikwa wuhulumeni kanjalo nabatshali- zimali.

Ukusetshenziswa izimali ngokohlelo lwe IDP kuqondaniswa namaphrojekthi ahlelelwe unyaka-mali

kubhekisiswe ezidingweni ngqo zabahlali nezingqinamba zetheku yikho okwenza ukuthi iTheku

lisimame ngakwezezimali.

1.20 UKuphatha nokwengamela umasipala ngendlela Umasipala uphinde ube nemiphakathi engu 18 engaphansi kwezindawo zasemakhaya ezibuswa

amakhosi angu 17 kanjalo nenduna eyodwa emele isizwe sakwa Qiniselani Manyuswa eBothas Hill.

Itheku liphinde liasungula umnyango obhkene nesithunzi, inhlonipho nokuphenya, okungumnyango

oqinisekisa ukuthi iTheku alinankohlakalo futhi liveza konke elikwenzayo emphakathini. Lomnyango

uhlose:

Ukuqinisekisa ukuhlonipheka kwamalungelo abantu nokutshala usiko lokuthakasela amalungelo

abantu,

Ukuphenya inkohlakalo, umkhonyovu nokungaphathwa ngendlela komkhandlu, ukuhkishwa

inyumbazane kwabasebenzi nokubambezeleka kokusebenza emkhandwini

Umasipala usethule izinhlelo ezining ezizoqinisekisa ukuthi usebenzela umphakathi ngendlela

eyiyona, esingabala kulzinhlelo ama komidi amaWadi, ubuholi bendabuko, uhlelo lokwethembeka

kweTheku, nezinyango yokubambisana kwezihlaka ezahlukene zikahulumeni nomasipala.

1.21 Uhlelo lokuqapha indlela umkhandlu osebenza ngayo ITheku linobuchwepheshe bamakhompyutha lokuqapha nokwengamela indlela umkhandlu osebenza

ngayo, uhlelo olusetshenziswayo ukukhetha amaphrojekthi azokwenziwa ngonyaka-mali, ukuthi

umsebeenzi wenziwa ngesikhathi nangendlela ekwakuhlelwe ukuthi uzokwenzeka ngayo yini.

Lobuchwepheshe busehhovisi elibhekene ngqo nokusebenza kwalo, kanti lingezinye zezinhlelo

Page 9: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

9

ezivunywe wumthetho kazwelonke ukuqinisekisa ukuthi abantu banikwa izidingo zabo ngendlela futhi

izimali zabakhokhi-ntela zisebenza ngokuyikho.

Page 10: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

10

Isigaba 2: Uhlelo lokusebenza

2.1 Isingeniso Kunemithetho nezinhlelo okukhomba indlela intuthuko nokulethwa kwezidingo zabantu okumele

ihambe ngayo. Lemithetho nezinhlelo eyengamele ukusebenza emhlabeni wonkana, ebhekele ukuthi

kuzwelonke abahlali bengalethelwa kanjanni izidingo zabo, ebhekene nesifundazwe kanjalo naleyo

eqondene nomasipala. iTheku liyaqinisekisa ukuthi yonke lemithetho liyayisebenzisa ekudwebeni

uhlelo lokuletha izidingo zomphakathi. Liphinda futhi iTheku liveze ukuthi yikuphi kulemithetho

nezinhlelo okungahambelana nesimo, umbono kanjalo nezinjongo zeTheku. Ithatha yonke

lemithetho ebese ihlanganiza ibhuku layo lohlelo lwentuthuko edidiyele. I IDP yeTheku ibhalwe

kubhkwa ukuhambisana kwayo nemithetho nezinhlelo ezilandelayo:

Millennium Development Goals

State of the Nations Address

National Development Plan (NPC 2030 vision)

Delivery Agreement: Outcome 9

National Government Programme of Action 2009-2014

Provincial Priorities (State ofProvinces Address)

Provincial Growth and Development Strategy Ama Millennium Development Goals Loluhlelo luhlose ukuphokopheisa ukuthi bonke abantu emhlabeni wonkana bayathuthuka, izimpilo zabo, ezenhlalakahle kanjalo nezimo zomnotho ziba seqophelweni elihle, kanjalo nezinga lobuphofu nokwentuleka kokudla kuyancipha. Ayisishiyagalombili amaphuzu okuphokophelwe kuwona:

Ukuqedwa kobuphofu nendlala,

Ukuqinisekisa imfundo emazingeni aphansi emhlabeni wonke,

Ukukhuthaza ukulingana kwamathuba ngobulili nokudlondlobalisa amathuba kwabesifazane,

Ukunciphisa isibalo sezingane ezishonayo,

Ukwenza ngcono impilo yabantwana,

Ukulwa neHIV/ AIDS, umalaleveva nezinye izifo,

Ukuqinisekisa ukuvikeleka nokusimama kwemvelo

Nokuthuthukisa ubudlelwane emhlabeni wonkekwezentuthuko. I National Development Plan (Vision 2030) Loluhlelo/ leplani ihlose ukuthuthukisa uhlelo lokulethwa kwezinsiza zabantu bakuleli, ngalesikhathi ihlanganisa izinhlelo zikazwelonke, isifundazwe nohulumeni abancane ibe inesikhathi esibekile sokuthi izinsiza zobe sezitholakele ngaso. Kulokhu sibala izinsiza ezibalulekile ezinjengezempilo, ukuqeda ukwentuleka kwemisebenzi, ezemfundo, ukuphepha, ukuphathwa kukahulumeni nokwenyuswa kwamazinga ezimali ezindaweni zasemakhaya I Delivery Agreement (Outcome 9) Loluhlelo luqinisekisa ukusebenza ngendlela enhle kukahulumeni,eqinisekisa ukuthi akukho zimfihlo anazo lapho kulethwa izinsiza zomphakathi, uyabasebenzela abantu ebalethela intuthuko, akanamkhonyovu, izimali zabakhokhi-ntela uziphatha azisebenzise ngendlela, uqinisekisa ukukhuthala lapho esiza imiphakathi, uyisebenzela ngenhlonpho imiphakathi, eyazisa ngezingqinamba kanjalo nangazokwenza ukulwa nalezizingqinamba, futhi uyasebenzisana nabantu kanjalo nezinhlaka ezibhekelene nentuthuko nokulethwa kwezidingo zemiphakathi.

Page 11: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

11

I Delivery Agreement (Outcome 12) Loluhlelo luzoqinisekisa ukuthi imiphakathi yonke iyawasebenzisa amalungelo ayo ukuqinisekisa ukubuswa ngentando eningi, ukulingana, ukuphathwa ngokwethembeke wuhulumeni nokwakha isizwe. Uhlelo i National Govenment Programme of Action 2009-2014 Lolu wuhlelo lukahulumeni lokuqinisekisa ukuthi ulwa nokuntengantenga kwezimali okwenzeka emhlabeni wonkana. Ngaloluhlelo kubhekwe ukuqinisekisa lokhu:

Ukusheshiswa kokukhuliswa kwezezimali kuqinisekiswa ukuvezwa kwamathuba emisebenzi nempilo engcono

Ukuqinisekiswa kwengqalasizinda ezothuthukisa umnotho,

Ukuthuthukiswa kwezolimo nezindawo zasemakhaya,

Ukwandiswa kwamathuba emisebenzi nokwenza ngcono izimo zokusebenza’

Ukuqinisekisa ukuthuthukiswa kwezempilo,

Ukulwa nomkhonyovu nokungaphathwa kahle kwezimali zabakhokhintela,

Ukuqinisekisa imiphakathi ephila ngendlela engcono nesimeme,

Ukuqinisekisa ubudlelwane eAfrika nasemhlabeni wonke,

Ukusetshenziswa ngendlela kwempahla kahulumeni,

Ukulethwa kwentuthuko ngendlela nokuqinisekiswa kokubuswa ngentando yeningi. I Provincial Growth and Development Strategy Lolu lubhekene nokulungiswa kwesimo sokuphila kwaZulu- Natali. Lunguhlelo oludidiyele oluzoqinisekisa amathuba emisebenzi, ukulethwa kwengqalasizinda, ukuphatha ngendlela nokusebenzisa umhlaba ngendlela eyiyo. Inkulumo kaNdunankulu 2014 Kulenkulumo uNdunankulu ubale izinto eziningi isifundazwe esizobhekana naso nonyaka, esingabala kuzo:

Ukwandiswa kwamathuba emisebenzi,

Ukuthuthukiswa nokwenziwa ngcono kwezindawo zasemakhaya, umhlaba nokwandiswa kokudla,

Imfundo,

Ezempilo,

Ukulwa nobugebengu nenkohlakalo.

2.2 Ukuhambisana kweIDP nezinhlelo zikazwelonke, nezesifundazwe Umasipala weTheku uyakuqinisekisa ukuthi ubheka izinhlelo nemitthetho yomhlaba, ekazwelonke neyesifundazwe uma enza i IDP. Lokhu ukwenzela ukuthi aqinisekise ukuthi izinhlelo zentuthuko nezokulethwa kwezidingo zabantu ziyahambisana nesikhathi esibekwe wuzwe-lonke nesifundazwe ukuqinisekisa ukuthi umehluko uyabonakalayonke indawo lapho kulethwa izinsiza, futhi nezinye izinhlaka zikahulumeni ziyalibamba iqhaza ekuguquleni izimpilo zabantu.

2.3 Umbono kaMasipala “ngo nyaka ka 2030 uMasipala waseThekwini uzoba yidolobhakazi laseAfrika elinenhlalonhle nelinakekelayo, lapho bonke abahlali beyohlala ngokuthula” Ukufeza lombono kamasipala weTheku, umphakathi nezinhlaka zonke zeTheku kumele bazizwe bephephile bevikelekile, bekwazi ukuhamba kalula endaweni yabo, benemvelo evikelekile, benezinsiza ezilethwa umasipala ikakhulu ezempilo, imfundo njalonjalo, bakhelene ngokuthula

Page 12: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

12

nangokukhululekelana, bazigqaje ngomasipala wabo, bathakasele nosizo abaluthola emkhandlwini wabo.

2.4 Izingqinamba ezibhekene neTheku Kusenendima ende iTheku okumele liyihambe ukuze lifeze umbono walo. Lendima ibangwa izingqinamba umasipala abhekene nazo, esingabala kuzo:

Isibalo esikhulu sokwentuleka kweemisebenzi nokwehla kwezinga lokukhula komnotho,

Izinga eliphezulu lobuphofu,

Ukwentuleka kwamakhono nokufunda,

Ukwentuleka kwezidingo-ngqangi ezifana nezindlu nezinsiza zomphakathi,

Ukudlondlobala kwe HIV/AIDS,

Ukulahleka kwemvelo

Intuthuko engahlelekile ngendlela nengahlinzekelwanga ukuthatha isikhatthi eside,

Ukudlondlobala kobungozi nobugebengu,

Ukuqinisekisa ukungantuleki kokudla,

Ukuguguleka nokonakala kwengqalasizinda,

Uguguquka kwesimo sezulu,

Ukuqinisekiswa kokusetshenziswa kwezimali ngendlela eyiyo neyongayo

2.5 Okuhloswe ukubhekana nako ukuphokophela kumbono weTheku

Ukuze lombono ufezeke umasipala weTheku usebenzisa izindlela eziyisithupha ukuphokophelela

kulombono.

Page 13: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

13

Inhloso yokuqala: Ukwakha indlela yokuphila enokusimama

Ukuqinisekisa ukuthiimizamo eyenziwa uMasipala inomthelela ekukhuphuleni izinga lomnotho,

ekwakheni amathuba omsebenzi wesikhathi eside, ekuqedeni ububha, ekuthuthukiseni amakhono

nokongiwa kwemvelo.

Inhloso yesibili: Idolobha elinakekelayo nelidlondlobalisanayo

Ukuqinisekisa ukuthuthuka kukaMasipala; lapho izidingo zamanje nezesikhathi esizayo zamakhono

emsebenzi yezezimali, yezimboni nekahulumeni ziqoqwa kangconofuthi zingafezeka

ngokubambisana nabo bonke ababambe iqhaza.

Inhloso yesithathu: Idolobha elisimeme ngokwezimali

Ukwenza bonke ababambiqhaza bangaphakathi nabangaphandle babe nokwethemba uMasipala

ekuphathweni kwezimali, ekuhlinzekeni ngeqophelo eliphezulu ngezidingo zezimali kanye

nokuthobela yonke imithetho ephathelene nokusetshenziswa kwezimali zomasipala

Inhloso yesine: Ukwakha idolobha eliphephile

UMasipala uzibophezele ekwakheni idolobha elinakekelayo, lapho umphakathi, osomabhizinisi

kanjalo nezivakashi zizozizwa ziphephile futhi zethemba ukuthi izidingo zazo zezempilo

nezokuphepha zinakekelwe. UMasipala futhi uzibophezele ekwakheni amathuba omsebenzi

nokwehlisaizinga lobugebengu nokwenza umphakathi uphile kangcono ngokwempilo nangok

Inhloso yesihlanu: Ukukhuthaza idolobha okufinyeleleka kulo

Ngokuhambisana nemithetho kanye nezivumelwano zikazwelonke nezomhlaba, uMasipala

uzibophezele ekuletheni intuthuko enokugcineka ezama ukuqinisekisa ukubhalansa kwezenhlalo,

ezemvelo, kanye nalokho okubekwe eqhulwini ngokomnotho. Kangangokuba kungenzeka, yonke

intuthuko kufanele isebenzisane ngokuthula nezinsiza zemvelo okwakhelwe phezu kwazo ukuphila

kwabantu kanye nokusimama komnotho

Inhloso yesithupha: Idolobha eligcina liphinde lonke imvelo

Into ebalulekile ukuze kuqinisekiswe isithunzi semvelo eThekwini, ukuba uMasipala aqinisekise

ukuvikeleka kwemvelo nokuphilisana kwayo kanye nezinsiza zemvelo ezibalulekile, ezisilethela izinto

zemvelo ezibalulekile ezifana namanzi, ukuvikeleka ezikhukhuleni, ukulawula ukuguquguquka

kwesimo sezulu kanye nempahla yokwakha. Ukuze sifeze lokhu, kubalulekile ukuba kubhekwe

imigomo evikela futhi isimamise imvelo uma kuhlonzwa intuthuko ebalulekile kuMasipala nalapho

kukhuthazwa ukukhula komnotho, ingqalasizinda, ukuhlinzeka imiphakathi ngezidingo kanye

nokuphathwa kwezimali zikaMasipala.

Page 14: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

14

2.6 Uhlelo lwamaphuzu angu 8 (Eight point plan) Ukubhekana nezinselelo kanye nezindawo ezibalulekile okumele zithuthukiswe ezingenhla,

uMasipala uqhamuke nohlelo lokuletha izidingo olwakhelwe phezu kweplani enamaphuzu

ayisishiyagalombili. Lamaplani ayisishiyagalombili futhi ahlobene, akhombisa impokophelo

kamasipala, eyesekwe izinhlelo ezenziwa ngaphansi kweplani ngayinye. I-IDP ihlose ukuphendula

umbono wedolobha ube yiplani esebenzayo enesabelomali, izikhathi ezinqunyiwe zokusebenza,

izindlela zokwalusa ukusebenza ukuze kufezwe lokho okunqunyelwe ukuba kwenziwe futhi

kuphothulwe eminyakeni emihlanu. Mapulani yilawa alandelayo:

1 Ukugcina nokonga imvelo yethu nendawo esakhe kuyo 2 Ukuthuthukiswa komnotho kanye nokudala amathuba omsebenzi 3 Indawo okuhlalwa kuyona eseqophelweni eliphezulu 4 Indawo ephephile, enempilo nevikelekile 5 Ukunikeza abantu amandla namakhono 6 Ukuthakasela amasiko ethu ahlukahlukene 7 Ukuphatha ngendlela efanele 8 Ukusimama ngakwezezimali Ithebula lendlela yokuqondisa ukusebenza kwe-IDP. Izikalo zezinga lomsebenzi lezindima okugxilwe

kuzo eziyisishiyagalombili ziqukethwe ngamacebo athile okuzonatshwa ngawo njengoba nencwajana

iqhubeka.

Izihloko ezibanzi okusetshenzelwa

phezu kwazo

Uhlelo lwamaphuzu ayi-8 Strategic Focus Area

Ukuthuthukiswa kweminyango

kaMasipala noshintsho

Ukwakha indawo evumela

ukukhula, ukunika amandla

nokuthuthuka kwamakhono

Ukuthuthukisa amakhono abantu

Ukuthuthukisa idolobha njengelifundayo

Abasebenzi abaphilile futhi abawenzayo umsebenzi

Ukunikezelwa kwezidingongqangi Ukugcina nokonga imvelo

yethu nendawo esakhe

kuyona

Ukuthuthukisa, ukuphatha, kanye nokushaya

imithetho yokulawula ezokongiwa kwemvelo

nendawo okwakhiwe kuyona

Ukunciphisa ukungcoliswa komoya kanye

nokushintsha kwesimo sezulu

Indawo okuhlalwa kuyona

eseqophelweni eliphezulu

Ukubhekela izidingo zomphakathi kuphinde

kubhekwe lokho okusasilele ngemuva

Ukubhekana nokusalela emuva kosizo

emphakathini

Ukuqinisekisa indawo

enenhlalonhle nevikelekile

Ukukhuthaza nokuqinisekisa ukuphepha

komphakathi

Ukukhuthaza nokuqinisekisa impilo

emphakathini

Idolobha eliphethe ngendlela

izimali zomphakathi

neliphendulayo emphakathini

I Durban Energy Office

I INK ABM

Page 15: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

15

Izihloko ezibanzi okusetshenzelwa

phezu kwazo

Uhlelo lwamaphuzu ayi-8 Strategic Focus Area

Ukuthuthukiswa komnotho wendawo

(LED)

Ukukhulisa umnotho,

umnotho oxubile kanye

nokwakha imisebenzi

Ukuqinisekisa ubuholi ekudlondlobaliseni

umnotho

Ukunxenxa nokuqinisekisa uxhaso

nokusebenzisana nezimboni ezizimele

Ukuhweba nokwandisa izinhlaka ezahlukene

zokwenyusa umnotho

Ukuqinisekisa ukuthuthuka kwezindawo

ebezinganakiwe ezinamathuba okwandisa

umnotho.

Ukuthuthukusa izinhlaka nemikhakha

yzokusimamisa umnotho

Ukweseka nokuthuthukisa imboni

yezokuvakasha

UKusinfatha impilo enhle enempilo ende

Ukuthakasela amasiko ethu,

amaciko namagugu

Ubukhona nokumbandakanyeka

Ukuqinisekisa ukuvuleleka kwesimo esizozuzisa

ababambe iqhaza kulomkhakha kuqinisekiswa

ukukhuliswa nokusetshenziswa kwawo

Umasipala ophethe nosebenzisa

ngendlela izimali zakhe

Idolobha elikwazi

ukuphendula ngokusebenza

kwezimali kanye

nokusimama kwazo

Ukubhajetha ngendlela esimamisa iTheku

Ukudlondlobalisa nokusebenzisa izimali

ngezindlela eziningi eziphusile

Ukusebenzisa imali ngokonga

nangokubakluleka kwayo

Ukusebenzisa imali kahle nokubika indlela

esebenze ngayo g

Ukuphatha ngendlela nokuqikelela

ukubamba iqhaza komphakathi

Ukuphatha ngendlela efanele

nomasipala oletha usizo

kubantu

Ukuqinisekisa ukubamba iqhaza komphakathi

nokukhuthaza ukuphatha ngendlela

Isakhiwo sokuphatha esisebenza ngendlela

efanele futhi esinezindlela zokuchaza

ngokwenziwe

Page 16: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

16

2.7 Uhlelo lokuqinisekisa indlela umasipala asebenza ngayo Loluhlelo luncike kwiplani yamahuzu angu 8 oluhambisana nezinto ezebekwe uhulumeni kazwelonke ezibalulekile osizweni olunikezelwa abantu. Lezi zibizwa nge: 1. Ukulethwa kwezidingo- ngqangi zabantu. 2. Ukuthuthukiswa komnotho wezwe. 3. Ukuphatha ngendlela nokunika abantu amathuba okuzibandakanya ezinhlelweni zomkhandlu 4. Ukuthuthukiswa kukamasipala nokulethwa koguquko 5. Ukwenganyelwa kwezimali zomkhandlu nokuqinisekisa ukusebenza kwazo ngendlela. Loluhlelo lubekelwe iminyaka emihlanu, ehambisana nesikhathi amakhanselwa akhethelwe sona komasipala.

2.8 Uhlelo luka Sukhuma Sakhe Loluhlelo lulwa nobuphofu emawadini wonke kamasipala. Inhloso yalo kungukuthi izidingo

zomphakathi zifikele ngqo kuwona kunokuba umphakathi uyozifuna emadolobheni nakwezinye

izindawo. Yonke iminyango kahulumeni ifikela ewadini kanye-kanye ilethe izidingo zabantu. Kumanje

kunama war rooms asebenzayo angu 89. Lezi yizindawo eziqondene ngqo nokulwa nobuphofu. Iwadi

ngayinye iba neyayo indawo lapho yonke imikhakha kahulumeni iihlanganyela khona ilwa nobubha.

2.9 Amanye amaphrojekthi abalulekile ka 2014/15 nangale Lawa ngamanye ama phrojekthi abalulekile anezelela lawa akumaplani azobe enziwa yiTheku,

esiwenza sithathela ezinhlelweni zikazwelonke nezesifundazwe.

Igama lephrojekthi Abakhi

abazoqashwa

ngonyaka

Abazosebenz

a kulezakhiwo

ngonyaka

Inani

elizosetshenz

iswa ukuqeda

iphrojekthi

(Rand Billion)

Bartletts Industrial Development 3.416 5 5.010 3.78 3.78

Bridge City New Town Centre 696 1,855 0.77

Camperdown-Port Freight Route Improvements

5,793 538 10.00

Cato Ridge Industrial Development 10,621 15,575 11.75

Durban Inner City and Point Revitalisation 3,403 45,361 7.77

Greater Pinetown Nodal Improvements 2,223 3,260 2.46

Hammarsdale Industrial Development 6,056 8,881 6.70

Isipingo Town Centre Improvements 95 633 0.11

Kwa Mashu Town Centre Improvements 384 1,024 0.43

Mpumalanga Town Centre Improvements 1,056 2,817 1.17

Phoenix and INK Nodal Improvements 3,620 5,308 4.01

Port Improvements 71,292 27,268 325.00

Back of Port Improvements 10,572 15,855 26.32

Shongweni Industrial Development 912 1,337 1.01

Sibaya Recreational Node Development 622 8,289 0.69

Tongaat / Dube New Town Development 6,922 10,150 7.66

Umgeni Springfield Improvements 1,409 18,783 1.56

Page 17: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

17

Umlazi Nodes Improvements 4,477 1,194 4.95

Verulam / Cornubia New Town Development

7,073 18,858 17.83

Illovu Farm (Proposed ASP) 1808 2651 2.00

City-Wide Fibre Optics Backbone 491 240 0.56

City-Wide Informal Settlement Upgrades 6,438 29,920 57.97

City-Wide Public Transport Improvements 140 400 10.00

City-Wide Regeneration Projects 11,796 4,718 13.05

City-Wide Social Facilities Provision 4,477 1,194 4.83

TOTAL 165,792 231,119 522.37

Page 18: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

18

Isigaba 3: uhlelo lwamaphuzu angu 8

Iplani yokuqala : Ukuthuthukisa nokugcina imvelo yethu, umhlaba nendawo esihlala kuyo

Inhloso UKulawulwa nokusingathwa kwemvelo yomdali neyakhiwe ngabantu eThekwini ngendlela elungile nokuqinisekisa ukukhula nenqubekela phambili

Umphumela ohlosiwe Zonke izakhamuzi zaseThekwini zizokwazi ukufinyelela kalula nokusebenzisa izinto zemvelo ukuhlangabezana nezidingo zazo, ngaphandle kokulimaza izinsiza zabanye abantu bakuMasipala waseThekwini.

Kungani sibe naleplani? Zonke izakhamuzi zaseThekwini zizokwazi ukufinyelela kalula nokusebenzisa izinto zemvelo ukuhlangabezana nezidingo zazo, ngaphandle kokulimaza izinsiza zabanye abantu bakuMasipala waseThekwini.

Okubhekwe ngqo ngaleplani: Ukuthuthukisa, ukungamela nokusetshenziswa umhlaba noma kwakhiwa

Uhlelo 1.1: Ukuthuthukiswa nokwenziwa ngendlela idolobha elihlelwe ngayo UMasipala umatasatasa usungula uhlelo lokuphatha ukusetshenziswa komhlaba olubizwa nge-Land

Use Management System lukaMasipala wonke, njengokumisa Kwesigaba 26 somthetho i Municipal

Systems Act.

Uhlelo olubizwa nge Spatial Development Framework yilona oluyisisekelo sokwethulwa kohlelo

lweplani enamaphuzu ayi-8 lwe-IDP. Inhloso yalolu hlaka ukwenza imifanekiso yedolobha

ukuqinisekisa ukuthi intuthuko iyenzeka ngendlela efanele. Ukuze lezi zinhloso zifezeke, kumele

ziguqulwe zibe amacebo (ama-Spatial Development Plans). Ngaphambilini, uMasipala waseThekwini

wawuhlukaniswe ngezifunda ezine (esamaPhakathi, esaseNyakatho, esaseNtshonalanga

nesaseNingizimu) ezinezindlela zazo zokusebenza, imigomo yazo nentuthuko yazo kanye nezindlela

zazo zokuhlola ngokuqhubekayo imithelela kwingqalasizinda nasekusetshenzisweni komhlaba. Lezi

zinhlelo zizobuyekezwa minyaka yonke kanti njalo uma sekudlule iminyaka emihlanu ziyobuyekezwa

ngokugcwele.

Inhloso yama Spatial Development plan ukubhekisisa izindawo okumele zithuthukiswe, ukulungisa izindawo esezithuthukisiwe, ukubheka intuthuko eletha imali ngokwenza amaphrojecthi afana ne Dube Trade Port, ichweba, izikhumulo zezindiza njalonjalo. Loluhlelo luphinde lubheke ukuthi intuthuko ezindaweni zabantu zokuhlala izolethwa kanjani ngendlela yokuthi ingaphazamisi imvelo, iveze amathuba omnotho, awemisebenzi iphinde ikhuthaze inhlala kahle yabantu

Page 19: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

19

I SDF ebuyekeziwe ka 2014/15 Umthombo: eThekwini Municipality, Development Planning, Environment & Management Unit

Page 20: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

20

Uhlelo 1.2: Ukuqiniisekisa ukongiwa kwemvelo isikhathi eside UMasipala waseThekwini uzimisele ngokuqinisekisa ukutholakala kwezinto esizithola emvelweni isikhathi eside esizayo njengoba lokhu kuvula amathuba okukhula nentuthuko. Uhlelo olubizwa nge-Durban Metropolitan Open Space (D'MOSS) luhlonza izindawo ezidinga ukuvikelwa nokuphathwa ngendlela. Kulezi zipho esizithola emvelweni kubalwa imifula, izindawo ezinamanzi, izizalo zemifula, izindawo ezinotshani, amahlathi kanye nogu.

Ngaphezu kwalokhu, uMasipala uzimisele ukumisa ukuxhashazwa kwemvelo. Isu lokubulala izihlahla nezilwane ezingezona ezale ndawo ngokudabuka selakhiwe kanti mningi umsebenzi owenziwayo kulowo mkhakha.

Uhlelo 1.3: Ukuqinisekisa nokwengamela izakhiwo Uma umasipala ethatha isikhathi eside ukuphasisa amaplani, abakhi bagcina sebecasukile badube, okwenza bagcine sebesebenzise izindlela ezingavumelekile lapho bakha. Kunohlelo umkhandlu alwakhile oluqinisekisa ukuthi izinto zisheshe, ziphinde zakhiwe izakhiwo ngenlela esemthethweni. Kuphinde kwaqashwa abasebenzi abengeziwe ukuphuthumisa lezizimo.

Okubhekene ngqo naleplani: Ukuhlelela ukuvikelwa kokuguquka kwesimo sezulu

Uhlelo 1.4: Ukwakha kusetshenziswe futhi uhlelo lukamasipala lokuvikela ukuguquka kwesimo sezulu Ukuguquka kwesimo sezulu eThekwini kuzoba nomthelela ekushiseni kakhulu, ekwehlukeni kwezimvula okuzolumaza ezolimo nokutholakala kokudla, ukubhebhetheka kwezifo nikwenyuka kolwandle. Uhlelo i Municipal Climatye Change Protection Programme lubhekene nalezo zinselelo, nokuqinisekisa ukuthi izivumelwano zika COP 17 ziyenzeka.

Plan 1 Ukuklaywa kwemali yamaphrojekthi

Okuhlosiwe 14/15 (R000) 15/16 (R000 16/17 (R000)

Ukuthuthukisa nokugcina imvelo yethu, umhlaba

nendawo esihlalakuyo 3 150 3 600 3200

Ukuvikela ukuguquka kwesimo sezulu

nokunciphisa ukungcola komoya - - -

Plan 1 Ukuklanywa lwemali yokusebenza Okuhlosiwe 14/15 (R000) 15/16 (R000 16/17 (R000)

Ukuthuthukisa nokugcina imvelo yethu, umhlaba

nendawo esihlalakuyo 331 793 326 057 345 415

Ukuvikela ukuguquka kwesimo sezulu

nokunciphisa ukungcola komoya 188 259 199 122 198 318

Page 21: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

21

Plan 1 Imali ezokhandwa iloluhlelo Okuhlosiwe 14/15 (R000) 15/16 (R000 16/17 (R000)

Ukuthuthukisa nokugcina imvelo yethu, umhlaba

nendawo esihlalakuyo 62 018 42 860 40 414

Ukuvikela ukuguquka kwesimo sezulu

nokunciphisa ukungcola komoya 12 755 12 748 451

Page 22: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

22

Iplani yesibili : Ukuthuthukisa nokusabalaliswa komnotho nokudala amathuba omsebenzi

Inhloso Ukukhulisa umnotho waseThekwini ukuze kuqinisekiswe impilo engcono yezakhamuzi

Umphumele ohlosiwe Ukukhula ngamandla komnotho, ukwanda kwemisebenzi kanye kokuncipha kobubha.

Kungani sibe naleplani? Loluhlelo kumele luvule amathuba emisebenzi, kuqede ububha nendlala luphinde luveze amathuba okunothisa abahlali baseThekwini ngendlela elinganayo. Ekugcineni iTheku kumele libe yidolobha elinokudlondlobala emnothweni walo, okuzoveza amathuba emisebenzi, kuqede ukungalingani ngakwezezimali nenhlala-kahle, kuphinde kuqede ububha.

Isimo sezimali sihlukumeze umhlaba wonke kuleminyaka emine edlule. Yingakho kusungulwe izinhlelo zokulwa nokulahleka nokwentuleka kwemisebenzi, okuphinde kwathasiselwa uMongameli enkulument yakhe lapho ethembise umasipala waseThekwini izigidigidi ezingu 21 zamarandi eminyakeni eyisikhombisa ezizitshalwa kumaphrojekthi azoveza amathuba amaningi emisebenzi.

Okubhekene ngqo naleplani: Ukuqinisekisa ubuhlakani nobuholi kwezomnotho

Uhlelo 2.1: Ukuqinisekisa ubuholi ekudlondlobaliseni umnotho Ukuqinisekisa ubuholi kudlondlobaliswa umnotho,umasipala unxenxa ithimba eliyinhlanganisela

yezingcithabuchopho emikhakheni yobuholi kwezezimali, ezamabhizinisi, osopolitiki nabasebenzi.

Lelithimba elizobe lisebenzisa izinhlelo nemithetho kazwelonke neyesifundazwe lizonxenxa abatshali- zimali ukuthi batshale izimali ezizosetshenziswa kwenziwa amaphrojekthi okudlondlobalisa izimali eThekwini lonkana.

Page 23: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

23

Izikhungo ezizodlondlobalisa umnotho Umthombo: eThekwini Economic Development Unit

Uhlelo 2.2: Ukuvezwa kwamaqhinga okuthuthukiswa kwezimali

Lolu hlelo luhlose ukuqinisekisa ukuhambisana nezinqubomgomo zikahulumeni kazwelonke luphinde lufake izinhlelo zendawo ezizokweseka lezi zinhlelo. Amaphrojekthi ethu abandakanya ukwenziwa kombiko ngamasu ezomnotho aphusile, ukwenziwa kocwaningo oluhlaziya umhlaba nezakhiwo, ukubuyekezwa kwezomnotho kanye nocwaningo ngezasezimakethe

Page 24: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

24

Uhlelo 2.3: Ukubunjwa kwekhomishana ezobheka idolobha elenza ngokuvelele (BPCC) Inhloso ukuqinisekisa ukuthi ucwaningo, ulwazi namaphrojekthi okuhlelelwe iTheku kuzoqinisekisa ukuthi umasipala weTheku wenyusa amasokusi ngakwezamabhizinisi, uvulela amathuba okutshalwa kwezimali aphinde avule amathuba okufunda, ukuqeqeshwa nokusabalaliswa nokugcinwa kolwazi.

Okubhekene ngqo naleplani: Ukunxenxa nokuqinisekisa uxhaso nokusebenzisana nezimboni ezizimele Uhlelo 2.4: Ukuqinisekisa ukuthuthukiswa kokutshalwa kwezimali yizimboni ezizimele Loluhlelo luyasiza ekuqinisekiseni ukukhula komnotho nentuthuko yeDolobha lonkana. Akugcini kuphela ekuthuthukiseni izimboni ezinkulu, kodwa kuphinde kuthuthukise namabhizinisi amancane, kuqinisekise ukwandiswa komnotho ngokuqinisekisa ukusetshenziswa kwezindlela ezonga imvelo nokubhekelelaizindawo ebezinganakiwe.

Uhlelo 2.5: Ukukhuthaza nokweseka ukutshalwa kwezimali Ngaloluhlelo kuqinisekiswa ukuthi izicelo zezindawo zamabhizinisi ziyasekelwa zisheshiswe ukuze

umsebenzi uqale, kwakhiwe izingqalasizinda ezizokhuthazwa ukwengeza umotho weTheku.

Okubhekene ngqo naleplani: Ukunika amandla, ukukhuthaza nokuqinisekisa kwengqalasizinda ekhethelwe ukwengeza amathuba okwandisa umnotho emabhizinisini amancane nasezindaweni ebezinganakiwe

Leplani izoqinisekisa ukukhuliswa kwezindawo lapho amaphrojekthi amakhulu ezodabula kuzona

ukuze nazo zihlomule ngokomnotho, inhlalakahle nemisebenzi lapho lamaphrojekthi esenziwa.

Uhlelo 2.6: Ukuqinisekisa ukutshalwa kwezimali ngokusebenzisa ingqalasizinda namaphrojekthi amakhulu Ezinhlelweni zeTheku kumele umasipala uqinisekise uxhaso lwakhe nokweseka ama catalytic projects, kanjalo nokuqinisekisesa utshalo-mali kwingqalasizinda ezosimamisa umnotho njennge Cornubia, i Dube Trade port, i Integrated rapid public transport networks nokuthuthukiswa kwe N3 corridor.

Uhlelo 2.7: Ukuqinisekisa ukuhlomula ngengqalasizinda kwezindawo ezizothuthukswa Ngesikhathi kwenziwa lama projekthi amakhulu kumele kuqinisekiswe ukuhlomula kwezindawo

ezincane ngomnotho, amakhono, imisebenzi yokwakha neyengqalasizinda (EPWP) kanjalo

nokuqinisekisa ukusimama nokwenziwa ngendlela kwalama projekthi.

Page 25: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

25

Okubhekene ngqo naleplani: UKuqinisekisa ukuthuthuka kwama Nodes

Uhlelo 2.8: Ukukhuthaza utshalomali kuma node nasemihubheni yentuthuko Loluhlelo luphuthumisa amalungelo okuthuthukisa kulawo ma node nemihubhe ngamaprojecthi aletha izinsiza eziningi, ikakhulu ukudlondlobaliswa komnotho nokuguqula izimo zokuhlala zabantu. Kulama phrojekthi singabala I cornubia, izindawo ezikuthelawayeka u N3 nalezi ezisenhla yetheku ezifana no Hammersdale no Cato ridge.

Uhlelo 2.9: Ukuqinisekisa ukuthuthukiswa kwamalokishi Umlando wokwakhiwa kwamalokishi ngaphansi kukahulumeni omdala kwawenza aba yizindawo

ezingahlomulanga ngokentuthuko nezinsiza zabantu, ngaphandle kwengcosana yezidingo

zenhlalakahle. Yingakho ukudlondlobala kmnotho nokuhlomula kwezamabhizinisi kuyimvelakancane.

Loluhlelo luhlose ukuthuthukisa ezamabhizinisi nokuqinisekisa ukukhula emalokishini ngokwethula

imikhakha efana nezimboni zamafenisha, ezobuchwepheshe bekhompyutha, ukugaya ezolimo

kanjalo notshalomali oluzothuthukisa amalokishi. .

Uhlelo 2.10: Uhlelo lokuvuselela idolobha namadolobha amancane Loluhlelo luhlose ukuvuselela idolobha ukuze lisebenze ubusuku nemini liphephile, kungena

bugebengu futhi lihlanzekile ukuze liqhube ukuhweba, ukuqeda isizungu, injabulo nokuhlala

ngokunethezeka.

Okubhekene ngqo naleplani: Ukuhweba nokwandisa izinhlaka ezahlukene zokwenyusa umnotho

Uhlelo 2.11: Ukuthuthukisa ulwazi namakhono ngokwezimboni nokwengezwa kowesekwa komnotho Loluhlelo lubhekele ukwandiswa kwamakhono nolwazi ngokwezimboni ukuqinisekisa ukuthi abasebenzi banamakhono okwenza lomsebenzi. Luphinde lunxenxe izifundiswa nochwepheshe abasebancane emikhakheni eqondene nalokhu ukuze kuqiniswe ukulwa nezinselela ezintathu zikazwelonke okungubuphofu, ukwentuleka kwamathuba emisebenzi kanjalo nokungalingani.

Uhlelo 2.12: Amasu amaningi okuthuthuka emkhakheni wezomnotho Amabhizinisi amancane anendima enkulu ayidlalayo ekudlondlobaliseni umnotho. Enyusa umkhiqizo

akhuthaze nokuqhudelana nokuqhamuka namasu ahlukene, aphinde aveze amathuba emisebenzi,

umcebo nokuvuselela imiphakathi. Kungaleplani lapho kukhuthazwa ukusimamisa amabhizinisi

amancane.

.

Uhlelo 2.13: Ukuthuthukisa uhwebo nezinhlaka ezahlukahlukene kwandiswa amathuba emisebenzi Loluhlelo luhlose ukudlondlobalisa umnotho ngokusingatha izimboni nezinhlaka zezimpahla

zokugqoka, zokuthunga, ezefenisha, ezezimoto, ezamakhemikhali, ezamachweba nezokuthutha.

Page 26: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

26

Ngalokhu kubhekwe ukusimamisa nokuvikela kusingathwe lezizimboni ezisengcupheni

yokushabalala, kwandiswe amathuba emisebenzi yabantu, kuphinde kuqinisekise nokuhlomula.

Imboni yaka Toyota izimisele ngokudlondlobalisa umkhiqizo wayo eThekwini ukuthi ufinyelele

ekukhiqizweni kwezimoto ezingu 1.2 wezigidi ngonyaka ngo 2020. Itheku lizophinde linwebe ichweba

lalo ukuqinisekisa ukuhambisa umkhiqizo omningi wasezweni emazweni angaphandle

okuzoqinisekisa ukusimama komnotho weTheku. Amanye amathuba avezwa ngaphansi kwaloluhlelo

ukuqinisekisa izinhlaka ezizosingatha zikhulise imboni kakotini neyefenisha ukuze ihehe abathengi

nabadayisi abakhulu balempahla.

Uhlelo 2.14: Ukuthuthukisa neminye imikhakha Loluhlelo liqondene nokuthuthukiswa kwemboni yezamafilimu nezakomabonakude ukuthuthukisa iTheku.

Uhlelo 2.15: Ukweseka nokuthuthukisa imboni yezivuno Leli yiqhaza elibanjwe yiMakethe ukuqinisekisa ukuthi lezizivuno ziyasatshalaliswa zidayiseke, okuyinto edingwa abamapulazi. Umnyango wezimaketh zezivuno uqikelela ukuthi imakethe isesimweni esivumela lomsebenzi, okusiza ekwandisweni kwamathuba omsebenzi kubantu.

Uhlelo 2.16: Ukwengamela abahwebi abasafufusa Lokhu kubandakanya ukkhishwa kwezimvume zokuhweba, ukunikezela ngezindawo abahwebela kuzona, ukubasungulisa amakomidi, ukuqoqwa kwerenti, ukuqiniswa kwemithetho yokuhweba kanjalo nokuxazululwa kwezinkinga abangaba nazo nabaholi asebemnkatshubomvu.

Okubhekene ngqo naleplani: Ukuthuthukisa umkhakha wezokuvakasha

Uhlelo 2.17: Ukukhangisa ngezokuvakasha Kubalulekile ukukhangisa ngezokuvakasha kulomkhakha ngoba lona umkhakha onomqhudelwano

omkhulu. Okubalulekile ngaloluhlelo ukuqinisekisa ukuthi iTheku liyindawo eheha kakhulu

abavakashi, ngokusebenzisa izinhlelo ezinjenge 3 Cities Initiative, nokukhuthaza izifunda

zaseThekwini ukuthi zikhulise lomkhakha zikhangise okuvelele kuzona ngakwezokuvakasha.

Uhlelo 2.18: Ukweseka nokuthuthukisa imboni yezokuvakasha IDurban Tourism iwuphiko lukaMasipala umsebenzi walo okungukuqhakambisa iTheku njengendawo

ehamba phambili yokungcebeleka ezweni lonke nasemhlabeni futhi. Ngaphezu kwezivakashi ezifika

ngezikhathi ezijwayelekile, izingqungquthela, imibukiso kanye nemigubho yemidlalo namasiko

kuyizinto ezisekela ezokuvakasha. Inhloso yethu ukususa iTheku ekubeni indawo lapho abahlali

baseNingizimu-Afrika beza khona ukuzozitika ngolwandle nje kuphela, silenze indawo edume

umhlaba wonke futhi elungele ukuvakashelwa unyaka wonke

Izindawo eziningi ezinomnotho ngakwezamasiko zisemaqaqasini. Umgababa, Umnini, Inanda,

Hazelmere zinomlando oyisimangaliso. Kungakho umnyango wezokuvakasha uzobamba iqhaza

elikhulu ekutheni lezizindawo zilungiswa bese zikhangiswa ikhona zizokwaziwa zisilethele umnotho.

Page 27: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

27

Okubhekene ngqo naleplani: Ukusingatha impilo enhle nempilo ende

Uhlelo 2.19: Ukuthuthukisa izindawo zasemakhaya Imizi yasemakhaya ivamise ukuntula izidingo-ngqangi ezidingwa abantu abahlala kuzona, izinsiza

zikahulumeni kanjalo nengqalasizinda yomphakathi. Ezinye izingqinamba kuba ukwentuleka

kwemfundo, amakhono, ukufuduka kwabantu beya emadolobheni, ukuhlakazeka kwemizi ngenxa

yokungabikho kwabazali nabantu abaqinisekisa ubuntu emphakathini, amathuba angasetshenziswa

njengakwezolimo, ezokuvakasha, izimayini nezentuthuko. Umasipala uhlose ukuletha uhlelo

oluzovuselela isimo sasezindaweni zasemakhaya, uzithuthukise, ulethe nezidingo zabantu.

Uhlelo 2.20: Ukuthuthukisa umnotho ezindaweni ezikhethiwe ngokuveza amathuba emisebenzi yesikhathi eside Loluhlelo lumbandakanya ukwethula kwe Expanded Public Works Programme eqinisekisa ukuvezwa

kwamathuba emisebenzi.

iPlani 2 Ukuklanywa kwemali yamaphrojekthi

Okuhlosiwe 14/15 (R000) 15/16 (R000 16/17 (R000)

Ukunxenxa nokuqinisekisa uxhaso nokusebenzisana nezimboni ezizimele

Ukunika amandla, ukukhuthaza nokuqinisekisa kwengqalasizinda ekhethelwe ukwengeza amathuba okwandisa umnotho emabhizinisini amancane nasezindaweni ebezinganakiwe Ukuqinisekisa ukuthuthuka kwama Nodes Ukuhweba nokwandisa izinhlaka ezahlukene zokwenyusa umnotho Ukuthuthukisa umkhakha wezokuvakasha

Ukusingatha impilo enhle nempilo ende

263 691 330 447 357 766

Page 28: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

28

iPlani 2 Ukuklanywa kwemali yokusebenza Okuhlosiwe 14/15 (R000) 15/16 (R000 16/17 (R000)

Ukunxenxa nokuqinisekisa uxhaso nokusebenzisana nezimboni ezizimele

Ukunika amandla, ukukhuthaza nokuqinisekisa kwengqalasizinda ekhethelwe ukwengeza amathuba okwandisa umnotho emabhizinisini amancane nasezindaweni ebezinganakiwe UKuqinisekisa ukuthuthuka kwama Nodes Ukuhweba nokwandisa izinhlaka ezahlukene zokwenyusa umnotho Ukuthuthukisa umkhakha wezokuvakasha

Ukusingatha impilo enhle nempilo ende

1 007 052 1 066 966 1 134 223

iPlani 2 Imali ekhandwa iloluhlelo Okuhlosiwe 14/15 (R000) 15/16 (R000 16/17 (R000)

Ukunxenxa nokuqinisekisa uxhaso nokusebenzisana nezimboni ezizimele

Ukunika amandla, ukukhuthaza nokuqinisekisa kwengqalasizinda ekhethelwe ukwengeza amathuba okwandisa umnotho emabhizinisini amancane nasezindaweni ebezinganakiwe UKuqinisekisa ukuthuthuka kwama Nodes Ukuhweba nokwandisa izinhlaka ezahlukene zokwenyusa umnotho Ukuthuthukisa umkhakha wezokuvakasha

Ukusingatha impilo enhle nempilo ende

544 951 591 739 629 269

Page 29: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

29

Iplani 3: Ukuqinisekisa indawo okuhlalwa kuyona esezingeni eliphezulu

Umgomo Ukuqikelela ukufinyelela kuwonkewonke kwezinsiza ezidingeka emakhaya nasemiphakathini kanye nokuthola amakhaya.

Umphumela ohlosiwe Indawo okuhlalwa kuyona eseqophelweni eliphezulu futhi enazo zonke izidingo.

Kungani sibe naleplani? Kubalulekile ukuthi bonke abantu bakwazi ukuhlala endaweni eseqophelweni elihle. Yize noma inqubekelaphambili isiyenziwe ekwakheleni abantu izindlu nasekubanikezeni izidingo eziyisisekelo, usemningi umsebenzi okumele wenziwe futhi ukusukumela phezulu isimo sokusalela emuva komsebenzi osadinga ukwenziwa kulezi zindawo yinto uMasipala ayibeke phambili ezintweni okufanele azenze. Njengoba kuthathwa izinyathelo ezifanele ngokusukumela ukusalela emuva komsebenzi, sekuzogxilwa ezidingweni zenhlalakahle yomphakathi, kodwa nokugcina esimeni esifanele ingqalasizinda esivele ikhona kuthathwa njengenye yezinto ezibaluleke kakhulu, ngoba lokhu kukodwa kudlala iqhaza elikhulu ezimpilweni zabantu, ezemfundo, ezokuphepha nakwezokuzithokozisa.

Okuhlosiwe: Ukuqinisekisa ukulethwa kwezindlu nezidingo zabahlali

Uhlelo 3.1: Uhlobo olusha lwezakhiwo zokuhlala ezinhlobonhlobo nezididiyelwe nokuthuthukisa imijondolo nezinsiza Umasipala uhlose ukwakha izindlu ezingu 8500 ezintsha 2014/15 okuzokwenza ngo 2016/17 zibe sezingu 32000. Uphinde uthuthukise izindawo zasemijondolo nayo imbala. Izingqinamba iTheku elibhekene nazo okwamanje zimi kanje:

Inani elidingeka ekwakheleni abahlali bonke lezindlu ezishodayo (ezingu 412 000) lifinyelela ku R 55 Billion;

Uma sigbheka indlela esithola ngayo imali yalomsebenzi, kungashaya unyaka ka 2050 singakafiki kulesibalo.

Uhlelo 3.2: Uhlelo lwezindlu zokuqashisa UMasipala unezakhiwo aziqashisa ngamanani aphansi kakhulu, kanti zidla kakhulu ekhukhwini likaMasipala. Ukuze lo mthwalo wehliswe, eziningi zalezi zakhiwo zokuhlala zidluliselwe kubantu abavele behleli kuzona ngaphansi kohlelo lokubanikeza ubunikazi oluxhaswe nguhulumeni. Ngaphambi kokuba kwenzeke lokhu lezi zakhiwo ziyalungiswa, isakhiwo ngasinye sifakelwe amamitha amanzi nakagesi lapho kudingeka khona. Amahostela nawo ayalungiswa ukulungiselela

ukuhlala njengemindeni kanti amanani entela aqondaniswa namanani okuqasha edolobheni lonkana.

Uhlelo 3.3: Ukubhekana nokusalela emuva kwengqalasizinda UMasipala ohlelweni lwawo lwengqalasizinda usuqophe isimo nobungako bokusalela emuva kokuhlinzeka ngezidingongqangi edolobheni nasezindaweni ezisemakhaya kulolonke iTheku Namaphethelo, usebenzisa amarekhodi athathwe ngokusebenzisa ubuchwepheshe bamakhompyutha akhona kuMasipala kanye nalokho okushiwo yimiphakathi kanye namaKhansela.

Page 30: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

30

Izidingongqangi ezibhekwa kakhulu zibandakanya amanzi, ugesi, ukuthuthwa kukadoti, ukuthuthwa kwendle, amapayipi amanzi ezimvula, imigwaqo namaphevumenti, amabhuloho abahamba ngezinyawo, ingqalasizinda yezokuthutha umphakathi, zonke izikhungo zemiphakathi kanye nokuhlinzekelwa ngamakheli emigqaqo kuzo zonke izindlu zaseThekwini. Okugxilwa kakhulu kukhona ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya, amanzi nezindlu zangasese. Ezindaweni ezisondelene nedolobha sigxile kakhulu ekuqedweni kwemijondolo ngokwakha izindlu nengqalasizinda kanye nokuhlinzeka ngezidingo zesikhashana ukwenza ngcono izimo zempilo kulemijondolo.

Ukuntenga komnotho emhlabeni wonke eminyakeni emithathu eyedlule kwenze sangaba sihle isimo sezimali zikaMasipala weTheku. Ngenxa yalokhu, kudwetshwe isifanekiso sezimali esibizwa nge-Municipal Services Financial Model. Lesi sifanekiso sisinika umqondo ngendlela uhlelo lwezimali oluhamba ngayo kuMasipala kanti futhi sisibonisa izindawo lapho kuntenga khona.

Uhlelo 3.4: Ukuphathwa kwengqalasizinda Inhloso yalolu hlelo ukwenza umsebenzi okufanele wenziwe ngenani eliphansi ngangokungenzeka. Ipulani eqondene nalokhu iyalungiswa kanti izofaka ukuphathwa kukagesi, amanzi, ukuthuthwa kwendle, imigwaqo, ukuthuthwa komphakathi, amapaki nezinye izindawo zokungcebeleka, amanzi emvula, udoti kanye nezakhiwo. Le pulani ibhekisisa ukuthi impahla ngayinye izohlala isikhathi esingakanani bese iyahlonza ukuthi iyodinga nini ukulungiswa ngaphambi kokuba yonakale noma

ilimale kangangoba sekudingeka ukuba kuthengwe entsha.

Okuhloswe yileplani: ukubhekana nokusalela emuva kokulethwa kwezidingo zabahlali

Uhlelo 3.5: Uhlelo oludidiyelwe lokuhlaliswa kwabantu (ukuqhubeka nokuhlinzeka kwezinto zomphakathi) UMasipala usakhe indlela ehlukile yokumsiza ukuhlinzeka umphakathi ngezidingo endaweni lapho usizo lutholakala khona. Izindawo ezikhombisa ukuthi zinosizo olungaphezulu kwezidingo ezikhona zizohlonzwa, ngenjongo yokuqikelela ukuthi usizo luyatholakala ngamazinga athile kuwo wonke uMasipala. Lezo zindawo eziswele kakhulu sezihlonziwe futhi kuzothathwa izinyathelo ezifanele ngazo, uma izimali sezivuma. Ngaphezu kwalokhu, izikhungo ezididiyela lonke usizo oludingekayo ngaphansi kophahla olulodwa zizoqinisekisa ukusebenza ngendlela eyongayo.

Uhlelo 3.6: Ukwenza ngcono uhlelo lwezithuthi zomphakathi Umasipala uhlose ukulungisa kwezithuthi zomphakathi zibe ningi, ziphephe futhi zingambi eqolo kumplahathi wawo. Uhlelo Integrated Rapid Public Transport Network (IRPTN) luzoqinisekisa ukusabalala kwezithuthi eThekwini namaphethelo, luhlelelwe ukuba khona ngo 2025

Page 31: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

31

Iplani 3 Ukuklanywa kwemali yamaphrojekthi Okuhlosiwe 14/15 (R000) 15/16 (R000 16/17 (R000)

Ukuqinisekiswa kokulethwa kwezindlu nezidingo

zabahlali

4 753 608 5 421 972 5 743 690

Ukubhekana nokusalela emuva kokulethwa

kwezidingo zabahlali

97 479 186 302 379 519

Iplani 3 Ukuklanywa kwemali yokusebenza Okuhlosiwe 14/15 (R000) 15/16 (R000 16/17 (R000)

Ukuqinisekiswa kokulethwa kwezindlu nezidingo

zabahlali

18 093 357 19 425 612 20 854 952

Ukubhekana nokusalela emuva kokulethwa

kwezidingo zabahlali

1 078 439 1 154 695 1 230 114

Iplani 3 Imali ezokhandwa yiloluhlelo

Okuhlosiwe 14/15 (R000) 15/16 (R000 16/17 (R000)

Ukuqinisekiswa kokulethwa kwezindlu nezidingo

zabahlali

16 717 898 17 948 368 19 142 369

Ukubhekana nokusalela emuva kokulethwa

kwezidingo zabahlali

112 310 159 698 277 637

Page 32: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

32

Iplani 4: Ukuqinisekisa indawo eyamukelekile emphakathini

Umgomo Ukukhuthaza nokusiza ukwakha idolobha eliphephile, elinempilo nelivikelekile.

Umphumela ohlosiwe Uikuqinisekisa ukuthi umphakathi uhlala endaweni ephepjhile nenempilo

Kungani sibe naleplani? UMthethosisekelo ugqamisa ilungelo lazo zonke izakhamuzi lokuphepha, ukuba nempilo nokuvikeleka. Wonke amazinga kahulumeni aphoqelekile ukuba awafeze lamalungelo. UMasipala uzibophezele ekwakheni idolobha elinempatho, lapho zonke izakhamuzi, amabhizinisi nezivakashi bezozizwa bephephile futhi benesiqiniseko sokuthi izidingo zabo zempilo nezokuvikeleka ziyahlangabezeka. UMasipala uzimisele ukwakha amathuba omsebenzi okuzoqeda ububha kusize izakhamuzi zikhuphule izinga lempilo.

Okuhloswe yileplani: Ukukhuthaza ukuphepha komphakathi

Uhlelo 4.1: Ukuqinisekisa ukugcinwa komthetho kazwelonke womgwaqo nekamasipala Loluhlelo luncike kakhulu ekusebenzeni kwamaphoyisa kamasipala ngengoba kwabekwa umthetho i SAPS Amendment Act ka 1998. Amaphoyisa kamasipala akhonela ukuqinisekisa ukuthi ngabe imithetho kamasipala iyagcinwa na, bekwenza bebambisene no SAPS ukuqinisekisa ukuthula.

Uhlelo 4.2: Ukuqinisekisa ukugwenywa kobugebengu emphakathini nokuphepha emadolobheni nasezakhiweni zomphakathi eThekwini namaphethelo.

Umasipala unezinhlelo zokulwa nomphakathi, ukuqinisekisa ukuthi izindawo okuhlalwa kuzo zikahle, nokumbandakanya umphakathi ezinhlelweni ezifana nokuqinisekisa ukuthi uhlala ezakhiweni eziphephile. Amaphoyisa agwema aphinde alwe nobugebengu. Izinhlelo ezifana no community policing forum, justice and restoration project yizo eziqinisekisa ukuphepha komphakathi eThekwini.

Uhlelo 4.3: Ukuqinisekisa ukuphepha komphakathi kuqinisekiswa ezinhleni zesimo esiphuthumayo nokungephileke ngaphandle kwazo. Loluhlelolunika umphakathi amathuba angcono okuthinta izinhlaka zosizo lapho kuvela khona izimo eziyingozi. Lezozindawo ezinobugebengu zibonakale kalula ngokusebenzisa amakhamera amaCCTV.

Uhlelo 4.4: UKuknciphisa izimo zezinhlekelele ezingabangwa imililo nokunye

Loluhlelo luqinisekisa ukuthi izinsiza zezinhlekelele ziyafakwa emiphakathini, okuzokwenza abantu bazithembe ngosizo olulethwa umasipala wabo. .

Page 33: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

33

Uhlelo 4.5: Ukuqinisekisa ukuphepha kwamakhansela kanjalo nempahla yomkhandlu Kuloluhlelo umasipala uhlinzzeka ngobuciko nobunhloli obusezingeni eliphezulu ukuvikela amakhansela, ukulwa ngokuthathwa ngo dli kwemihlaba nezakhiwo nokuvikela izicukuthwane.

Okuhloswe yileplani: UKukhuthaza impilo kubahlali baseThekwini

Uhlelo 4.6: Umnyango osebenza ngokuthembeka nangokuzimisela Umnyango wezempilo uhlose ukusungula wethule izinhlelo ezizokwenza ukuthi abasebenzi basebenze ngokuzikhandla nangokuthhembeka, izikhungo zezempilo zitholakale ndawoyonke zisebenze kahle futhi. Lokhu uzokwenza ngokwengamela izimali, uthuthukise namakhono nolwazi ezisebenzini.

Uhlelo 4.7: Ukubhukulela impilo engcono Loluhlelo luhlose ukuveza izindlela zokunciphisa izinga lokugula.Kulezi sibala ukkwaziswa ngezifo zocansi, usizo ongaluthola emitholampilo, ukufundiswa komama abakhulelwe nabanabantwana kanjalo nokuletha izinsiza kubantu.

Uhlelo 4.8: Ukuletha usizo olusezingeni eliphezulu Loluhlelo luphokophele ekuletheni izinsiza zempilo eziseqophelweni eliphezulu, kuhambisana namazinga kazwelonke.

Uhlelo 4.9: Ukuqinisekisa usizo lwempilo ngakwezemvelo Umasipala uzibophezele ekuqinisekiseni ukuthi umoya waseThekwini uhlale uhlanzekile ungangcoliswa yizisi ezinobungozi.

Uhlelo 4.10: Ukunciphisa ukubhebhetheka kwengculaza nesifo sofuba I HIV/AIDS yesehlisa isikhathi nempilo ende yokuphila kwabantu. Ngakho ukuyigwema kuseyinto ethathelwa phezulu ukulwa nalolubhubhane. Ilokhu iqhubeke njalo imizamo ngokufundisa abantu, ukugwema ukuthathelana kwegciwane lisuka kumama liya kumntwana, ukweluka emtholampilo, ukunikezela ngama condomu, ukuqwashisa kanye nokusokwa kwabesilisa. Ukuze uhambisane nokuzibophezela kwawo ekuhlinzekeni ngosizo lwezempilo, uMasipala useluqalile uhlelo lokuthumela imishanguzo ngisho emitholampilo imbala, njengemizamo yokunciphisa isikhathi esilindwayo nezinye izinselelo.

Programme 4.11: Usizo lwezempilo kwabesimame abakhulelwe nezingane

Lolu sizo lubalulekile kakhulu eThekwini. Usizo olungcono lwezempilo lwabakhulelwe lungasiza ukuba kubonakale izinkinga kusenesikhathi kulabo abakhulelwe, ngisho nokutholakala kwegciwane lesandulela ngculazi kubantu abakhululwe kanye nokugwema ukutheleleka kwabantwana. Ezinye izifo okumele zibhekisiswe yilezo ezithelelana ngocansi, umdlavuza wesibeletho kanye nokungondleki kahle kwezingane ezisencane.

Uhlelo 4.12: Ukuqinisekisa ukuqashwa kwezifo ezifikayo nezithathelanayo

Iizifo ezifana ne STI kumele ziqashwe ukuze zingabhebhetheki. Umasipala uphinde abe nezinhlelo zokunciphisa mamgundwane nezilwanyana eziqukethe izifo ezingangena kubantu.

Page 34: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

34

Uhlelo 4 Ukuklanywa kwemali yamaphrojekthi Okuhlosiwe 14/15 (R000) 15/16 (R000 16/17 (R000)

Ukuqinisekisa ukuphepha emphakathini 84 877 96 819 78 480

Ukukhuthaza impilo kubahlali 30 262 25 000 9 900

Uhlelo 4 Ukuklanywa kwemali yokusebenza Okuhlosiwe 14/15 (R000) 15/16(R000 16/17 (R000)

Ukuqinisekisa ukuphepha emphakathini 1 358 689 1 451 575 1 549 200

Ukukhuthaza impilo kubahlali 280 307 293 193 310 546

Uhlelo 4 Imali ezokhandwa yiloluhlelo Okuhlosiwe 14/15 (R000) 15/16 (R000 16/17 (R000)

Ukuqinisekisa ukuphepha emphakathini 162 897 177 375 184 370

Ukukhuthaza impilo kubahlali 81 250 76 149 80 948

Page 35: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

35

Iplani 5: Ukuvukeka amathuba okukhula, ukunika abantu amandla nokuthuthukisa amakhono

Umgomo Ukwenza iTheku uMasipala onikezelana ngamakhono emphakathini wakhe, nocobelela ulwazi abanye oMasipala

Umphumela ohlosiwe Umphakathi onamakhono okusizwa ngawo ukwandisa umnotho weTheku;

Abasebenzi abanamakhono nolwazi abazolethat izinsiza ngendlela esheshayo nelungile

Idolobha elifundile .

Kungani sinale plani? Umphakathi inilwazi namakhono, abasebenzi abanolwazi nabaletha izidingo zabantu ngendlela liphinde futhi iTheku libe iDolobha elifundisayo.

Njengamanje izibalo zikhombisa ukuthi amaphesenti angu 16 abantu baseThekwini abafundile nhlobo, bese kuthi angu 38 awabanebanga leshumi kuphela. Angu 8 wamaphesenti kuphela awabafike emabangeni aphakeme. Yiso isizathu esenza loluhlelo lubaluleke kuMasipala weTheku.

Okuhloswe ngqo ngaleplani: Ukwandisa ulwazi lwabantu

Uhlelo 5.1: Ukusungula izikhungo ezisemthethweni zokuhlomulisa amathuba Loluhlelo lubheka ngaphakathi emkhandlwini uhlobo lolwazi eshodayo bese luyahamba luye kofuna imikhakha/ izinkampani ezizocobelelisa abasebenzi ngalolo lwazi. Kuloluhlelo umasipala weTheku usebenzisana nezinhlangano ezifana no LGSETA, izikhungo zemfundo ephakeme, kubhekelelwa ukuhlomulisa abantu abasha kakhulu.

Uhlelo 5.2: Ukwandisa amathuba olwazi oluqondene namakhono emsebenzini Umasipala udsaqhubeka uthuthukisa ulwazi lwabasebenzi bakhe ukuze basebenze ngeqophelo eliphezulu, ikakhulukwezobuchwepheshe nesayensi. Uphinde unikeze abasebenzi isipiliyoni ngokomsebenzi, usebenzisa ama learnerships, internships amathuba okuvolontiya ne in-service training..

Uhlelo 5.3: Ukwandisa amathuba olwazi oluqondene nomsebenzi ngokusebenzisa umthetho wezemfundo i Cooperative Educational Policy Loluhlelo lusiza abafundi abadinga isipiliyoni somsebenzi ukuze baphothule izifundo zabo. ULGSETA uneqhaza elikhulu alibambile ukuphokophelisa lokhu.

Uhlelo 5.4: Ukubhekelela ulwazi lwezibalo, ukufunda nolimi entsheni nakubantu abadala Loluhlelo luhlomulisa umphakathi ngolwazi lwezibalo, ukufunda nolwimi, lubacijela ukuba bakulungele ukuqasheka basebenze.

Page 36: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

36

Programme 5.5: Ukukhuthaza ukusebenzisa amathuba okwandisa ulwazi emsebenzini ngokufundisa abasebenzi amakhono engeziwe Ngaloluhlelo abasebenzi bas Thekwini banikwa ithuba lokuqeqeshwa ukuze bakhiqize umsebenzi oseqophelweni eliphezulu, bazihlomulise nabo futhi ngolwazi oluzobeka eTHeku ezingeni eliphakeme.

Uhlelo 5.6: Ukukhuthaza nokusiza ama cooperatives, osomabhizinisi abancane nezinhlangano ezingangenisi mali, nokuqeqesha umphakathi Inhloso yaloluhlelo ukuthi lezizinhla ezingaphezulu ziqeqeshwe ukuze zikwazi ukuzimela, zikhande imali kuphinde kuvuleleke namathuba emisebenzi.Loluhlelo luzoqinisekisa ukuthi umasipala uyawaveza amathuba okufundisa ngamakhono ezinhlakeni ezahlukene.

Uhlelo 5.7: Ukuthuthukisa ulwazi lwabasebenzi ukuze bakwazi ukuletha izidingo zabantu, baphinde baphathe kahle umkhandlu Lamakhono azosiza labo abazobe bemele uMasipala ngokwepolitiki eminyangweni eyehlukene, nokukhetha okuyikhona uMasipala akudinga kakhulu ngonyaka-mali.

Uhlelo 5.8: isikhungo esazisa ngemikhakha yemisebenzi nezifundo eziqondene Loluhlelo luzoqinisekisa intsha yaseThekwini ukuthi ingena kumuphi umkhakha wezemfundo, okuyikhona kuyosiza uma sekufanele isebenze.

Okuhloswe ngqo yiloluhlelo: Ukuthuthukisa iTheku libe yidolobha elifundisayo

Uhlelo 5.9: Ukwenza ngcono ukwenganyelwa kolwazi kumasipala Ukwenganyelwa kolwazi lukamsipala yikhona okubalulekile ekuthuthukiseni umasipala. Kuningi osekwenziwe mayelana nokwenganyelwa ngendlela kolwazi kumasipala. Ekwenzeni lokhu, sekusungulwe i-Municipal Institute of Learning (MILE) ezosebenze iminyaka emihlanu ngokwekhalenda le IDP ukuqinisekisa nokugqugquzela iTheku njengeDolobha lokufunda.

Inhloso kaMILE imi kanje:

Ukukhuphula izinga nobuchwepheshe bokusebenza kwizisebenzi zomkhandlu,

Ukuqhamuka nezindlela ezintsha zokwenza izinto, ukwabelana ngolwazi nokufunda kwabanye omasipala,

Ukwakha ubudlelwane nezikhungo zemfundo ephakeme,

Ukwelekelela umkhandlu kwezesayense nobuchwepheshe,kanye

Nokukhuthaza ukuphathwa nokwengamelwa ngendlela kukamasipala.

Okuhloswe ngqo yiloluhlelo: Izisebenzi ezinempilo nezikhiqiza umsebenzi Uhlelo 5.10: Ukwenza amaphrojekthi omnyango owengamele ezabasebenzi Kuloluhlelo wonke amaphrojekthi nezinhlelo eziqondene mabasebenzi kumele kuqinisekiswe ukuthi kuyenziwa ukuqinisekisa ukuthi abasebenzi ababaleki baye kosebenza kwezinye izindawo.

Page 37: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

37

Uhlelo 5.11: Ukuqinisekisa uguquko emsebenzini kusetshenziswa imithetho efanele

Loluhlelo lusebenzisa izindlela eziyizo zokuqasha nokuvezwa kwamathuba okukhula emsebenzini, kwenzelwa ukuthi bbonke abasebenzi bahlomule ngokufanayo, ikakhulu ekuqashekeni, ekwenyusweni kwamaholo nasekukhushulweni.

Uhlelo 5.12: Ukuletha izinhlelo zokuphepha nezewmpilo emsebenzini

Umasipala uzimisele ngokuvikela abasebenzi bakhe ezifweni ezithathelanayo kanjalo ne HIV/AIDS. Lokhu ukwenza ngokuqinisekisa ukuthi ulwazi ngalesisifo uyaludlulisela kubona, aphinde akhuthaze abasebenzi ukuthi bayohlola.

Uhlelo 5.13: Ukunciphisa izingozi ezenzeka emsebenzini Umasipala uzimisele ukunciphisa isibalo sabasebenzi abalimala emsebenzini, ukuze bakhiqize ngendlela umsebenzi wakhe.Umkhandlu uyayisebenzisa ayigcine futhi imithetho yezokuphepha.

Uhlelo 5 Ukuklanywa kwemali yamaphrojekthi

Okuhlosiwe 14/15 (R000) 15/16 (R000 16/17 (R000)

Ukuthuthukisa ulwazi

Ukwenza iTheku libe yidolobha elifundisayo

12 133 6 260 90

Abasebenzi abanempilo nabakhiqizayo 3 570 8 390 769

Plan 5 Ukuklanywa kwezimali zokusebenza

Strategic Focus Area 14/15 (R000) 15/16 (R000 16/17 (R000)

Ukuthuthukisa ulwazi 131 175 138 880 146 749

Ukwenza iTheku libe yidolobha elifundisayo 15 153 15 966 16 839

Abasebenzi abanempilo nabakhiqizayo 242 733 260 217 721 565

Plan 5 Imali ezokhandwa yiloluhlelo

Strategic Focus Area 14/15 (R000) 15/16 (R000 16/17 (R000)

Ukuthuthukisa ulwazi 12 860 13 503 14 178

Ukwenza iTheku libe yidolobha elifundisayo 32 33 35

Abasebenzi abanempilo nabakhiqizayo - - -

Page 38: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

38

Iplani 6: Ukuthakasela amasiko ethu, amaciko namagugu

Umgomo Ukwakha indawo lapho bonke abantu beyokwazi ukufinyelela kwezemidlalo, ezokungcebeleka, ezobuciko namasiko njengababambiqhaza nanjengezibukeli, futhi konke lokho kusize ekwakheni umphakathi okwazi ukuzibandakanya, onempilo nokhiqizayo.

Umphumela ohlosiwe Umphakathi onempilo nokhiqiza imiphumela emihle

Kungani sibe naleplani? Le pulani ihlose ukulola umdlandla namakhono ezakhamuzi zaseThekwini, nokubona ukubaluleka okujulile kwamasiko ezimpilweni zabantu. ITheku indawo enamakhono amaningi futhi ethanda ezemidlalo. Kunethuba elikhulu lokusebenzisa amathalente abantu nokubungaza ukwehlukahlukana kwamasiko ethu. Kunamathuba amakhulu futhi ezomnotho, ukuphila kahle ngokwezempilo kanye namathuba amakhulu okwenyusa ezamasiko, ezemidlalo nezokuvakasha. Lepulai ihlose ukuvundulula amakhono amaningi eThekwini akade enganakiwe, ubuciko namasiko, kusetshenziwe ukwenza ngcono izimpilo zabahlali.

Okuhloswe ngqo yileplani: Ubukhona nokumbandakanyeka

Uhlelo 6.1: Ukukhuthaza usiko lobukhelwane

Ngaloluhlelo umkhandlu uzama ukuthi umphakathi usebenzise izinsiza nengqalasizinda ngokulinganayo nangokuzwana ukuze kuzuze wonk umuntu. Amathuba kumele atholwe yiwo wonke umuntu, neqhaza libanjwe ngokungachemi nokungacwasi.

Uhlelo 6.2: Ukukhuthaza indlela yokuphila enempilo Amathuba okuzivocavoca nokudlala mawasetshenziswe ukukhuthaza ukuphila kangcono.

Izingqinamba ezifana nezifo zenhliziyo, ukukhuluphala ne HIV ?AIDS zingancishiswa ngokuphila

impilo enhle nenokukhuthala, ngaleyondlela kusize umphakathi ukuthi wenyuse izinga lawo lokuphila

nelomnotho

Uhlelo 6.3: Ukuphathwa ngendlela kwempahla yezemvelo Umasipala uqinisekisa ukuthi izinsiza zomphakathi azilinyazwa, kepha ziyaqashwa ukuze zisize wonke umuntu. Umasipala ubuye aqinisekise ukuthi izindawo ezivulelekele umphmakathi ukuthi uzisebenzise wenze ngcono impilo yazo zigcinwa zisesimweni esihle nesigcuisayo.

Okuhloswe ngqo yileplani: Ukusebenzisa ezamasiko, imidlalo namaciko ukwandisa umnotho

Uhlelo 6.4: Ukuvula amathuba emisebenzi kwezamakhono, amasiko nomlando Ngaloluhlelo kuthuthukiswa amakhono abasafufusa, kuvulwe nezindawo zokukhangisa kanjalo nemigudu yokudayisa amakhono.

Page 39: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

39

Uhlelo 6.5: Ukuvundulula nokubumba amathalente kubadlali nabagijimi Loluhlelo kumele lugxile ikakhulukazi entsheni nasezindaweni zasemakhaya, nakwababencishwe amathuba phambilin, okuzophinda kwakhe ubumbano emphakathini.

Uhlelo 6.6: Ukuveza amathuba okwandisa umnotho ngamaciko, amasiko, umlando nezemidlalo Loluhlelo luhlose ukuthi amaciko nabezemidlalo bahlomule ngemali emikhakheni yabo. Ezemidlalo namaciko kungenye yezinto eziletha imali emphakathini, ziphinde zithuthukise indlela yokuphila yabantu. Umasipala unezindleal aqhamuke nazo ezizoveza amathuba kubasubathi nababamba iqhaza kwezemidlalo nasemikhakheni eyehlukene yezokuzithokozisa ukuze bazakhele imali ngeziphiwo namakhono abanawo. Uhlelo 6.7: Ukutshala kusetshenziswa umlando nemvelo Ngaloluhlelo kubunjwa ubudlelwane kuzo zonke izinhlanga, kusetshanziswa imvelo nokubaziweyo, lapho wonke umphakathi uyozizwa umunye, uhlangene

Uhlelo 6.8: Ukugcinwa nokwenganyelwa kwamasiko nempahla yawo Amasiko nomlando kuyinto ebalulekile kubantu. Ngakho kumele kugcinwe kubungazwe ngendlela.

Uhlelo 6 Ukuklanywa kwemali yamaphrojekthi

Okuhlosiwe 14/15(R000) 15/16 (R000 16/17 (R000)

Ukuvuleleka kwamathuba nokumbandakanyeka 18 330 5 482 4 570

Ukusebenzisa amaciko namasiko ukwandisa umnotho

through socio-cultural empowerment 102 330 93 124 96 337

Uhlelo 6 ukuklanywa kwezimali zokusebenza Strategic Focus Area 14/15 (R000) 15/16 (R000 16/17 (R000)

Ukuvuleleka kwamathuba nokumbandakanyeka 77 451 84 849 94 291

Ukusebenzisa amaciko namasiko ukwandisa umnotho

through socio-cultural empowerment 585 068 593 054 615 961

Uhlelo 6 Imali ezokhandwa yiloluhlelo

Strategic Focus Area 14/15 (R000) 15/16 (R000 16/17 (R000)

Ukuvuleleka kwamathuba nokumbandakanyeka 38 832 35 861 15 200

Ukusebenzisa amaciko namasiko ukwandisa umnotho

through socio-cultural empowerment 46 070 25 664 89 680

Page 40: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

40

IPlani 7: Ukuphatha ngendlela efanele nomasipala olalela umphakathi

Umgomo Ukuqiniseka ukuthi ubuholi bedolobha buqinile, bunozwelo futhi buyakwazi ukuxoxisana nezakhamuzi ngendlela yokuthi zibambe iqhaza.

Umnphumela ohlosiwe Umphakathi awuhlomule ngokuphathwa kahle kukamasipala

Abasebenzi abakhuthele ababhelekelela iTheku lonkana

Ukuphatha okungenamfihlo;

Uumasipala ovumela umphakatthi ukuthi ubambe iqhaza kuzo zonke izinhlaka;

Umasipala olwa nomkhonyovu kuzo zonke izinhlaka;

Umasipala ongachemi .

Kungani sibe nale plani? Ukuphatha ngendlela eyiyo ukuhlonipha bonke abantu, ukunika abantu amathuba okusebenzisa amalungele abo nokuphatha ngobuqotho.

Okuhloswe ngqo yileplani: Ukuqinisekisa ukuvuleleka nokukhuthaza ukuphatha

Uhlelo 7.1: Ukugqugquzela ubudlelwane nokusebenzisana namazwe omhlaba wonke Loluhlelo luqinisekisa ukuthi iTheku lisebenzisana namazwe omhlaba wonke uma kuhlelwa.

Uhlelo 7.2: Ukuqalisa kohlelo lokusingathwa kobudlelwano namakhasimende Umasipala uzimisele ukusebenzisana namakhasimende ngendlela ezowagculisa esebenzisa izihlelo ezifana no Batho Pele ukwenyusa izinga lokusebenza.

Uhlelo 7.3: Ukwakha izindlela zokubambisana neenqubo yokuthi izakhamuzi zibambe iqhaza Loliuhlelo lukhuthaza liveze namathuba okuthi izakhamuzi zibambe iqhaza ekwengameleni.

Uhlelo 7.4: Ukumemezela nokwazisa ngenqubo nezinhlelo zomkhandlu Umasipala unenselelo yokwazisa umphakathi ngokwenziwa yiTheku. Loluhlelo luphinde luvule izinhlaka zokuxhuman emkhandlwini okukhuthaza ukuzenelisa ngezinqubo nendlela umasipala asebenza ngayo

Page 41: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

41

Okuhloswe ngqo yileplani: Ukuqinisekisaumkhandlu ophethe ngobuqotho Uhlelo 7.5: Ukwakha izinhlelo nemithethe eqinisekisa ukuxhumana phakathi kwabasebenzi, amakhansela nomphakathi Kunohlelo olubunjwe umkhandlu oluqinisekisa ukuxhumana kwalezizinhlaka..

Uhlelo 7.6: Ukwakha umasipala omsulwa nophendulayo ngakwenzayo

Lolu hlelo luqinisekisa ukwakhiwa kukaMasipala osebenza ngobuqotho ongenakho ukukhwabanisa nenkohlakalo. Inqubomgomo yokugwema ukukhwabanisa seyisunguliwe kanti izohambisana nenqubo entsha yokuziphatha kwezisebenzi zikaMasipala

Uhlelo 7.7: Ukuqinisekisa ukugwenywa kobungozi obungaholela ekutheni umasipala ungasebenzi ngokwenqubo ye Batho Pele Kuloluhlelo umasipala usebenza ngokuzikhandla ebeka umphakathi phambili lapho eletha izinsiza zomphakathi.

Uhlelo 7.8: Ukusungula nokuqalisa uhlelo olugculisayo lokusebenza nokwalusa ukusebenza kukamasipala Ukwalusa nokuhlola kuyinto ebalulekile ukubona ukuthi uMasipala usebenza ngokusezingeni eliphezulu ukuqinisekisa ukuthi uyaphumelela. Lolu hlelo lugxile ezinhlelweni zokwalusa nokuhlola ukuthi uMasipala usebenza ngokuyikho ukuze kuqinisekiswe ukuthi uMasipala uthobela imithetho nokuthi iminyango iyakufeza lokho ezibekele ukuthi izokwenza ngesikhathi esinqunyiwe. Uhlelo olubizwa nge SDBIP liyithuluzi elisetshenziswa umasipala ukuqinisekisa ukuthi lokho ayehlele ukuthi uzokwenza ukwenza ngendlela, ngesikhathi nangemali ayethe uzosebenza ngayo.

Uhlelo 7.9: Ukwakha izindlela zobuchwepheshe bamakhompyutha ukwenza ngcono ukusebenza nokugwema ukumosha Loluhlelo lukhuthaaz ukusebenzisa amakhompyutha kulethwa usizo ngendlela elungile

Uhlelo 7.10: Ukuthuthukisa itHeku njengedolobha elihlakaniphile Umasipala uzibophezele ukuqinisekisa ukuthi ulwazi ludluliselwa entsheni, kubasebenzi nasemphakathini wonkana, ukuze bonke abathintekayo balusebenzise lolulwawzi ukuthuthukisa iTheku kwezobuchwepheshe nasekulethweni kwezidingo ngendlela esezingeni eliphakeme. Uhlelo 7.11: Ukwenyusa izinga lokukhiqiza, nokusebenza kangcono Loluhlelo lukhuthaza yonke iminyango ukuthi isebenze ngokuzikhandla ukuletha izidingo zabantu.

Uhlelo 7.12: Ukuqinisa umkhakha ozoxazulula izinkinga ezinezingqinamba ekulethweni kwezidingo nasekusebenzeni komkhandlu Lomnyango noma umkhakha uzoqinisekisa ukuhambisana kohlaka lwabasebenzi nomkhiqizo okumele ukhiqizwe abasebenzi, ubheke lapho kuvela khona igebe ebese uyalilungisa

Page 42: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

42

Uhlelo 7.13: Uhlelo i „Clean My City Campaign” Loluhlelo lusungulwe iMeya u James Nxum alo. Inhloso yalo ukuqinisekisa ukuthi iTheku lihlanzekile, alinabo ubugebengu, ukungcola, ubunuku nobudlwembe, ukuze kube iDolobha elinakekelayo, elinenhlanzeko nelinenhlalakahle.

Uhlelo 7.14: Ukubuyekezwa kohlelo lwamalayinsense amabhizinisi nemithetho eqondene nawo Loluhlelo luzoqinisekisa ukuthi amabhizinisi aletha inzuzo kumasipala, kugqugquzelwa nokuba khona kwalawo mabhizinisi akhuthaza ukuphila kangcono, adayisa ukudla okusheshayo okunempilo, avumela ukuzithokozisa ngendlela engenabungozi, nalawo adayisa izinto zempilo ukuthi asebenze ngendlela angalethi ubungozi emphakathini.

Iplani 7 Ukuklanywa kwemali yamaphrojekthi

Okuhlosiwe 14/15 (R000) 15/16 (R000 16/17 (R000)

Ukuqinisekisa ukuvuleleka nokukhuthaza

ukuphatha 3 080 18 555 15 169

Ukuqinisekisa umasipala ophethe ngobuqotho 212 611 235 900 222 234

Iplani 7 Ukuklaywa kwemali yokusebenza Okuhlosiwe 14/15 (R000) 15/16 (R000 16/17 (R000)

Ukuqinisekisa ukuvuleleka nokukhuthaza

ukuphatha 255 135 270 460 283 600

Ukuqinisekisa umasipala ophethe ngobuqotho 976 248 1 025 802 1 092 023

Iplani 7 Imali ezokhandwa yiloluhlelo Okuhlosiwe 14/15 (R000) 15/16 (R000 16/17 (R000)

Ukuqinisekisa ukuvuleleka nokukhuthaza

ukuphatha 2 868 2 962 3 060

Ukuqinisekisa umasipala ophethe ngobuqotho 128 627 129 310 130 551

Page 43: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

43

Iplani 8: Idolobha elinomnotho osimeme nelisesimweni esihle sokuhlala

Umgomo Ukunyusa umcebo wezimali zikaMasipala ukuze kuqinisekiswe ukugcineka kwezimali kwesikhathi eside..

Umphumela ohlosiwe Kufanele umphakathi ube nokuwethemba uMasipala ekusingathweni kwezimali zomphakathi okusezingeni eliphezulu kanye nokuthotshelwa kwemithetho ekhona ehambisana nokusingathwa kwezimali.

Kungani sibe naleplani? UMasipala uphoqelekile ngokomthetho ukuba asebenzise izinqubomgomo zikahulumeni kazwelonke ezimayelana nezimali. Lezi zinqubomgomo zakhelwe ukuqinisekisa ukuhlinzekwa ngezidingo ngendlela esebenzayo negculisayo. Yize noma eminye yemithetho emisha iyindida, ayizange ibe nemithelela emibi ekuhlinzekeni ngezidingo

Okuhloswe ngqo ngaleplani: Ukusebenzisa imali ngokuhlela

Uhlelo 8.1: Ukuhlanganisa usomqulu wonyaka okhombisa indlela umasipala asebenze ngayo Loluhlelo lwakhelwe ukuthi luqinisekise izinqumo eziphusile ezithathwa wumkhandlu ngemali anayo.

Uhlelo 8.2: Ukubhajetha ngokwezimiso ze IDP Loluhlelo yilona oluchaza zonke izidingo zomphakathi, isikhathi ezingalethwa ngazo kanjalo nezimali ezidingekayo ukuhlangabezana nalezizidingo.

Uhlelo 8.3: Ukubhajetha ngendlela esimamisa iTheku Imithetho yohulumeni baseekhaya igunyaza ukungaxhashazwa kwezimali nokusetshenziswa kwezimali kucatshangelwa ingomuso. uMasipala weTheku ezinhlelweni zakhe zengqalasizinda nezentuthuko uyakuqinisekisa ukuthi akahleleli into yamanle kuphela, kodwa uhlelela nezizukulwane ezizayo. Umasipala uphinde abe nohlelo lokuhlola ukuthi ngabe izimali nezinhlelo zisebanze ngendlela eyiyo futhi engenakumosha.

Uhlelo 8.4: Ukusebenzisa umthetho wokukhokhwa kwentela

kamasipala (MPRA)

Lomthetho uqinisekisa ukuthi abakhokhintela bakhokha ngendlela eyiyo engabahlukumezi, futhi bakhokhela izidingo abazibonayo ezindaweni abahlala kuzona. Lomthetho ubanika ithuba nenkundla yokuhambisa izikhalazo lapho bengaboni kahle khona.

Page 44: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

44

Uhlelo 8.5: Ukunciphisa izikweletu zikamasipala

Inhloso yalolu hlelo ukunciphisa izikweletu zikaMasipala ngokubuyekeza nokusebenzisa inqubomgomo yoMkhandlu yokulawula isimo sokuboleka izimali kanye nokusingathwa kwezikweletu i-Council Credit Control and Debt Management Policy. Ukuqaliswa kwalokhu kuzofaka ukuhlanganiswa kwezikweletu zikagesi, amanzi namarates entela kube yisikweletu esisodwa, ukuze uMkhandlu uzokwazi ukuziqoqa kangcono lezi zikweletu kulawo makhasimende angakhokhi. Ngaphezu kwalokho, izikweletu ezingakakhokhwa zizohlukaniswa ngemikhakha efana neminyango kahulumeni, amabhizinisi, izindawo

Uhlelo 8.6: Ukuqinisekisa amalungelo ezakhiwo ukuze kufakwe amaphrojekthi

Lokhu kwenzelwa ukuthi wonke amaphrojekthi akwazi ukunikezwa imali yokuwaqala.

Okuqondwe ngqo yileplani: Ukudlondlobalisa izimali

Uhlelo 8.7: Ukugcina esimweni ukusebenza kwezimpahla zomkhandlu

Lolu hlelo luhlose ukugcina esimweni sokusebenza impahla esezakhiweni zikaMasipala isebenza kahle futhi ngendlela egculisayo, impahla efana nama air-conditioners namakheshi.

Uhlelo 8.8: Ukuthuthukiswa nokwengamela uhlelo lokukhokhiswa izimali Ukuze kubalekelwe ubungozi bokulahlekelwa, uMasipala uzoqhubeka nokusebenzisa izindlela zokugwema ukulahlekelwa ngokwethasisa izikweletu uma kungakhokhwanga. Njengamanje kusetshenziswa indlela eyisipesheli yokubala amarates. Elandelayo eyokubala nokukhokhela ugesi .

Uhlelo 8.9: Ukubheka ezinye izindlela zokuthola imali Ngaphandle kwesidingo sokukhuphula imali engenayo ngokukhuphula intela, ezinye izindlela zokuthola izimali zamaphrojekthi kaMasipala kufanele zibhekwe. Ezinye zalezi zindlela zibandakanya ukuxhaswa nguhulumeni, ukubambisana nezinhlangano zamazwe omhlaba kanye nokubambisana kukahulumeni nabamabhizinisi azimele.

Uhlelo 8.10: Ukukhuphula imali yezakhiwo zomkhandlu Lolu hlelo lumayelana nokunyusa izinga lemali engena ngenxa yokudayisa nokuqashisa ngezakhiwo.

Okuhloswe ngqo yileplani: Ukwandisa nokwengamela imali ngendlela nokubika

Uhlelo 8.11: Ukufundisa abasebenzi ngomthetho wokwengamela izikweletu nokuboleka Loluhlelo lubheke ekufundiseni abasebenzi ngalomthetho

Page 45: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

45

Uhlelo 8.12: Ukusingathwa kotshalomali

Lolu hlelo lumayelana nokusingathwa kotshalomali lwedolobha kanye nokungena nokuphuma kwemali engukheshi ngendlela esebenzayo negculisayo. Lokhu kubandakanya ukutholwa kwezimali zokwenza amaphrojekthi esikhathi eside, ukuhlukanisa ukutshalwa kwezimali, ukunyusa imali eyinzuzo kanye nokusebenzisa inqubomgomo yokutshala izimali.

Uhlelo 8.13: Umshuwalense wezimpahla nezikweletu UMasipala unomshwalense okhona wokubhekana nanoma iziphi izingozi noma izinhlekelele ezingaba khona. Imali ewumgodla womshwalense ikhona okuyiyona ekhokhela izinxephezelo zezehlakalo ezithile kodwa ezinomkhawulo. Kanti omunye umshwalense ukhona futhi ukuze ukhokhele izehlakalo ezingale kwalo mkhawulo wezahlakalo obekiwe.

Uhlelo 8.14: Ukwaluswa kwemisebenzi enomnqamulajuqu Kubalulekile ukuthi izinsuku ezingumnqamulajuqu zokubika njengokuyalela komthetho kanye nezinsuku ezingumnqamulajuqu zokwenza umsebenzi zeluswe. Ngenxa yalokhu, uMasipala usenze uhlelo lokwalusa izinsuku ezingumnqamulajuqu, nolulawula zonke izinsuku ezingumnqamulajuqu zokubika ngokomthetho kanye nezinsuku ezingumnqamulajuqu zokwenza umsebenzi obalulekile ukuze aqinisekise ukuthi lokhu kuyenziwa kuphothulwe ngesikhathi esinqunyiwe.

Uhlelo 8.15: Ukuqedelelwa kwezitatimende zemali Ngokomthetho u MFMA isitatimende sonyaka sikaMasipala kumele sibe sesiqediwe zingakapheli izinyanga ezimbili emva kokuphela kukanyaka-mali.

Uhlelo 8.16: Ukukhokha ngesikhathi izikweletu Sekusungulwe uhlelo olusebenza ngogesi olwalusa futhi lubike ngezimali ezikhokhwe emva kwesikhathi esibekwe ngomthetho esiyizinsuku ezingama -30 kusukela osukwini okwafakwa ngalo incwadi yokubiza isikweletu – i-invoice.

Uhlelo 8.17: Ukunakekela nokwenganyelwa kwemali

Ngokomthetho i MFMA umuntu ovunyelwe ukusayinela izimali kumele aqinisekise ukuthi zonke izimali ezitholakele zidiphozithiwe ngendlela ehambisama nomthetho, nokuthi wonke ama akhawunti awanankinga.

Uhlelo 8.18: Uhlelo Olukahle lokuthenga nokukhipha amathenda

Loluhlelo kuqondwe ngalo ukwengamela ukuqasha izinkampani bazokwenzela umasipala umsebenzi ngendlela eyiyo, kugwenywa ukulahleka kemalli yomkhandlu ngomsebenzi ongagculisi

Page 46: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

46

Okuqondwe ngqo yileplani: i Durban Energy Office

Uhlelo 8.19: Uhlelo lokongiwa kukagesi

Inhloso wukunciphisa indlela ugesi osetshenziswa ngayo emkhandlwini ukuze kuncishiswe izindleko kuphinde kusetshenziswe lowogesi kwezinye izinto nezindawo. Loluhlelo lubheka nokusetshenziswa kwezinye uzunhlobo zikagesi ukulwa nokuguquka kwesimo sezulu, nokulahlekelwa yizinsiza zokuwenza.

Okuqondwe ngqo yiplani: i INK ABM Uhlelo 8.20: Ukwenza amaproject ka INK Lolu hlelo luyinhlanganisela yezinhlelo zentuthuko yezindawo ezingamadolobha kanjalo nalezi ezingamakhaya, okusiza ekulethweni kwezidingo zabantu, ukuqinisekisa ukuthi azikho izindawo ezihlomuliswa kakhulu kunezinye, abantu bathola izidingo ngokulinganayo kanjalo nokujulisa intando yeningi, sisebenzisa izindawo ezahlukene. Uhlobo lwamaphrojekthi enziwe, singabala ingqalasizinda, amaphrojekthi enyusa izinga lenhlalo yabantu, kanjalo nalawo enyusa umnotho.

Okuqondwe ngqo yileplani: Ukusebenzisa kahle imali Uhlelo 8.21: Ukuqaphela ukulahlekelwa/ ubungozi

Loluhlelo luqinisekisa ukuthi umasipala uzibheka zonke izinto ezingaba yingozi noma zidale ukulahlekelwa.

Uhlelo 8.22: Ukubhekisisa nokuqapha ukuhola

Lolu luyaqinisekisa ukuthi zonke izikwelwtu zikhokhwa ngendlela namaholo akhishwa ngesikhathi, efanele.

Uhlelo 8.23: Izindlela ezisebenzisayo nezonga isikhathi

Loluhlelo luqinisekisa ukuthi umnyango wezezimali usebenzisa izindlela eziyizo yini.

Uhlelo 8.24: Ukwengamela izimoto zomkhandlu Imoto esesimweni esihle yenza kusebenzeke ngokushesha, okuyinhloso yaleplani.

Page 47: Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe (IDP)

47

Iplani 8 Ukuklanywa kwemali yamaphrojekthi

Okuhlosiwe 14/15(R000) 15/16 (R000) 16/17 (R000)

Ukubhajetha ngendlela eyiyo, ukukhuliswa

nokusetshenziswa kwemalis, Ukusebenzisa

imali ngendlela eyiyo, Ukwengamela kahle

imali nokubika ngokusebenza kwayo

nehhovisi likagesi

180 668 136 161 186 360

iplani 8 : ukuklanywa kwemali yokusebenza Okuhlosiwe 14/15(R000) 15/16 (R000) 16/17 (R000)

Ukubhajetha ngendlela eyiyo, ukukhuliswa

nokusetshenziswa kwemalis, Ukusebenzisa

imali ngendlela eyiyo, Ukwengamela kahle

imali nokubika ngokusebenza kwayo,

nehhovisi likagesi

2 232 438 2 377 465 2 495 524

iplani 8 : Imali ezokhandwa yiloluhlelo Okuhlosiwe 14/15(R000) 15/16 (R000) 16/17 (R000)

Ukubhajetha ngendlela eyiyo, ukukhuliswa

nokusetshenziswa kwemalis, Ukusebenzisa

imali ngendlela eyiyo, Ukwengamela kahle

imali nokubika ngokusebenza kwayo,

nehhovisi likagesi

8 766 249 9 386 673 10 079 751